[{"id":1,"verses":[{"id":1,"translation":"Egameni lika Allah[1], Onomusa Onesihawu.","footnotes":"[1] Igama elithi “Allah” lisho uMdali okhonzwayo ngolwimi lwesi-Arabhu. Liyigama elikhethekile impela ngoba kuzo zonke izinto ezikhonzwayo ngaphandle kwaKhe, akukho neyodwa yazo ebizwa ngaleligama. Okunye okukhethekile ngaleligama ukuthi alinabo ubuningi, ngalokho ligcizelela UBUNYE bukaMdali."},{"id":2,"translation":"Udumo lonke ngoluka Allah, iNkosi[1] yendalo yonke.","footnotes":"[1] Igama elisetshanzisiwe kwiKurani elithi “Rabb”. Akukho ncazelo encamashi engachaza leligama. Empeleni lichaza lowo onguMlawuli nonguMdali nonguMnakekeli nonguMondli wendalo yonke noKhonzwayo."},{"id":3,"translation":"Onomusa Onesihawu."},{"id":4,"translation":"UMbusi woSuku lokwahlulelwa[1].","footnotes":"[1] Lolu usuku lapho yonke indalo ka-Allah iyobe imi phambi kwaKhe ukuziphendulela ngezenzo zayo emhlabeni mayelana nokugcina intando yaKhe, u-Allah uyobe esehlulela umuntu ngamunye amnike imivuzo yezenzo zakhe ngobulungiswa. Akekho omunye oyoba namandla okwenza noma yini ngaloluSuku ngaphandle kwemvumo ka-Allah. Ababe bengamakhosi emhlabeni nalabo ababephethe umbuso, bayoba ngaphansi kombuso ka-Allah ngalolo suku futhi akekho oyosiza omunye."},{"id":5,"translation":"Sikhonza Wena kuphela, futhi sicela usizo kuWe kuphela."},{"id":6,"translation":"Siholele endleleni eqondile."},{"id":7,"translation":"Indlela yalabo obabusisile[1], kungabi eyalabo abehlelwe ulaka[2] noma abadukileyo[3].","footnotes":"[1] Ababusisiwe; yilabo abakholelwa ku-Allah, nasebunyeni baKhe futhi benze intando yaKhe emhlabeni, balandele izimfundiso nemiyalo yeZithunywa zikaAllah. Bheka (S4:69).\n[2] Yilabo abanolwazi lwalokho okufunwa ngu-Allah nokungukona okumthokozisayo. Kepha nakuba benalo ulwazi, balushaya indiva balandele izinkanuko zabo bangazilandeli izimfundiso nezinkambiso zolwazi lokuthobela intando ka-Allah. Ngenxa yalokhu kweyisa bazidonsela ulaka luka-Allah.\n[3] Yilabo abafuna ukujabulisa u-Allah, kepha abazihluphi ngokuthola ulwazi oluqinisekisa ukuthi kumele bakwenze kanjani lokho ngendlela okuyiyona ebekwe ngu-Allah. Ngenxa yokungabani nolwazi, bafana nabantu abahamba ebumnyameni benhlanhlatha. Yingakho nje bengabadukileyo."}]},{"id":2,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif-Lam-Mim.[1]","footnotes":"[1] Laba ongwaqa bolwimi lesi Arabhu abaziwayo, bebodwa ngaphandle konkamisa abasho lutho. Labongwaqa kuvulwe ngabo izahluko ezahlukene kwiKurani ezi-28. Emva kokulandelela indlela lab’ ongwaqa abahleleke ngayo kwiKurani, kuvela ukuthi umsebenzi wabo ukugcizelela ukuthi leKurani yembulelwe kuMuhamadi  ngolwimi lwesi-Arabhu olwaziwayo. Phela u Allah angeke athumela iNcwadi kusintu ukuba bayilandele bese kuba khona lapho engaziwa ukuthi ithini."},{"id":2,"translation":"LeNcwadi akunakungabaza kuyo; iwumhlahlandlela kulabo abathobela u-Allah."},{"id":3,"translation":"Labo abakholelwa kulokho okungabonwayo[1] nabenza iSwala[2] ngokufanele futhi babelana ngalokho esibahlinzeke ngakho.","footnotes":"[1] Lokho okungabonwa kuyizigaba ezahlukahlukene, ezifaka phakathi: (a) lokho okwenzekile osekwandlula; (b) nalokho okusazokwenzeka; (c) nalokho okungabonwa ngamehlo enyama, nokwenzeka kwenye indawo lapho umuntu engaboni khona. Ngakho-ke lowo othobela u Allah, ukholelwa ku Allah nakuba engamboni ngamehlo enyama kanjalo nokunye okuyingxenye yezimfundiso zenkolo.\n[2] Ukwenza iSwala ngokufanele kusho: (a) ukuqikelela ukuthandaza kahlanu njalo ngosuku ngezikhathi ezibekiwe; (b) nokuqikelela ukwenza iSwala, ngendlela eyafundiswa iSithunywa sika Allah  ngokulandela imithetho nemigomo yakhona. iSithunywa sika Allah  sathi: “Yenzani iSwala ngendlela eningibone mina ngiyenza ngayo.” [al-Bukgari, 604]."},{"id":4,"translation":"Labo abakholelwa kulokho okwembulelwe kuwe [Sithunywa] kanye nakulokho okwembulelwa ngaphambi kwakho, futhi banesiqiniseko ngelizayo."},{"id":5,"translation":"Yibona-ke labo abalandela umhlahlandlela ovela eNkosini yabo futhi yibo kanye abayophumelela."},{"id":6,"translation":"Impela labo abangakholwa kuyefana nje kubo, uyabexwayisa noma awubexwayisi, abakholwa."},{"id":7,"translation":"U-Allah uvale izinhliziyo zabo nezindlebe zabo, kanti nasemehlweni abo kunesisithezo; futhi bayothola isijeziso esinzima."},{"id":8,"translation":"Futhi kunabantu abathi: “Siyakholelwa ku-Allah nasoSukwini lokuGcina”; kepha bebe bengakholwa nhlobo[1].","footnotes":"[1] Laba bangabazenzisi noma amaphixiphixi, abaziveza njengama Musilimu kepha empeleni befukamele inzondo nokungakholwa ezinhlizweni zabo. Bakwenza lokhu ngoba behlose: (a) ukususa uthuthuva emphakathini wamaMusilimu, ngenxa yenzondo abanayo; (b) nokuzivikela nokuzuza kokuhle okwenzeka emphakathini wamaMusilimu."},{"id":9,"translation":"Bakhohlisa u-Allah nalabo abakholwayo; kepha empeleni bazikhohlisa bona uqobo kodwa ababoni."},{"id":10,"translation":"Ezinhlizweni zabo kunesifo[1], futhi u-Allah uyabandisela sona; kunjalo nje bayothola isijeziso esibuhlungu ngenxa yokuba namanga.","footnotes":"[1] Lesi sifo ubuphixiphixi nokuzenzisa nenzondo esezinhlizweni zabo okubhekiswe kwabakholwayo."},{"id":11,"translation":"Uma kuthiwa kubo: “Ningenzi ukonakala ezweni.” Bathi: “Thina singabalungisi nje!”."},{"id":12,"translation":"Bheka! Yibona kanye abenza ukonakala kepha ababoni."},{"id":13,"translation":"Uma kuthiwa kubo: “Kholwani njengalokhu abantu bekholwa.” Bathi: “Sikholwe njengalokhu iziwula zikholwa na?” Bheka! Yibona kanye iziwula kepha abazi."},{"id":14,"translation":"Uma behlangene nalabo abakholwayo, bathi: “Nathi siyakholwa”. Kuthi lapho sebengasese noShayitani babo bathi: “Impela thina sikanye nani, besimane sibhuqa nje!”."},{"id":15,"translation":"U-Allah uyababhuqa nabo aphinde abayekebenhlanhlatha ekudukeni kwabo."},{"id":16,"translation":"Labo bathenge ukuduka ngokukhanya; kepha uhwebo lwabo alubanga nanzuzo, benjalo nje abekho endleleni eqondile."},{"id":17,"translation":"Bafana nalowo ophemba umlilo, kuthi lapho usukhanyise indawo emzungezile; u-Allah abephuce ukukhanya kwabo abashiye ebumnyameni bengaboni[1].","footnotes":"[1] Umlilo uneziphawulo ezimbili eziqavile; ukushisa okungqongqisayo nokukhanya. Kanjalo ne-Isilamu, iqiniso layo liyawashisa liwangqongqise amanga bese licacisa izinto ngobunjalo bazo zibe sobala kukhanye kuthi bha. Labo-ke abaphemba umlilo (abangena ku-Isilamu) ngenhloso yokuthola imfudumalo nokukhanya (inzuzo yasemhlabeni) kepha bengazimisele ukumelana nokushisa (iqiniso le-Isilamu) bangoMunafiki (amaphixiphixi), abaveza okunye bebe befukamele okunye. Ngakho-ke, ngenxa yobuphixiphixi babo u-Allah ubaphuce amandla okubona iqiniso, basala benhlanhlatha ebumnyameni bobuphixiphixi babo."},{"id":18,"translation":"Bayizithulu, bayizimungulu, bayizimpumputhe yingakho-nje bengezukuguquka."},{"id":19,"translation":"Kumbe bafana (nalabo abanethwa) yimvula evela emafini, enobumnyama nokuduma nombani; bavala izindlebe zabo ngeminwe yabo lapho liduma – besaba ukufa[1]; futhi u-Allah wazi kahle ngalabo abangakholwa.","footnotes":"[1] Lapha u-Allah ufanisa i-Islamu nemvula eningi engenazikhukhula; yona uma ina endaweni ayikhethi phela emasini, kunalokho inela wonke umuntu; kanjalo ne-Isilamu ingeka wonke-wonke. Futhi amanzi emvula aletha ukuphila emhlabeni nemvundiso kumile ukudla okudliwa ngabantu nezilwane iphinde ikhuculule imfucuza. Kanjalo ne-Isilamu, iwumthombo wempilo kusintu sonkana ngoba iletha ukuphila ngokubakhulula ebugqileni bezinto zomhlaba nazo eziyindalo kaAllah. Iphinde futhi ikhuculule izinkanuko nezimpambuko zenhliziyo nomzimba eziphambene nentando ka-Allah. Kepha labo abanethwa yimvula (abangena ku-Isilamu) bengakukhathalele ukubaluleka kwemvula, balibala ukugxila ekuphazimeni kombani nokuduma kwezulu (iqiniso le-Isilamu elibashayisa ngonembeza) bese bevala izindlebe (balishaye indiva) bangamaphixiphixi)."},{"id":20,"translation":"Umbani uthi awubahlwithe ukubona kwabo; kuthi lapho ubakhanyisela bahambe kuwo, kuthi lapho sekumnyama bame; ukube u-Allah ubethanda ubengabaphuca ukuzwa kwabo nokubona kwabo; impela u-Allah ulawula izinto zonke."},{"id":21,"translation":"Bantu, khonzani iNkosi yenu lena enidalile nina kanye nalabo abanandulelayo ukuze nibengabamthobelayo u-Allah."},{"id":22,"translation":"Lena enindlalele umhlaba yaniphakamisela isibhakabhaka; futhi yehlisa amanzi emafini yakhiqiza ngawo izilimo enizidlayo; ngakho-ke musani ukubhangqau- Allah nezimbangi nibenazi kahle."},{"id":23,"translation":"Uma nikwengabaza lokho esikwembulele kusigqila seThu [uMuhamadi]; qambani isahluko esifana nakho futhi nimeme abazonifakazela ngaphandle kuka-Allah uma niqinisile[1].","footnotes":"[1] Lena inselelo u-Allah ayiphonsela labo abanokungabaza ngokuthi iKurani iyiZwi lika-Allahelembulelwe, nabacabanga ukuthi uMuhamadi  wazibhalela yona yena ngokwakhe. Uma ngempela kunjalo angeke kwabanzima kubo ukukhiqiza incwajana efanayo; kanti-ke ukwehluleka kwabo kufakazela ukuthi iKurani ivela ku-Allah, lokho ngokwakho kuphinde kufakazele ukuthi nembala uMuhamadi  uyisithunywa sika Allah sangempela."},{"id":24,"translation":"Kepha uma nehluleka, futhi nibe ningasoze nakhona; zivikeleni emlilweni ozithungelo zawo ngabantu namatshe, olungiselelwe abangakholwa."},{"id":25,"translation":"Futhi halalisela labo abakholwayo abenza okulungileyo, ngokuthi bayothola izivande okugeleza imifula ngaphansi kwazo; kuyothi njalo uma belethelwa izithelo zakhona ukuze badle, bathi: “yikho kanye nje lokhu ebesikudla phambilini!” – phela balethelwe zona nje zithi azifane; futhi bayoba namakhosikazi amsulwa[1] kuzo, baphinde bahlale kuzo unaphakade.","footnotes":"[1] Amsulwa kukho konke ukugcola komzimba kwasemhlabeni, ngaso sonke isikhathi, futhi awakaze athintwe muntu, aphelele.!"},{"id":26,"translation":"Impela u-Allah akanqeni ukwenza noma yimuphi umzekelo kungaba umiyane noma okukhulu kunawo; labo abakholwayo bona bayazi ukuthi kuliqiniso elivela eNkosini yabo, kanti labo abangakholwa bavele bathi: “ingabe uhloseni u-Allah ngalomzekelo na?” – udukisa ngawo abaningi, aphinde aholengawo abaningi; kepha udukisa ngawo kuphela amahlongandlebe."},{"id":27,"translation":"Labo abephula isibophezelo sika-Allah[1] emuva kokuba sesiqinisekisiwe, baphinde bahlakaze lokho u-Allah ayalele ukuba kugcinwe kuhlangene[2] futhi bone ezweni; labo bangabalahlekelwe.","footnotes":"[1] Okuyisona sibophezelo esikhulu kunazo zonke: ukukhonza u-Allah Yena Yedwa nokungambhangqi nalutho kanye nokuthobela intando yaKhe nokumkhonza ngendlela yeZithunywa zaKhe.\n[2] Ezinye zezinto u-Allah ayalele ukuba zigcinwe zihlangene, ubundlelwano obuhle nozalo noma umndeni, njengoba iSithunywa sika-Allah صلى الله عليه وسلم sathi: “alKatwi’ (lowo onqamula ubuhlobo nozalo lakhe) angeke angene eJana (ezulwini). [Sahih Al-Bukhari, umql. 8, had. 13]"},{"id":28,"translation":"Anikholelwa kanjani ku-Allah, nibe nanifile wanipha ukuphila, futhi uyonenza ukuba nife, aphinde anivuse futhi, bese nibuyela kuYe."},{"id":29,"translation":"Phela nguYena onidalele konke okusemhlabeni, wabe esephendukela ezulwini, walenza amazulu ayisikhombisa, futhi wazi konke."},{"id":30,"translation":"Kwathi lapho iNkosi yakho yithi ezingelosini: “ngizodala izizukulwane emhlabeni!”; zathi: “ingabe uzodala kuwo labo abazokona kuwo bachithe negazi; kulapho thina sikudumisa futhi sikungcwelisa”; wathi [u-Allah]: “impela Mina ngazi lokho eningakwazi”."},{"id":31,"translation":"Wafundisa u Adamu amagama ezinto zonke, wabe esezithula ezingelosini, wathi: “Ngitsheleni amagama azo zonke lezinto uma nineqiniso!”"},{"id":32,"translation":"Zathi: “Ungcwele Wena; asinalwazi ngaphandle kwalokho Wena osifundise kona, impela nguWe Owaziyo Okhaliphile”."},{"id":33,"translation":"Wathi [u-Allah]: “Adamu, batshele amagama azo!”; kuthe esezitshelile amagama azo, wathi [u-Allah]: “anginitshelanga yini ukuthi ngazi okungabonwayo emazulwini nasemhlabeni, futhi ngazi enikuveza obala nalokho enikufihlayo na?”."},{"id":34,"translation":"Kwathi lapho sithi ezingelosini: “khothamelani u-Adamu”; zakhothama, ngaphandle kuka Ibhilisi[1], wanqaba wazigqaja, waba ngomunyewabangakholwa.","footnotes":"[1] Lona nguyena ongumholi wosathane bonke emhlabeni ovela esizweni samaJini (S, 18:50), akasiyo ingelosi nhlobo. Emva kwalesi senzo sakhe waphenduka isitha esiqavile kuzalo luka-Adamu lonkana (isintu). AmaJini, indalo ka-Allah ayidala ngomlilo (S, 7:12), ayakhona ukusibona, kepha thina sintu asikhoni (S, 7:27)."},{"id":35,"translation":"Futhi sathi: “Adamu, hlala nomkakho esivandeni, nidle ngokunethezeka kuso lapho enithanda khona, kepha ningalinge nisondele kulomuthi, funa nibe ngabaphambukile”."},{"id":36,"translation":"Kepha uShayitani wabakhubekisa bobabili ngaso; wabakhipha esimeni ababekuso; Sathi: “phumani abanye benu bayoba izitha kwabanye, futhi niyohlala emhlabeni ninethezeke kuze kufike isikhathi”."},{"id":37,"translation":"U-Adamu wathola amazwi[1] avela eNkosini yakhe, yamthethelela; impela Yona inguMthetheleli Onomusa.","footnotes":"[1] Lana ngamazwi okushweleza u-Allah awembulela ku-Adamu ukuba ashweleze ngawo ngokuphula kwabo umyalelo ka-Allah mayelana nomuthi wasesivandeni. Lamazwi iKurani iyawabalula, bheka (S, 7:23)."},{"id":38,"translation":"Sathi: “Phumani niphele nonke kuso; kuyothi uma kufika kini imiyalelo yaMi, labo abayolandela imiyalelo yaMi, abayukusaba futhi abasoze bakhathazeka”."},{"id":39,"translation":"Futhi laba abangakholwa, nabaphika imibiko yeThu, yibona labo abayongena emlilweni babhandle kuwo unaphakade."},{"id":40,"translation":"Sizwe sakwa Isirayeli, khumbulani isibusiso saMi lesi enganibusisa ngaso, futhi nifeze isibophezelo saMi, nami ngizofeza isibophezelo senu, futhi nesabe Mina kuphela."},{"id":41,"translation":"Futhi nikholelwe kulokho engikwembulele okufakazela lokho eninakho[1]; futhi ningabi abokuqala abangakholelwa kukho; futhi ningathengisi imibiko yaMi ngeze; futhi nithobele Mina kuphela.","footnotes":"[1] Izimfundiso zeZithunywa zika-Allah ezathunyelwa esizweni sakwa Isirayeli kanjalo neziNcwadi ezathunyelwa nazo, okubalwa kuzo iTora - eyembulelwa kuMusa hhayi iTalmudi, kanye ne-Injili eyembulelwa u-Isa hhayi iBhayibheli neZaburi eyembulelwa kuDawudi hhayi Amahubo; umongo womlayezo nengqikithi yemibiko ifana ncamashi nomlayezo ofike neSithunywa uMuhamadi  nemibiko yeKurani. Phela izincwadi ezifike neZithunywa zimthombomunye kanjalo nenkolo elandelwa iZithunywa zika-Allah nebezimemela izizwe zazo kuyo iyona i-Isilamu; okungukuzinikela ngokuphelele ekukhonzeni u-Allah kuphela nokungambhangqi nalutho."},{"id":42,"translation":"Futhi ningaxubi iqiniso namanga noma nigodle iqiniso nibe nilazi."},{"id":43,"translation":"Futhi yenzani iSwala ngokufanele nikhiphe neZakati, futhi nikhothame naba khothamayo."},{"id":44,"translation":"Niyalela abantu ngokulunga kepha nizikhohlwe nina uqobo, nibe niyifunda iNcwadi; kungani ningaqondi na?"},{"id":45,"translation":"Futhi celani usizo ngokubekezela nangeSwala, yona inzima impela, ngaphandle kulabo abazithobayo."},{"id":46,"translation":"Labo abanesiqiniseko sokuthi bayohlangana neNkosi yabo, nokuthi bayobuyela kuYo."},{"id":47,"translation":"Sizwe sakwa Isirayeli, khumbulani isibusiso saMi lesi enganibusisa ngaso nokuthi nganiqoka endalweni yonke."},{"id":48,"translation":"Futhi sabani usuku lapho umuntu eyobe engenasizo lwalutho komunye; futhi akukho shwele oyokwamukelwa noma inhlawulo eyothathwa kuye; futhi abayikusizwa muntu."},{"id":49,"translation":"Futhi nikhumbule mhla sinihlenga esizweni sikaFirawuni esabe sinihlukumeza kanzima, sibulala amadodana enu siyeke abesimame[1] benu; kukho konke lokho kwakunesivivinyo esikhululu esivela eNkosini yenu.","footnotes":"[1] Ukuze babenze izigqila zabo."},{"id":50,"translation":"Nikhumbule futhi mhla siniqhekezela ulwandle sanihlenga, kepha sasiminzisa isizwe sikaFirawuni nibhekile."},{"id":51,"translation":"Futhi nikhumbule mhla sinqumela uMusa umhlangano wobusuku obungamashumi amane; kuthe lapho engekho nina nakukhonza ithole seniphambukile."},{"id":52,"translation":"Kepha sanithethelela emuva kwalokho ukuze nibonge."},{"id":53,"translation":"Futhi nikhumbule ukuthi sanika uMusa iNcwadi nomhlahlandlela ukuze nibe sendleni eqondile."},{"id":54,"translation":"Nikhumbule futhi mhla uMusa ethi kubantu bakhe: “Bakwethu, impela niphambukile ngokukhonza kwenu ithole, ngakho-ke, celani intethelelo kuMdali wenu; zibulaleni[1] nina ngokwenu; lokho kuyoncomeka ngani kuMdali wenu bese enithethelela; impela Yena unguMthetheleli Onesihawu”.","footnotes":"[1] Labo kubo ababengabagqugquzeli ekukhonzeni ithole, nabangalalelanga iSithunywa uHaruni umfowabo kaMusa okwathi lapho ebakhuza ebakhalima, kwaba zinhlanga zimuka nomoya."},{"id":55,"translation":"Futhi nikhumbule mhla nithi kuMusa: “Musa, asisoze sakukholwa, kuze kube sizibonela thina u-Allah mathupha”; nabe senishaywa umbani nibhekile."},{"id":56,"translation":"Saphinda sanivusa emuva kokufa kwenu ukuze nibonge."},{"id":57,"translation":"Futhi sanisibekela ngamafu sanehlisela imana nesaliwa [izigwaca] – “dlanini kulokho okuhlanzekile esinabele kona” – futhi abasilayanga Thina, kepha bazilaya bona uqobo."},{"id":58,"translation":"Futhi khumbulani mhla sithi: “ngenani kulomuzi nidle kuwo lapho enithanda khona ngokunethezeka, futhi ningene esangweni nikhotheme, nithi: ‘intethelelo’, siyobe-ke sesinithethelela izimpambuko zenu, futhi sandisele labo abenza okuhle.”"},{"id":59,"translation":"Kepha labo abaphambukile bawaguqula amazwi basho okungewona ashiwo kubo; ngakho-ke sehlisela kulabo abaphambukile isijeziso esivela phezulu, ngenxa yobuhlongandlebe babo."},{"id":60,"translation":"Futhi kwathi lapho uMusa ecelela abantu bakhe amanzi sathi: “shaya idwala ngenduku yakho”; kwagobhoza kulo imithombo eyishumi nambili; bonke abantu bebazi lapho okumele baphuze khona, – “dlanini futhi niphuze kulokho u-Allah anabele kona; futhi ningalokhu nenza ukonakala ezweni”."},{"id":61,"translation":"Khumbulani futhi mhla nithi: “Musa, ngeke siyibekezelele inhlobo eyodwa yokudla, ngakho-ke sicelele eNkosini yakho ukuba isikhiphele lokho okumila emhlabeni:imifino yawo namakhukhumba awo nogaligi wawo nembumba yawo kanye neswelo lawo”. Wathi [uMusa]: “Ingabe nincamela lokho okusezingeni eliphansi kunalokho okuyikona okungcono na?; yanini kumuzi namuphi, impela lapho niyokuthola lokho enikucelile”; - bathweswa ukuhlazeka nenhlupheko futhi bazilethela ulaka luka- Allah; lokho kungenxa yokuthi babengakholelwa kwimibiko ka-Allah futhi babebulala abeMbulelwa ngokungemthetho; lokho kungenxa yokuthi babeyisa nokuthi bayizephulamthetho."},{"id":62,"translation":"Impela labo abakholwayo, nalabo abangamaJuda[1] nama Nasara[2] kanye nama Sabiya[3]; yilowo nalowo kubo okholelwa ku-Allah nasoSukwini lokuGcina futhi enza okulungileyo; bayothola umvuzo wabo eNkosini yabo futhi abayukusaba noma babe lusizi[4].","footnotes":"[1] Yilabo abaqhakambisa ukulandela imithetho yeSithunywa uMusa owabe ethunyelwe esizweni sakwa Israyeli, esesaziwa ngokuthi amaJuda ngenxa yokuthi ubukhosi babo bokugcina babaziwa ngobukaJuda.\n[2] Yilabo abaqhakambisa ukulandela iSithunywa u-Isa waseNasarina, naye owayethunyelwe esizweni sakwa Isriayeli emva kwaMusa. Baziwa manje njengemaKrestu jikelele, okuligama lesiGiriki elichaza “ogcotshiweyo”. Abokuqala ukusebenzisa leligama ukuchaza abalandeli baka-IsaabaGiriki base Antiyokiya.\n[3] Abantu basendulo ababehlala eMusal ezweni lase Iraki, baziwa njengesizwe saMakhaladini. Babengasiwona amaJuda noma amaNasara ngokwenkolo. Inkolo yabo kubikwa ukuthi yayigxile kakhulu ezinkanyezini.\n[4] Lombiko uchaza ukuthi, noma ngabe ubani olandela noma yiphi inkolo; ukuze aphumelele kumele akholelwe ku-Allah nasoSukwini lokwahlulelwa bese enze okulungileyo emhlabeni ngokuthobela intandoka-Allah ngendlela ye-Isilamu okuyiyona kuphela indlela nenkolo eyamukelekile ku-Allah. Bheka (3:85)."},{"id":63,"translation":"Khumbulani futhi mhla senza isibophezelo nani, saqongisa intaba iTuri phezu kwenu: “thathani lokhu esininika kona ngokuzimisela futhi nikukhumbule lokho ekuqukethe(iTora) ukuze nibe ngabamthobelayo u-Allah”."},{"id":64,"translation":"Kepha anibanga nandaba emuva kwalokho; ukube bekungewona umusa ka-Allah nesihawu saKhe, ngabe naba ngabalahlekelwe."},{"id":65,"translation":"Futhi nanibazi kahle labo kini abephula umthetho ngeSabatha; sase sithi kubo: “Yibani izinkawu ezidicilelekile”."},{"id":66,"translation":"Sakwenza lokho kwaba isifundo kulabo ababekhona nakulabo abalandelayo futhi kwaba iseluleko kulabo abamthobelayo u-Allah."},{"id":67,"translation":"Nikhumbule futhi mhla uMusa ethi esizweni sakhe: “Impela u-Allah uniyalela ukuba nihlabe inkomo.” Bathi: “Ingabe uhlekisa ngathi na?” Wathi: “Ngizivikela ngo-Allah ekubeni isiwula”."},{"id":68,"translation":"Bathi: “Sicelele eNkosini yakho isicacisele ukuthi enjani na?” Wathi: “Ithi, inkomo engendala futhi nengencane ephakathi kwalokho nje; yenzani-ke eniyalelwe kona”."},{"id":69,"translation":"Bathi: “Sicelele eNkosini yakho isicacisele ukuthi imbala muni na?” Wathi: “Ithi, inkomo ephuzi, embala ogqamile, encomekayo kwabayibonayo”."},{"id":70,"translation":"Bathi: “Sicelele eNkosini yakho isicacisele ukuthi enjani na, lokhu phela izinkomo ziyefana kithi; impela uma u-Allah ethanda sizocaciseleka”."},{"id":71,"translation":"Wathi: “Ithi, inkomo engaqeqeshelwe ukulima noma ukunisela amasimu, imsulwa ayinasici”; bathi: “manje usukhuluma iqiniso”; base beyihlaba yize babemadolonzima."},{"id":72,"translation":"Khumbulani futhi mhla nibulele umuntu naphikisana nodwangaye; futhi u-Allah uyokuveza obala lokho ebenikufihlile."},{"id":73,"translation":"Sabe sesithi: “mshayeni [umufi] ngesitho sayo [inkomo]”; u-Allah ubavusa kanjalo abafileyo futhi unikhombisa izibonakaliso zaKhe ukuze niqondisise."},{"id":74,"translation":"Kepha emuva kwalokho izinhliziyo zenu zaba lukhuni okwamatshe noma ngokwendlulele kakhulu; phela amatshe kunalawo okugeleza kuwo imifula, kube nalawo aqhekekayo kugobhoze amanzi kuwo futhi kubenalawo agingqikayo ngenxa yokwesaba u-Allah; futhi u-Allah akaphuthelwa yilutho kulokho enikwenzayo."},{"id":75,"translation":"Ingabe ninethemba lokuthi bayonikholwa, bheka ngoba kunabanye babo ababelalela amazwi ka-Allah bese beyawahlanekezela ngamabomu emuva kokuba sebewaqondile."},{"id":76,"translation":"Uma behlangana nalabo abakholwayo bathi: “nathi siyakholwa”; kepha uma sebebodwa ngasese bathi: “ingabe nibatshelelani ngalokho u-Allah anambulela kona, funa banimangelele ngakho eNkosini yenu; kungani ningacabangi na?"},{"id":77,"translation":"Ingabe abazi yini ukuthi u-Allah ukwazi konke abakufihlayo nabakuveza obala."},{"id":78,"translation":"Futhi kubo kunalabo abangafundile, abangazazi izimfundiso zeNcwadi ngaphandle kwezifiso nje (abanazo) futhibayaziqagelela nje."},{"id":79,"translation":"Bayobhubha labo abaloba incwadi ngezandla zabo bese bethi: “lena ivela ku Allah”, ukuze bathole ngayo inzuzo eyize; bayobhubha ngenxa yalokho okulotshwe izandla zabo futhi bayobhubha ngenxa yalokho abakuzuzayo."},{"id":80,"translation":"Futhi bathi: “umlilo uyosishisa nje izinsukwana ezimbalwa”; yithi: “Ingabe ninesivumelwano enasenza no-Allah na; phela u-Allah akasoze asiphula isivumelwano saKhe; kumbe nje nikhuluma into eningayazi ngo- Allah!”."},{"id":81,"translation":"Impela, lowo owenza okubi aze ahaqwe izimpambuko zakhe; labo bayongena eMlilweni, babhadle kuwo unaphakade."},{"id":82,"translation":"Kanti labo abakholwayo futhi abenza okulungileyo bayongena eJanna, bahlale kuyo unaphakade."},{"id":83,"translation":"Khumbulani mhla senza isivumelwano nesizwe sakwa Isirayeli (esithi):“ningakhonzi lutho ngaphandle kuka Allah, futhi niphathe kahle abazali nezihlobo nezintandane kanye nabampofu, futhi nikhulume amazwi amahle kubantu, nenze iSwala ngokufanele nikhiphe neZakati”; kepha anibanganandaba nakushaya indiva lokho ngaphandle nje kwedlanzana lenu."},{"id":84,"translation":"Nikhumbule futhi ukuthi senza isivumelwano nani: “Ningabulalani futhi ningaxoshani emizini yenu”, navuma naba ngofakazi."},{"id":85,"translation":"Kepha kwaba yinina laba, senibulalana nodwa nikhipha abanye benu emizini yabo futhi nibahlanganela ngokungemthetho nibahlukumeza; uma beza kini njengeziboshwa niyabahlawulisa, yize naningavunyelwe ukubakhipha. Ingabe nikholelwa kwingxenye yeNcwadi niphinde ningakholelwa kwenye na; kuyobayini umvuzo waloyo owenza lokho kini ngaphandle kokuthelwa ngehlazo emhlabeni, bese ngoSuku lokwahlulela uyofakwa esijezisweni esinzima kakhulu; phela u-Allah akaphuthelwa yilutho kulokho enikwenzayo."},{"id":86,"translation":"Labo, yibo kanye abakhethe impilo yasemhlabeni kune yakwelizayo; ngakho-ke abayikuxegiselwa isijeziso futhi akekho oyobasiza."},{"id":87,"translation":"Futhi sanika uMusa iNcwadi, salandelisa ngezinye iZithunywa emuva kwakhe; futhi sanika no-Isa indodana kaMariyamu izibonakaliso saphinde samsekela ngoRuhulukudusi [uJibhirili]. Ingabe njalo nje uma kufika kini iSithunywa nalokho eningakufuni niyazigqaja; ezinye niyaziphikisa kuthi ezinye nizibulale."},{"id":88,"translation":"Futhi bathi: “izinhliziyo zethu zilukhuni”; empeleni u-Allah ubaqalekisile ngenxa yokungakholwa kwabo, yingakho nje beyingcosana abakholwayo."},{"id":89,"translation":"Kuthe uma sekufika kubo iNcwadi [iKurani] evela ku-Allah ifakazela lokho abanako [iTora] – kanti naphambilini babezithembise ukunqoba labo abangakholwa[1] – kephakuthe uma sekufika lokho abakwaziyo, bakuphika; ngakho- ke isiqalekiso sika-Allah sikulabo abangakholwa.","footnotes":"[1] AmaJuda aseMadina ayengomakhelwane nama Arabhu ngaphambi kokufika kweSithunywa uMuhamadi . Ama-Arabhu ngalesosikhathi ayekhonza izithixo kuyiwona abusa iMadina. AmaJuda ayehlala esabisa amaArabhu ngokuthi kulotshiwe eNcwadini yawo (iTora) ukuthi kuzofika iSithunywa sika-Allah e-Arabhiya, ngaphansi kobuholi baso bayowanqoba ama-Arabhu wonkana. Kepha kuthe sesifika lesi Sithunywa esinguMuhamadi, bamphika."},{"id":90,"translation":"Kubi lokhu abazikhethele kona, ukuba bangakholelwa kulokho u-Allah akwembulelwe benziwa yinzondo yokuthi u-Allah wembulele kwamthandayo ezigqileni zaKhe ngomusa waKhe; ngakho-ke baziletha ulaka phezu kolaka, futhi abangakholwa bayothola isijeziso esihlazayo."},{"id":91,"translation":"Uma kuthiwa kubo: “kholelwani kulokho u-Allah akwembulele”, bathi: “sikholelwa kulokhu okwembulelwe kithi” – abakholelwa kokunye ngale kwakho, nakuba kuyiqiniso elifakazela lokho abanakho – yithi: “pho kungani nanibulala iZithunywa zika-Allah endulo uma ngempela beningabakholwayo na?”."},{"id":92,"translation":"Futhi noMusa wafika kini nezibonakaliso; kepha nina nakhonza ithole mhla engekho naba ngabaphambukile."},{"id":93,"translation":"Nikhumbule futhi mhla senza isivumelwano nani, saqongisa intaba iTuri phezu kwenu (Sathi): “yamukelani lokho esiniyalela kona ngokuzimisela, futhi nilalele”; bathi: “siyezwa kepha asilaleli”. Lwagxila uthando lwethole ezinhliziyweni zabo ngenxa yokungakholwa kwabo. Yithi: “Kwaze kwakubi loku enikuyalelwa ukholo lwenu uma ngempela ningabakholwayo."},{"id":94,"translation":"Yithi: “Uma ikhaya lakwelizayo ku-Allah kungelenu kuphela ngaphandle kwabanye abantu, langazelelani-ke ukufa uma niqinisile!”"},{"id":95,"translation":"Abasoze bakulangazelela nhlobo (ukufa) ngenxa yezenzo zabo; futhi u-Allah ubazi kahle abaphambukile."},{"id":96,"translation":"Futhi uzobafumanisa kuyibona abalangazelela ukuphila kunabo bonke abantu ngishonalabo ababhangqayo imbala; omunye wabo ufisa engathi engaphila inkulungwane yeminyaka nakuba ukuphila isikhathi eside kungeke kwamhlenga esijezisweni; futhi u-Allah ukubona konke abakwenzayo."},{"id":97,"translation":"Yithi (Sithunywa): “Lowo oyisitha sikaJibhirili – impela nguye olethe [iKur’ani] enhliziyweni yakho ngemvumo ka-Allah, ifakazela lokhu okwembulelwe ngaphambi kwayo futhi iwumhlahlandlela nomethuli wezindaba ezinhle kulabo abakholwayo."},{"id":98,"translation":"Lowo oyisitha sika-Allah nezingelosi zaKhe neZithunywa zaKhe noJibhirili noMikhala – impela u-Allah uyisitha salabo abangakholwa."},{"id":99,"translation":"Futhi sembulele kuwe (Sithunywa) imibiko ecacile; kanti futhi amahlongandlebe kuphela angakholelwa kuyo."},{"id":100,"translation":"Njalo nje uma benza isivumelwano, kunalabo kubo abavele bangasigcini; empeleni iningi labo alikholwa."},{"id":101,"translation":"Futhi kuthe uma kufika kubo iSithunywa [uMuhamadi] esivela ku-Allah sifakazela lokho abavele benakho; kunalabo kwabanikwa iNcwadi abavele bayifulathela iNcwadi ka-Allah bashaya ngathi abazi."},{"id":102,"translation":"Balandela lokho okwakufundwa Oshayitane ngesikhathi sikaSulayimani; futhi uSulayimani akabanga ongakholwa kepha Oshayitane bona baba abangakholwa; babefundisa abantu ukuthakatha kanye nalokho okwembulelwa kuzingelosi ezimbili uHaruta noMaruta eBhabhili; babengafundisi muntu bengakasho ukuthi: “Thina siyisivivinyo, ngakho-ke ungabi ongakholwa”; bafunda kuzo ukuhlukanisa indoda nomkayo (isichitho) – futhi angeke bakhona ukulimaza muntu ngakho ngaphandle kwemvumo ka-Allah – bafundalokho okubalimazayo nokungabasizi; futhi bebazi ukuthi loyo okhetha ubuthakathi akayikuba nasabelo kwelizayo; kwaze kwakubi lokho abazikhethele kona, ukube nje bebazi."},{"id":103,"translation":"Ukube nje babekholwa bathobela u-Allah, bebezothola umvuzo omuhle ku-Allah; ukube nje bebazi."},{"id":104,"translation":"Nina enikholwayo, ningathi [kuSithunywa] “Ra-ina”[1] [sinake] kepha anibothi: ‘sibheke’ bese niyalalela; futhi abangakholwa bayothola isijeziso esibuhlungu.","footnotes":"[1] Leligama ngesiHeberu lithi alifane negama lenhlamba. amaJuda eMadina ayethi uma ekhuluma neSithunywa alisebenzise behlose ukumeyisa nokumthuka. Ngakhoke u-Allah ubanqabele abakholwayo ukuba balisebenzise leligama ukuze bangafani nabenzi bokubi."},{"id":105,"translation":"Abangakholwa kulabo beMibhalo[1] nalabo ababhangqayo abanifiseli ukuba nibe nokuhle okuvela eNkosini yenu; u-Allah upha umusa waKhe lowo amthandayo, futhi u-Allah unezibusiso eziyinala.","footnotes":"[1] Leli igama kuqondiswe ngalo kumaJuda azibiza ngabalandeli baka Musa (uMose) nama Nasara azibiza ngabalandeli baka Isa (uJesu). Imibhalo okukhulunywa ngayo la, yimibhalo ye Tora ne Injili ezambulelwa kuMusa no Isa ngokulandelana. Yilamaqembu amabili iKurani ebhekisa kubona ngokuthi abeMibhalo."},{"id":106,"translation":"Noma imuphi umbiko esiwuchithayo noma esiwusulayo, siletha omunye ongcono[1] noma ofana nawo[2]; awazi yini ukuthi u-Allah ulawula izinto zonke.","footnotes":"[1] Njengokuzila ukudla izinsukwana onyakeni ngenyanga kaMuharamu (inyanga yokuqala onyakeni we-Islam), u Allah wakusula waletha umthetho wokuba ukuzila kube ngenyanga yeRamadani enemivuzo engcono kunokuzila izinsukwana.\n[2] Njengalapho u-Allah eyalele amaMusilimu ukuba abhekise ibombo ngasemzini wase Makha lapho bethandaza emva kokuba phambilini babeyalelwe ukuba babheke ngasemzini waseMakadisi (eJerusalema); imivuzo iyefana."},{"id":107,"translation":"Ingabe ubungazi yini ukuthi umbuso wamazulu nomhlaba ungoka Allah; futhi akekho ongumnakekeli nomsizi wenu ngaphandle kuka-Allah."},{"id":108,"translation":"Kumbe nifuna ukuhlohla iSithunywa senu imibuzo njengalokhu uMusa ahlohlwa imibuzo phambilini na; futhi lowo oncamela ukungakholwa kunokukholwa impela udukelwe indlela eqondile."},{"id":109,"translation":"Baningi kwabe Mibhalo abafisa ukuba banganibuyisela ekubeni ngabangakholwa emuva kokuba senikholwa, ngenxa nje yomona abanawo emuva kokuba selibacacele iqiniso; nokho, xolelani nindlulise kuze kube u-Allah uletha umyalelo waKhe; impela u-Allah akehlulwa yilutho."},{"id":110,"translation":"Futhi yenzani iSwala ngokufanele nikhiphe neZakati; futhi konke okuhle enikwenzayo niyokufica kukhona ku-Allah; impela u-Allah ukubona konke enikwenzayo."},{"id":111,"translation":"Futhi [abeMibhalo] bathi: “Akekho oyongenaeJana ngaphandle kwalabo abangaMajuda noma amaNasara” – lokho izifiso zabo nje; yithi [Sithunywa]: “Lethani ubufakazi benu uma ngempela niqinisile!”"},{"id":112,"translation":"Nebala, lowo ozinikela ngokuphelele ku-Allah aphinde enze okulungileyo, uyothola umvuzo wakhe eNkosini yakhe; futhi abayikwesaba noma bakhathazeke[1].","footnotes":"[1] Lapho beshiya lomhlaba abayikusaba ukufa futhi abayikuba lusizi ngabakushiye emhlabeni."},{"id":113,"translation":"Futhi amaJuda athi: “amaNasara adukile”, kanjalo namaNasara athi: “amaJuda adukile” – kephabonke bafunda iMibhalo; basho kanjalo nalabo abangenalwazi besho ncamashi okufana nabakushoyo; u-Allah uyokwahlulela phakathi kwabo ngoSuku lokwahlulela ngalokho abaphikisana ngakho."},{"id":114,"translation":"Ingabe ukhona yini ophambuke ukwendlula lowo ovimbela ukuba emaMasijidika- Allah kubizwe kuwo iGama laKhe, aphinde azikhandle ekuwacekeleni phansi; labo bangena kuwo benovalo; bazohlazeka lapha emhlabeni, futhi nakwelizayo bazothola isijeziso esinzima."},{"id":115,"translation":"Futhi ingeka-Allah impumalanga nentshonalanga, ngakhoke noma yikuphi lapho nibheka khona, uBuso buka- Allah bukhona; impela u-Allah ungoBanzi Owaziyo."},{"id":116,"translation":"Futhi bathi: “ u-Allah unendodana”; ungcwele Yena; empeleni konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokwaKhe[1], konke kuthobela Yena.","footnotes":"[1] Konke okukhona emhlabeni nasezulwini konke kuyindalo ka-Allah, ngakhoke akadingi ukuba nangane noma umfazi. Futhi indalo yaKhe angeke yafaniswa naYe."},{"id":117,"translation":"UnguMsunguli[1] wamazulu nomhlaba; uma esenqume ukwenza into, umane athi kuyo: “yenzeka”, bese yenzeka.","footnotes":"[1] Ukusungula: ukudala into ebikade ingekho noma engathathelwanga kokukhona. Lokhu kufakazela ukuthi u-Allah wadala indalo yaKhe ngaphandle kokuyithathela kokunye, ngisho nomuntu imbala. Ngakhoke akumangazi uma u-Allah edala umuntu ngaphandle kwabazali bobabili noma oyedwa. Empeleni kukhombisa amandla nobukhulu baKhe."},{"id":118,"translation":"Futhi labo abangazi bathi: “Kungani u-Allah engakhulumi nathi mathupha noma kufike kithi isibonakaliso na”; basho kanjalo nalabo ababandulelayo okufana ncamashi nabakushoyo, izinhliziyo zabo ziyefana; nebala sibacacisele imibiko abantu abanesiqiniseko."},{"id":119,"translation":"Impela sikuthumele wena [Sithunywa] neqiniso ukuze ube umethuli wezindaba ezinhle nomexwayisi; futhi awusoze wabuzwa ngalabo abayongena emlilweni."},{"id":120,"translation":"Futhi amaJuda namaNasara abasoze bathokoza ngawe kuze kube ulandela inkolo yabo; yithi: “indlela ka-Allah iyona ndlela eqondile”; uma nje uke walandela izinkanuko zabo emuva kolwazi osunalo, akekho oyokuhlenga ku-Allah noma akusize."},{"id":121,"translation":"Labo esabanika iNcwadi bayifunda ngendlela efanele, labo bangabakholelwa kuyo; kepha labo abangakholelwa kuyo, labo bangabalahlekelwe."},{"id":122,"translation":"Sizwe sakwa Isirayeli, khumbulani izibusiso zaMi lezi enganibusisa ngazo nokuthi nganiqoka endalweni yonke."},{"id":123,"translation":"Futhi sabani uSuku lapho umuntu engeke asize omunye ngalutho futhi kungekho nhlawulo eyokwamukelwa kuye noma ukushweleza okuyoba usizo; futhi akekho oyobasiza."},{"id":124,"translation":"Futhi khumbula mhla u-Ibhirahimu evivinywa iNkosi yakhe ngemiyalelo ethile, wayifeza; yathi: “ngizokwenza umholi weSintu”, wathi: “nakuzalo lwami”; yathi: “Isithembiso saMi asibandakanyi abaphambukayo”."},{"id":125,"translation":"Futhi senza Indlu [iKabha] yaba yisizinda[1] sesintu, nendawo ephephile; ngakhoke khulekani endaweni ka-Ibhirahimu. Futhi sayalela u-Ibhirahimu no-Isima’ili [sathi]: “Hlanzani Indlu yaMi, niyihlanzele labo abazungezayo, nabazinzile kanye nalabo abakhothamayo abawa ngobuso”.","footnotes":"[1] Indawo evakashelwa ngabantu ngokuphindelela."},{"id":126,"translation":"Futhi khumbula mhla u-Ibhirahimu ethi: “Nkosi yami, yenza lendawo kube umuzi ophephile futhi wondle abazohlala kuwo ngezivuno (izilimo nezithelo) ezahlukene, labo kubo abakholelwa ku- Allah nasoSukwini lokuGcina”; wathi: “Nongakholwa, ngizomjabulisa nje kancane, bese ngimtshinga esijezisweni somlilo; okuyisiphetho esibi."},{"id":127,"translation":"Khumbula futhi mhla u-Ibhirahimu ephakamisa izinsika zeNdlu [iKabha] beno- Isima’ili [bathi]: “Nkosi yethu yamukela kithi, impela Wena Ungozwayo Owaziyo.”"},{"id":128,"translation":"“Nkosi yethu senze sibengama Musilimu azinikela kuWe, kanjalo nakuzalo lwethu lwenze lube isizwe esingama Musilimu esizinikela kuWe; futhi sikhombise izinkambiso zethu [zeHaji] uphinde usithethelele; impela Wena unguMthetheleli Onesihawu."},{"id":129,"translation":"“Nkosi yethu thumela kubo iSithunywa[1] esidabuka kubo esizobalandisa ngemibiko yaKho nesizobafundisa iNcwadi neNkambiso futhi sibahlambulule; impela Wena unguSomandla Okhaliphile.","footnotes":"[1] U Allah wawuphendula lomkhuleko ngokuthumela iSithunywa sakhe uMuhamadi  oyisizukulwane sika-Ibhirahimu. Akamthumelanga nje kuphela esizweni saseMakha, kepha ezizweni zomhlaba jikelele."},{"id":130,"translation":"Ngubani nje ongadikila inkolo ka-Ibhirahimu[1] ngaphandle kwalowo ozihlambalazayo; impela samqoka emhlabeni, futhi ungomunye wabaqotho nakwelizayo.","footnotes":"[1] Phela inkolo ka-Ibhirahimu ukukholelwa kuBunye buka-Allah nokuzinikela ngokuphephelele entandweni yaKhe. Bheka S3:67."},{"id":131,"translation":"Kwathi mhla iNkosi yakhe yithi kuye: “zinikele”; wathi: “Ngiyazinikela eNkosini yendalo yonke”."},{"id":132,"translation":"U-Ibhirahimu wabe eseluleka izinganezakhe ngakho [ukuzinikela ku-Allah], kanjalo no Yakubu [wathi]: “Bantwana bami, impela u-Allah unikhethele inkolo, ngakho-ke ningalinge nife ningewona amaMusilimu”."},{"id":133,"translation":"Kumbe nanikhona mhla ukufa kufika kuYakubu, lapho ethi kubantwana bakhe: “Niyokhonza bani mhla ngingasekho na?, bathi: “Siyokhonza obekhonzwa nguwe kanye nokhokho bakho o-Ibhirahimu no-Isimai’ili no- Isihaki; okhonzwa eyedwa vo, futhi thina singamaMusilimu azinikele kuYe”."},{"id":134,"translation":"Lezo izizwe esezandlula, ziyothola umvuzo wemisebenzi yazo kanjalo nani niyothola umvuzo wemisebenzi yenu futhi anisoze nabuzwa ngalokho ababekwenza."},{"id":135,"translation":"Futhi bathi: “Yibani amaJuda noma amaNasara ukuze nibe sendleleni eqondile”; yithi [Sithunywa]: “Empeleni [silandela] inkolo ka-Ibhirahimu owayengazibandakanyi nezinkolo ezibhedayo, futhi engeyena obabhangqayo”."},{"id":136,"translation":"Anibothi: “Thina sikholelwa ku- Allah nakulokho okwembulelwe kithi nokwembulelwa ku- Ibhirahimu no-Isima’ili no- Isihaki noYakubu nezizukulwane kanye nakulokho okwembulelwa kuMusa no-Isa kanye nakulokho okwanikwa ezinye iZithunywa kuvela eNkosini yazo; asicwasi muntu kuzo; futhi thina singamaMusilimu azinikele kuYe”."},{"id":137,"translation":"Uma bengakholelwa kulokho enikholelwa kukho, nakanjani bayoba sendleleni eqondile; kepha uma bekushaya indiva, impela bayoba sempambukweni; futhi u-Allah uzokuvikela kubo, phela YenaUngozwayo Owaziyo."},{"id":138,"translation":"Bambelelani enkolweni ka- Allah; futhi ngubani nje onenkolo engcono kuneka-Allah na; futhi thina sikhonza Yena."},{"id":139,"translation":"Yithi [Sithunywa]: “ Nilokhu niqophisana nathi mayelana no-Allah, kube kunguYe iNkosi yethu neNkosi yenu, futhi nathi sinemisebenzi yethu kanjalo nani ninemisebenzi yenu; futhi sithembekile kuYe”."},{"id":140,"translation":"Kumbe nithi u-Ibhirahimu no- Isima’ili no-Isihaki no-Yakubu nezizukulwane bebengamaJuda noma amaNasara na? yithi: “Ingabe yinina enaziyo kangcono noma ngu-Allah na?; futhi ingabe ubani ophambuke ukwedlula lowo ofihla ubufakazi anabo obuvela ku-Allah; futhi u-Allah akaphuthelwa yilokho enikwenzayo."},{"id":141,"translation":"Lezo izizwe esezandlula, ziyothola umvuzo wemisebenzi yazo kanjalo nani niyothola umvuzo wemisebenzi yenu futhi anisoze nabuzwa ngalokho ababekwenza."},{"id":142,"translation":"Iziwula zabantu ziyothi: “Bagudluzwe yini kwibombo laboleli ababebheka kulo na?; yithi: “Impumalanga nentshonalanga ngeka Allah, uholela amthandayo endleleni eqondile.”"},{"id":143,"translation":"Futhi ngokunjalo sanenza naba isizwe sekhethelo ukuze nifakaze ngesintu, futhi ukuze neSithunywa sifakaze ngani. Futhi saqoka leKibila [ibombo] lena ebenibheka kuyo ukuze sazi kahle labo abalandela iSithunywa kulabo abaphambuka; nakuba bekunzima, kodwa bekungenjalo kulabo abaholwa ngu-Allah; futhi u-Allah akasoze ayishabalalisa imivuzo yokholo lwenu; impela u-Allah unoBubele neSihawu kubantu."},{"id":144,"translation":"Impela sikuqaphele ukuqalaza kwakho ubuka phezulu; ngakho- ke nakanjani sizokubhekisa kuleyoKibila ozoyithokozela; ngakho-ke bheka ngaseMasjidi Haramu, noma ngabe nikuphi anibobheka ngakuyo; futhi nembala labo abanikwa iNcwadi bayazi ukuthi lokhu kuyiqiniso elivela eNkosini yabo; futhi u-Allah akaphuthelwa yilokho abakwenzayo."},{"id":145,"translation":"Futhi labo abanikwa iNcwadi uma ungabanika bonke ubufakazi abasoze bayilandela iKibila yakho, kanjalo nawe awusoze wayilandela iKibila yabo, kanti futhi abanye babo abasoze bayilandela iKibila yabanye; uma nje ukewalandela izinkanuko zabo emuva kolwazi osunalo, impela uyokuba ngophambukile."},{"id":146,"translation":"Labo esabanika iNcwadi bamazi kahle [uMuhamadi] njengoba bazi izingane zabo, futhi impela kunabanye phakathi kwabo abafihla iqiniso ngamabomu[1].","footnotes":"[1] Isimo seSithunywa uMuhamadi  nezimpawu zakhe, zazilotshiwe kwiTora ne-Injili."},{"id":147,"translation":"Iqiniso livela eNkosini yakho, ngakho-ke ungabi ngongabazayo."},{"id":148,"translation":"Yilowo nalowo unalapho ebheka ngakhona; ngakho-ke ncintisanani ekwenzeni okuhle; noma ngabe nikuphi u-Allah uyonibuthanisa nonke; impela u-Allah ulawula izinto zonke."},{"id":149,"translation":"Noma ikuphi lapho oyakhona, bheka ngaseMasjidi Haramu; futhi impela kuyiqiniso elivela eNkosini yakho; futhi u-Allah akaphuthelwa yilokho enikwenzayo."},{"id":150,"translation":"Futhi noma ikuphi lapho oyakhona, bheka ngaseMasijidi Haramu; kanjalo noma nikuphi bhekani ngakhona; ukuze phela abantu banganisoli, ngaphandle nje kwalabo abaphambukile kubo; ngakho-ke ningabesabi kepha nesabe Mina; ukuze ngizophelelisa isibusiso saMi kini hleze nani nibe sendleleni eqondile."},{"id":151,"translation":"Njengoba sathumela iSithunywa [uMuhamadi] esidabuka kini sinifundela imibiko yeThu, nesinihlambululayo nesinifundisa iNcwadi nezinkambiso siphinde sinifundise lokho ebeningakwazi."},{"id":152,"translation":"Ngakho-ke ngikhumbuleni[1], naMi ngizonikhumbula futhi ningibonge ningabi nokungangibongi.","footnotes":"[1] Ukhumbula u Allah ku Isilamu: (i) ukumdumisa ngomlomo ngalokho okumfanele, ngokwemfundiso yeSithunywa saKhe; (ii) ukuthobela nokuqhakambisa intando yaKhe nokungcina imiyalelo nezeluleko zaKhe lapha emhlabeni; (iii) ukuhlala unonembeza owazisa ubukhulu baKhe namandla aKhe nanokuthi akukho okufihlakele ngaphambi kwaKhe."},{"id":153,"translation":"Nina enikholwayo, celani usizo ngokubekezela[1] nangeSwala; impela u-Allah unalabo ababekezelayo.","footnotes":"[1] Ukubekezela ku Islamu, igama elibanzi elengamele izincazelo ezijulile ezifaka: (i) ukungaxhamazeli nokungatatazeli nokungajahi imiphumela, 68:48; (ii) ukungathatheki noma ukuhluthukelwa, 30:60; (iii) ukubambelela eqinisweni kumnyama kubomvu, 3:186 ne 31:17; (iv) ukuqinisela nokuphikelela ngaphansi kwezimo ezinzima, 52:48."},{"id":154,"translation":"Futhi ningathi bafile labo ababulawe endleleni ka-Allah; empeleni bayaphila, kepha nina anazi."},{"id":155,"translation":"Futhi sizonivivinya kancane njengokwesaba, nangendlala, nokuncishelwa yingcebo nabantu nesivuno (izilimo nezithelo); futhi halalisela labo ababekezelayo."},{"id":156,"translation":"Labo okuthi uma behlelwe umshophi bathi: “Impela singabaka Allah futhi siyobuyela kuYe”."},{"id":157,"translation":"Labo bayonganyelwa izilokotho nomusa ovela eNkosini yabo, futhi basendleleni eqondile."},{"id":158,"translation":"Impela iSwafa neMariwa zingezinye zezimpawu zika- Allah; ngakho-ke lowo owenza iHaji eNdlini (iKabha) noma i-Umra akanacala lapho ezungeza phakathi kwazo; futhi lowo owenza okuhle ngokwakhe, impela u-Allah Ungobongayo Owaziyo."},{"id":159,"translation":"Impela labo abagodla ubufakazi esibembulele kanye nomhlahlandlela, emuva kokuba sesikucacisele abantu eNcwadini; labo u-Allah uyobaqalekisa kanjalo nalabo abaqalekisayo bayobaqalekisa."},{"id":160,"translation":"Ngaphandle kwalabo abazisolayo futhi balungise futhi bacacise; yibo-ke labo engiyobathethelela, futhi nginguMthetheleli Onesihawu."},{"id":161,"translation":"Impela labo abangakholwa baze bafe bengakholwa; labo bayothola isiqalekiso sika- Allah nesezingelosi nesabantu bonkana."},{"id":162,"translation":"Bayobhadla kuso unaphakade, futhi angeke baxegiselwe isijeziso noma banikezwe elinye ithuba."},{"id":163,"translation":"Futhi iNkosi okumele niyikhonze iyodwa vo; akukho okunye okumele kukhonzwe ngaphandle kwaYo, Enomusa Enesihawu."},{"id":164,"translation":"Impela ekudalweni kwamazulu nomhlaba nasekuguqukeni kobusuku nemini nakumkhumbi ontanta olwandle uthwele lokho okuwusizo kubantu, kanye nasemanzini u-Allah awehlisa emafini avuselele ngawo umhlaba obusufile, futhi wasabalalisa kuwo zonke izinhlobo zezilwane, nasekuvunguzeni kwemimoya nakwifu elilenga phakathi komkhathi nomhlaba; kunobufakazi kulabo bantu abaqondayo."},{"id":165,"translation":"Futhi kunabantu abaziqokele izikhonzwa esikhundleni sika- Allah, abazithanda ngothando olufanele u-Allah; kepha labo abakholwayo bona bathanda u-Allah kakhulu; ukube nje labo abaphambukile bebengabona mhla beyobona isijeziso nokuthi amandla onke angaka-Allah nanokuthi u-Allah ujezisana kanzima."},{"id":166,"translation":"Mhla labo ababelandelwa bezihlubuka kulabo ababelandela lapho sebebona isijeziso, futhi kuyogqabuka igoda phakathi kwabo."},{"id":167,"translation":"Futhi labo ababengabalandeli bayothi: “Uma nje singathola elinye ithuba lokubuyela emumva, sizobahlubuka njengoba nabo besihlubukile”; u-Allah uyakubakhombisa kanjalo imisebenzi yabo, badangale, futhi abasoze baphuma emlilweni."},{"id":168,"translation":"Sintu, dlanini kulokho okusemhlabeni okuvunyelwe nokuhlanzekile futhi ningalandeli ezinyathelweni zikaShayitani, impela uyisitha senu esiqavile."},{"id":169,"translation":"Kuphela nje uniyalela ngokubi nokuyichilo nokuthi nikhulume izinto eningazazi ngo-Allah."},{"id":170,"translation":"Futhi uma betshelwa ukuthi: “Landelani lokho okwembulelwe ngu-Allah!”; bathi: “Empeleni, silandela lokhu esathola okhokho bethu bekwenza” – nakuba okhokho babo babengaqondi lutho futhi bengekho endleni eqondile."},{"id":171,"translation":"Futhi isimo salabo abangakholwa, sifana nalowo (ongumelusi) omemeza lokho okungezwa lutho ngaphandle komsindo wokubizwa nokumenyezwa; bayizimumu, bayizimungulu, bayizimpumputhe yingakho nje bengaqondisisi."},{"id":172,"translation":"Nina enikholwayo, dlanini okuhlanzekile kulokho esinabele kona bese nibonga u-Allah uma ngempela kunguYena yedwa enimkhonzayo."},{"id":173,"translation":"Okuyikona aninqabele kona: ingcuba, negazi, nenyama yengulube, okungahlatshelwanga u-Allah; kepha lowo ophoqwa yisimo engenanhloso yokuphula umthetho noma ukuphambuka, akanacala; impela u-Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":174,"translation":"Impela labo abagodla lokho u-Allah akwembulele eNcwadini baphinde bathengise ngakho ngenzuzo eyize; labo yibo abadla umlilo eziswini zabo futhi u-Allah angeke abakhulumise ngoSuku lokwahlulela futhi angeke abahlanze, futhi siyoba buhlungu isijeziso sabo."},{"id":175,"translation":"Yibona labo abakhethe ukuduka kunokhanya, nesijeziso kunentethelelo; baze bazimisela bo ngomlilo."},{"id":176,"translation":"Lokho kungenxa yokuthi u-Allah wembulela iNcwadi ngeqiniso, kanti labo abaphikisanayo mayelana neNcwadi, banhlanhlathela kude le."},{"id":177,"translation":"Ukwenza okuhle akupheleli kuphela ekutheni nibheke ngasempumalanga nasetshonalanga [kuSwala]; kepha owenza okuhle, yilowo okholelwa ku-Allah nasoSukwini lokuGcina naseZingelosini naseNcwadini nakuZithunywa futhi aphe ingcebo – nakuba eyithanda – izihlobo nezintandane nabaswele nezihambi neziphanzi nasekukhululeni izigqila, futhi enze iSwala ngokufanele akhiphe neZakati; nalabo abafeza isethembiso abasithembisile nalabo ababekezelayo enhluphekweni nasekuguleni nasempini; labo yibona abaneqiniso futhi labo yibona abamthobelayo u-Allah[1].","footnotes":"[1] Lokhu kugcizela ukuthi i-Isilamu akuyona inkolo nje, kepha iyindlela yokuphila ephelele eyengamele yonke imikhakha yempilo. Yingakho nje yinoma yisiphi isenzo esisemthethweni umuntu asenzayo ukuthokozisa u-Allah, sisaseyikona ukumkhonza u-Allah."},{"id":178,"translation":"Nina enikholwayo, niyalelwe ukuba nigcine umthetho wempindiselo mayelana nababulewe; ozimele ngozimele, isigqila ngesigqila owesimame ngowesimame[1]; kepha lowo oxolelwayo ngumnewabo ngokuba akhiphe okuthile; akamlandelele kahle futhi naye akhokhe ngesihle; lokho isihe nesihawu esivela eNkosini yenu; ngakho-ke lowo oyophula umthetho[2] emuva kwalokho uyothola isijeziso esibuhlungu.","footnotes":"[1] Lokhu kuchaza ukuthi uma umbulali ebulele umuntu ngamabomu, ngokomthetho wempindiselo kufanele kubulawe yena umbulali uqobo, kungaba isigqila noma umfazi noma indoda, ngakhoke akuvumelekile ukuba kubulawe omunye umuntu esikhundleni sakhe.\n[2] Ngokubulala umbulali emuva kokuba esemxolele futhi wamukela nenhlawulo."},{"id":179,"translation":"Futhi nithola ukuphila ekugcineni umthethweni wempindiselo nina enikhaliphile ukuze nithobele u-Allah[1].","footnotes":"[1] Ukusebenza kwalomthetho kuqinisekisa ukuncipha kokubulala ngenhloso nokuhleliwe impilo ihlonishwe baphile abantu ezweni."},{"id":180,"translation":"Niyalelwe ukuba nibe nesiyalelofa, lapho omunye wenu eficwa wukufa; nabele abazali nezihlobo ngesihle; uma kukhona okuhle akushiyayo [ifa]; kuphoqelekile kulabo abamthobelayo u-Allah."},{"id":181,"translation":"Lowo osiguqulayo [isiyalelofa] emuva kokuba esesizwile, icala liyoba nalabo abasiguqulile; impela u-Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":182,"translation":"Lowo owesabela ukuthi umabifa wenze iphutha noma uphambukile [ekwabeni ifa kusiyalelofa] wabe yena eselungisa phakathi kwabo [umabifa nezindlalifa] akanacala; impela u-Allah uNgumthetheleli Onesihawu."},{"id":183,"translation":"Nina enikholwayo, ninqunyelwe ukuba nizile [ukudla] njengoba nalabo abanandulelayo banqunyelwa nabo, ukuze nibe ngabamthobelayo u-Allah."},{"id":184,"translation":"Izinsuku nje ezimbalwa; kepha lowo kini ogulayo noma osohambeni, inani lelo useyolikhokha ezinsukwini ezinye; futhi labo abakhonayo ukuzila [kanzima][1] kufanele bakhiphe ifidiya (inhlawulo) bondle umuntu ontulayo [ngosuku]; kanti- ke lowo owengeza okuhle okungaphoqelekile, kuyosiza yena; futhi ukuba nizile yikona okungcono kini, ukube nje niyazi.","footnotes":"[1] Lokhu kufaka phakathi owesimame ozethwele, nomuntu osegugile, nophethwe ukugula okungalapheki, njalonjalo; bonke laba banawo amandla okuzila kepha kungaphansi kwezimo ezinzima ezingahle zibhebhethekise ukugula kwabo noma kubeke engcupheni impilo yomnungu esiswini."},{"id":185,"translation":"Inyanga yeRamadani lena okwembulelwa kuyo iKurani ukuze ibe umhlahlandlela kusintu sonkana kanjalo nobufakazi bendlela eqondile nokuhlukanisa[1]; ngakho-ke lowo kini oyificayo lenyanga makayizile; kepha lowo ogulayo noma osohambeni, inani lelo useyolikhokha ezinsukwini ezinye; u-Allah ufuna ukunenzela kube lula futhi akafuni ukunithwesa ubunzima; ngakho-ke qedelelani izinsuku futhi nibabaze ubukhulu buka- Allah ngalokho aniholele kukho ukuze nibe ngababongayo.","footnotes":"[1] Ihlungo, yilokho okuhlukaniswa ngakho phakathi kokuhle nokubi."},{"id":186,"translation":"Uma izigqila zami zikubuza [Sithunywa] ngaMi; impela Mina ngiseduze, ngiyayiphendula imikhuleko yokhulekayo lapho ekhuleka kiMi; ngakho-ke mazilalele Mina futhi zikholelwe kiMi ukuze zibe ngabalungileyo."},{"id":187,"translation":"Nivunyelwe ukuba niye ocansini nabafazi benu ngobusuku bokuzila; bayizembatho zenu futhi nani niyizembatho zabo; u-Allah ubazi kahle ukuthi benizikhohlisa nina qobokepha wanithethelela wanixolela; ngakho-ke manje yanini nabo ocansini nilangazelele lokho u-Allah anabele kona; futhi dlanini niphuze kuze kuntwele ukusa kudede ubumnyama entathakusa bese niqhubeka njalo nokuzila kuze kuhlwe; futhi ningalinge niye ocansini nabesifazane uma nizinze eMasijidi; leyo imikhawulo ka-Allah, ngakhoke ningalinge nisondele kuyo; ubacacisela kanjalo u-Allah abantu imibiko yaKhe ukuze bamthobele."},{"id":188,"translation":"Futhi ningadli ingcebo yenu phakathi kwenu ngokungemthetho niphinde futhi nimangalelane ngayo kubahluleli ngenhloso yokudla ingxenye yengcebo yabantu ngobuqili nibe nazi."},{"id":189,"translation":"Bayakubuza mayelana nezigaba zenyanga; yithi: “Ziyindlela abantu abazi ngazo izikhathi[1] neHaji”; futhi akuyona into enhle ukungena endlini ngemumva; kepha ukulunga ukuthobela u-Allah; ngakho-ke ngenani ezindlini ngeminyango yazo; futhi nithobele u-Allah ukuze niphumelele.","footnotes":"[1] Ukusebenzisa izigaba zenyanga yindlela endala yesintu sonkana ukubala izinsuku. Yingakho nangolwimi lwesiZulu izinsuku ezi-30 kuthiwa inyanga. Izigaba zenyanga zimahlandla mbili, elokuqala izinsuku ezi-15 lapho inyanga ihluma khona, elisibili izinsuku ezi-15 sesibili lapho imbatha khona."},{"id":190,"translation":"Futhi yilwani endleleni ka- Allah nalabo abalwa nanifuthi ningephuli umthetho[1]; impela u-Allah akazithandi izephulamthetho.","footnotes":"[1] i-Isilamu akuyona nje inkolo yamasiko athize kuphela. Kepha iyindlela yokuphila ephelele emithetho yayo ingamele yonke iminxa yempilo, kanjalo nezempi. Njengokuthi amaMusilimu awavunyelwe (i) ukuhlasela ngaphambi kokuba banike izitha zabo isexwayiso sezinsuku ezintathu ngaphambi kokuhlasela (ii) ukugadla kulabo abengeyona ingxeye yebutho noma impi (iii) ukucekela phansi amasimu nemizi noma imfuyo (iv) ukunyukubeza izidumbu zamabutho awile (v) ukuhlasela izingane nesimame kanye namaxhegu namaxhegukazi; lena eminye yemithetho okungamelwe yephule empini."},{"id":191,"translation":"Futhi babulaleni noma yikuphi lapho enibathola khona niphinde nibaxoshe lapho abanixosha khona; kanti ukungakholwa kunzima kunokubulawa; kepha ningalwi nabo eMasijidi Haramu kuze kube yibona abalwa nani [kuqala] kuyo; uma belwa nani, nina babulaleni; unjalo-ke umvuzo wabangakholwa."},{"id":192,"translation":"Kepha uma bepheza; impela u-Allah unguMthetheleli Onesihawu."},{"id":193,"translation":"Yilwani nabo kuze kuphele ukungakholwa futhi inkolo yonke ibe ngeka-Allah kuphela; kepha uma bepheza, kuyohlaselwa abaphambukile kuphela."},{"id":194,"translation":"Inyanga ehlonishwayo ngenyanga ehlonishwayo; nomthetho wempindiselo uyasebenza kulokho okuhlonishwayo; ngako-ke lowo onihlaselayo ziphindiseleni kuye ngokufanayo; futhi nithobele u-Allah nihlale nazi ukuthi u-Allah unalabo abamthobelayo."},{"id":195,"translation":"Futhi nikelani endleleni ka-Allah ningazifaki embujisweni ngezenu izandla futhi nenze okulungileyo; impela u-Allah uyabathanda abenza okulungileyo."},{"id":196,"translation":"Futhi yenzelani u-Allah iHaji ne-Umra ngokuphelele; kepha uma nivimbekile endleleni [nangakwazi ukufika eHaramu], hlabani noma yisiphi isilwane somhlatshelo esitholakalayo; futhi ningawagundi amakhanda enu isilwane somhlatshelo singakafiki endaweni yaso; kepha uma kukhonakini ogulayo noma onokulimala okuthize ekhanda [okudinga ukuba aligunde], kumele ahlawule ngokuzila noma ngokondla [abaswele] noma ngomhlatshelo; uma seniphephile [ukuqhubeka nohambo], lowo owenza i-Umra ngaphambi kweHaji, makahlabe noma yisiphi isilwane somhlatshelo esitholakalayo; lowo ongenaso kumele azile insuku ezintathu ngesikhathi esasekuyo iHaji neziyisikhombisa lapho senibuyele ekhaya, lokho ishumi eliphelele [lezinsuku]; lokhu kubhekiswe kulowo umndeni wakhe ungezona izakhamuzi zaseMasijidi Haramu [eMakha]; futhi thobelani u-Allah futhi nazi ukuthi u-Allah ujezisana kanzima."},{"id":197,"translation":"iHaji ingezinyanga ezaziwayo; ngakhoke lowo owenza kuzo iHaji akumele ukuba aye ocansini noma aphule umthetho noma aqophisane [nabanye] uma nje esasekuyo iHaji; futhi konke okuhle enikwenzayo u-Allah uyakwazi; futhi niphathe umphako, impela umphako ongcono ukuthobela u-Allah; ngakho-ke ngithobeleni nina enikhaliphile."},{"id":198,"translation":"Aninacala uma nizithungathela [ngokuhweba] izibusiso ezivela eNkosini yenu; uma senibuya e-Arafati, dumisani u-Allah eMash’ari Haramu [eMuzidalifa], nimdumise njengoba anihola njengoba benivele nidukile ngaphambilini."},{"id":199,"translation":"Bese niya lapho abantu beya khona, futhi nicele intethelelo ku-Allah; impela u-Allah unguMthetheleli Onesihawu."},{"id":200,"translation":"Uma seniziphothulile zonke izinkambiso zenu, khumbulani- ke u-Allah njengalokhu naniye nikhumbule okhokho benu noma ngokwendlulele; futhi kunabantu abathi: “Nkosi yethu, siphe emhlabeni” – kepha abanasabelo kwelizayo."},{"id":201,"translation":"Futhi kunalabo kubo abathi: “Nkosi yethu, siphe okuhle emhlabeni nokuhle nakwelizayo, futhi usivikele esijezisweni soMlilo”."},{"id":202,"translation":"Labo bayothola umvuzo wemisebenzi yabo; futhi u-Allah wehlulela ngokushesha[1].","footnotes":"[1] Lombiko uphemdula umbuzo ongahle ufike emqondweni, wokuthi njengoba indalo ka-Allah ingaka nje, ingabe kuyomthatha isikhathi esingakanani. Phela u-Allah unguSomandla uyophothula ngokukhulu ukushesha ukwahlulela indalo yaKhe kwelizayo."},{"id":203,"translation":"Futhi khumbulani u-Allah ezinsukwini ezimbalwa [zeHajikuDulhija]; lowo oshesha ahambe ezunsukwini ezimbili akanacala kanti futhi nalowo osalayo akanacala; uma nje bethobela u-Allah; futhi mthobeleni u-Allah futhi nihlale nazi ukuthi niyakubuyela kuYe."},{"id":204,"translation":"Futhi kunalowo ebantwini okuhlaba umxhwele ngenkulumo yakhe kwezimayelana nempilo yasemhlabeni aphinde afunge ngo-Allah ngokusenhlizweni yakhe; kube empeleni uthanda ukuphikisana kakhulu."},{"id":205,"translation":"Uma esesukile [kuwe] ulibala ukwenza ukonakala ezweni ngokuzikhandla aphinde acekele phansi amasimu nemfuyo; u-Allah akakuthandi ukonakala."},{"id":206,"translation":"Uma kuthiwa kuye: “thobela u-Allah”, ugqabhi lwakhe lumenza aphikelele empambukweni; ngakho-ke iJahanamu imenele, futhi yaze yayindawo embi impela yokuhlala."},{"id":207,"translation":"Futhi kubantu kunalowo ozinikela ngokuphelele elangazelela ukuthokozisa u-Allah; futhi u-Allah unesihe ezigqileni zaKhe."},{"id":208,"translation":"Nina enikholwayo, ngenani ngokuphelele ku-Isilamu, futhi ningalandeli emabandeni kaShayitani; impela uyisitha senu esiqavile."},{"id":209,"translation":"Uma niphambuka emuva kokuba senithole ubufakazi obucacile, yazini ukuthi u-Allah unguSomandla Okhaliphile."},{"id":210,"translation":"Kumbe [abangafuni ukukholwa] balindele ukuba u-Allah afike kubo engungwe ngamafu kanye nezingelosi; lapho luyophuthwa okokugcina udaba; futhi zonke izinto ziyobuyela ku-Allah."},{"id":211,"translation":"Buza isizwe sakwa Isirayeli, kukaningi sibalethela imibiko ecacile; futhi lowo oguqula isibusiso sika-Allah (imibiko) emuva kokuba esesitholile, impela u-Allah ujezisana kanzima."},{"id":212,"translation":"Impilo yomhlaba yenziwe yaheha kulabo abangakholwa futhi babukisa ngalabo abakholwayo; kepha labo abathobela u-Allah bayophakama kunabo ngoSuku lokwahlulela; futhi u-Allah wabela amthandayo ngokungenamkhawulo."},{"id":213,"translation":"Abantu babelandela inkolo eyodwa[1], u-Allah wabe esethumela iZithunywa zizokwethula izindaba ezinhle futhi zixwayise; waphinde wathumela nazo incwadi eneqiniso ukuze yehlulele abantu kulokho abaphikisana ngakho; futhi labo abaphikisana ngayo yilabo abanikwa yona – ngenxa yenzondo phakathi kwabo emuva kokuba sebethole ubufakazi; ngakho-ke u-Allah ngentando yakhe, uholela eqinisweni labo abakholwayo kulokho ababephikisana ngakho; phela u-Allah uholela amthandayo endleleni eqondile.","footnotes":"[1] u-Ibin Abhasi  ulandisa uthi: “Phakathi kuka Adamu no Nuhu kunezizukulwana eziyishumi, bonke babephila ngendlela eyodwa yeqiniso, kwabe sekuqubuka ingxabano [ngenxa yokuthi abanye base beqale ukukhonza izithixo]; u-Allah wathumela iZithunywa ukuze zizothula izindaba ezinhle kanye nezixwayiso. [Al-Haakim, mq.2, kh.546-547]"},{"id":214,"translation":"Ingabe nicabanga ukuthi niyongena eJana ningaka hlangabezani nokwehlela labo abanandulelayo na?; behlaselwa ubuphuya nezifo futhi bazinyaziswa [uvalo lwezitha] saze sathi isiThunywa kanye nabakholwayo naye: “Luyofika nini usizo luka Allah na?”; bheka, usizo luka Allah luseduze."},{"id":215,"translation":"Bayakubuza ukuthi yikuphi abangaphana ngakho, yithi: “Konke okuhle eniphana ngakho, makunikwe abazali nezihlobo nezintandane nabaswele kanye nomhambi; futhi konke okuhle enikwenzayo u-Allah uyakwazi."},{"id":216,"translation":"Niphoqelekile ukuba nilwe [empini] yize nenqena; futhi kuyenzeka ukuthi nenqene into kodwa kube iyona enilungele noma nithande into kodwa ibe inganilungele; u-Allah uyazi kepha nina anazi."},{"id":217,"translation":"Bakubuza ngokulwa eNyangeni ehlonishwayo, yithi: “Ukulwa kuyo kuyimpambuko enkulu, kepha enkulu kunaleyo ku-Allah, ukuvimba [abantu] ekulandeleni indlela ka-Allah [i-Isilamu] nokungakholelwa kuYe kanye nokuvimba [abantu] ekungeneni e-Masijidi Haramu nokuxosha kuyo izakhamuzi zakhona; futhi ukungakholwa kuyimpambuko enkulu kunokubulala; futhi angeke bayeke ukulwa nani kuze kube bayanikhipha okholweni lwenu uma bekhona; futhi loyo kini oyoshiya ukholo lwakhe [abe yimbuka], afe engakholwa, izenzo zabo [ezinhle] ziyoshabalala emhlabeni nakwelizayo, futhi bayongena eMlilweni babhadle kuwo unaphakade."},{"id":218,"translation":"Impela laba abakholwayo nalabo abafudukayo kanye nabalwa endleleni ka-Allah; labo bangabalangazelela umusa ka-Allah; futhi u-Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":219,"translation":"Bakubuza ngalokho okudakayo nango kugembula; yithi: “Zombili lezinto, zinempambuko enkulu kanjalo nalokho okuwusizo kubantu, kepha impambuko yazo yendlula lokho okunosizo kuzo; futhi bayakubuza ukuthi yikuphi abangaphana ngakho, yithi: “kulokho okusele”; unihlalusela kanjalo-ke u-Allah imibiko ukuze nicabangisise."},{"id":220,"translation":"Emhlabeni nakwelizayo; bayakubuza futhi ngezintandane[1], yithi: “Ukuzinakekela kuyinto enhle, futhi uma nihlala kanye nazo zingabafowenu”; futhi u-Allah uyamazi ohlose ukonakala nohlose okuhle; uma u-Allah ethanda anganenzela kubenzima; impela u-Allah Unamandla Ukhaliphile.","footnotes":"[1] Intandane ingane yomfana noma yentombazane engakathombi esishonelwe uyise, noma ingaba naye unina; nesiZulu siyasho ukuthi intandane enhle ngumakhothwa ngunina."},{"id":221,"translation":"Ningabashadi abesimame ababhangqa abalingani no- Allah kuze kube bayakholwa; futhi owesimame okholwayo ungcono kunowesimame obhangqayo noma enganithathekisa; futhi ningaganiseli abesilisa abhangqa abalingani no-Allah kuze kube bayakholwa, futhi owesilisa okholwayo ungcono kunowesilisa obhangqayo noma enganithathekisa; labo [ababhangqayo] bamemela emlilweni, kepha u-Allah umemela eJana nasentethelweni ngemvumo yaKhe; futhi uhlalusela abantu imibiko yaKhe ukuze bathathe isifundo."},{"id":222,"translation":"Futhi bayakubuza ngokuba kwabesifazane esikhathini, yithi: “Kuwukungcola, ngakho-ke ningahlangani nabesifazane [ngokocansi] uma besesikhathini kuze kube bayahlanzeka; uma sebehlanzekile, seningaya- ke kubo ngendlela u-Allah aniyalele ngayo; impela u-Allah uyabathanda labo abacela intethelelo nalabo abazihlanzayo."},{"id":223,"translation":"Abafazi benu bangamasimu[1] enu, ngakho-ke ngenani emasimini enu ngendlela enifisa ngayo; futhi nizilungisele ikusasa [kokwenza okuhle]; futhi nesabe u-Allah futhi nihlale nazi ukuthi niyohlangana naYe; futhi yethula izindaba ezinhle kulabo abakholwayo.","footnotes":"[1] Bayinsimu nje, yingoba abesilisa bafike batshale imbewu yabo kubo abesimame njengomlimi etshala imbewu ensimini yakhe, bese lembewu iyakhula ngaphakathi kwakhe owesimame kuthiwe ukhulelwe, kanjalo netshalwe ngumlimi ensimini iyakhula ikhulelele ensimini. Ngakho-ke akunankinga ukuthi ungene ngakuphi ensimini inqobo nje uma imbewu uyitshale endaweni efanele."},{"id":224,"translation":"Futhi ningenzi igama lika- Allah ezifungweni zenu njengesu lokugwema ukwenza okulungile nokuthobela u-Allah nokuphemba ukubuyisana phakathi kwabantu; futhi u-Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":225,"translation":"Angeke anijezise u-Allah ngalokho eningakuhlosile ngezifungo zenu; kodwa uzonijezisa kuphela ngalokho okuhloswe izinhliziyo zenu; futhi u-Allah Uyathethelela Unobubele."},{"id":226,"translation":"Bavunyelwe ukuba balinde izinyanga ezine kuphela labo abaduba abafazi babo [ukuthatha isinqumo esingujuqu]; uma bebuyela [kubafazi babo], impela u-Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":227,"translation":"Uma bezimisele ngokuhlukanisa; impela u-Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":228,"translation":"Labo abasebehlukene namadoda abo, kumele balinde [bengagani] baze baye esikhathini kathathu; futhi abavunyelwe ukufihla lokho u-Allah akudalile eziswini zabo [uma bezithwele] uma ngempela bekholelwa ku-Allah nasoSukwini lokugcina; futhi abayeni babo banelungelo lokubuyelana nabo kuleso simo uma nje behlose ukubuyisana; futhi nabo abesifazane kufanele bathwathwe ngendlela lena elindelekile kubo [ekuphatheni abayeni babo] ngesihle; kepha amadoda anezinga elithe ukuphakama kubo; futhi u-Allah unguSomandla Okhaliphile."},{"id":229,"translation":"Ukuhlukanisa kungamahlandla amabili; ngakho-ke buyelanani kahle noma nihlukane ngesihle; futhi anivunyelwe ukuthatha utho kulokho enabanika kona [mhla nilobola], ngaphandle uma bobabili [abashadile] besaba ukuthi angeke bakwazi ukugcina imithetho ka- Allah; uma-ke nani nesaba ukuthi angeke bakwazi ukugcina imithetho ka-Allah, bobabili abanacala ngalokho owesimame akukhokhayo ukuzikhulula [emshadweni]; leyo imithetho ka-Allah ningalinge niyiphule; futhi labo abaphula imithetho ka-Allah bangabaphambukile."},{"id":230,"translation":"Uma indoda isihlukanisile [okwesithathu] nomkayo ayivunyelwe ukubuyelana naye kuze kube ugana enye indoda; futhi uma isihlukanisile nomkayo abanacala [emuva kokuba esegane enye indoda bahlukana] uma bebuyelana inqobo nje uma benesiqinisekiso sokuthi bayokhona ukungcina imithetho ka-Allah; leyo imithetho ka-Allah uyicacisela abantu abanolwazi."},{"id":231,"translation":"Uma senihlukanisile nabafazi kwaze kwafika lapho sebezophothula isikhathi sabo [sokulinda], buyelanani nabo kahle noma nibakhulule kahle; futhi ningabuyelani nabo ngenhloso yokubahlukumeza funa niphule umthetho; futhi lowo owenza lokho, impela ungophambukile; futhi ningenzi inhlekisa ngemibiko ka-Allah; futhi nikhumbule izibusiso zika-Allah kini kanye neNcwadi nomhlahlandlela akwembulela kini ukuze aniluleke ngakho; thobelani- ke u-Allah futhi nihlale nazi ukuthi u-Allah wazi zonke izinto."},{"id":232,"translation":"Uma senihlukanisile nabafazi baze baphothula isikhathi sabo [sokulinda], ningabavimbeli [nina banakekeli babo] ukuba bashade [kabusha]nabayeni babo uma sebevumelene kahle phakathi kwabo ningabanqandi ekuganeni abayeni babo [abekade behlukanise nabo]; lokho kwelulekwa ngakho lowo okholelwa ku-Allah nasoSukwini lokuGcina; lokho yikona okumsulwa nokuhlanzekile kini, ngokuba u-Allah uyazi kepha nina anazi."},{"id":233,"translation":"Omame bangancelisa izingane zabo iminyaka emibili ephelele uma befuna ukuncelisa ngokugcwele; futhi uyise wengane kumele abondle futhi abahlinzeke ngezimpahla zokugqoka ngokwamkelekile [onina bezingane zabo abahlukanisile besancelisa]; umuntu akathweswa okungaphezu kwamandla akhe; unina wengane makangahlukunyezwa ngengane yakhe kanjalo noyise wengane makangahlukunyenzwa ngengane yakhe[1]; futhi nendlalifa [uma seyikhulile] kumele yenze okufanayo [obekwenziwa uyise ekunakekeleni unina]; kepha uma bobabili [abazali] befuna ngokuvumelana nango kubonisana ukukhipha ingane ebeleni, abanacala; futhi uma nifuna ukuba izingane zenu zinceliswe ngabanye [ngaphandle konina] aninacala inqobo nje uma nikhokha lokho enikukhokhayo ngokwamkelekile; futhi thobelani u-Allah futhi nazi ukuthi ukubona konke enikwenzayo.","footnotes":"[1] Kuwumkhuba ondlangile lapho indoda ihlukanise nomnkayo benezingane, izingane ziphenduka izikhali abazisebenzisa ukuzwisana ubuhlungu. Ikakhulu uma umshado uphele ngengxabano."},{"id":234,"translation":"Labo kini abashonayo bashiye abafazi, kumele [abafazi] balinde (bazile) izinyanga ezine nezinsuku eziyishumi; uma sebesiphothulile isikhathi sabo [sokulinda], aniyukuthweswa cala [nina banakekeli babo] ngalokho okwamkelekile abekwenzayo; futhi u-Allah ukwazi konke enikwenzayo."},{"id":235,"translation":"Aninacala kulokho enigigiyela ngakho ekuceleni umshado kwabesimame [abangesenabo abayeni] noma nikugcine ezinhlizweni zenu; u-Allah ubazi ukuthi niyokhuluma ngabo, kodwa ningabonani nabo ngasese kuphela nje ningakhuluma okwamkelekile; futhi ningenzi izibophezelo zefindo lomshado kuze kube siyaphela isikhathi esinqunyelwe [sokulinda]; futhi yazini ukuthi u-Allah ukwazi konke okungaphakathi kini, ngakho-ke msabeni; futhi yazini ukuthi u-Allah Uyathethelela Unobubele."},{"id":236,"translation":"Aninacala uma nihlukanisa nabafazi eningakabathinti [ngokocansi] neningakabanqumeli ilobolo labo; baxoshiseni ngalokho okwamkelekile, ocebile ngokusemandleni akhe nompofu naye ngokusemandleni akhe, [lokhu] kuphoqelekile kwabenza okulungileyo."},{"id":237,"translation":"Futhi uma nihlukanisa nabo ningakabathinti [ngokocansi] kodwa senibanqumele ilobolo labo; banikeni-ke isigamu salokho ebesenikunqumile, ngaphandle-ke uma [abesifazane] bengenankinga noma lowo ifindo lomshado lisesandleni sakhe engenankinga [bangalithathi ilobolo]; kanti-ke ukwendlulisa [ngokungalithathi ilobolo] yikona okuzonisondeza ekuthobeleni u-Allah; futhi ningakhohlwa ukuba nesihe phakathi kwenu; impela u-Allah ukubona konke enikwenzayo."},{"id":238,"translation":"Qikelelani ukwenza wonke amaSwala [ngesikhathi], ikakhulu lena emaphakathi; futhi nime ngesizotha ngaphambi kuka-Allah."},{"id":239,"translation":"Uma nesaba [ingozi lapho nenza iSwala], yenzeni nihamba noma nigibele; kepha uma seniphephile, mkhumbuleni-ke u-Allah njengoba anifundisa lokho ebikade ningakwazi."},{"id":240,"translation":"Labo kini abashonayo bashiye abafelokazi, mabashiye isiyalelofa sesondlo sonyaka owodwa kubafelokazi babo bengakhishwa [lapho abahlala khona]; kepha uma beziphumela [ungakapheli unyaka] aninacala [nina banakekeli babo] ngalokho abakwenzayo okwamkelekile; futhi u-Allah unguSomandla Okhaliphile."},{"id":241,"translation":"Futhi labo abahlukanisile namadoda abo kumele baxoshiswe ngalokho okwamkelekile; lokhu kuphoqelekile kulabo abamthobelayo u-Allah."},{"id":242,"translation":"U-Allah unicacisela kanjalo imibiko yaKhe ukuze niqonde."},{"id":243,"translation":"Awubabonanga labo abaphuma emizini yabo beyizinkulungwane bebalekela ukufa, u-Allah wathi kubo: “Yifani”, wabe esebavusa; impela u-Allah unomusa kubantu, kodwa iningi labantu alibongi."},{"id":244,"translation":"Yilwani endleni ka-Allah futhi yazini ukuthi impela u-Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":245,"translation":"Ubani ozoboleka[1] u-Allah imboleko enhle ukuze amphindaphindele yona kaningi; futhi u-Allah nguYena othathayo nophanayo futhi niyobuyela kuYe.","footnotes":"[1] Ukuboleka u-Allah kusho ukunikela nangabe ngani ekuthuthukiseni nasekuqhakambiseni intando ka-Allah nendlela yaKhe emhlabeni."},{"id":246,"translation":"Awuzibonangayini izikhulu zesizwe sakwa Isirayeli emuva kwesikhathi sikaMusalapho zithi kuMembulelwa wabo: “Siqokele inkosi ukuze silwe endleleni ka-Allah”; wathi [kubo]: “Kungenzeka yini uma seniyalelwe ukuba nilwe bese ningalwi?”; bathi: “Singavinjwa yini ukuba singalwi sibe sesixoshwe nasemizini yethu nasezinganeni zethu”; kepha kwathi lapho sebeyalelwe ukuba balwe babaleka, ngaphandle kwedlanzana kubo; futhi u-Allah ubazi kahle abaphambukile."},{"id":247,"translation":"UMembulelwa wabo wathi kubo: “Impela u-Allah uniqokele uTwaluti ukuba abe inkosi yenu”; bathi: “Angasibusa kanjani, kube kuyithina esifanele ukubusa kunaye futhi akanjingile”; wathi: “Impela u-Allah uqoke yena kunani futhi wamengezela ulwazi nomzimba [oqatha]”; futhi u-Allah upha ubukhosi baKhe lowo amthandayo; futhi u-Allah Ungophanayo Owaziyo."},{"id":248,"translation":"Futhi uMembulelwa wabo wathi kubo: “Impela uphawu lobukhosi bakhe ukuthi kufike kini ibhokisi elinokuthula livela eNkosini yenu futhi liyobe liqukethe izinsalela zalokho okwashiywa umndeni kaMusa nomndeni kaHaruna lilethwa yizingelosi; impela kulokho kunophawu lwenu uma ningabakholwayo."},{"id":249,"translation":"Kwathi lapho uTwaluti esephuma namabutho, wathi: “U-Allah uzonivivinya ngomfula, oyophuza kuwo akekho nami futhi lowo ongeke awunambithe – ngaphandle kwalowo akukhe ngesandla – yena unami; kepha baphuza kuwo ngaphandle nje kwedlanzana labo; kuthe lapho sebewelile yena nalabo abakholwayokanye naye, bathi: “Asinawo amandla okubhekana noJaluta namabutho akhe”; kepha labo ababenesiqiseko sokuthi bayohlangana no-Allah bathi: “Kukaningi iqembu elincane linqoba iqembu elikhulu, ngemvumo ka-Allah; futhi u-Allah ukunalabo ababekezelelayo”."},{"id":250,"translation":"Kuthe lapho sebebhekene noJaluta namabutho akhe, bathi: “Nkosi yethu siphe amandla okubekezela usiqinise idolo futhi usilekelele sinqobe abantu abangakholwa."},{"id":251,"translation":"Babanqoba ngemvumo ka- Allah, uDawudi wabulala uJaluta, u-Allah wamupha ubukhosi nokukhalipha futhi wamfundisa lokho akuthandayo; futhi ukube u-Allah akakubekanga ukuthi abantu bazivikele kwabanye ngabanye, umhlaba ubuyokonakala; kodwa u-Allah unomusa kwindalo yonke."},{"id":252,"translation":"Leyo imibiko ka-Allah sikulandisa ngayo [wena Muhamadi] ngeqiniso; futhi impela wena ungomunye weZithunywa."},{"id":253,"translation":"Lezo iZithunywa, ezinye sizibusisile ukundlula ezinye, kuzo kunalezo u-Allah akhuluma nazo mathupha futhi waphakamisa izinga lezinye; futhi sahlinzeka u-Isa indodana kaMariyamu ngobufakazi saphinde samsekela ngoRuhulikudusi (uJibhirili); ukube u-Allah ubefuna, labo abeza emuva kwazo ngabe abaphikisananga emuva kokuba sebethole ubufakazi; kepha baphikisana, kunalabo kubo abakholwa kwathi abanye bona bangakholwa; futhi ukube u-Allah ubefuna ngabe abaphikisananga, kepha u-Allah wenza akufunayo."},{"id":254,"translation":"Nina enikholwayo, anibophana kulokho esinabele kona ngaphambi kokuba kufike usuku lapho okungezikuba khona hwebo noma ubungani noma ushwele; futhi abangakholwa bangaba phambukile."},{"id":255,"translation":"U-Allah, akukho okufanele kukhonzwe ngaphandle kwaKhe, Ungophilayo OnguMnakekeli; akazeli futhi akalali; konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokwaKhe; ngubani nje oyoshweleza ngaphambi kwaKhe ngaphandle kwemvumo yaKhe na; wazi konke okuphambi kwabo manje [emhlabeni] nokubalandelayo [kweLizayo], futhi abasoze baqonda lutho ngolwazi lwaKhe ngaphandle kwalokho akuvumelayo. isiGqiki saKhe sengamele amazulu nomhlaba futhi akumkhathazi ukuwaqapha, ngokuba uPhakeme Mkhulu."},{"id":256,"translation":"Akunampoqo okholweni, ngokuba iqiniso lisobala kunamanga. Lowo ongakholelwa kuTwaguti kepha akholwe ku Allah, ubambelele ensinkeni eqinile engasoze yephuka. Futhi Uzwa konke Wazi konke."},{"id":257,"translation":"U Allah ungumngani walabo abakholwayo, ubakhiphe ebumnyameni wabafaka ekukhanyeni kepha labo abangakholwa abangani babo oTwaguti babakhipha ekukhanyeni babafake ebumnyameni. Laboke bayobhadla eMlilweni bahlale kuwo unaphakade."},{"id":258,"translation":"Awumbonanga [we Muhamadi] lowo owayephikisana no Ibhirahimu ngeNkosi yakhe, emuva kokuba u Allah emnike ubukhosi. Lapho ethi u Ibhirahimu kuye: “Inkosi yami ipha impilo futhi iyona eletha ukufa.” Wathi: “Nami ngipha impilo futhi ngilethe nokufa” Wabe esethi u Ibhirahimu: “U Allah ukhipha ilanga empumalanga, wenake likhiphe entshonalanga.” Lowo ongakholwa waswela amazwi ngokuba u Allah akabakhanyiseli labo abaphambukile."},{"id":259,"translation":"Noma [awumbonanga] lona owandlula emzini owawubhujisiwe, wathi: “Ingabe uyovusa kanjani u Allah ngemuva kokubhujiswa kwawo na?” U Allah wamenza wafa iminyaka eyikhulu, wabe esemvusa, [u Allah wambuza] Wathi; “Uhlale isikhathi esingakanani [lapha] na?” [waphendula] wathi: “Usuku noma ingxenye yalo” Wathi: “Eqinisweni uhlale iminyaka eyikhulu, bheka ukudla kwakho nophuzo lwakho akonakele, bheka futhi imbongolo yakho, futhi Sizokwenza isibonakaliso kubantu. Bheka amathambo [embongolo] ukuthi sizowahlanganisa kanjani bese siwembathisa inyama.” Kwathi lapho sekumcacele wathi: “Sengiyazi ukuthi u Allah unamandla phezu kwezinto zonke.”"},{"id":260,"translation":"Khumbula mhla u Ibhirahimu ethi: “Nkosi yami ngibonise ukuthi abafileyo ubavusa kanjani.” Wathi: “Awukholwa na?” Waphendula wathi: “Ngiyakholwa impela, ukuthi nje ngifuna ukudelisa inhliziyo yami” Wathi: “Fuya izinyoni ezine zize zikujwayele [bese uyazinquma] uthathe izicu zayo uzusabalalise ezintabeni, bese uyazibiza [ngamagama azo] ziyoza zigijima kuwe; wazi ukuthi u Allah unguSomandla Okhaliphile”."},{"id":261,"translation":"Labo abanikela ngengcebo yabo endleleni ka Allah, bafaniswa, nohlamvu [olutshaliwe] olumila lukhiphe izikwebu eziyikhombisa, isikwebu ngasinye sinenhlavu eziyikhulu; u Allah wandisela lowo amthandayo, futhi u Allah Unakekela konke Wazi konke."},{"id":262,"translation":"Labo abanikela ngengcebo yabo endleni ka Allah, bengalandelisi iminikelo yabo ngokushwabula nokuhlambalaza; bayothola umvuzo wabo eNkosini yabo, bengenakusaba futhi benganasizi."},{"id":263,"translation":"Amazwi amahle nentethelelo, angcono kunomnikelo olandelwa ukuhlambalaza. Futhi u Allah Akadingi lutho, Unobubele."},{"id":264,"translation":"Nina enikholwayo, ningashabalalisi iminikelo yenu ngokushwabula nangokuhlambalaza, njengalowo onikela ngengcebo yakhe ukuziqhakambisa ebantwini futhi engakholwa ku Allah naso Sukwini lokuGcina; ufaniswa nedwala elishelelayo elinothuli, lapho kufika imvula ligezeka lingabi nalutho, [kanjalo] abayikuthola lutho [kwelizayo] ngabakwenze [emhlabeni], futhi u Allah akaholi abantu abangakholwa."},{"id":265,"translation":"Labo abanikela ngengcebo yabo ukuthokozisa u Allah nokuziqinisa; bafaniswa nesivande esiseqhulwini, kuthi uma sithole imvula sikhiqize izithelo zaso ngokuphindwe kabili, kuthi uma singatholi imvula, kube umkhemezelo ofika kuso. U Allah ukubona konke enikwenzayo."},{"id":266,"translation":"Ingabe omunye wenu uyafisa yini ukuba nesivande esinezihlahla zamasundu nomvini, esigeleza imifula simkhiqizela zonke izinhlobo zezithelo. Abe useyaguga enezingane ezisencane, kuthi kunjalo [isivande] sihlaselwe isishingishane esinomlilo sishe singqongqe. U Allah unicacisela kanjalo imibiko ukuze nicabangisise."},{"id":267,"translation":"Nina enikholwayo nikelani ngalokho okuhlanzekile enikusebenzele nakulokho esinikhiqizele kona emhlabeni. Ningathathi imfucuza niphane ngayo, into nani eniyithatha nivale amehlo; futhi nazi ukuthi u Allah Akadingi lutho Uyadunyiswa."},{"id":268,"translation":"uShayitani unithembisa inhlupheko futhi uniyalele ngokubi, kepha u Allah unithembisa intethelelo Yakhe nesihe; ngokuba u Allah Wengamele konke Wazi konke."},{"id":269,"translation":"Upha ukukhalipha kulowo amthandayo, lowo ophiwe ukukhalipha uphiwe okuhle okuchichimayo; kanti yilabo abakhaliphile abaqaphelayo."},{"id":270,"translation":"Konke eninikela ngakho nezifungo enizenzayo u Allah uyakwazi. Futhi labo abaphambukile abayikusizwa muntu."},{"id":271,"translation":"Uma ninikela eshashalazini, kuhle, kepha uma niyihla [iminikelo] kungcono. [u Allah] uyozisula izimpambuko zenu, futhi u Allah unolwazi lwakho konke enikwenzayo."},{"id":272,"translation":"Akukho emandleni akho [Muhamadi] ukubaholela endleni eqondile, kepha u Allah uholela endleni eqondile lowo amthandayo. Futhi konke okuhle eninikela kuyonisiza; ninikele ngoba nilangazelele ukuthokozisa u Allah. Futhi konke eninikele ngakho, niyakubuyiselwa kona ngokugcwele."},{"id":273,"translation":"[Nikelelani] labo abaxinwe umsebenzi ka Allah, abakhoni ukuzisebenzela; ongabazi ucabanga ukuthi bacebile ngenxa yokuzithiba kwabo, ubabona ngezimpawu zabo abahambi becela abantu. U Allah ukwazi konke okuhle eninikela ngakho."},{"id":274,"translation":"Labo abanikela ebusuku nasemini, ngasese nasesindlangalaleni, bayothola imivuzo yabo eNkosini yabo futhi ngeke babe nokwesaba noma bakhathazeke."},{"id":275,"translation":"Labo abadla imali yenzalo, bayovuka emathuneni [kweLizayo] okumuntu ohlanyiswe uShayitani; yingoba bathi: “Ukuhweba kuyena nje nokuzalisa imali” Kepha u Allah uvumele ukuhweba wachitha ukuzalisa imali. Lowoke oyothola isaluleko esivela eNkosini yakhe bese eyapheza, uzogcina inzuzo leyo anayo, futhi udaba lwakhe luku Allah. Kepha lowo oqhubekayo, uyobhadla eMlilweni ahlale khona unaphakade."},{"id":276,"translation":"U Allah akayibusisi imali yenzalo, kepha Wandisa iminikelo. Futhi u Allah akamthandi wonke umuntu ongakholwa ophambukile."},{"id":277,"translation":"Ngempela laba abakholwayo benze okuhle futhi baqikelela ukwenza iSwala bakhiphe neZakati, bayothola umvuzo wabo eNkosini yabo bengenakusaba bengenasizi."},{"id":278,"translation":"Nina enikholwayo, thibelani u Allah niyeke izinsalela zemali yenzalo uma ngempela ningabakholwayo."},{"id":279,"translation":"Uma ningakwenzi lokho; lindelani impi evela ku Allah neSithunywa saKhe. Kepha uma nicela intethelelo, thathani ingqikithi yemali yenu [konikweledayo] ngokugcwele ningakhwabanisi."},{"id":280,"translation":"Uma [onikweledayo] empofu, muphe isikhathi esanele kuze uyakhona, kepha uma ninikela yikona okungcono, ukube nje benazi."},{"id":281,"translation":"Nesabe loloSuku lapho niyobuyela kulo ku Allah; bese wonke umuntu ethola umvuzo wemisebenzi yakhe ngale kokungebulungiswa kubo."},{"id":282,"translation":"Nina enikholwayo, uma nikweledisana ngesikhathi esibekiwe, silobeni phansi [isikweleti]; umlobi phakathi kwenu makalobe ngobulungiswa; futhi angenqabi umlobi ukuloba njengoba u Allah wamfundisa; makalobe bese kuthi lowo okweletayo abizele esabe u Allah angakhwabanisi lutho kuso. Uma lowo okweletayo eyisiwula noma ebuthakathaka noma engakhoni ukubizela, umnakekeli makube nguyena obizelayo ngobulungiswa. Kubekhona ofakazi besilisa ababili kini, uma bengekho abesilisa ababili, makube indoda nabesifazane ababili enigculisekila ngabo ukuba ngofakazi; uma omunye [wesimame] enza iphutha lona omunye uzomkhumbuza. Ofakazi akumele banqabe lapho bebizwa. Ninganqeni ukusiloba sincane sikhulu [isikweleti] ngesikhathi esibekiwe. Ngokuba lokho kuwubulungiswa ku Allah nokufakaza okuqotho nokwenza ukuba kungabikhona ukungabazana. Ngaphandleke uma nithengiselana bukhoma phakathi kwenu akunacala uma ningakulobanga. Kepha nibize ofakazi lapho nithengiselana. Umlobi nofakazi bamangahlushwa. Uma nikwenza lokho niyobe senephule umthetho. Nithobele u Allah, uyakunifundisa u Allah; ngokuba u Allah Wazi zonke izinto."},{"id":283,"translation":"Uma nisohambeni, kungekho mlobi, makube nesibambiso esibanjiswayo. Uma kukhona enibambisene kona, lowo obanjisiwe makakubuyisele lokho abanjiswe kona athobele u-Allah iNkosi yakhe. Futhi ningabugodli ubufakazi; lowo obugodlayo impela inhliziyo yakhe iphambukile; belu u-Allah uyakwazi enikwenzayo."},{"id":284,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah; noma ningakuveza obala lokho okungaphathi kwenu noma nikufihle[1], u-Allah uzonihlulela ngakho; bese ethethelela amthandayo futhi ajezise amthandayo; phela u-Allah akehlulwa yilutho.","footnotes":"[1] Lezi izimpambuko zenhliziyo ezifana nezondo, ukundlinza, amagqubu, ukuzigqaja nokuzazisa nobuphixiphixi, njalonjalo... konke kuyojeziswa uMdali."},{"id":285,"translation":"IsiThunywa sikholelwe kulokho okwembulele kuso kuvela eNkosini yaso, kanjalo nabakholwayo. Bonke bakholelwa ku Allah nezingelosi Zakhe nezincwadi zakhe neziThunywa Zakhe, [Bathi]: “Asicwasi muntu kuziThunywa zakhe” Futhi bathi: “Sizwile futhi siyazithoba, Nkosi yethu sithethelele, siyakubuyela kuWe”."},{"id":286,"translation":"Awukho umphefumulo u Allah awuthwesa ngaphezu kwamandla awo. Uyohlomula [ngokuhle] okwenzile futhi uyojeziswa [ngokubi] okwenzile. “Nkosi yethu ungasijezisi uma sikhohliwe noma sisephutheni, Nkosi yethu ungasithwesi isibophezelo esinzima njengoba wasithwesa labo abasandulelayo. Nkosi yethu ungasithwesi lokho okungaphezu kwamandla ethu, usixolele, usithethelele, usihawukele. Uyisiphephelo sethu ngakhoke siphe ukunqaba labo abangakholwa."}]},{"id":3,"verses":[{"id":1,"translation":"AliLamMim."},{"id":2,"translation":"U Allah, akekho onokukhonzwa ngaphandle kwaKhe, unguSimakade unguMnakekeli wezinto zonke."},{"id":3,"translation":"Wembulele kuwe [Muhamadi] iNcwadi [iKurani] ngeqiniso, ifakazela lezo ezandulelayo, futhi Wembulela iTora ne Ininjili."},{"id":4,"translation":"Endulo ukuze zibe umhlahlandlela wesintu futhi Wembulela ne Furukani. Ngempela labo abangakholwa yimibiko Yethu bayothola isijeziso esinzima, ngokuba u Allah uSomandla oziphindiselelayo."},{"id":5,"translation":"Ngempela akukho okufihlekile ku Allah, emhlabeni nasezulwini."},{"id":6,"translation":"Nguye lo onibumbe ngendlela athanda ngayo ezibelethweni zonyoko, ngakhoke, akekho onokukhonzwa ngaphandle kwaKhe onguSomandla Okhaliphile."},{"id":7,"translation":"Nguye [u Allah] owembulele kuwe [Muhamadi] iNcwadi equkethe izambulo ezicacile okuyizona ingqikithi yeNcwadi, kanti ezinye ziyindida; kepha laba abanokuphambuka ezinhliziyweni zabo balandela lezi eziyindida ukuze baqale uthuthuva noma bazame ukuzihumusha. Empeleni akekho owazi incazelo yazo ngaphandle kuka Allah nalabo abolwazi olunzulu, abathi: “Siyakholwa kukho, konke kuvela eNkosini Yethu”. Labo abakhaliphile yibona kuphela abaqaphelayo."},{"id":8,"translation":"Nkosi yethu sicela ungaphambukisi izinhlizo zethu emuva kokuba ususihlengile, futhi siphe umusa wakho ngokuba Wena Ungophayo."},{"id":9,"translation":"Nkosi yethu, ngempela Nguwe oyobuthanisa isintu ngoSuku olungengatshwazwe, ngokuba u Allah akasephuli isithembiso."},{"id":10,"translation":"Ngempela labo abangakholwa, ingcebo yabo nezingane zabo aziyikubasiza ngalutho ku Allah futhi yibona kanye labo abayoba izithungelo zoMlilo [wase Jahanamu]."},{"id":11,"translation":"Njengoba kwawumkhuba wesizwe sika Firawuna kanye nalabo ababandulelayo, abakholwanga imibiko Zethu, u Allah wabajezisa ngezimpambuko zabo, futhi u Allah unesijeziso esinzima."},{"id":12,"translation":"Yithi kulabo abangakholwa: “Nizonqotshwa bese nibuthelwa eJahanamu, okiyindawo embi impela”."},{"id":13,"translation":"Futhi beninesibonakaliso mhla kutholana phezulu amabutho amabili; ibutho elilodwa belilwela endleleni ka Allah kanti elinye belingakholwa [liyiningi], kepha libabona [abebutho elikholwayo] belingana nabo ngenani emehlweni abo [yize babeyidlanzana]. Kanjalo u Allah wesekela abathandayo ngosizo lwaKhe. Ngempela lokho kuyisifundo kwabaqondayo."},{"id":14,"translation":"Ukuthanda abafazi, nezingane nezindodla zomcebo wegolide nesiliva namahhashi ekhethelo nemfuyo kanye nezitshalo, kwenziwe kwalangazeleka kubantu; konke lokhu izinto zokuncebeleka emhlabeni, bheka, u Allah unendawo enhle okuyobuyelwa kuyo."},{"id":15,"translation":"Yithi: “Akenginitshele ngokungcono kunalokho; labo abathobela iNkosi yabo, ibalungiselele izivande okugeleza kuzo imifula, bayohlala kuzo unaphakade, kanye nabafazi abamsulwa nentokomalo ka Allah[1], futhi u Allah uziqaphile izinceku Zakhe.","footnotes":"[1] Intokomalo ka Allah, kusho ukuthokoza kuka Allah ngalabo abayongena eJana, yisona sigaba esiphezulu sokuhlonishwa nokuklonyeliswa kwabathobela u Allah emhlabeni baphile ngokwentando yaKhe."},{"id":16,"translation":"Lezi ezithi, “Nkosi yethu ngempela sikholiwe ngakhoke sithethelele futhi usihlenge esijezisweni soMlilo."},{"id":17,"translation":"Bayabekezela, baqotho, bayazithoba, bayanikela futhi bacela intethelelo [ngokukhuleka] entathakusa."},{"id":18,"translation":"U Allah nezingelosi kanye nosolwazi, bayafakaza ukuthi akekho okumele akhonzwe ngaphandle kwaKhe, futhi Nguyena omise ubulungiswa. Ngakhoke akekho okumele akhonzwe ngaphandle kwaKhe uSomandla Okhaliphile."},{"id":19,"translation":"I-Isilamu iyona kuphela inkolo eyamukelekile ku Allah. Kanti labo abanikwa iNcwadi, baqala ukuphikisana emuva kokuba ulwazi sebelutholile ngenxa yenzondo phakathi kwabo, futhi kulowo ophika izambulo zika Allah, u Allah uyashesha uma ehlulela."},{"id":20,"translation":"Uma beqophisana nawe [Muhamadi] yithi: “Ngizinikele ngokuphelele mina nalabo abangilandelayo ku Allah”. Futhi yithi kulaba abanikwa iNcwadi: “Ingabe niyazinikela na?” Uma bezinikela bayoba sendleleni eqondile, kepha uma behlehla nyovana, umsebenzi wakho [Muhamadi] ukundlulisa umlayezo. Futhi u Allah uziqaphile izinceku Zakhe."},{"id":21,"translation":"Labo abaphika izambulo zika Allah babulale nezithunywa ngokungemthetho baphinde babulale abantu abagqugquzela ubulungiswa, bazise ngesijeziso esibuhlungu."},{"id":22,"translation":"Yiboke labo izenzo zabo [ezinhle] ziyakushabalala emhlabeni nakwelizayo futhi akekho oyobasiza."},{"id":23,"translation":"Awubabonanga na, labo abanikwa ulwazi lweNcwadi, uma bebizwa ukuba basebenzise iNcwadi ka Allah ukwahlulela phakathi kwabo, abanye babo bavele bahlehle nyovana badikile."},{"id":24,"translation":"Bakwenza lokhu ngoba bethi: “Umlilo [weJahanamu] uyosishisa izinsukwana nje!” Amanga abawaqambayo abadukisile enkolweni yabo."},{"id":25,"translation":"Kuyobanjani mhla sibabuthanisa ngoSuku olungengatshazwe, lapho wonke umuntu uyovuziswa ngezenzo zakhe futhi abasoze baqilwa."},{"id":26,"translation":"Yithi: “Allah, Mnini wobukhosi, upha ubukhosi kulowo omthandayo futhi ubuphuce lowo omthandayo, futhi uphakamisa lowo omthandayo futhi udicilela phansi lowo omthandayo; konke okuhle kuseZandleni zaKho, ngokuba Wena unamandla phezu kwezinto zonke."},{"id":27,"translation":"Ungenisa ubusuku emini ungenise imini ebusuku futhi ukhipha into ephilayo kwefile uphinde ukhiphe efile kwephilayo[1], futhi wondla lowo omthandayo ngokungemkhawulo.","footnotes":"[1] U Allah udala umuntu ophilayo ngesidoda esifile futhi nguYena odale isidoda esifile emuntwini ophilayo."},{"id":28,"translation":"Labo abakholwayo akumele babe nabangani abangakholwa kunalabo abakholwayo. Lowo owenza lokho [ukuba nongani ongakholwa ebe eyikholwa], u Allah akahlanganise lutho naye, kuphela nje uma kuliqhinga eniziphephisa ngalo kubo; u Allah unixwayisa Ngaye futhi isiphetho siku Allah."},{"id":29,"translation":"Yithi: “Noma ningakufihla noma nikuveze obala okusezifubeni zenu, u Allah uyakwazi. Futhi Wazi okusema-zulwini nasemhlabeni, ngokuba u Allah unamandla phezu kwezinto zonke."},{"id":30,"translation":"NgaloloSuku wonke umuntu uyothola konke okuhle akwenzile kukhona, kanjalo nokubi, uyofisa engathi kungaba khona ibanga elide phakathi kwakhe nakho [okubi]. Bheka u Allah unixwayisa Ngaye ngokuba unesihe kusintu."},{"id":31,"translation":"Yithi: “Uma nimthanda ngempela u Allah, ngilandeleni; u Allah uyonithanda futhi anithethelele izimpambuko zenu, ngokuba u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":32,"translation":"Yithi: “Thobelani u Allah neSithunywa”, kepha uma bekukushaya indiva, bheka u Allah akabathandi abangakholwa."},{"id":33,"translation":"Ngempela u Allah waqoka u Adamu noNuhu nomndeni ka Ibhirahimu nomndeni ka Imurani ezizweni zonke."},{"id":34,"translation":"Isizukulwane ngesizukulwane, ebezifana, futhi u Allah Uzwa konke Wazi konke."},{"id":35,"translation":"Lapho umka Imurani ethi: “Nkosi yami nginikela kuwe lokhu okusesiswini sami ngokugcwele, ngicela ukwamukele kimi, ngokuba Wena Uzwa konke Wazi konke”[1].","footnotes":"[1] Umfazi ka Imurani wabe esemudala mhla ekhulelwa, wajabula, wathatha isifungo sokuba umntwana ayomzala uyakumenza isisebenzi sasendlini sokukhonza iMakadisi, njengendlela yokubonga kuMdali."},{"id":36,"translation":"Kwathi lapho esembelethile wathi: “Nkosi ngizale intombi - bheka u Allah wazi kahle ngakubelethile ngokuba insizwa ayifani nentombi – ngimethe igama elithi‘Mariyamu’ futhi ngicela umkhusele yena nozalo lwakhe ku Shayitani (uSathane) oqalekisiwe”."},{"id":37,"translation":"Inkosi yakhe yamamukela kahle yamkhulisa kahle waqoka uZakariya ukuba amnakekele. Kwakuthi njalo uma u Zakariya eyombona elawini athole ukudla. Wathi [uZakariya]: “We Mariyamu ukutholaphi lokhu na?” [waphendula u Mariyamu] wathi: “Kuvela ku Allah, bheka u Allah wondla amthanadayo ngokungemkhawulo."},{"id":38,"translation":"Yilaphoke u Zakariya wacela eNkosini yakhe, wathi: “Nkosi yami ngiphe kuwe uzalo oluqotho ngokuba Wena uyizwa yonke imithandazo”."},{"id":39,"translation":"Kwathi lapho emile ethandaza elawini, zamumemeza izingelosi zathi: “u Allah ukubikela izindaba ezinhle [ngendodana] uYahiya, oyofakaza ngeZwi lika Allah abe ohloniphekile futhi ozithibile abe iSithunywa esilungileyo."},{"id":40,"translation":"Wathi [uZakariya]: “Nkosi yami ngizoyithola kanjani indodana na, ngibe ngigugile kanti nomkami uyinyumba?” Yathi [ingelosi]: “U Allah ukwenza kanjalo akuthandayo”."},{"id":41,"translation":"Wathi [uZakariya]: “Nkosi yami ngibonise uphawu” Yathi: “Uphawu lakho, angeke ukhone ukukhuluma nabantu ngaphandle kokukhomba izinsuku ezintathu. Futhi khumbula iNkosi yakho kakhulu futhi uyidumise emini nasekuseni”."},{"id":42,"translation":"Futhi khumbula lapho izingelosi zithi: “ Mariyamu, ngempela u Allah ukuqokile futhi wakuhlanza wakuqoka phezu kwabafazi bezizwe zonke”."},{"id":43,"translation":"“Mariyamu, thobela iNkosi yakho uwe ngobuso [ukhuleke] futhi ukhothame nabakhothamayo."},{"id":44,"translation":"Lezo izindaba zasendulo sizembulele kuwe. Bheka bewungekho lapho bephonsa izilobi zabo ukuthola ukuthi ubani ofanele ukunakekela uMariyamu futhi bewungekho lapho bephikisana."},{"id":45,"translation":"Khumbula ukuthi izingelosi zathi: “Mariyamu, ngempela u Allah ukuhalelisa ngeZwi elivela Kuye ogama lalo ngu MasihiIsa ka Mariyamu, uyakuba ohloniphekile emhlabeni nakweLizayo futhi uyakuba kwabakhethekile."},{"id":46,"translation":"Uyakukhuluma nabantu ewuswana nalapho esekhulile futhi uyakuba omunye wabenzi bokuhle”."},{"id":47,"translation":"Wathi [uMariyamu]: “Ngiyomthola kanjani umntwana kube kungenamuntu ongithintile na?” Yathi: “Kanjalo u Allah udala akuthandayo; uma esenqume ukudala into umane athi: ‘daleka’ bese iyadaleka."},{"id":48,"translation":"Futhi uyakumfundisa iNcwadi noBuhlakani kanye neTora ne Ininjili."},{"id":49,"translation":"Futhi uyakuba isiThunywa kusizwe sama Isirayeli, uyofika athi: “Ngize nesibonakaliso esivela eNkosini yenu; ngempela ngiyakwazi ukubumba ngodaka isiqu senyoni bese ngiyasiphefumulela bese siba inyoni ephilayo ngemvumo ka Allah, futhi ngilapha izimpumputhe nezinkubela ngiphinde ngivuse abafileyo ngemvumo ka Allah. Futhi ngiya-kunazisa ngalokho enikudlayo nenikubeke emizini yenu. Ngempela lokhu konke kuwubufakazi kini uma ningabakholwayo."},{"id":50,"translation":"Futhi ngizogcwalisa imithetho yeTora okuyi yona engandulelayo, futhi ngizonixegisela kokunye ebeninqatshelwe kona. Kanti futhi ngize nobufakazi obuvela eNkosini yenu, ngakhoke mthobeleni u Allah futhi ningilalele."},{"id":51,"translation":"Ngempela u Allah uyiNkosi yami neyenu, ngakhoke mkhonzeni ngokuba belu iyona lena indlela eqondile."},{"id":52,"translation":"Kuthe lapho u Isa ebona ukungakholwa kwabo wathi: “Ubani ozimisele ukungisiza emsebenzini ka Allah na? Amahawariya athi: “Yithina esingabasizi baka Allah, siyakholelwa ku Allah futhi yiba ufakazi ukuthi singamaMusilimu."},{"id":53,"translation":"“Nkosi yethu siyakholelwa kulokho okwembulele futhi silandela isiThunywa [u Isa] ngakhoke silobe kanye nalabo abafakazayo.”"},{"id":54,"translation":"Babe sebakha uzungu[1], kepha u Allah naye walwakha, bheka ngoba u Allah ulwakha ngobuchule.","footnotes":"[1] Lolu kwabe kuwuzungu lokubulala u Isa ka Mariyamu isiThunywa sika Allah."},{"id":55,"translation":"Mhla ethi: “Isa ngizokususa emhlabeni ngikunyusele Kimi futhi ngizokuhlenga kulabo abangakholwa, kanti futhi ngiyakubeka labo abakulandela phezu kwalabo abangakholwa kuze kube uSuku lokwaHlulelwa[1]. Niyobeke senibuyela Kimi ukuze ngehlulele phakathi kwenu kulokho ebiniphikisana ngakho.”","footnotes":"[1] Lesi sambulo siwubufakazi ekutheni u Isa ka Mariyamu akafanga yingakho esazophinde abuye emhlabeni ukuze azophila impilo yakhe njengawo wonke umuntu kuze kube uyashona."},{"id":56,"translation":"Kuyokuthi labo abangakholwa ngibajezise isijeziso esinzima emhlabeni nakweLizayo futhi akekho oyabasiza."},{"id":57,"translation":"Kanti labo abakholwayo futhi benze okuhle uyobaklomelisa imivuzo yabo ngokugcwele, futhi u Allah akabathandi abaphambukileyo."},{"id":58,"translation":"Konke lokhu esikulandisa kona, kuwubufakazi nesiKhumbuzo esikhaliphile."},{"id":59,"translation":"Bheka ngoba isimo sika Isa ku Allah siyefana nesimo sika Adamu ngokuba wamdala [u Adamu]ngomhlabathi wabe esethi kuye: ‘Iba khona’ wabakhona[1].","footnotes":"[1] Ukudalwa kuka Isa ka Mariyamu akumangazi ukundlula ukudalwa kuka Adamu. Bheka ngoba Adamu wadalwa ngaphandle kuka mama no baba, kepha u Isa wazalwa ngaphandle nje kuka baba, kuthi isintu sonke sona sadalwa kumama nobaba."},{"id":60,"translation":"Lokhuke iqiniso elivela eNkosini yakho ngakhoke ungabi ongabazayo."},{"id":61,"translation":"Kanti-ke uma kukhona ophikisana nawe kulokhu emuva kolwazi osunalo Yithi: “Wozani simeme izingane zethu nezenu nabafazi bethu nabenu nathi ziqu zethu kanye nani, bese sikhulekela isiqalekiso sika Allah sibe kulabo abaqamba amanga”."},{"id":62,"translation":"Ngempela lezindaba ziyiqiniso, futhi akekho ofanele ukukhonzwa ngaphandle kuka Allah, kanti u Allah nguyena uSomandla Onokukhalipha konke."},{"id":63,"translation":"Kepha uma bedikila; u Allah ubazi kahle labo abangamahlongandlebe."},{"id":64,"translation":"Yithi [Muhamadi]: “Nina abeMibhalo wozani sibe izwi linye esivumelana ngalo phakathi kwethu nani, elithi, ‘singakhonzi lutho ngaphandle kuka Allah futhi singambhanqi nalutho futhi singakhonzani sisodwa ngapha- ndle kuka Allah.” Kepha uma bedikila, anibothi: “Sifakazeleni ke ukuthi yithina amaMusilimu”"},{"id":65,"translation":"Nina abeMibhalo! kungani niphikisana mayelana no Ibhirahimu nakuba iTora ne Ininjili kwembulelwa emuva kwakhe, aniqondi na?"},{"id":66,"translation":"Yini kanye laba eniphikisana kulokho enikwaziyo; yinganike seniphikisana ngalokho eningakwazi na? Bheka u Allah uyazi kepha nina anazi."},{"id":67,"translation":"U Ibhirahimu wayengelona iJuda noma uMnasarina, kepha ubeyiMusilimu elimsulwa futhi engesona isikhonzi zithixo."},{"id":68,"translation":"Eqinisweni, abantu abasondelene no Ibhirahimu abalandeli bakhe kanye nalesiSithunywa [uMuhamadi] nalabo abakholwayo, futhi u Allah ungumngani wabakholwayo."},{"id":69,"translation":"Kunoquqaba kulabo beMibhalo elilangazelela ukuba linidukise. Empeleni bazidukisa bona uqobo kepha abazi."},{"id":70,"translation":"Nina beMibhalo! kungani niphika izambulo zika Allah kepha nibe ningofakazi na?"},{"id":71,"translation":"Nina beMibhalo! kungani nixuba iqiniso ngamanga futhi nigodle iqiniso nibe nilazi na?"},{"id":72,"translation":"Futhi kunoquqaba kulabo beMibhalo oluthi: “Kholwani kulokho okwembulelwe kulabo abakholwayo emini, kepha nikuchithe lapho seliyoshona hleze babuye.”"},{"id":73,"translation":"“Futhi ningakholwa muntu ngaphandle kwalowo olandela inkolo yenu... – Yithi: ‘indlela eqondile ileyo engeka Allah kuphela’ – funa abanye baphiwe lokho enaphiwa kona bese benimangalela eNkosini yenu.” Yithi: “Umusa useZandleni zika Allah uwupha lowo amthandayo ngokuba u Allah wengamele izinto zonke wazi konke."},{"id":74,"translation":"Wabela umusa Wakhe lowo amthandayo, ngokuba u Allah unomusa oyinala."},{"id":75,"translation":"Futhi kulabo beMibhalo kunalabo uma umbambise izindodla zomcebo uyakubuyisela wona, kepha kunalabo uma umbambisa idinari elilodwa akalibuyisi ngaphandle kokuba umlandelele. Lokhu yingoba bathi: “Asinamsebenzi nalabo abangafundile” futhi bakhuluma amanga ngo Allah ngabomu."},{"id":76,"translation":"Empeleni lowo ogcina isithembiso sakhe futhi azithobe ku Allah; bheka ngoba u Allah uyabathanda labo abazithobayo."},{"id":77,"translation":"Labo abephula isivumelwano no Allah kanye nezifungo zabo ngenxa yenzuzo engatheni, abayikuba nasabelo kweLizayo, bheka ngoba no Allah akayikukhuluma nabo noma ababuke ngosuku lokwaHlulela futhi akayikuba-thethelela, kanti nesijeziso sabo sibuhlungu."},{"id":78,"translation":"Futhi kunalabo kubo abahlanekezela imiyalelo yeMibhalo ngemilomo yabo ukuze nicabange ukuthi [lokhu abakushoyo] kuyingxenye yeMibhalo kepha kube kungeyona ingxenye yeMibhalo. Baqamba amanga aluhlaza ngo Allah ngabomu."},{"id":79,"translation":"Akwenzeki ukuthi umuntu u Allah amuphe iNcwadi ne Hikima [izimfundiso] futhi amenze isithunywa, bese athi kubantu: ‘Khonzani mina ngaphandle kuka Allah’. Kunalokho uthi kubona; ‘Yibani abeluleki abaqotho kulokho enikufundisa abantu nakulokho enikufundayo’."},{"id":80,"translation":"Futhi akaniyaleli ukuba nikhonze izingelosi kumbe izithunywa. Anganiyalela kanjani ngokungakholwa nibe seningamakholwa."},{"id":81,"translation":"Khumbula ukuthi u Allah wenza isivumelwano nezithunywa zonke, wathi: ‘kuleziNcwadi nobuhlakani enginiphe bona, uma kufika isithunywa esifakazela lokhu eninakho, niyokho-lelwa kuso futhi nisilekelele’ wabe esethi [u Allah]: “Ingabe niyavuma futhi nenza isibophezelo nami kulokho na? Zathi [izithunywa]: “Siyavuma”. Wabe esathi [u Allah]: “Yibani ofakazi ngokuba ngikufakazi kanye nani!”"},{"id":82,"translation":"Lowo ongeke akugcine lokho uyakuba ngophambukileyo."},{"id":83,"translation":"Ingabe bafuna enye indlela ngaphadle kwendlela ka Allah na? Bheka ngoba konke okusemazulwini nasemhlabeni kuthobela yena kuthanda kungathandi, kanti futhi bayobuyela kuye [u Allah]."},{"id":84,"translation":"Yithi: “Sikholwa ku Allah nakulokho ekwembulelwa kithi kanjalo nokwembulelwa ku Ibhirahimu no Isima’ili no Isihaki no Yakubu kanye nama Asibati, futhi nakulokho okwaphiwa uMusa no Isa nezinye iziThunywa kuvela eNkosini yabo – asicwasu muntu kubo- futhi sizinikele kuYe [u Allah]."},{"id":85,"translation":"Lowo oyokhetha enye indlela yokuphila ngaphandle kwe Isilamu, ayisoze yamukelwa ngaye, futhi kweLizayo uyakuba ngolahlekelwe."},{"id":86,"translation":"U Allah angabahlenga kanjani na? abantu abaphika ukholo emuva kokukholwa kwabo baphinde bafakaza ukuthi isiThunywa singeseqiniso bathola nobufakazi.! U Allah akabahlengi abantu abaziphambukisayo."},{"id":87,"translation":"Laboke isijeziso sabo kuyakuba isiqalekiso sika Allah neZingelosi nesintu sonkana."},{"id":88,"translation":"Bayobhadla kuso [isiqalekiso]; kanti abasoze baxegiselwa isijeziso futhi abayikunikwa elinye ithuba."},{"id":89,"translation":"Ngaphandle nje kwalabo abacela intethelelo emuva kwalokho benze nokulingile; belu u Allah ungu-Mthetheleli Onesihawu."},{"id":90,"translation":"Kepha labo abaphika ukholo emuva kokukholwa kwabo futhi bagxile ekungakholweni kwabo; abasoze bathethe-lelwa futhi yibona kanye abadukileyo."},{"id":91,"translation":"Laba abangakholwa baze bafe bengakholwa; noma bengahlawula ngomhlaba ogcwele igolide, awusoze wamkelwa. Yibo kanye laba abayothola isijeziso esibuhlungu futhi akekho obasiza."},{"id":92,"translation":"Anisoze nakuzuza ukulunga kuze kube ninikela ngalokho okuyigugu. Futhi noma ikuphi eninikela ngakho u Allah uyakwazi."},{"id":93,"translation":"Konke ukudla kwakuvumelekile kusizwe sama Isirayeli ngale kwalokho u Isirayeli[1] azithiba yena ngokwakhe ngaphambi kokuba kufike iTora. Yithi: “Lethani iTora niyifunde uma ngempela niqinisile”.","footnotes":"[1] U Isirayeli lona, nguYakubu ka Isihaki ka Ibhirahimu, okunguyena ubaba mkhulu wazo zonke izizwana eziyi – 12 zamaJuda."},{"id":94,"translation":"Emuva kwalokho, labo abayoqamba amanga ngo Allah, yibona kanye abaphambukile."},{"id":95,"translation":"Yithi: “u Allah ukhuluma iqiniso! Ngakhoke landelani inkolo ka Ibhirahimu emsulwa futhi wayengeyena okhonza izithixo!”"},{"id":96,"translation":"Indlu yokuqala nqa eyamiselwa isintu, yilena eseBhaka [eMakha] njengesibusiso nenkokhelo ezizweni."},{"id":97,"translation":"Kunezinkomba ezicacile khona; isizinza sika Ibhirahimu. Futhi lowo ongena kuyo uphephile; u Allah uphoqelele isintu ukuba siyokwenza iHaji kuleNdlu kulowo onamandla okuya kuyo, kepha loyo ophika ukholo u Allah uzimele akadingi lutho ezizweni."},{"id":98,"translation":"Yithi: “Nina beMibhalo! Kungani na niphika imibiko yaka Allah nakuba u Allah ekuqaphe konke enikwenzayo?”"},{"id":99,"translation":"Yithi: “Nina beMibhalo! Kungani nivimba endleni ka Allah labo abakholwayo nibafunela impambuko nakuba ningofakazi; futhi akusikho ukuthi u Allah akakuqaphile enikwenzayo”."},{"id":100,"translation":"Nina enikholwayo! Uma nike nalinga ukulalela abanye balabo abanikwa iMibhalo, bayonenza abangakholwa emuva kokholo lwenu."},{"id":101,"translation":"Ningaphenduka kanjani abangakholwa na, nibe nifundelwa imibiko yaka Allah kanti neSithunywa Sakhe sinani. Lowo oyobambelela ku Allah, ungoholelwe endleleni eqondile."},{"id":102,"translation":"Nina enikholwayo! Thobelani u Allah kokufanele futhi niqikele ukuba nife ningamaMusilimu."},{"id":103,"translation":"Bambelelani nonke entanjeni[1] ka Allah ningahlakazeki, futhi nikhumbule isibusiso sika Allah kini mhla niyizitha wenza izinhliziyo zenu zabuyisana, naphenduka abozalo ngesibusiso Sakhe, nakuba nanikade senisencupheni yewa lomlilo, Wanihlenga kuwo. Kanjalo u Allah unicacisela izibonakaliso Zakhe funa nibe abaqondileyo.","footnotes":"[1] Intambo ka Allah imiyalelo Yakhe yonke kanye nezimfundiso zeSithunywa Sakhe, bese kuthi ukubambelela kuyo, ukuyithobela ngokuphelele."},{"id":104,"translation":"Makube khona kini yithimba elizobizela kokuhle, ligqugquzele ukulunga futhi lexwayise ngokubi; yiboke labo abayophumelela."},{"id":105,"translation":"Futhi ningabi njengalabo abahlakazeka futhi baphikisana ngemuva kokufika kwezambulo kubo; yiboke labo abayothola isijeziso esinzima."},{"id":106,"translation":"Ngosuku lapho ubuso buyoba mhlophe obunye bube mnyama. Laboke ubuso babo buyoba mnyama, bayobuzwa: “Ingabe naphika ukholo emuva kokholo lwenu, yizwanike isijeziso sokungakholwa kwenu”."},{"id":107,"translation":"Kuthi labo ubuso babo buyoba mhlophe babe semseni[1] ka Allah bahlale khona unaphakade.","footnotes":"[1] Umusa ka Allah okukhulunywa ngawo la, iJana. Kadeni iSithunywa sika Allah sakubeka kwacaca ukuthi: “Akekho oyongena eJana [ezulwini] ngezenzo zakhe” Bathi: “Ngisho nawe Sithunywa sika Allah!” Wathi: “Ngisho nami impela, ngaphandleke uma u Allah engithela ngomusa Wakhe”. [Bhuhari no Musilimu]. Ngakhoke iMusilimu ngezenzo zalo lisuke lizincengela umusa ka Allah."},{"id":108,"translation":"Lezoke izambulo zika Allah esikufundela zona ngeqiniso, futhi u Allah akayifuni icindezelo ezizweni."},{"id":109,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah, futhi zonke izinto ziyobuyela Kuye."},{"id":110,"translation":"Niyisizwe esikhethekile esimiselwe ukusiza abantu ngokugqugquzela ukulunga[1] nangokuxwayisa ngokubi[2] futhi nikholelwe ku Allah. Uma abeMibhalo bengakholwa nje kuyokuba kuhle kubo; kunalabo kubo abakholwayo kepha iningi liyiziphulamthetho.","footnotes":"[1] Ilokho i-Isilamu ekuncomayo nekuqhakambisayo. Kuthi okungokokuqala ohlwini lezenzo zokulunga ukuqhakambisa iTawuhidi, uBunye buka Allah, njengoMdali, noMphathi noMlawuli wakho konke, okunguyena yedwa vo okumele akhonzwe.\n[2] Ilokho i-Isilamu ekuhlabayo nekugxekayo. Kuthi iShiriki, ukubhanqa u Allah nezimbangi, kube isenzo esibi kunazo zonke. Bheka ngoba lowo ozibandakanya neShiriki uhlambalaza igama lika Allah ngokumfanisa nendalo Yakhe, akukho ukweyisa okwendlula lokhu!"},{"id":111,"translation":"Abasoze banilimaza ngalutho ngaphandle kokuhlambalaza, futhi uma benilwisa bayonibalekela, bheka ngoba abayikusizwa muntu."},{"id":112,"translation":"Lokhu bathweswe isigcwagcwa kuyo yonke indawo la betholakala khona, ngaphandle uma bevikelwe isivumelwano esivela ku Allah noma abantu; futhi bazizuzele intukuthelo evela ku Allah, futhi bethweswa inhlupheko. Konke lokhu kungenxa yendelelo yabo nokwephula imithetho."},{"id":113,"translation":"Kepha abafani bonke, kwabeMibhalo kunabantu abaqotho, bahaya imibiko zika Allah maphakathi nobusuku lapho bekhuleka bewa phansi ngobuso."},{"id":114,"translation":"Bakholelwa ku Allah noSuku lokuGcina baphinde bagqugquzele ukulunga bavimbe okubi, bebe bayancintisana ekwenzeni okuhle. Labo bangabalungileyo."},{"id":115,"translation":"Konke okuhle abakwenzayo akusoze kwaba yize, ngokuba u Allah ubazi kahle abazithobayo."},{"id":116,"translation":"Kanti laba abangakholwa, ingcebo yabo nezingane zabo aziyikubasiza ngalutho ku Allah; futhi yibo labo abayobhadla eMlilweni, bahlale kuwo unaphakade."},{"id":117,"translation":"Lokho abanikele ngakho lapha emhlabeni, kufaniswa nezitshalo zabantu abazihlukumeze bona uqobo ezicekelwe phansi isivunguvungu esinamakhaza anzima. Belu u Allah akabahlukumezanga, kepha ibona uqobo abazihlukumezile[1].","footnotes":"[1] Ingxenye yemibandela ka Allah ukuze amukele isenzo esihle, ukuthi umenzi wesenzo leso akholelwe ku Allah ngendlela efanele nakuSithunywa Sakhe sokugcina ngokuphelele. Ngakhoke uma umenzi akasilona ikholwa langempela izenzo zakhe ezinhle emhlabeni aziyukumzuzela lutho kweLizayo. Ngalokho u Allah akamonanga ngalutho kepha kuyena ozonile ngokukhetha impambuko."},{"id":118,"translation":"Nina enikholwayo! Ningabi nabangani kulabo abangekho ngakini, ngokuba bayazikhandla ekuniletheni okubi futhi banifisela ubunzima. Ubutha babo sebuvelile ngemilomo yabo kanti okufihlwe yizifuba zabo kubi kakhulu. Sinicacisele imibiko uma nje niqondisisa."},{"id":119,"translation":"Belu yini kanye laba niyabathanda kepha bona abanithandi nibe nikholelwa eNcwadini[1] yonke. Kuthi lapho benani bathi: “Siyakholwa” kepha uma sebebodwa, bathukuthele bazilume iminwe ngenxa yenu. Yithi: “Yifani ngentukuthelo yenu!”; u Allah ukwazi kahle okusezifubeni.","footnotes":"[1] Labo abangakholwa inzondo yabo ebhekiswe kwabakholwayo ayinciphanga yize bazi ukuthi abakholwayo bakholelwa kuyo yonke iMibhalo evela ku Allah."},{"id":120,"translation":"Uma okuhle kunenzekela, kubaphatha kabi, kepha uma nehlelwa okubi bayathokoza ngakho. Ngakhoke uma nibekezela futhi nithobele u Allah, uzunge lwabo alusoze lwanithinta nakancane; ngokuba u Allah ukuhaqe konke abakwenzayo."},{"id":121,"translation":"Khumbula mhla uphuma emzini wakho uyokhombisa abakholwayo izizinza zabo empini[1]; u Allah Uzwa konke Wazi konke.","footnotes":"[1] Lena kwakuyimpi yesibili enkulu e-uHudi, phakathi kwamaMusilimu nabangakholwa baseMakha, ababehlome beyizingovolo ukuze baziphindiselele ukunqotshwa kwabo empini yaseBadari."},{"id":122,"translation":"Lapho amabutho amabili kini efuna ukubaleka, u Allah waba uMhlengi wabo; labo abakholwayo mabathembele ku Allah."},{"id":123,"translation":"Bheka ngoba u Allah wanisiza empini yaseBadari[1] nibe naniyincosana; ngakhoke thobelani u Allah ukuze nikhombise ukubonga.","footnotes":"[1] Lena kwakuyimpi yokuqala enkulu phakathi kwama Musilimu nabangakholwa baseMakha. Kwaba ewumnqamula juqu, bheka ngoba amabutho amaMusilimu ayenga-314, kuthi amabutho abangakholwa wona evile enkulungwaneni (1000)."},{"id":124,"translation":"Khumbula lapho uthi kwabakholwayo: “Angeke kwanela, ukuba Inkosi yenu inandisele ngebutho leZingelosi ezivela phezulu eziyizinkulungwane ezintathu na?”"},{"id":125,"translation":"Nakanjani! Umake nibekezela futhi nithobele u Allah – beze kini begijima; iNkosi yenu izonandelisa ngebutho leZingelosi ezinophawu eziyizinkulu-ngwane ezinhlanu."},{"id":126,"translation":"U Allah ukwenze lokho ukuba kube yizindaba ezinhle kini nanokuba izinhliziyo zenu zithokoze ngakho; kanti usizo luvela kuphela ku Allah uSomandla Okhaliphile."},{"id":127,"translation":"Konke lokhu ukuze aqothe abanye balabo abangakholwa noma abahlazise babuyele emuva bedicelelekile."},{"id":128,"translation":"Ayikho into ongayenza uma u Allah ebathethelela noma ebajezisa, belu baphambukile."},{"id":129,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah; uthethelela lowo amthandayo, ajezise lowo amthandayo; u Allah Uyathethelela Unomusa."},{"id":130,"translation":"Nina enikholwayo! Ningadli inzalo ngokuphinda phindiwe, futhi nesabe u Allah ukuze niphumelele."},{"id":131,"translation":"Nesabe uMlilo olungiselwe labo abangakholwa."},{"id":132,"translation":"Nilalele u Allah neSithunywa Sakhe ukuze nibusiswe."},{"id":133,"translation":"Futhi niphuthumele entethelweni yeNkosi yenu kanye neJana, ubanzi bayo bungangamazulu nomhlaba, ilungiselwe abamthobelayo u Allah."},{"id":134,"translation":"Labo abananelana enaleni nasebunzimeni futhi bazithibe lapho bethukuthele, baxolele abantu; u Allah uyabathanda abenzi bokuhle."},{"id":135,"translation":"Nalabo uma benze ichilo noma benze lokho okubalulazayo; bakhumbule u Allah, bese becela intethelelo yezimpambuko zabo; - akekho othethelela izimpambuko ngaphandle kuka Allah - futhi bengaphindeli kulokho abakwenzile ngabomu."},{"id":136,"translation":"Laboke umvuzo wabo kuyoba intethelelo yeNkosi yabo nezivande okugobhoza ngaphansi kwazo imifula, bahlale kuzo unaphakade; waze wamuhle umvuzo wabazikhandlayo."},{"id":137,"translation":"Kantike sezadlula izibonelo phambi kwenu; ngakoke, zulani emhlabeni nibone ukuthi saba njani isiphetho salabo abaphika iqiniso."},{"id":138,"translation":"Lokhu kuyincaciselo kubantu nenkanyiselo nenkuthazo kwabamthobelayo u Allah."},{"id":139,"translation":"Ningapheli amandla futhi ningabi lusizi, ngokuba kuyogcina nina uma nje ningabakholwayo."},{"id":140,"translation":"Uma nilamala noma nifa, kanjalo nabanye abantu bathola okufanayo; lezo phela izinsuku u Allah aziguquguqukisa phakathi kwabantu, ukuze uAllah aveze labo abakholwayo futhi aqoke kini amaShuhhada[1]; u Allah akabathandi labo abaphambukayo.","footnotes":"[1] Amaqhawe afela empini."},{"id":141,"translation":"U Allah ufuna ukuvivinya labo abakholwayo, ashabalalise labo abangamaphixiphixi."},{"id":142,"translation":"Ingabe nicabanga ukuthi niyongena eJana ebe u Allah engakabavivinyi labo abazi-khandlayo kini nalabo ababekezelayo na?."},{"id":143,"translation":"Kadeni nanikulangezelela ukufa ngaphambi kokuba nihlangabezane nakho; nakubona nqo, nibhekile."},{"id":144,"translation":"UMuhamadi wayekade eyiSithunywa nje kuphela, kanti futhi kuneZithunywa ezimendulelayo. Ingabe uma esekhotheme noma ebulewe niya-kuphindela emuva na? Lowo oyobuyela emuva, akasoze alimaza u Allah ngalutho; u Allah uyoklomelisa ababongayo."},{"id":145,"translation":"Akekho umuntu ofayo ngaphandle kwentando ka Allah ngesikhathi esiqunyiwe. Lowo ofuna inzuzo yomhlaba Sizomnika[1] kuyo nalowo ofuna inzuzo yakweLizayo Sizomnika kuyo futhi Siyobaklomelisa ababongayo.","footnotes":"[1] U Allah lapha usebenzise ubuningi bobukhosi obukhombisa ubukhulu bakhe, hhayi inani."},{"id":146,"translation":"Kukaningi iSithunywa siya empini nebutho elikhulu; abaphendukanga amavaka ngenxa yabebebhekene nakho endleleni ka Allah futhi abaphelanga amandla kanti futhi abavumanga ukunqotshwa; u Allah uyabathanda ababekezelayo."},{"id":147,"translation":"Ababekusho nje kuphela ukuthi: “Nkosi yethu sithethelele izimpambuko zethu nokunhlanhlatha kwethu futhi usuqinise usisize kubantu abangakholwa”."},{"id":148,"translation":"U Allah wabe esebapha umvuzo wasemhlabeni kanye nongcono wakweLizayo; u Allah uyabathanda abenzi bokuhle."},{"id":149,"translation":"Nina enikholwayo! Uma nike nalalela labo abangakholwa bayonibuyisela emuva, nibe ngabalahlekelwe."},{"id":150,"translation":"Kepha u Allah unguMhlengi wenu futhi unguMsizi ongcono."},{"id":151,"translation":"Sizofaka ukwesaba ezinhlizweni zalabo abangakholwa ngenxa yokubhanqa kwabo u Allah ngaphandle kobufakazi abembulele; indawo yabo uMlilo, yaze yayimbi indawo yabaphambukile."},{"id":152,"translation":"Ngempela u Allah wasigcina isethembiso Sakhe ngenkathi lapho nibaqotha ngemvumo yaKhe, kwaba yinina enahluleka naphikisa nodwa nangalalela, emuva kokunibonisa lokhu enikuthandayo; kunalabo kini abathanda izinto zomhlaba kanti abanye balangazelele eLizayo[1]. Wanisusa kubo ukuze anivivinye; nembala wanithethelela, ngokuba u Allah unomusa kulabo abakholwayo.","footnotes":"[1] Kungesikhathi sempi yase Uhud."},{"id":153,"translation":"Nathi lapho nibaleka ninganendaba namuntu, neSithunywa sinimemeza emuva kwenu, wanithela ngosizi phezu kosizi ukuze ningakhathazeki ngalokho okuniphunyukile noma lokho okunehlele; u Allah ukwazi konke enikwenzayo."},{"id":154,"translation":"Wase esenehlisela emuva kosizi ukuthula okuzelisayo okwengamela abathile benu, abanye bebezicabangela bona kuphela bendlinzela u Allah ngokungelona iqiniso imidlinzo yobuwula; bethi: “kukhona yini esingakwenza na?”. Yithi: “yonke into iphethwe ngu Allah”; bafihle ezinhlizweni zabo lokho abangeke bakuvezela kona, bathi: “ukube nje bekuya ngathi ngabe asizange sifele la”. Yithi: “noma ngabe benisezindlini zenu, labo ababekelwe ukufa bebezophuma baye lapho abawele khona. Ngokuba u Allah ufuna ukuvivinya lokhu okusezifubeni zenu futhi ahlanze lokhu okusezinhlizweni zenu, bheka ngoba u Allah ukwazi kahle okuqukethwe izifuba."},{"id":155,"translation":"Labo benu ababaleka ngosuku kutholane phezulu khona amaqembu amabili, balingwa nguShayitani ngenxa yokunye kwalokho abakwenza; kepha u Allah ubaxolele ngokuba u Allah Uyathethelela Unobubele."},{"id":156,"translation":"Nina enikholwayo ningabi njengalabo abangakholwa, labo okuthi uma abanewabo bethatha uhambo noma beya empini bathi kubo: “ukube nje bebe nathi ngabe abafanga noma babulawe”; u Allah ukwenze lokho kwaba usizi ezinhlizweni zabo. Bheka ngoba u Allah nguYena onika impilo noletha ukufa futhi u Allah Ukubheke konke abakwenzayo."},{"id":157,"translation":"Uma nibulewe endleni ka Allah noma nife, nizothola intethelelo ka Allah nomusa ongcono kunalokho eniphembayo."},{"id":158,"translation":"Uma nifa noma nibulawa niyobuyela ku Allah."},{"id":159,"translation":"Ngenxa yomusa ka Allah ube nesineke nabo; ukube ubunonya nenhliziyo elikhuni bebezobaleka eduze nawe; ngakhoke baxolele ubacelele intethelelo futhi ubonisane nabo ngezinto, uma usuthathe isinqumo thembela ku Allah, ngokuba u Allah uyabathanda abathembela kuYe."},{"id":160,"translation":"Uma u Allah enisiza akekho oyoninqoba, kepha uma enilahla ubani oyonisiza ngaphandle kwaKhe; labo abakholwayo mabathembele ku Allah."},{"id":161,"translation":"Isithunywa asisoze sakhwabanisa; loyo okhwabanisayo uyofika nalokho akukwabanisa ngoSuku lokwaHlulela; lapho wonke umuntu uyozuziswa ngakho konke akwenzile futhi abasoze baqilwa."},{"id":162,"translation":"Ingabe uyefana na, lowo olandela intando ka Allah nalowo ozilethela ulaka luka Allah nesizinda sakhe kuyokuba iJahanamu, saze sasibi isiphetho."},{"id":163,"translation":"Bayizigaba ku Allah, futhi u Allah ukubona konke abakwenzayo."},{"id":164,"translation":"Wababusisa u Allah abakholwayo mhla ethumela kubo iSithunywa esidabuka kubo, sibafundela imibiko Yakhe, sibahlambulula futhi sibafundisa iNcwadi neHikima nakuba phambi kwalokho babe sekudukeni okucacile."},{"id":165,"translation":"Kuthe lapho nehlelwa umshophi[1], nibe nani kade nenza okufanayo ngokuphindwe kabili; nathi: “kwenzeke kanjani na?” yithi: “Kungenxa yenu”; u Allah unamandla okwenza yonke into.","footnotes":"[1] Empini yase Uhudi amaMuslimu alahlakelwa amabutho anga-70 awa empini. Phambili empini yaseBadari amaMusilimu ahaqa inani eliphindiwe, bawisa amabutho esitha anga-70 bathwala iziboshwa zempi ezi-70."},{"id":166,"translation":"Lokho okwanehlela ngosuku kutholane phezulu khona amaqembu amabili, kwakungemvumo ka Allah nokuthi Azi abakholwayo."},{"id":167,"translation":"Futhi ukuze Azi abazenzisi; okwathiwa kubona: “wozani nilwe endleleni ka Allah noma nivikele” Bathi: “Ngabe sihamba nani ukube nje besikwazi ukulwa.” Ngalolo suku basondelene nokungakholwa ukudlula ukusondelana kwabo nokukholwa. Bakhuluma ngemilomo yabo lokho okungekho ezinhlizweni zabo, futhi u Allah Ukwazi kahle abakufihlile."},{"id":168,"translation":"Labo abathi behleli kubanewabo: “ukube basilalela, ngabe abazange babulawe”. Yithi: “Zivikelenike ekufeni uma ngempela niqinisile.”"},{"id":169,"translation":"Ungacabangi ukuthi labo ababulawe endleleni ka Allah bafile; empeleni bayaphila eNkosini yabo bayondliwa."},{"id":170,"translation":"Bayathokoza ngalokho u Allah abaphe kona ngomusa Wakhe futhi bayothokozela labo ababashiye bephila ngemuva ukuthi abayikuba nokwesaba noma usizi."},{"id":171,"translation":"Bayothokozela izibusiso zika Allah nomusa nanokuthi u Allah akawucekeli phansi umvuzo wabakholwayo."},{"id":172,"translation":"Labo abathobele u Allah neSithunywa nakuba benamanxeba[1]; labo kubo abenza okuhle futhi bazithobe bayothola umvuzo omkhulu.","footnotes":"[1] Emva kwempi yase uHudi amaMusilimu yize ayelimele, alandela izithende zezitha bezixosha nokuqinisekisa ukuthi zibuyele emuva azibuyi ukuzogasela."},{"id":173,"translation":"Labo, uma abantu bethi kubo: “Ngempela abantu banihlangenyele, ngakhoke besabeni” kepha banda ngokholo, bathi: “u Allah usenele thina futhi unguMhlengi ongcono."},{"id":174,"translation":"Bazizuzela izibusiso zika Allah nomusa, abehlelwangwa okubi balandela intando ka Allah, futhi u Allah unomusa omkhulu."},{"id":175,"translation":"Lokho nje bekunguShayitani esabisa abangane bakhe, ngakhoke ningabesabi nesabe Mina uma ngempela ningabakholwayo."},{"id":176,"translation":"Bangakukhathazi labo abagxile ekuphikeni ukholo ngokuba abasoze bamenzakalisa u Allah; u Allah ufuna ukungabaniki sabelo kweLizayo futhi bayothola isijeziso esinzima."},{"id":177,"translation":"Ngempela labo abakhetha ukungakholwa kunokukholwa abasoze bamenza lutho u Allah futhi bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":178,"translation":"Futhi labo abangakholwa mabangacabangi ukuthi ukuba yeka Kwethu kuyinto enhle kubo; empeleni Siyabayeka ukuze zande izimpambuko zabo futhi bayothola isijeziso esihlazayo."},{"id":179,"translation":"U Allah angeke ayekele abakholwayo bekulesi simo enikuso kuze kube Uveza lowo ongcolile komsulwa; futhi u Allah angeke anitshengisa okunabonwa, kunalokho uqoka amthandayo kuZithunywa zaKhe. Ngakhoke kholwani ku Allah neZithunywa zaKhe; uma nikholwa futhi nizithoba niyothola umvuzo omkhulu."},{"id":180,"translation":"Labo abancishana ngalokho u Allah abaphe kona ngomusa waKhe mabangacangi ukuthi kuyinto enhle kubo, empeleni kuyinto embi kubo, bheka ngoba bayogaxwa ngalokho abancishana nagakho ngoSuku lokwaHlulela. Ifa lamazulu nomhlaba lingelika Allah futhi u Allah ukwazi konke enikwenzayo."},{"id":181,"translation":"U Allah uyizwile inkulumo yalabo abathi: “ u Allah uyisichaka kanti thina ziyizinjinga!” Sizokuqopha lokho abakushoyo nokubulala kwabo iZithunywa ngokungemthetho bese Sithi: “Yizwani isijeziso soMlilo!”"},{"id":182,"translation":"Lokho ngungenxa yezenzo zenu, belu u Allah akasiye umcindezeli encekwini."},{"id":183,"translation":"Labo abathi: “u Allah wasithembisa ukuthi singakholwa iSithunywa singakasiletheli umhlatshelo odliwa umlilo”. Yithi: “Zafika kini iZithunywa phambi kwami nezibonakaliso kanye nalokhu enikushoyo, kunganike nazibulala uma nineqiniso na?”"},{"id":184,"translation":"Uma bengakukholwa, neZithunywa phambi kwakho abazikholwanga nakuba zafika nezibonakaliso neMibhalo neNcwadi ecacisayo."},{"id":185,"translation":"Wonke umphefumulo uyokuzwa ukufa; nakanjani niyoklonyeliswa imivuzo yenu ngoSuku lokwaHlulela. Lowo oyosindiswa eMlilweni angeniswe eJana uyoba ophumelele, kanti impilo yomhlaba iyinjabulo yenkohliso."},{"id":186,"translation":"Nizolingwa ngengcebo yenu nangani uqobo, futhi nizozwa amagama amabi kulabo abanikwa iMibhalo ngaphambi kwenu nakulabo abakhonza izithixo. Kepha uma nibekezela nithobele u Allah, ngokuba lokho kungokunye kwezinto ezigcizelelwe."},{"id":187,"translation":"Khumbula futhi mhla u Allah enza isibophezelo nalabo abanikwa iMibhalo (Wathi): “Nizoyicacisela abantu futhi ningayigodli!” Kepha basishaya indiva basithengisa ngenani eliyize, kwaze kwakubi abakuhwebayo[1].","footnotes":"[1] Abefundisi bamaJuda namaNasirini babephula imithetho yeMibhalo (iTora ne Ininjili) bayihle ukujabulisa labo abakhokhelayo."},{"id":188,"translation":"Ungacabangi ukuthi bayosinda esijezisweni labo abajabulela lokho abaphiwe kona bathande nokunconywa ngalokho abangakwenzanga, bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":189,"translation":"Ubukhosi bamazulu nomhlaba bungobuka Allah, futhi u Allah unamandla phezu kwezinto zonke."},{"id":190,"translation":"Ngempela, ekudalweni kwamazulu nomhlaba nasekudedelaneni kobusuku nemini kunezibonakaliso kulabo abakhaliphile."},{"id":191,"translation":"Labo abakhumbula u Allah bemile behleli noma becambalele ngohlangothi baphinde bajule ekudalweni kwamazulu nomhlaba (bathi): “Nkosi yethu awukudalanga lokhu ngeze, mawungcweliswe, sihlenge esijezisweni soMlilo."},{"id":192,"translation":"“Ngokuba Nkosi yethu, lowo oyomufaka eMlilweni uyobe umhlaze okwangempela futhi akekho oyosiza abaphambukileyo.”"},{"id":193,"translation":"“Nkosi yethu, ngempela sizwe isimemezi simemela kukholo, sithi, ‘kholwani eNkosini yenu’, sakholwa. Nkosi yethu, ngakhoke sixolele izimpambuko zethu usithethelele amacala ethu usithathe kanye nalabo abalungileyo.”"},{"id":194,"translation":"Nkosi yethu, usiphe lokho owasithembisa kona eZithunyweni zaKho futhi ungasihlazi ngoSuku lokwaHlulelwa, ngokuba Wena awusephuli isethembiso."},{"id":195,"translation":"Yabaphendula iNkosi yabo (yathi): Mina angicikeli phansi izenzo zanoma ngubani kini, kungaba indoda noma umfazi, niyefana nje; kuthi labo abenza iHijira bakhishwa emizini yabo baphinde bathwala kanzima endleleni Yami balwa babulawa, Ngizobathethelela izimpambuko zabo bese Ngibafaka ezivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula; umvuzo ovela ku Allah, bheka ngoba u Allah unomvuzo ongunqa phambili."},{"id":196,"translation":"Ukwehla nokwenyuka kwalabo abangakholwa ezindaweni makungakukhathazi."},{"id":197,"translation":"Ukujabula okuncane nje, kepha bayophelela eJahanamu, laze lalibi icansi."},{"id":198,"translation":"Kepha labo abathobela iNkosi yabo, bayothola izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula bahlale kuzo unaphakade, isizinzo esivela ku Allah futhi lokho okuku Allah yikona okungcono kubalungileyo."},{"id":199,"translation":"Kulabo abanikwa iMibhalo, kunalabo abakholwa ku Allah nakulokho okwembulelwa kini nokwembulelwa kubo ngokumesaba u Allah, abathengisi imibiko yaka Allah ngenani eliyize. Laboke bayothola imivuzo yabo eNkosini yabo; u Allah uyashesha lapho ehlulela."},{"id":200,"translation":"Nina Enikholwayo! Bekezelani nizimelele, nizimisele futhi nizithobe ku Allah ukuze niphumelele."}]},{"id":4,"verses":[{"id":1,"translation":"Sintu! Thobelani iNkosi yenu okuyiyona eyanidala ngomuntu oyedwa. Wadala ngaye umkakhe wabe esesabalalisa ngabo bobabili isilisa nesifazane; thobelani u Allah lona enibuzana ngaYe niqikelele ubuhlobo nozalo, bheka ngoba u Allah uhlezi eniqaphile."},{"id":2,"translation":"Nikani izintandane umcebo wazo futhi ningaphambanisi omuhle ngomubi, futhi ningagwinyeli umcebo wabo kowenu, ngokuba lokho kuyichilo elikhulu."},{"id":3,"translation":"Uma nesaba ukungenzi ubulungiswa ngezintandane, shadani noma ubani owesimame enivunyelwe ukubashada; ababili, abathathu kuya kubane. Kepha uma nesaba ukungenzi ubulungiswa, shadani oyedwa noma amabibi; yikhona lokho okungcono ekutheni ningaphambuki."},{"id":4,"translation":"Ninikeze abafazi amalobolo abo ngokomthetho. Kepha uma benipha kuwo okuthile ngentando yabo, dlanini ngokukhululeka nangokunethezeka."},{"id":5,"translation":"Futhi ninganiki iziwula[1] umcebo wazo, lona u Allah owenza waba isisekelo kini; kepha nibondle futhi nibagqokise kuwo, nikhulume kahle nazo.","footnotes":"[1] Lana ‘Isiwula’ sisho umuntu ongenalo ikhono elihle lophatha noma elokusebenzisa nokonga umcebo ngendlela enenzuzo."},{"id":6,"translation":"Zivivinyeni izintandane kuze kube zifika esigabeni sokushada. Uma nibona ukukhalipha kuzo, zinikeni umcebo wazo, futhi ningawudli ngokuwuxhaphaza nokuwuqeda masinyane zingakakhuli. Ngakhoke lowo ocebile makazithibe kuthi lowo ophuyile adle ngokufanele. Akuthi lapho senibanikeza umcebo wabo nibe nofakazi. U Allah wanele njengoMehluleli."},{"id":7,"translation":"Abesilisa banesabelo kulokho okushiywe abazali noma izihlobo, kanti nabesimame banesabelo kulokho okushiywe abazali noma izihlobo, noma kungaba idlanzane noma inala. Isabelo esibekiwe."},{"id":8,"translation":"Uma izihlobo nezintandane nezichaka zikhona lapho kuhlukaniswa ifa, bapheni kulo nikhulume kahle nabo."},{"id":9,"translation":"Labo abazoshiya emuva kwabo izingane ezibuthaka abazisabelayo; mabathobele u Allah futhi bakhulume iqiniso."},{"id":10,"translation":"Labo ababhubhudla umcebo wezintandane ngokungemthetho, bazidlela umlilo eziswini zabo futhi bayongena eMlilweni."},{"id":11,"translation":"U Allah uyaniyala ngezingane zenu; owesilisa uthola isabelo esiphindwe kabili kunowesifazane. Uma kungabesifazane (bodwa) abendlulele kwababili bazothola izigamu ezimbili kwezintathu, kepha uma eyedwa owesimame uzothola isigamu esisodwa kwezimbili. Abazali bakhe (umufi) ngamunye bazothola isigamu esisodwa kweziyisithupha kulokho akushiyile uma enezingane. Uma engenazo izingane ifa lakhe lasa kubazali bakhe, unina uthola isigamu esisodwa kwezintathu. Kepha uma enabanewabo, unina uthola isigamu esisodwa kweziyisithupha. Emuva kwesabelofa ayalele ngaso (umufi) noma isikweletu. Abazali benu nezingane zenu anazi ukuthi ubani owusizo kakhulu kini. Isibophezelo esivela ku Allah. Ngempela u Allah Wazi konke Ukhaliphile."},{"id":12,"translation":"Nina nizothola isigamu esisodwa kwezimbili kokushiwe amakhosikazi enu uma engenazo izingane; uma enezingane nizothola isigamu esisodwa kwezine kwabakushiyile, emuva kwesabelofa ayalele ngaso noma isikweletu. Kuthi wona (amakhosikazi enu) azothola isigamu esisodwa kwezine kwenikushiyile uma ningenazingane; uma ninezingane azothola isigamu esisodwa kwenikushiyile, emuva kwesabelofa eniyalele ngaso noma isikweletu. Uma owesilisa noma owesifazane eshiya ifa ebe engenabazali noma izingane kepha enomnewabo noba udadewabo, umuntu ngamunye kubo bobabili uzothola isigamu esisodwa kweziyisithupha; umake bengaphezu kwalokho bazocezulelana isigamu esisodwa kwezintathu. Emuva kwesabelofa okuyalelwe ngaso noma isikweletu. Umyalelo ovela ku Allah. U Allah Wazi konke Unesihawu."},{"id":13,"translation":"Leyoke imithetho ka Allah; lowo olalela u Allah neSithunywa saKhe, uyomfaka ezivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula bahlale kuzo unaphakade. Iyonake leyo impumelelo enkulu."},{"id":14,"translation":"Lowo ongalaleli u Allah neSithunywa saKhe aphule nemithetho yaKhe, uyomufaka eMlilweni abhadle kuwo unaphakade futhi uyothola isijeziso esihlazayo."},{"id":15,"translation":"Lowo ophingayo kubafazi benu, tholani kini abane abangafakazisa ngabo kulokho. Uma befakaza, bagwebeni ezindlini baze baficwe ukufa noma u Allah abenzele ndlela thize."},{"id":16,"translation":"Labo ababili [umfazi nendoda abangashadile] kini abaphingayo bajeziseni. Kepha uma bezisola benze ukulunga bayekeleni, ngokuba u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":17,"translation":"Intethelelo ka Allah ikulabo abenza okubi ngokungazi kepha bazisole masinyane; yiboke labo u Allah abathethelelayo, futhi u Allah Wazi konke Ukhaliphile."},{"id":18,"translation":"Abayikuyithola intethelelo labo abenza ukuphambuka, omunye wabo aze aficwe ukufa, athi: “Ngiyazisola manje!” kanye nalabo abashona bengakholwa. Yiboke labo Esibalungiselele isijeziso esinzima."},{"id":19,"translation":"Nina enikholwayo anivunyelwe ukuthatha abafazi njengefa ngenkani noma ukubavimbela ukuhamba nokunye kwalokhu enibanike kona, ngaphandle uma benze amanyala asobala. Niphilisane nabo kahle; uma ningabathatndi, kungenzeka ukuba ningayithandi into kepha ayifake izibusiso eziningi."},{"id":20,"translation":"Uma nifuna ukuthatha omunye umfazi esikhundleni somunye, nibe kade ninike omunye wabo izindodla [zamalobolo]; ningalokothi nithathe utho kuzo; ingabe nikuthatha ngokungemthetho nangempa- mbuko esobala na?"},{"id":21,"translation":"Futhi nizithatha kanjani, nibe kade nisondelene futhi bathatha isibophezelo esiqinile kini."},{"id":22,"translation":"Ningashadi abafazi ababeshade noyihlo, ngaphandle kwalokho okwendlula; ngokuba kuyichilo namanyala nento embi."},{"id":23,"translation":"Ninqatshelwe [ukushada] onyoko namadodakazi enu nodadewenu nobabekazi benu nodadewabo bonyoko namadodakazi abafoweni namadodakazi odadewenu nonyoko abanincelisa nodadewenu enancela nabo nomamezala benu namadodakazi abafazi benu enendlale nabo – kepha uma ningendlalanga nabo aninacala – nababafazi bamadodana enu azalwa yinina nokubhanqa izelamani, ngaphandle kwalokho okwendlula. Nebala u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":24,"translation":"Futhi ninqatshelwe ukushada abafazi abaganile ngaphandleke kwezigqila ezingamabibi enu. Nivunyelwe ukushada abanye ngomcebo wenu nokuzyithiba nokungaphingi. Labo eningcebeleke nabo, banikeni ilobolo laboelibekiwe; akunankingake kulokho enivumelana ngakho emuva kwelobolo. U Allah Wazi konke Ukhaliphile."},{"id":25,"translation":"Lowo ongenawo amandla okushada abafazi abakholwayo abakhululekile, bangashada izigqila zamantombazane ezingaphansi kwenu ezikholwayo; u Allah Owazi kangcono ngokholo lwenu; niyimbumba. Ngakhoke washadeni ngemvumo yemindeni yawo futhi niwanike amalobo azo ngokomthetho; azithibe angaphingi futhi angabi nawo amashende. Uma eseganile, wabe esenza ichilo, uyokujeziswa ngesigamu salokho okujeziswa abafazi abakhululekile abaganile. Lokho okwalowo kini owesaba ubunzima; kepha ukuba nibekezele yikona okungcono; futhi u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":26,"translation":"U Allah ufuna ukunicacisela nokunitshengisa izinkambo zalabo abanandulelayo futhi anithethelele, ngokuba u Allah Wazi konke Ukhaliphile."},{"id":27,"translation":"Belu u Allah ufuna ukunithethelela, kanti laba abalandela izinkanuko bafuna ukuba niphambuke impambuko enkulu."},{"id":28,"translation":"U Allah ufuna ukunenzela lula; bheka ngoba ubuntu wadalwa ebuthaka."},{"id":29,"translation":"Nina enikholwayo! Ningadli umcebo wenu phakathi kwenu ngokungemthetho. Ngaphandleke uma kuwuhwebo ngokuvumelana. Futhi ningabulalani, ngokuba u Allah Unesihe kini."},{"id":30,"translation":"Kepha ozokwenza lokho ngokungalaleli nangobuhlongandlebe, siyomfaka eMlilweni; futhi lokho kuyinto elula ku Allah."},{"id":31,"translation":"Uma nizithiba ezimpambukweni ezinkulu eninqatshelwe zona; Sizonithethelela izimpambuko zenu siphinde Sinifake Endaweni Ehloniphekile [iJana]."},{"id":32,"translation":"Ningabolangazelele lokho u Allah abusise abanye benu ngakho kwabanye. Ngokuba amadoda anesabelo kulokho akuzuzile, kanjalo nabafazi banesabelo kulokho abakuzuzile. Nebala u Allah unolwazi ngayo yonke into."},{"id":33,"translation":"Wonke umuntu simenzele izindlalifa kulokho okushiywa abazali nezihlobo. Laboke enibathembisile, bapheni isabelo sabo. Nebala u Allah Ungufakazi kuyo yonke into."},{"id":34,"translation":"Amadoda angabanakekeli babafazi ngalokho u Allah aqoke ngakho abanye phezu kwabanye nangalokho abakuchithayo emcebeni wabo. Labo bafazi abaqotho abahloniphayo abanakekela izinto lapho [indoda] ingekho, ngendlela ka Allah, [baphatheni kahle]. Kanti labo enexwaya ukushinga kwabo, belulekeni nibadube ekundlaleni noma nibashaye[1]. Kepha uma benihlonipha ningabasuseli uchuku. U Allah uhlezi Ephezulu Emkhulu.","footnotes":"[1] Ukushaya umfazi akusho ukumgandaya nokubhokloza, kepha ukumthintathinta emzimbeni angasali nesibazi. Kantike akuvumelekanga ukubeka umuntu isandla ebusweni nangoba ubani, ngisho izingane imbala."},{"id":35,"translation":"Uma nesaba ukwehlukana phakathi kwabo [abashadile], thumelani umeluleki wakwabo ndoda nomeluleki wakwabo mfazi; uma befuna [abaluleki] ubuyiswano [phakathi kwabashadile] u Allah uzobapha amandla. Nebala u Allah Wazi konke Uqaphe konke."},{"id":36,"translation":"Khonzani u Allah ningamubhanqi nalutho; futhi niphathe abazali ngesihle, nezihlobo, nezintandane, nabachakile, nomakhelwane oseduze, nomakhelwane obuqama, nalowo oba seduze[1], nomhambi kanye nalabo abasezandleni zenu [izigqila]. Ngokuba u Allah akamthandi lowo ozigqajayo nochomayo.","footnotes":"[1] Yilowo osendelana nawe ngandlela thize; kungaba umngani noma umfazi noma ozakweni emsebenzini noma ohambeni, njalonjalo."},{"id":37,"translation":"Labo abancintshanayo futhi bagqugquzele abantu ngokuncintshana baphinde bafihle lokho u Allah abaphe kona[1] ngomusa waKhe. Silungisele labo abangakholwa isijeziso esihlazayo.","footnotes":"[1] Bazifihla izibusiso zika Allah ngokuphika ukuthi u Allah obaphe zona. Kunalokho bazindondonya isifuba lapho beqosha ukuthi ukuhlakanipha kwabo okubalethe lokho abanakho."},{"id":38,"translation":"Nalabo abanikela ngomcebo wabo ukuzibonakalisa ebantwini futhi bengakholwa ku Allah nasoSukwini lokuGcina. Kantike lowo omngani wakhe nguShayitani, waze wamubi umngani."},{"id":39,"translation":"Bavinjwe yini ukuba bakholwe ku Allah nasoSukwini lokuGcina banikele kulokho u Allah ababele kona. Futhi u Allah Wazi konke ngabo."},{"id":40,"translation":"U Allah akaqili ngisho uhlamvu oluncane, uma kuyisenzo sihle Uyasiphindaphinda Aphe umvuzo omkhulu ovela kuYe."},{"id":41,"translation":"Kuyobanjani mhla Siletha ufakazi kuzo zonke izizwe na? Silethe wena njengofakazi ngalaba."},{"id":42,"translation":"Ngalolosuku labo abangakholwa futhi bangalalelanga iSithunywa, bayofisa engathi umhlaba ungabagwinya futhi ayikho inkulumo abazoyifihlela u Allah."},{"id":43,"translation":"Nina enikholwayo! Ningasondeli kuSwala nidakiwe kuze kube niyakwazi enikukhulumayo noma uma nikusimo seJanaba – ngaphandle kwaloyo ongumhambi – kuze kube niyageza. Kepha uma nigula noma nisohambeni noma omunye wenu ebuya ukuyozikhulula noma benikade nilele nabafazi, nangatholi amanzi; yenzani iTayamumu ngothuli oluhlanzekile, nisule ubuso nezandla zenu; impela u-Allah Uyaxolela Uyathethelela."},{"id":44,"translation":"Awubabonanga na, ukuthi labo abanikwa isabelo seNcwadi baqoka ukuphambuka futhi balangazelela ukuthi nani niphambuke endleleni eqondile."},{"id":45,"translation":"U Allah Uzazi kahle izitha zenu; futhi u Allah wenele njengoMvikeli futhi wenele njengoMhlengi."},{"id":46,"translation":"Kulabo abangamaJuda kunalabo abahlanakezela incazelo yamazwi kekushoyo, futhi bathi: “Siyezwa futhi asilalele, ulalele ungalalelwa futhi usinake!” bephendula ulimi lwabo futhi begxeka inkolo. Ukube nje bathi: “siyezwa futhi silalele, ulalele futhi usiphe isikhathi” bekuyobangcono kubo futhi kube qotho; kepha u Allah ubaqalekisile ngenxa yokungakholwa kwabo, ngakhoke bayidlanzana abakholwayo."},{"id":47,"translation":"Nina enanikwa iMibhalo! Kholwani kulokho Esikwembulele kufakazisa lokho eninakho, ngaphambi kokuba sinisuse ubuso sibubhekise emuva noma sibaqalekise njengoba saqalekisa labo beSabatha. Umyalelo ka Allah nakanjani uyenzeka."},{"id":48,"translation":"Ngempela u Allah akakuthetheleli ukuba abhanqwe notho, kepha ngale kwalokho uthethelela noma yini. Lowo obhanqa u Allah, nebala wenze ichilo elikhulu."},{"id":49,"translation":"Awubabonga na, labo abazitusayo; empeleni u Allah otusa amthandayo futhi abayikuqilwa ngisho insila imbala."},{"id":50,"translation":"Bheka nje ukuthi bamqambela kanjani amanga u Allah; kwenele ukuba impambuko esobala."},{"id":51,"translation":"Awubabonanga na, labo abanikwa isabelo seNcwadi, bakholwa kulokho okukhonzwa ngaphandle kuka Allah, kuthi kulabo abangakholwa bathi: “Laba basendleleni eqondile ukundlula labo abakholwayo.”"},{"id":52,"translation":"Yiboke labo u Allah abaqalekisile; kanti lowo oqalekiswe ngu Allah awusoze wamtholela umsizi."},{"id":53,"translation":"Kumbe banesabelo ebukhosini; bebengeke baphe muntu ngisho indumba."},{"id":54,"translation":"Kumbe badlela abantu umona kulokho u Allah abaphe kona ngomusa waKhe. Nebala, Sanika Uzalo luka Ibhirahimu iNcwadi neHikima [izinkambiso zokugcina imiyalelo ka Allah], Sabanika ubukhosi obukhulu[1].","footnotes":"[1] U Allah walubusisa kakhulu uzalo luka Ibhirahimu, iZithunywa eziningi ezathunyelwa kumaJuda ziwuzalo lwakhe kanti neSithunywa esathunyelwa kusintu sonkana uMuhamadi siwuzalo lwakhe. Amakhosi aqavile anjengo Dawudi nendodana yakhe uSulayimani, banguzalo luka Ibhirahimu. Yingakho wazeduma ngelokuthi unguBaba weZithunywa."},{"id":55,"translation":"Kunalabo kubo [kumaJuda] abakholwakuye [uMuhamadi] kanti futhi kunalabo abaxwayisa ngaye; uMlilo weJahanamu wanele."},{"id":56,"translation":"Labo abangakholwa kwimibiko Yethu Sizobafaka eMlilweni, kuyothi njalo lapho izikhumba zabo sezivuthiwe, Sibahlinzeke ngezinye ukuze basizwe isijeziso. Nebala u Allah unguSomandla Okhaliphile."},{"id":57,"translation":"Labo abakholwayo benze nokuhle, bona Sizobangenisa eZivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula, bahlale khona unaphakade. Bayothola kuzo abafazi abamsulwa futhi Sizobafaka emthunzini obanzi."},{"id":58,"translation":"U Allah uniyalela ukuba nibuyisele izimfanelo kunonina, futhi lapho nahlulela phakathi kwabantu nehlulele ngobulungiswa; kwaze kwakuhle lokho u Allah aniyalela kona; nebala u Allah Ungozwa konke Obona konke."},{"id":59,"translation":"Nina enikholwayo! Lalelani u Allah nilalele neSithunywa nalabo benu abaphethe; uma niphikisana ngokuthize kwethuleni ku Allah neSithunywa uma nikholwa ku Allah noSuku lokuGcina; yikona lokho okungcono nesiphetho esingcono."},{"id":60,"translation":"Awubabonanga labo abaqhakambisa ukuthi bakholwa kulokho okwembulelwe kuwe nalokho okwembulelwa ngaphambi kwakho, bafuna ukusebenzisa umthetho woTwakuti [okuhlonishwa ukwendlula u Allah], nakuba beyalelwe ukuba bangakholwa kubo [oTwakuti]; futhi noShayitwani ufuna ukuba balahleke kakhulu."},{"id":61,"translation":"Uma betshelwa ukuthi: “wozani kulokho [umthetho] u Allah akwembulele nakuSithunywa”, ubona ngamaphixiphixi eseziqhelelanisa kude nawe."},{"id":62,"translation":"Kuyobanjani uma behlelwa umshophi ngenxa yezenzo zabo, bese beza kuwe befunga ngo Allah [bethi]: “Besingahlose lutho ngaphandle nje kokuhle neqiniso."},{"id":63,"translation":"Labo u Allah Ukwazi kahle okusezinhlizweni zabo; ngakhoke ziqhelelanise nabo ubeluleke, ubatshele kwezikabhoqo amagama ahlabayo."},{"id":64,"translation":"Sonke iSithunywa sisithumele ukuba silalelwe ngemvumo ka Allah. Ukube lapho bephambukile beza kuwe bacela intethelelo ku Allah neSithunywa sabacelela intethelelo, bebezofumanisa u Allah Ethethelela Enesihawu."},{"id":65,"translation":"Qha, ngeNkosi yakho abasoze bakholwa kuze kube bakuthathe njengomehluleli kwabaphikisana ngakho phakathi kwabo, bese bengabi nankinga kulokho okunqumile bakwamukele ngokuphelele."},{"id":66,"translation":"Ukube sabayalela [ukuthi]: “Bulalanani” noma “Phumani niphele emizini yenu” Bebengeke bakwenze lokho ngaphandle kwedlanzana kubo. Ukube nje benze lokho abayalelwe kona, bekuyobangcono kubo futhi bekuyobaqinisa kakhulu."},{"id":67,"translation":"Futhi beSizobanika umvuzo omkhulu ovela kithi."},{"id":68,"translation":"Siphinde Sibaholele endleleni eqondile."},{"id":69,"translation":"Lowo olalela u Allah neSithunywa, uyokuba nalabo u Allah ababusisile, iZithunywa nabaQinisile namaQhawe empi kanye nabenzi bokuhle; kuyoba kuhle ukuba nalabo."},{"id":70,"translation":"Lokho isibusiso esivela ku Allah futhi u Allah wanele ngokwazi konke."},{"id":71,"translation":"Nina enikholwayo! Hlomani, nigasele ngamaviyo noma ngebutho eliphelele."},{"id":72,"translation":"Kunalabo kini abadembeselayo; uma nehlelwa umshophi, uthi: “u Allah ungibusisile ngokungabi khona nabo”."},{"id":73,"translation":"Kanti uma nehlelwe umusa ka Allah, kuba ngathi akukaze kube khona ukuzwana phakathi kwenu naye uma esethi: “Ngaze ngafisa ukuba benginabo bengizohlabana kakhulu”."},{"id":74,"translation":"Labo abakhetha impilo yomhlaba kuneLizayo mabalwele u Allah; lowo olwela u Allah, bese eyabulawa noma anqobe Sizomnikeza umvuzo omkhulu."},{"id":75,"translation":"Yini ngani ningalweli u Allah nakuba kunamadoda nabafazi nezingane ababuthaka, abathi: “Nkosi yethu sikhiphe kulendawo obantu bayo bangabahlukumezi futhi usiqokele ngokwakho umvikeli nomhlengi."},{"id":76,"translation":"Labo abakholwayo balwela u Allah, kuthi labo abangakholwa balwele oTwakuti [labo abahlonishwa ukundlula u Allah]; ngakhoke yilwani nabangani baka Shayitani. Nebala iqhinga lika Shayitani libuthaka."},{"id":77,"translation":"Awubabonanga na, labo okwathiwa kubo: “zibambeni ngempi, niqikelele ukwenza iSwala nikhiphe neZaka” Kwathi lapho sebebizelwe empini, uquqaba oluthile kubo lwasaba abantu okuka Allah noma ngokwendlulele; bathi: “Nkosi yethu kungani usibophezele empini, uma nje ungasihlehlisela kancane”. Yithi: “Ukuncebeleka komhlaba kuncane kanti eLizayo yilona elingcono kulabo abathobela u Allah futhi aniyukuqilwa ngisho intambo ephuma endumbini yesundu."},{"id":78,"translation":"Kuphi nakuphi la nikhona ukufa kuyonifica ngisho noma nisezinqolobaneni ezivikeliwe. Uma benzekelwe okuhle bathi: “lokhu kuvela ku Allah” Kepha uma behlelwe umshophi bathi: “lokhu ngungenxa yakho”. Yithi: “Konke kuvela ku Allah”. Yini ngalabantu abayindi sanhlobo inkulumo."},{"id":79,"translation":"Konke okuhle okukwehlele kuvela ku Allah, kuthi umshophi okwehlelayo ungenxa yakho. Sikuthumele njengeSithunywa kusintu; u Allah ungufakazi owanele."},{"id":80,"translation":"Lowo olalela iSithunywa empeleni ulalela u Allah; kanti lowo oshaya indiva, aSikuthumelanga kubo njengomvikeli."},{"id":81,"translation":"Futhi bathi: “Siyalalela” Kepha uma bephuma kuwe, uquqaba oluthile kubo ebusuku luhlanekezela okushilo. U Allah uyakuloba lokho abakukhuluma ebusuku; ngakhoke ziqhelelanise nabo uthembele ku Allah, kwanele ukuthembela ku Allah."},{"id":82,"translation":"Ingabe abajuli yini ngeKurani, bheka ngoba ukube beyivela komunye ngaphandle kuka Allah bebezofumanisa kuyo ukuphikisana okukhulu."},{"id":83,"translation":"Uma kufika kubo udaba olumayelana nezokuphepha noma ingozi, bavele balusakaze. Ukube balwethula kuSithunywa nalabo abaphethe kubo, bebezoliqondisisa kahle labo abaluhlaziyayo kubo. Ukube bekungewona umusa ka Allah phezu kwenu nesihe saKhe, benizolandela uShayitani ngaphandle kwedlanzana nje."},{"id":84,"translation":"Lwela u Allah, ngeke wethweswe ngale kwakho uqobo futhi gqugquzela abakholwayo; hleze u Allah aqande ufuqufuqu lwalabo abangakholwa, futhi u Allah unamandla anzima futhi uphindisela kabuhlungu."},{"id":85,"translation":"Lowo okhulumela omunye kokuhle uyothola naye isabelo sakho, kepha lowo okhulumela omunye kokubi uzothola naye ingcabha. Futhi u Allah unamandla phezu kwakho konke."},{"id":86,"translation":"Uma nibingelelwa ngokubingelelwa, phendulani ngokwengeziwe noma okufanayo. Nebala yonke into u Allah uzoyipha umvuzo wayo."},{"id":87,"translation":"U Allah, akekho omunye okumele akhonzwe ngaphandle kwaKhe; nakanjani uyonibuthanisa ngoSuku lokwaHlulelwa olungengatshwazwe; ingabe ubani okhuluma iqiniso ukudlula u Allah na?"},{"id":88,"translation":"Kungani niba ngamaqembu amabili niphikisana ngamaphixiphixi na, futhi kungu Allah obabuyisele [kukungakholwa] ngenxa yemisebenzi yabo; ingabe nifuna ukuqondisa lowo u Allah amphambukisile na; lowo u Allah amphambukisile awusoze wamtholela indlela eqondile."},{"id":89,"translation":"Bafisa ukuba ningakholwa njengoba nabo bengakholwa ukuze nifane; ngakhoke ningabi nabangani kubo kuze bafudukela endleleni ka Allah; kepha uma benqaba, bathatheni nibabulale lapho enibathola khona, futhi ningabi nabangani kubo noma umsizi."},{"id":90,"translation":"Ngaphandle kwalabo abakhosela esizweni okunezibopho phakathi kwenu noma abeze kini izinhliziyo zabo zenqena ukuba balwe nani noma balwe nesizwe sabo; ukube u Allah ubethanda ubezobapha amandla ngaphezu kwenu balwe nani. Uma beniyeka bengalwi nani benze uxolo; u Allah akaniphanga ilungelo kubo."},{"id":91,"translation":"Nizothola abanye abafuna ukuphepha kini nokuphepha esizweni sabo, kuthi njalo uma bebuyise kungakholwa bavele bagxile kukho. Ngakhoke uma benganiyeki noma benze uxolo noma bazibambe ekulweni, bathatheni nibabulale lapho enibathola khona. Yiboke labo u Allah aniphe ubufakazi obuqanda ikhanda ngabo."},{"id":92,"translation":"Akumele okholwayo abulale okholwayo ngaphandleke uma kube yiphutha. Lowo obulale okholwayo ngephutha makakhulule isigqila esikholwayo akhokhe nenhlawulo emndenini wakhe [umufi] ngaphandle uma benikela ngayo. Uma [umufi] engowasesizweni esiyisitha kini kepha yena engokholwayo, makakhulule isigqila esikholwayo; uma [umufi] engowasesizweni okunezibophezelo phakathi kwenu naso, makakhokhe inhlawulo emndenini wakhe [umufi] akhulule nesigqila esikholwayo. Lowoke ongenalutho, makazile izinyanga ezimbili zilandelana ukucela intethelelo ku Allah; u Allah Wazi konke Unobuhlakani."},{"id":93,"translation":"Lowo obulala okholwayo ngabomu, isijeziso sakhe iJahanamu uyobhadla kuyo unaphakade futhi u Allah uyomthukuthelela amqalekise belu umlungiselele isijeziso esinzima."},{"id":94,"translation":"Nina enikholwayo! Uma nihamba endleleni ka Allah [empini], qinisekisani; ningathi kulabo abanibingelela ngesalami, “Awuyena okholwayo” ngoba nilangazelele izinto zempilo yasemhlabeni, ngokuba u Allah unomcebo omningi. Kadeni nani beninjalo [ningakholwa] u Allah wanibusisa ngakhoke qinisekisani. Nebala u Allah Ukuqaphe konke enikwenzayo."},{"id":95,"translation":"Abafani labo abakholwayo abasalela emuva bengenabunzima nalabo abalwela u Allah ngomcebo wabo nangeziqu zabo uqobo. Labo abalwa ngomcebo wabo nangeziqu zabo uqobo, u Allah ubabeke phezulu ngesigaba kunalabo abasalela ngemuva [ngenxa yobunzima]. Kepha bonke u Allah ubathembise iHusna [iJana]. Futhi u Allah wengezele labo abalwayo umvuzo omkhulu kunalabo abasalele emuva [ngenxa yobunzima]."},{"id":96,"translation":"Izigaba ezivela kuYe [u Allah] nentethelelo nomusa, ngokuba u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":97,"translation":"Labo izingelosi ezibathatha umphefumulo bephambukile, zithi: “Benikuphi na?” [baphendule] bathi: “Besicindezelekile emhlabeni”, zithi: “Ubungekho banzi yini umhlaba ka Allah ukuze nifuduke kuwo na?”. Yiboke labo abayophelela eJahanamu; yaze sasibi isiphetho."},{"id":98,"translation":"Ngaphandle kwalawo madoda nabafazi nezingane abangenawo amandla [okwenza iHijira] futhi bengayazi indlela."},{"id":99,"translation":"Yiboke labo u Allah azobaxolela, ngokuba u Allah Uyaxolela Uyathethelela."},{"id":100,"translation":"Lowo owenzela u Allah iHijira, uyothola indawo iningi emhlabeni nokukhululeka. Kanti lowo ophuma emzini wakhe enza iHijira ebheke ku Allah neSithunywa saKhe bese eficwa wukufa, umvuzo wakhe usukhona ku Allah, ngokuba u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":101,"translation":"Uma nihamba emhlabeni, aninacala uma ninqamula iSwala [Kasru] uma nesaba ukuthi abangakholwa bazonihlasela. Ngokuba abangakholwa bayohlala beyizitha zenu ezisobala."},{"id":102,"translation":"Uma [Wena Muhamadi] ukanye nabo ubahola kuSwala ingxenye yabo bayime nawe ihlome ngezikhali zabo; uma sebenze isajida mababuyele emuva kwenu, kuthi enye ingxenye ize yenze iSwala nawe baqhaphele bahlome ngezikhali zabo. Labo abangakholwa bafisa ukuthi nibeke phansi izikhali zenu nezinto zenu ukuze bagadle kube kanye. Futhi aninacala ekubekeni izikhali zenu phansi uma nixinwe yimvula noma nigula, kepha nihlale niqhaphele. Nebala u Allah ulungiselele abangakholwa isijeziso esihlazayo."},{"id":103,"translation":"Uma seniyiphothulile iSwala, khumbulanike u Allah nimile nihlezi noma nicambalele. Uma seniphelile yenzani iSwala ngendlela, ngokuba iSwala ibophezelwe kwabakholwayo ngezikhathi ezibekiwe."},{"id":104,"translation":"Ningabi amagwala ekulandeleni izithende zesitha, uma nisezinhlungwini nabo basezinhlungwini njengani; kepha nina nilangazelela ku Allah lokhu abangakulangazeleli."},{"id":105,"translation":"Nebala sambulele kuwe [Muhamadi] iNcwadi ngeqiniso ukuze wehlulele phakathi kwabantu ngalokho okukhombiswe ngu Allah; ngakhoke ungabi ummeli wabakhohlisi."},{"id":106,"translation":"Ucele intethelo ku Allah, ngokuba u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":107,"translation":"Futhi ungabaphikeli labo abazikhohlisayo, ngokuba u Allah akamthandi lowo ongumkhohlisi ophambukile."},{"id":108,"translation":"Bafihlela abantu kepha abamfihleli u Allah nakuba enabo lapho bekhuluma angakuthandi ebusuku; bheka ngoba u Allah Ukuhaqe konke abakwenzayo."},{"id":109,"translation":"Kepha yinina futhi enibaphikelayo lapha empilweni yasemhlabeni; ubani ozobaphikela ku Allah ngoSuku lokwaHlulelwa noma ozoba ummeli wabo."},{"id":110,"translation":"Lowo owenza okubi noma aphambuke, bese ecela intethelelo ku Allah, uyakufumanisa u Allah Ethethelela Enesihawu."},{"id":111,"translation":"Kanti lowo owenza ichilo uzilaya yena uqobo. Nebala u Allah Wazi konke Ukhaliphile."},{"id":112,"translation":"Lowo ophambukayo noma enze ichilo bese esulela ngalo omsulwa; ngempela uzethwesa amanga nechilo elisobala."},{"id":113,"translation":"Ukube bekungewona umusa ka Allah kuwe [Muhamadi] bebezozama abanye babo ukukuphambukisa, kepha baziphambukisa bona uqobo futhi alukho olubi abangakwenza kona. U Allah wambulele kuwe [Muhamadi] iNcwadi [iKurani] ne Hikima futhi wakufundisa lokho obungakwazi. Umusa ka Allah kuwe [Muhamadi] muningi."},{"id":114,"translation":"Akukho okuhle ngezigungu zabo zangasese, ngaphandle kwaloyo oyalela ngokunikela noma ukwenza okuhle noma ukubuyisana phakathi kwabantu. Lowo owenza lokho elangazelele ukujabulisa u Allah, Sizomnika umvuzo omkhulu."},{"id":115,"translation":"Lowo ophikisana neSithunywa emuva kokucacelwa iqiniso aphinde alandele indlela okungeyona eyabakholwayo; Sizomyekela kanjalo futhi Simfake eJahanamu, okuyisiphetho esibi."},{"id":116,"translation":"Ngempela u Allah akakuthetheleli ukuba abhanqwe notho, kepha ngale kwalokho uthethelela noma yini. Lowo obhanqa u Allah uphambukele kude impela."},{"id":117,"translation":"Empeleni [abangakholwa] bakhonza ngaphandle kwaKhe [U Allah] isifazane futhi bakhoza nje uShayitani oyihlongandlebe."},{"id":118,"translation":"Uqalekisiwe ngu Allah. Wathi: “Ngizothatha isabelo esanele ezincekwini zakho”."},{"id":119,"translation":"Ngizobadukisa ngibathe amathemba ayize futhi ngibayalele ukuba basike amadlebe emfuyo ngiphinde ngibayalele ukuba baguqule indalo ka Allah. Lowo owenza uShayitani umngani ngaphandle kuka Allah ulahlekelwe ngempela."},{"id":120,"translation":"Ubapha amathemba ayize; futhi akabathembisi lutho ngaphandle nje kwenkohliso."},{"id":121,"translation":"Yiboke labo abayophelela eJahanamu futhi akukho lapho abayophephela khona."},{"id":122,"translation":"Labo abakholwayo benze okuhle Sizobangenisa eZivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula bahlale kuzo unaphakade; isethembiso sika Allah siyiqiniso; ubani okhuluma iqiniso ukundlula u Allah na?"},{"id":123,"translation":"Akusizo izifiso zenu nezifiso zabeMibhalo; lowo owenza okubi uyojeziswa ngakho futhi akekho mhlengi noma umsizi ayomthola ngaphandle kuka Allah."},{"id":124,"translation":"Kuthi lowo owenza okuhle, owesilisa noma owesifazane ebe engokholwayo, yiboke labo abayongena eJana futhi abayikuqilwa ngisho intambo yendumba yesundu."},{"id":125,"translation":"Ubani ongcono kunalowo onikelwa ngobuso bakhe ku Allah enze okuhle futhi elandela inkolo ka Ibhirahimu emsulwa; u Allah wathatha u Ibhirahimu njengomngani."},{"id":126,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah futhi Uyengamele yonke into."},{"id":127,"translation":"Bafuna ubacacisele ngabafazi. Yithi: “u Allah uzonicacisela ngabo nalokho enifundelwa kona eNcwadini ngezintandane zabafazi eningaziniki lokho okubafanele [kumalobolo] belu nifuna ukubashada kanye nezingane ezisencane nanokuthi niphathe izintandane ngobulungiswa. Konke enikwenzayo okuhle u Allah Uyakwazi."},{"id":128,"translation":"Uma owesimame esola ukungaphathwa kahle noma ukunganakwa ngumyeni wakhe; akunacala lapho kubo ukuba babuyisane ngandlela thize, belu ukubuyisana yikona okungcono nakuba imiphefumulo ingcwele umhawu. Uma nenza okuhle nizithoba naku Allah, nebala u Allah ukuqaphe konke enikwenzayo."},{"id":129,"translation":"Futhi anisoze nakhona ukwenza ubulungiswa phakathi kwabafazi [ngothando] noma nizama kanjani; ngakhoke ninganamatheli koyedwa nishiye omunye elenga. Uma nenza okuhle futhi nizithobe ku Allah, u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":130,"translation":"Uma behlukana, u Allah uzobabela bonke emcebeni wakhe, ngokuba u Allah Uyaphana Ukhaliphile."},{"id":131,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah. Nebala Sayalela labo ebeMibhalo ngaphambi kwenu kanye nani ukuthi nithobele u Allah. Kepha ningakholwa, konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah, futhi u Allah Uzimele Uyadunyiswa."},{"id":132,"translation":"Futhi konke okusemhlabeni nasemazulwini kungokuka Allah; u Allah wanele njengoMhlengi."},{"id":133,"translation":"Uma ethanda anganisusa nonke bantu alethe abanye, futhi u Allah unawo amandla okwenza lokho."},{"id":134,"translation":"Lowo ofuna umvuzo wasemhlabeni, u Allah unomvuzo wasemhlabeni nakweLizayo, futhi u Allah Uzwakonke Ubona konke."},{"id":135,"translation":"Nina enikholwayo! Melani ubulungiswa lapho nifakaza nenzela u Allah, noma ngabe bukhomba nina uqobo noma abazali noma izihlobo; uma enjingile noma echakile, u Allah nguYena onelungelo kubo bobabili. Ngakhoke ningalandeli izinkanuko ekutheni ningenzi ubulungiswa. Uma nihlanekezela [ubufakazi] noma nenqabe [ukubuthula]; u Allah ukuqaphile konke enikwenzayo."},{"id":136,"translation":"Nina enikholwayo! Kholwani ku Allah neSithunywa saKhe nakuleNcwadi ayambulela kuSithunywa saKhe naleyo ayambulela ngaphambili. Lowo ongakholwa ku Allah nezingelosi neziNcwadi zaKhe neZithunywa zaKhe noSuku lokuGcina ulahlekele ekudeni ngempela."},{"id":137,"translation":"Labo abakholwayo bese bephika ukholo baphinde bakholwe bese beyaluphika baze bagxile kungakholwa; u Allah angeke abathethelele noma abaholele endleleni eqondile."},{"id":138,"translation":"Yethula izindaba ezinhle kumaphixiphixi ukuthi bazothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":139,"translation":"Yibona laba abathatha abangakholwa njengabangani ngale kwabakholwayo; ingabe bafuna ukuhlonipheka kubo na, bheka ngoba ukuhlonipheka konke kungoka Allah."},{"id":140,"translation":"Nebala wembulela kini eNcwadini ukuthi uma nizwa imibiko zika Allah ziphikwa noma kuhlekiswa, ningahlali nabo kuze bakhuluma ngolunye udaba; ngokuba niyofana nabo. U Allah uzobuthanisa eJahanamu bonke abangamaphixiphixi nabangakholwa."},{"id":141,"translation":"Labo [amaphixiphixi] abahlala beniqhaphile, uma nithola ukunqoba [impi] okuvela ku Allah, bathi: “Ingathi besinani nje”; uma abangakholwa behlabene ngokuthize [empini] bathi [kubo]: “Asizange yini sinigculise [ngombimbi lwethu] sanivikela kubakholwayo [empini] na?; u Allah uyokwehlulela phakathi kwabo ngSuku lokwaHlulela; futhi akasoze u Allah anikeza abangakholwa ithuba lokugxeka abakholwayo."},{"id":142,"translation":"Amaphixiphixi azama ukukhohlisa u Allah, kanti ukuphindisele kubo ukhohlisa kwabo[1]; uma benza iSwala bayenza ngokukuzihudula, empeleni bayabukisa nje ebantwini futhi abazikhumbuzi ngo Allah ngaphandle nje kokwenza okuncane.","footnotes":"[1] Ngokubayekela ukuba babe kanye namaMusilimu lapha emhlabeni, bayomangala kweLizayo lapho sebebuthelwe ndawonye nabangakholwa ngokuzenza kwabo amaqili lapha emhlabeni, bethi bangamaMusilimu nakuba bengewona."},{"id":143,"translation":"Abazazi ukuthi bayiliphi, abekho ngala futhi abekho ngale[1]; lowo u Allah amdukisile awusoze wamtholela indlela eqondile.","footnotes":"[1] Bangamalulwane uqobo, wona othi uwabona ungazi ukuthi igundane noma inyoni."},{"id":144,"translation":"Nina enikholwayo! Ningathathi abangakholwa njengabangani ngale kwabakholwayo; ingabe nifuna ukuzidonsela amanzi ngomsele ku Allah na[1]?","footnotes":"[1] Ngokulandela ezithendeni zamaphixiphixi ezenza abangakholwa abangani babo, funa nijeze njengoba bajeza."},{"id":145,"translation":"Nebala, amaphixiphixi ayongena ekujuleni koMlilo futhi awusoze wawatholela umsizi."},{"id":146,"translation":"Ngaphandle kwalabo abacela intethelelelo benze okuhle babambelele ku Allah futhi bazikhandlele u Allah ngokholo lwabo; yiboke labo abayoba kanye nabakholwayo; u Allah uzopha abakholwayo umvuzo omkhulu."},{"id":147,"translation":"U Allah anganijeziselani uma nibonga futhi nikholwa na?; u Allah Uyakucusa ukubonga Wazi konke."},{"id":148,"translation":"U Allah akakuthandi ukukhuluma kusakazwe izinto ezimbi, ngaphandleke kwaloyo ophathwe kabi, ngokuba u Allah Uzwa konke Ubona konke."},{"id":149,"translation":"Uma niveza obala okuhle [enikwenzayo] noma nikufihle noma nixolele okubi [okwenziwe kini]; Nebala u Allah Uyaxolela Ungusomandla[1].","footnotes":"[1] Ukuxolela akusho ubuthaka noma ubugwala. U Allah uyaxolela nakuba anawo amandla okuziphindiselele nokujezisa labo abaphambana nemithetho Yakhe."},{"id":150,"translation":"Labo abangakholwa ku Allah neZithunywa zaKhe futhi bafune ukwehlukanisa phakathi kuka Allah neZithunywa zaKhe, bathi: “Sikholwa kubanye futhi asikholwa kubanye”, bafune ukuthatha lokho njengendlela eqondile."},{"id":151,"translation":"Yibonake labo abangakholwa ngempela, futhi Silungiselele abangakholwa isijeziso esihlazayo."},{"id":152,"translation":"Kuthi labo abakholwa ku Allah neZithunywa futhi bengahlukanisi phakathi kwabo; yibonake labo esizobanika imivuzo yabo; u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":153,"translation":"AbeMibhalo bakucela ukuba ubehlisele incwadi emkhathini. Bacela uMusa okukhulu kunalokho, bathi: “Sikhombise uAllah mathupha”, bashaywa umbani ngokuphambuka kwabo. Baphinda bakhonza ithole emuva kokuba izibonakaliso ezicacile zifikile kubo, kepha sabaxolela kulokho. Sanika uMusa isibonakaliso esicacile."},{"id":154,"translation":"Saqongisa intaba phezu kwabo ngesibophezelo sabo, Sathi kubo: “Ngenani emasangweni nikhotheme” futhi Sathi kubo: “Ningaphuli umthetho ngeSabatha”. Senza isibophezelo esiqinile nabo."},{"id":155,"translation":"Ngenxa yokwephula kwabo isibophezelo nokuphika kwabo izibonakaliso zika Allah nokubulala kwabo iZithunywa ngokungemthetho namagama abo ‘izinhliziyo zethu zilukhuni’, empeleni u Allah uzigubezele ngenxa yokungakholwa kwabo; ngakhoke bayidlanzana abakholwayo."},{"id":156,"translation":"Nangenxa yokungakholwa kwabo namagama abo ngoMariyamu angamanga aluhlaza cwe."},{"id":157,"translation":"Nangamagama abo, ‘Simbulele uMasihi, u Isa ka Mariyamu iSithunywa sika Allah’. Abambulalanga futhi abambethelanga, kepha balethelwa ofanayo. Futhi labo abaphikisana ngaye banokungabaza okukhulu; abanalwazi ngaye ngaphandle nje kokuqagela; abambulalanga ngempela."},{"id":158,"translation":"U Allah wamphakamisela kuYe ngokuba u Allah unguSomandla Okhaliphile."},{"id":159,"translation":"Labo abeMibhalo bazokholwa nguye [u Isa] ngaphambi kokufa kwakhe[1]. Kuthi ngoSuku lokwaHlulela abe ufakazi kubo.","footnotes":"[1] iSithunywa u Isa ka Mariyamu njengoba aphakanyiselwa phezulu u Allah akazange afe njengawo wonke umuntu. Ngenxa yalokho uzobuya azophila impilo yakhe afe njengabanye abantu, ngoba umthetho ka Allah ukuthi wonke umuntu kufanele akuzwe ukufa."},{"id":160,"translation":"Ngenxa yokuphambuka kwalabo abangamaJuda nokuvimbela kakhulu abanye endleleni ka Allah, sabavimbela lokho okumsulwa ebekade bevunyelwe kona."},{"id":161,"translation":"Nangokuthatha kwabo inzalo nakuba benqatshelwe yona, nokudla kwabo umcebo wabantu ngokungemthetho; futhi silungiselele labo abangakholwa kubo isijeziso esinzima."},{"id":162,"translation":"Kepha labo kubo abanolwazi olunzulu nabakholwayo, abaqikelela ukwenza iSwala, abakhipha iZakati nabakholwa ku Allah nasoSukwini lokuGcina bayakholwa kulokho okwembulelwe kuwe nokwembulelwe ngaphambili."},{"id":163,"translation":"Nebala, Sambulele kuwe [Muhamadi] njengoba Sambulela ku Nuhu nezinye iZithunywa emuva kwakhe. Sambulela ku Ibhirahimu, no Isima’ili no Isihaki no Yakubu Nezizukulwane no Isa no Ayubhu no Yunusi no Haruni no Sulayimani; Sanika uDawudi iZabhuri."},{"id":164,"translation":"Ezinye zeZithunywa Sikulandisile ngazo kanti ezinye asikulandisanga ngazo, futhi uAllah Wakhuluma noMusa mathupha."},{"id":165,"translation":"Izithunywa ezingabethuli bezindaba ezinhle nabaxwayisi, ukuze abantu bangagxeki u Allah emuva okufika kweZithunywa; u Allah unguSomandla Okhaliphile."},{"id":166,"translation":"Kepha u Allah ungufakazi kwalokho akwembulele kuwe [Muhamadi], ukwembulele ngolwazi lwaKhe, kanti futhi nezingelosi zingofakazi; kepha u Allah wanele njengofakazi."},{"id":167,"translation":"Labo abangakholwa bavimbe abanye endleleni ka Allah, balahlekile kakhulu."},{"id":168,"translation":"Labo abangakholwa abaphambukile, u Allah angeke abathethelele noma abaholele endleleni eqondile."},{"id":169,"translation":"Ngaphandle kwendlela yaseJahanamu abayobhadla kuyo unaphakade; lokho kuyinto elule ku Allah."},{"id":170,"translation":"Sintu! iSithunywa sifikile kini neqiniso elivela eNkosini yenu; ngakhoke kholwani, yikona okungcono, kepha uma ningakholwa, konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah; u Allah Wazi konke Ukhaliphile."},{"id":171,"translation":"Nina beMibhalo musani ukweqa imikhawulo enkolweni yenu, futhi khulumani iqiniso kuphela ngo Allah. UMasihi, u Isa ka Mariyamu iSithunywa sika Allah neZwi laKhe alifaka kuMariyamu nomoya ovela kuYe; ngakhoke kholwani ku Allah nezithunywa zaKhe, futhi ningathi: “Bathathu”, uma nikuyeka, yikona okungcono; u Allah uyena yedwa okumele akhonzwe; makangcweliswe ekubeni nengane; konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokwakhe, futhi u Allah wanele njengoMhlengi."},{"id":172,"translation":"Umasihi akasoze anqaba ukuba yinceku ka Allah, kanjalo nezingelosi ezisondele. Labo abanqabayo ekumkhonzeni bazigqaje uyobabuthanisa bonke kuYe."},{"id":173,"translation":"Labo abakholwayo benze okuhle, uyobapha imivuzo yabo ngokugcwele aphinde abengezele ngomusa waKhe. Kepha labo abanqabayo nabazigqajayo uyobajezisa ngesijeziso esibuhlungu futhi abayikuthola mhlengi nomsizi ngaphandle kuka Allah."},{"id":174,"translation":"Sintu! Bufikile kini ubufakazi obuvela eNkosini yenu, futhi Sathumela kini ukukhanya okuthe bha."},{"id":175,"translation":"Labo abakholwa ku Allah babambelele kuYe, uyobafaka emseni waKhe nasesibusisweni futhi abaholele kuYe ngendlela eqondile."},{"id":176,"translation":"Bafuna ukwazi kuwe [Muhamadi], yithi: “u Allah uzonazisa ngeKhalala”. Uma umuntu eshona engenangane kepha enodadewabo, uyothola isigamu esisodwa kwezimbili kwakushiyile [ifa]. Naye futhi uyoba indlalifa yakhe [udadewabo] uma engenazo izingane. Uma bebabili odadewabo, bazothola izigamu ezimbili kwezintathu kwakushiyile. Kepha uma bengomnewabo abesilisa nabesifazane, owesilisa uthola okuphindwe kabili kokutholwa owesimame. U Allah uyanicacisela ukuze ningaphambuki; u Allah Wazi ngazo zonke izinto."}]},{"id":5,"verses":[{"id":1,"translation":"Nina enikholwayo! Gcinani izibophezelo. Nivunyelwe ukudla zonke izilwane ngaphandle kwalezi enitshelwe ngazo. Futhi anivunyelwe ukuzingela izinyamazane lapho niku iHiramu (uma uyokwenza i Umra noma iHaji). Belu u Allah ubeka umthetho awuthandayo."},{"id":2,"translation":"Nina enikholwayo! Ningaphuli umthetho mayelana nezimiso zika Allah noma izinyanga ezihlonishwayo [Dhul-Ka’da, Dhul-Hija, Muharamu, Rajabu] noma izilwane zomhlatshelo nalezo ezinezimpawu noma nalabo abaze ngokuthula eMakha belangezelele izibusiso zeNkosi yabo nokuyithokozisa. Kepha uma seningekho ku Ihiramu, seningazingela. Futhi inzondo yalabo abanivimba ekutheni ningene eMasijidi Haramu bayinganenzi ukuba ningabi nobulungiswa. Ngakhoke lekelanani ekwenzeni okuhle nokuthobela intando ka Allah. Ningalekelelani ekuphambukeni nasekuphuleni umthetho. Nithobele u Allah, ngokuba u Allah ujezisana kanzima."},{"id":3,"translation":"Nenqatshelwe ukudla ingcuba, negazi, nenyama yengulube neyesilwane ezihlatshelwe abanye ngaphandle kuka Allah neyaleso esibulawe ngokubhongwane neyaleso esigqenyiwe neyaleso esisakazwe phansi safa neyaleso esibhokodwe esinye safa neyaleso esidliwe izilwane sasendle – ngaphandle uma nisithole (sisaphila) nasihlaba – neyaleso esihlatshelwe izithixo, futhi nenqatshelwe ukuqagela enabelwe kona ngemicibisholo; ngokuba konke lokhu (eninqatshelwe kona) kuyimpambuko. Namhlanje laba abangakholwa abasenalo ithemba lokuthi niyoke nishiye inkolo yenu; ngakhoke ningabesabi kepha nesabe Mina. Namhlanje ngiyiphelelisile inkolo yenu ngagcwalisela izibusiso zaMi kini, futhi nganikhethela i-Isilamu njengendlela yenu yokuphila. Kepha lowo ophoqwa yindlala (ukudla okunqatshelwe) ebe engenanhloso yokuphula umthetho (akanacala), bheka ngoba u Allah uyathethelela unesihawu."},{"id":4,"translation":"Bayakubuza ukuthi yikuphi abanganqatshelwe kona, yithi: “Aninqatshelwe konke lokhu okuhlanzekile kanye nalokho okuzingelwa yizilwane ezizingelayo enizifundusile kulokho enikufundiswe ngu Allah; ngakhoke dlanini kulokho ezinibambele kona niphakamise igama lika Allah kukho, futhi nithobele u Allah; nebala u Allah wehlulela ngokushesha."},{"id":5,"translation":"Namhlanje aninqatshelwe okuhlanzekile, futhi nokudla kwabeMibhalo anenqatshelwe kona futhi nabo abanqatshelwe ukudla kwenu. Futhi aninqatshelwe ukushada abesimame abaqotho abakholwayo, kanye nabesimame abaqotho kwabeMibhalo uma nje senibanikeze ilobolo labo, futhi nani niziphethe kahle ningenzi ukukhohlakala futhi ningenabo omakhapheni (enijola nabo). Lowo ophika ukholo, izenzo zakhe (ezinhle) ziyoshabalala zonke futhi uyoba ngolahlekelwe kweLizayo."},{"id":6,"translation":"Nina enikholwayo! Uma niyokwenza iSwala, gezani ubuso benu nezandla zenu kufika ezindololwaneni, nisule amakhanda enu ngezandla ezimanzi kanjalo nezinyawo zenu kufika emaqakaleni. Kepha uma nikujanaba kumele nigeze umzimba wonke. Uma nigula noma nisohambeni noma nibuya endlini encane noma beniye ocansini nabafazi benu, kepha ningawatholi amanzi [okwenza iwudu noma ugeza umzimba wonke], yenzani itayamumi ngothuli oluhlanzekile, nisule ubuso nezandla zenu ngalo. U Allah akaqonde ukunithwesa ubunzima kepha ufuna ukunihlanza futhi aphelelise izibusiso zaKhe kini ukuze nikhombise ukubonga."},{"id":7,"translation":"Futhi nikhumbule izibusiso zika Allah kini nesibophezelo saKhe lesi anibophezela ngaso, mhla nithi, ‘siyezwa futhi sizolalela’. Thobelanike u Allah, ngokuba u Allah ukwazi njengoba kunjalo okusezifubeni."},{"id":8,"translation":"Nina enikholwayo! Gcinani imiyalelo ka Allah, nifakazele ubulungiswa. Inzondo yabantu thizeni mayinganiholeli ekutheni ningenzi ubulungiswa; ngakhoke yenzani ubulungiswa ngokuba yikona okusondelene nokuthobela intando ka Allah, futhi nithobele u Allah; nebala u Allah unolwazi lwakho konke enikwenzayo."},{"id":9,"translation":"U Allah uthembise labo abakholwayo benza nokuhle ukuthi bayothola intethelelo nomvuzo omkhulu."},{"id":10,"translation":"Labo abangakholwa futhi bephika imibiko yeThu, yibo kanye abayongena eMlilweni."},{"id":11,"translation":"Nina enikholwayo! Khumbulani umusa ka Allah kini mhla abantu befuna ukunihlasela kepha u Allah wabanqanda wanihlenga; thobelani u Allah futhi abakholwayo kumele bathembele ku Allah."},{"id":12,"translation":"Nebala u Allah wenza isibophezelo nesizwe sika- Isirayeli futhi saqoka kuso abelusi abayishumi nambili, u Allah wathi: “Nginani, uma niqekelela ukwenza iSwala, nikhiphe neZakati, nikholwe kuZithunywa zaMi nizihloniphe futhi niboleke u Allah imboleko enhle, ngiyokwesula amacala enu ngiphinde nginingenise ezivandeni okugeleza ngenzansi kwazo imifula. Kepha lowo kini ozophika ukholo emuva kwalokho uyobe usedukelwe indlela eqondile."},{"id":13,"translation":"Ngenxa yokwephula kwabi izibophezelo, sabaqalekisa senza lukhuni izinhliziyo zabo. Bheka ngoba baguqula izwi endaweni yalo[1] baphinde bakhohlwe lokhu abede bekhunjuzwa kona. Futhi uyohlala njalo uhlangabezana nokungathembeki kubo ngaphandle nje kwedlanzana. Ngakhoke baxolele wendlulise; nebala u Allah uyabathanda abenza okuhle.","footnotes":"[1] Ukuguqula amazwi ka Allah kukabili, (i) ngokuguquka indlela alotshwe noma ashicilelwe ngayo, noma (ii) ngokuhlanekenzela umqondo nomlayezo wamazwi."},{"id":14,"translation":"Futhi senza isibophezelo nalabo abathi: “SingamaNasarina”, kepha bakhohlwa yilokhu abede bekhunjuzwa kona. Ngakhoke satshala ubutha nezondo phakathi kwabo kuyoze kube uSuku lokwaHlulela. Futhi maduzane u Allah uyobazisa ngalokho ababekwenza."},{"id":15,"translation":"Nina beMibhalo! Nebala iSithunywa sethu sesifikile kini ukuze sinihlalusele okuningi kulokho ebenikufihla eNcwadini futhi kuningi esizokuyeka; bheka ngoba ukukhanya neNcwadi ecacisayo sekufikile kini."},{"id":16,"translation":"U Allah uholela ngayo labo abalandela intando yaKhe izindlela zokuthula futhi ubakhipha ebumnyameni abase ekukhanyeni ngemvumo yaKhe aphinde abaholele endleleni eqondile."},{"id":17,"translation":"Ngempela abasakholwa labo abathi u Allah unguMasihi u-Isa indodana ka Mariyamu. Yithi: “uma u Allah efuna ukubhubhisa uMasihi indodana ka Mariyamu nonina kanye nabo bonke abasemhlabeni, ubani oyokhona ukunqanda u Allah na?”. Ubukhosi bamazulu nomhlaba nokumaphakathi bungobuka Allah, udala akuthandayo ngokuba unguMenzi wezinto zonke."},{"id":18,"translation":"AmaYahudi namaNasara athi, ‘singabantwana baka Allah nabathandiweyo baKhe’. Yithi: “Kungani pho enijezisa ngamacala enu na? Empeleni ningabantu kwabanye abadalile, u Allah uthethelela amthandayo ajezise amthandayo. Ubukhosi bamazulu nomhlaba nokumaphakathi bungobuka Allah futhi isiphetho sikuYe”."},{"id":19,"translation":"Nina beMibhalo! Nebala iSithunywa seThu sifikile kini sinicacisela [iqiniso] emuva kwesikhathi eside kungekho sithunywa, ukuze ningathi ‘akukho methuli wezindaba ezinhle noma umexwayisi owafika kithi’; nakhoke usefikile kini umethuli wezindaba ezinhle nomexwayisi, bheka ngoba u Allah ungumenzi wezinto zonke."},{"id":20,"translation":"Khumbula lapho uMusa ethi kubantu bakhe: “Khumbulani izibusiso zika Allah kini bakwethu, mhla eqoka kini iZithunywa, wanenza amakhosi waphinde wanipha lokho angakaze akuphe abanye ezizweni…"},{"id":21,"translation":"“Ngenanike bakwethu kulomhlaba ongcwele u Allah anibekele wona futhi ningabi amavaka funa nibe ngabalahlekelwayo”."},{"id":22,"translation":"Bathi: “WeMusa! Kunezikhondlakhondla kuwo, ngakhoke asisoze sangena kuwo kuze kube ziyaphuma kuwo, uma ziphuma siyobe sesiyangena”."},{"id":23,"translation":"Amadoda amabili ayenokwesaba u Allah, abusiswa ngu Allah, athi: “Ngenani nezicabha, kuyothi uma seningenile nakanjani niyonqoba, futhi nethembele ku Allah uma ningabakholwayo”."},{"id":24,"translation":"Bathi: “WeMusa! Asisoze sangene uma besasekuwo, ngakhoke ungahamba wena neNkosi yakho niyolwa, thina siyobe sila sihleli”."},{"id":25,"translation":"Wathi [uMusa]: “Nkosi yami, ayikho into engayenza, sekuyimi nomnewethu, ngakhoke sehlukanise nabantu abayiziphulamthetho”."},{"id":26,"translation":"Wathi [u Allah]: “Sebenqatshelwe wona [umhlaba ongcwele] iminyaka engamashumi amane bempumpa emhlabeni, ngakhoke ungabazweli abantu abayiziphulamthetho”."},{"id":27,"translation":"Futhi balandise indaba yamadodana amabili ka Adamu [uKabilinoHabili], mhla benikela ngeminikelo, wamukelwa koyedwa [uHabili] wenqatshwa komunye [uKabili], owathi, ‘ngizokubalala nakanjani’. Wathi: “u Allah wamukela kulabo abathobela intando yaKhe”."},{"id":28,"translation":"“Umake wena uzolula isandla sakho kimi ukuze ungibulale, mina angeke ngalula esami kuwe ukuze ngikubulale, ngokuba ngesaba u Allah iNkosi yezizwe”."},{"id":29,"translation":"Ngifuna kube nguwena othwala icala ukuze ube omunye abayongena eMlilweni, phela yiwo lowo umvuzo wabaphambuki."},{"id":30,"translation":"Kepha umphefumulo wamhehela ukuba abulale umfo wakhe, wabe useyambulala, ngalokho waba omunye wabalahlekelwe."},{"id":31,"translation":"U Allah wabe esethumela igwababa ukuba liqhwande umhlabathi ukuze limbonise ukuthi asingcwabe kanjani isidumbu somnewabo. Wathi: “Maye! Ngihlulwa ukufana naleligwababa ekufihleni isidumbu somnewethu”, wabe esezisola."},{"id":32,"translation":"Ngenxa yalokho, sanquma kusizwe sika-Isirayeli ukuthi lowo obulala omunye umuntu engabulala muntu noma engenzanga mpambuko emhlabeni, kufana nokuthi ubulele isintu sonke kanti ugcina umuntu ephila kufana nokuthi ugcine isintu sonke siphila. Nebala iZithunywa zethu zafika kubo nobufakazi obucacile, kepha iningi labo laqhubeka nokuphula umthetho emhlabeni emuva kwalokho."},{"id":33,"translation":"Isijeziso salabo abalwisa u Allah neSithunywa saKhe baphinde benze izimpambuko emhlabeni, ukuba nje, babulawe noma babethelwe noma banqanyulwe izandla nemilenze ngokuphambana noma bayiswe ekudingisweni emhlabeni; lokho kuyoba ukubahlaza lapha emhlabeni, kuthi kweLizayo bathole isijeziso esinzima."},{"id":34,"translation":"Ngaphandle kwalabo abazisolayo ngaphambi kokuba nibabambe; nihlale nazi ukuthi u Allah unguMthetheleli Onesihawu."},{"id":35,"translation":"Nina enikholwayo! Thobelani intando ka Allah, nizikhandle ekusondelaneni naYe futhi nilwe endleni yaKhe ukuze niphumelele."},{"id":36,"translation":"Nebala labo abangakholwa, uma bebenakaho konke okukhona emhlabeni kuphindwe kabili, ukuze bazihlawule ngakho ekugwemeni isijeziso sangoSuku lokwaHlulela; akusoze kwamukelwa kubo futhi bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":37,"translation":"Bafuna ukuphuma eMlilweni, nakuba bengeke bakwazi ukuphuma kuwo, bheka ngoba bayothola isijeziso esingenqamuki."},{"id":38,"translation":"Isebi nesebikazi, gencani izandla zabo njengomphumela wabakwenzile nesijeziso esivela ku Allah, futhi u Allah Unamandla Ukhaliphile."},{"id":39,"translation":"Kepha lowo ozisolayo emuva kwezimpambuko zakhe aziqondise, u Allah uyomthethelela, ngokuba u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":40,"translation":"Ubungazi yini ukuthi umbuso wezulu nomhlaba ungoka Allah, ngakhoke angajezisa amfunayo athethelele amfunayo, futhi u Allah unguMenzi wezinto zonke."},{"id":41,"translation":"Sithunywa! Mabangakukhathazi labo abazikhandla ngokungakholwa, kulabo abathi ‘Siyakholwa’ ngemilomo yabo kepha izinhliziyo zabo zibe zingakholwa nakulabo abangamaJuda; balela amanga belalela abanye abantu abangezanga kuwe. Bahlanekezela inkulumo [ka Allah] kulokhu ekuchazayo, bathi: “Uma ninikwa lena [incazelo] yithatheni kepha ninganikwa le xwayani”. Kantike uma u Allah efuna ukudukisa umuntu ayikho into ongamenzela yona ku Allah. Yibo kanye labo u Allah angafunanga ukubahlanza izinhliziyo zabo; ngakhoke bayohlazeka lapha emhlabeni baphinde bathole isijeziso esinzima kweLizayo."},{"id":42,"translation":"Balalela amanga futhi badla umcebo onqatshelwe. Uma beza ukuze uzokwehlulela phakathi kwabo yehlulela noma ubayekele. Futhi uma ubayekela abasoze bakwenza lutho olubi, kepha uma wehlulela, yehlulela phakathi kwabo ngobulungiswa, ngokuba u Allah ubathanda impela abenza ubulungiswa."},{"id":43,"translation":"Bakwenza kanjani umehluleli [phakathi kwabo] na, bebe beneTora equkethe izahlulelo zika Allah, baphinde bakushaye indiva [isahlulelo sakho] emuva kwalokho. Labo abasibona impela abakholwayo."},{"id":44,"translation":"Impela sayiletha iTora iqukethe ukuhola nokukhanya; zazihlulela ngayo iZithunywa - ezazithobela u Allah – labo ababengamaJuda, zenza kanjalo iziNzululwazi eziqotho kanye naBafundisi ababethweswe ukuba bavikele iNcwadi ka Allah nokuthi babe ngofakazi. Ngakhoke ningesabi abantu kepha nesabe Mina futhi ningathengisi imibiko yami ngeze; bheka ngoba labo abangahluleli ngalokho u Allah akwembulile yibo kanye labo abangakholwa."},{"id":45,"translation":"Sababekela umthetho othi, impilo ngempilo, iso ngeso, ikhala ngekhala, indlebe ngendlebe, izinyo ngezinyo kanye nempindiselo kulowo olinyaziwe. Kantike lowo odedela ilungelo lakhe lokuphindisela, lokho kuyomesulela amacala akhe [ku Allah]; belu labo abangahluleli ngalokho okwembulelwe ngu Allah yibo kanye labo abaphambukile."},{"id":46,"translation":"Sabe sesilandelisa ezithendeni zazo [iZithunywa] ngo Isa indodana kaMariyamu efakazela lokho akuficile kuqukethwe iTora, sabe sesimunika i-Ininjili eyabe iqukethe ukuholwa nokukhanya futhi ifakazela lokhu obekuqukethwe iTora ngaphambilini yaphinde yaba ngumkhokheli nomeluleki kulabo abathobela u Allah."},{"id":47,"translation":"Ngakhoke labo abathunyelwa i-Ininjili bamahlulele ngalokho u Allah akwembulele kuyo, bheka ngoba labo abangahluleli ngalokho okwembulelwe ngu Allah, yibo kanye izephula mthetho."},{"id":48,"translation":"Kantike sembulele kuwe [Muhamadi] iNcwadi [iKurani] ngeqiniso ifakazela iNcwadi engaphambi kwayo futhi iyiqinisekisa. Ngakhoke yehlulela phakathi kwabo ngalokho okwembulwe ngu Allah, ungalandeli izinkanuko zabo ushiye lokho okuyiqiniso okulethwe kuwe. Kanti nonke, isizwe ngasizwe sinebekele umhlahlandlela nenkambiso. Uma u Allah ubefuna ebenganenza isizwe esisodwa, kepha ufuna ukunivivinya kulokho anabele kona. Ngakhoke ncintisanani ekwenzeni okuhle, ngokuba niyobuyela nonke ku Allah bese enazisa ngalokho ebeniphikisana ngakho."},{"id":49,"translation":"Yehlulelake phakathi kwabo ngalokho okwembulwe ngu Allah, ungalandela izinkanuko zabo futhi ubaqhaphele bangakulingi kokunye u Allah akwembulele kuwe. Uma bukushaya indiva, yazike ukuthi u Allah ufuna ukubajezisa ngezinye zezimpambuko zabo; belu iningi labantu liyizephula mthetho."},{"id":50,"translation":"Ingabe bafuna umthetho weJahiliya [ophambene neIsilamu] na; ingabe ubani onomthetho ongcono kunoka Allah kulabo abangenakungabaza na?"},{"id":51,"translation":"Nina enikholwayo! Ningenzi amaJuda namaNasarina abangani, ngokuba bangabangani bebodwa. Lowoke kini oyobenza abangani uyobe usengakubo. Ngempela u Allah akabaholeli endleleni eqondile abantu abaphambukayo."},{"id":52,"translation":"Uyobona labo abanesifo ezinhlizweni zabo bejahele ukuzibandakanya nabo [amaJuda namaNasarina] bethi: “Sesaba ukuthi izinto zizosiphendukela”, khona maduze u Allah uzoletha ukunqoba noma okunye okuvela kuYe, bese bezisola ngalokho ebekuyikona abakufihlile ngaphakathi."},{"id":53,"translation":"Labo abakholwayo bayobe sebethi: “Ingabe yibona kanye laba abafunga bagomela ngo Allah ukuthi bakanye nani na?”. Bheka ngoba imisebenzi yabo iyoshabalala babe ngabalahlekelwe."},{"id":54,"translation":"Nina enikholwayo! Lowo oyohlubuka ukholo lwakhe kini, u Allah uyoletha abanye abantu abayomthanda futhi naYe abathande, bayozehlisa kwabanye abakholwayo, baziqinise kulabo abangakholwa, baphake impi endleleni ka Allah futhi bebe bengesabi kugxekwa muntu. Lowo umusa ka Allah awunika loyo amthandayo, ngokuba u Alla Ungongamele Onolwazi."},{"id":55,"translation":"Umngani wenu makube u Allah neSithunywa saKhe nalabo abakholwayo abaqikelela ukwenza iSwala bakhiphe neZaka bebe bekhothama."},{"id":56,"translation":"Bheka ngoba lowo owenza u Allah neSithunywa saKhe kanye nalabo abakholwayo abangane bakhe, iqembu lika Allah lihlala linqoba."},{"id":57,"translation":"Nina enikholwayo! Ningabenzi abangani benu labo abathatha ukholo lwenu njengohleko nomdlalo kulabo abanikwa iNcwadi ngaphambi kwenu nalabo abangakholwa; futhi nithobele u Allah uma ngempela ningabakholwayo."},{"id":58,"translation":"Kuthi lapho uma nenza isimemezelo seSwala, bona basenze inhlekisa nomdlalo, lokho kungoba bengabantu abangaphusile."},{"id":59,"translation":"Yithi: “Nina beMibhalo, ingabe nisigxeka ngoba nje sikholwa ku Allah nakulokho asembulele kona nakulokho okwembulelwa ngaphambili, nanokuthi phela niyiziphulamthetho”."},{"id":60,"translation":"Yithi: “Ake nginazise ngokunomvuzo omubi kunalokho [ukusigxeka] ku Allah. Lowo oqalekiswe ngu Allah wathukuthelela wenza abanye babo izinkawu nezingulube futhi bakhonza izikhonzwa zeze, yibo kanye labo abayothola indawo embi futhi badukile endleleni eqondile."},{"id":61,"translation":"Uma befika kini bathi siyakholwa, kepha empeleni bangene nokungakholwa baphinda baphuma nakho, futhi u Allah ukwazi kahle lokho abakugodlile."},{"id":62,"translation":"Iningi labo ulibona lingongqa phambili ekuphambukeni, ekuphuleni imithetho nasekudleni umcebo onqatshelwe; kwaze kwakubi lokhu abakwenzayo."},{"id":63,"translation":"Kungani amaRabayi namaHabari abo engabanqandi kulokukhuluma kwabo impambuko nokudla umcebo onqatshelwe; impela yimbi lento abayenzayo."},{"id":64,"translation":"Futhi amaJuda athi: “Isandla sika Allah siboshiwe (ungungoqo)”, empeleni ezabo izandla eziboshiwe futhi baqalekisiwe ngalokho abakushoyo. Izandla zaKhe (u Allah) zivulekile, uphana ngokuthanda kwaKhe. Kantike lokhu okwembulelwe kuwe kuvela eNkosini yakho, iningi labo kubandisela ukuphambuka nokungakholwa[1]. Futhi sifake phakathi kwabo ubutha nenzondo kuze kube uSuku lokwaHlulelwa. Njalonje uma benza imizamo yokususa impi u Allah uyayinqanda. Futhi bayazikhandla ekwenzeni impambuko emhlabeni.","footnotes":"[1] Lokhu kungenxa yenzondo amaJuda anayo nokubukela phansi ezinye izizwe nabanye abantu."},{"id":65,"translation":"Uma nje laba eMibhalo bakholwa baphinde bathobela intando ka Allah, besizosula amacala abo bese sibafaka ezivandeni zentokomalo."},{"id":66,"translation":"Ukuba nje balandela imiyalelo yeTora ne-Ininjili kanye nakho konke okwembulelwa kubo kuvela eNkosini yabo, isondlo sabo besizoqhamuka ngaphezulu nangaphansi kwabo. Belu bakhona abantu kubo abaqotho, kepha baningi labo kubo abenza okubi."},{"id":67,"translation":"Sithunywa! Sabalalisa lokhu okwembulelwe kuwe kuvela eNkosini yakho, uma ungenzi njalo uyobe ungawusabalalisanga umlayezo wayo. Bheka ngoba u Allah uyokuvikela ebantwini, futhi u Allah akabahlengi abantu abangakholwa."},{"id":68,"translation":"Yithi: “Nina beMibhalo! Aniyilutho kuze kube nilandela imiyalelo yeTora ne-Ininjili nakho konke okwembulelwe kini kuvela eNkosini yenu”. Kantike lokhu okwembulelwe kuwe kuvela eNkosini yakho, iningi labo kubandisela ukuphambuka nokungakholwa. Ngakhoke ungazikhathazi ngabantu abangakholwa."},{"id":69,"translation":"Nembala labo abakholwayo nalabo abangamaJuda nalabo abangamaSabiya kanye nalabo abangamaNasarina, lowo ozokholwa ku Allah noSuku lokuGcina futhi enze okuhle, abayikuba nokusaba noma babe lusizi."},{"id":70,"translation":"Ngempela senza isibophezelo nesizwe sika Isirayeli saphinde sathumele kubo iZithunywa. Kwakuthi njalo uma kufika kubo iSithunywa nalokho abangakuthandi, ezinye babeziphika kuthi ezinye bazibulale."},{"id":71,"translation":"Babecabanga ukuthi akuyikuba namthelela, base beqhubeka nobumpumputhe kanye nobumumu babo [bokushaya iqiniso indiva], kepha u Allah wabathethelela. Laphinda (emuva kwalokho) laqhubeka futhi iningi labo nobumpumputhe kanye nobumumu babo. U Allah ukuqhaphe konke abakwenzayo."},{"id":72,"translation":"Nebala abakholwa labo abathi, uMasihi indodana kaMariyamu ingu Allah. Bheka ngoba uMasishi wathi: “Sizwe sika-Isirayeli khonzani u Allah iNkosi yami neyenu, ngokuba lowo obhanqa u Allah, iJana uyinqatshelwe ngu Allah futhi uyophelela eMlilweni, kanti labo abaphambukile akekho oyobahlenga”."},{"id":73,"translation":"Futhi abakholwa labo abathi u Allah ungomunye wabathathu. Bheka ngoba akekho ofanelwe ukukhonzwa ngaphandle koyedwa vo. Umake bengaphezi kulokhu abakushoyo, labo abangakholwa kubo bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":74,"translation":"Kungani bangazisoli ku Allah bacele intethelelo kuYe na, bheka ngoba u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":75,"translation":"UMasihi indodana ka Mariyamu uyiSithunywa nje, ziningi iZithunywa ezafika ngaphambi kwakhe futhi unina wayeqotho, kanti bobabili babedla ukudla. Awubheke nje ukuthi sibacacisela kanjani imibiko bese uyabhekea ukuthi banhlanhlanthela kuphi."},{"id":76,"translation":"Yithi: “Nikhonza kanjani ngaphandle kuka Allah lokho okungeke kwanilimaza noma kunisize ngalutho na, bheka ngoba u Allah nguyena Ozwa konke Owazi konke”."},{"id":77,"translation":"Yithi: “Nina beMibhalo, musani ukweqa imikhawulo enkolweni yenu ngokungeqiniso, futhi ningalandeli izinkanuko zabantu abaduka ngaphambilini baphinde badukisa iningi, baduka endleleni eqondile."},{"id":78,"translation":"Baqelikiswa labo abangakholwa esizweni sakwa-Isirayeli olimini luka Dawudi no-Isa ka Mariyamu, lokho kungenxa yokuthi babeyisa futhi bephula imithetho."},{"id":79,"translation":"Babenganqandani lapho benza okuphambukile, kwaze kwakubi lokho ababekwenza."},{"id":80,"translation":"Uyobona iningi labo lizibandakanya nalabo abangakholwa, yaze yayimbi into abazithwese yona, ngokuba bazilethela ulaka luka Allah futhi bayojeziswa unaphakade."},{"id":81,"translation":"Ukube babekholelwa ku Allah neSithunywa nakulokho okwembulelwe kuso, bebengeke babenze (abangakholwa) abangani, kepha iningi labo liyiziphula mthetho."},{"id":82,"translation":"Uyofumanisa amaJuda namaMushiriki (labo ababhanqa u Allah) kuyibona abantu abazonda abakholwayo kakhulu. Kepha uyofumanisa labo abathi, ‘SingamaNasarina’ kuyibona abasondelene nabathanda abakholwayo. Lokho yingoba kubo kunabafundisi namaRahibana kanti futhi abazigqaji."},{"id":83,"translation":"Uma bezwa lokho okwembulelwe kuSithunywa [uMuhamadi], uzobona amehlo abo ekhihla izinyembezi ngenxa yeqiniso abalibonayo, bese bethi: “Nkosi yethu, siyakholwa ngakhoke sibhale kanye nalabo abafakazayo”."},{"id":84,"translation":"Futhi ikuphi okungasivimba na, ukuba singakholwa ku Allah nalokho okuyiqiniso okufika kithi futhi sinethemba lokhuthi iNkosi yethu iyosingenisa kanye nabantu abaqotho."},{"id":85,"translation":"U Allah wabe esebahlomulisa ngalokho abakusho izivande okugeleza enzansi kwazo imifula bayohlala kuzo unaphakade, yiwoke lowo umvuzo wabenzi bokuhle."},{"id":86,"translation":"Kuthi labo abangakholwa abaphika imibiko yeThu, bona bayongena eMlilweni."},{"id":87,"translation":"Nina enikholwayo! Ningazinqabeli lokho okumsulwa u Allah anivumele kona futhi ningeqi umthetho ngokuba u Allah akabathandi labo abeqa umthetho."},{"id":88,"translation":"Futhi nidle kulokho u Allah anabele kona okuvunyelwe nokumsulwa; nithobele u Allah lona enikholelwa kuYe."},{"id":89,"translation":"U Allah akayikunibeka icala ngalokho okuyimbudane kuzifungo zenu, kepha uyonibeka icala ngalokho enihlosile ngezifungo. Inhlawulo yaso [kophula isifungo] ukupha ukudla ishumi labantu abampofu, ukudla okuyikona okujwayekile kubantu bakini noma ukubapha izimpahla zokugqoka noma ukukhulula isigqila; kepha lowo ongenakho, makazile izinsuku ezintathu. Yiyoke leyo inhlawulo yezifungo zenu [kulabo abaziphulayo] uma niziphula. Ngakhoke fezani izifungo zenu; u Allah unicacisela kanjalo imibiko zaKhe ukuze nibonge."},{"id":90,"translation":"Nina enikholwayo! Nebala konke okudakayo nokugembula nokuhlabela izithixo nokuqagela ngemicibisholo kuwukungcola kwemisebenzi kaShayitani, ngakhoke kugwemeni ukuze niphumelele."},{"id":91,"translation":"UShayitani ufuna nje ukwakha ngokudakayo nangokugembula ubutha nezondo phakathi kwenu aphinde anivimbe ekukhumbuleni u Allah nokwenza iSwala; ingabe niyopheza na?"},{"id":92,"translation":"Futhi lalelani u Allah nilalele neSithunywa niqhaphele, kepha uma nidikila, yazini ukuthi umsebenzi weSithunywa seThu ukudlulisa umlayezo ocacile."},{"id":93,"translation":"Abanacala labo abakholwayo abenza okuhle kulokho abakudlile [kokudakayo ngaphambilini] uma nje bebeqhubeka nokuthobela u Allah bakholwe benze okuhle baphinde bathobele u Allah bakholwe baphinde bathobele u Allah benze okuhle ngokuba u Allah uyabathanda abenzi bokuhle."},{"id":94,"translation":"Nina enikholwayo! Nebala u Allah uyonivivinya ngokunye kwalokho enikuzingelayo ngezandla zenu nangemikhonto yenu; ukuze u Allah azi kahle labo abemesabayo nangasese. Lowo-ke ozophula umthetho emuva kwalokho uyothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":95,"translation":"Nina enikholwayo! Ningabulali silwane esizingelwayo uma nikwi-Ihiramu [ye Umura noma iHaji]. Lowo oyosibulala kini ngenhloso, kumele asikhokhe ngesihlatshwayo [ikameli, inkomo, imbuzi, imvu] esilingana naso, esiyohlonzwa abantu ababili kini abaqotho, okumele siyohlatshelwa eKabha [eMakha]. Noma engahlawula ngokondla abampofu [baseMakha], noma azile izinsuku ezilingene abantu abampofu [obekumele abondle], ukuze phela avune izithelo zemsebenzi yakhe. Kepha lokho okwenzeka kudala u Allah ukuxolele. Kantike lowo ozophinda akwenze u Allah uzomjezisa ngokuba u Allah unguSomandla Ojezisanayo."},{"id":96,"translation":"Nivunyelwe ukuba nidobe izilwane zasolwandle futhi ningazitika nina kanye nezihambi ngokuzidla; kepha ninqatshelwe ukuzingela ezasendle uma nisase ku-Ihiramu. Ngakhoke thobelani u Allah lona eniyobuthaniswa kuYe."},{"id":97,"translation":"U Allah wenze iKabha okuyindlu ehloniphekile nezinyanga ezihlonishwayo [Dhul-Ka’da, Dhul-Hija, Muharamu, Rajabu] nezilwane zomhlatshelo nalezo ezinezimpawu ukuba zibe yisisekelo ebantwini; lokho ukuze nazi ukuthi u Allah wazi konke okusemazulwini nasemhlabeni nokuthi ngempela u Allah Wazi konke."},{"id":98,"translation":"Yazini ukuthi u Allah ujezisana kanzima nokuthi futhi Uyathethelela Unesihawu."},{"id":99,"translation":"Umsebenzi weSithunywa ukudlulisa umlayezo kuphela. U Allah ukwazi kahle konke enikuveza obala nalokho enikugodlayo."},{"id":100,"translation":"Yithi: “Okungcolile nokumsulwa akusoze kwafana noma ngabe ubuningi bokungcola kukumangaza; ngakhoke thobelani u Allah nina enikhaliphile ukuze niphumelele."},{"id":101,"translation":"Nina enikholwayo, ningabuzi ngezinto okuyothi uma senicaciselwa ngazo ziniphathe kabi; uma nibuze ngazo lapho kwembulelwa iKurani niyocaciselwa, u Allah uziyekile, futhi u Allah Uyathethelela Unobubele."},{"id":102,"translation":"Abantu abanandulelayo babuza ngazo, kepha bagcina ngokuba abangakholwa ngenxa yazo."},{"id":103,"translation":"U Allah akazange abeke iBhahira noma iSayibha noma iWaswila noma iHamu, kepha labo abangakholwa baqambela u Allah amanga, futhi baningi kubo abangaphusile."},{"id":104,"translation":"Uma kuthiwa kubo: “Wozani kulokho u Allah akwembulele nakuSithunywa” Bathi: “Kusanele lokhu esukuthole kwenziwa obabamkhulu bethu”; nakuba oyisemkhulu babengazi lutho futhi bengekho endleleni eqondile."},{"id":105,"translation":"Nina enikholwayo, zinakeni nina uqobo; lowo odukile akasoze anenza okubi uma nje nisendleleni eqondile; futhi niyobuyela nonke ku Allah bese enazisa ngakho konke ebenikwenza."},{"id":106,"translation":"Nina enikholwayo, uma omunye wenu efikelwa ukufa efuna ukwaba ifa, makube nofakazi phakathi kwenu, kube amadoda amabili athembekile kini [enikholwayo] noma amabili avela kwabanye [abangakholwa]; lokhu kwenziwa uma nifikelwa umshophi wokufa nisendleleni. Uma ninokwengabaza, laba ababili kumele nibamise emuva kweSwala, bese befunga ngo Allah ukuthi: ‘angeke neze sathengisa ngaso [isifungo] noma kungaba kusihlobo imbala futhi angeke sagodla ubufakazi buka Allah, funa sibe yiziphula mthetho’."},{"id":107,"translation":"Kepha uma kufunyaniswa ukuba laba ababili abathembekile [nakuba sebefungile]; indawo yabo iyothathwa ababili abasondelene nomufi, nabo bafunge ngo Allah ukuthi: ‘ubufakazi bethu buneqiniso ukundlula ubufakazi babo futhi angeke saphula umthetho, funa sibe ngabaphambukile."},{"id":108,"translation":"Lokho kuqinisekisa ukuthi bethule ubufakazi ngendlela efanele nokuthi besabe ukuthi kungahle kuchithwe ukufungwa kwabo emuva kokuba kwethuliwe kunikwe abanye. Ngakhoke thobelani u Allah nilalele ngokuba u Allah akabaholi abantu abaphula umthetho."},{"id":109,"translation":"NgoSuku lapho u Allah eyobuthanisa khona iZithunywa, uyothi: “Namukelwa kanjani na?” Ziyothi: “Thina asazi lutho, nguWena kuphela oWazi okungabonwayo”."},{"id":110,"translation":"U Allah uyothi ku Isa indodana ka Mariyamu: “Khumbula izibusiso zaMi kuwe nakunyoko, mhla ngikusekela ngoRuhu-ul-Kudusi [uJibhira- ili]. Ubukhuluma nabantu usasewuswana nalapho usumdala. Khumbula futhi ukuthi ngakufundisa ukubhala nobuhlakani neTora ne-Ininjili; wawubumba isiqu senyoni ngomhlabathi ngemvumo yaMi, usiphefumulele sibe inyoni ephilayo ngemvumo yaMi; ulapha impumputhe nalabo abanokufa besikhumba ngemvumo yaMi; uphinde futhi uvuse abafileyo ngemvumo yaMi. Ngakuvikela kusizwe sika-Isirayeli mhla ubalethelela izibonakaliso, bathi labo ababengakholwa kubo: “lobu ubuthakathi uqobo”."},{"id":111,"translation":"Futhi ukukhumbule ukuthi ngembulela kumaHawariya [abalandeli baka Isa] ukuthi: “Kholelwani ku kiMi nakuSithunywa Sami!”, Bathi: “Siyakholwa ngakhoke yiba ufakazi ukuthi sesingamaMusilimu”."},{"id":112,"translation":"Khumbula mhla amaHawariya ethi: “Isa ndodana ka Mariyamu, ingabe iyakhona yini iNkosi yakho ukuba isehlisele itafula elivela ezulwini na?”. Wathi: “Thobelani u Allah uma ngempela ningabakholwayo”."},{"id":113,"translation":"Bathi: “Sifuna nje ukudla kulo nokuthi-ke izinhliziyo zethu zaneliseke futhi sibe nesiqiniseko sokuthi ngempela usitshela iqiniso, belu siyofakaza ngalo.”"},{"id":114,"translation":"U Isa indodana kaMariyamu wathi: “Allah, Nkosi yethu, ssehlisele itafula elivela ezulwini eliyoba idili kwabokuqala nabokugcina kiithi nophawu oluvela kuWe; futhi usondle ngokuba nguWe uMondli ongcono”."},{"id":115,"translation":"U Allah wathi: “Ngizonehlisela lona, kepha lowo kini oyophika ukholo emuva kwalokho, ngiyomujezisa isijeziso engingakaze ngijezise namunye ngaso ezizweni."},{"id":116,"translation":"Khumbula mhla u Allah eyothi: “We Isa ndodana kaMariyamu, ingabe nguwe yini lona owatshela abantu ukuthi, ‘khonzani mina nomama wami ngaphandle kuka Allah’,”. Uyothi: “Mawungcweliswe, anginalo igunya lokusho okungelona iqiniso; ukube ngakusho ngabe uyakwazi, ngokuba ukwazi konke okukimi kepha mina angikwazi lokho okukuWe; nebala wazi konke okungabonwayo."},{"id":117,"translation":"Ngabatshela nje lokho owangiyalela kona, ukuthi, ‘khonzani u Allah iNkosi yami nani’, futhi bengiwufakazi lapho ngisasenabo, kwathi usungithathile, kwaba nguwena obaqhaphile ngokuba Wena ubheke zonke izinto."},{"id":118,"translation":"Uma ubajezisa bayizinceku zakho, kanti uma ubathethelela, nebala unguSomandla oKhaliphile."},{"id":119,"translation":"U Allah uyothi: “Lolu uSuku lapho abaneqiso bayozuza ngokuba kwabo neqiniso, bayothola izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula, bahlale kuzo unaphakade. U Allah uthokozile ngabo futhi nabo bathokozile ngaYe. Iyonake leyo impumelelo enkulu."},{"id":120,"translation":"Umbuso wamazulu nomhlaba nokuphakathi kwakho ungoka Allah, futhi unguMenzi wezinto zonke."}]},{"id":6,"verses":[{"id":1,"translation":"Udumo lungoluka Allah, lona owadala amazulu nomhlaba waphinde wadala ubumnyama nokukhanya; kepha labo abangakholwa benzela iNkosi yabo abalingani."},{"id":2,"translation":"Nguyena futhi onidalile nina ngomhlabathi wabe eseninqumela isikhathi enizosiphila, futhi isikhathi esibekiwe [sokwahlulelwa] saziwa nguYe. Kepha nina nisangabaza."},{"id":3,"translation":"Futhi ungu Allah emazulwini nasemhlabeni, wazi enikugodlayo nalokho enikubeka obala futhi wazi konke enikwenzayo."},{"id":4,"translation":"Zonke izibonakaliso ezifika kubo [abangakholwa] zivela eNkosini yabo bazishaya indiva."},{"id":5,"translation":"Nebala bayaliphika iqiniso uma lifika kubo; kantike maduze nje bayozwa ngemivuzo yalokho ababehlekisa ngakho."},{"id":6,"translation":"Ingabe ababoni ukuthi ziningi izizwe ezingaphambi kwabo esazibhubhisa esabe siziphe emhlabeni lokhu esinganiphanga kona. Sathumela imvula eningi kubo [uzamcolo], sagelezisa imifula ngaphansi kwabo [izikhukhula], kwabe sesiyababhubhisa njalo ngenxa yezimpambuko zabo. Sabeke sesiletha isizwe esinye emuva kwabo."},{"id":7,"translation":"Ukube sehlisela kuwe [Muhamadi] imibhalo esiqeshaneni, basithinte ngezandla zabo; laba abangakholwa bebezothi, ‘lokhu ubuthakathi uqobo’."},{"id":8,"translation":"Futhi bathi: “Kungani kungalethwanga ingelosi naye na?”. Ukube saletha ingelosi, bekuyokuba umnqamula juqu futhi bebengeke banikwe ithuba."},{"id":9,"translation":"Futhi ukube senza iSithunywa kwaba ingelosi, besisosenza indoda [engumuntu] futhi besikwengeza kulokudideka abavele sebenakho[1].","footnotes":"[1] Ukungakholwa kuSithunywa uMuhamadi  kubangelwe ukungahlaziyi kwabo ubufakazi obukhona obukhombisa ukuthi uyiSithunywa seqiniso. Kunalokho bavike ngezizathu ezingathi shu nezingenzi mqondo. Ngakhoke ukufika kwengelosi njengesithunywa akuyikwenza mehluko ekukholweni kwabo, kunalokho bayoqhubeka nokudideka kwabo okubavimbe ekukholweni kuSithunywa  kwasekuqaleni. Bheka ngoba ukufuna kwabo ingelosi akusikho ukuthi bafuna ukukholwa kepha kungenxa yokweyisa nokuzama ukwenza inhlekisa ngeSithunywa sika Allah."},{"id":10,"translation":"Nebala kwahlekiswa ngeZithunywa ekwandulelayo; kepha labo ababezithathela phansi [iZithunywa] bahaqwa yilokho abahlekisa ngakho [isijeziso ababexwayiswa ngaso]."},{"id":11,"translation":"Yithi: “Zulani emhlabeni, nizibonele ukuthi saba njani isiphetho salabo abaphika iqiniso”."},{"id":12,"translation":"Yithi: “Kungokukabani lokhu okusemazulwini nasemhlabeni na?”. Yithi: “Kungokuka Allah!”. Uziqokele ukuba nomusa – nakanjani uyonibuthanisa ngoSuku loKwahlulela olungengatshazwe. Labo abazilahlekisele yilabo abangakholwa."},{"id":13,"translation":"Futhi konke okuzinzayo ebusuku nasemini kungokwaKhe, futhi Uzwa konke Wazi konke."},{"id":14,"translation":"Yithi: “ngingamthatha kanjani na omunye njengomhlengi wami ngaphandle kuka Allah onguMsunguli wamazulu nomhlaba futhi nguYena owondlayo ongondliwa?”. Yithi: “Ngiyalelwe ukuba ngibe owokuqala oba yiMusilimu”, futhi ungabi omunye wababhanqa u Allah."},{"id":15,"translation":"Yithi: “Ngesaba isijeziso soSuku olukhulu uma ngephule imithetho yeNkosi yami”."},{"id":16,"translation":"Lowo oyohlengwa kuso ngaloloSuku uyobe [u Allah] emenzele umusa, futhi iyona leyo impumelelo ecacile."},{"id":17,"translation":"Uma u Allah ekwehlisela ubunzima akekho oyobususa ngaphandle kwaKhe, nakanjalo uma ekwehlisela okuhle, ngokuba Yena ungumenzi wezinto zonke."},{"id":18,"translation":"Futhi nguYena onguMlawuli phezu kwezinceku zaKhe; futhi Ungokhaliphile Owazi konke."},{"id":19,"translation":"Yithi: “Iyona yiphi into ewubufakazi obuqanda ikhanda na?”. Yithi: “Ngu Allah, nguYena ufakazi phakathi kwami nani. Futhi ngembulelwe leKurani ukuze nginikhalime ngayo kanye nalabo eyofinyelela kubo. Ingabe nifakazela ukuthi u Allah unezinye izikhonza na?”. Yithi: “Angikufakazeli lokho”. Yithi: “Nguyena yedwa vo okumele akhonzwe futhi mina angihlangene nalokho enikubhanqayo”."},{"id":20,"translation":"Labo esabanika iNcwadi bamazi [uMuhamadi] njengoba bazi izingane zabo. Labo abazilahlekisele, yilabo abangakholwa."},{"id":21,"translation":"Ngubani ophambuke kunalowo oqamba amanga ngo Allah noma ophika imibiko zaKhe na? Nebala [u Allah] akabaphumelelisi abaphambukile."},{"id":22,"translation":"Futhi ngosuku lapho esiyobabuthanisa khona bonke, siyothi kulabo ababhanqayo: “Ziphi lezimbangi zenu ebenikade nizihlonzile na?”"},{"id":23,"translation":"Kepha bayovika nje ngokuthi: “Siyafunga Nkosi yethu asikaze sikubhanqe.”"},{"id":24,"translation":"Bheka ukuthi baziqambela kanjani amanga; futhi kubadukele lokhu ababekade beziqokele kona."},{"id":25,"translation":"Kunalabo kubo [kwabangakholwa] abakulalelayo [lapho ufunda iKurani], kepha simboze izinhliziyo zabo ukuba ziyiqonde kanti nasezindlebeni zabo kunobuthulu. Yingakho nje uma befika kuwe bephikisana nawe, bathi labo abangakholwa: “Lokhu nje izinganekwane zasendulo”."},{"id":26,"translation":"Futhi banqanda abanye [abantu] kuyo [iKurani], kanti nabo bayaqelisa kuyo. Belu bazibhubhisa bona uqobo, kepha ababoni."},{"id":27,"translation":"Ukube ubungabona lapho sebemiswe emlilweni, sebethi: “Sifisa engabe singabuyiselwa emuva [emhlabeni], singabe sisaphika imibiko yeNkosi yethu kepha sibe ngabakholwayo”."},{"id":28,"translation":"Empeleni sekusobala lokho ababekufihlile phambilini. Futhi uma bebengabuyiselwa emuva bebezobuyela kulokho ababenqatshelwe kona, ngokuba banamanga."},{"id":29,"translation":"Bathi: “Impilo yethu isemhlabeni nje kuphela, asisoze savuswa”."},{"id":30,"translation":"Ukube ubungabona lapho sebemiswe ngaphambi kweNkosi yabo; iyothi: “Ingabe lokhu akusilona iqiniso na?”. Bayothi: “Kunjalo Nkosi yethu ilona”. Iyothi: “Ngakhoke zizweleni isijeziso ngenxa yokungakholwa”."},{"id":31,"translation":"Nebala balahlekelwe labo abathatha ukuhlangana no Allah njengamanga; kuze kube yilapho beficwa iSikhathi bengazelele, bayothi: “Saze salahlekelwa ngalokho esibe nobudedengu kukho”. Futhi bayothwala amacala abo emihlane yabo, kwaze kwakubi lokhu abekwethwele."},{"id":32,"translation":"Impilo yalomhlaba iwumdlalo nokuchitha isikhathi; kepha umuzi wakwelizayo yiwona ongcono kulabo abathobela u Allah. Ingabe abaqondi na?"},{"id":33,"translation":"Nebala, siyazi ukuthi kukuphatha kabi lokhu abakushoyo; empeleleni abaphikisi wena kunalokho bangabaphambukile abaphika imibiko zika Allah."},{"id":34,"translation":"Belu iZithunywa ezikwandulelayo zaphikiswa, kepha zabekezela kulokho ezazikuphikiswa futhi zathweswa kanzima kwaze kwafika usizo lweThu. Futhi akekho oyoguqula izinqumo zika Allah. Kantike izindaba zeZithunywa usuzitholile."},{"id":35,"translation":"Uma ukuphika kwabo kunzima kuwe; thungatha imbobo emhlabeni noma isitebhisi esiya ezulwini uma ukhona, ukuze ubalethele isibonakaliso. Ukube u Allah ubethanda wayezobaqoqela bonke endleni eqondile, ngakhoke ungabi ngomunye wabayiziwula."},{"id":36,"translation":"Labo abezwayo yibona kuphela abayokwamukela [lokho okufundisayo]; futhi labo abafile u Allah uyobavusa bese bebuyela kuYe."},{"id":37,"translation":"Futhi bathi: “Kungani engehliselwanga isibonakaliso esivela eNkosini yakhe na?”. Yithi: “Nebala u Allah uyakwazi ukwehlisela kuye isibonakaliso, kepha iningi labo alazi”."},{"id":38,"translation":"Zonke izilwane ezihamba emhlabeni nezinyo ezindiza ngezimpiko zazo, ziyizizwe njengani. Futhi akukho esingakuqophanga eNcwadini [uQwembe Oluvikelwe]. Belu bayobuyela eNkosini yabo."},{"id":39,"translation":"Labo abaphika imibiko zeThu bayizithulu nezimungulu banhanhlatha ebumnyameni. Bheka ngoba u Allah udukisa amthandayo aphinde amthandayo endleleni eqondile."},{"id":40,"translation":"Yithi: “Akenisho, uma ningafikelwa isijeziso sika Allah noma nifikelwe iSikhathi [sokububha komhlaba], ingabe niyokhuleka kwabanye ngaphandle kuka Allah na, uma ngempela ninqiniso”."},{"id":41,"translation":"Empeleni niyokhuleka kuYe kuphela, bese enitakula – uma ethanda - kulokho enikhuleke ngakho, nikukhohlwe-ke lokhu ebenikubhanqa."},{"id":42,"translation":"Nebala sathumela ezizweni iZithunywa ngaphambi kwakho, sabe sesibavivinya ngobuphuya nezifo ukuze bazithobe."},{"id":43,"translation":"Kwakumele nje bazithobe [labo abangakholwa] mhla kufika isivivinyo seThu; kepha izinhliziyo zabo zaba lukhuni noShayitani wabenza bakubona kuhle lokhu ababekwenza."},{"id":44,"translation":"Kwathi lapho sebekhohlwe yilokho ababeyalelwe kona, sabavulela iminyango yazo zonke izinto, baze bazigqaja ngalokho abanikwe kona, sabe sesibajezisa bengazelele, baphithana."},{"id":45,"translation":"Babhujiswa labo bantu ababephambukile; uDumo lungoluka Allah iNkosi yezizwe zonke."},{"id":46,"translation":"Yithi: “Akenisho, uma u Allah enganiphuca ukuzwa kwenu nokubona kwenu aphinde amboze izinhliziyo zenu, ngubani kulaba abakhonzwayo abayokhona ukunibuyisela kona ngaphandle kuka Allah na?”. Awubheke nje ukuthi sibahlaziyela kanjani ubufakazi kepha bona bakushaya indiva."},{"id":47,"translation":"Yithi: “Akenisho, uma nifikelwa isijeziso sika Allah ningazelele noma mathupha, ingabe ubani oyobhujiswa ngaphandle kwalabo abaphambukile na?”"},{"id":48,"translation":"Sithumele iZithunywa ukuba zethule izindaba ezinhle ziphinde zixwayise. Ngakhoke lowo okholwayo futhi enze okuhle, akayikusaba futhi akayikuba lusizi."},{"id":49,"translation":"Kepha labo abaphika izimbulo zethu, bayotholwa isijeziso ngenxa yokuphula kwabo umthetho."},{"id":50,"translation":"Yithi: “Angisho kini ukuthi nginemicebo ka Allah noma ngazi lokho okungabonwayo futhi angisho kini ukuthi ngiyingelosi, kuphela nje ngilandela lokho okwembulelwa kimi”. Yithi: “Ingabe impumputhe iyefana nobonayo na, kungani ningacabangisisi na?”"},{"id":51,"translation":"Yexwayisa ngayo [iKurani] labo abesaba ukuba bayovuselwa eNkosini yabo hleze bathobele u Allah, bheka ngoba ngaphandle kwaKhe abanamhlengi noma umkhulumeli."},{"id":52,"translation":"Futhi ungabaxoshi labo abakhuleka eNkosini yabo ekuseni nantambama befuna ukuyithokozisa. Akusiwo umsebenzi wakho ukubahlulela futhi akusiwo umsebenzi wabo ukwehlulela, funa ubaxoshe bese uba ngomunye wabaphambukile."},{"id":53,"translation":"Sibavivinya kanjalo abanye babo ngabanye ukuze bathi: “u Allah angabusa laba ngaphakathi kwethu na?”[1]. Ingabe akusiyena yini u Allah obazi kangcono ababongayo na?","footnotes":"[1] Lawa ngamagama ayeshiwo yiziqonga zombuso nezikhulu, lapho zibona laba ababethathwa njengabafokazana nezichaka kuyibona abamukela i-Isilamu ngobuningi. Bakusho lokho bezigqaja beqonde ukuthi, ukube le-Isilamu bekuyinto enhle lemfuxuza yabantu bekungeke kube iyona ebusiswa ngayo. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi ubugwili nezikhundla eziphezulu azikuqisekisi ukuthi umuntu uyolibona iqiniso. Ngakhoke kuwubuwula ukucabanga ukuthi izigwili neziqonga zemibuso yizona ezikhaliphile kunabanye ekuboneni iqiniso le-Isilamu."},{"id":54,"translation":"Uma labo abakholelwa kuzambulo zethu beza kuwe, Yithi: “Ukuthula makube kini; iNkosi yenu iziqokele umusa, owukuthi uma umuntu enza okubi ngenxa yokungazi bese ezisola emuva kwalokho enze okuhle, nakanjani u Allah Ungothethelelayo Onesihawu”."},{"id":55,"translation":"Sizicacisa kanjalo imibiko ukuze icace bha indlela yezigilamkhuba."},{"id":56,"translation":"Yithi: “Nginqatshelwe ukukhonza lokhu enikhonzayo ngaphandle kuka Allah”. Yithi: “Angilandeli izinkanuko zenu, funa ngiduke ngibe ngolahlekile”."},{"id":57,"translation":"Yithi: “Nginobufakazi obuvela eNkosini yami kepha nina niyabuphika; anginakho lokhu enikujahile. Phela izinqumo zithathwa ngu Allah kuphela, unilandisa iqiniso futhi unguMehluleli ongungothi”."},{"id":58,"translation":"Yithi: “Ukube benginakho lokhu enikujahile, bekuyoba umaqamula juqu phakathi kwami nani, futhi u Allah ubazi kahle labo abaphambukile”."},{"id":59,"translation":"Nguyena [u Allah] ophethe izikhiye zakulokho okungabonwayo, akekho ozaziyo ngaphandle kwaKhe. Wazi konke okusemhlabeni nasezilwandle. Ngisho icembe uma liwa esihlahleni uyalazi; konke okuwuhlamvu olusebumnyameni [emathunjini] omhlaba nokuthambile nokomile kuqoshiwe eNcwadini ecacile [uQwembe Oluqashiwe]."},{"id":60,"translation":"Nguyena [u Allah] othatha imiphefumulo yenu ebusuku [uma nilala] futhi wazi lokho ebenikwenza emini, ube esenivusa emini ukuze niqede isikhathi esibekiwe [sempilo], emuva kalokho niyobe senibuyela kuYe, bese enilandisa ngalokho ebinikwenza."},{"id":61,"translation":"Futhi unguMlawuli phezu kwezinceku zaKhe; uthumela izinqaphi [izingelosi] kini, kuthi lapho ukufuka sekufika komunye wenu, izithunywa [izingelosi] zeThu zithathe umphefumulo wakhe futhi azinabo ubudedengu."},{"id":62,"translation":"Bayobe sebebuyiselwa ku Allah uMhlengi wabo weqiniso; nebala ukwehlulela kungokwakhe futhi wehlulela ngokushesha."},{"id":63,"translation":"Yithi: “Ngubani oyonihlenga ebumnyameni basemhlabeni nasolwandle uma nikhuleka kuye ngokuzilahla buthule, [nithi]: “Uma nje ungasihlenga kulokhu siyoba ngababongayo”."},{"id":64,"translation":"Yithi: “Ngu Allah oyihlenga kukho [ubumnyama] nakubo bonke obunye ubunzima, kepha yinina futhi enimbhanqayo."},{"id":65,"translation":"Yithi: “Uyakwazi ukuletha isijeziso kini, ngaphezu kwenu nangaphansi kwemilenze yenu, noma avele anihlakaze nibe ngamaqembu bese nilwa nodwa”. Awubheke nje ukuthi sibahlaziyela kanjani imibiko ukuze baqondisise."},{"id":66,"translation":"Kepha isizwe sakho sayiphika [iKurani] nakuba iyiqiniso. Yithi: “Angisiyena umqaphi wenu”."},{"id":67,"translation":"Lonke udaba lunesiphetho, kungekudala niyokwazi."},{"id":68,"translation":"Uma ubona labo abakhuluma kabi imibiko yeThu, suka kubo kuze kube bakhuluma ngolunye udaba. Uma kwenzeka uShayitani ekwenza ukhohlwe, wase wakhumbula emuva kwalokho ungabe usahlala nabantu abaphambukile[1].","footnotes":"[1] Lesisambulo sichaza ngokusobala ukuthi labo abahlanekezela izincazelo zezambulo zika Allah nalabo abahlekisa ngazo akumele iMusilimu lihlale nabo lizibandakanye kuleyonkulumo noma ngabe unenhloso yokuqophisana nabo."},{"id":69,"translation":"Labo abathobela u Allah abayikuthwesa nakancane icala labo [abaphambukile], kepha ukuba babakhumbuze hleze nabo bazothobela u Allah."},{"id":70,"translation":"Bayeke labo abathatha ukholo lwabo njengomdlalo nento yokuchitha isikhathi futhi badidekiswa impilo yasemhlabeni. Kunalokho yeluleka ngayo [iKurani] funa umuntu awele embujisweni ngenxa yezenzo zakhe; futhi akekho oyomhlenga noma amshwelezele ngaphandle kuka Allah, noma angaletha yonke inhlengo, angeke yamukelwe kuye. Yibona kanye labo abawele embujisweni nganxa yezenzo zabo. Bayothola isiphuzo esibilayo nesijeziso esibuhlungu ngenxa yokungakholwa kwabo."},{"id":71,"translation":"Yithi: “Singakukhonza kanjani lokho okungasisizi nokungeke kwasilimaza ngaphandle kuka Allah na, funa sibuyele nyovana emuva kokuba u Allah esihlengile, njengalowo ophicwe nguShayitani emhlabeni waba okhungathekile, belu unabangani abamubizela endleleni eqondile [bethi]: “yiza kithi”. Yithi: “Ukuholwa ngu Allah yikona kuholwa kwangempela, futhi siyalelwe ukuba sizinikele eNkosini yezizwe zonke”."},{"id":72,"translation":"Nokuthi nenze iSwala ngokuqikelela futhi nimuthobele [u Allah], ngokuba nguYena eniyovuselwa kuYe."},{"id":73,"translation":"Futhi nguYe [u Allah] odale amazulu nomhlaba ngeqiniso, futhi mhlazane ethi: ‘yenzeka” kuvele kwenzeka ngokuba iZwi laKhe liyiqiniso. Futhi umbuso woSuku lapho kuyoshaywa khona icilongo bungobaKhe, wazi okungabonwa nokubonwayo, ungoKhaliphile Unolwazi lwakho konke."},{"id":74,"translation":"Futhi khumbula lapho u Ibhirahimu ethi kuyise u-Azaru: “Ingabe uthatha izithixo njengezikhonzwa na, nebala nginibona wena nabantu bakho nisekudukeni okusobala”."},{"id":75,"translation":"Kanjalo sambonisa u-Ibhirahimu umbuso wamazulu nomhlaba ukuze abe omunye wabanesiqinseko."},{"id":76,"translation":"Kwathi lapho ehlwelwa ebusuku wabona inkanyezi wathi: “lena iNkosi yami”, kepha kwathi lapho ishabalala wathi: “Angizithandi izinto ezishabalalayo”."},{"id":77,"translation":"Kwathi futhi lapho ebona inyanga iphuma wathi: “Lena iNKosi yami”, kepha kwathi lapho ishabalala wathi: “Uma iNkosi yami ingangiholeli endleleni eqondile ngizoba omunye wabadukile”."},{"id":78,"translation":"Kuthe lapho esebona ilanga liphuma wathi: “Lena iNkosi yami, lena inkulu”, kepha kwathi malishone wathi: “Bakwethu, mina angihlangene nalokho enikubhanqayo”."},{"id":79,"translation":"Ngibhekise ubuso bami ngobumsulwa kulowo owasungula amazulu nomhlaba futhi angisiye omunye walaba ababhanqayo."},{"id":80,"translation":"Isizwe sakhe saphikisana naye, wathi: “Ningiphikisa ngo Allah kube kunguYena ongiholile, futhi angekwesabi lokhu enikubhanqa naYe [u Allah], ngaphandle uma iNkosi yami kukhona ekufuna kwenzeke, ngokuba iNkosi yami yengamele yonke into ngolwazi, kungani ningayaleki na?”"},{"id":81,"translation":"Ngingangekwesaba kanjani lokhu enikubhanqile nibe nina ningesabi ukuthi nibhanqa u Allah ngalokho anganinikanga bufakazi ngakho. Yilona liphi iqembu eliphephile kulana amabili [abakholwayo nababhanqayo] uma ninolwazi."},{"id":82,"translation":"Labo abakholwayo futhi bengadungi ukholo lwabo ngempambuko; yibo kanye-ke labo abayophepha futhi yibona abasendleleni eqondile."},{"id":83,"translation":"Yibo-ke lobo ubufakazi esabunika u-Ibhirahimu ukubhekana nabantu bakubo. Futhi senyusa amazinga alabo esibathandayo, bheka ngoba iNkosi yakho Ikhaliphile Yazi konke."},{"id":84,"translation":"Samupha [u Ibhirahimu] u Isihaki no Yakubhu, bonke sabaholela endleleni eqondile. Kanjalo no Nuhu ngaphambilini samuholela endleleni eqondile. Kanti u Dawuda, uSulayimani, u Ayubu, u Yusufu, uMusa kanye no Haruna bawuzalo lwakhe [u Nuhu]. Sibahlomulisa kanjalo abenzi bokuhle."},{"id":85,"translation":"Kanjalo [saholela endleleni eqondile] u Zakariya no Yahiya no Isa no Iliyasi, bonke babeqotho."},{"id":86,"translation":"Nakanjalo [saholela endleleni eqondile] u Isima’ili no Aliyasa’i no Yunusi no Luti, bonke sibaqokile ezizweni."},{"id":87,"translation":"Nabanye koyise babo nozalo lwabo kanye nabafowabo sabaqoka sase sibaholela endleleni eqondile."},{"id":88,"translation":"Yikona lokho ukuhola kuka Allah, uhola ngakho amthandayo ezincekwini zaKhe. Ukube babhanqa u Allah, yayiyoshabalala imisebenzi [emihle] yabo."},{"id":89,"translation":"Yibo ke labo esabanika iMibhalo neMiyalelo noButhunywa; umake laba bengakukholwa lokhu, sesivele sesilungiselele abanye ngakho abangeke bakuphika lokhu."},{"id":90,"translation":"Yibona futhi laba [iZithunywa] u Allah abaholele endleleni eqondile, ngakhoke hamba endleleni yabo. Uthi: “Angifuni mvuzo kini [ngokunindlulisela iKurani]; kuphela nje, iyisikhumbuzo ezizweni zonke."},{"id":91,"translation":"Abamhloniphanga u Allah ngendlela okumele bamhloniphe ngayo, mhla bethi: “U Allah akembulelanga lutho kumuntu”. Yithi: “Ngubani owembulela iNcwadi lena eyafika noMusa iwukukhanya nenkokhelo kubantu, nayenza iziqeshana, naveza ingxenye yayo kepha nagodla okuningi. Futhi nafundiswa izinto ebeningazazi nina noyihlo mkhulu”. Yithi: “Ngu Allah”, bese ubayeka kanjalo bendlala ekudukeni kwabo."},{"id":92,"translation":"Lenake iNcwadi [iKurani] esiyambulele, ibusisekile ifakazela leyo eyandulelayo futhi ukuze ukhalime abantu base Umulikura [iMakha] kanye nalabo abayakhele. Futhi labo abakholwayo bayakholelelwa kuyo [iKurani] futhi bayaqikelela ukwenza iSwala ngesikhathi."},{"id":93,"translation":"Ingabe ukhona yini ophambuke ukudlula lowo oqambela u Allah amanga noma athi: “Ngembulelwe” kube kungekho lutho olwembulelwe kuye, nalowo othi: “Ngizokwembulela okufanayo nalokho okwembulelwe ngu Allah”. Ukube ubungabona labo abaphambukile bejuqwa iminjunju yokufa, ngala, izingelosi [zokufa] zivule izandla zazo [zithi]: “Khiphani imiphefumulo yenu, namhlanje nizojeziswa ngesijeziso esihlazisayo ngenxa yalokho enanikusho ngo Allah kungeqiniso futhi nanizigqaja ngezambulo zaKhe”."},{"id":94,"translation":"Nize kithi [manje] ngamunye njengoba sanidala kwasekuqaleni, nakushiya emuva kwenu konke lokhu esasinikunike kona, futhi asiziboni izikhulumeli zenu lezi ebenithembe ukuthi zingabalingani [ku Allah]. Nebala buphelile ubuhlobo phakathi kwenu futhi nalahlekelwa yilokhu ebenikuthembile[1].","footnotes":"[1] Lokhu ubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi labo abakholelwa ekutheni kunabantu okuyibona abakhulumela ku Allah, kwabaphilayo noma kwabashona, imbudane engenabufakazi neze elingenasisekelo. Wonke uyakhona ukubhekisa noma yini ku Allah lapha emhlabeni futhi ngoSuku lokwaHlulela akekho oyomela omunye ngemisebenzi yakhe, yilelo xoxo nexoxo liyozigxumela. Uma umuntu eseshonile usuke esebhekene nemivuzo yemisebenzi yakhe ayenze esaphila akanaso isikhathi sokucelela noma ukukhulumela abanye."},{"id":95,"translation":"Nebala, u Allah nguyena oqhekeza uhlamvu lwenhlwanyelo nendumba yesundu. Udala okuphilayo kulokho okufile, adale okufile kulokho okuphilayo. Ngu Allah owenza konke lokho, ngakhoke nikushaya kanjani indivana?"},{"id":96,"translation":"[u Allah] Uletha ukusa [ekuseni] futhi wenze ubusuku baba isikhathi sozinzo, kwathi ilanga nenyanga wakwenza kwahamba ngesikhathi esibekiwe. Lokho kuhlelwe nguSomandla Owazi konke."},{"id":97,"translation":"Futhi [u Allah] nguYena onenzele izinkanyezi ukuze nizisebenzise ukunihola ebumnyameni basemhlabeni nasezilwandle. Nebala sizicacise kahle izibonakaliso labo abanolwazi."},{"id":98,"translation":"Futhi nguYe onidale ngomphefumulo owodwa [ka Adamu], wanenzela indawo lapho niyohlala khona [esinyeni sika mame] nalapho niyolondolozwa khona [emqolo wesilisa]. Nebala sizicacisile izibonokaliso kulabo abaqondasisayo."},{"id":99,"translation":"Kuphinde kube nguYe [u Allah] onehlisela imvula, sabe sesikhiqiza ngayo izitshalo zezinhlobo zonke, esikhiqiza kuzo uhlaza esikhiqiza kulo izinhlavu eziyisixha; nesixha esilengela eduze kwimpova yesundu, nezivande zemivini kanjalo nomhlwathi nehanadi okufanayo [nagamacembe] nokungafani [ngezithelo]. Bhekani ezithelweni zaloluhlaza lapho sezithela nalapho sezivuthwa. Nebala kulokho kunezibonakaliso kubantu abakholwayo."},{"id":100,"translation":"Futhi [abangakholwa] baqokele u Allah abalingani bamaJini nakuba kunguYena [u Allah] obadalile. Baphinda bamsisela ngamadodana namadodakazi bengenalwazi[1]. Ungcwele Yena futhi Uphakeme kulokho abakuphawulayo.","footnotes":"[1] AmaJuda athi iSithunywa u Uzayiri indodana ka Allah, kwathi amaNasarina wona athi, u Isa indodana ka Allah. Abanye bona bathi izingelosi ngamadodakazi ka Allah, okufaka phakathi lenkolelo kaNomkhobolwane. Bonke labantu abanabo nobu bodwa ubufakazi obuvela ku Allah ngalokho abakuphawulayo."},{"id":101,"translation":"[u Allah] Ungumsunguli wamazulu nomhlaba; angaba kanjani nengane ebengenaye umfazi na?. Futhi udale yonke into futhi uyazi yonke."},{"id":102,"translation":"Nguyenake loyo u Allah iNkosi yenu, akekho ofanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwakhe, unguMdali wezinto zonke, ngakhoke mkhonzeni, futhi unguMnakekeli wezinto zonke."},{"id":103,"translation":"Akabonwa ngamehlo kepha uyawabona, futhi Unobuchule Wazi ngakho konke."},{"id":104,"translation":"Nebala zifikile kini izimvulamehlo zivela eNkosini yenu. Lowoke oyovula amehlo uzisiza yena uqobo, futhi lowo ozozenza impumputhe uzilamaza yena uqobo. Belu angiqokwanga ukuba ngumuqhaphi wenu."},{"id":105,"translation":"Sizicacisa kanjalo imibiko, baze bathi [abangakholwa]: “uzifundele”, empeleni sizicacisela labo bantu abanolwazi."},{"id":106,"translation":"[Muhamadi] Landela lokho okwembulelwe kuwe kuvela eNkosini yakho – akekho ofanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwaYo – futhi ungazibandakanyi nalabo ababhanqayo."},{"id":107,"translation":"Ukube u Allah bekathanda bebengeke bambhanqe; belu asikuqokanga ukuba ingqaphi yabo [abangakholwa], futhi awusiyena umnakekeli wabo."},{"id":108,"translation":"Futhi ningabobathuka labo abakhonza okunye ngaphandle kuka Allah, funa bathuke u Allah ngenzondo nokungabi nalwazi. Bheka ngoba senza sonke isizwe saboma izenzo zabo kuyinto enhle, futhi bayobuyela ku eNkosini yabo ibazise ngalokho ababekwkenza."},{"id":109,"translation":"Bafunga ngo Allah bagomela ukuthi uma kufika kubo isibonakaliso bayosikholwa nakanjani. Yithi: “Izibonakaliso ziku Allah, futhi nazingani, uma zifika bangahle bengakholwa?”."},{"id":110,"translation":"Futhi siguqule izinhliziyo zabo nokubona kwabo, njengoba bengafunanga ukukholwa kuyo [iKurani] zibekwa nje, sabashiya benhlanhlatha ekuphambukeni kwabo bengaboni."},{"id":111,"translation":"Ukube sabalethela izingelosi noma abafile bakhulume nabo [mathupha] noma sibalethele yonke into phambu kwabo, angeke bakholwe ngaphandle uma u Allah ethanda, kepha iningi labo alinalwazi."},{"id":112,"translation":"Kanjalo senzela zonke iZithunywa izitha zoShayitani babantu nabamaJini abalekelelanayo ekubekeni amagama akhangayo adukisayo. Kepha uma u Allah ethanda bebengeke bakwenze, ngakhoke bayeke kanjalo namanga abawaqambayo."},{"id":113,"translation":"Labo abangakholwa yibona abayowalalela [amagama akhangayo adukisayo] futhi bayowamukela bese benza lokho abayokwenza."},{"id":114,"translation":"[Yithi] “Ngingamqoka kanjani omunye ngaphandle kuka Allah ukuba abe umehluleli na, kube kunguYena [u Allah] onembulele iNcwadi ecacisa konke”. Futhi labo esabanika iNcwadi bayazi ukuthi ize neqiniso ivela eNkosini yabo. Ngakhoke ungabi ngonokungabaza."},{"id":115,"translation":"Izwi [iKurani] leNkosi yakho lineqiniso eliphelele [kwelikushoyo] nobulungiswa obuphelele [kwimiyalelo], akekho oyophinde aguqule amaZwi aKhe [u Allah], futhi Ungozwayo Owaziyo."},{"id":116,"translation":"Uma uzolalela iningi lalabo abasemhlabeni bayokuphambukisa endleleni ka Allah, ngokuba balandela imindlizo nje futhi baqamba amanga."},{"id":117,"translation":"Nebala, iNkosi yakho ibazi kahle labo abadukayo endleleni yaYo futhi ibazi kahle nalabo abasendleleni eqondile."},{"id":118,"translation":"Dlanini kulokho okubizwe kukho igama lika Allah uma ngempela nokholwa kuzambulo zaKhe."},{"id":119,"translation":"Yini ngani ningadli kulokho okubizelwe kukho igama lika Allah, belu unicacisele lokho aninqabele kona ngaphandle uma niphoqwa yindlala. Nebala iningi labantu liyaduka ngenxa yezinkanuko zabo bengazi. INkosi yakho ibazi kahle labo abayiziphula mthetho."},{"id":120,"translation":"Yekelani amanyala asobala nawangasese, nebala labo abenza amanyala bayojeza ngalokho abakwenzayo [okubi]."},{"id":121,"translation":"Futhi ningadli kulokho okungabizelwana igama lika Allah ngokuba kuyimpambuko. Futhi Oshayitani bayacobelelana nozwakwabo ukuze baqophisane nani; uma nike nabalalela niyoba ngamaMushiriku [ababhangqi]."},{"id":122,"translation":"Lowo obekade efile sabe sesimupha impilo samnika nokukhanya ahamba ngakho phakathi kwabantu, ingabe uyefana yini nalowo osebunyameni angasoze aphuma kubo. Kanjalo, laba abangakholwa kwenziwe kwakuhle kubo lokhu abakwenzayo."},{"id":123,"translation":"Nakanjalo senza kwabakhona kuzo zonke izizwe izikhulu zezigilamkhuba zakhona ukuze kube ezakha amasu; empeleni bazakhela bona amasu kepha ababoni."},{"id":124,"translation":"Uma kufika kubo isibonakaliso bathi: “Angeke neze sakholwa kuze kube sinikwa lokho okwanikwa iZithunywa zika Allah”. U Allah nguYena owazi kangcono ngazomqokela umbiko waKhe. Labo abayiziphula mthetho bayodicilileka ku Allah bathole nesijeziso esinzima ngenxa yamaqhinga abawenzayo."},{"id":125,"translation":"Lowo u Allah afuna ukumholela endleleni eqondile, uvula inhliziyo yakhe ukwamukela i-Isilamu, kuthi lowo afuna ukumdukisa wenza inhliziyo yakhe icinane yenqene [ukwamukela iqiniso], ongathi wenyekela emkhathini; uyobajezisa kanjalo-ke u Allah labo abangakholwa."},{"id":126,"translation":"Lena indlela eqondile yeNkosi yakho; nebala sibacacisele imibiko labo abanokuqonda."},{"id":127,"translation":"Bayongena Emzini Wokuthula [iJana] eNkosini yabo, futhi iyoba umhlengi wabo ngenxa yalokho ababekwenza."},{"id":128,"translation":"Futhi ngoSuku lapho siyobabuthanisa bonke [abantu], [siyothi]: “Nina maJini nezwe kwakuningi ebantwini [nibadukisa]!. Abangani babo kubantu bayothi: “Nkosi yethu sizuzisene kwaze kwafika isikhathi osibekele sona”. Uyothi [u Allah]: “Niyohlala eMlilweni unaphakhade ngaphandle kwalokho okuthandwa ngu Allah”. Nebala iNkosi yakho iKhaliphile iYazi."},{"id":129,"translation":"Futhi kanjalo, sibabhanqa bodwa labo abaphambukile ngenxa yezenzo zabo."},{"id":130,"translation":"Nina maJini nabantu, azizange zifike yini iZithunywa ezivela ngaphathi kwenu zinilandisa ngezambulo zaMi futhi zinixwayisa ngokufika kwenu kuloluSuku na?. Bayothi: “Nembala, singofakazi kithina uqobo”; - kepha bayengwa impilo yasemhlabeni –bazifakazela bona uqobo ukuthi bebengakholwa."},{"id":131,"translation":"Lokho, yingoba iNkosi yakho ayiyibhubhisi indawo ngenxa yempambuko abantu bakhona bengazi bengazelele."},{"id":132,"translation":"Bonke [abantu] banezigaba ngokwezenzo zabo, futhi akusikho ukuthi iNkosi yakho ayikunakile lokho abakwenzayo."},{"id":133,"translation":"Futhi iNkosi yakho iZimele Inomusa; uma ithanda inganishabalalisa nonke bese iletha emuva kwenu indalo ayithandayo, njengoba nani anikhipha ozalweni lwabanye abantu."},{"id":134,"translation":"Nebala lokho enithenjiswe kona kuzofika, futhi ngeke naphunyuka."},{"id":135,"translation":"Yithi: “Bantu bakithi, yenzani enikwenzayo lapho nikhona nami ngizokwenza engikwenzayo,; maduzane nje nizokwazi ukuthi nguba oyophetha ngokuphumelela eJana, belu abaphambukile abasoze baphumelele."},{"id":136,"translation":"Futhi babele u Allah kulokho akudalile kuzitshalo nemfuyo, bathi – ngokusho kwabo: “Lokhu kungokuka Allah, kuthi lokhu kube ngokweZikhonzwa zethu”. Lokhu okwabelwe iZikhonzwa zabo akulokothi kuye ku Allah, kepha lokhu okwabelwe u Allah kuyaya kuZikhonzwa zabo. Yaze yayimbi indlela abathatha ngazo izinqumo."},{"id":137,"translation":"Kanjalo futhi iZikhonzwa zabo zibayenge ngokubulala abantwana babo[1], bebadukisa futhi bebadungela inkolo yabo. Uma u Allah bekathanda bebengeke bakwenze, ngakhoke bayeke nalokho abakwenzayo.","footnotes":"[1] Njengosiko lokugingiswa kwewele okwakukholelwa ukuthi liletha amashwa. Kanye nomkhuba wokuhulula isisu osundlangile esikhathini samanje."},{"id":138,"translation":"Futhi bathi: “Lezi zilwane [ezifuywayo] nezitshalo kunqatshelwe, akekho okumele azidle ngaphandle kwalowo othandwa yithi” – ngokusho kwabo; lezilwane kunqatshelwe ukuba zigitshelwe, kuthi ezinye azibizelwa iGama lika Allah [uma zihlatshwa] njengenye yezindlela zokumqambela amanga [u Allah]. Uzobanika [u Allah] umvuzo wabo ngalamanga abawaqambayo."},{"id":139,"translation":"Baphinde bathi: “Konke okusesiswini zalezilwane kudliwa abesilisa kuphela [uma kuzalwa kuphila] futhi kunqatshelwe kubafazi bethu”. Kepha uma [kuzalwa] kuyincuba badla bonke[1]. Uzobanika [u Allah] umvuzo wabo ngabakushoyo, ngokuba Yena Ungokhaliphile Onolwazi.","footnotes":"[1] Lokhu kufaka phakathi umkhuba wokuhlonza izitho zesilwane esihlatshiwe ngokuthi lesi esezalukazi lesi esamakhehla lesi esabafana noma lesi asidliwa ngozibanibani nozi banibani. Konke akunasisekelo nobufakazi obuphathekayo, kepha imikhuba nje esuselwa kuzinkolelo zezasendulo. Kanjalo nenkolelo yokuthi abantubesibongo esithize abayidli inyama yesilwane esithize. Phela akekho onelungelo lokunqabela lokhu u Allah akuvumele."},{"id":140,"translation":"Nebala balahlekelwe labo ababulala abantwana babo ngobuphukuphuku nobuwula baphinde futhi bazinqabele lokho u Allah ababele kona, belu beqambela u Allah amanga. Ngempela badukile futhi abekho endleleni eqondile."},{"id":141,"translation":"Nguyena [u Allah] odale izivande eziphanyekiwe [njengomvini] nezingaphanyekwanga namasundu nohlaza olunezithelo ezahlukene [ngokunambitheka], nemihlwathi namahanadi afanayo [ngokubukeka] futhi ebe engafani [ngokunambitheka]. Dlanini kuzithelo zaso uma sesithelile futhi nikhiphe ilungelo laso [iZaka yezitshalo] mhla sesivunwa, ningaxhaphazi, ngokuba [u Allah] akabathandi abaxhaphazayo."},{"id":142,"translation":"[Wadala] futhi nasezilwaneni ezifuywayo lezo ezikhona ukuthwala imithwalo kanye nalezo ezingakhoni ukuthwala imithwalo [okusetshenziswa izikhumba zazo kuphela]. Ngakhoke dlanini kulokho u Allah anabele kona futhi ningalandeli ezinyathweleni zika Shayitani, ngokuba uyisitha senu esiqavile."},{"id":143,"translation":"[Wadala izilwane ezifuywayo] zaba izinhlobo eziyisishagalombili; ezimbili ezimvini [iduna nensikazi] ezimbili ezimbuzini [iduna nensikazi]. Yithi [Muhamadi]: “Ingabe unqabele amaduna amabili noma izinsikazi ezimbili noma lokho okuseziswini zezinsikazi ezimbili na? Ngaziseni ngokufakazelwa ulwazi uma ngempela nineqiniso”."},{"id":144,"translation":"Futhi ezimbili kumakameli [iduna nensikazi] nezimbili ezinkomeni [iduna nensikazi]; Yithi [Muhamadi]: “Ingabe unqabele amaduna amabili noma izinsikazi ezimbili noma lokho okuseziswini zezinsikazi ezimbili. Noma mhlawumbe nanikhona mhla u Allah eniyalela ngalokhu na?” Ingabe ukhona yini ophambuke ukudlula lowo oqambela u Allah amanga, ukudukisa abantu engenalwazi. Nebala, u Allah akabahlengi abantu abaphambukayo."},{"id":145,"translation":"Yithi [Muhamadi]: “Angitholi kulokhu okwembulelwe kimi okunqatshelwe ukuba umuntu akudle, ngaphandle uma kuyincuba noma igazi eligelezayo [ububende] noma inyama yengulube – ngokuba kuwukungcola – noma lokho okuyimpambuko okuhlatshelwe abanye ngaphandle kuka Allah. Kepha lowo ophoqwa yisimo engahlosile ukuba yihlongandlebe noma isaphulamthetho, bheka ngoba iNkosi yakho Ingumthetheleli Onesihawu”."},{"id":146,"translation":"Labo abangamaJuda sabanqabela yonke into enezinyawo ezihlangene [njengekameli nedada], saphinde sabanqabela enkomeni nasezimvini [nezimbuzi] amanoni azo, ngaphandle kwalawo anamathele emhlane wazo noma emathunjini noma ahlangene nethambo. Lokho, besibajezisa ngenxa yobuhlongandlebe babo futhi siqinisile ngempela."},{"id":147,"translation":"Uma bekuphikisa, yithi: “iNKosi yenu inesihawu esiyinala futhi akekho oyonqanda isijeziso saYo kubantu abayizigilamkhuba”."},{"id":148,"translation":"Bazothi laba ababhangqayo: “Uma u Allah ubethanda ngabe asibhangqanga thina noba obabamkhulu bethu futhi ngabe asinqabelanga lutho. Labo ababanduleyo baphika kanjalo kwaze bathola isijeziso seThu. Yithi: “Ingabe ninolwazi yini, nisikhiphele lona, empeleni nilandela imidlinzo nje futhi niqamba amanga nje”."},{"id":149,"translation":"Yithi: “Ubufakazi buka Allah bungumnqamula- juqu, futhi ukube ubethanda ubezobaholela endleleni eqondile bonke."},{"id":150,"translation":"Yithi: “Lethani ofakazi benu labo abafakaza ukuthi u Allah wenqabele lokhu”. Uma befakaza, ungafakazi nabo futhi ungalandeli izinkanuko zalabo abaphika imibiko yeThu nalabo abangakholelwa kweLizayo futhi bebe benzela iNkosi yabo abalingani."},{"id":151,"translation":"Yithi: “Wozani nginilandise ngalokho iNkosi yenu eninqabele kona; ukuba ningayibhangqi nalutho futhi niphathe kahle abazali, ningabulali abantwana benu nesaba indlala – Thina sizonondla nina kanye nabo, ningazisondezi namachilo esidlangalaleni nangasese, ningakhiphi umphefumulo lona u Allah awenze igugu ngokungemthetho; yikona lokho Eniyalele ngakho ukuze niqondisise”."},{"id":152,"translation":"Futhi ningasondeli kumcebo wentandane ngaphandle uma ufuna ukwenza okuhle ize iyakhula. Futhi ngobulungiswa nigcwalise izikali – u Allah akamethwesi umuntu umthwalo ongaphezu kwamandla akhe. Futhi uma nikhuluma [nethula ubufakazi], yibani nobulungiswa noma kungaba isihlobo, futhi nigcine isibophezelo sika Allah; yikona lokho Eniyalela ngakho ukuze nilalele."},{"id":153,"translation":"Nanokuthi lena indlela yaMi eqondile yilandeleni, ningalandeli izindlela ezizoqhekeza niduke endleleni yaYo [iNkosi yenu]; yikona lokho Eniyalela ngakho ukuze nithobele u Allah."},{"id":154,"translation":"Futhi sanika uMusa iNcwadi ephelelisa lokho okuhle ebekwenza iphinde ichaze yonke into futhi iwumhlahlandlela nomusa, ukuze bakholwe ukuthi bayohlangana neNkosi yabo."},{"id":155,"translation":"Lena iNcwadi ebusisekile esiyehlisele, ngakhoke yilandeleni futhi nithobele u Allah ukuze nithole umusa."},{"id":156,"translation":"Funa nithi [nina eningakholwa]: “iNcwadi yehliselwa kulamaqembu amabili [amaJuda namaNasarina] asandulelayo futhi besingazihluphi ngokufunda ngabo”."},{"id":157,"translation":"Noma nithi: “Ukube yehliselwa kithi iNcwadi, besizoqonda ukudlula bona”. Nebala ubufakazi obuvela eNkosini yenu bufikile kini kanye nomhlahlandlela nomusa. Ingawe ukhona ophambuke ukudlula lowo ophika izibonkaliso zika Allah aphinde azibalekele. Sizobajezisa kabuhlungu labo ababalekela izibonakaliso zika Allah ngaenxa yokubaleka kwabo."},{"id":158,"translation":"Ingabe balinde ukuba izingelosi zifike kubo noma kufike iNkosi yakho noma ezinye zezibonakaliso zeNkosi yakho na? Ngosuku lapho okuyofika ezinye zezibonakaliso zeNkosi yakho, ukholo lomuntu angeke lumsize ngalutho uma ubekade engakholwa ngaphambilini noma enze okuhle okholweni lwakhe. Yithi: “Lindani nathi silindile”."},{"id":159,"translation":"Nebala, labo abahlakaza inkolo yabo babe ngamaqembu, akukho lutho oluhlanganise nabo, udaba lwabo luku Allah futhi uyobazisa ngalokho abakwenzayo."},{"id":160,"translation":"Lowo owenza okuhle, uyothola umvuzo walokho ophindwe kashumi, kuthi lowo owenza okubi ajeziswe kuphela ngokulingene lokho futhi abayikukwenziwa isisulu."},{"id":161,"translation":"Yithi: “Nebala iNkosi yami ingiholele endleleni eqondile, inkolo eyisisekelo, inkolo kaIbhirahimu omsulwa futhi wayengeyena umbhangqi."},{"id":162,"translation":"Yithi: “iSwala yami nezinkambiso zami nempilo yami nokufa kwami [konke] kungokuka Allah, iNkosi yezizwe zonke”."},{"id":163,"translation":"Akanamlingani; yilokho engiyalelwe kona futhi ngiwokuqala ukuba yiMusilimu [ozinikela entandweni ka Allah]."},{"id":164,"translation":"Yithi: “Ngingamthatha kanjani omunye njengenkosi ngaphandle kuka Allah kube kunguYena iNkosi yezinto zonke. Futhi konke umuntu akwenzayo kuwumthwalo wakhe, belu akekho oyothwalela omunye umthwalo wakhe. Futhi niyobuyela eNkosini yenu bese inazisa ngakho konke lokhu ebeniphikisana ngakho."},{"id":165,"translation":"Nguyena [u Allah] onenze izizukulwane ezilamanayo emhlabeni, waphakamisa izinga labanye phezu kwelabanye izigaba ukuze anivivinye kulokho aniphe kona. Nebala iNkosi yakho ijezisana ngokushesha injalo nje Iyathethelela Inesihawu."}]},{"id":7,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif Lam Mim Swad."},{"id":2,"translation":"INcwadi esayehlisela kuwe ukuze wexwayise ngayo futhi ibe yisikhumbuzo kulabo abakholwayo, ngakhoke mawungabi nokwenqena enhlizweni yakho."},{"id":3,"translation":"Landelani lokho okwehliselwe kini kuvela eNkosini yenu, futhi ningalandeli ngaphandle kwaYo [iNkosi yenu] abanye abangani."},{"id":4,"translation":"Futhi ziningi izizwe esazibhubhisa, isijeziso seThu safika kubo ebusuku noma emini bethathe isihlwathi."},{"id":5,"translation":"Awukho omunye umkhuleko ababewusho mhla kufika isijeziso seThu, ngaphandle kokuthi bathi: “Nebala siphambukile”."},{"id":6,"translation":"Nakanjani siyobabuza labo okwathunyelwa kubo [iZithunywa] futhi sizozibuza neZithunywa imbala."},{"id":7,"translation":"Futhi siyobalandisa ngolwazi [konke abakwenzayo], phela akusikho ukuthi besingekho."},{"id":8,"translation":"Futhi iSikali [sezenzo] siyiqiniso ngaloloSuku; lowo isikali sakhe siyoba nesisindo, yibo labo abayophumelela."},{"id":9,"translation":"Kuthi lowo isikali sakhe siyoba lula, yibo labo abazilahlekelisele ngenxa yokuphambana nezambulo zethu."},{"id":10,"translation":"Nebala sanibeka emhlabeni sanenzela kuwo impilo, kepha kuncane enikubongayo."},{"id":11,"translation":"Futhi sanidala sanibumba sase sithi ezingelosini: “Iwani ngobuso nikhothamele u Adamu”; zakhothama ngaphandle kuka Ibhilisi akakhothamanga nabanye[1].","footnotes":"[1] U Ibhilisi wayengeyona ingelosi kepha uyiJini elavunyelwa ngu Allah ukuba lihlale nezingelosi (Bheka, 18:50 ). Ngakhoke izinkolelo zokuthi u Ibhililsi wayeyingelosi eyaxoshwa ngenxa yokuthi yazima ukuzenza uMdali, yadala impukane ithi izama ukudala inyosi; lena imbudane uqobo."},{"id":12,"translation":"Wathi [u Allah]: “Uvinjwayini ukukhothama lapho ngikuyalela na?”. Wathi [u Ibhilisi]: “Mina ngingcono kunaye [u Adamu], ngokuba mina ungidale ngomlilo kulapho yena umdale ngothuli”."},{"id":13,"translation":"Wathi [u Allah]: “Hamba la, awunalo igunya lokuzigqaja lapha; phuma, futhi uyoba ngongenasithunzi."},{"id":14,"translation":"Wathi: [u Ibhilisi] “Ngiphe impilo ende kuze kube uSuku lokuVuswa”."},{"id":15,"translation":"Wathi [u Allah]: “Nakanjani ungomunye walaba abanikwe impilo ende”."},{"id":16,"translation":"Wathi [u Ibhilisi]: “Njengoba usungudukisile, ngizobavimba [uzalo luka Adamu] ukuba babe sendleleni yaYho eqondile”."},{"id":17,"translation":"Futhi ngiyohlasela ngaphambili, ngemuva, ngakwesokudla nangakwesokunxele kwabo; futhi uyofumanisa iningi labo lingabongi."},{"id":18,"translation":"Wathi [u Allah]: “Phuma kuyo [iJana], uhlazekile uqalekisiwe. Nebala lowo kubo oyokulandela, ngiyogcwalisa iJahanamu ngani nonke”."},{"id":19,"translation":"Adamu, hlala wena nomkakho eJana, nidle kuyo lapho enithanda khona, kepha ningasondeli kulesihlahla funa nibe ngabaphambukile."},{"id":20,"translation":"UShayitani wabe esebahlebela ukuze abavezele lokho ababefihlelwe kona ngezitho zabo zangasese, wathi: “iNkosi yenu ininqabela nje lesihlahla ngoba nobabili [uma nidla kuso] niyoba ngamakhosi noma niphile unaphakade”"},{"id":21,"translation":"Wafunga kubo bobabili ukuthi ungumeluleki kubo bobabili."},{"id":22,"translation":"Kanti wabe ebakhohlisa bobabili. Kwathi lapho bobabili sebedlile esihlahleni izitho zabo zangasese zavela obala, baphuthuma bebhinca amacembe aseJana. Kusenjalo, yabamemeza bobabili iNKosi yabo [yathi]: “Benginganinqabela yini leso sihlahla futhi benginganitshelanga yini ukuthi uShayitani uyisitha soqobo kini nobabili na?”"},{"id":23,"translation":"Bathi bobabili [u Adamu noHawa]: “Nkosi yethu, siphambukile sazigwaza ngowethu, kepha uma ungasithetheleli ube nomusa kithi, nakanjani siyoba ngabalahlekelwe”."},{"id":24,"translation":"Wathi [u Allah]: “Hambani nehle, abanye benu bayoba izitha kwabanye, futhi niyakuhlala emhlabeni ninethezeke okwesikhashana”."},{"id":25,"translation":"Wathi [u Allah]: “Niyophila khona [emhlabeni] niphinde nife khona bese nikhishwa khona [emathuneni mhla nivuswa]."},{"id":26,"translation":"Bantwana baka Adamu, nebala sinehlisele izembatho efihla ingasese lenu niphinde nivunule ngazo. Kepha izembatho zeTakuwa [zokuthobela u Allah][1] yizona ezingcono. Lokho kungezinye zezibonakaliso zika Allah, hleze niqondisise.","footnotes":"[1] Izenzo zomuntu yizona zembatho empeleni umuntu aziwa ngazo naduma ngazo ezweni sakhile. Kadeni isaga sasho ukuthi ingwe idla ngamabala. iMusilimu lona lidla ngokuthobela imiyalelo ka Allah empilweni yalo ngenhloso yokuthokozisa uSomandla, yiwonake lamabala iMusilimu elidla ngawo kuMdali walo."},{"id":27,"translation":"Bantwana baka Adamu, uShayitani makanganilingi njengoba akhipha abazali benu eJana wabahlubulisa izimpahla zabo efuna ukubabonisa ingasese labo. Nebala yena nohlobo lwakhe bayanibona lapho nina ningababoni. Belu senze amaShayatini abangani balabo abangakholwa."},{"id":28,"translation":"Futhi uma benze ichilo bathi: “Sathola obaba bethu bekwenza[1] futhi no Allah usiyalele ngakho”. Yithi: “u Allah akayaleli ngamanyala; ingabe nibhixa u Allah ngeningakwazi nani na?”","footnotes":"[1] Labo abangazimisele ngokwamukela iqiniso, bahlala bevika ngokuthi abafuni ukushiya amasiko obaba mkhulu babo noma lawo masiko kungamanyala ayichilo esintwini; njengokuhambaze, nokuphinga okusekudlangile ngenxa yokuqinisa kwabo amakhanda ngamalobolo amba eqolo, belu njalo bevika ngokuthi usiko lobaba mkhulu."},{"id":29,"translation":"Yithi: “iNkosi yami iyalela ngobulungiswa; futhi bhekisani amabombo kuwo wonke amaMasajidi nikhuleke kuYe [u Allah] ngokholo olumsulwa. Futhi njengoba anisungula [wanidala] ekuqaleni niyobuyela kuleso simo [emuva kokunivusa ekufeni]."},{"id":30,"translation":"Kunalabo abaholela endleleni eqondile kanti futhi kunalabo abadelwa ukuduka; kungoba benza amaShayatini izithenjwa zabo[1] ngaphandle kuka Allah, bebe becabanga ukuthi basendleleni eqondile.","footnotes":"[1] Lokhu kwenza amaShayatini izithenjwa, kufaka phakathi ukukhonza amadlozi okungukukhonza amaJini angosomathuba aphezu komshikashika wokudukisa isintu."},{"id":31,"translation":"Bantwana baka Adamu, yibani bahle lapho niya noma kuyiphi iMasijidi, futhi nidle niphuze kepha ningamoshi, ngokuba Yena [u Allah] akabathandi labo abamoshayo."},{"id":32,"translation":"Yithi [Muhamadi]: “Ngubani lona onqabela ubuhle buka Allah lobu ahlinzeke ngabo izinceku zaKhe kanye nesondlo esihlanzekile azabele sona na?”. Yithi: “Bungobalabo abakholwayo empilweni yasemhlabeni kanti kuyoba ngobabo kuphela ngoSuku lokwaHlulela”. Siyicacisa kanjalo imibiko kubantu abanolwazi."},{"id":33,"translation":"Yithi [Muhamadi]: “Empeleni iNkosi yami inqabele amachilo esidlangalaleni nangasese, nokuphambuka nokuhlukumeza [abanye] ngokungemthetho, nokubhangqa u Allah nalokho angabuphanga ubufakazi ngakho, nokuthi nikhulume ngo Allah lokho eningakwazi nani”."},{"id":34,"translation":"Futhi zonke izizwe zinesikhathi [sokufa] ezibekelwe sona, uma sesifika isikhathi sabo angeke baphile ngisho umzuzu owodwa futhi ngeke bafe kusasele umzuzu owodwa."},{"id":35,"translation":"Bantwana baka Adamu, kuyohlala kufika kini iZithunywa ezivela kini zinilandisa ngeMibiko yaMi; ngakhoke labo abayothobela u Allah baphinde benze okuhle, abayikwesaba futhi abayikuba lusizi."},{"id":36,"translation":"Futhi labo abaphika iMibiko yeThu baphinde bazigqaje ngayo; yibo kanye labo abayongena eMlilweni babhandle kuwo unaphakade."},{"id":37,"translation":"Ingabe ubani ophambuke ukudlula lowo oqambela u Allah amanga aluhlaza noma ophika iMibiko yaKhe na? Labo bayothola isabelo sabo ababhalelwe sona, kuze lapho kufika izithunywa [izingelosi] zeThu zithatha imiphefumulo yabo, zithi: “Kuphi lokhu ebenikhuleka kukho ngaphandle kuka Allah na?”. Bayothi: “Kusilahlekele”. Bheka ngoba bayozifakazela bona uqobo ukuthi babengakholwa."},{"id":38,"translation":"Uyothi [u Allah]: “Ngenani eMlilweni kanye nezinye izizwe ezinandulelayo zamajini nabantu”. Kuyothi njalo uma singena [emlilweni] isizwe siqalekise esinguzakwabo [lesi esingene kuqala] zize zilakanyelane kuwo [uMlilo], lesi esokugcina [okungabalandeli] siyothi kulesi esokuqala [okungabaholi nezikhulu]: “Nkosi yethu, laba basidukusile ngakhoke baphe isijeziso somlilo esiphindaphindiwe. Uyothi [u Allah]: “Wonke umuntu unesakhe esiphindiwe, into nje anazi”."},{"id":39,"translation":"Siyothi esokuqala [okungabaholi] kwesokugcina [okungabalandeli]: “Cha, aningcono ngalutho kithi, ngakhoke sizweni isijeziso ngenxa yemisebenzi yenu”."},{"id":40,"translation":"Nebala, labo abaphika iMibiko yethu baphinde bazigqaje ngayo, angeke bavulelwe iminyango yezulu futhi angeke bangene eJana kuze kube kungena ikameli embotsheni yenalidi; sizijezisa kanjalo izigilamkhuba."},{"id":41,"translation":"EJahanamu bayondlalelwa icansi [lomlilo] kuthi ngaphezulu bambozwe umthunzi [welangabi]; sibajezisa kanjalo abaphambukayo."},{"id":42,"translation":"Kuthi labo abakholwayo baphinde benze okuhle – asimthwezi umuntu umthwalo ongaphezu kwakhe – yibona labo abayongena eJana, bahlale khona unaphakade."},{"id":43,"translation":"Futhi siyisusa konke okungamagqubu [umona, imidlinzo, njll.] ezinhlizweni zabo, imifula iyobe igeleza ngenzansi kwabo. Bayothi: “Udumo lungoluka Allah, Lona osiholele kulokhu nakuba besingeke siholeleke ukube u Allah akasiholanga. Nebala zafika iZithunywa zeNkosi yethu neqiniso”. Bayobe sebemenyezelwa ukuthi: “Leyo Jana [enikuyo] niyinikwe ngenxa yezenzo zenu”."},{"id":44,"translation":"Laba abaseJana bayomemeza labo abaseJahanamu, bathi: “Nebala sikuthole kuyiqinso lokhu iNkosi yethu ebesithembiso kona, ingabe nina nikuthole kuyiqino yini lokhu iNkosi yenu ebenithembise kona na?”. Bayothi: “Yebo kunjalo”. Isimemezi siyomemeza phakathi kwabo sithi: “Isiqalekiso sika Allah masibe kulabo abaphambukile”."},{"id":45,"translation":"Labo ababevimbela [abanye] endleleni ka Allah baphinde balangazelele ukube ibe nokugwemba, [bakwenza konke lokhu] abakholwa kweLizayo."},{"id":46,"translation":"Phakathi kwabo [abaseJana naseJahanamu] kunomthangala, [kulomthangala] i-A’arafu kunamadoda abazi bonke [abantu, baseJana neJahanamu] ngezimpawu zabo. Bayobiza abaseJana [bathi]: “Ukuthula makube kini” - abangena kuyo [iJana] nakuba beyiangazelela."},{"id":47,"translation":"Uma amehlo abo ebhekiswa ngakwabaseJahanamu, bathi: “Nkosi yethu ungasenzi sibe kanye nabantu abaphambukile”."},{"id":48,"translation":"Labo abakumthangala i-A’arafu bayobiza amadoda abayowabona ngezimpawu zabo, bathi: “Konke lokhu ebenikuqoqa nalokhu ebenizigqaja ngakho akunisizanga ngalutho”."},{"id":49,"translation":"Ingabe yibona yini laba [abangene eJana] enafunga nagomela ukuthi u Allah akasoze abe nomusa kubo na?. [Kuyothiwa kulabo abasemthangaleni]: “Ngenani eJana, aniyukwesaba futhi aniyikuba lusizi”."},{"id":50,"translation":"AbaseJahanamu bayobiza abaseJana, [bathi]: “Akenisinanele amanzi noma kulokho u Allah anabele kona”. [Bayothi]: “u Allah ukunqabele kokubili kulabo abangakholwa”."},{"id":51,"translation":"Labo abathathe ukholo lwabo njengento yokuchitha isikhathi nomdlalo, baphinde bayengwa impilo yomhlaba. Namhlanje Siyabalibala njengoba nabo balibala lomhlangano waloluSuku lwabo, futhi nangenxa yokuchitha iMibiko yethu."},{"id":52,"translation":"Futhi Sabalethela iNcwadi esayicacisa ngolwazi, ukuze ibe umhlanhlandlela nomusa kubantu abakholwayo."},{"id":53,"translation":"Ingabe balinde ukuba kwenzeke na? Ngosuku lapho kuyokwenzeka khona, bayothi labo abakushaya indiva phambilini: “Nebala, zafika iZithunywa zeNkosi yethu neqiniso. Ingabe bakhona abangasikhulumela basishwelezele noma nje sibuyele emuva ukuze ngokwahlukile kulokho ebesikwenza na?” Empeleni bazilahlekelisele bona uqobo baphinde balahlekelwa yilokho ababeziqambele kona [ngezikhonzwa zabo]."},{"id":54,"translation":"Nebala iNkosi yenu ngu Allah, lona owadala amazulu nomhlaba ezinsukwini eziyisithupha wabe esephakamela eSihlalweni. Umboza imini ngobusuku ngokulandelana okusheshayo; futhi [wadala] ilanga nenyanga nezinkanyezi, konke kulawula nguYe. Bheka ngoba ukudala nokulawula kungokwaKhe. Ubusisekile u Allah iNkosi yezizwe zonke."},{"id":55,"translation":"Khulekani eNkosini yenu ngokuzithoba buthule, ngokuba ayibathandi labo abayiziphulamthetho."},{"id":56,"translation":"Futhi ningenzi ukuphambuka emhlabeni emuva kokuba usulungisiwe. Belu nikhuleke kuYo [iNkosi yenu] ngokwesaba nangethemba; ngokuba umusa ka Allah useduze nalabo abenza okuhle."},{"id":57,"translation":"Futhi nguYena oletha umoya njengebika lezindaba ezinhle wandulela umusa [imvula] waKhe, uthwele ifu elisindayo [lemvula] esiletha ngalo amanzi endaweni efile [ngenxa yesomiso], sibe sesehlisela amanzi kuyo sikhiqize ngawo [amanzi] zonke izinhlobo zezithelo. Siyobavusa kanjalo abafileyo; hleze nizoqondisisa."},{"id":58,"translation":"Futhi indawo enhle, izitshalo zayo ziyakhula ngemvumo yeNkosi yayo [indawo], kepha kwembi [indawo] ziphuma kanzima. Siyicacisa kanjalo iMibiko kubantu ababongayo"},{"id":59,"translation":"Nebala, sathumela uNuhu kubantu bakhe, wathi: “Bakwethu, khonzani u Allah, ngokuba akekho ofanelwe ukuba nimkhonze ngaphande kwaKhe. Impela nginesabela isijeziso soSuku olunzima”."},{"id":60,"translation":"Izikhulu kubantu bakubo zathi: “Imbala sikubona usekudukeni okusobala”."},{"id":61,"translation":"Wathi [uNuhu]: Bakwethu angidukile mina, kepha ngiyiSithunywa esivela eNkosini yezizwe zonke”."},{"id":62,"translation":"Nginethulela iMibiko yeNkosi yami futhi ngiyaneluleka, nginjalo nje ngazi ngo Allah lokho eningakwazi."},{"id":63,"translation":"Kumbe, nimangazwa ukuthi isikhumbuzo esivela eNkosini yenu sifika nendoda engomunye wenu ukuze inexwayise, ukuze nani nithobele uAllah funa nithole umusa."},{"id":64,"translation":"Bamuphika njengonamanga; kepha Samhlenga yena nalabo ayekanye nabo emkhunjini, sabe sesigwilisa labo abaphika iMibiko yeThu; impela babengabantu abayizimpumputhe."},{"id":65,"translation":"Nasesizweni sakwa Adi Sabathumela umfowabo uHudi, owathi: “Bakwethu, khonzani u Allah ngokuba akekho ofanelwe ukuba nimkhonze ngaphandle kwaKhe; kungani ningamthobeli u Allah na?”"},{"id":66,"translation":"Izikhulu lezi ezingakholwa kubantu bakubo zathi: “Sikubona unobuphukuphuku futhi sicabanga ukuthi uqamba amanga”."},{"id":67,"translation":"Wathi: “Bakwethu, anginabuphukuphuku kepha ngiyiSithunywa esivela eNkosini yezizwe zonke”."},{"id":68,"translation":"Nginethulela iMibiko yeNkosi yami futhi ngingumeluleki othembekile kini."},{"id":69,"translation":"Kumbe, nimangazwa ukuthi isikhumbuzo esivela eNkosini yenu sifika nendoda engomunye wenu ukuze inexwayise. Khumbulani mhla enibeka njengesizukulwane emuva kwabantu bakaNuhu, waphinde wanandisela ngesakhiwo somzimba; ngakhoke khumbulani izibusiso zika Allah hleze niphumelele."},{"id":70,"translation":"Zathi [izikhulu]: “Ingabe uze kithi ukuba sikhonze u Allah Yena yedwa vo, siyeke lokho obekukhonzwa ngobabamkhulu bethu na? Ungasilethela lokhu ode usithembisa kona uma uqinisile."},{"id":71,"translation":"Wathi: “Nebala senehlelwe isijeziso nentukuthelo okuvela eNkosini yenu. Niphikana nami ngamagama eniziqambele wona nina ngokwenu kanye noyihlomkhulu, lawa u Allah engambulelanga bufakazi ngawo. Ngakhoke lindani, nami ngilindile kanye nani”."},{"id":72,"translation":"Sabe sesimhlenga yena nalabo ababekanye naye ngomusa weThu, sanqamula ulibo lwalabo abaphika iMibiko yethu futhi babengebona abakholwayo."},{"id":73,"translation":"Nasesizweni sakwa Tamudi Sabathumela umfowabo uSwalihi, owathi: “Bakwethu, khonzani u Allah ngokuba akekho ofanelwe ukuba nimkhonze ngaphandle kwaKhe. Nebala zifikile kini izibonakaliso ezivela eNkosini yenu; [bhekhani nje] nali ikameli lika Allah eliyisibonakaliso kini, ngakhoke liyekeleni lidle emhlabeni ka Allah ningalenzi okubi funa nishaywe isijeziso esibuhlungu”."},{"id":74,"translation":"Nikhumbule mhla enibeka njengesizukulwane emuva kwabantu bakwa Adi futhi wanenzela kwaba lula ukwakha emhlabeni; nikwazi ukwakha izithabathaba emaqeleni awo futhi benibaza izindlu ezintabeni; ngakhoke khumbulani izibusiso zika Allah futhi ningabi abonayo emhlabeni."},{"id":75,"translation":"Izikhulu lezi ezizigqajayo kubantu bakubo, zathi kulaba abakholwa kulabo ababethathelwa phansi: “Ingabe ninesiqiniseko sokuthi uSwalihi uthunywe iNkosi yakhe na?” Bathi [abakholwayo]: “Thina siyakholelwa kulokho athunywe nakho.”"},{"id":76,"translation":"Laba abazigqajayo bathi: “Thinake asikholelwa kulokho enikholelwa kukho”."},{"id":77,"translation":"Base sebelihlaba ikameli baphula umyalelo weNkosi yabo, baphinda bathi: “We Swalihi, silethele phela lokhu obukade usithembisa kona uma ngempela ungomunye weZithunywa”."},{"id":78,"translation":"Bashaywa ukuzamazama okunzima balala uyaca emzini wabo bequlusile."},{"id":79,"translation":"Wabashiya kanjalo, wathi: “Bakwethu, nebala nginethulele uMbiko weNkosi yami ngaphinde nganeluleka kepha nina, anibethandi abaluleki”."},{"id":80,"translation":"Futhi noLuti samthumela. Khumbula mhla ethi kubantu bakubo: “Nenza amanyala? akekho noyedwa owake wawenza ngaphambi kwenu ezizweni zonke”."},{"id":81,"translation":"“Bheka ngoba nikhanuka abesilisa niyeke abesifazane; empeleni ningabantu abayiziphula mthetho”."},{"id":82,"translation":"Impendulo yabantu bakubo kwaba nje ukuthi bathi: “Bakhipheni endaweni yenu, ngokuba bangabantu abazenza abamsulwa”."},{"id":83,"translation":"Sabe sesimhlenga yena [uLuti] nomndeni wakhe ngaphandle komkakhe yena owaba kanye nababhubha."},{"id":84,"translation":"Sehlisela phezu kwabo imvula [yesijeziso]. Ngakhoke bheka isiphetho sezigilamkhuba."},{"id":85,"translation":"Nasesizweni saseMadiyana, sathumela umfowabo uShu’ayibu, wathi: “Bakwethu, khonzani u Allah ngokuba akekho ofanele ukuba nimkhonze ngaphandle kwaKhe. Nebala bufikile kini ubufakazi obuvela eNkosini yenu; ngakhoke gcwalisani izikali ngokufanele futhi ningaqoli abantu impahla yabo bese ningenzi ukuphambuka emhlabeni emuva kokuba usulungusiwe; yikona lokho okungcono kini uma ningabakholwayo”."},{"id":86,"translation":"“Futhi ningalokhu nihlala kuzo izindlela nisabisa futhi nivimba endleleni ka Allah labo abakholelwa kuYe futhi ningafuni ukuyibona igwembile. Nikhumbule mhla niyidlanzana [u Allah] wanandisa futhi nibheke ukuthi sabanjani isiphetho sabaphambukayo”."},{"id":87,"translation":"“Futhi uma kukhona abakholelwa kulokho engithunywe nakho, nalabo abangakholwa; bekezelani kuze kube u Allah uyehlulela phakathi kwethu, phela nguYena uMehluleli ovelele”."},{"id":88,"translation":"Izikhulu lezi ezizigqajayo zathi: “We Shu’ayibu, sixosha wena nalaba okholwa nabo endaweni yethu okukanye nibuyele enkolweni yethu”. Wathi: “Ngisho noma singafuni na?”"},{"id":89,"translation":"“Siyobe sesiqambele u Allah amanga aluhlaza uma sibuyela enkolweni emuva kokuba u Allah esihlengile kuyo. Cha, angeke sibuyele kuyo ngaphandle-ke uma u Allah ethanda, bheka ngoba iNkosi yethu yengamele yonke into ngolwazi. Sesithembele ku Allah. Nkosi yethu, yehlulela ngeqiniso phakathi kwethu nabantu bakithi, ngokuba Wena ungumehluleli ovelele”."},{"id":90,"translation":"Izikhulu lezi ezingakholwa kubantu bakubo zathi: “Uma nje nike nalandela uShu’ayibu, nakanjani niyolahlekelwa”."},{"id":91,"translation":"Bashaywa ukuzamazama okunzima balala uyaca emzini wabo bequlusile."},{"id":92,"translation":"Labo abaphikisa uSha’ayibu kwaba ngathi abakaze bahlale khona. Labo abaphika uSha’ayibu yibona kanye abalahlekelwa."},{"id":93,"translation":"Washiya kanjalo, wathi: “Bakwethu, ngempela nginethulele iMibiko yeNkosi yammi ngaphinda nganeluleka, ngingabazwela kanjanike abantu abangakholwa na?”"},{"id":94,"translation":"Futhi njalo nje uma sithumela iSithunywa endaweni sasijezisa bantu bakhona ngenhlupheko nangezifo, ukuze bazithobe."},{"id":95,"translation":"Emuva kwalokho siguqule okubi ngokuhle baze bande, bese bethi: “Obabamkhulu nabo behlelwa ubunzima nobumnandi”. Kuthi kusenjalo sibajezise bengazelele futhi benganakile[1].","footnotes":"[1] Izibhicongo nezinhlekelele zemvelo, ezinye zezindlela uMdali u Allah avusa ngazo isintu ekuphambukweni kwaso nentando yaKhe. Kepha labo abangazihluphi ngokuthobela uMdali, bathatha lezigameko njengenhlala yenza namahlala khona, baqhubele nempilo kuze kube kufika isikhathi lapho bejeziswa khona benganakile."},{"id":96,"translation":"Ukuba nje abantu bendawo bakholwa baphinde bazithiba, sasizobavulela izibusiso ezivela ezulwini nasemhlabeni, kepha bpna baphika, sabe-ke sesibajezisa ngemisebenzi yabo."},{"id":97,"translation":"Ingabe abantu bendawo bazizwa bephephile yini esijezisweni seThu esingabafikela ebusuku belele na?"},{"id":98,"translation":"Noma abantu bendawo bazizwa bephephile yini esijezisweni seThu esingabafikela emini bezidlalela na?"},{"id":99,"translation":"Ingabe bazizwa bephephile ekuhleleni kuka Allah na?. Empeleni abantu abalahlekelwe [abadukile] abazizwa bephephile ekuhleleni kuka Allah."},{"id":100,"translation":"Laba abazuza umhlaba emuva kwabanikazi bawo, uthi abakaboni yini ukuthi ukube besithanda besizobajezisa ngenxa yezimpambuko zabo na, siphinde simboze izinhliziyo zabo ngenxa yalokho bengasezwa."},{"id":101,"translation":"Lezo izizwe esikulandisa ngazo ngezindaba zazo. Nebala iZithunywa zabo zafika kubo nobufakazi, kepha abazange bakholelwe kulokho abebevele sebekuphikile phambilini. U Allah uzimboza kanjalo izinhliziyo zabangakholwa."},{"id":102,"translation":"Futhi asibafumanisanga abaningi kubo benokuzimisela, kunalokho sifumanise iningi kubo liyiziphula mthetho."},{"id":103,"translation":"Sabe sesithumela emuva kwazo [izizwe zasendulo] uMusa neMibiko yeThu kuFirawuni nezikhulu zakhe, kepha baphambana nayo. Bhekake ukuthi sinjani isiphetho sabenza ukuphambuka."},{"id":104,"translation":"Wathi uMusa: “Fir’awoni, ngempela ngiyiSithunywa esivela eNkosini yezizwe zonke”."},{"id":105,"translation":"Kumele nakanjani ngingakhulumi ngo Allah ngaphandle kwalokho okuyiqiniso. Ngize kini nobufakazi obuvela eNkosini yenu, ngakhoke dedelela kimi isizwe sakwa Isirayeli."},{"id":106,"translation":"Wathi [uFir’awoni]: “Uma ukuthi uze nesibonakaliso silethe phela uma uneqiniso”."},{"id":107,"translation":"Wabe [uMusa] esejikijela phansi induku yakhe, makhathaleni yaba inyoka uqobo lwayo."},{"id":108,"translation":"Waphinde wakhipha isandla sakhe, saba mhlophe qwa kulabo ababethamele."},{"id":109,"translation":"Izikhulu zesiswe sikaFira’woni zathi: “Lona isanusi esingungoti impela”."},{"id":110,"translation":"“Ufuna ukunikhipha ezweni lenu, ngakhoke nithi akwenziwe njani na?”"},{"id":111,"translation":"Bathi: “Ake uthi ukumlindisa benomfowabo bese uthumela izigijimi kuzo zonke izindawo”."},{"id":112,"translation":"“Zikulethele zonke izanusi ezingongoti”."},{"id":113,"translation":"Zafika izanusi ku Fir’awoni zathi: “Kumele sithole umvuzo uma kuba yithina esinqobayo”."},{"id":114,"translation":"Wathi [uFir’awuni]: “Nakanjani futhi niyoba zithenjwa”."},{"id":115,"translation":"Zathi [izanusi]: “We Musa, ungaphonsa noma kube yithina esiphonsayo”."},{"id":116,"translation":"Wathi [uMusa]: “Jikijelani nina”. Kwathi lapho bejikijela bathakatha amehlo abantu babathusa futhi beza nelumbo elinzima."},{"id":117,"translation":"Sembulela kuMusa ukuba aphonse induku yakhe. Kwabe isigwinya konke lokhu ababeqamba ngakho amanga."},{"id":118,"translation":"Laqhakamba iqiniso kwashabalala konke lokho ababekwenza."},{"id":119,"translation":"Banqotshwa khona lapho, babuyele emumva behlazekile."},{"id":120,"translation":"Izanusi zona zawa phansi ngobuso zakhothama."},{"id":121,"translation":"Zathi: “Siyakholelwa eNkosini yezizwe zonke”."},{"id":122,"translation":"INKosi kaMusa noHaruna."},{"id":123,"translation":"Wathi uFir’awuni: “Nikholelwa kuyo ngaphambi kokuba mina nginiphe imvumo na? Nebala leli isu enilakhile endaweni ukuze nikhiphe kuyo abantu bakhona. Nizokwazi kahle”."},{"id":124,"translation":"“Ngizonqamula izingalo zenu nemilenze yenu ngokuphambana bese nginiphanyeka nonke”."},{"id":125,"translation":"Zathi [izanusi]: “Nebala siyobuyela eNkosini yethu”."},{"id":126,"translation":"Usijezisa nje ngoba sikholwe izibonakaliso zeNkosi yethu nxa zifika kithi. Nkosi yethu siphe ukubekezela usithathe emhlabeni singamaMusilimu."},{"id":127,"translation":"Izikhulu zesizwe sika Fir’awuni zathi: “Ushiya uMusa nesizwe sakhe benze impambuko ezweni baphinde bashiye wena nezikhonzwa zakho na?” Wathi [uFir’awuni]: “Sizobulala amadodana abo siyeke abafazi babo bephila, bheka ngoba yithina esibaphethe”."},{"id":128,"translation":"Wathi uMusa esizweni sakhe: “Celani usizo ku Allah futhi nibekezele, ngokuba izwe ngelika Allah ulipha lowo amthandayo ezigqileni zaKhe futhi kuyogcina labo abazithibayo”."},{"id":129,"translation":"Sathi [isizwe sika Musa]: “Sihlukumezekile ngaphambi kokuba ufike nasemuva kokuba usufikile”. Wathi [uMusa]: “Kungekudala iNkosi yenu iyosibhubhisa isitha senu bese ibeka nina ezweni ukuze abheke ukuthi niyoziphatha kanjani”."},{"id":130,"translation":"Nebala Samjezisa uFir’awuni ngesomiso nangokuncipha kwezithelo ukuze balalele."},{"id":131,"translation":"Kepha kwakuthi uma behlelwa okuhle bathi: “okwethu lokhu”. Kuthi uma behlelwa okubi, bagxeke uMusa nalabo ayenabo ngokubalethele amabhadi. Bheka ngoba amabhadi abo aku Allah, kepha iningi labo alazi."},{"id":132,"translation":"Futhi bathi: “Noma zingaba ngaki izibonakaliso oziletha kithi uzosithakatha ngazo, asisoze sakukholwa”."},{"id":133,"translation":"Sathumela kubo izikhukhula nesikhonyane nezintwala namasele negazi njengezibonakaliso ezicacisiwe; kepha bazigqaja futhi babengabantu abayiziphula mthetho."},{"id":134,"translation":"Futhi kwakuthi lapho sebehlelwe isijeziso bathi: “Musa sikhulekele eNkosini yakho ngalokho ekuthembise kona, uma ungasisusela isijeziso siyokukholwa futhi sidedele kuwe isizwe sakwa Isirayeli”."},{"id":135,"translation":"Kepha uma sesibasusele isijeziso isikhathi esithize ababekelwe sona, kuba yibona kanye abephula izithembiso."},{"id":136,"translation":"Ngakhoke sabajezisa ngokubagwilisa olwandle ngenxa yokuthi baphika izibonakaliso zeThu futhi bazishaya indiva."},{"id":137,"translation":"Sabe sesinika labo bantu ababecindezelwe [isizwe sakwa Isirayeli] impumalanga nentshonalanga yezwe [indawo yaseShamu], lena phela esiyibusisile. Lafezeka- ke Izwi Elihle leNkosi yakho[1] kusizwe sakwa Isirayeli ngenxa yokubekezela kwabo. Futhi sabhubhisa konke lokho okwakhiwa uFir’awuni nesizwe sakhe kanye nezakhiwo zabo eziphakeme[2].","footnotes":"[1] Bheka iSura 28:5.\n[2] Lokhu kukhomba ukuthi izinsalela zempilo yasendulo ezweni laseMisiri (eGibhithe) kanjalo nezakhiwo ezifana namaPhilamide akusizona ezesikhathi sikaFir’awuni lona owayephila ngesikhathi seSithunywa uMusa, ngoba konke okwangaleso sikhathi kwabhubha unomphela."},{"id":138,"translation":"Futhi sawelisa isizwe sakwa Isirayeli ulwandle, bazithela phezu kwabantu ababezinze ezithixhweni zabo, bathi [abakwa Isirayeli]: “Musa, senzele nathi isikhonzwa njengoba nabo benezikhonzwa”. Wathi [uMusa]: “Ngempela nina niyiziwula”."},{"id":139,"translation":"Ngempela lokho laba abagxile kukho kuyimbubhiso uqobo futhi kuwumbhedo konke lokhu aabkwenzayo."},{"id":140,"translation":"Wathi [uMusa]: “Nginganifunela kanjano omunye eningamukhonza ngaphandle kuka Allah na, belu nguYena oniqokile ezizweni”."},{"id":141,"translation":"Futhi khumbulani mhla sinitakula kuFir’awuni enijezisa kabuhlungu, ebulala amadodana enu futhi eyeka abafazi benu. Futhi kukho konke lokho bekunesivivinyo esinzima esivela eNkosini yenu."},{"id":142,"translation":"Futhi sabekela uMusa ubusuku obungamashuni amathathu saphinda sathasisela ngobuyishumi[1], kwase kuthi isikhathi seNkosi yakhe ayebekelwe sona [ukukhuluma neNkosi yakhe] saba ubusuku obungamashumi amane. Wabe uMusa esethi kumnewabo uHaruna: “Thatha isikhundla sami ebantwini bami wenze okulungile futhi ungalandeli indlela yabaphambukayo”.","footnotes":"[1] Osolwazi beTafisir njengoMujahidi noMasuruku bathi ubusuku obu-30 kwakungobenyanga ka Dul Ka’ada [inyanga ye-11] kuthi obuyishumi bube obenyanga ka Dul Hija [inyanga yokungcina ye-12]."},{"id":143,"translation":"Kwathi uMusa esefikile endaweni yeThu esimbekele yona, yakhuluma naye iNkosi yakhe, wabe [uMusa] esethi: “Nkosi yami, ngeze ngikwazi ukukubona”. Yathi: “Awusoze ungibone, kodwa ungabheka entabeni, uma ilokhu isazimelele endaweni yayo uzongibona”. Kwathi lapho iNkosi yakhe iziveza entabeni, yayilothisa yaphushuka, uMusa yena waquleka. Kwathi lapho ephaphama wathi: “Mawungcweliswe, ngiyazisola kuWe futhi ngingowokuqala kwabakholwayo”."},{"id":144,"translation":"Wathi [u Allah]: “Musa, ngempela ngikuqokile ebantwini ngoMbiko waMi neZwi laMi, ngakhoke thatha lokho engikupha kona bese uba obongayo:."},{"id":145,"translation":"Samlobela eziqwembeni izaluleko nencazelo yayo yonke into; [Sathi kuye]: “ngakhoke zithathe [iziqwembe] ngokuzimisela futhi uyalele abantu bakho bazikhandle ngalokho okuhle [imiyalelo] kuzo, ngokuba ngiyonikhombisa indawo yeziphulamthetho [uMlilo]."},{"id":146,"translation":"Ngiyobaqhelelanisa neMibiko yaMi labo abazigqajayo ngokungemthetho; okuthi uma bebona zonke izibonakaliso bengazikholwa. Uma bebona indlela yokulunga abahambi ngayo, kepha uma bebona indlela yokuphambuka bahamba ngayo. Lokho yingoba baphika iMibiko yeThu futhi belokhu beyishaya indiva."},{"id":147,"translation":"Futhi labo abaphika iMibiko yeThu nokuHlangana kweLizayo, izenzo zishabalele. Ingabe abavuziswanga ngaphandle kwalokho ababekwenza na?"},{"id":148,"translation":"Futhi abantu bakaMusa emuva kokuba esengekho, bakhanda isiqu sethole elalibhonga. Ingabe ababoni yini ukuthi alikwazi ukukhuluma nabo futhi alibaholeli ndawo na? Balikhanda [ithole] baphambuka."},{"id":149,"translation":"Kwathi sebezisola futhi babona ukuthi bebedukile bathi: “Uma iNkosi yethu ingabi nomusa kithi futhi isithethelele, nakanjani siyoba ngabalahlekelwe”."},{"id":150,"translation":"Kuthe lapho uMusa ebuyela kubantu bakhe ecasukile ethukuthele, wathi: “Kwaze kwakubi lokho enikwenzile ngikhekho. Neqe umyalelo weNkosi yenu na?”. Wabe esejikijela phansi iziqwembe wagxavula ikhanda lomnewabo emdonsela kuye, wathi [uHaruna]: “Mtakama, ngempela abantu bangithathele phansi futhi bacishe bangibulala, ngakho ungahlekisi ngami ezitheni futhi ungangibandakanyi nabantu abaphambukile”."},{"id":151,"translation":"Wathi [uMusa]: “Nkosi yami sithethelele mina nomfowethu futhi usifake emseni waKho, ngokuba Wena unomusa ondlula bonke abonumusa”."},{"id":152,"translation":"Nebala, labo abakhonza ithole bayotholwa ulaka lweNkosi yabo nehlazo empilweni yasemhlabeni; sibahlomulisa kanjalo abaqamba amanga."},{"id":153,"translation":"Futhi labo abenza izimpambuko bese bezisola emuva kwazo baphinde bakholwe, impela iNkosi yakho emuva kwazo [izimpambuko] inguMthetheleli Onesihawu."},{"id":154,"translation":"Kwathi lapho sekudambile ukuthukuthela kuMusa, wathatha iziqwembe, okwakulotshwe kuzo umhlahlandlela nomusa kulabo abesaba iNkosi yabo."},{"id":155,"translation":"Futhi uMusa wakhetha amadoda angamashumi ayisikhombisa esizweni sakhe ukuba baye endaweni yeThu esasibabekele yona [ukukhuluma nathi]. Kwathi lapho [amadoda] eseshaywe ukuzamazama okunzima, wathi [uMusa]: “Nkosi yami, ukube ubuthanda ngabe ubabhubhisile kanye nami kwasekuqaleni; kungani usibhubhisa ngokwenziwe iziphukuphuku ngaphakathi kwethu na? Empeleni [lokhu] kuyisivivinyo odukisa ngaso obathandayo uphinde uhole ngaso obathandayo. Nebala unguMhlengi wethu, ngakhoke sithethelele ube nomusa kithi ngokuba Wena ungothethelela ukwendlula bonke”."},{"id":156,"translation":"“Futhi sabele lokho okuhle kulomhlaba nakwelizayo ngokuba siyazisola kuWe”. Wathi [u Allah]: “Isijeziso saMi ngijezisa ngaso engimthandayo kanti futhi umusa waMi uhaqe yonke into, ngizowabela [umusa waMi] labo abazithibayo futhi bakhiphe neZaka baphinde bakholelwe eMibikweni yeThu”."},{"id":157,"translation":"Labo abalandela iSithunywa uMjutshwa ongakwazi ukuloba abamthola kubo kulotshiwe ngaye kwiTora naku Ininjili, ukuba uyobayalela ngokulungile abanqande kokuphambukile futhi abavumele kulokho okumsulwa kepha abanqabele kulokho okungcolile [okungahlanzekile nokuyichilo]. Aphinde abethule umthwalo namajoka ababewathwele [imithetho enzima ababe bekelwe yona phambilini]. Ngakhoke labo abakholelwa kuye, bamhloniphe, bamsekele baphinde balandele ukukhanya lokhu okulethwe naye, yibona kanye labo abaphumelele."},{"id":158,"translation":"Yithi [Muhamadi]: “Sintu, kunina nonke ngiyiSithunywa sika Allah. Lona umbuso wamazulu nomhlaba ungowaKhe, futhi akekho ofanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwakhe, nguYena oletha impilo aphinde ayithathe. Ngakhoke kholelwani ku Allah neSithunywa saKhe, uMjutshwa ongakwazi ukuloba – naye okholelwa ku Allah naMazwi aKhe – nimlandele ukuze nibe sendleleni eqondile”."},{"id":159,"translation":"Futhi esizweni sika Musa kunabantu abalandela iqiniso futhi benza ubulungiswa ngalo."},{"id":160,"translation":"Sabaqembula izizwana eziyishumi nambili ngokozalo ngokwamadodana kaYakubu. Futhi sembulela kuMusa mhlazane isizwe sakhe simcela amanzi, [Sathi]: “Shaya idwalangenduku yakho”; kwagobhoza iziphethu eziyishumi nambili, sonke isizwana besazi lapho kumele siphuze khona. Saphinde futhi sabenzela umthunzi ngamafu sabehlisela imana nezigwaci. [Sathi]: “Dlanini kulokho esinabele kona”. Futhi abasilimazanga Thina kepha bazilamaza bona uqobo."},{"id":161,"translation":"Futhi khumbula mhla kuthiwa kubo [abakwa Isirayeli]: “Hlalani kulendawo nidle kuyo lapho nithanda khona. Bese nithi ‘Hitwa’ [ukwesula], ningene esangweni nikhotheme, siyobe sesinithethelela izimpambuko zenu, siphinde sandisele labo abayenza okuhle”."},{"id":162,"translation":"Kepha labo abaphambukile kubo baguqula amazwi ngalawo abayalelwanga wona. Ngakhoke sabe sesehlisela kubo isijeziso esivela phezulu ngenxa yokuphambuka kwabo."},{"id":163,"translation":"Futhi babuze [abakwa Isirayeli] ngendawo eyabe ingasolwande, mhlazane bephula umthetho ngeSabatha, bheka ngoba kwakuthi ngeSabatha izinhlazi zitheleke kubo ubuthaphuthaphu kepha mhla kungesilona iSabatha azibikhona ngakubo. Sabavivinya kanjalo ngenxa yokuphambana kwabo nemiyalelo."},{"id":164,"translation":"Lapho abanye babo babethi: “Kungani nilokhu nikhalimana nabantu u Allah vele azobabhubhisa noma abajezise ngesijeziso esinzima”. Bathi [abakhalimayo]: “Ukuzakhela izaba eNkosini yenu nokuthi-ke hleze bazithibe”."},{"id":165,"translation":"Kwathi-ke lapho sebekulibele lokhu abalulekwe ngakho; sahlenga labo ababenqanda okubi, sajezisa labo abaphambukile ngesijeziso esinzima ngenxa yokwephula kwabo umthetho."},{"id":166,"translation":"Kwathi lapho sebephule umthetho mayelana nalokho abanqatshelwe kona, Sathi: “Yibani izinkawu ezihlazekile”."},{"id":167,"translation":"Khumbula futhi mhla iNkosi yakho imemezela ukuthi iyohlala ithumela kubo kuze kube uSuku lokwaHlulela, labo abayobajezisa kanzima. Bheka ngoba iNkosi yakho iyashesha ukujezisa kanti futhi ingeThethelelayo Enesihawu."},{"id":168,"translation":"Futhi sabahlakaza baba izizwe emhlabeni. Kunalabo kubo abaqotho, kanti futhi kunalabo kubo abangenjalo. Futhi sasibavivinya ngokubi nangokuhle hleze babuye nganeno [bapheze]."},{"id":169,"translation":"Base belandelwa isizukulwane esabelwa iNcwadi [iTora], esabe sithatha izinto zalomhlaba ongelutho bethi: “Siyothethelelwa”, kepha uma kufika kubo ezinye izinto [zomhlaba] ezifana nezasekuqaleni baphinde bazithathe. Abazange yini bathathiswe isibopho seNcwadi [iTora] ukuba bangakhulumi ngo Allah ngaphandle kweqiniso futhi bafunde ekuqukethe. Belu umuzi wakwelizayo [iJana] yiwona ongcono kulabo abazithibayo; ingabe aninakuqonda na?"},{"id":170,"translation":"Kantike labo ababambelela eNcwadini futhi beqikelela ukwenza iSwala, Thina asisoze sawuchitha umvuzo walabo abenza ukulunga."},{"id":171,"translation":"Futhi khumbula mhla siqongisa intaba phezu kwabo njengomthunzi. Babecabanga ukuthi izowela phezu kwabo. [Sathi]: “Thathani ngokuzimisela lokhu esininike kona ukuze nibe ngabathobela u Allah”."},{"id":172,"translation":"Khumbula futhi lapho iNkosi yakho ithatha emhlane wabantwana baka Adamu izizukulwane zabo wabe wase esezifakazisa kuzo uqobo [yathi]: “Ingabe angisiyona iNkosi yenu na?” zathi: “Nembala, siyafakaza”. Funa ngoSuku lokwaHlulela nithi: “Besingakwazi lokhu”."},{"id":173,"translation":"Noma funa nithi: “Obabamkhulu bethu phambilini ababhangqa [u Allah nezikhonzwa], thina siyisizukulwane esifike emuva kwabo, ngakhoke usibhubhisa ngenxa yokwenziwe abaphambukile."},{"id":174,"translation":"Siyicacisa kanjalo iMibiko hleze nabo babuyele nganeno [endleni eqondile]."},{"id":175,"translation":"Balandisele ngendaba yalowo esamupha ulwazi lweMibiko yethu, kepha yena walushaya indiva, wabe eselandelwa uShayitani waba odukileyo."},{"id":176,"translation":"Ukube besithanda, besizomphakamisa ngalo, kepha yena wagxila kwezomhlaba walandela izinkanuko zakhe. Ufansiswa nenja, yona uma uyithwesa umthalo ikhipha ulimi noma usuwususile iqhubeka njalo ikhipha ulimi. Lowo- ke isifaniso salowo othatha iMibiko yethu njengamanga. Balandisele ngezindaba hleze bazocabangisisa."},{"id":177,"translation":"Saze sasibi isifaniso salabo abathatha iMibiko yeThu njengamanga futhi abazilulaza bona uqobo."},{"id":178,"translation":"Lowo u Allah amholayo usendleleni eqondile, kepha labo abadukisayo yibona kanye abalahlekelwe."},{"id":179,"translation":"Nebala, baningi esabadalela iJahanamu kumaJini nabantu, ngokuba banezinhliziyo abangaqondi ngazo namehlo abangaboni ngawo nezindlebe abangezwa ngazo. Labo bafana nezilwane; empeleni baduke ukuzendlula. Yibona kanye labo abangenandaba."},{"id":180,"translation":"U Allah unamaGama amahle, ngakhoke khulekani kuYe ngawo, futhi nibayeke labo abalandela okungelona iqiniso ngamaGama aKhe, bayojeziswa ngalokho abakwenzayo."},{"id":181,"translation":"Futhi kulabo esibadalile, kunabantu abalandela iqiniso futhi benza ngalo ubulungiswa."},{"id":182,"translation":"Futhi labo abathatha iMibiko yeThu njengamanga, sizobabamba lapho benganake khona."},{"id":183,"translation":"Futhi ngizobapha isikhathi, bheka ngoba isu Lami liboshelwe."},{"id":184,"translation":"Abazange bacabangisise na? Umuntu wabo lo akahlanyi [uMuhamadi]. Empeleni akasilutho ngaphandle nje kokuba umxwayisi ngokusobala."},{"id":185,"translation":"Ingabe ababhekanga yini embusweni wamazulu nomhlaba nalokho u Allah akudalile, nokuthi hleze isikhathi sabo [sokufa] sesisondele. Yimuphike umbiko abayowukholwa emuva kwalona na?"},{"id":186,"translation":"Lowo u Allah amdukisile akekho oyomhola, bheka ngoba ubashiye benhlanhlatha ekuphambukweni kwabo."},{"id":187,"translation":"Bayakubuza ngeSikhathi [sokwaHlulela] ukuthi siyofika nini. Yithi: “Saziwa iNkosi yami kuphela futhi akekho oyisiletha ngesikhathi saso ngaphandle kwaKhe. Siyabasinda abasemazulwini nasemhlabeni [ngenxa yokwesaba]; siyofika kini ningazelele”. Wabuza wena engathi nawe usha amashushu ngaso, yithi: “U Allah kuphela owaziyo ngaso, kepha iningi lenu alazi”."},{"id":188,"translation":"Yithi: “Angikwazi ukuzizuzisa ngalutho noma ngizilimaze ngalutho ngaphandle kwemvumo ka Allah. Ukube bengazi okungabonwayo bengizozandisela okuhle futhi bekungekho okubi obekungangehlela; kepha empeleni ngingumxwayisi nomethuli wezindaba ezinhle kubantu abakholwayo”."},{"id":189,"translation":"NguYena [u Allah] onidale ngomuntu oyedwa waphinde wadala ngaye umfazi wakhe ukuze anethezeke naye. Kuthe lapho esemengamele [baya ocansini], wathwala umthwalo olula [wakhulelwa] walokhu etetemuka nawo. Kepha kuthe lapho esesindwa, bakhuleka bobabili ku Allah iNKosi yabo [bathi]; “Uma usipha umntwana oqotho siyoba ngababongayo”."},{"id":190,"translation":"Kuthe lapho esebaphe umntwana oqotho, bambhanqa nezimbangi kulokho abaphe kona. U Allah uphakeme kulokho abakubhanqayo."},{"id":191,"translation":"Ingabe babhanqa lokho okungakwazi ukudala lutho, belu nabo badaliwe."},{"id":192,"translation":"Futhi [izimbangi] azikhoni ukubasiza ngalutho futhi nazo azikhoni ukuzisiza zona uqobo."},{"id":193,"translation":"Uma nibabizela endleleni eqondile abanilandeli; kuyefana nje kini, niyababiza noma nizithulele."},{"id":194,"translation":"Nebala labo enikhuleka kubo ngaphandle kuka Allah, izigqila ezifana nani; khulekanike kubo baniphendule uma niqinisile."},{"id":195,"translation":"Ingabe [laba enikhuleka kubo] banemilenze abahamba ngayo na? Noma izandla ababamba ngazo na? Noma amehlo ababona ngawo na? Noma izindlebe abezwa ngazo na? Ithi: “Khulekani kuzikhonzwa zenu, bese ningakhela uzungu ningapholisi maseko”."},{"id":196,"translation":"Nebala umhlengi wami ngu Allah, lona owehlisele iNcwadi [iKurani] futhi uhlenga labo abaqotho."},{"id":197,"translation":"Futhi labo enikhuleka kubo ngaphandle kuka Allah, abakwazi ukunisiza futhi abakwazi ukusiza bona uqobo."},{"id":198,"translation":"Uma nibabizela endleleni eqondile abalaleli, futhi uzobabona bekubhekile kepha ababoni."},{"id":199,"translation":"Qoka uxolo, uyalele ngokuhle futhi uziqhelelanise neziwula."},{"id":200,"translation":"Uma ufikelwa ukuhluthuleka okuvela kuShayitani, zivikele ngo Allah ngokuba Yena Ungozwayo Owaziyo."},{"id":201,"translation":"Ngempela labo abathobela intando ka Allah, uma behlaselwe isilingo esivela kuShayitani, bayazithiba baqaphele."},{"id":202,"translation":"Kepha abafowabo [bakaShayitani], babafaka ngokujulile ekuphambukeni futhi abaphezi."},{"id":203,"translation":"Uma ungabaletheli isibonakaliso bathi: “Kungani ungazenzeli ngokwakho na?”. Yithi: “Ngilandela kuphela lokho okwembulelwe kimi kuvela eNkosini yami; lokhu ubufakazi obuvela eNkosini yenu, nokuholwa okuqondile nomusa kubantu abakholwayo”."},{"id":204,"translation":"Uma iKurani ifundwa, yilaleleni futhi nithule du, ukuze nithole umusa."},{"id":205,"translation":"Futhi khumbula iNkosi yakho ngaphakathi kuwe ekuseni nantambama ngokuzithoba futhi buthule ungabangi umsindo futhi ungabi omunye wabangenandaba."},{"id":206,"translation":"Nebala, labo abaseNkosini yakho abazigqaji ekuyikhonzeni futhi bayayidumisa bayikhothamele bawe ngobuso."}]},{"id":8,"verses":[{"id":1,"translation":"Bayakubuza ngezimpango zempi; yithi: “Izimpango zempi ngezika Allah neSithunywa, ngakhoke thobelani intando ka Allah futhi nihlale ninokubiyisana phakathi kwenu niphinde nilalele u Allah neSithunywa saKhe uma ngempela ningabakholwayo”."},{"id":2,"translation":"Okuyibona abakholwayo, yilabo uma kukhulunywa ngo Allah izinhliziyo zabo zigcwala ingebe, kuthi lapho belandiswa ngeMibiko yaKhe ibandisele ukholo futhi bathembela eNkosini."},{"id":3,"translation":"Yibona laba abaqikelela ukwenza iSwala futhi benanelana kulokho esibabele kona."},{"id":4,"translation":"Labo, yibona kanye abakholwayo ngempela. Enkosini yabo bayothola izigaba [eJana] nentethelelo nesondlo esiyinala."},{"id":5,"translation":"Njengoba iNkosi yakho yakukhipha endlini yakho ngeqiniso, kunquqaba lwabakholwayo olwenqenayo."},{"id":6,"translation":"Luqophisana nawe ngeqiniso nakuba selicacile, okungathi basiwa ekufeni bebhekile."},{"id":7,"translation":"Khumbula lapho u Allah enithembisa niyothola linye lamaqembu amabili [inqola yohwebo noma ibutho lempi], nakuba nina nanifisa ukuthola leyo engezikuba nobunzima [inqola yohwebo]. Kepha u Allah wayefuna ukuqhakambisa iqiniso ngaMazwi aKhe nokubhubhisa lao abangakholwa."},{"id":8,"translation":"Ukuze aqinise iqiniso futhi achite amawuwa nakuba izigilamkhuba zingakuthandi lokho."},{"id":9,"translation":"Khumbulani mhla nicela usizo eNkosini yenu, yaniphendula [yathi]: “Ngizonixhasa ngenkulungwane yezingelosi zilandelana”."},{"id":10,"translation":"U Allah wakwenza lokho ukuze kube yintokozo nezinhliziyo zenu zithole ukuthula. Usizo Luvela kuphela ku Allah, ngokuba u Allah Ungusomandla Okhaliphile."},{"id":11,"translation":"Khumbulani mhla enilethela isithongwana ukuniduduza, wanehlisela namanzi emvula ukuze anihlanze ngawo aphinde asuse kini nokungcola kukaShayitani nokuthi ahlanganise izinhliziyo zenu aqinise ngawo izinyawo [lapho ezizonyathela khona]."},{"id":12,"translation":"INkosi yakho yabe isiyambulela izingelosi [yathi]: “Nginani, ngakhoke qinisani idolo labo abakholwayo. Ngozofaka ukwesaba ezinhlizweni zalabo abangakholwa, ngakhoke gencani izintamo [zabo] neminwe yabo yonke”."},{"id":13,"translation":"Lokho kungenxa yokuthi baphambane no Allah neSithunywa saKhe. Kantike lowo ophambana no Allah neSithunywa saKhe; u Allah ujezisana kanzima."},{"id":14,"translation":"Ngakhoke kuzweni lokho ngokuba abangakholwa bayothola iSijeziso soMlilo."},{"id":15,"translation":"Nina enikholwayo! Uma nitholana phezulu [empini] nalabo abangakholwa ningabaleki."},{"id":16,"translation":"Ngokuba lowo oyababalekela ngaleso sikhathi - ngaphandleke kwalowo obaleka akha isu lokulwa noma lowo obuyela emuva ebuthweni - uyobe uzilethela ulaka luka Allah futhi uyohlala eJahanamu okuyindawo embi."},{"id":17,"translation":"Akunina enibabulele, kepha u Allah nguYena obabulele, futhi akusiwena owaphonsa mhlazana uphonsa kepha ngu Allah owaphonsa, ukuze avivinye abakholwayo isivivinyo esihle. Nebala u Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":18,"translation":"Konke lokhu yingoba u Allah ulenze lwabuthaka itulo labangakholwa."},{"id":19,"translation":"Uma nifuna ukunqoba, sekufikile kini ukunqoba. Futhi uma nipheza, yikona okungcono kini. Kepha niphikelela naThi sizophikelela [ngokunijezisa] futhi ibandla lenu angeke lanisiza ngalutho noma lingaba liningi. Futhi u Allah ukanye nabakholwayo."},{"id":20,"translation":"Nina enikholwayo! Lalelani u Allah neSithunywa saKhe futhi ningambalekeli [u Allah] nibe nizwa kahle."},{"id":21,"translation":"Ningafani nalabo abathi: “Sizwile kepha bebe bengezwa”."},{"id":22,"translation":"Nebala, isidalwa okiyisona esibi ku Allah, yilowo oyisimumu oyisithuli, labo abangenakuqonda."},{"id":23,"translation":"Ukube u Allah kukhona okuhle abekwazi ngabo, ubezobenza bezwe, kepha uma ubenze bezwa bebe zofulathela bashaye indiva."},{"id":24,"translation":"Nina enikholwayo, sabelani ku Allah neSithunywa saKhe lapho benibizela kulokho okuniphilisayo [ngokulalela nokuthobela imiyalelo]. Futhi yazini ukuthi u Allah uyakhona ukungena phakathi komuntu nenhliziyo yakhe [ngokumncitsha amandla okwenza okuhle emuva kokuba ebesenqabile zibekwa], niphinde futhi nazi ukuthi niyobuthelwa kuYe [u Allah]."},{"id":25,"translation":"Futhi qaphelani leso sijeziso esingeke sagadla kuphela kulabo abaphambukile kini, futhi yazini ukuthi u Allah ujezisana kanzima."},{"id":26,"translation":"Nikhumbule mhla niyidlanzana nithathwa njengabengeluthi emhlabeni nesaba ukuthi abantu bayoninaphaza, kepha Yena [u Allah] waniphephisa, wanisekela ngosizo lwaKhe waphinde wanondla ngalokho okumsulwa ukuze nibonge."},{"id":27,"translation":"Nina enikholwayo, ningabi abangathembekile ku Allah neSithunywa funa niphule izithembiso zenu [ngamabomu] nibe nazi."},{"id":28,"translation":"Futhi nihlale nazi ukuthi umcebo wenu nezingane zenu kuyisilingo, futhi nazi ukuthi u Allah unomvuzo omkhulu."},{"id":29,"translation":"Nina enikholwayo, uma nithibela u Allah uyonipha ubuhlakani bokuhlukanisa [okubi kokuhle] aphinde futhi anesulele izimpambuko zenu anithethelele, phela u Allah unomusa omkhulu."},{"id":30,"translation":"Khumbula mhla labo abangakholwa bakha uzungu ngawe ukuba bakubophe noma bakubulale noma bakudingise. Balakha uzungu lwabo, no Allah walwakha olwakhe, bheka ngoba u Allah wakha uzungu ngobuchule."},{"id":31,"translation":"Uma befundelwa imibiko yeThu, bathi: “Sesizwile, futhi uma sifuna singakusho nathi okufana nalokhu, phela lokhu izinganekwane nje zasendulo”."},{"id":32,"translation":"Khumbula lapho bethi [abangakholwa baseMakha]: “Allah, uma ngempela iqiniso elivela kuwe, sithele ngemvula yamatshe noma usilethele isijeziso esibuhlungu”."},{"id":33,"translation":"U Allah angeke abajezise uma nje wena usasekhona maphakathi kwabo futhi u Allah angeke abajezise uma besacela intethelelo."},{"id":34,"translation":"Yini lena abanayo engenza ukuba u Allah angabajezisi, kube yibona abavimba abantu ukuya eMasijidi Haramu futhi benjalo nje abasibona abangani baKhe. Ngokuba abangani bakhe yilabo abazithobayo, kepha iningi labo alazi."},{"id":35,"translation":"Futhi umthandazo wabo eNdlini [eMasijidi Haramu] ukukewula nokushaya izandla. Ngakhoke zizweleni isijeziso ngenxa yalokho ebeningakukholwa."},{"id":36,"translation":"Nebala, labo abangakholwa bachitha umcebo wabo ekubeni yisihibe endleleni ka Allah. Bayolokhu bewuchitha kepha uyoba unombangela wokuzisola kwabo bese beyanqotshwa. Futhi labo abangakholwa bayobuthaniswa eJahanamu [eMlilweni]."},{"id":37,"translation":"Ukuze u Allah ahlunge ukungcola kokuhlanzekile, bese ebeka ukungcola ndawonye akulakanyise konke bese ekufaka eJahanamu."},{"id":38,"translation":"Yithi kulabo abangakholwa, uma bepheza bayothethelelwa lokhu okwendlule, kepha uma bephikelela, okwenzeka kwabasendulo kuyaziwa."},{"id":39,"translation":"Futhi yilwa nabo kuze kuphele ukubhanqa [u Allah nezikhonzwa] futhi inkolo yonke ibe ngeka Allah. Uma bepheza, u Allah uyakubona lokhu abakwenzayo."},{"id":40,"translation":"Kepha bekushaya indiva, yazini ukuthi u Allah unguMhlengi wenu, futhi unguMhlengi omuhle noMsizi omuhle."},{"id":41,"translation":"Yazini ukuthi kulokhu enikuphange empini, isingxenye eyodwa kwezinhlanu ingeka Allah neSithunywa nezihlobo nezintandane nabampofu nezihambi, uma ngempela nikholelwa ku Allah nakulokho esakwambulela esigqileni seThu ngosuku lomhlahlandlela, usuku lapho kwakutholane phezulu amaqembu amabili. Futhi u Allah unamandla okwenza izinto zonke."},{"id":42,"translation":"Mhla nina ninganeno kwasehlanzeni bona bengaphesheya, undwendwe lona lwalungenzansi kwenu. Ukube navumelana ukuhlangana ngesikhathi esithize, beningeke nasigcina leso sikhathi, kepha u Allah ubefuna ukufeza into obekumele yenzeke, ukuze abhubhe lowo obhubhayo esebutholile ubufakazi nalowo ozophila aphile esenobufakazi. Futhi u Allah uNgozwayo Owaziyo."},{"id":43,"translation":"Khumbula ukuthi u Allah wakubonisa bona ephusheni beyidlanzana, phela ukube wakubonisa bona bebaningi, beniyophela amandla futhi benizophikisana ngaloludaba, kepha u Allah ubefuna ukufeza into obekumele yenzeke, ngokuba Yena uyasazi isimo sezinhliziyo."},{"id":44,"translation":"Khumbula futhi ukuthi wanibonisa bona beyidlanzana emehlweni enu mhla nihlangana, wanenza nani nayidlanzana emehlweni abo, ukuze phela u Allah afeze lokho obekumele kwenzeke. Futhi zonke izinto ziyobuyela ku Allah."},{"id":45,"translation":"Nina enikholwayo, uma nitholana phezulu neqembu, zimelelani futhi nikhumbule u Allah kakhulu ukuze niphumelele."},{"id":46,"translation":"Futhi nilalele u Allah neSithunywa saKhe, ningaphikisani, funa nibe buthaka niphelelwe umdlandla wenu. Nibekezele, ngokuba u Allah unalabo ababekezelayo."},{"id":47,"translation":"Futhi ningabi njengalaba abaphuma emizini yabo bezindondonya izifuba, bebukisa ebantwini futhi beyisihibe endleleni ka Allah. U Allah ukuhaqe konke abakwenzayo."},{"id":48,"translation":"Khumbula futhi ukuthi uShayitani wabakhangisela izenzo zabo wathi: “Akukho muntu oyoninqoba namhlanje futhi mina ngiyonivikela”. Kepha kwathi esetholana phezulu amaqembu amabili, wateta izithende emhlane wathi: “Angihlanganise lutho nani, ngokuba ngibona lokhu nina eningakuboni futhi ngiyamesaba u Allah, ngokuba u Allah ujezisana kanzima”."},{"id":49,"translation":"Khumbula lapho amaphixiphixi nalabo abanokufa ezinhlizweni zabo, bethi: “Impela laba ibadukisie inkolo yabo”. Kepha lowo othembela ku Allah, nebala u Allah uSomandla Okhaliphile."},{"id":50,"translation":"Futhi ukube ubungabona lapho izingelosi zithatha imiphefumulo yalabo abangakholwa, zishaya ubuso babo nemihlane yabo zithi: “yizwani isijeziso somlilo”."},{"id":51,"translation":"Lokho ngungenxa yemisebenzi yezandla zenu nokuthi futhi u Allah akasihlukumezi isigqila."},{"id":52,"translation":"Njengalokhu okwenzeka kusizwe sikaFir’awoni nalabo ababandulelayo. Abakholwanga kuMibiko ka Allah, wabe u Allah esebajezisa ngezimpambuko zabo. Bheka ngoba u Allah Unamandla ujezisana kanzima."},{"id":53,"translation":"Lokho yingoba u Allah akasoze asiguqula isibusiso abusise ngaso isizwe esithize kube yibona abaguqukayo ngokwabo, nanokuthi futhi u Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":54,"translation":"Njengoba bekuwumkhuba wesizwe sikaFir’awoni kanye nalabo ababandulelayo, abakholwanga yiMibiko yeThu, sabe sesibhubhisa ngenxa yezimpambuko zabo sacwilisa abantu bakaFir’awuni futhi bonke babephambukile."},{"id":55,"translation":"Nebala, isidalwa okiyisona esibi ku Allah, yilabo abangakholwa abangasoze bakholwa."},{"id":56,"translation":"Yilabo owenza isivumelwano nabo kepha bona basephule isivumelwano sabo ngaso sonke isikhathi, futhi bengenakho ukuthobela u Allah."},{"id":57,"translation":"Uma utholana nabo empini, benze isilo sengubo kuze kwazi labo ababeshiye emuva ukuze nabo bafunde isifundo."},{"id":58,"translation":"Futhi uma usola ukungathembeki esizweni esithize [eninesivumelwano naso], bazise ngokufanayo, ngokuba uAllah akawathandi amaqili."},{"id":59,"translation":"Laba abangakholwa mabangacabangi ukuthi sebephunyukile, ngokuba abasoze baphunyuka."},{"id":60,"translation":"Zilungiseleleni ukubhekana nabo [abangakholwa] lokho enikukhonayo emandleni[1] nasekugibeleni injomane enisabisa ngayo isitha sika Allah nesitha senu. Futhi ezinye ngaphandle kwabo anibazi, kepha u Allah uyabazi. Futhi konke enikuchitha endleleni ka Allah niyobuyiselwa kona ningaqilwa lutho.","footnotes":"[1] Ngamandla kuchazwa konke lokhu okudingakalayo empini, njengokuziqeqesha kwebutho, izikhali nokusebenzisa ngobuchule. Lokhu kufakazelwa amazwi eSithunywa mhla esho ukuthi “amandla ukuciba ngomcibisholo”. Lokhu kusho ukuthi amaMusilimu kumele ehlale esesimeni esigculisayo ukuzivikela ezitheni zabo ukuze angaphenduki izisulu zezitha. Kumele izitha zicabange kaningi ngaphambi kokunquma ukubahlasela."},{"id":61,"translation":"Uma behlongoza ukubeka phansi izikhali, nani yenzani kanjalo bese nithembela ku Allah, ngokuba Ungobanayo Owaziyo."},{"id":62,"translation":"Uma befuna ukukuqila, u Allah ukwanele. Phela nguYena lona owakusekela ngosizo lwaKhe nangabakholwayo."},{"id":63,"translation":"Wahlanganisa izinhliziyo zabo; uma ubangachitha konke okusemhlabeni ubungeke wazihlanganisa izinhliziyo zabo, kepha u Allah wabahlanganisa ngokuba Yena unguSomandla Okhaliphile."},{"id":64,"translation":"Sithunywa, u Allah ukwanele kanye nalabo abakholwayo abakulandelayo."},{"id":65,"translation":"Sithunywa, gqugquzela abakholwayo ngokuya empini. Uma kunabangamashumi amabili azimelele kini, bayonqoba amakhulu amabili Kuthi uma beyikhulu, bayonqoba inkulungwane yalabo abangakholwa ngokuba bangabantu abangenakuqonda."},{"id":66,"translation":"Manje u Allah unenzele lula futhi uyazi ukuthi kunalabo ababuthaka kini. Ngakhoke uma kunabayikhulu elizimelele kini, bayonqoba amakhulu amabili. Kuthi uma beyinkulungwane, bayonqoba abayizinkulungwane ezimbili ngemvumo ka Allah, futhi u Allah ukanye nalabo ababekezelayo."},{"id":67,"translation":"Akumele iSithunywa sibe nezithunjwa zempi kuze uqotha imbokodo ezweni. Nifuna izinto zomhlaba kulapho u Allah ufuna eLizayo, futhi u Allah unguSomandla Okhaliphile."},{"id":68,"translation":"Ukube bekungesiso isinqumo ebesikade savela ku Allah, benizotholwa isijeziso esinzima kulokho enakuthatha [kuzithunjwa uku zikhululwe]."},{"id":69,"translation":"Ngakhoke dlanini okuvunyelwe nokusulwa kulokho enikuphangile empini, nithobele u Allah. Nebala u Allah ungoThethelelayo Onesihe."},{"id":70,"translation":"Sithunywa, yithi kulabo abasezandleni zenu abayiziboshwa: “Ukube bekukhona okuhle okusezinhlizweni zenu u Allah akwaziyo, ubezonipha okungcono kunalokho okuthathwe kini futhi anithethelele, ngokuba u Allah ungoThethelelayo Onesihe."},{"id":71,"translation":"Uma behlose ukukukhohlisa, sebeke bazama ukukhohlisa u Allah phambilini, kepha wabathola, ngokuba u Allah ungoWaziyo Okhaliphile."},{"id":72,"translation":"Nebala labo abakholwayo abafuduka [ngeHijira] futhi bazabalaza endleleni ka Allah ngomcebo wabo nabo uqobo, kanye nalabo abakhoselisa balekelela, bonke labo bangabangani omunye komunye. Kepha labo abakholwayo kodwa abangazange bafuduke, aninakuzibandakanya nabo ngalutho baze bafuduke. Uma befuna usizo kini mayelana nenkolo, basizeni, ngaphandle uma kuphambene nabantu okunesivumelwano phakathi kwenu nabo. Futhi u Allah ukubona konke enikwenzayo."},{"id":73,"translation":"Futhi labo abangakholwa bangabangani omunye komunye. Uma ningakwenike lokhu [ukuzibandakanya nabakholwayo abaqotho nokuziqhelelanisa nabangakholwa], kuyoba nothuthuva ezweni nempambuko enkulu."},{"id":74,"translation":"Futhi labo abakholwayo bafuduka bazabalaza endleleni ka Allah kanye nalabo abakhoselisa balekelela, yibona kanye laba abangabakholwayo ngokweqiniso, bayothola intethelelo nesondlo esihle."},{"id":75,"translation":"Kanti nalabo abakholwa mveni bafuduka bazabalaza kanye nani, labo bamunye nani. Futhi ngokunqunywe ngu Allah, abozalo yibona okumele babe yizindlalifa zabanye bozalo. Ngempela u Allah wazi yonke into."}]},{"id":9,"verses":[{"id":1,"translation":"[Lesi] isimemezelo sokuziqhelelanisa kuka Allah neSithunywa saKhe kulabo abakhonza izithixo enenze isivumelwano nabo."},{"id":2,"translation":"Nakhoke [nina enikhonza izithixo], hambani ngokukhululeka ezweni izinyanga ezine, futhi nihlale nazi ukuthi anisoze namphunyuka u Allah nokuthi futhi u Allah uyobahlaza labo abangakholwa."},{"id":3,"translation":"Futhi nesimemezelo esivela ku Allah neSithunywa saKhe sibhekiswe kusintu ngosuku lomkhosi we-Idi yomhlatshelo, esithi: “u Allah neSithunywa saKhe abahlanganise lutho nalabo abakhonza izithixo”. Uma [nina enikhonza izithixo] nizisola nicela intethelelo, yikona okungcono kini, kepha uma nishaya indiva, hlalani nazi ukuthi anisoze naphunyuka ku Allah. Futhi yazisa labo abangakholwa ukuthi bayohloma isijeziso esibuhlungu."},{"id":4,"translation":"Ngaphandle kwalabo abakhonza izithixo eninesivumelwano nabo futhi abangazange baniqile ngalutho noma basekele abanye ekulweni nani; sigcineni isivumelwano nabo kuze kuphele isikhathi saso. Nebala uAllah uyabathanda labo abamthobelayo."},{"id":5,"translation":"Uma seziphelile izinyanga ezihlonishwayo [iMuharamu, uRajabhu, Dul-Ka’ada, Dul-Hija], bulalani labo abakhonza izithixo yonke indawo lapho enibathola khona, nibabambe, nibavimbezele futhi nibacuthele kuyo yonke indawo. Kepha uma bezisola futhi benze iswala bakhiphe nezakati, badedeleni, ngokuba u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":6,"translation":"Futhi uma omunye walabo abakhonza izithixo ekucela ukuba umvikele, mvikele ukuze akhone ukuzwa Izwi lika Allah [iKurani], bese umfinyelelisa lapho ayophepha khona. Lokho yingoba bangabantu abangazi."},{"id":7,"translation":"Labo abakhonza izithixo bangaba kanjani nesivumelwano ku Allah neSithunywa saKhe na? Ngaphandleke kwalabo enenza nabo isivumelwano eMasijidi Haramu [eHudayibiya]. Uma besalokhu bethembekile kini, nani thembekani kubo, ngokuba u Allah uyabathanda labo abamthobelayo."},{"id":8,"translation":"Bangaba kanjani nesivumelwano, ngoba uma bengaba namandla phezu kwenu, abayikuba nandaba"},{"id":9,"translation":"Bathengise ngezambulo zika Allah ngenani eliyize, baba futhi yizihibe endleni ka Allah. Kwaze kwakubi impela lokhu abakwenzayo."},{"id":10,"translation":"Uma kufika kwabakholwayo, abamkhathaleli u Allah nesivumelwano, ngokuba labo bayiziphula-mthetho uqobo."},{"id":11,"translation":"Kepha uma bezisola, becela intethlelo, baqikelele ukwenza iswala baphinde bakhiphe nezakati, sebengabanewenu okholweni. Futhi siyabacacisela imibiko labo bantu abanolwazi."},{"id":12,"translation":"Uma bephula izifungo zabo emveni kwesivumelwano sabo, baphinde futhi bagxeke ukholo lwenu, bulalani abaholi bokungakholwa, ngoba abazifezi izifungo zabo, ukuze bapheze."},{"id":13,"translation":"Ningahlala kanjani ningalwi nalabo bantu abangazifezi izifungo zabo futhi ababezimisele ukudingisa iSithunywa futhi kube kuyibona abanisukele kuqala. Ingabe niyabesaba na? Ngu Allah kuphela okumele nimesabe uma ngempela ningabakholwayo."},{"id":14,"translation":"Yilwani nabo ukuze phela u Allah abajezise ngezandla zenu futhi abahlaze aphinde anisize nibanqobe futhi alaphe asindise izinhliziyo zabantu abakholwayo."},{"id":15,"translation":"Aphinde futhi asuse inzondo ezinhlizweni zabo [abakholwayo] futhi u Allah uthethelela amthandayo. Belu u Allah Ungowaziyo Okhaliphile."},{"id":16,"translation":"Ingabe benicabanga ukuthi nizoyekwa nje [ningavivinywa], ekubeni u Allah engakabazi [ngokubahlonza] labo abazikhandlayo kini futhi abangazange babe nezithenjwa ngaphandle kuka Allah neSithunywa saKhe kanye nabakholwayo, futhi u Allah unolwazi ngakho konke enikwenzayo."},{"id":17,"translation":"Labo ababhanqayo akumele banakekele amaMasijidi ka Allah besavuma ukuthi abakholwa. Yibo kanye labo izenzo ziyoshabalala futhi bayohlala unaphakade eMlilweni."},{"id":18,"translation":"Okumele kube yibona abanakekela amaMasijidi ka Allah, yilowo okholelwa ku Allah nasokukwini lokuGcina futhi aqikelele ukwenza iSwala akhiphe neZakati futhi angasabi lutho ngaphande kuka Allah. Yibona-ke labo okunethemba lokuthi bayohlengeka."},{"id":19,"translation":"Labo [abangakholwa] abaphuzisa abenza iHajibaphinde banakekele iMasijidi Haramu, ingabe nibafanisa nalowo okholelwa ku Allah nasoSukwini lokuGcina aphinde alwele indlela ka Allah na? Abalingani ku Allah, belu u Allah akabaholi abantu abaphambukayo."},{"id":20,"translation":"Labo abakholwayo, abafuduka futhi balwele indlela ka Allah ngomcebo wabo nangezimpilo zabo, yibona abanezigaba eziphakeme ku Allah futhi yibo labo abayophumelela."},{"id":21,"translation":"INkosi yabo ibahalelisela ngomusa ovela kuYo nentokozo nezivande, abayothola kuzo ukunethezeka okungapheli."},{"id":22,"translation":"Bayohlala kuzo [izivande] unomphela onaphakade. Nebala u Allah unomvuzo omkhulu."},{"id":23,"translation":"Nina enikholwayo, ningenzi abazali benu nabanewenu abangani, uma bethande ukungakholwa kunokukholwa, ngokuba labo abayobenza abangani kini, bayoba ngabaphambukile."},{"id":24,"translation":"Yithi: “Uma abazali benu nezingane zenu nabanewenu nabafazi benu nemindeni yenu nemicebo yenu eniyicongelele nohwebu enisaba ukuwa kwalo nemizi enithokozayo ngayo, nikuthanda ukudlula u Allah neSithunywa saKhe nokulwela indlela yaKhe, lindani aze u Allah alethe umyalelo waKhe. Futhi u Allah akabaholi abantu abayizephula mthetho."},{"id":25,"translation":"Nebala, u Allah wanisiza ezindaweni eziningi, nangosuku lwaseHunayini, mhla niyengwa ubuningi benu obungazange bunisize ngalutho, kwabancane indawo, nabaleka nibuyela emuva."},{"id":26,"translation":"U Allah wabe esehlisa uzinzo lwaKhe kuSithunywa saKhe nakubakholwayo, wehlisela amabutho eningawabonanga, wajezisa labo abangakholwa; lokho, yiwona umvuzo wabangakholwa."},{"id":27,"translation":"Kepha u Allah uthethelela amthandayo emuva kwalokho, ngokuba u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":28,"translation":"Nina enikholwayo, nebala labo abakhonza izikhonzwa [izithixo] bangcolile, ngakho-ke bangaphinde basondele eMasijidi Haramu emuva kwalonyaka. Uma nesaba ubuphuya, u Allah nguYena oyonicebisa ngomusa waKhe uma ethanda. Ngokuba u Allah Ungowaziyo Okhaliphile."},{"id":29,"translation":"Phakani impi kulabo abangakholelwa ku Allah nasoSukwini lokuGcina baphinde bangakunqabeli lokho okunqatshelwe ngu Allah neSithunywa saKhe futhi bengalandeli inkolo yeqiniso kulabo abanikwa iMibhalo, baze bakhokhe iJiziya [intela] ngezandla zabo, behlazekile."},{"id":30,"translation":"Futhi amaJuda athi u-Uzayiri indodana ka Allah, namaNasarina nawo athi uMasihi indodana ka Allah. Lokho inkulumo nje abayishoyo ngemilomo yabo. Balingisela okwakushiwo yilabo abangakholwa phambilini. U Allah makababhubhise; badukiswe kanjani na?"},{"id":31,"translation":"Benze Abafundisi babo nezindela zabo kanye noMasihi ka Mariyamu izikhonzwa ngaphandle kuka, nakuba babeyalelwe ukuba bakhonze u Allah kuphela, ngokuba akekho ofanelwe wukukhonza ngaphandle kwaKhe; makangcweliswe kulo abakubhanqayo."},{"id":32,"translation":"Bafuna ukushabalalisa ukukhanya kuka Allah ngemilomo yabo, kepha u Allah uyaphikelela ekupheleliseni ukukhanya kwaKhe ngisho bengathandi labo abangakholwa."},{"id":33,"translation":"NguYena belu, owathumela iSithunywa saKhe nokuhola kanye nenkambiso [inkolo] yeqiniso ukuze iqhakambe ngaphezu kwazo zonke izinkolo ngisho abakhonzi bezithixo bengathandi."},{"id":34,"translation":"Nina enikholwayo, iningi labafundisi nezindela zidla umcebo wabantu ngokungemthetho, futhi bayizihibe endleleni ka Allah. Futhi labo abawola igolide nesiliva nje, bengalichithi endleleni ka Allah, bahalalisele ngesijeziso esibuhlungu;"},{"id":35,"translation":"Ngosuku lapho ziyoshisiswa [igolide nesiliva] emlilweni waseJahanamu, bese iziphongo zabo nezinhlangothi zabo kanye nemihlane yabo kushiswe ngakho [igolide nesiliva elishisayo]. [kuyothiwa kubo]; “Yikona-ke lokhu ebenikade niziwolela kona, ngakhoke yizwani lokho ebenikuwola”."},{"id":36,"translation":"Nebala, inani lezinyanga [zonyaka] ku Allah ziyishumi nambili eNcwadini ka Allah kusukela ngosuku adala amazulu nomhlaba, kuzo [lezinyanga] kunezine ezihloniphekile [iMuharamu, uRajabhu, Dul- Ka’ada, Dul-Hija]. Iyona leyo inkolo eqondile, ngakhoke ningalokothi niphambuke kuzo [lezinyanga ezine]. Yilwani nabo bonke abakhonzi bezithixo njengoba nabo belwa nani nonke, futhi nihlale nazi ukuthi u Allah unalabo abamthobelayo."},{"id":37,"translation":"Ngempela ukuhlehlisa izinyanga [zonyaka] kuyisengezo phezu kokungakholwa, labo abangakholwa abaduke ngaso. Abayihloniphi kulonyaka, kuthi komunye unyaka bayihloniphe ukuze bahambisane nenani [lezinyanga] u Allah abeke ukuba lihlonishwe, ngaleyo ndlela bavumela lokho u Allah akunqabele. Bahlotshiselwe izenzo zabo ezimbi. Futhi u Allah akabaholi abantu abangakholwa."},{"id":38,"translation":"Nina enikholwayo, yini ngani uma kuthiwa kini: “phumani niye empini”, nihudula izinyawo. Ingabe seninqome impilo yasemhlabeni kuneyakweLizayo na? Bheka ngoba izinto zempilo yasemhlabeni ziwubala kwelizayo."},{"id":39,"translation":"Uma ningaphumi ukuya empini, u [Allah] uyonijezisa kabuhlungu aphinde aqoke abanye abantu esikhundleni senu, futhi anisoze namlimaza nagalutho, kwazise u Allah unamandla okwenza izinto zonke."},{"id":40,"translation":"Uma ningamsizi [uMuhamadi iSithunywa], u Allah wamsiza mhla exoshwa yilabo abangakholwa bebabili, besemgedeni, wathi omunye wabo: “ungakhathazeki, u Allah unathi”. U Allah wabe esehlisela kuye [uMuhamadi] uzinzo lwaKhe wamsekela ngebutho eningalibonanga, wadicilela phansi izwi lalabo abangakholwa, kwazise Izwi lika Allah yilona elisesicongweni. U Allah Ungusomandla Okhaliphile."},{"id":41,"translation":"Hambani empini kulula kunzima futhi nilwe ngomcebo wenu nangani uqobo endleleni ka Allah, ngokuba lokho yikona okungcono kini, ukuba niyazi."},{"id":42,"translation":"Ukube izimpango zempi bezitholakala kalula eduze futhi nohambo lulula, bebezokulandela [abazenzisi] kepha ibanga libe lide kubo. Bazofunga ngo Allah [bathi]: “Ukube besikhona, besizophuma nani”. Bazibhubhisa bona uqobo, futhi u Allah uyazi ukuthi baqamba amanga."},{"id":43,"translation":"U Allah ukuxolele, kungani ubavumela [ukusala] na? Mekumele uhlunge labo abaneqiniso uzokwazi labo abanamanga."},{"id":44,"translation":"Labo abakholelwa ku Allah nasoSukwini lokuGcina abasoze bakucela imvumo yokuba balwe ngomcebo wabo nabo uqobo. U Allah uyabazi abamthobelayo."},{"id":45,"translation":"Labo okuyibona kuphela abakucela imvumo, yilabo abangakholelwa ku Allah nasoSukwini lokuGcina futhi abanongabazane ezinhlizweni zabo, yilokhu begidagida ekungabazeni kwabo"},{"id":46,"translation":"Uma babezimisele ukuphuma nani, babezozilungiselela, kepha u Allah akathandanga ukubathumela, ngakhoke wabavimbela, kwathiwa [kubazenzisi]: “salani nabasalayo”."},{"id":47,"translation":"Ukube baphuma nani, bebezondisela uthuthuva futhi bangene phakathi kwenu bezama ukwakha ukuthuthuva, futhi kunalabo abalalelayo phakathi kwenu. U Allah uyabazi abaphambukile."},{"id":48,"translation":"Bake bazama ukwakha uthuthuva phambilini, bakuhlanekezelela izinto, kwaze kafika iqiniso nesinqumo sika Allah sanqoba nakuba babengathokozile."},{"id":49,"translation":"Futhi kunalowo kubo othi: “ngivumele [ngisale] ungangifaki esilingweni”. Empeleni bawele kuso isilingo. Futhi iJahanamu iyobahaqa labo abangakholwa."},{"id":50,"translation":"Uma wehlelwa okuhle, kubaphatha kabi. Kepha uma wehlelwa umshophi, bathi: “Nebala sasithatha isinqumo sethu [sokusala] phambilini”, bafulathele bajabulile."},{"id":51,"translation":"Yithi: “Akukho okuyosehlela ngaphandle kwalokho u Allah asibekele kona, kwazise nguYena uMhlengi wethu. Ngakhoke labo abakholwayo mabathembele ku Allah."},{"id":52,"translation":"Yithi: “Ingabe nilindele kithi okukodwa okuhle kokubili [ukunqoba noma ukuwa empini] na? Belu nathi silindele ngani ukuba u Allah anishaye ngesijeziso esivela kuYe noma ngezandla zethu. Ngakhoke, qhubekani nokulinda, nathi silindile kanye nani."},{"id":53,"translation":"Yithi: “Nikelani ngokuthanda noma ngenkani, akusoze kwamukelwa kini, ngoba nina ningabantu abayizephula- mthetho”."},{"id":54,"translation":"Akukho okuvimbele ukuba iminikelo yabo yamukelwe ngaphandle kokuthi abakholelwanga ku Allah neSithunywa saKhe futhi baya kuSwala ngobuvila [behudula izinyawo] benjalo nje banikela bengafuni."},{"id":55,"translation":"Ngakhoke ungakhangwa imicebo yabo nezingane zabo. Ngokuba u Allah ufuna ukubajezisa ngayo [imicebo nezingane] empilweni yasemhlabeni nokuthi bafe bengakholwa."},{"id":56,"translation":"Bayafunga [abazenzisi] ngo Allah ukuthi ngempela bangakini, ekubeni bengekho ngakini. Empeleni bangabantu abangamavaka."},{"id":57,"translation":"Uma bebengathola inqaba yokukhusela noma imigede [ezintabeni] noma imihume [emathunjini omhalaba], bebezobalekela kuwo begijima okwehhashi elingathanjisiwe."},{"id":58,"translation":"Kunalabo kubo abakugxekayo mayelana [nokwabiwa] kweminikelo; uma kukhona abakunikiwe kuyo, bayajabula. Kepha uma benganikwanga lutho kuyo, yibo labaya sebediniwe."},{"id":59,"translation":"Ukube bavele bajabula ngalokho u Allah abaphe kona neSithunywa saKhe, base bathi: “u Allah usenele, kungekudala u Allah uyosinika emseni waKhe kanjalo neSithunywa [kulokho u Allah amphe kona], nebala silangazelele ku Allah."},{"id":60,"translation":"Iminikelo [yeZakati] ingeyalabo abampofu nabaswele nabaqoqi bayo nabanxenxwayo nasekukhululeni izigqila [zamaMusilimu] nabacwile ezikweletini nakwezempi nesihambi; kuyimpoqo evela ku Allah, futhi u Allah Ungowaziyo Okhaliphile."},{"id":61,"translation":"Kunalabo kubo [abazenzisi] abahlukumeza iSithunywa ngokuthi bathi: “ungulalela- zonke”. Yithi: “Ungolalela okuhle kini, ukholelwa ku Allah futhi uyabakholwa abakholwayo futhi ungumusa kulabo abakholwayo kini”. Laboke abahlukumeza iSithunywa sika Allah, bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":62,"translation":"Bafunga ngo Allah kini ukuze banijabulise nje, ekubeni kumele bajabulise u-Allah neSithunywa saKhe, uma ngempela bengabakholwayo."},{"id":63,"translation":"Bebengazi yini ukuthi, lowo ophambana no Allah neSithunywa saKhe, uyothola umlilo waseJahanamu abhadle kuwo unaphakade; lokho ukuhlazwa okukhulu."},{"id":64,"translation":"Abazenzisi bahlalela ovalweni ukuthi [langalimbe] kuyofika iSura [isahluko seKurani] ezokwazisa ngalokho okusezinhlizweni zabo. Yithi: “Qhubekani nokubhuqa, ngoba u Allah uyokubeka obala lokhu enikwesabayo”."},{"id":65,"translation":"Futhi uma ubabuza, nakannjani bayothi: “Besimane sintela sizidlalela”. Yithi: “Nintela ngo Allah nezambulo zaKhe kanye neSithunywa saKhe na?”"},{"id":66,"translation":"Ningalokhu nenza izaba, seniphenduke abangakholwa emuva kokholo lwenu. Uma sithethelela uquqaba oluthile kini, sijezisa olunye uquqaba ngoba beyiziphula-mthetho."},{"id":67,"translation":"Abazenzisi besilisa nabesimame bangabangani bebodwa. Bayalelana ngokubi banqandane kokuhle futhi bangongoqo; bakhohlwe u Allah, naYe babenza njalo. Abazenzisi, bangabaphambuki impela."},{"id":68,"translation":"U Allah uthembise abazenzisi besilisa nabesimame nalabo abangakholwa, umlilo waseJahanamu abayobhadla kuwo unaphakade, uyobanela. U Allah uyobaqalekisa futhi bayothola isijeziso esinganqamuki."},{"id":69,"translation":"Njengalabo abanandulelayo, babenamandla ukudlula nina futhi benomcebo nezingane eziningi. Bancebeleka ngesabelo sabo [emhlabeni], nani nancebeleka ngesabelo senu njengalokhu bancebeleka abanandulelayo ngesabelo sabo, futhi nalibala ukuntela njengalabo ababentela. Labo, izenzo zabo ziyakushabalala, emhlabeni nakwelizayo, futhi labo, yibona kanye abalahlekelwe."},{"id":70,"translation":"Ingabe abazitholanga yini izindaba zalabo ababandulelayo, isizwe sikaNuhu no Adi noTamudu no Ibhirahimu nabantu baseMadiyani nemizi egubudelwe [isizwe sika Luti]. IZithunywa zabo zafika kubo nezibonakaliso; u Allah akabahlukumezanga kepha yibona uqobo abazihlukumeza."},{"id":71,"translation":"Abakholwayo besilisa nabesimame, abanye bangabangani kubanye. Bayalela okuhle, banqande okubi, baqikelele ukwenza iSwala bakhiphe neZakati baphinde balalele u Allah neSithunywa saKhe. Labo, u Allah uyokuba nomusa kubo. Nebala u Allah Ungusomandla Okhaliphile."},{"id":72,"translation":"U Allah uthembise abakholwayo besilisa nabesimame izivande okugeleza imifula ezanzi kwazo, bayohlala kuzo unophakade kanye nemizi emihle ezivandeni zase Adani. Kepha ukuthokoza kuka Allah yikona okukhulu [kunazo zonke izinto], futhi lokho iyona mpumelelo enkulu."},{"id":73,"translation":"Sithunywa, yilwa nabangakhola kanye nabazenzisi ungabazweli. Futhi bayophelela eJahanamu, okuyisiphetho esibi."},{"id":74,"translation":"Bafunga ngo Allah ukuthi abashongo lutho, ekubeni besho amazwi okungakholwa, baba abangakholwa emuva kokuba bese bengene ku Isilamu, futhi base benqume lokho abazange bakhone ukukufeza. Babengagxeki lutho ngaphandle nje kokuthi u Allah ubacebisile ngomusa waKhe kanye neSithunywa saKhe. Uma bezisola becela intethelelo, yikona okungcono kubo, kepha uma beshaya indiva, u Allah uyobajezisa kabuhlungu emhlabeni nakwelizayo, futhi akukho muntu emhlabeni oyobahlenga noma abasize."},{"id":75,"translation":"Futhi kunalabo kubo [abazenzisi], abathembisa u Allah, [bethi]: “Uma nje engasipha emseni waKhe, sizonikela futhi siyoba ngabaqotho”."},{"id":76,"translation":"Kepha kuthe lapho esebaphile emseni waKhe, wancitshana ngakho futhi bashaya indiva bengagqizi qakala."},{"id":77,"translation":"Wabe [u Allah] esezinzisa ukuzenzisa ezinhlizweni zabo kuze kuyofika uSuku lokwaHlulela ngenxa yokuphula kwabo isithembiso sabo abasenza no Allah bamthembisa sona, nanokuthi futhi babeqamba amanga."},{"id":78,"translation":"Ingabe bebengazi yini ukuthi ngempela u Allah uyazazi izimfihlo zabo nezinkulumo zabo esithe, nanokuthi u Allah ukwazi konke okungabonwa."},{"id":79,"translation":"Labo abagxeka labo abakholwayo abanikelayo mayelana neminikelo kanye nalabo abangenalutho [lokunikela] ngaphandle kwezithukuthuku zabo, bese behlekisa ngabo. U Allah uyohlekisa ngabo futhi bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":80,"translation":"Bacelele intethelelo noma ungabaceleli, noma ungabacelela intethelelo amahlandla angamashumi ayisikhombisa, u Allah akasoze abaxolela. Lokho kungenxa yokuthi abakholelwanga ku Allah neSithunywa saKhe. Futhi u Allah akabaholi abantu abayiziphula-mthetho."},{"id":81,"translation":"Labo abashiywe ngemuva bajabulile ngokusalela kwabo emuva kweSithunywa sika Allah futhi bebengafuni ukuyolwa endleni ka Allah ngemicebo yabo nabo uqobo. Bathi: “ningayi ekushiseni”. Yithi: “Umlilo waseJahanamu ushisa kakhulu”, ukube nje bebenokuqonda."},{"id":82,"translation":"Ngakhoke mabahleke kancane bakhale kakhulu, lona umvuzo walokho ababekwenza."},{"id":83,"translation":"Uma u Allah ekubuyisela eqenjini elithize kubo [abazenzisi], bese bekucela imvumo yokuphuma [nawe], ubothi: “Anisoze neze naphuma nami futhi anisoze nalwa nesitha kanye nami. Ngoba nina nijabulile ngokusala kwasekuqaleni, ngakhoke salani nabasalayo”."},{"id":84,"translation":"Ungalinge uthandazele muntu oshonile kubo futhi ungami nasengcwabeni lakhe, ngokuba bona abakholelwanga ku Allah neSithunywa saKhe futhi bafe beyiziphula- mthetho."},{"id":85,"translation":"Ngakhoke ungakhangwa imicebo yabo nezingane zabo. Ngokuba u Allah ufuna ukubajezisa ngayo [imicebo nezingane] empilweni yasemhlabeni nokuthi bafe bengakholwa."},{"id":86,"translation":"Kuthi lapho kwembulwa iSura [isahluko seKurani], ethi: “Kholwelani ku Allah futhi niye empini kanye neSithunywa saKhe”. Labo abame kahle kubo [abazenzisi] yibona abakucela imvumo [yokusala], bethi: “Siyeke sibe kanye nabasalayo”."},{"id":87,"translation":"Bajabulele ukuba nabasalayo, izinhliziyo zabo zivaliwe, ngakhoke abanakuqonda."},{"id":88,"translation":"Kepha iSithunywa nalabo abakholwayo kanye naso, balilwe ngemicebo yabo nangabo uqobo. Yibo labo abayothola okuhle futhi yibo labo abayophumelela."},{"id":89,"translation":"U Allah ubalungiselele izivande okugeleza imifula ezansi kwazo bayohlala kuzo unaphakade. Leyo, impumelelo enkulu."},{"id":90,"translation":"Bafika labo abazolandula kwabasephandleni ukuze bathole imvumo [yokusala], kepha bahlala labo ababengakholelwa ku Allah neSithunywa saKhe. Labo abangakholwa kubo, bayotholwa isijeziso esibuhlungu."},{"id":91,"translation":"Abanacala [uma besala] labo ababuthaka nabagulayo nalabo abangenakho abangakusebenzisa [empini], uma nje beneqiniso ku Allah neSithunywa saKhe. Labo abenza okuhle, akukho ndlela yokubagxeka. Futhi u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":92,"translation":"Futhi [abanacala] labo abeza kuwe [Muhamadi] ukuba ubagibeze, kepha uthi: “Anginakho enganigibeza kukho”, babuyela emuva amehlo abo egeleza izinyembezi, bedumele ukuthi abanalutho abangalusebenzisa [empini]."},{"id":93,"translation":"Abagxekwayo yilabo abakucela imvumo [yokusala] ekubeni benjingile. Bathokozela ukuba nabasalayo, u Allah wabe esevala izinhliziyo zabo, yingakho nje bengenalwazi."},{"id":94,"translation":"Benza izaba kini uma senibuyile kubo. Yithi: “Ningenzi izaba, asisoze sanikholwa ngoba u Allah usesitshelile ngani, futhi u Allah uyayibona imisebenzi yenu, kanjalo neSithunywa saKhe. Futhi niyobuyela koWazi okungabonwa nokubonwayo ukuze anazise ngalokho ebenikwenza."},{"id":95,"translation":"Bayofunga ngo Allah kini lapho nibuyela kubo ukuze nibayekele; ngakhoke bayekeleni ngoba bangcolile futhi isiphetho sabo iJahanamu ngenxa yalokho abakwenzayo."},{"id":96,"translation":"Bayafunga kini ukuze nithokoze ngabo. Uma-ke nina nithokoza ngabo, u Allah Yena akathokozi ngabantu abayizephula-mthetho."},{"id":97,"translation":"Abahlala emaphandleni yibona abanokungakholwa nokuzenzisa okukhulu futhi bavame ukuba bengayazi imiyalelo u Allah ayembulele kuSithunywa saKhe. U Allah Ungowaziyo Okhaliphile."},{"id":98,"translation":"Futhi kulabo abahlala emaphandleni, kunalowo othatha lokhu anikela ngakho [endleleni ka Allah] njengokumosha futhi uhlale elindele ukuba nehlelwe umshophi. Umshophi omubi mawehlele bona. u Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":99,"translation":"Kulabo abahlala emaphandleni, kunalowo okholelwa ku Allah nasoSukwini lokuGcina futhi athathe lokho akuchithayo [endleleni ka Allah] njengendlela yokuzisondeza ku Allah nokukhulekelwa iSithunywa. Nebala kuyobasondeza, ngokuba u Allah uzobafaka emseni waKhe. Ngempela u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":100,"translation":"Labo ababe ngabokuqala [ukwamukela i-Isilamu] kuMuhajirina nama Aniswari kanye nalabo ababalandela ezinyathelweni zabo ngokuhle, u Allah uyathokoza ngabo futhi nabo bayothokoza ngaYe. U Allah ubalungiselele izivande okugeleza imifula ngezansi kwazo, bayohlala kuzo unaphakade. Leyo, iyona impumelelo enkulu."},{"id":101,"translation":"Futhi kulabo abahlala emaphandleni enakhelene nabo, kunabazenzisi, kanjalo nakuzakhamizi zaseMadina. Bagxili ngxi ekuzenziseni, wena [Muhamadi] awubazi, kepha Thina siyabazi. Sizobajezisa kabili bese bebuyela esijezisweni esinzima."},{"id":102,"translation":"Abanye babo bazivumile izimpambuko zabo, bahlanise izenzo ezinhle nezinye ezimbi, hleze u Allah abathethelele, ngoba u Allah Ungothethelelayo Onesihawu."},{"id":103,"translation":"Thatha kumcebo wabo umnikelo [iZakati] ozobahlanza uphinde ubakhuculule ngawo futhi ubakhulekele, ngokuba umkhuleko wakho uwuzinzo kubo. U Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":104,"translation":"Ingabe bebengazi yini ukuthi u Allah uyakwamukela ukuzisola kwezigqila zaKhe aphinde futhi athathe neminikelo, nokuthi u Allah Ungothethelelayo Onesihawu."},{"id":105,"translation":"Yithi: “Yenzani imisebenzi [emihle], ngokuba u Allah neSithunywa saKhe kanye nabakholwayo bayibhekile imisebenzi yenu, futhi niyobuyela koWazi okungabinwa nokubonwayo ukuze anazise ngebenikwenza."},{"id":106,"translation":"Abanye balindele isiqumo sika Allah, uzobajezisa noma abathethelele. U Allah Ungowaziyo Okhaliphile."},{"id":107,"translation":"Futhi labo abenze iMasijidi indawo yokulimaza neyokungakholwa nendlela yokukwakha uqhekeko phakathi kwabakholwayo nendawo yokucutha labo abake balwa no Allah neSithunywa saKhe ngaphambilini. Futhi bayofunga, bathi: “Besingahlosanga lutho ngaphandle kokuhle”, kepha u Allah ungufakazi ukuthi baqamba amanga aluhlaza."},{"id":108,"translation":"Ungalinge ume kuyo [uthandaze], ngokuba iMasijidi ozisekelo zayo ukuthobela u Allah zibekwa ngosukulokuqala, iyona okufanele ume kuyo [uthandaze]. Kuyo kunamadoda athanda ukuzihlanza, futhi u Allah uyabathanda labo abazihlanzayo."},{"id":109,"translation":"Ingabe ubani ongcono, lowo owakha isakhiwo sakhe phezu kokuzithoba nokuthokoza okuvela ku Allah, noma lowo owakhe isakhiwo sakhe onqenqemeni lewa elikhumuzelayo, elivoshoka naye limfake emlilweni waseJahanamu. Futhi u Allah akabaholi abantu abaphambukayo."},{"id":110,"translation":"Lesakhiwo sabo siyohlala siyisihlafava songabazane ezinhlizweni zabo, ngaphandle- ke uma izinhliziyo zabo zima nsi [ngokufa]. U Allah Ungowaziyo Okhaliphile."},{"id":111,"translation":"Nebala, u Allah uthenge kwabakholwayo iziqu zabo uqobo nemicebo yabo, ngokuthi bayothola iJana. Kumele balwe endleleni ka Allah, babulale balulawe. Isithembiso seqiniso kwiTora ne Ininjili kanye neKurani. Ingabe ukhona ongcina isithembiso sakhe ukudlula u Allah na? Ngakhoke thokozani ngohwebo lwenu lolu enihwebe ngalo, ngokuba lokho yikona okuyimpumelelo enkulu."},{"id":112,"translation":"[abakholwayo okuthengwe kubo], abazisolayo bacele intethelelo, abakhonzayo, abadumisayo, abaphumayo [beya empini ka Allah], abakhothamayo nabawa phansi ngobuso [kuSwala], abayalela ngokuhle, abanqanda okubi nabangayiphuli imithetho ka Allah. Thula-ke izindaba ezinhle kulabo abakholwayo."},{"id":113,"translation":"Akumele iSithunywa nalabo abakholwayo bacelele abakhonzi bezithixo [abashonile] intethelelo, noma bengaba izihlobo, emuva kokuba sekubacacele ukuthi bayongena eMlilweni."},{"id":114,"translation":"Futhi ukucelelela kuka Ibhirahimu uyise intethelelo, kwakungenxa yesithembiso ayemthembise sona. Kepha kwathi sekumcacele ukuthi uyise uyisitha sika Allah, wamhlubuka. Nebala u Ibhirahimu wayekhuleka enobubele."},{"id":115,"translation":"Futhi u Allah akasoze abadukise abantu emuva kokuba ebaholile engakacaciseli lokho okumele bakugweme. Ngempela u Allah Ungowazi zonke izinto."},{"id":116,"translation":"Nebala, umbuso wamazulu nomhlaba ungoka Allah, nguYena oletha impilo nokufa. Futhi akekho oyonihlenga noma anisize ngaphandle kuka Allah."},{"id":117,"translation":"Impela, u Allah wasithethelela iSithunywa noMuhajirina nama Aniswari, labo phela abasilandela ngesikhathi sobunzima, emuva kokuba izinhliziyo zabanye kubo zacisha zaphambuka, waphinda wabathethelela, ngokuba Yena [u Allah] uyabazwela uyabahawukela."},{"id":118,"translation":"Kanye nalabo abathathu [abakholwayo] abasalela emuva [wabathethelela]; labo abancishelwa umhlaba yize ubazi kanjalo nezinhliziyo zabo zathwala kanzima. Baba nesiqinisekiso sokuthi akukho lapho abangakhosela khona uma bebalekela u Allah ngaphandle kokuthi babuyele kuYe. Wabe esebathethelela ukuze bakhone ukuzisola bacele intethelelo. Impela u Allah nguYena Othethelelayo Onesihawu."},{"id":119,"translation":"Nina enikholwayo, thobelani u Allah, futhi nibe kanye nalabo abaneqiniso."},{"id":120,"translation":"Izakhamuzi nezaseMadina nalabo abangamaqaba [iziqhaza] abakhelene nabo, abakubanele ukuba basasela emuva bayeke iSithunywa nokuthi bazikhathalela bona kunaso. Lokho kungenxa yokuthi kukho konke ukoma nokukhathala nendlala ababhekana nakho endleleni ka Allah, nalapho abahamba khona kunyanye abangakholwa nokugadla abakugadlayo esitheni, balotshelwa ngakho isenzo esihle. Nebala u Allah akawucekeli phansi umvuzo walabo abenza okuhle."},{"id":121,"translation":"Futhi ngakho konke okuncane nokukhulu abakuchithayo nangawonke amahlanze abandlulayo, bayalotshelwa [isenzo esihle], ukuze u Allah abahlomulise ngokuhle kulokho ababekwenza."},{"id":122,"translation":"Futhi akumele baphume bonke abakholwayo baye empini. Kumele kube neviyo elizophuma liye empini kuzo zonke izizwe ukuze lifunde liqondisise inkolo, kuthi uma bebuyela kubantu bakubo, babaxwayise ukuze baqaphele [imiyalelo ka Allah]."},{"id":123,"translation":"Nina enikholwayo, yilwani nalabo abangakholwa enakhelene nabo, niqinise isandla kubo, futhi nihlale nazi ukuthi u Allah unalabo abamthobelayo."},{"id":124,"translation":"Kuthi njalo uma kwembulelwa isahluko, kunalabo kubo abathi: “Ngubani kini okholo lwakhe lwandiswe yilokhu na?”. Labo abakholwayo, sibandisela ukholo lwabo futhi bayathokoza."},{"id":125,"translation":"Kepha labo abanesifo [ungabazane] ezinhlizweni zabo, bona sibandisela ukungcola kulokho vele abanakho futhi bafa bengabangakholwa."},{"id":126,"translation":"Ingabe ababoni yini ukuthi bahlale bevivinywa minyaka yonke kabili noma kathathu, kepha bona abaphezi futhi abazithibi."},{"id":127,"translation":"Futhi kuthi njalo nje uma kwembulelwa isahluko [seKurani], babukana bodwa; ingabe ukhona yini onibonayo, bese beyahamba. U Allah uziphambukisile izinhliziyo zabo, ngokuba bangabantu abangafuni ukuqonda."},{"id":128,"translation":"Nebala sifikile kini iSithunywa esidabuka kini, okunzima kuso ukunibona nisebunzimeni nesinikhathelele nesinobubele nesihawu kulabo abakholwayo."},{"id":129,"translation":"Kepha uma bekushaya indiva [we Muhamad], yithi: “Ungenele u Allah, akekho ofanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwaKhe, ngethembele kuYe, futhi unguMnikazi weSihlalo Esikhulu”."}]},{"id":10,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif Lam Ra; Lena imibiko yeNcwadi [iKurani] ekhaliphile."},{"id":2,"translation":"Ingabe abantu bayamangala yini ukuthi sembulele endodeni evela kubo ukuba: “Xwayisa isintu wethule nezindaba ezinhle kulabo abakholwayo, ukuthi balindelwe umvuzo wabo eNkosini yabo”. Kepha laba abangakholwa bathi: “Nebala, lona umlumbi ngempela”."},{"id":3,"translation":"Nebala, iNkosi yenu ngu Allah, lona owadala amazulu nomhlaba ezinsukwini eziyisithupha, wabe esenyukela eSihlalweni. NguYena ohlela izinto, futhi akekho oyokhulumela omunye ngaphandle uma esethole imvumo yaKhe [u Allah]. Nguyenake loYo u Allah iNkosi yenu, ngakhoke khonzani Yena. Kungani ningalaleli na?"},{"id":4,"translation":"Nonke niyobuyela kuYe, belu isithembiso sika Allah siyiqiniso. NguYena owaqala indalo futhi uyophinda ayivuse [emuva kokufa kwayo] ukuze ahlomulise ngobulungiswa labo abakholwayo abenza okuhle. Kuthi labo abangakholwa bayophuza amanzi agxabhayo futhi bathole nesijeziso esibuhlungu ngenxa yokungakholwa kwabo."},{"id":5,"translation":"Nguyena [u Allah] owenza ilanga laba yisibani futhi wenza nenyanga yaba ukukhanya wayibekela nemizila ukuze nikwazi inani leminyaka nokubala. Konke lokhu u Allah ukudale ngeqiniso. Ucacisa izibonakaliso kubantu abanolwazi."},{"id":6,"translation":"Nebala, ekuphambaneni kobusuku nemini nakukho konke lokhu u Allah akudalile emazulwini nasemhlabeni kunezibonakaliso kubantu abanokumesaba u Allah."},{"id":7,"translation":"Nebala labo abangathembi ukuthi bayohlangana naThi, futhi benela ngempilo yasemhlabeni banethezeka ngayo kanye nalabo abangenandaba nezibonakaliso zeThu."},{"id":8,"translation":"Yibo kanye-ke labo abayophephela eMlilweni ngenxa yemisebanzi yabo."},{"id":9,"translation":"Nebala laba abakholwayo benze nokuhle, iNkosi yabo iyobahola ngokholo lwabo. Kuyogeleza imifula enzansi kwabo ezivandeni zentokomalo."},{"id":10,"translation":"Umkhuleko wabo kuzo [izivande] uyobe uthi “Mawungcweliswe Wena Allah”, kanti bayo bengilelani ngokuthi “Salamu” [ukuthula], kuthi isiphetho somkhuleko wabo sithi: “udumo lonke ngoluka Allah iNkosi yezizwe zonke”."},{"id":11,"translation":"Ukube u Allah ubeshesha ukuletha okubi kubantu, njengokushesha kwabo ekufuneni okuhle, bebezobhujiswa. Ngakhoke siyabayeka benhlanhlatha empambukweni yabo, labo abakholelwa ukuthi bayohlangana naThi."},{"id":12,"translation":"Futhi uma umuntu evelelwe umshophi, ukhuleka kithi elele ngohlangothi noma ehlezi noma emile. Kepha uma Sesimtakulile ebunzimeni bakhe, ushaya engathi akakaze akhuleke kithi esibikela ngobunzima obumvelele. Zikhangiselwe kanjalo phela izephulamthetho lokhu ezikwenzayo."},{"id":13,"translation":"Nebala Sazibhubhisa izizwe ezinandulelayo mhlazane ziphambuka, futhi iZithunywa zabo zafika kubo nezibonakaliso kepha bona lutho ukukholwa. Sibajezisa kanjalo-ke abantu abayizigilamkhuba."},{"id":14,"translation":"Sabeke sesilandelanisa ngani emhlabeni emuva kwabo, ukuze sibone ukuthi nina nizokwenzani."},{"id":15,"translation":"Uma befundelwa imibiko yeThu ecacile, bathi labo abangakholelwa ekuhlanganeni naThi: “Letha enye iKurani ngaphandle kwalena noma ulethe enye esikhundleni sayo”. Yithi: “Angikhoni ukuletha enye esikhundleni sayo ngokwami, ngokuba ngilandela kuphela lokho okwembulelwa kimi[1], futhi ngesaba isijeziso soSuku Olukhulu uma ngizophambana nemiyalelo yeNkosi yami.","footnotes":"[1] Lombiko ukhombisa ngokusobala ukuthi iSithunywa uMuhamadi  akayena umsunguli weIsilamu futhi akasiyena umlobi weKurani. Uzoqhaphela ukuthi abasunguli bamaqembu namabandla, bahlale beyiguqula imithetho sisekelo zamabandla noma amaqembu abo ukuze phela bahehe abalandeli. Kepha lapha siyabona ukuthi iSithunywa uMuhamad  akakugqizi qakala ukuheha izihlwele nabalandeli, okumhluphayo nakuyalelwe kona ukuba ethule umbiko lo athunywe wona unjengoba unjalo."},{"id":16,"translation":"Yithi: “Uma u Allah ethanda bengingeke nginifundele yona [iKurani] futhi bengingeke nganazisa ngayo. Ngihlale nani isikhathi eside ngaphambi kokufika kwayo [iKurani]. Kungani ningaqondi na?”"},{"id":17,"translation":"Ingabe ukhona yini ophambuke ukudlula lowo oqambela u Allah amanga noma ophika imibiko yaKhe na? Impela izigilamkhuba azisoze zaphumelela nhlobo."},{"id":18,"translation":"Futhi bakhonza ngaphandle kuka Allah lokho okungeke kwabalimaza ngalutho noma kubasize ngalutho, baphinde bathi: “Laba yibona abayosikhulumela ku Allah”. Yithi: “ingabe nifuna ukwazisa u Allah ngalokho angakwazi emazulwini noma emhlabeni na? Makangcweliswe futhi uphakeme kulokho abakubhangqayo”."},{"id":19,"translation":"Futhi abantu babesokholweni olulodwa, kepha baphikisana. Ukube bekungekona ukuthi izwi elivela ku Allah seliphumile [lokunika isikhathi], ngabe sehlulelwe kulokho abaphikisana ngakho."},{"id":20,"translation":"Futhi bathi [abangakholwa]: “Ake alethelwe isibonakaliso esivela eNkosini yakhe”. Yithi: “Nebala okungabonwa kungokuka Allah kuphela, ngakho-ke lindani, ngokuba nami ngilinde kanye nani”."},{"id":21,"translation":"Kuthi lapho uma sizwise abantu umusa emuva kokuba behlelwe ubunzima, gqithi sebenesu mayelana nezibokaliso zeThu. Yithi: “ U Allah wakha isu ngokushesha impela”. Belu izithunywa [izingelosi] zeThu ziyaliloba isu enilakhayo."},{"id":22,"translation":"NguYena onenza nikwazi ukuhamba emhlabeni nasolwandle, kuthi lapho uma sesigibelile emkhunjini, wahamba nabo ngomoya omuhle bejabule. Makhathaleni kufike umoya oyishingishane futhi benganyelwe amagagasi nhlangothi zonke, baqinisekiseke ukuthi bahaqiwe, yilapho-ke bekhuleka ku Allah ngokholo olumsulwa [bethi]: “uma nje ungasihlenga kulokhu, impela siyoba ngababongayo”."},{"id":23,"translation":"Kepha kuthi uma esebahlengile, yibona kanye futhi abaphambuka ngokungemthetho emhlabeni. Sintu, ukuphambuka kwenu kulimaza nina uqobo; niyonethezeka empilweni yasemhlabeni bese nonke nibuyela kithi, siyobe-ke sesinazisa ngalokho ebenikwenza."},{"id":24,"translation":"Impilo yasemhlabeni ifana namanzi esiwehlisa phezulu bese ehlangana nezitshalo zomhlaba ezidliwa ngabantu nezilwane, kuze kube umhlaba uyaqhakaza uba muhle; abantu basemhlabeni baze baqinisekiseke ukuthi bayozitika kuwo. Kepha umyalelo weThu ufike kuwo [umhlaba] ebusuku noma emini uwushaqe kube ngathi bekungenalutho zolo lokhu. Sizicacisa kanjalo izibonakaliso zeThu kubantu abahlaziyayo."},{"id":25,"translation":"Futhi u Allah ubizela eMzini wokuthula [iJana], futhi uholela amthandayo endleleni eqondile."},{"id":26,"translation":"Labo abenza okuhle [ngokuthobela intando ka Allah] bayothola umvuzo omuhle [iJana] nokwengeziwe [ukubona u Allah mathupha], futhi ubuso babo abuyikuthelwa uthuli noma ihlazo. Labo bayongena eJana bahlale khona unaphakade."},{"id":27,"translation":"Bese labo abenza izimpambuko, impambuko ngayinye iyojezisa ngokufana nayo futhi bayothelwa ihlazo. Akekho oyobavikela ku Allah; ubuso babo kuyoba ngathi bumbozwe ngeziqephu zobusuku obumnyama bhuqe. Labo bayongena eMlilweni bahlale kuwo unaphakade."},{"id":28,"translation":"Futhi mhla sibabuthanisa bonke ndawonye, siyothi kulabo ababhanqayo hlalani ezindaweni zenu nina nezikhonzwa zenu. Siyobe sesibahlukanisa, bese izikhonzwa zabo zithi: “phinde beningakhonzi thina nhlobo”."},{"id":29,"translation":"U Allah ungufakazi owanele phakathi kwethu nani, ukuthi thina besingazi lutho ngokukhonza kwenu."},{"id":30,"translation":"Yilapho-ke wonke umuntu eyoveza lokhu abekwenza phambilini, bayobe sebebuyiselwa ku Allah uMhlenga wabo weqiniso futhi konke lokhu ababeqamba ngakho amanga kuyobalahlekela."},{"id":31,"translation":"Yithi: “Ubani lona onilethela isabelo senu sivela ezulwini [imvula] nasemhlabeni, noma lona okunguyena ongumikazi wokuzwa nokubona, nalowo okhipha okuphila kokufile aphinde akhiphe okufile kokuphilayo, nalowo ohlela izinto na?”. Bayothi: “u Allah”, ngakhoke yithi: “phezani-ke [ukubhanqa izikhonzwa no Allah]”."},{"id":32,"translation":"Nguyena-ke loyo u Allah iNkosi yenu yeqiniso; pho-ke ikuphi okukhona emuva kweqiniso ngaphandle kokuduka na? Ingabe nidukela kuphi na?"},{"id":33,"translation":"Kanjalo, Izwi leNkosi yakho liyiqiniso mayelana nalabo abangamahlongandlebe ukuthi angeke bakholwe."},{"id":34,"translation":"Yithi: “Ingabe ukhona kuzikhonzwa zenu okwazi ukususa phansi indalo ayidale aphinde futhi ayivuse [emuva kokufa] na?” Yithi: “u Allah uyisusa phansi indalo ayidale aphinde futhi ayivuse; ingabe nihlanhlathela kuphi na?”."},{"id":35,"translation":"Yithi: “Ingabe ukhona kuzikhonzwa zenu oholela eqinisweni na?”. Yithi: “u Allah uyaholela eqinisweni; ingabe- ke lowo oholela eqinisweni nguyena okumele alandelwe noma lowo ongakwazi ukuhola ngaphandleke uma eholwa kwayena? Yini ngani nahlulela kanjani na?"},{"id":36,"translation":"Iningi labo lilandela imidlinzo nje kuphela; bheka ngoba imidlinzo ayisizi ngalutho ekutholeni iqiniso. Nebala u Allah ukwazi kahle abakwenzayo."},{"id":37,"translation":"Le Kurani ayisoze yaqanjwa muntu ngaphandle kuka Allah. Empeleni yembulelwe ukufakazela lokho okuyandulelayo futhi nokucacisa iNcwadi [yona iKurani] engenalo ungabazane, ivela eNkosini yezizwe zonke."},{"id":38,"translation":"Ingabe bathi: ‘nguyena [uMuhamadi] oziqambele yona [iKuranai]’. Yithi: “Lethani phela isahluko esisodwa esifana nayo [iKurani] futhi nimeme eningakhona ukubamema [bazonilekelela] ngaphandle kuka Allah uma ngempela niqinisile”."},{"id":39,"translation":"Empeleni baphika into abangenalwazi ngayo futhi bekungaka kwenzeki lokho kubo. Kanjalo nalabo ababandulelayo baphika; ngakhoke bheka ukuthi saba njani isiphetho salabo abaphambukayo."},{"id":40,"translation":"Futhi kunalabo kubo abakholelwayo kuyo [iKurani] bese kuba nalabo abangakholelwa kuyo. Kepha iNkosi yakho ibazi kahle labo abayizephula mthetho."},{"id":41,"translation":"Uma bekusola [wena Muhamadi] ngamanga, yithi: “nginemisebenzi yami nani futhi ninemisebenzi yenu. Nina anihlangene nokwenziwa yimi, nami angihlangene nenikwenzayo”."},{"id":42,"translation":"Futhi kunalabo kubo [abangakholwa] abakulalelayo; kaze wena [Muhamadi] uyakwazi yini ukwenza izimumu zikwazi ukuzwa nakuba zingenangqondo."},{"id":43,"translation":"Futhi kunalabo kubo abakubukayo; kaze wena [Muhamadi] uyakwazi yini ukuhola izimpumputhe nakuba zingaboni."},{"id":44,"translation":"Nebala u Allah akabacindezeli ngalutho abantu, kepha abantu bazicindezela bona uqobo."},{"id":45,"translation":"Futhi ngoSuku lapho ayobabuthanisa khona, kuyoba ngathi bahlale nje isikhashana sosuku bezama ukwazana. Impela balahlekelwe laba abaphika ukuhlangana no Allah futhi abekho endleleni eqondile."},{"id":46,"translation":"Singakukhombisa lokhu esibathembise kona noma sikuthathe emhlabeni [ushone], bayobuyela kithi futhi u Allah ukuqhaphe konke abakwenzayo."},{"id":47,"translation":"Futhi sonke isizwe sineSithunywa saso. Ngakho-ke uma sekufike iSithunywa sabo, bayohlulelwa ngobulungiswa ngaphandle kokuqilwa."},{"id":48,"translation":"Bathi: “siyofika nini lesithembiso uma ngempela niqinisile”."},{"id":49,"translation":"Yithi: “Akukho kulimala nokuzisiza engizilawulela kona mina mathupha ngaphandle kwalokho okuthandwa ngu Allah. Sonke isizwe sinesikhathi [sokuphila] esibekelwe sona; uma sesifikile isikhathi sabo, abayikusiphutha noma basihambele phambili nakancane [abayikuphunyuka]."},{"id":50,"translation":"Yithi: “Akenisho, uma isijeziso saKhe sifika kini ebusuku noma emini, yini lena ekuso, izigilamkhuba eziyijahe kangaka na?”"},{"id":51,"translation":"Ingabe kuyothi uma sesifikile [isijeziso] kube yini nisikholwa na? Nisikholwa manje nakuba benikade nisijahe nakangaka na?"},{"id":52,"translation":"Kuyobe sekuthiwa kulabo abaphambukile: “zizweleni isijeziso saphakade, akukho enijeziselwa kona ngaphandle kwemisebenzi yenu.”"},{"id":53,"translation":"Futhi bafuna ukwazi kuwe [Muhamadi] ukuthi, ingabe [isijeziso] siyiqiniso yini. Yithi: “Nebala, siyiqiniso, ngiyifunge inkosi yami; futhi anisoze naphunyuka.”"},{"id":54,"translation":"Ukube wonke umuntu ophambukile bekungokwakhe konke okusemhlabeni, ubezozihlawulela ngakho. Futhi bayofihla ukuzisola mhla bebona isijeziso, bayobeke sebehlulelwa ngobulungiswa futhi ngaphandle kokuqilwa."},{"id":55,"translation":"Impela konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah. Impela isithembiso sika Allah siyiqiniso kepha iningi labo alazi."},{"id":56,"translation":"NguYena [u Allah] oletha impilo noletha ukufa futhi niyobuyela kuYe."},{"id":57,"translation":"Sintu, nebala iseluleko esivela eNkosini yenu sifikile kini, kanye nekhambi lalokho okusezifubeni nokuholwa nomusa kulabo abakholwayo."},{"id":58,"translation":"Yithi: “Umusa ka Allah nesihawu saKhe, yilokho okumele bathokoze ngakho ngokuba kungcono kunakho konke lokhu abakuphembayo”."},{"id":59,"translation":"Yithi: “Niyakubona lokhu u Allah anilethele kona okuyisondlo, kepha nina nenza okunye kwavumeleka okunye nakunqabela”. Yithi: “Ingabe ngu Allah onigunyazile yini noma nimane nje niqambela u Allah amanga na?”"},{"id":60,"translation":"Ingabe bacangani ngoSuku lokwaHlulela labo abaqambela u Allah amanga na? Nebala u Allah unesihe kubantu kepha iningi labo alibongi."},{"id":61,"translation":"Noma isiphi isimo okuso nalapho uma ufunda iKurani nakukho konke enikwenzayo, sihlale sinani lapho nigxile kukho. Akukho phela okweqa iNkosi yakho emhlabeni nasemazulwini noma kungaba kuncane kulingane nohlavana noma okuncane okudlula lokho noma okukhulu, konke kuqoshwe eNcwadini [yezenzo] ecacile."},{"id":62,"translation":"Impela abangani baka Allah abanakwesaba futhi abanalo usizi."},{"id":63,"translation":"Yilabo abakholwayo futhi abahlala bezithiba [ngokugcina imiyalelo ka Allah nangokuziqhelelanisa nokunqatshelwe]."},{"id":64,"translation":"Bayothola izindaba ezinhle empilweni yasemhlabeni kanjalo nakwelizayo. Amazwi ka Allah awaguquki nhlobo. Lokho yikona impela ukuphumelela okukhulu."},{"id":65,"translation":"Futhi makungakukhathazi abakushoyo, ngokuba ukunqoba konke kungokuka Allah, futhi Ungozwayo Owaziyo."},{"id":66,"translation":"Nebala bonke abasemazulini nabasemhlabeni bangabaka Allah. Futhi labo abakhonza izikhonza ngaphandle kuka Allah yini lena abayilandelayo na?. Empeleni balandela imidlinzo nje futhi baqamba amanga."},{"id":67,"translation":"NguYena owenze ubusuku ukuze niphumule kubo futhi wenza imini yakhanya. Impela kulokho kunezibonakaliso kubantu abazwayo."},{"id":68,"translation":"Bathi: “U Allah unendodana”, makangcweliswe, Yena uzimele, konke okusemazulwini nasemhlabeni kukngokwaKhe. Aninabo ubufakazi ngalokhu; ingabe-ke nikhuluma ngo Allah lokho eningenalwazi ngakho na?"},{"id":69,"translation":"Labo abaqambela u Allah amanga abaphumeleli."},{"id":70,"translation":"Bayocebeleka emhlabeni bese bebuyela kithi bese sibazwisa isijeziso esinzima ngenxa yokungakholwa kwabo."},{"id":71,"translation":"Balandise ngendaba kaNuhu mhla ethi kubantu bakhe: “Bantu bakithi, uma ukuhlala kwami nokunikhumbuza kwami ngezibonakaliso zika Allah kunzima kini, mina-ke ngithembele ku Allah. Ngakho- ke hlelani uzungu lwenu, nina nezikhonzwa zenu, lucace lube sobala, bese niyaqeda ngami futhi ningangiphi ithuba nakancane”."},{"id":72,"translation":"Kepha uma ningalaleli; benginganicelanga nzuzo nhlobo, ngokuba inzuzo yami u Allah kuphela futhi ngiyalelwe ukuba ngibe iMusilimu [ozinikela entandweni ka Allah]."},{"id":73,"translation":"Bamphika bamthatha njengonamanga; sabe sesimhlenga yena [uNuhu] nalabo ababe kanye naye sabafaka emkhunjini. Futhi sabenza izindlalifa sabacwilisa labo abaphika izibonakaliso zethu. Bheka nje ukuthi saba njani isiphetho salabo abaxwayiswa."},{"id":74,"translation":"Sabe sesithumela emuva kwakhe [uNuhu] ezinye izithunywa ezizweni zabo. Zafika-ke kubo nezibonakaliso zeThu, kepha nabo babe ngazimisele ukukholwa yilokho abakuphika phambilini. Sizivala kanjalo izinhliziyo zalabo abayizephula mthetho."},{"id":75,"translation":"Sathumela uMusa noHaruna emuva kwabo ukuba baye nezibonakaliso zeThu kuFirawuni nezikhulu zakhe. Kepha bazigqaja futhi babe bengabantu abayizephula mthetho."},{"id":76,"translation":"Kwathi lapho uma iqiniso elivela kithi lifika kubo, bathi: “Impela lokho ilumbo uqobo”."},{"id":77,"translation":"Wathi uMusa: “Nisho nje ngeqiniso uma lifika kini?! Ingabe ilumbo leli yini, kwazise abelumbi abaphumeleli."},{"id":78,"translation":"Bathi: “uze la ukusisusa kulokho esafica obabamkhulu bethu bekwenza, funa nina nobabili nithole ubukhosi emhlabeni, futhi nje asinikholwa nobabili”."},{"id":79,"translation":"Wabe esethi uFirawuni: “Ngiletheleni bonke abalumbi abangongoti”."},{"id":80,"translation":"Kwathi lapho befika abelumbi, uMusa wathi kubo: “Phonsani lokhu enikuphonsayo”."},{"id":81,"translation":"Kuthe lapho sebephonsile, wathi uMusa: “Lokhu enizenakho ilumbo, u Allah nakanjani uzokushabalalisa ngokuba u Allah akazivuni izenzo zeziphambuki."},{"id":82,"translation":"U Allah uzoliqinisekisa iqiniso ngamazwi aKhe ngisho izephula mthetho zingathandi."},{"id":83,"translation":"Abazange bamkholwe uMusa ngaphandle kwentsha yesizwe sakhe nakuba yayisaba ukuthi uFirawuni nezikhulu zakhe bangahle babejezise. Nebala uFirawuni wayezigqaja emhlabeni futhi wayeyisiphula mthetho."},{"id":84,"translation":"U Musa wathi: “Bantu bakithi, uma nikholelwa ku Allah, thembelani ku Allah uma ngempela ningamaMusilimu”."},{"id":85,"translation":"Bona bathi: “Sithembele ku Allah, Nkosi yethu ungasenzi isisulu sabantu abaphambukile”."},{"id":86,"translation":"“Futhi usihlenge ngomusa waKho kubantu abangakholwa”."},{"id":87,"translation":"Sembulela kuMusa nomfowabo ukuthi: “Yakhelani isizwe senu imizi eMisiri [eGibhithe], nenze imizi yenu ibheke iKibhila [eMakadisi] futhi nenzisise iswala, wethule izindaba ezinhle kulabo abakholwayo”."},{"id":88,"translation":"Futhi uMusa wathi: “Nkosi yethu, impela uphe uFirawuni nezikhulu zakhe ubukhazikhazi nengcebo kulempilo yasemhlabeni, Nkosi yethu ukuze baphambuke endleleni yaKho. Nkosi yethu, bhubhisa ingcebo yabo wenze izinhliziyo zabo zibe lukhuni ukuze bangakholwa kuze kube babona isijeziso esibuhlungu”."},{"id":89,"translation":"Wathi [u Allah]: “Umkhuleko wenu uphenduliwe. Ngakhoke zimelelani [okholweni lwenu] futhi ningalandeli indlela yalabo abangazi."},{"id":90,"translation":"Sawelisa isizwe sakwa Isirayeli ulwandle; kepha uFirawuni nebutho lakhe babalandela begcwele inzondo nobutha. Kwathi lapho esecwila [emanzini] wathi: “Ngiyakholwa ukuthi akekho ofanele ukukhonzwa ngaphandle kwaloyo isizwe sika Isirayeli esikholelwa kuYe futhi nami ngiyazinikela [ngiba iMusilimu]."},{"id":91,"translation":"Yikhona [ukholwa] manje na? Bheka ngoba phambilini beweyisa futhi ubongomunye ababenza impambuko."},{"id":92,"translation":"Ngakhoke namhlanje sizowuhlenga umzimba wakho ukuze ube yisibonelo kulabo abeza emuva kwakho, ngokuba iningi labantu lizishaya indiva izibonakaliso zeThu."},{"id":93,"translation":"Futhi sabeka isizwe sika Isirayeli endaweni enhle impela saphinde sababela isondlo esihlanzekile esimsulwa. Kepha baqala ukuphikisana mhla bethola ulwazi [okwakumele libenze imbumba]. Nebala iNkosi yakho iyokwahlulela phakathi kwabo ngoSuku lokwaHlulela kulokho ababephikisana ngakho."},{"id":94,"translation":"Uma unokungabaza ngalokho esikwembulele kuwe [Muhamadi], buza labo ababefunda iMibhalo ngaphambi kwakho [amaJuda namaNasarina]. Nebala iqiniso elivela eNkosini yakho leli elifike kuwe, ngakhoke ungabi omunye walabo abanongabazane."},{"id":95,"translation":"Futhi ungabi omunye walabo abaphike izibonakaliso zeThu, funa ube omunye wabalahlekelwayo."},{"id":96,"translation":"Impela labo Izwi leNkosi yakho eliwele kubo, abasoze bakholwa."},{"id":97,"translation":"Noma kungafika zonke izibonakaliso kubo [angeke bakholwe], kuze kube bayasibona isijeziso esibuhlungu."},{"id":98,"translation":"Asikho isizwe esakholwa [lapho sibona isijeziso] ukholo lawaso lwasisiza, ngaphandle kwesizwe sika Yunusi. Kwathi lapho bekholwa, sasisusa isijeziso esihlazayo empilweni yasemhlabeni futhi sabapha intokomalo kwaze kwafika isikhathi esibekiwe [sokufa]."},{"id":99,"translation":"Uma iNkosi yakho beyithanda, bebezokholwa bonke abasehlabeni ngothi lwabo. Ingabeke wena uzokhona yini ukuphoqa abantu ukuba babe abakholwayo na?"},{"id":100,"translation":"Akekho umuntu ongakholwa ngaphandle kwemvumo ka Allah, futhi ubekele labo abangenakuqonda isijeziso."},{"id":101,"translation":"Yithi [kulabo abangakholwa]: “Bhekani ukuthi kunani emazulwini nasemhlabeni”. Kepha izibonakaliso nezixwayiso azisho lutho kubantu abangakholwa."},{"id":102,"translation":"Ingabe balindele izinsuku ezifana nalezo ezandlula ngaphambilini na? Yithi: “Lindanike ngokuba nami ngilindile kanye nani”."},{"id":103,"translation":"Futhi siyobe sesihlenga izithunywa zeThu kanya nalabo abakholwayo, belu kuyisibopho kithi ukuhlenga abakholwayo."},{"id":104,"translation":"Yithi: “Sintu, uma ninokwengabaza ngenkolo yami, bhekani ngoba angisoze ngakukhonza lokhu enikukhonzayo ngaphandle kuka Allah, kepha ngikhonza u Allah lona okunguYena othatha imiphefumulo yenu; futhi ngiyalele ukuba ngibe okholwayo."},{"id":105,"translation":"Futhi uzimelele [Muhamadi] ngozimisela enkolweni emsulwa futhi ungabi omunye walabo ababhanqayo."},{"id":106,"translation":"Futhi ungakhonzi ngaphandle kuka Allah lokho okungeke kwakusiza ngalutho noma kukulimaze. Uma uke wakwenza lokho, impela uyoba omunye wabaphambukile."},{"id":107,"translation":"Uma u Allah ekulethela ubunzima akekho oyobususa ngaphande kwaKhe, futhi uma ekuhlosele okuhle, akekho ongavimba umusa waKhe. Uwunika amthandayo ezigqileni zaKhe, futhi Ungothethelelayo Onesihawu."},{"id":108,"translation":"Yithi: “Sintu, nebala lifikile kini iqiniso livela eNkosini yenu. Ngakhoke lowo ozolandela iqiniso uzisiza yena, kanti lowo ophambukayo uzilaya yena, futhi mina angiyena umqhaphi wenu”."},{"id":109,"translation":"Landela lokho okwembulelwe kuwe futhi ubekezele kube kube u Allah uyehlulela, futhi nguYena umehluleli woqobo."}]},{"id":11,"verses":[{"id":1,"translation":"Ali Lam Ra; lena iNcwadi omubiko yayo ihlelwe ngobuchule yaphinda yahlalusiswa ngoKhaliphile Onolwazi."},{"id":2,"translation":"Ukuze ningakhonzi lutho ngaphandle kuka Allah. Nebala nima ngivela kuYe [u Allah] ngingumexwayisi nomethuli wezindaba ezinhle kini."},{"id":3,"translation":"Futhi celani intethelelo eNkosini yenu niphinde nizisole kuYo, ngokuba iyonithokozisa ngokuhle kuze kufike isikhathi esibekiwe futhi uyonika bonke labo abafanelwe umvuzo wabo. Kepha uma ninganendaba, impela nginisabela isijeziso ngoSuku oLukhulu."},{"id":4,"translation":"Niyobuyela ku Allah futhi Yena akehlulwa yilutho."},{"id":5,"translation":"Bheka ngoba bagebisa amakhanda ukuze bamcashele [u Allah]; kepha nakuba bezimboza ngezembatho zabo [u Allah] uyakwazi lokho abakufihlayo nalokho abakubeke obala, ngokuba impela uNgokwazi konke okusezinhlizweni."},{"id":6,"translation":"Yonke indalo esemhlabeni yondliwa ngu Allah futhi nguYena owazi lapho ihlala khona nalapho eyophelela khona, konke lokho kulotshiwe eNcwadini Ecacile [Oqwembeni Olulondoziwe]."},{"id":7,"translation":"Futhi nguYena odale amazulu nomhlaba ezinsukwini eziyisithupha, futhi kadeni Isihlalo saKhe sasiphezu kwamanzi, ukuze phela aninivivinye ukuthi ngubani kini oyokwenza okufanele. Futhi uma [wena Muhamadi] uthi: “Impela nizovuswa emveni kokufa”. Laba abangakholwa nakanjani bayothi: “Nebala, lokhu ilumbo uqobo”."},{"id":8,"translation":"Kanti futhi uma silibazisa isijeziso sabo okwesikhashana, bayothi [laba abangakholwa]: “Sibanjwe yini na?”. Bheka ngoba mhla sifika kubo asisoze sasuswa kubo, belu lokhu ababehlekisa ngakho kuyobahaqa."},{"id":9,"translation":"Futhi uma sizwisa umuntu izibusiso ezivela kithi bese simuhlwitha zona; impela uvele alahle ithemba angabongi."},{"id":10,"translation":"Kepha uma simuzwisa ubumnandi emuva kobunzima obumehlele, uvele athi: “imishophi ayisekho kimi”. Impela uyatshakada azigqaje."},{"id":11,"translation":"Ngale kwalabo ababekezelayo bazimelele futhi banze okuhle; yibo kanye labo abayothola intethelelo nomvuzo omkhulu."},{"id":12,"translation":"Hleze ufuna ukushiya okunye kwalokho okwembulelwe kuwe noma kukuphatha kabi ukuthi bathi: “Kungani engehliselwanga umcebo noma ke aphelekezelwe ingelosi”. Wena [Muhamadi] ungumexwayisi nje kuphela, futhi u Allah owengamele zonke izinto."},{"id":13,"translation":"Noma kokunye bathi: “Uziqambele yona [iKurani]”. Yithi: “Khiqizani izehluko eziyishumi ezifana nayo [iKurani]eziqanjiwe futhi nimeme nalabo enikhona ukubamema [ukuba banilekelele] ngaphandle kuka Allah, uma ngempela nineqiniso”."},{"id":14,"translation":"Uma behluleka ukuniphendela [ngalenselelo], yazinike ukuthi [le Kurani] yembulelwe iqukethe ulwazi luka Allah nokuthi akekho ofanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwaKhe, yibanike amaMusilimu."},{"id":15,"translation":"Lowo ofuna impilo yomhlaba nobukhazikhazi bayo, siyobakhokela imivuzo yemisebenzi yabo kuyo [impilo yomhlaba] futhi abasoze baqilwa lutho kuyo."},{"id":16,"translation":"Yibo kanye labo abangenalutho kwelizayo ngaphandle koMlilo. Futhi konke [okuhle] abakwenzile [emhlabeni] kuyoshabalala kanti nemisebenzi yabo abayenzile iyobayize."},{"id":17,"translation":"Lowo onobufakazi obuvela eNkosini yakhe futhi bulandelwe ufakazi ovela kuYo kanti naphambilini [yafakaza] iNcwadi ka Musa eyabe ingumhlahlandlela nomusa. Laboke yibona abakholela kuyo [iKurani], kanti lowo ongakholelwa kuyo kulabo abezinye izinkolo, uyophelela eMlilweni. Ngakho- ke [Muhamadi] ungayingabazi ngokuba iyiqiniso elivela eNkosini yakho, kepha iningi labantu abakholwa."},{"id":18,"translation":"Ingabe ukhona yini ophambuke ukudlula lowo oqambela u Allah amanga na? Labo bayokwethulwa eNkosini yabo futhi ofakazi bayothi: “Yibo kanye laba abaqambele iNkosi yabo amanga”. Bheka ngoba isiqalekiso sika Allah sikulabo abaphambukile."},{"id":19,"translation":"Labo abayizihibe endleleni ka Allah futhi bafuna ukuyigwembisa benjalo nje abakholelwa kwelizayo."},{"id":20,"translation":"Laboke abasoze baphunyuka lapha emhlabeni futhi abekho abayoba abahlengi babo ngaphandle kuka Allah. Isijeziso sabo siyophindaphindwa. Ngokuba behluleka ukulalela futhi babengaboni."},{"id":21,"translation":"Yibona kanye labo abazilahlekisele baphinde balahlekelwa yilokhu ababekuqambile ngamanga."},{"id":22,"translation":"Akunakungabaza ukuthi nakanjani kwelizayo bayoba ngabalahlekelwe kakhulu."},{"id":23,"translation":"Nebala labo abakholwayo babuye benze okuhle futhi abazinikelayo eNkosini yabo; yibona kanye abayongena eJana bahlale kuyo unaphakade."},{"id":24,"translation":"Umzekelo walezinhlangothi ezimbili [abakholwayo nabangakholwa], bafana nempumputhe eyisithuli [eqhathaniswa] nalowo obonayo ozwayo. Ingabe bayafana na? Ngakhoke lalelani."},{"id":25,"translation":"Impela samthumela uNuhu esizweni sakhe [wathi]: “Nebala ngingumxwayisi ocacisayo kini”."},{"id":26,"translation":"“Ningakhonzi lutho ngaphandle kuka Allah. Ngokuba ngempela nginisabela isijeziso soSuku ulobuhlungu”."},{"id":27,"translation":"Kepha izikhulu, lezi ezingakholwa esizweni sakhe zathi: “Sikubona nje ungumuntu ofana nathi futhi sikubona ulandelwa yilabo abayibotho kithi abayiziphukuphuku. Futhi asiboni ningcono kunathi kunalokho sicabanga ukuthi ningabaqambi manga."},{"id":28,"translation":"Wathi [uNuhu]: “Bakwethu, bhekani, uma nginobufakazi obuvela eNkosini yami yaphinde yangipha umusa ovela kuyo, kepha nina ningaboni, singakhona yini ukuphoqa ngenkani uma nina ningafuni na?"},{"id":29,"translation":"Bakwethu, angifuni mcebo kini, umvuzo wami uku Allah kuphela. Futhi angeke ngabaxosha labo abakholwayo ngokuba bayohlangana neNkosi yabo, kepha nginibona ningabantu abayiziwula."},{"id":30,"translation":"Bakwethu, ubani oyongisiza ku Allah uma ngibaxosha na? Ngakhoke qondisisani."},{"id":31,"translation":"Futhi angisho kini ukuthi nginemicebo ka Allah noma ngazi lokhu okungabonwayo, futhi angisho ukuthi ngiyingelosi. Futhi kulabo amehlo enu ababukela phansi angisho ukuthi u Allah akasoze abanika lutho oluhle, ngokuba ngu Allah owazi kahle lokho okungaphakathi kubo. Funa ngibe omunye wabaphambukile."},{"id":32,"translation":"Bathi: “We Nuhu, usuqophisane nathi kwanela, ngakho-ke letha lokho obulokhu usixwayisa ngakho uma ngempela ungoneqiniso."},{"id":33,"translation":"Wathi [uNuhu]: “u Allah kuphela oyokuletha uma ethanda futhi angeke naphunyuka nhlobo”."},{"id":34,"translation":"Uma u Allah efuna ukunidukisa, izeluleko zami aziyikunisiza ngalutho noma ngingazama ukuneluleka. Belu uyiNkosi yenu futhi niyobuyela kuYe."},{"id":35,"translation":"Ingabe bathi uziqambele yona [iKurani] na? Yithi: “Uma ngiziqambele yona, icala lami liyothwala yimina futhi ngimsulwa kumacala nina eniwenzile."},{"id":36,"translation":"Futhi kwembulelwe kuNuhu ukuthi: “Akekho osoyokholwa esizweni sakho ngale kwalabo abevele sebekholwa, ngakho- ke ungazikhathazi ngalokho abakwenzayo”."},{"id":37,"translation":"Yakha umkhumbi sikubhekile futhi sizokwembulela. Futhi ungangikhulumisi mayelana nalabo abaphambukile ngokuba impela bayominziswa."},{"id":38,"translation":"Wabe esewakha umkhumbi, futhi kwakuthi lapho izikhulu esizweni sakhe sindlula ngakuye zivane zihlekise ngaye. Wathi “Nihlekisa ngathi nje, nathi sizohlekisa ngani njengoba nihlekisa ngathi”."},{"id":39,"translation":"Maduze nje, bazokwazi ukuthi ubani oyothola isijeziso esizonhlaza aphinde ehlelwe isijeziso esingunaphakade."},{"id":40,"translation":"Kwathi lapho sekufike umyalelo weThu, kwagobhoza amanzi eziko, Sathi [kuNuhu]: “Gibeza kuwo [umkhumbi] kuzo zonke izinhlobo [zezilwane] iduna nensikazi, nomndeni wakho – ngaphandle kwalowo osenqunyelwe – kanye nalabo abakholwayo. Belu kwakuquqaba nje olwalukholwa kanye naye [uNuhu]."},{"id":41,"translation":"Wabe esethi [uNuhu]: “Gibelani kuwo [emkhunjini] egameni lika Allah lapho uhamba nalapho uma. Nebala iNkosi yami iNgothethelayo Onesihawu."},{"id":42,"translation":"Wahamba [umkhumbi] nabo emagagasini angangezintaba, uNuhu wamemeza indodana yakhe eyayikade ime yodwa [wathi]: “Ndodana, gibela kanye nathi ungabi nabangakholwa”."},{"id":43,"translation":"Yathi: “Ngizokhosela entabeni ezongivikela emanzini”. Wathi [uNuhu]: “Namhlanje akekho umvikeli emyalelweni ka Allah ngaphandleke kwaloyo amenzele umusa”. Igagasi labe selingena phakathi kwabo, waba omunye abacwilile."},{"id":44,"translation":"Kwase kuthiwa: “Mhlaba gwinya amanzi akho nawe sibhakabhaka wagodle”, amanzi abe eseyancipha wafezeka umyalelo, [umkhumbi wona] waqongela entabeni iJudi. Kwase kuthiwa: “Mababhubhe abantu abaphambukayo”."},{"id":45,"translation":"UNuhu wabe esekhuleka eNkosini yakhe, wathi: “Nkosi yami, indodana yami iyingxenye yomndeni wami, kanti isithembiso sakho siyiqiniso futhi Wena unguMehluleli oyingweti."},{"id":46,"translation":"Wathi [u Allah]: “We Nuhu, akayona ingxenye yomndeni wakho ngokuba izenzo zakhe azilungile. Ngakho-ke ungaphinde ungicele lokho ongenalwazi ngakho, impela ngiyakuxwayisa funa ube omunye weziwula."},{"id":47,"translation":"Wathi [uNuhu]:”Nkosi yami ngizivikela ngawe ekutheni ngikucele lokho engingenalwazi ngakho. Uma ungangithetheleli futhi ube nomusa kimi ngiyokuba omunye wabalahlekelwe."},{"id":48,"translation":"Kwathiwa: “Nuhu yehlwa ngokuthula okuvela kithi kanye nezibusiso kuwe nezizwe ezikanye nawe. Kanti futhi ezinye izizwe sizozijabulisa okwesikhashana bese befumana isijeziso esibuhlungu esivela kithi”."},{"id":49,"translation":"Lezo izindaba obungazazi esizambulele kuwe. Ubangazazi wena nesizwe sakho ngaphambi kwalokhu. Ngakho-ke bekezela, nebala kuyogcina labo abathobela intando ka Allah."},{"id":50,"translation":"Nasesizweni sakwa Adi [Sathumela] umfowabo uHudi, wathi: “Bantu bakithi, khonzani u Allah ngokuba akekho omunye okufanele nimkhonze ngaphandle kwaKhe, empeleni niqamba amanga”."},{"id":51,"translation":"Bantu bakithi, angifuni mvuzo ngalokhu, ngokuba umvuzo wami ukuLowo ongidalile, ingabe aniqondi na?"},{"id":52,"translation":"Bantu bakithi, celani intethelelo eNkosini yenu bese nizisola kuYo. Iyobe isinehlisela imvula eyinala futhi inandisele amandla enu kulawo eninawo, futhi ningakushayi indiva [lokhu engikushoyo] nibe izigilamkhuba."},{"id":53,"translation":"Bathi: “We Hudi, awusilethelanga bufakazi futhi ngeke sayeka izikhonzwa zethu ngento eshiwo nguwe sinjalo nje asikukholwa”."},{"id":54,"translation":"Esikushoyo nje ukuthi ezinye zezikhonzwa zethu zikuphambanise ikhanda. Wathi [uHudi]: “U Allah ungufakazi nani futhi ningofakazi ukuthi mina angihlangene nalokho enikubhanqayo...;"},{"id":55,"translation":"Ngaphandle kwaKhe. Ngakhoke ngakheleni nonke uzungu futhi ningangiphi intuba."},{"id":56,"translation":"Impela mina ngithembeleku Allah iNkosi yami nani. Phela akukho sidalwa esingalawulwa nguYe. Nebala iNkosi yami isendleleni eqondile."},{"id":57,"translation":"Kepha uma nikushaya indiva, mina sengikwendlulisele kini lokho ebengithunywe nakhokini. Futhi iNkosi yami ingababeka abanye emuva kwenu futhi ningasoze nayilimaza ngalutho, impela iNkosi yami iyiqhaphe yonke into."},{"id":58,"translation":"Kwathi lapho umyalelo weThu [wembubhiso]usufika, sahlenga uHudi nalabo ayekholwa nabo ngomusa weThu futhi sabahlenga nasesijezisweni esinzima."},{"id":59,"translation":"Yisonake leso isizwe sika Adi; saphika izibonakaliso zeNkosi yabo saphinde sangalalela izithunywa zayo salandela umyalelo wawowonke undlovu kayiphikiswa isaliwa kutshelwa."},{"id":60,"translation":"Balandelwa ngesiqalekiso kulomhlaba kanye nakwelizayo. Impela isizwe sakwa Adi abakholwanga eNkosini yabo. Makabhubhe-ke uAdi isizwe sikaHudi."},{"id":61,"translation":"Futhi sathumela esizweni sakwaTamudi umfowabo uSwalihi, wathi: “Bantu bakithi khonzani u Allah [kuphela] ngokuba akekho omunye okumele nimukhonze ngaphandle kwaKhe. Nguyena belu owanidala ngomhlaba wase enibeka ukuba nihlale kuwo, ngakhoke mceleni intethelelo nizisole kuYe, nebala iNkosi yami Iseduze Iyaphendula [imikhuleko]."},{"id":62,"translation":"Bathi: “We Salihi, impela besinethemba [lobuholi] ngawe ngaphambi kwalokhu; usinqabela ukuba sikhonze lokho obekukhonzwa okhokho bethu na? Impela sinongabazane ngalokhu osimemela kukho, asithembi."},{"id":63,"translation":"Wathi [uSwalihi]: “Bantu bakithi, ake nibhekisise, uma nginobufakazi obuvela eNkosini yami futhi yangipha nomusa ovela kuYo, ngubanike oyongisiza ku Allah uma ngephula umyalelo waKhe na? Niyovele ningandisele ukulahlekelwa”."},{"id":64,"translation":"Bantu bakwethu, leli ikameli lika Allah eliyisibonakaliso kini, ngakhoke liyekeleni lizindlele emhlabeni kaAllah ningalenzi lutho olubi, funa nitholwe isijeziso esiseduze."},{"id":65,"translation":"Kepha balihlaba [balibulala], wabe [uSwalihi] esethi: “Nethezekani nje emziniwenu izinsuku ezintathu, lesoke isithembiso esingemanga”."},{"id":66,"translation":"Kwathi-ke lapho kufika umyalelo weThu [wembubhiso], sahlenga ngomusa weThu uSwalihi kanye nalabo ababekholwa naye ehlazweni lalosuku. Impela iNkosi yakho iNgonamandla inguSomandla."},{"id":67,"translation":"Umsindo omkhulu wahlasela labo abaphambukile, kwasa bedindilizile emzini yabo bebheke phansi [befile]."},{"id":68,"translation":"Kwaba ngathi abakaze bahle khona. Bheka ngoba isizwe sakwaTamudi asikholwanga eNkosini yaso, masibhubheke isizwe sakwaTamudi."},{"id":69,"translation":"Futhi zafika impela izithunywa [izingelosi] zeThu ku Ibhirahimu nezindaba ezinhle, zathi: “Salamu [ukuthula]”. Wathi [naye ephendula]: “Salamu [ukuthula]”. Akupholanga maseko wabe eseletha inyama yethole elosiwe."},{"id":70,"translation":"Kepha kwathi lapho eqaphela ukuthi izandla zabo aziyithinti [inyama], wabaxwaya wazithuka enokubesaba. Bathi: “Ungesabi, ngokuba thina sithunyelwe esizweni sika Luti”."},{"id":71,"translation":"Umkakhe owabe emile, wahleka samethulela izindaba ezinhle ngo Isihaki, yena oyoba noYakubu."},{"id":72,"translation":"Wathi [umka Ibhirahimu]: “Maye, ngizozala ngingumxhilibe wesalukazi kanti futhi nomyeni wami lo umxhalaba wexhegu, impela lesi yisimanga."},{"id":73,"translation":"Zathi: “Umangazwa umyalelo ka Allah na? Umusa ka Allah nezibusiso zaKhe makube kini bantu bomuzi. Nebala Yena [u Allah] ungoDunyiswayo Ohloniphekile."},{"id":74,"translation":"Kwathi lapho selehlile ixhala ku Ibhirahimu kwafika nezindaba ezinhle kuye, wabe esebhunga naThi mayelana nesizwe sika Luti."},{"id":75,"translation":"Impela u Ibhirahimu unobubele unesizotha uyazithoba [eNkosini yakhe]."},{"id":76,"translation":"We Ibhirahimu, kushiye phansi lokhu, ngokuba umyalelo weNkosi yakho usufikile, futhi nakanjani siyobathola isijeziso esingejikiswe."},{"id":77,"translation":"Kwathi lapho izithunywa [izingelosi] zeThu sezifikile ku Luti akathokozanga ngazo futhi akakhululekanga ngazo, wabe esethi: “Leli usuku olunzima”."},{"id":78,"translation":"Abantu bakubo beza kuye begijima, kanti phambilini bebenza imikhuba. Wathi [uLuti]: “Bantu bakithi, lawa amadodakazi ami, yiwona ahlanzekile kini, ngakhoke thobelani u Allah futhi ningangihlazi ezivakashini zami, akusekho yeyodwa nje indoda eqotho kini na?”"},{"id":79,"translation":"Bathi:”Wazi kahle ukuthi asinasidingo kumadodakazi akho belu ukwazi kahle lokho esikufunayo”."},{"id":80,"translation":"Wathi: “Ngifisa ngabe benginamandla okubhekana nani noma nje insika eqinile [umndeni]”."},{"id":81,"translation":"Zathi: “We Luti, thina sizithunywa zeNkosi yakho abasoze bakwenza lutho. Phuma wena nomndeni wakho ebusuku, kungabikho noyedwa kini obheka emuva, ngaphandle nje komkakho ngokuba yena uyokwehlela yilokho okuyobehlela. Isikhathi sabo esibekiwe kusekuseni. Ekuseni sekuseduze."},{"id":82,"translation":"Kwathi lapho umyalelo weThu ufika, sathatha ingaphezulu lendawo salisa ngaphansi saletha kuyo imvula yamatshe obumba elandelana."},{"id":83,"translation":"Ayebekisiwe eNkosini yakho, futhi awekho ekudeni nalabo abaphambukile."},{"id":84,"translation":"Futhi sathumela uShu’ayibu eMadiyana, wathi: “Bantu bakithi, khonzani u Allah [kuphela] ngokuba akekho okumele nimkhonze ngaphandle kwaKhe. Futhi ninganciphisi isikali nesisindo. Impela nginibona nisebuhleni kanti futhi nginesabela isijeziso soSuku oluhaqayo”."},{"id":85,"translation":"Bantu bakithi, gcwalisani isikali nesisindo ngobulungiswa futhi ningaqili abantu izinto zabo futhi ningahambi nenza impambuko emhlabeni."},{"id":86,"translation":"Izinsalela zika Allah [okusalayo] yiko okungcono kini uma ningabakholwayo, futhi-ke mina angiyena oniqaphile."},{"id":87,"translation":"Bathi: “We Shu’ayibu, yilomthandazo wakho okuyalela ukuba usinqabele ukuba sikhonze lokho obekukhonzwa obabamkhulu nokuthi senze esikuthandayo ngemicebo yethu na?”"},{"id":88,"translation":"Wathi: “Bantu bakithi, nibona kanjani uma ukuthi nginobufakazi obuvela eNkosini yami yaphinda futhi yangabela isondlo esihle. Mina angihlosile ukuphambana nani kulokho engininqabela kona. Empeleni engikuhlosile izinguquko ezinhle ngokusemandleni. Amandla ami ngiyophiwa ngu Allah, ngithembele kuYe futhi ngizinikele kuYe”."},{"id":89,"translation":"Bantu bakithi, ukuzonda mina makunganiholeli ekutheni nehlelwe okufana nalokho okwehlela isizwe sikaNuhu noma esikaHudi noma esikaSwalihi, kantike, esikaLuti asikho ekudeni nani."},{"id":90,"translation":"Futhi celani intethelelo eNkosini yenu bese nizisola kuYo. Impela iNkosi yami inesihawu inothando."},{"id":91,"translation":"Bathi: “We Shu’ayibu, kuningi esingakuqondi kulokho okushoyo futhi sikubona ubuthaka phakathi kwethu, ukube nje bekungekho ngenxa yomndeni wakho ngabe kade sakukhanda ngamatshe, futhi awuhloniphekile kangako kithi”."},{"id":92,"translation":"Wathi: “Bantu bakithi, umndeni wami uhlonipheke kini ukudlula uAllah naze namufulathela ngomhlane pho? Impela iNkosi yami ikuhaqe konke enikwenzayo”."},{"id":93,"translation":"Bantu bakithi, yenzani enikwenzayo nami ngiyenza, maduzane nje niyokwazi ukuthi ngubani oyothola isijeziso esiyomhlaza nalowo oyixoki. Futhi lindelani nami ngilindele."},{"id":94,"translation":"Kwathi-ke lapho kufika umyalelo weThu [wembubhiso], sahlenga ngomusa weThu uShu’ayibu kanye nalabo ababekholwa naye, umsindo omkhulu wahlasela labo abaphambukile, kwasa bedindilizile emzini yabo bebheke phansi [befile]."},{"id":95,"translation":"Kwaba ngathi abakaze bahle khona, masibhubheke isizwe sakwa Madiyana njengoba kwabhubha esakwaTamudi."},{"id":96,"translation":"Futhi sathumela uMusa ngezibonakaliso zeThu nobufakazi obusobala."},{"id":97,"translation":"Ukuba aye kuFirawuni nezikhulu zakhe; kepha bona balandela umyalelo kaFirawuni. Bheka ngoba umyalelo kaFirawuni awunabuqotho."},{"id":98,"translation":"Uyobe ehola phambili abantu bakhe ngoSuku lokwahlulela, abafake emlilweni; yaze yayimbi indawo okungenwa kuyo."},{"id":99,"translation":"Balandeliswa ngesiqalekiso lapha emhlabeni futhi nakwelizayo; kwaze kwakubi lokho okulandelanayo."},{"id":100,"translation":"Lezo izindaba zezindawo esikulandisa zona, ezinye zazo zisabonakala kuthi ezinye sezashabalala."},{"id":101,"translation":"Futhi asibonanga ngalutho kepha yibona abazona uqobo; kanti izikhonzwa zabo abakhuleka kuzo ngaphandle kuka Allah azibasizanga ngalutho mzukwana kufika umyalelo [wembubhiso] weNkosi yakho, kunalokho zabandisela imbubhiso."},{"id":102,"translation":"Sinjaloke isijeziso seNkosi yakho, uma ijezisa abantu bendawo abaphambukile, impela isijeziso saYo sibuhlungu sinzima."},{"id":103,"translation":"Nebala kulokho kunesifundo kulowo osaba isijeziso sakwelizayo. Lelo uSuku okuyobuthana khona abantu futhi lelo uSuku oluyobonwa."},{"id":104,"translation":"Futhi siludondisela isikhathi esibekiwe."},{"id":105,"translation":"Mhla lufika, akukho muntu oyokhuluma ngaphandle kwemvume yaKhe [u Allah]. Phakathi kwabo kunalabo abangeke baphumelele futhi kunalabo abayophumelela."},{"id":106,"translation":"Labo-ke abangayi kuphumelela bayongena emlilweni lapho bayobubula [kanzima] futhi baphefumule kanzima."},{"id":107,"translation":"Bayobhadla kuwo uma nje lokhu amazulu nomhlaba esekhona, ngaphandle kwalokho okuthandwa iNkosi yakho[1]. Bheka ngoba iNkosi yakho yenza intando yaYo.","footnotes":"[1] njengokukhipha abakholwayo abangene eMlilweni ngenxa yempambuko zabo ezindlule izenzo zabo ezinhle."},{"id":108,"translation":"Futhi labo abayophumelela, bayongena eJana bahlale kuyo unaphakade uma nje lokhu amazulu nomhlaba esekhona, ngaphandle kwalokho okuthandwa iNkosi yakho – izibusiso ezingenamkhawulo."},{"id":109,"translation":"Ngakhoke ungabi nongabazane ngalokho abakukhonzayo laba, ngokuba bakhonza njengoba abokhokho babo babekhonza phambilini. Kantike siyobanika isabelo ngokugcwele singancishisiwe."},{"id":110,"translation":"Futhi sanika uMusa iNcwadi [iTora], kepha kwaba nokuphikisana ngayo. Ukube bekungesikho ngenxa yezwi [isinqumo] saphambilini elivela eNkosini yakho ngabe kwahlulelwe phakathi kwabo. Futhi banokungabaza okukhulu ngayo [iKurani]."},{"id":111,"translation":"Futhi bonke [labo abaphikisanayo] iNkosi yakho iyobapha umvuzo wezenzo zabo ngokuphelele, ngokuba Yona ikwazi kahle konke abakwenzayo."},{"id":112,"translation":"Ngakhoke bambelela endleleni eqondile njengoba uyalelwe, [wena] nalabo ababuye kanye nawe [ngokukholwa ku Allah] futhi ningaphuli imithetho, ngokuba Yona [iNkosi yakho] ikubona konke enikwenzayo."},{"id":113,"translation":"Futhi ningathatheki ngalabo abaphambukile, funa nitholwe umlilo futhi akukho basizi eniyobathola ngaphandle kuka Allah, manjalo ningasizakali."},{"id":114,"translation":"Yenza iswala ezinhlangothini zombili zosuku [ekuseni nantambama] kanjalo nangezinkathi zakusihlwa. Impela izenzo ezinhle ziyazishabalalisa ezimbi. Lokho isikhumbuzo kulabo abakhumbulayo."},{"id":115,"translation":"Futhi bekezela [uzimelele], ngokuba u Allah akawuchithi umvuzo walabo abenza okuhle."},{"id":116,"translation":"Ukube nje kwabakhona abantu abanokuqonda ezizweni ezinandulelayo ababeyobanqanda ekuphambukeni, [kepha phinde] – ngaphandle kwedlanzana kulabo esabahlenga kubo. Laba abaphambukile balandela lokho abacebe ngakho futhi babeyigilamkhuba."},{"id":117,"translation":"Futhi iNkosi yakho ayikaze yabhubhisa indawo [yabantu] ngokungebulungiswa uma abantu bakhona bengabaqotho."},{"id":118,"translation":"Ukube iNkosi yakho beyithanda, beyobenza abantu babe sokholweni olulodwa. Kepha abantu bayohlala benemibono ephikisanayo [abanye abakholwa abanye bayakholwa]."},{"id":119,"translation":"Ngaphandle kwalabo iNkosi yakho ebe nomusa kubo, futhi ubadalele kona lokho [ukubavivinya ngokuhlukana kwemibono]. Kantike liyofezeka Izwi [isinqumo] leNkosi yakho elithi: “Ngiyogcwalisa iJahanamu ngamaJini nangabantu ndawonye”."},{"id":120,"translation":"Konke lokhu esikulandisa kona ngezindaba zeZithunywa, ukukupha isibindi. Futhi kukho konke lokhu uthole iqiniso nokwelulekwa kanye nesikhumbuzo kubakholwayo."},{"id":121,"translation":"Futhi kulabo abangakholwa yithi: “Yenzani enikwenzayo nathi senza esikwenzayo”."},{"id":122,"translation":"Futhi nilinde nathi silindile."},{"id":123,"translation":"Konke okungabonwayo emazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah futhi yonke into iyobuyela kuye, ngakhoke khonzani Yena futhi nethembele kuYe. Belu akusikho ukuthi iNkosi yakho ayikunakile enikwenzayo."}]},{"id":12,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif Lam Ra; lena imibiko yeNcwadi ecacile."},{"id":2,"translation":"Nebala siyembulele iyiKurani yesi-Arabhu ukuze niqonde."},{"id":3,"translation":"Sikulandisela izindaba ezinhle lapho sikwembulela leKurani nakuba ngaphambi kwayo ubungomunye wabangazi."},{"id":4,"translation":"Khumbula mhla ethi uYusufu kuyise: “Ngiphuphe izinkanyezi eziyishumi nomuvo kanye nelanga nenyanga, ngikuphuphe konke kungikhothamela”."},{"id":5,"translation":"Wathi [uyise]: “Ungabatsheli abafowenu ngephupho lakho, funa bakwakhele uzungu, phela uShayitani uyisitha somuntu esicacile”."},{"id":6,"translation":"Kanjaloke iNkosi yakho izokuqoka futhi ikufundise incazelo yamaphupho iphinde iphelelelise isibusiso saYo kuwe nasemndenini kaYakubu, njengoba asiphelelisa koyihlomkhulu ababili phambilini u Ibhirahimu no Isihaki. Nebala iNkosi yakho Inolwazi Ikhaliphile."},{"id":7,"translation":"Impela [endabeni] kaYusufu nabafowabo kunezifundo kulabo ababuzayo."},{"id":8,"translation":"Mhlazane bethi: “Nebala uYusufu nomnewabo bathandwa ukudlula thina kubaba wethu yize thina sibaningi, impela ubaba wethu usephutheni elisobala”."},{"id":9,"translation":"Bulalani uYusufu noma nimdingisele kude le ukuze ubaba wenu abheke nina, bese emuva nibe ngabantu abenza okulungile."},{"id":10,"translation":"Omunye wabo wathi: “Cha, ningambulali uYusufu kepha mfakeni ekujuleni komthombo, uyobe esecoshwa abanye bezihambi uma ukuthi nizimisele ukukwenza."},{"id":11,"translation":"Bathi: “Baba wethu, kungani ungasithembi ngoYusufu sibe impela simkhathalele na?."},{"id":12,"translation":"Mdedele ahambe nathi kusasa azijabulise adlale futhi impela siyobe thina simqaphile"},{"id":13,"translation":"Wathi: “Nebala kuyangikhathaza ukuba nihambe naye futhi ngiyesaba ukuthi angahle adliwe impungushe ningamnakile”."},{"id":14,"translation":"Bathi: “Uma engadliwe impungushe sibe sibaningi kangaka, impela siyobe singamavaka”."},{"id":15,"translation":"Kwathi lapho sebehambe naye, bavumelana ukuthi bayomfaka ekujuleni komthombo; sembulela kuye ukuthi [langalimbe] uyobatshela ngalesenzo sabo bengazelele."},{"id":16,"translation":"Bafika kubaba wabo ebusuku bekhala."},{"id":17,"translation":"Bathi: “Baba wethu, sihambile siyoncintisana sashiya uYusufu ezimpahleni zethu, wabe esedliwa impungushe. Futhi vele ngeke usikholwe noma kuthiwa siqinisile”."},{"id":18,"translation":"Futhi babhixa ingubo yakhe ngegazi mbumbulu. Wathi [uYakubu]: “Empeleni niyengwe imiphefumulo ngokuthile. Kepha ukubekezela ikona okuhle futhi u Allah nguYena okucelwa kuYe usizo ngalokho enikubabulayo”."},{"id":19,"translation":"Zafika izihambi zathumela lowo obakhela amanzi, wehlisa ithunga [emthonjeni] wathi: “Lezi izindaba ezinhle, umfana lo”. Base bemfihla okwempahla ethengiswayo. Kepha u Allah ukwazi konke abakwenzayo."},{"id":20,"translation":"Base bemthengisa ngenani elingatheni ubala nje lwamaDirihamu futhi babengenandaba naye."},{"id":21,"translation":"Lona owaseMisiri [eGibhithe] owamthenga wathi kumkakhe: “Mphathe kahle, hleze abe usizo kithi noma simenze ingane yethu”. Sambeka kanjalo uYusuf emhlabeni ukuze simfundise ukuchaza amaphupho. Futhi u Allah ulwengamele udaba lwakhe kepha iningi labantu alazi."},{"id":22,"translation":"Kuthe esekhulile, samnika ubuhlakani nolwazi, phela sibahlomulisa kanjalo labo abenza okuhle."},{"id":23,"translation":"Lowo owesimame ayehla emzini wakhe wamncenga ukuba alale naye wavala iminyango wathi: “woza la”. Wathi [uYusufu]: “U Allah angivikele – impela umnumzane wami ungiphethe kahle, impela abaphambukayo abasoze baphumelele”."},{"id":24,"translation":"Impela [owesimame] wayemlangazelele, kanjalo naye ukube nje akabonanga izimpawu zeNkosi yakhe. Ngalokho saqhelisa kuye ububi namanyala, ngokuba wayengomunye wezigqila zeThu ezikhethekile."},{"id":25,"translation":"Bagijimela emnyango, owesimame wadabula izimpahla zakhe [uYusufu] ngemuva bazithela phezu komyeni wakhe emnyango. Wathi [owesimame]: “Yini umvuzo walowo obefuna ukwenza okubi ngomndeni wakho uma kungesikho ukuba aboshwe noma ajeziswe kabuhlungu”."},{"id":26,"translation":"Wathi [uYusufu]: “Nguyena obengincenga ukulala nami”. Kwaba nofakazi wasemndenini wakhe [owesimame] owathi: “Uma izembatho zakhe [uYusufu] zidabuke ngaphambili, kuyinkomba yokuthi owesimame uqinisile nokuthi yena [uYusufu] unamanga”."},{"id":27,"translation":"Kanti uma izembatho zakhe [uYusufu] zidabuke ngemuva, kuyinkomba yokuthi owesimame unamanga, nokuthi yena [uYusufu] uqinisile."},{"id":28,"translation":"Kwathi lapho [usokhaya] ebona izembatho zakhe [uYusufu] zidatshulwe ngemuva wathi: “Nebala lokhu ngamanye amaqhinga enu bafazi, impela amaqhinga makhulu”."},{"id":29,"translation":"[Wathi usokhaya]: “Yusufu kwendlulise lokhu, kuthi wena [mfazi] cela intethelelo yempambuko yakho impela usephutheni”."},{"id":30,"translation":"Abafazi bendawo bathi: “Umfazi wesikhulu uncenga umfana wakhe ukulala naye, okusho ukuthi impela uthando luyachichima. Belu simbona esephutheni elisobala”."},{"id":31,"translation":"Kuthe lapho [umfazi wesikhulu] ezwa ngozunge lwabo [abafazi bendawo], wabamema wabalungiselela idili wabe esebanika umfazi ngamunye umkhephe [ummese] wathi [kuYusufi]: “Phuma bakubone”. Kuthe bembona bambabaza bazisika izandla bathi: “u Allah makangcweiswe, akusiyena umuntu phela lona, ingelosi ehloniphekile uqobo”."},{"id":32,"translation":"Wathi [umfazi wesikhulu]: “Yikonake lokhu ebeningisola ningigxeka ngakho, impela ngizamile ukumncenga ukulala naye kepha wenqaba. Kodwake uma engakwenzi lokhu engimyalela kona uyobhadla ejele futhi akuyikuba yinto yalutho”."},{"id":33,"translation":"Wathi [uYusufu]: “Nkosi yami, ijele yilona engilithandayo kunalokho abangibizela kukho. Uma ungaluqhelisi uzungu lwabo kimi, ngiyolingeka ngabo ngibe omunye weziwula”."},{"id":34,"translation":"INkosi yakhe yamphendula, yaqhelisa uzungu lwabo kuye, phela Ungozwayo Owaziyo."},{"id":35,"translation":"Emuva kokubona ubufakazi [bobumsulwa bukaYusufi], babona kungcono bamfake ejele undendende."},{"id":36,"translation":"Wangena namabhungu amabili ejele, omunye walo wathi: “Ngiphuphe ngivova utshwala”. Lona omuunye wathi: “Mina ngiphuphe ngithwele isinkwa ekhanda sidliwa izinyoni”. [base ethi womabili]: “Ake usilandise ngencazelo yawo, impela sikubona ungumuntu oqotho”."},{"id":37,"translation":"Wathi: “Kuyothi kungakafiki ukudla eniphakelwa kona, ngiyobe senginilandisile ngencazelo yawo ngaphambi kokuthi kufike kini. Phela lokhu ngokunye engikufundiswe iNkosi yami. Bheka ngoba ngayishiya phansi inkolo yabantu abangakholelwa ku Allah futhi benjalo nje baphikha uSuku lokuGcina”."},{"id":38,"translation":"Ngabeke sengilandela inkolo yokhokho bami u Ibhirahimu no Isihaki noYakubu. Impela sasingenalo igunya lokubhanqa u Allah nanoma yini. Lokho isibusiso sika Allah kithi nakusintu kepha iningi labantu alibongi."},{"id":39,"translation":"Balingani bami ejele, ingabe izikhonzwa ezahlukahlukene zingcono kuno Allah Oyedwa Ongumlawuli na?"},{"id":40,"translation":"Lokho enikukhonzayo ngaphandle kwakhe amagama nje eniziqambele wona nina nokhokho benu angenabufakazi u Allah abumbulele. Ukwahlulela [nombuso] kungokuka Allah kuphela. Uyalele ukuba ningakhonzi lutho ngaphandle kwaKhe. Leyo- ke iyona nkolo eqondile kepha iningi labantu abazi."},{"id":41,"translation":"Balingani bami ejele, omunye wenu uyothelela inkosi yakhe [ebusayo] utshwala, kuthi omunye wenu yena uyophanyekwa abethelwe izinyoni zidle ekhanda lakhe. Udaba lolu ebenibuza ngalo seluphothuliwe."},{"id":42,"translation":"Wabe esethi kulona ayenethemba lokhuthi uyosinda [ekufeni]: “Ungibalule enkosini yakho”, kepha uShayitani wamlibazisa wakhohlwa ukumbalula enkosini yakhe. Ngakhoke [uYusufu] wahlala futhi ejele iminyakana."},{"id":43,"translation":"Yathi inkosi [ngelinye ilanga]: “Ngiphuphe izinkomo eziyisikhombisa ezinonile zidliwa ezinye eziyisikhombisa ezizacile, ngabona nezikwebu eziluhlaza nezinye ezomile; zikhulu, ngiboniseni ngephupho lami uma nikwazi ukuchaza amaphupho”."},{"id":44,"translation":"Bathi: “Imbudane yephupho, asikwazike thina ukuchaza imbudane yamaphupho”."},{"id":45,"translation":"Lona omunye wababili [ababeboshiwe] owasinda [ekufeni] wakhumbula mveni wathi: “Mina nginganilandisa ngencazelo yalo, ngakhoke thumani mina [kuYusufu]”."},{"id":46,"translation":"Yusufu, wena oneqiniso sichazele ngezinkomo eziyisikhombisa ezinonile ezidliwa ezinye eziyisikhombisa ezizacile, ukuze ngibuyele emuva kubantu hleze babe nolwazi."},{"id":47,"translation":"Wathi [uYusufu]: “Nizolima iminyaka eyisikhombisa ilandelana bese kuthi konke enikuvunile nikuyeke esikwebini sakho ngaphandle kwalokho okuncane okumele nikudle”."},{"id":48,"translation":"Emuva kwalokho kuyofika iminyaka eyisikhombisa enzima [isomiso] iyodla konke lokhu enikuvunile phambilini [abantu bayokuqeda] ngaphandle kwalokho okuncane enikulondolozile."},{"id":49,"translation":"Emuva kalokhoke kuyofika unyaka abantu bayothola inala kuwo inala lemvula futhi bayobe bevova [izitshalo ezikhanywayo ukwenza iziphuzo]."},{"id":50,"translation":"Inkosi yathi: “Mletheni kimi [uYusufu belu]”. Kuthe lapho isigijimi sifika kuye wathi: “buyela enkosini yakho, uyibuze ukuthi kwakwenzenjani ngabafazi abazisika izandla. Impela inkosi yami yazi kahle ngamaqhinga abo”."},{"id":51,"translation":"Yathi [inkosi]: “Kwakwenzenjani mhla nincenga uYusufu ukuba alale nani na?” Bathi [abafazi]: “u Allah makagcweliswe, akukho okubi esimazela kona”. Umfazi wesikhulu wathi: “Manje iqiniso selivele obala, yimina engangimncenga ukulala naye futhi ubeqinisile”."},{"id":52,"translation":"[uYusufu wathi] “Lokho, ukuze azi [isikhulu] ukuthi angizange ngingathembeki kuye lapho engekho, nokuthi u Allah akaliphumelelisi iqhinga labangathembekile”."},{"id":53,"translation":"Futhi angizenzi msulwa ngokuba umphefumulo unokuyalela ngokubi ngaphandle kwalowo iNkosi yami ebe nomusa kuye. Nebala iNkosi yami Iyathethelela Inesihawu."},{"id":54,"translation":"Inkosi yathi: “Mletheni kimi ngizoziqokela yena”. Kuthe lapho esekhuluma naye [uYusufu] yathi: “Kusukela namhlanje ungohloniphekile nothembekile kithi”."},{"id":55,"translation":"Wathi: “Ngiphe isikhundla sokuphatha iziqolobane zomhlaba ngokuba ngiyanakekela futhi nginolwazi”."},{"id":56,"translation":"Sambeka kanjalo uYusufu emhlabeni [waseMisiri] wakha lapho ethanda khona. Ngomusa wethu sibusisa esimthandayo futhi asiwuchithi umvuzo walabo abenza okuhle."},{"id":57,"translation":"Kanti futhi umvuzo wakwelizayo yiwona ongcono kulabo abakholwayo futhi abathobela intando ka Allah."},{"id":58,"translation":"Abafowabo bakaYusufu bafika [eMisiri] bangena ekhona, wababona [ukuthi abafowabo] kepha bona babengamboni [ukuthi uYusufu]."},{"id":59,"translation":"Kuthe lapho esebalungiselele umgodla wabo wathi: “Nibongilethela umfowenu enizalwana naye nguyihlo; bhekani ngoba ngininika isikali esigcwele futhi ngiziphatha kahle izivakashi”."},{"id":60,"translation":"Uma ningangiletheli yena, akukho engiyokunikalela kona futhi ningasasondeli [ningasabuyi]."},{"id":61,"translation":"Bathi: “Sizoncenga uyise ngaye futhi sizokwenza impela”."},{"id":62,"translation":"Wathi kuzinceku zakhe: “Shuthekani imali yabo kumithwalo yabo, ukuze bayibone lapho befika emndenini wabo hleze babuye”."},{"id":63,"translation":"Kuthe lapho sebebuyele kuyise wabo bathi: “Baba wethu, sesinqatshelwe ukuba sikalelwe ngakhoke dedela umfowethu ahambe nathi sizokwazi ukukala [ukudla] futhi sizomvikela”."},{"id":64,"translation":"Wathi: “Nifuna nginithembe ngaye njengoba nganithemba ngomfowabo phambilini, u Allah kuphela ongumvikeli ongcono futhi unomusa kunabo bonke abanomusa”."},{"id":65,"translation":"Bathe uma bevula imithwalo yabo bathola imali yabo ibuyiselwe kubo, bathi: “Baba wethu, yikuphi esikufunayo [okudlula lokhu], nansi imali yethu ibuyiselwe kithi, sizokhona ukutholela umndeni wethu ukudla sivikele nomfowethu siphinde sithole isikali sekameli esengeziwe, leso isikali esilula”."},{"id":66,"translation":"Wathi [uYakubu]: “Angisoze ngamadedela ahambe nani kuze kuba ningipha isiqiniseko ngo Allah ukuthi niyombuyisa kimi ngaphandleke uma kwenzeka okungaphezu kwamandla enu”. Kuthe lapho sebemunikeze isiqiniseko sabo wathi: “u Allah ungufakazi kulokho enikushoyo”."},{"id":67,"translation":"Wathi: “Bantwana bami, ningangeni ngesango elilodwa kepha ningene ngamasango ehlukene, futhi ayikho into enginganisiza ngayo ku Allah, ngokuba isinqumo ngesika Allah, ngithembele kuYe futhi abathembayo kumele bathembele kuYe”."},{"id":68,"translation":"Kuthe lapho sebengenile ngokomyalelo kayise wabo – akukho lutho abengabasiza ngakho ku Allah, kwakumane kuyisifiso emphefumulweni kaYakubu ayefuna ukusifeza. Futhi impela unolwazi ngalokho esimufundise kona kepha iningi labantu alazi."},{"id":69,"translation":"Kuthe lapho bengena kuYusufu wamanga umfowabo wathi [emhlebela]: “Ngingumfowenu, ngakhoke ungazikhathazi ngalokho abakwenza”."},{"id":70,"translation":"Kwathi esebalungisele imigodla yabo, washutheka isitsha kumthwalo kamfowabo maqede kwamemeza isimemezi [sathi]: “Nina benqola ningamasela”."},{"id":71,"translation":"Baphenduka bathi: “nilahlekelwe yini na?”"},{"id":72,"translation":"Bathi: “Silahlekelwe isitsha senkosi futhi oyosiletha uzothola umthwalo wekameli [wokudla] futhi ngiyakuqinisekisa lokho”."},{"id":73,"translation":"Bathi: “Siyafunga ngo Allah, niyazi ukuthi asizanga ukuzokona ezweni futhi asikaze sibe amasela”."},{"id":74,"translation":"Bathi: “Kuyoba yini isijeziso sakhe [lowo oyisela] uma [kuvela] ukuthi ninamanga?”"},{"id":75,"translation":"Bathi: “Isijeziso salowo [isitsha] esitholakala kumthwalo wakhe kuyoba nguyena siqu sakhe, thina sizijezisa kanjalo iziphambuki”."},{"id":76,"translation":"Waqala ngemithwalo yabo [ephenya] ngaphambi kokamfowabo maqede wasikhipha kumthwalo kamfowabo. Samcebisa kanjalo uYusufu, ubengeke akhone ukuthatha umfowabo ngokwenkambiso yenkosi ngaphandle uma ethanda [enye indlela]. Siphakamisa izigaba zalabo esibathandayo, futhi ngaphezu kwalowo onolwazi kunomunye owazi kangcono."},{"id":77,"translation":"Bathi: “Uma ebile, phambilini umfowabo naye weba”. uYusufu wakugcina ngaphakathi wangabavezela, wathi: “Nina okwenu kubi ngokwendlulele], futhi u Allah ukwazi kahle enikuphawulayo”."},{"id":78,"translation":"Bathi: “Mhlonishwa, unobaba oyixhegu ogugile, ngakhoke thatha omunye wethu endaweni yakhe, impela sikubona ungomunye wabenza okuhle”."},{"id":79,"translation":"Wathi: “u Allah asivikele ukuba sithathe omunye ngaphandle kwalowo esithole kuye impahla yethu, funa sibe ngabaphambukile”."},{"id":80,"translation":"Kuthe lapho sebelahle ithemba ngaye, babhunga ngasese, wathi okunguyena omdala kubo: “Anisazi yini ukuthi ubaba wenu wenze isibopho nani ngo Allah futhi naphambilini lokhu enakwenza kuYusufu, ngakhoke mina angisasuki kulendawo kuze ubaba wami uyangivumela [ukubuyela ekhaya] noma u Allah kube nguYena ongehlulelayo futhi unguMehluleli oyigcweti”."},{"id":81,"translation":"Nina buyelani kubaba wenu nifike nithi: “Baba wethu, indodana yakho yebile futhi sifakaze ngalokho esikwaziyo futhi besingeke sikwazi ukuvikela okungabonwayo”."},{"id":82,"translation":"Ungabuza nabantu bendawo lapho ebesikhona nabenqola lena esifike ngayo, impela siqinisile."},{"id":83,"translation":"Wathi [uYakubu]: “Empeleni niyengwe imiphefumulo ngokuthile. Kepha ukubekezela ikona okuhle. Kungekudala u Allah uzobaletha kimi bonke. Nebala Yena Ungowaziyo Okhaliphile”."},{"id":84,"translation":"Wabashiya kanjalo wathi: “Hawu kodwa ngoYusufu”. Amehlo akhe [izinhlavu lezi ezimnyama]aze aba mhlophe ngenxa yosizi; futhi wayehlala edangele."},{"id":85,"translation":"Athi [amadodana akhe]: “Uzolokhu uqhubeka ukhumbula uYusufu uze ugule kanzima noma ubhubhe imbala, simfunge u Allah”."},{"id":86,"translation":"Wathi: “Ukudabuka kwami nosizi lwami ngilubalisela u Allah kuphela futhi ngazi ngo Allah lokho nina eningakwazi”."},{"id":87,"translation":"Madodana ami, hambani niyothungatha uYusufu nomfowabo futhi ningalahli ithemba ngomusa ka Allah, ngokuba abekho abalahla ithemba ngomusa ka Allah ngaphandle kwabantu abangakholwa."},{"id":88,"translation":"Kuthe lapho bengena kuye [uYusufu] bathi: “Sikhulu, thina nomndeni wethu sihlaselwe yisomiso futhi siphethe nemali nje engatheni [besicela nje] usikalele futhi usinikelele, impela u Allah uyabahlomulisa labo abanikelayo”."},{"id":89,"translation":"Wathi: “Nisakwazi nje enakwenza kuYusufu umfowenu mhla nisaseyiziwula na?”"},{"id":90,"translation":"Bathi: “Ingabe wena unguYusufu na?” Wathi: “Nginguyena uYusufu futhi lona umfowethu, u Allah usubusisile, ngokuba lowo othobela u Allah futhi abekezele, u Allah akawuchithi umvuzo walabo abenza okuhle”."},{"id":91,"translation":"Bathi: “Impela u Allah uqoke wena kunathi futhi besisephutheni, simfunge u Allah”."},{"id":92,"translation":"Wathi: “Namhlanje angeke nisagxekwa, u Allah uzonithethelela ngokuba unomusa kunabo bonke abanomusa”."},{"id":93,"translation":"Hambani nesembatho sami lesi, nifike nisiphonse ebusweni bukababa ukubona, uzophinde akwazi ukubona futhi nibuye lapha kimi nemindeni yenu yonke”."},{"id":94,"translation":"Kuthe lapho inqola isinqamula izinkalo, uyise wabo wathi: “Nginukelwa iphunga likaYusufu ukube nje beningathathisi owesiphukuphuku”."},{"id":95,"translation":"Bathi: “Simfunge u Allah, usubuyele kulokuhema kwakho kwakudala”."},{"id":96,"translation":"Kuthe lapho umthuli wezindaba ezinhle efika wasiphonsela [isembatho] ebusweni bakhe [uYakubu] wakwazi ukubona. Wathi: “Anginitshelanga ukuthi ngazi ngo Allah nina lokhu eningakwazi na?”"},{"id":97,"translation":"Bathi: “Baba wethu sicelele intethelelo ngezimpambuko zethu, impela besisephutheni”"},{"id":98,"translation":"Wathi: “Maduzane nje ngizonicelela intethelelo eNkosini yami, nebala Yona Ingumthetheleli Onesihawu”."},{"id":99,"translation":"Kuthe lapho bengena kuYusufu wabanga abazali bakhe, wathi: “Ngenani eMisiri – ngentando ka Allah – niphephile”"},{"id":100,"translation":"Wabeka abazali bakhe esihlalweni, bonke bamkhothamela. Wathi [uYusufu]: “Baba wami, lenake incazelo yephupho lami laphambilini, u Allah ulifezile. Futhi wangibusisa mhla engikhipha ejele waphinde waletha nina enisusa emaphandleni emuva kokuba uShayitani efake isihlava phakathi kwami nabafowethu. Impela iNkosi yami inesineke kulowo emthandayo; nebala Ingowaziyo Okhaliphile”."},{"id":101,"translation":"Nkosi yami ungiphe ubukhosi waphinde wangifundisa ukuchaza amaphupho; Mdali wamazulu nomhlaba unguMhlengi wami emhlabeni nakwelizayo, ngenze ngife ngisase-yiMusilimu futhi ungihlanganise nalabo abaqotho."},{"id":102,"translation":"Lokho izindaba zokungabonwayo esizambulele kuwe. Ubungekho nabo mhla bevumelana ngodaba lwabo lapho bakha uzungu."},{"id":103,"translation":"Futhi iningi labantu alisibo abakholwayo noma ungazama kangakanani."},{"id":104,"translation":"Futhi awubaceli mvuzo ngakho [ukubabonisa indlela], kuphela nje yisikhumbuzo sezizwe zonke."},{"id":105,"translation":"Ziningi izibonakaliso [izinkomba] emazulwini nasemhlabeni abazindlulayo kepha bazishaye indiva."},{"id":106,"translation":"Futhi iningi labo likholelwa ku Allah libe limbhangqa."},{"id":107,"translation":"Ingabe bazibona bephephile yini esijezisweni sika Allah esihaqa uwonke wonke noma ekufikeni koSuku lokugcina bengazelele futhi benganakile na?."},{"id":108,"translation":"Yithi: “Lena indlela yami, ngimemela ku Allah ngolwazi [oluqinisekisiwe] mina nalabo abangilandelayo – makangcweliswe u Allah- angisiye omunye wababhangqi”."},{"id":109,"translation":"Futhi sathumela [njengeZithunywa] amadoda kuphela ngaphambi kwakho ebesiwembulela edabuka khona ezindaweni zabantu. Ingabe abawuhambi yini umhlaba ukuze babone ukuthi saba njani isiphetho salabo ababandulelayo. Futhi umuzi wakwelizayo yiwona ongcono kulabo abathobela u Allah, ngakhoke kungani ningaqondisisi na?"},{"id":110,"translation":"Kuze kwathi lapho iZithunywa ziqala ukulahlekelwa yithemba seziqinisekile ukuthi zithathwa njengabanamanga, lwafika usizo leThu kwasindiswa esibathandayo, futhi akekho ongavimba isijeziso seThu kubantu abayizigila mkhuba."},{"id":111,"translation":"Impela kunesifundo emilandweni yabo kulabo abakhaliphile. Phela [iKurani] ayisilo udaba olungaqanjiwe nje, kepha ifakazela lokho okungaphambi kwayo futhi icacisa yonke into futhi iholela endleleni eqondile futhi iwumusa kubantu abakholwayo."}]},{"id":13,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif Lam Mim Ra; lena imibiko yeNcwadi [iKurani]. Nalokhu okwembulelwe kuwe [Muhamadi] kuvela eNkosini yakho kuyiqiniso kepha iningi labantu alikholwa."},{"id":2,"translation":"Ngu Allah lona ophakamise amazulu ngaphandle kwezinsika ezinibonayo, wabe esenyukela eSihlalweni. Futhi wajuba ilanga nenyanga, konke kuyahamba [kuzungeza] kuyoze kushaye isikhathi esibekiwe. Uhlela izinto aphinde ahlalusise imibiko ukuze nibe nesiqiniseko sokuthi niyohlangana neNkosi yenu."},{"id":3,"translation":"Futhi Nguye ondlale umhlaba wafaka kuwo izikhonkwane [izintaba] nemifula. Futhi kuzo zonke izithelo uzenze amabhangqa. Umboza imini ngobusuku. Impela kulokho kunezibonakaliso kubantu abacabanga bahlaziye."},{"id":4,"translation":"Nasemhlabeni kunezingxenye ezakhelene ezinezivande zomvini nezinye izitshalo namasundu ayizixhomo nazimele, konke kunisela ngamanzi awodwa [imvula eyodwa], kepha senze ezinye zangcono kunezinye. Nebala, kulokho kunezibonakaliso kubantu abaqondisisayo."},{"id":5,"translation":"Uma umangala, okuyikona okumangazayo inkulumo yamo [ethi]: “Kuyothi lapho sesiyinhlabathi bese sidalwa kabusha na?” Yibona kanye labo abangakholelwa eNkosini yabo, futhi yibona kanye abo abayogaxwa amasongo ezintanyeni zabo, futhi yibona kanye labo abayongena eMlilweni babhadle kuwo unaphakade."},{"id":6,"translation":"Makuphuthuma ngokubi ngaphambi kokuhle nakuba ziningi izijeziso esezandlula ngaphambi kwabo. Impela iNkosi yakho iyabathethelela abantu izimpambuko zabo, futhi injalo nje iNkosi yakho ijezisana kanzima."},{"id":7,"translation":"Labo abangakholwa bathi: “Kungani engehliselwanga isibonakaliso esivela eNkosini yakhe na?” Phela wena [Muhamadi] ungumexwayisi nje kuphela kanti futhi sonke isizwe sinomholi."},{"id":8,"translation":"U Allah uyakwazi lokho okwethwelwe owesifazane [esiswini] nalokho isisu esikunciphisayo nalokho esikwengezayo. Futhi yonke into kuYe ibekelwe umkhawulo."},{"id":9,"translation":"UnguMazi wokusesithe nalokho okusobala, futhi ungoMkhulu Ophakeme."},{"id":10,"translation":"Kuyefana uma omunye wenu ekhulumela buthule noma ekhulumela phezulu noma lowo owenza izinto ngokufihla ebusuku noma lowo ozenza esindlangalaleni emini kwabha."},{"id":11,"translation":"Unezingelosi zaKhe [ezijutshwe kumuntu zisina zidedelana] ngaphambili nangemuva zimqaphile [umuntu] ngokuyalelwa ngu Allah. Impela u Allah akasoze aguqula isimo sabantu kuze kube yibona uqobo abasiguqulayo. Uma u Allah efuna ukubhubhisa abantu abathize akukho okuyomvimba futhi akekho ngaphandle kwaKhe oyobahlenga."},{"id":12,"translation":"NguYena lona onikhombisa umbani onilethela ukwesaba kanye nethemba [lemvula] aphinde okhanda ifu elisindayo."},{"id":13,"translation":"Futhi ukuduma kwezulu kubabaza udumo luka Allah kanjalo nezingelosi ngenxa yokumesaba. Uphinde athumele umphezulu abhubhise ngawo noma ngubani amfunayo ngenkathi bona besaphikisana ngo Allah, futhi uhlasela kanzima."},{"id":14,"translation":"NguYena kuphela okumele kukhulekwe kuYe ngokweqiniso ngokuba laba abakhuleka kubo ngaphandle kwaKhe abakwazi ukubaphendula ngalutho; okufana nalowo olulela izandla zakhe emanzini ukuze awalethe emlonyeni wakhe kepha lutho ukufika. Futhi umkhuleko walabo abangakholwa uyize."},{"id":15,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kukhothamela u Allah kuthanda kungathandi, nezithunzi zakho imbala ekuseni nantambama."},{"id":16,"translation":"Yithi: “Ngubani iNkosi yamazulu nomhlaba?” Yithi: “u Allah”. Yithi: “Ingabe niziqokele izikhonzwa ngaphandle kwaKhe ezingeke zanizuzisa noma zinilimaze na?”. Yithi: “Ingabe oyimpumputhe nobonayo bayafana yini noma ubumnyama nokukhanya kuyafana na?”. Noma baqokele u Allah abalingani abadale indalo efana neyaKhe base bedidwa ukufana kwendalo. Yithi: “u Allah nguYena uMdali wezinto zonke futhi Munye Ungumlawuli”."},{"id":17,"translation":"Wehlisa amanzi emvula, kugeleze imifula ngokuyilingene, kuthi izikhukhula zona zithwale igwebu elikhukhumalayo. Futhi nakulokho enikushisa [njengegolide] ngomlilo ukuze nikhiqize kukho ubucwebe noma eminye imikhiqizo, kuphuma igwebu elifanayo. Uwubeka kanjalo u Allah umzekelo weqiniso namanga. Igwebuke lona liyohamba lishabalale, bese kuthi lokho okuyikona okuwusizo ebantwini kusale [kuzinze] emhlabeni. Uyibeka kanjaloke u Allah imizekelo."},{"id":18,"translation":"Labo abalalela iNkosi yabo bayothola iJana. Kanti labo abangayilalelanga, ukube bebenakho konke okukhona emhlabeni kuphindwe kabili bayozama ukukhokha ngakho inhlawulo [yokuba bakhishwe eMlilweni]. Labo bayokwehlulelwa kanzima futhi bayophelela eJahanamu okuyindawo embi impela."},{"id":19,"translation":"Lowo owaziyo ukuthi kuyiqiniso lokho okwembulelwe kuwe kuvela eNkosini yakho, ingabe uyafana nalowo oyimpumputhe [ongaliboni iqiniso] na? Impela yilabo abanokuqonda kuphela abalalelayo."},{"id":20,"translation":"Bangalabo abagcina isivumelwano sika Allah futhi bangasiphuli isibopho."},{"id":21,"translation":"Bangalabo abakugcina kuhlangene lokho u Allah ayalele ukuba kugcine kuhlangene bayayisa neNkosi yabo nokwehlulelwa kanzima."},{"id":22,"translation":"Nalabo ababekezelayo belangazelele uBuso beNkosi yabo [ngokuyithokozisa] benze neswala [umthandazo] baphane ngalokho esibabele kona, ngasese nasesidlangalaleni futhi baphindisele okubi ngokuhle. Yibona-ke labo abayoba nesiphetho esihle."},{"id":23,"translation":"Izivande zokunethezeka abayongena kuzo, [bona] kanye nalabo abaqotho kubazali babo nabalingani babo nozalo labo. Nezingelosi ziyoza kubo zingena ngayo yonke iminyango."},{"id":24,"translation":"[zithi]: “Ukuthula makube kini ngokubekezela kwenu, saze sasihle isiphetho”."},{"id":25,"translation":"Labo-ke abaphula isivumelwano sika Allah emuva kokusibopha bahlakaze nalokho u Allah ayalele ukuba kugcinwe kuhlangene baphinde babhebhethele impambuko emhlabeni; yibona labo abayothola isiqalekiso nesiphetho esinzima."},{"id":26,"translation":"U Allah wabela amfunayo isondlo ngenala noma amswinye. Bayajabula ngempilo yasemhlabeni nakuba impilo yasemhlabeni iyize kwelizayo."},{"id":27,"translation":"Laba abangakholwa bathi: “Kungani engehliselwanga isibonakaliso esivela eNkosini yaKhe na?”. Yithi: “u Allah udukisa amfunayo ahole lowo ozinikelayo”."},{"id":28,"translation":"Labo abakholwayo ozinhliziyo zabo zithotshwa ukukhumbula u Allah. Belu izinhliziyo zithotshwa ukukhumbula u Allah."},{"id":29,"translation":"Kantike labo abakholwayo benze okuhle bayothola injabulo nendawo enhle abayobuyela kuyo [iJana]."},{"id":30,"translation":"Kanjalo, sikuthumele [Muhamadi] esizweni okwandlula izizwe eziningi ngaphambi kwazo, ukuze ubalandise ngalokho okwembulelwe kuwe nakuba bengakholwa koNomusa[1] [u Allah]. Yithi: “uyiNkosi yami, akekho ofanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwaKhe, ngithembe kuYe futhi ngiyobuyela kuYe”.","footnotes":"[1] Phela babecabanga ukuthi igama lesinye isikhonzwa abangasazi kungakho babelixwaya leligama lika Allah ‘Onomusa’."},{"id":31,"translation":"Ukuba kwakukhona iKurani okududulwa ngayo izintaba noma kuqhekezwe ngayo umhlaba noma kukhulunyiswe ngayo abafile [bekuyoba yilena]. Kepha zonke izinto zilawulwa ngu Allah. Akukabacaceli yini laba abakholwayo ukuthi u Allah uma efuna angahola bonke abantu. Futhike, labo abangakholwa bayohlala njalo behlelwa imishophi noma yehle buduze nomuzi wabo size sifezeke isithembiso sika Allah. Nebala u Allah akasephuli isithembiso."},{"id":32,"translation":"Nebala, iZithunywa ezikwandulelayo zenziwa inhlekisa. Kepha ngathi ukubayekela laba abangakholwa, makhathaleni ngabajezisa, bheka nje ukuthi saba njani isijeziso."},{"id":33,"translation":"Ingabe lowo owengamele wonke umuntu nakwenzayo [akuyena ofanele akhonzwe] na?. Kepha babhangqa u Allah nezikhonzwa. Yithi [Muhamadi]: “Zigaguleni ngamagama. Kumbe nazisa u Allah ngalokho ebengakwazi [izikhonzwa] emhlabeni noma niyasho nje into engenabufakazi”. Empeleni laba abangakholwa benzelwe kwangathi buhle lobuqili babo, bavinjwa-ke endleleni [eqondile]. Futhi lowo u Allah amdukisile akekho oyomhola."},{"id":34,"translation":"Bayojezisa [lapha] emhlabeni, belu isijeziso sakwelizayo sinzima futhi akekho oyobavikela ku Allah."},{"id":35,"translation":"Ukulanda ngesivande esithenjiswe labo abathobela u Allah; kugeleza imifula enzasi kwazo; izithelo zakhona azinamkhawulo kanjalo nemithunzi yakhona. Leso yisiphetho salabo abathobela u Allah kanti leso sabangakholwa uMlilo."},{"id":36,"translation":"Labo esabanika iNcwadi bayathokoza ngalokho okwembulelwe kuwe [Muhamadi], kanti labo bombimbi bayakuphika okunye okuqukethwe yiyo [iKurani]. Yithi: “Mina ngiyalelwe ukuba ngikhone u Allah kuphela ngingambhangqi nalutho, ngimemela [abantu] kuYe futhi ngiyobuyela kuYe”."},{"id":37,"translation":"Kanjalo siyembulele [iKurani] njengomthetho-sisekelo ngolwimi lwesi Arabhu. Uma uzolandela izinkanuko zabo emuva kokuba usuthole ulwazi, akekho oyokuhlenga noma akuvikele ku Allah."},{"id":38,"translation":"Nebala sazithumela iZithunywa ngaphambi kwakho sabaqokela amakhosikazi nezingane. Asikho iSithunywa esingenza isimangaliso ngaphandle kwemvumo ka Allah. Sonke isikhathi esibekiwe silotshiwe."},{"id":39,"translation":"U Allah usula aphinde agcine akuthandayo futhi uneNcwadingqangi."},{"id":40,"translation":"Singakubonisa okunye kwalokho esibathembise kona noma sikuthathe emhlabeni. Wena okwakho ukudlulisa umlayezo kuthi okweThu ukwehlulela."},{"id":41,"translation":"Ingabe ababoni yini ukuthi silokhu siza siwudla kancane umhlaba ezinhlangothini zawo[1] na?. U Allah uthatha isinqumo, akekho ongasiguqula futhi wehlulela ngokushesha.","footnotes":"[1] Ngokusabalala kwe Isilamu nokwanda kwamaMusilimu emhlabeni."},{"id":42,"translation":"Impela laba ababandulelayo [abangakholwa] balakha uzungu [ngeZithunywa zabo]. Kepha ukuhlela konke kungokuka Allah. Wazi konke omuntu akwenzayo. Futhi laba abangakholwa bayokwazi maduze nje ukuthi ubani oyoba nesiphetho esinzima."},{"id":43,"translation":"Laba abangakholwayo bathi awusiso [wena Muhamadi] iSithunywa. Yithi: “u Allah wenele njengofakazi phakathi kwami, kanjalo nalowo onolwazi lweNcwadi [iTora noma i-Ininjili]."}]},{"id":14,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif Lam Ra; Lena iNcwadi esiyembulele kuwe [Muhamadi] ukuze ngemvumo ka Allah ukhiphe abantu ebumnyameni ubase ekukhanyeni – endleleni yalowo onguSomandla Odunyiswayo."},{"id":2,"translation":"u Allah lona okungokwaKhe konke okusemazulwini nasemhlabeni. Laba abangakholwa bayongena eMlilweni okuyisijeziso sika Allah esinzima."},{"id":3,"translation":"Labo abathanda impilo yalomhlaba kunale yakwelizayo nabavimba [abanye] endleni ka Allah abayifuna igwembile. Labo balahlakile bayanhlanhlatha."},{"id":4,"translation":"Yileso naleso Sithunywa esasithumela sabe sikhuluma ulwimi lwabantu baso ukuze phela sibahlalusele. Ngu Allah ke odukisa amthandayo aphinde ahole amthandayo. Futhi unguSomandla Okhaliphile."},{"id":5,"translation":"Sathumela uMusa nezibonakaliso zeThu [Sathi]: “Khipha isizwe sakho ebumnyameni usise ekukhanyeni uphinde ubakhumbuze ngezinsuku [zezibusiso nezijeziso] zika Allah. Impela kulokho kunezibonakaliso kulowo nalowo obekezelayo nobongayo”."},{"id":6,"translation":"Khumbula mhla ethi uMusa esizweni sakhe: “Khumbulani izibusiso zika Allah kini mhla enihlenga kubantu bakaFirawuni ababenijezisa kabuhlungu, bebulala uyaca izingane zenu zabafana bayeke abesimame benu. Konke lokho bekuyisivivinyo esinzima esivela eNkosini yenu”."},{"id":7,"translation":"Namhla iNkosi yenu imemezela ukuthi: “Uma nibonga ngizonandisela kepha uma ningabongi, impela isijeziso saMi sinzima”."},{"id":8,"translation":"Wathi futhi uMusa: “Uma nina ningakholwa nabo bonke abasemhlabeni, bheka ngoba u Allah Ungozimele Odunyiswayo”."},{"id":9,"translation":"Azizange zifike kini yini izindaba zalabo abanandulelayo, isizwe sika Nuhu nesakwa Adi noTamudi nalabo abeza emuva kwabo – akekho obaziyo ngaphandle kuka Allah. IZithunywa zabo zafika kubo nezibonakaliso, babeka izandla emlonyeni yabo bathi: “Asikholelwa kulokhu enithunywe nakho futhi sinokungabaza ngalokhu enisimemela kukho, siyangabaza”."},{"id":10,"translation":"Zathi iZithunywa zabo: “Ingabe ninokungabaza ngo Allah uMdali wamazulu nomhlaba, unibizela ukuba anithethelele izimpambuko zenu futhi anidondise kuze kufike isikhathi esinqunyiwe na?”. Bathi: “Nina aniyilutho ngaphandle nje kwabantu abafana nathi, nifuna nje ukusivimba kulokho obekukhonzwa okhokho bethu, ngakhoke siletheleni ubufakazi obucacile”."},{"id":11,"translation":"Zathi kubo iZithunywa zabo: “Impela singabantu njengani kepha u Allah uqoka amthandayo ezigqileni zaKhe. Futhi angeke sanilethela ubufakazi ngaphandle kwemvuo ka Allah. Labo abakholwayo kumele bathembele ku Allah”."},{"id":12,"translation":"Singavinjwa yini singathembeli ku Allah kube kunguYena osiholile ezindleleni zethu. Futhi sizokubekezelela lokhu enisicindezela ngakho. Abathembayo kumele bathembele ku Allah”."},{"id":13,"translation":"Laba abangakholwa bathi kuZithunywa zabo: “Sizonixosha endaweni yethu kungenjalo kumele nibuyele enkolweni yethu”. U Allah wabe esembulela kubo ukuthi: “Sizobabhubhisa abenzi bokubi”."},{"id":14,"translation":"Siyobe sesibeka njengezakhamuzi emhlabeni emuva kwabo. Lokho kutholwa yilowo osaba mhla eyoma phambi kwaMi osaba nesijeziso saMi."},{"id":15,"translation":"Zase [iZithunywa] zicela usizo ku Allah wabhubha wonke lowo obengundlovu kayiphikiswa oyisaliwakutshelwa."},{"id":16,"translation":"Ngaphambili ulindelwe iJahanamu futhi uyophuziswa amanzi anezinsila."},{"id":17,"translation":"Uyozama ukuwaphuza kepha lutho ukugwinyeka. Ukufa kuyomfikela ndawo zonke kepha akayikufa. Futhi uyobe elindwe yisijeziso esinzima ngaphambili."},{"id":18,"translation":"Umzekelo walabo abangakholwa eNkosini yabo; izenzo zabo zifana nomlotha olupheshulwa kanzima umoya ngosuku olunesiphepho. Angeke bazuze lutho ngezenzo zabo [ezinhle]. Lokho ukuduka okujulile."},{"id":19,"translation":"Awubonanga ukuthi u Allah udale amazulu nomhlaba ngeqiniso. Uma ethanda enganishabalalisa nonke bese eletha indalo etsha."},{"id":20,"translation":"Lokho akukho nzima ku Allah."},{"id":21,"translation":"Bonke bayoma ngaphambi kuka Allah, bese labo ababeyizichaka bayothi kulabo ababezigqaja [bengabaholi]: “Thina besilandela nina, ngakhoke kukhona yini nokuncane eningasiza ngakho esijezisweni sika Allah na?”. Bayothi: “Ukube u Allah nathi wasihola, besizonihola nani, kuyefana nje kithi, siyakhathazeka noma siyabekezela asinakho ukuphunyula”."},{"id":22,"translation":"Lapho sekwahlulelwa uShaytani uyothi: “Nebala u Allah unithembise isithembiso seqiniso kepha mina nginithembisile ngangasifeza. Kepha bengingenawo amandla ngaphezu kwenu ngaphandle nje kokuthi bengininxenxa bese niyangilalela. Ngakhoke ningasoli mina kepha nizisole nina uqobo, ngokuba angeke ngikhone ukunisiza nani angeke nikhone ukungisiza. Impela ngiyakuphika ukubhangqa kwenu kaphambilini. Nebala labo abaphambukile bayothola isijeziso esibuhlungu”."},{"id":23,"translation":"Labo abakholwayo benza nokuhle bayongeniswa ezivandeni okugeleza ezansi kwazo imifula, bayohlala kuzo unaphakade ngemvumo yeNkosi yabo. Bayobingelelana kuzo ngeSalamu [ukuthula]."},{"id":24,"translation":"Awubonanga yini ukuthi u Allah uwafanise kanjani amazwi amahle [obunye baKhe] nesihlahla esihle ozimpande zaso zijulile zinzile futhi side sile phezulu."},{"id":25,"translation":"Sikhiqiza izithelo zaso ngaso sonke isikhathi ngemvumo yeNkosi yaso. Bheka ngoba u Allah wenzela abantu imizekelo ukuze belu baqondisise."},{"id":26,"translation":"Kuthi amazwi amabi [okubhangqa u Allah nezikhonzwa] wona afaniswa nesihlahla esibi esisiphukile phansi esingazinzile."},{"id":27,"translation":"Labo abakhowayo u Allah uyobaqinisa ngamazwi aqinile [obunye baKhe] empilweni yasemhlabeni neyakwelizayo. Futhi u Allah uyabadukisa abaphumbukileyo. Belu u Allah wenza akuthandayo."},{"id":28,"translation":"Awubabonanga yini laba abaphindisele isibusiso sika Allah ngokungakholwa bafaka isizwe sabo emzini wembubhiso."},{"id":29,"translation":"EJahanamu abayongena kuyo, okuyindawo embi impela."},{"id":30,"translation":"Baqokele u Allah izimbangi ukuze badukise abanye endleleni yaKhe. Yithi: “Nethezekani [okwamanje], ngokuba impela uMlilo yilapho eniyophelela khona”."},{"id":31,"translation":"Tshela kuzigqila zaMi lezi ezikholwayo ukuba zenze iswala futhi zinikele ngalokho esiziphe kona, ngasese nasesidlangalaleni. Ngaphambi kokuba kufike uSuku lapho okuyobe kungekho khona uhwebo noma ubungani."},{"id":32,"translation":"U Allah nguYena lona owadala amazulu nomhlaba wehlisa namanzi phezulu, akhiqize ngawo izithelo eziyisondlo kini. Wanijubela umkhumbi ukuba unithwale olwandle ngomyalelo waKhe, waphinda wanijubela imifula."},{"id":33,"translation":"Futhi wanijubela ilanga nenyanga ngokungaphezi. Wanijubela ubusuku nemini."},{"id":34,"translation":"Futhi wanipha kukho konke enimcele kona. Uma ningabala izibusiso zika Allah anisoze naziqeda. Nebala umuntu akanabulungiswa akabongi."},{"id":35,"translation":"Khumbula mhla u Ibhirahimu ethi: “Nkosi yami, yenza lomuzi ube ngophephile, bese uqhelisa mina nozalo lwami ekutheni sikhonze izithixo”."},{"id":36,"translation":"Nkosi yami, impela [izithixo] zidukise inqwaba yabantu. Lowoke oyolandela mina uyobe ukanye nami kuthi lowo ongangilaleli – impela Wena Ungothethelelayo Onesihawu."},{"id":37,"translation":"Nkosi yethu, ngakhele uzalo lwami ehlanzeni elingenazitshalo, eMzini waKho Ohloniphekile – Nkosi yethu – ukuze benze iswala. Ngakhoke yenza izinhliziyo zesintu zilangazelele ngakubo ubondle nangezithelo hleze babe ngababongayo."},{"id":38,"translation":"Nkosi yethu, ngempela Wena wazi lokho esikufihlayo nalokho esibeka obala. Futhi akukho lutho okungakucashela emhlabeni nasezulwini."},{"id":39,"translation":"Udumo lungoluka Allah, lona owangipha ngigugile u Isima’ili no Isihaki, impela iNkosi yami Ingeyizwayo imikhuleko."},{"id":40,"translation":"Nkosi yami, ngenze ngibe ngowenza iswala kanye nozalo lwami. Nkosi yethu yamukela umkhuleko."},{"id":41,"translation":"Nkosi yethu, ngithethelele mina nabazali bami kanye nabakholwayo ngoSuku lokwahlulelwa."},{"id":42,"translation":"Ungacabangi ukuthi u Allah akakunakile lokho okwenziwa ngaba ngenabulungiswa; empeleni u Allah ubadondela uSuku lapho kuyohlahla kulo amehlo."},{"id":43,"translation":"Bayosheshisa amakhanda ebheke phezulu lokhu behlahle amehlo, izinhliziyo zabo belu zingamagobongo [zingaqondi lutho]."},{"id":44,"translation":"Xwayisa isintu ngosuku lapho beyofikelwa isijeziso, bese labo abaphambukile bathi: “Nkosi yethu, siphe nje isikhathi esincane ukuze samukele isimemo saKho silandele neZithunywa”. [Kuyothiwa kubo]: “Anizange yini nifunge phambilini ukuthi anisoze nasuswa [emhlabeni niye kwelizayo] na?”."},{"id":45,"translation":"Futhi benihlala ezindaweni zalabo ababenza okubi, kwanicacela ukuthi senzani kubo saphinde sanenzela izibonelo."},{"id":46,"translation":"Nabo bakha uzungu lwabo kepha u Allah wayelazi uzungu lwabo. Futhi uzungu lwabo alusoze lwagudluza ngisho izintaba."},{"id":47,"translation":"Ngakhoke ungacabangi ukuthi u Allah uyophula isithembiso saKhe kuZithunywa zaKhe. Impela u Allah unguSomandla Oziphindiselelayo."},{"id":48,"translation":"NgoSuku lapho umhlaba uyoguqulwa ungasabi umhlaba kanjalo namazulu. Bese [bonke] bame ngaphambi kuka Allah Oyedwa Ongumlawuli wezinto zonke."},{"id":49,"translation":"Ngalolosuku uyobona izigilamkhuba ziboshwe [izandla nezinyawo emqaleni] ngamasongo ensimbi."},{"id":50,"translation":"Izembatho zabo zenziwe ngetiyela nobuso babo buyohaqwa uMlilo."},{"id":51,"translation":"[Konke lokhu] Ukuze u Allah azuzise wonke umuntu ngemisebenzi yakhe. Nebala u Allah wehlulela ngokushesha."},{"id":52,"translation":"Lona [iKurani] umlayezo obhekiswe kusintu ukuze baxwayiswe ngawo nokuthi bazi ukuthi nguYena [u Allah] kuphela vo okumele akhonzwe nokuthi labo abakhaliphile bathole isifundo."}]},{"id":15,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif Lam Ra, lena imibiko yeNcwadi [ezandulelayo] neKurani ecacile."},{"id":2,"translation":"Labo abangakholwa bayofisa ukuba babengamaMusilimu."},{"id":3,"translation":"Bayeke nje badle bazijabulise beyengwa izifiso ngokuba kungekudala bayokwazi."},{"id":4,"translation":"Zonke izindawo esazibhubhisa zazinesikhathi esilotshiwe esaziwayo."},{"id":5,"translation":"[Phela] asikho isizwe engasihambela phambili isikhathi saso esibekiwe [sokuphila] noma sisiphuthe."},{"id":6,"translation":"Futhi bathi: “Wena lona owembulelwe Isikhumbuzo [iKurani], impela uyahlanya”."},{"id":7,"translation":"Silethele phela izingelosi uma ngempela uqinisile."},{"id":8,"translation":"Izingelosi siziletha kuphela ngeqiniso futhi abayikunikwa ithuba."},{"id":9,"translation":"Nembala, yithina esambulela Isikhumbuzo [iKurani] futhi yithina esiyoyivikela."},{"id":10,"translation":"Sathumela [iZithunywa] ngaphambi kwakho [Muhamadi] ezizweni zasendulo."},{"id":11,"translation":"Kwakuthi njalo lapho kufika iSithunywa kubo benze ngaso inhlekisa."},{"id":12,"translation":"Sizokufaka [ukungakholwa] kanjaloke ezinhlizweni zezigilamkhuba."},{"id":13,"translation":"Abayikholwa [iKurani] nakuba sesandlula isibonelo salabo basendulo."},{"id":14,"translation":"Noma singabavulela umnyango phezulu ezulwini bakhone njalo ukunyuka ngawo;"},{"id":15,"translation":"Bayothi: “Impela amehlo ethu adakwe okuthile, empeleni siloyiwe”."},{"id":16,"translation":"Nembala sibeke imizila ezulwini sabe sesilihlobisela labo ababukayo [ngezinkanyezi]."},{"id":17,"translation":"Salivikela kuwo wonke uShayitani oqalekisiwe."},{"id":18,"translation":"Ngaphandleke kwalowo ozama ukulalela kepha alandelwe ilangabi elikhanyayo."},{"id":19,"translation":"Nomhlaba sawendlala safaka kuwo izikhonkwane [izintaba], samilisa kuwo yonke into ekalekayo [inani layo]."},{"id":20,"translation":"Sanifakela kuwo isondlo senu nina kanye nalabo abangondliwa yini."},{"id":21,"translation":"Futhi ayikho into esingayigcinanga kithi, kepha siyehlisa ngesilinganiso esaziwayo [esibekiwe]."},{"id":22,"translation":"Futhi sithumela imimoya evundisayo bese sehlisa amanzi ezulwini esiniphuzisa wona nakuba nina ningeke nakwazi ukuwaqongelela niwagcine."},{"id":23,"translation":"Yithina futhi esiletha impilo nokufa belu yithina esiyohlala sikhona."},{"id":24,"translation":"Siyabazi labo asebandlula [emhlabeni] ngaphakathi kwenu nalabo abalandelayo."},{"id":25,"translation":"Nebala iNkosi yakho iyobabuthanisa bonke, impela Yona Ikhaliphile Iyazi."},{"id":26,"translation":"Sadala umuntu ngodongo olumnyama olunukayo."},{"id":27,"translation":"Ngaphambilini sadala ijini ngomlilo oshisayo."},{"id":28,"translation":"Khumbula mhla iNkosi yakho ithi ezingelosini: “Ngizodala umuntu ngobumba olomile olumnyama olunukayo”."},{"id":29,"translation":"Kuyothi uma sengimbumbile ngaphefumulela kuye uMphefumulo wami, niyobeke nina senimkhothamela."},{"id":30,"translation":"Zonke izingelosi zakhothama ngothi lwazo."},{"id":31,"translation":"Ngaphandle kuka Ibilisi, benqaba ukukhothama nabakhothamayo."},{"id":32,"translation":"Wathi [u Allah]: “We Ibilisi, yini inkinga yakho ungakhothami nje nabakhothamayo na?”"},{"id":33,"translation":"Wathi: “Angeke ngakhothamela umuntu omdale ngobumba olomile olumnyama olunukayo”."},{"id":34,"translation":"Wathi [u Allah]: “Phuma kuso [isivande] ngokuba uqalekisiwe”."},{"id":35,"translation":"Futhi isiqalekiso siyoba nawe kuze kufike uSuku lokwahlulela."},{"id":36,"translation":"Wathi [u Ibilisi]: “Nkosi yami, ngiphe impilo ende kuze kufike usuku lokuvuswa”."},{"id":37,"translation":"Wathi [u Allah]: “Nebala, usunikiwe impilo ende”."},{"id":38,"translation":"Kuze kufike isikhathi esinqunyiwe."},{"id":39,"translation":"Wathi [u Ibilisi]: “Nkosi yami, ngenxa yokungidukisa kwaKho, ngizobayenga emhlabeni ngibadukise bonke”."},{"id":40,"translation":"Ngaphandle kwezigqila zaKho ezikhethekile ngaphakathi kwabo."},{"id":41,"translation":"Wathi [u Allah]: “Lena indlela eqondile eza Kimi”"},{"id":42,"translation":"Impela izigqila zaMi awuzukuba namandla phezu kwazo, ngaphandle kwalabo abakulandelayo abadukile."},{"id":43,"translation":"Futhi nebala, iJahanamu yilapho beyophelela khona bonke."},{"id":44,"translation":"Ineminyago eyisikhombisa, umnyango nomnyango unesabelo owabekelwe sona kubo."},{"id":45,"translation":"Nebala labo abathobela u Allah bayongena ezivandeni nasemithonjeni."},{"id":46,"translation":"[Kuyothiwa kubo]: “Ngenani kuyo [iJana] ngokuthula niphephile”."},{"id":47,"translation":"Futhi siyosusa konke okuyinzondo namagqubu ezinhlizweni zabo, [bayophila njengezelamani behlezi emibhedeni bebhekene [ubuso ngobuso]."},{"id":48,"translation":"Abayikukhathala nhlobo kuzo [izivande], futhi abayikukhishwa neze kuzo."},{"id":49,"translation":"Yazisa izigqila zaMi ukuthi Ngingothethelelayo Onesihawu."},{"id":50,"translation":"Nokuthi isijeziso saMi isijeziso esibuhlungu."},{"id":51,"translation":"Balandise futhi ngezihambeli zika Ibhirahimu."},{"id":52,"translation":"Mhla zingena kuye zathi: “Ukuthula”. Wathi yena: “Nembala siyanenqena”."},{"id":53,"translation":"Zathi: “Ungesabi ngokuba sizokuthulela izindaba ezinhle ngendodana enolwazi”."},{"id":54,"translation":"Wathi: “Nizongilethela izindaba ezinhle nakuba sengizigugele nje, empeleni yiziphi lezindaba ezinhle enizilethile na?”"},{"id":55,"translation":"Zathi: “Sikulethele izindaba ezinhle ngeqiniso ngakhoke ungabi omunye walabo abalahla ithemba”."},{"id":56,"translation":"Wathi: “Ubani nje ongalahla ithemba emuseni weNkosi yakhe ngaphandle kwalabo abadukile na?”"},{"id":57,"translation":"Wathi: “Yini udaba lwenu nina Zithunywa na?”"},{"id":58,"translation":"Bathi: “Thina sithunyelwe kubantu abayizigilamkhuba”."},{"id":59,"translation":"Ngaphandle komndeni ka Luti, bona siyobahlenga bonke."},{"id":60,"translation":"Ngaphandle komkakhe, ngokuba sinqume ukuthi uyokuba omunye abasala emuva."},{"id":61,"translation":"Kuthe lapho iZithunywa zifika emndenini ka Luti,"},{"id":62,"translation":"Wathi: “Impela ningabantu abangaziwa”."},{"id":63,"translation":"Zathi: “Empeleni size kuwe mayelana nalokho abakungabazayo”."},{"id":64,"translation":"Futhi size kuwe ngeqiniso belu siqinisile."},{"id":65,"translation":"Ngakhoke hamba nomndeni wakho ebusuku, ubalandele ngemuva kungabikho noyedwa kini obheka emuva niye lapho eniyalelwe khona."},{"id":66,"translation":"Futhi sembulela kuye [uLuti] lolo daba, ukuthi laba bayobhujiswa bonke ngothi lwabo entathakusa."},{"id":67,"translation":"Abantu bendawo beza bajabulile."},{"id":68,"translation":"Wathi [uLuti]: “Nebala laba izivakashi zami ngakhoke ningangiphoxi”."},{"id":69,"translation":"Nithobele u Allah, ningangihlazi."},{"id":70,"translation":"Bathi: “Kadeni besingakunqabelanga yini ekuletheni abantu bezizwe na?”."},{"id":71,"translation":"Wathi: “Nawa abadodakazi ami uma ngempela nizimisele ngokukwenza [lokhu]”."},{"id":72,"translation":"Ngempilo yakho [Muhamadi] impela; nembala banhlanhlatha ekudukeni kwabo."},{"id":73,"translation":"Babe sebehlaselwa umsindo ekuseni kusa."},{"id":74,"translation":"Sathatha ingaphezulu lendawo salisa ngaphansi saletha kuyo imvula yamatshe obumba."},{"id":75,"translation":"Impela kulokho kunezifundo kulabo abajulayo bahlaziye."},{"id":76,"translation":"Futhi [lendawo] isendleleni eqondile [okudlulwa kuyo]."},{"id":77,"translation":"Impela kulokho kunesifundo kulabo abakholwayo."},{"id":78,"translation":"Nesizwe samahlathi saphambuka."},{"id":79,"translation":"Saziphindisela kubo futhi zombili [lezindawo] zisendleleni esobala."},{"id":80,"translation":"Futhi abantu base Hijiri baziphika iZithunywa."},{"id":81,"translation":"Sabalethela izibokaliso zeThu, kepha bona bazishaya indiva."},{"id":82,"translation":"Babebaza izintaba bakhe izindlu bephephile."},{"id":83,"translation":"Base behlaselwa umsindo entathakusa."},{"id":84,"translation":"Konke lokhu ababekwenza akubasizanga ngalutho."},{"id":85,"translation":"Futhi sadala amazulu nomhlaba nokumaphakathi ngeqiniso. Impela iSikhathi [sokwahlulela] siyofika nakanjani. Ngakhoke xolela wendlulise ngesihle."},{"id":86,"translation":"Nembala iNkosi yakho inguMdali Owaziyo."},{"id":87,"translation":"Futhi sikunike okuyisikhombisa [imibiko] okuphindaphindwayo kanye neKurani Enkulu."},{"id":88,"translation":"Ngakhoke ungakulangezeleli lokho esibajabulise ngakho abanye babo [abangakholwa] futhi ungabi lusizi ngabo bese uzithoba kulabo abakholwayo."},{"id":89,"translation":"Futhi uthi: “Nebala mina ngingumexwayisi ocacisayo”."},{"id":90,"translation":"Njengalokhu esakwehlisela labo abahlukanisayo."},{"id":91,"translation":"Labo ababenza iKurani izigamu."},{"id":92,"translation":"Nakanjani siyobabuza bonke, ngiyifunge iNkosi yakho."},{"id":93,"translation":"Ngakho konke lokhu ababekwenza."},{"id":94,"translation":"Ngakhoke sabalalisa lokhu oyalelwe kona uziqhelelanise nabakhonzi zithixo."},{"id":95,"translation":"Impela Thina sikwanele ekubhekaneni nalabo abenza inhlekisa."},{"id":96,"translation":"Labo ababhangqa ezinye izikhonzwa no Allah; maduze nje bayokwazi."},{"id":97,"translation":"Futhi siyazi ukuthi kuyakukhubaza emoyeni lokhu abakushoyo."},{"id":98,"translation":"Ngakhoke babaza udomu lweNkosi yakho ube ngomunye wabakhothama bawe ngobuso [abenza iswala]."},{"id":99,"translation":"Ukhonze iNkosi yakho uze uyofa."}]},{"id":16,"verses":[{"id":1,"translation":"Umyalelo ka Allah uyeza, ngakhoke ningawujahi. Ungcwele futhi uPhakeme kunalokho abakubhangqayo."},{"id":2,"translation":"Uthumela izingelosi noRuhu [uJibhirili] ngomyalelo waKhe kulowo amthandayo ezingqileni zaKhe [othi]: “Xwayisani [abantu] ukuthi akekho ofanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwaMi, ngakhoke ngithobeleni”."},{"id":3,"translation":"Udale amazulu nomhlaba ngeqiniso; Uphakeme kunalokho abakubhangqayo."},{"id":4,"translation":"Udale umuntu ngesidoda, kepha sekunguye lo osengumqophisi oqavile."},{"id":5,"translation":"Kanjalo nemfuyo wayidala. Kuyo nithola imfudumalo [ngezikhumba zazo] nizuze nokunye belu niyadla nakuyo."},{"id":6,"translation":"Futhi kuyo nithola ubuhle lapho nizibuyisa ntambama nalapho nizikhipha ekuseni."},{"id":7,"translation":"Futhi inithwalela imithwalo yenu iyise ezindaweni ebeniyofika kuzo kanzima. Impela iNkosi yenu Inesihe Inesihawu."},{"id":8,"translation":"Namahhashi nezinkonkoni nezimbongolo wazidala ukuze nizigibele nokuthi nithole nobuhle kuzo. Futhi uyodala lokhu eningakwazi."},{"id":9,"translation":"Kuku Allah ukucacisa indlela eqondile, belu kunenye egwembile. Uma u Allah ethanda anganiholela nonke endleleni eqondile."},{"id":10,"translation":"NguYena lona owehlisa amanzi emvula; niphuza kuwo aphinde ahlumise izihlahla enidlisa kuzo imfuyo yenu."},{"id":11,"translation":"Unikhulisela ngawo [amanzi emvula] izitshalo zama olivi namasundi nemivini nayo yonke inhlobo yezithelo. Impela kukho konke lokho kunesibonakaliso kulabo abahlaziyayo."},{"id":12,"translation":"Wanijubela ubusuku nemini nelanga nenyanga, kanjalo nezinkanyezi zijutshiwe ngomyalelo waKhe. Impela kulokho kunezibonakaliso kulabo abaqondayo."},{"id":13,"translation":"Waphinde wanijubela konke lokhu akudalile emhlabeni okumubala ihlukene. Impela kulokho kunesibonakaliso kulabo bantu abaxwayisekayo."},{"id":14,"translation":"Futhi nguYena lona onijubele ulwandle ukuba nidle kulo inyama ethambile nokuthi nikhiphe kulo ubucwebe enibugqokayo. Futhi uzobona umkhumbi uhamba udabula kulo. [walijuba] futhi ukuze nizifunele ezibusisweni zaKhe hleze nibonge."},{"id":15,"translation":"Wagxumeka izikhonkwane [izintaba] emhlabeni ukuze ungazamazami nani, kanjalo nemifula nezindlela ukuze ningaduki."},{"id":16,"translation":"Wadala nezimpawu [zokulayela indlela emini] futhi basenzisa izinkanyezi ukuthola indlela [ebusuku]."},{"id":17,"translation":"Ingabe lowo odalayo uyefana nalowo ongadali na? Kungani ningaqondi na?"},{"id":18,"translation":"Futhi uma ningabala izibusiso zika Allah anisoze naziqeda. Impela u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":19,"translation":"U Allah ukwazi konke lokho enikufihlayo nakonke lokho enikuveza obala."},{"id":20,"translation":"Futhi laba ababakhonzayo ngaphandle kuka Allah abadali lutho kunalokho badaliwe bona uqobo."},{"id":21,"translation":"Bafile abaphili nhlobo futhi abazi nokuthi bayovuswa nini."},{"id":22,"translation":"Lowo okumele nimkhonze uyedwa vo. Kepha labo abangakholela kwelizayo izinhliziyo zabo ziyaphika futhi bayazigqaja."},{"id":23,"translation":"Akungatshazwa ukuthi u Allah ukwazi konke abakufihlile nakho konke ababeka obala. Impela [u Allah] akabathandi labo abazigqajayo."},{"id":24,"translation":"Uma kuthiwa kubo: “Yini lokhu okwembulelwe yiNkosi yenu na?” Bathi: “Izinganekwane nje!”"},{"id":25,"translation":"Bayothwala-ke imithwalo [yempambuko] yabo ngokugcwele ngoSuku lokwahlulela neyalabo abekade bebadukisa ngaphandle kolwazi."},{"id":26,"translation":"Labo ababandulelayo nabo bakha uzungu kepha u Allah wabhidliza izinsika zesakhiwo sabo, lwabe uphala lwawela phezu kwabo. Futhi isijeziso sabafikela ngalapho ababenganake ngakhona."},{"id":27,"translation":"Kuthi ngoSuku lokuhlulela, [u Allah] uyobahlaza bese ethi: “Ziphi lezimbangi zami lezi ebeniphambuka ngenxa yazo na?”. Laba abanikwa ulwazi bayothi: “Nebala ihlazo nesijeziso namhlanje siyokwehlela labo abangakholwa”."},{"id":28,"translation":"Labo okuyothi mhla izingelosi zithatha imiphefumulo yabo bengabaphambukile. Bayozinikela [bathi]: “Asikaze senze lutho olubi”. Phinde! Impela u Allah uyakwazi lokho ababekwenza."},{"id":29,"translation":"[Kuyothiwa kubo]: “Ngakhoke ngenani eJahanamu nihlale kuyo unaphakade. Yaze yayimbi indawo yabazigqajayo."},{"id":30,"translation":"Kuyobe sekuthiwa kulabo abathobela u Allah: “Yini lena eyembulelwe yiNkosi yenu na”. Bayothi: “Okuhle”. Labo abenza okuhle lapha emhlabeni bayothola okuhle. Futhi umuzi wakwelizayo ungcono; waze wamuhle umuzi walabo abathobela u Allah."},{"id":31,"translation":"Izivande zokuhlala abayongena kuzo, okugeleza imifula ezansi kwazo, bayothola kuzo konke abakufunayo. Ubahlomulisa kanjalo u Allah labo abamthobelayo."},{"id":32,"translation":"Labo okuthi lapho izingelosi zithatha imiphefumulo yabo babe bemsulwa. Zithi kubo: “Ukuthula makube kini, ngenani eJana ngenxa yezenzo zenu”."},{"id":33,"translation":"Ingabe balinde ukuba kufike kubo izingelosi noma umyalelo [wembubhiso] weNkosi yakho na? Belu labo ababandulelayo benza nabo kanjalo. Kepha u Allah akabahlukumezanga kepha babezihlukumeza bona uqobo."},{"id":34,"translation":"Ngakhoke behlelwa imiphumela emibi yalokho ababekwenza baphinde bahaqwa yilokho ababehlekisa ngakho."},{"id":35,"translation":"Laba abangqayo bathi: “Ukube u Allah ubefuna, thina nokhokho bethu ngabe asizange sikhonze lutho ngaphandle kwaKhe futhi ngabe asiqabelanga lutho ngaphandle kwaKhe”. Benza kanjalo nalabo ababandulelayo. Ingebe kukhona okunye iSithunywa esingakwenza ngaphandle nje kokudlulisa umlayezo ocacile na?."},{"id":36,"translation":"Nebala kuzo zonke izizwe sathumela iSithunywa ukuba sithi: “Khonzani u Allah bese niziqhelelanisa nezikhonzwa zamanga”. Kwaba nalabo kubo u Allah abahola kepha abanye banelwa ukuduka. Ngakhoke hambani emhlabeni nibone ukuthi saba njani isiphetho sabaphika iqiniso."},{"id":37,"translation":"Uma umnkanka ukuba baholelwe [endleni eqondile], u Allah akamholi lowo ofuna ukuduka, futhi abekho abayobasiza."},{"id":38,"translation":"Bathatha izifungo ezinzima ngo Allah, ukuthi, u Allah akasoze abavusa abafileyo. Nakanjani! Phela yisithembiso saKhe seqiniso kepha iningi labantu alazi."},{"id":39,"translation":"Ukuze abacacisele ngalokho ababephikisana ngakho nokuthi laba abangakholwa bazi ukuthi babenamanga."},{"id":40,"translation":"Izwi esilishoyo uma kunento esifunayo, sivane Sithi: “Yenzeka”, bese kuyenzeka."},{"id":41,"translation":"Futhi labo abafudukela ukuthokozisa u Allah emuva kokuba behlukunyeziwe, sizobabeka endaweni enhle emhlabeni kanti futhi umvuzo wakwelizayo mkhulu, ukube nje bebazi."},{"id":42,"translation":"Labo ababekezalayo bethembele eNkosini yabo."},{"id":43,"translation":"Futhi sathumela amadoda kuphela ngaphambi kwakho [Muhamadi] ebesambulela kuwo. Ngakhoke buzani labo abanolwazi uma ningazi."},{"id":44,"translation":"Sawathumela nezibonakaliso neZincwadi. Sembulela kuwe [Muhamadi] Isikhumbuzi [iKurani] ukuze uhlalusele isintu lokho abembulelwe kona hlele bajule bacabangisise."},{"id":45,"translation":"Ingabe labo abakha amasu amabi, bazibona bephephile yini ekutheni u Allah abagwinyise ngomhlaba noma bafikelwe isijeziso ngalapho bengazelele khona..."},{"id":46,"translation":"Noma sibahlasele lapho bematasa na? Bheka ngoba abasoze baphunyula."},{"id":47,"translation":"Noma sibahlasele lapho besaba; impela iNkosi yabo Inobubele Inesihawu."},{"id":48,"translation":"Ingabe abayiboni yonke into edalwe ngu Allah, amthunzi azo aya le kwesokudla nale kwesobunxele ekhothamela u Allah ngokuzithoba."},{"id":49,"translation":"Futhi konke okusemazulwini nazo zonke izilwane ezisemhlabeni kanye nezingelosi ngokungazigqaji."},{"id":50,"translation":"Zesaba iNkosi yabo engaphezu kwabo futhi zenza njengoba ziyalelwe."},{"id":51,"translation":"U Allah uthi: “Ningabi nezikhonzwa ezimbili [ngesikhathi esisodwa], ngokuba okumele nimkhonze uyedwa vo, ngakhoke sabani Mina kuphela”."},{"id":52,"translation":"Futhi konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokwaKhe nakho konke ukuthotshelwa ngokugcwele kungokwaKhe. Ingabe ukhona omunye enimthobelayo ngaphandle kuka Allah na?"},{"id":53,"translation":"Zonke izibusiso eninazo zivela ku Allah, futhi uma nehlelwa umshophi nizilahla kuYe."},{"id":54,"translation":"Kepha kuthi uma esenisusele umshophi, abanye benu babhangqa iNkosi yabo nezikhonzwa."},{"id":55,"translation":"Bese bengesakubongi lokho esibaphe kona. Ngakhoke nethezekani, kepha nizokwazi maduze nje."},{"id":56,"translation":"Futhi babela lokho abangakwazi isabelo kulokho esibabele kona. Ngimfunge u Allah, niyobuzwa ngakhu enikuqambayo."},{"id":57,"translation":"Baqokela u Allah amadodakazi – makangcwelise! Kepha bona baziqokela abakuthandayo."},{"id":58,"translation":"Omunye wabo uma ehalaliselwa ngendodakazi, ubuso bakhe buyagqungqa bube mnyama bhuqe wadangala."},{"id":59,"translation":"Useyozifihla ebantwini ngenxa yento embi aziswe ngayo. Ayigcine, angene ehlazweni noma ayishutheke emhlabathini [ayingcwabe iphila]. Yaze yayimbi indlela abahlulela ngayo."},{"id":60,"translation":"Labo abangakholelwa oSukwini lokuGcina banomzekelo omubi kepha u Allah unomzekelo ophakeme futhi uNgusomandla Okhaliphile."},{"id":61,"translation":"Uma u Allah engajezisa abantu ngenxa yezimpambuko zabo, akayikushiya sidalwa phezu kwawo [komhlaba]. Kepha ubadondisela isikhathi esibekiwe; uma sesifikile isikhathi sabo, abayikusiphutha noma basihambele phambili nangomzuzu [abayikuphunyuka]."},{"id":62,"translation":"Baqokela u Allah lokho bona abangakuthandi baphinde bakhulume amanga ngemilomo yabo ukuthi bayoba nesiphetho esihle. Impela, nakanjani bayothola uMlilo futhi bayoshiywa kanjalo."},{"id":63,"translation":"Ngifunga ngo Allah, nebala sathumela [iZithunywa] ezizweni ezikwandulelayo; kepha uShayitani wabayenga ngezenzo zabo [ezimbi]. Ungumesekeli wabo namhlanje [lapha emhlabeni], kepha bayothola isijeziso esibuhlungu kwelizayo."},{"id":64,"translation":"Futhi siyembulele kuwe [Muhamadi] iNcwadi [iKurani] ukuze ubahlalusele lokho abaphikisana ngakho, nokuthi ibe umhlahlandlela nomusa kubantu abakholwayo."},{"id":65,"translation":"U Allah wehlisa amanzi emvula, avuselele ngawo umhlaba emuva kokuba ubusufile [womile]. Impela kulokho kunesibonakaliso kubantu abalalelayo."},{"id":66,"translation":"Nasemfuyweni ninesifundo imbala. Siniphuzisa kulokho okuphuma eziswini zayo phakathi kobulongwe negazi, ubisi olumsulwa olwehla esiphundu kwabaluphuzayo."},{"id":67,"translation":"Nasethelweni zesundu nomvini, nikhanda okumponjwana nokudla okumnandi. Impela kulokho kunesibonakaliso kubantu abaqondayo."},{"id":68,"translation":"Futhi iNkosi yakho yayalela izinyosi yathi: “Yakhani izindlu ezintabeni nasezihlahleni nasezakhiweni eziphakeme [abantu] abazakhayo”."},{"id":69,"translation":"Bese nidla kuzo zonke izithelo, nihambe ngezindlela zeNkosi yenu enijutshelwe zona. Eziswini zazo [izinyosi] kuphuma isiphuzo esimibala ihlukahlukene, siqukethe ikhambi elilapha isintu. Impela kulokho kunesibonkaliso kubantu abahlaziyayo."},{"id":70,"translation":"Futhi u Allah unidalile, kuphinde kube nguYena othatha imiphefulo yenu. Kunalabo kini ababuyiselwa emuva eminyakeni emibi [yokuguga], aze aphenduke ongazi lutho nhlobo emuva kokuba ebenolwazi. Nebala u Allah Umgowaziyo Onamandla."},{"id":71,"translation":"Futhi u Allah ubusise abanye ukudlula abanye ngesabelo[1]. Kantike labo ababusisiwe abasoze banika isabelo sabo kuzigqila zabo ukuze balingane ngokwesabelo[2]. Ingabeke baphika isibusiso sika Allah na?","footnotes":"[1] Ngalokho kunezinjinga nazichaka, nabaholi nabaholwa, njalonjalo.\n[2] Ngakhoke kuyamangaza ukuthi labo ababhangqa u Allah nezimbangi abanayo inkinga yokwenza u Allah umlingani wezigqila zaKhe. Ngokwenza ukuthi indalo ka Allah inamandla okulawula indalo nokwenzeka kuyo, nakuba indalo yonke ingeka Allah. Kepha bona kulokho okungokwabo abafune mlingani noma imbangi. Isimanga impela!"},{"id":72,"translation":"Nguyena u Allah onidalele abalingani benu enihlobo lunye [abantu]. Wanidalela kubalingani benu izingane nabazukulu waphinde wanondla ngalokho okumsulwa. Ngakhoke; ingabe bakholelwa kumsangano baphike izibusiso zika Allah na?"},{"id":73,"translation":"Futhi bakhonza ngaphandle kuka Allah lokho okungena sondlo sabo emazulwini nasemhlabeni sanhlobo bebe bengasoze."},{"id":74,"translation":"Ngakhoke ningalokhu nifanisa u Allah nemifanekiso. Impela u Allah uyazi kepha nina anazi."},{"id":75,"translation":"U Allah wenze umzekelo wesigqila esiphethwe esingenamandla okwenza utho, nalowo esimabele isabelo esihle [ocebile] impela esivela kithi, ukwazi ukuthitha kuso [isabelo] ngasese nasesidlangalaleni. Ingabe bayafana na? Udomu lonke lungoluka Allah, kepha iningi labo alazi."},{"id":76,"translation":"U Allah uphinde wenza umzekelo wamadoda amabili, enye yawo iyisimumu ayikwazi kwenza utho iwumthwalo kumnakekeli wayo, noma yikuphi la eyithumela khona ayibuyi nalutho okuhle. Ingabe iyafana yini naleyo eyalela ngobulungiswa futhi esendleleni eqondile na?"},{"id":77,"translation":"Futhi konke okungabonwayo emazulwini nasemhlabeni kungo kuka Allah. Kantike udaba lokufika kweSikhathi [sokwahlulela] lunjengokucwayiza kweso noma luseduze kunalokho. Nebala u Allah ukwazi ukwenza noma yini."},{"id":78,"translation":"U Allah unikhiphe eziswini zonyoko ningazi lutho, wanipha ukuzwa nokubona kanye nezinhliziyo, ukuze nibonge."},{"id":79,"translation":"Ingabe abaziboni yini izinyoni zintanta emkhathini na? Phela akekho ozibambile ngaphandle kuka Allah. Impela kulokho kunezibonakaliso [ubufakazi] kubantu abakholwayo."},{"id":80,"translation":"Futhi u Allah unenzele indawo yokuhlala ezindlini zenu, waphinde wanikhandela izindlu ngezikhumba zezilwane ezilula ukuzithwala lapho nihamba nalapho nizinza. Kwase kuthi ngovolo nangoboya bekameli nembuzi, wanidalela impahla yasendlini nentokomalo kuze kufike isikhathi [esibekiwe]."},{"id":81,"translation":"U Allah uphinde wanenzela imithunzi kulokho akudalile wanenzela imigede ezintabeni kanye nezimpahla zokugqoka ezinivikela ekushiseni [kwelanga] nezinivikela ezimpini zenu. Uziphelelise kanjalo izibusiso zaKhe kini ukuze nibe ngamaMusilimu [nizikele]."},{"id":82,"translation":"Kantike uma bekushaya indiva, umsebenzi wakho ukudlulisa umlayezo ocacile nje kuphela."},{"id":83,"translation":"Bayazazi izibusiso zika Allah bese beziphika, futhi iningi labo alikholwa."},{"id":84,"translation":"Futhi mhla zivusa kuzo zonke izizwe ufakazi [iSithunywa sabo]; labo abangakholwa abayikunikwa imvumo [yokuzincengela] futhi abayikunikwa shwele."},{"id":85,"translation":"Kuyothi lapho labo abaphambukile bebona isijeziso, angeke baxegiselwe sona futhi abayikudondiswa."},{"id":86,"translation":"Kuyothi lapho labo abakhonza izikhonzwa bebona izikhonzwa zabo bathi: “Nkosi yethu, yizo kanye lezi izikhonzwa ebesizikhonza ngaphandle kwaKho”. Bayophendulwa ngelithi: “Impela ninamanga”."},{"id":87,"translation":"Ngalolosuku bayozinikela ku Allah, baphinde balahlekelwe yilokho ababeqamba ngakho amanga [izikhonzwa]."},{"id":88,"translation":"Labo abangakholwa baphinde babe yizihibe [kubanye] endleleni ka Allah, siyobandisela isijeziso phezu kwesijeziso ngenxa yalokho ababekona."},{"id":89,"translation":"Futhi mhla simisa kuzo zonke izizwe ufakazi ovela kubo oyokaza ngabo. Nawe siyokuletha njengofakazi oyofakaza ngalaba. Futhi sikwembulele iNcwadi ecacisa zonke izinto ephinde ibe wumhlahlandlela nomusa nendaba enhle kulabo abangamaMusilimu."},{"id":90,"translation":"Nebala, u Allah uyalela ngobulungiswa nesihle nokupha izihlobo bese enqabela amanyala nempambuko nokuhlukumeza. Uyaneluleka kuze nilalele."},{"id":91,"translation":"Nigcine isivumelwano sika Allah lapho nenze isivumelwano, ningaphuli izifungo emuva kokuba beseziboshiwe nibe futhi kade nenze isiqiniseko ngo Allah. Impela u Allah ukwazi konke enikwenzayo."},{"id":92,"translation":"Ningabi njengalowo wesimame owakhuthulula umphotho wakhe wawuhlakaza emuva kokuba ewuphothe waqina. Ngokuba nenze izifungo indlela yokuqilana phakathi kwenu ngenxa yokuthi esinye isizwe sande kunesinye. U Allah uyanivivinya nje kuphela ngakho [ukugcina izivumelwano]. Futhi uyocacisela ngoSuku lokwahlulela konke lokhu eniphikisana ngakho."},{"id":93,"translation":"Ukube u Allah ubefuna, ubeyonenza nibe sokholweni olulodwa; kepha udukisa amfunayo ahole amfunayo. Futhi nakanjani niyobuzwa ngakho konke enikwenzayo."},{"id":94,"translation":"Ningenzi izifungo zenu indlela yokuqilana phakathi kwenu, funa niphambuke emuva kokuba beniqotho, nithole isijeziso [emhlabeni] ngenxa yokuba nibe yizihibe endleni ka Allah. Bese niyothola isijeziso esinzima [kwelizayo]."},{"id":95,"translation":"Ningathengisi isivumelwano sika Allah ngenani eliyize. Impela lokhu okuku Allah yikona okungcono kini ukube nje benazi."},{"id":96,"translation":"Lokhu eninakho kuyophela [kushabalale], kepha lokhu okuku Allah kuyohlala kukhona [unaphakade]. Futhi siyobapha umvuzo wabo ophelele labo ababekezelayo ngalokho okuhle abakwenzayo."},{"id":97,"translation":"Lowo wesilisa nalowo wesifazane owenza okuhle ebe engokholwayo sizomphilisa impilo enhle [emhlabeni], siphinde simuphe umvuzo wakhe ophelele ngalokho okuhle akwenzayo."},{"id":98,"translation":"Uma ufunda iKurani, cela ukuvikeleka ngo Allah kuShayitani oqalekisiwe."},{"id":99,"translation":"Impela yena [uShayitani] akanawo umthelela kulabo abakholwayo abathembela eNkosini yabo."},{"id":100,"translation":"Umathelela wakhe ukulabo abamulandelayo abamubhangqayo [no Allah]."},{"id":101,"translation":"Uma sifaka isambulo endaweni yesinye isambulo, u Allah ukwazi kahle lokho akwebulele. Bathi: “Wena uzuqambele”. Kepha iningi labo alazi."},{"id":102,"translation":"Yithi: “ilethwa nguRuhu- ul-kudusi [uJibhirili] ivela eNkosini yakho ngeqiniso, ukuze aqinise labo abakholwayo nokuthi ibe umhlahlandlela nezindaba ezinhle kulabo abangamaMusilimu”."},{"id":103,"translation":"Futhi siyazi ukuthi bathi: “Uyifundiswa [iKurani] umuntu]”. Ulwimi lwalona abamusolayo olwezizwe, kepha lolu ulwimi lwesi-Arabhu oluvuthiwe."},{"id":104,"translation":"Nebala, laba abangakholwa yimibiko ka Allah, u Allah angeke abahole futhi bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":105,"translation":"Labo abangakholwa yimibiko ka Allah yibona kuphela abaqamba amanga. Yobona kanye labo abaqambi manga."},{"id":106,"translation":"Lowo ophika u Allah emuva kokuba ekholelwe kuYe, nenhliziyo yakhe yakuthakasela ukungakholwa, bayokwehlelwa intukuthelo ka Allah baphinde bathole isijeziso esinzima. Ngaphandle kwalowo ophoqiwe [ukuba angakholwa] kepha inhliziyo yakhe igcwele ukholo."},{"id":107,"translation":"Lokho kungenxa yokuthi bathande impilo yasemhlabeni kuneyakwelizayo nokuthi futhi u Allah akabaholi abantu abangakholwa."},{"id":108,"translation":"Yibonake labo u Allah avale izinhliziyo zabo nokuzwa kwabo nokubona kwabo. Futhi yibo kanye labo abangenandaba."},{"id":109,"translation":"Kuyiqiniso ukuthi impela kwelizayo bayoba ngabalahlekelwe."},{"id":110,"translation":"Futhi iNkosi yakho kulabo abafuduka emuva kokuba behlukunyeziwe base belwa [endleleni ka Allah] babekezela – impela iNkosi yakho kubo – emuva kwalokho Ingumthetheleli Onesihawu."},{"id":111,"translation":"Ngosuku lapho wonke umuntu uyofika ezama ukuzikhulumela [ngezenzo zakhe] bese wonke umuntu uyothola umvuzo ophelele wezenzo zakhe, futhi angeke bengenzelwa ubulungiswa."},{"id":112,"translation":"U Allah wenze umzekelo [wabantu] bomuzi owabe uphephile unokuthula, ukudla kufika kuwo ubuthaphuthaphu kuvela ndawo zonke. Kepha abazange bazibonge izibusiso zika Allah; wabeke u Allah esebahaqa ngendlala nokwesaba ngenxa yalokho ababekwenza."},{"id":113,"translation":"Safika impela iSithunywa kubo kepha basiphikisa. Ngakhoke behlelwa isijeziso bengabaphambukile."},{"id":114,"translation":"Dlanini okuvunyelwe okumsula kulokho u Allah anabele kona bese nibonga izibusiso zika Allah uma kunguYena [ngempela] enimkhonzayo."},{"id":115,"translation":"Okuyikona aninqabele kona, ingcuba negazi nenyama yengulube nalokho okuhlatshelwe okunye ngaphandle kuka Allah. Kepha lowo ophoqelekile ongaphuli umthetho ngabomu noma eqise; impela u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":116,"translation":"Ningawasho amanga ashiwo imilomo yenu athi: “Lokhu kuvunyelwe [kube kunqatshelwe], lokhu kunqatshelwe [kube kuvunyelwe]”, niqambela u Allah amanga. Nebala labo abaqambela u Allah amanga abasoze baphumelela."},{"id":117,"translation":"Ukunethezeka nje kwesikhashana [emhlabeni], kepha kwelizayo bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":118,"translation":"Nakulaba abangamaJuda sabanqabela lokho esikulandisele kona phambilini. Futhi akusiyithi esingenzanga ubulungiswa kubo, kepha yibona abangenzanga ubulungiswa kubo uqobo."},{"id":119,"translation":"Futhi iNkosi yakho kulabo abenza okubi bengazi bese bezisola [bacele intethelelo] emuva kwalokho baphinde balungise [amaphutha] – impela iNkosi yakho kubo – emuva kwalokho Ingumthetheleli Onesihawu."},{"id":120,"translation":"Nebala u Ibhirahimu wabe engumholi ozithobile ku Allah encike eBumnyeni baKhe futhi wayengeyena omunye wababhangqa izikhonzwa."},{"id":121,"translation":"Ezibonga nezibusiso zaKhe [u Allah]. Wamqoka wamholela endleleni eqondile."},{"id":122,"translation":"Samupha okuhle emhlabeni, kanti nakwelizayo ungomunye wabaqotho."},{"id":123,"translation":"Sabe sembulela kuwe ukuthi: “Landela inkolo ka Ibhirahimu encike ebunyeni buka Allah, futhi wayengeyena omunye wababhangqa izikhonzwa."},{"id":124,"translation":"uMgqibelo [iSabatha] wabekelwa kuphela labo ababephikisana ngawo. Futhi impela iNkosi yakho iyokwehlulela phakathi kwabo ngalokho abaphikisana ngakho ngoSuku lokwahlulela."},{"id":125,"translation":"Memela endleleni yeNkosi yakho [i Isilamu] ngokukhalipha nangokweluleka okuhle futhi ubonisane nabo ngendlela enhle. Nebala iNkosi yakho iYona ebazi kahle labo abadukelwe yindlela yaKhe futhi iYona futhi ebazi kahle labo abaholiwe."},{"id":126,"translation":"Uma nijezisa, jezisani nani ngokulingene lokho enonwe ngakho. Kepha uma nibekezela, yikona okungcono kulabo ababekezelayo."},{"id":127,"translation":"Bekezela, futhi ukubekezela kwakho kuvela ku Allah. Ungazikhathazi ngabo futhi ungaphatheki kabi ngamasu abawakhayo."},{"id":128,"translation":"Ngokuba impela u Allah unalabo abamthobelayo nalabo abenza okuhle."}]},{"id":17,"verses":[{"id":1,"translation":"Makangcweliswe lona owathatha ngokuhlwa isigqila saKhe, esisusa eMasijidi Haramu esisa eMasijidi Akisa lena esabusisa indawo eyakhele, ukuze simbonise ezinye zezibonakaliso zeThu. Impela Yena [u Allah] Ungozwayo Obonayo."},{"id":2,"translation":"Sanika uMusa iNcwadi [iTora] sayenza umhlahlandlela wesizwe sakwa Isirayeli, [eyayiqukethe ukuthi]: “Ningabi nomunye enithembela kuye ngaphandle kwaMi”"},{"id":3,"translation":"Nina esanithwala kanye noNuhu. Impela wabe eyisigqila esasinokubonga."},{"id":4,"translation":"Sasinqumela isizwe sakwa Isirayeli eNcwadini ukuthi: “Nizokona kabili emhlabeni bese nizigqaja kakhulu”."},{"id":5,"translation":"Kuyothi lapho uma sekufike isikhathi sokona kokuqala kulokhu okubili, siyothumela kini izigqila zeThu ezinamandla kakhulu zizulazula phakathi kwemizi [zibhubhisa]. Isithembiso esiyokwenzeka."},{"id":6,"translation":"Siyobeke sesinipha ithuba lokuphindisela izinduku kubo siphinde siniphe umcebo nezingane sinenze nibe baningi."},{"id":7,"translation":"Uma nenza okuhle, nizenzela nina uqobo nakanjalo uma nenza okubi. Kuyothi lapho sekufika isikathi sokwesibili, bazonihlaza niswabe ebusweni benu baphinde bangene eMasijidi [Akisa] njengoba bangena kwasekuqaleni futhi bayobhubhisa konke okuyokuba ngaphansi kwabo."},{"id":8,"translation":"Hleze iNkosi yenu inihawukele. Kepha uma nibuyela [empembukweni] naThi sizobuya [sinijezise]. Futhi senze iJahanamu yaba ijele lalabo abangakholwa."},{"id":9,"translation":"Impela leKurani iholela kulokho okuqotho iphinde yethule izindaba ezinhle kulabo abakholwayo abenza okuhle, ukuthi bayothola umvuzo omkhulu."},{"id":10,"translation":"Nokuthi labo abangakholwa kwelizayo bona sibalungiselele isijeziso esibuhlungu."},{"id":11,"translation":"Futhi umuntu ukhulekela okubi kanjengoba ekhulekela okuhle. Umuntu belu uhlala ejahile."},{"id":12,"translation":"Futhi senza ubusuku nemini izibonakaliso ezimbili. Senza isibonakaliso sobusuku saba mnyama kwathi esemini sasenza sakhanya ukuze nikwazi ukuthungatha izibusiso ezivela eNkosini yenu nokuthi nikwazi ukwazi inani leminyaka nokubala. Futhi yonke into siyicacisisile."},{"id":13,"translation":"Wonke umuntu simhlanise nemisebenzi yakhe [emihle nemibi] emqaleni wakhe, kuyothi ngoSuku lokwahlulela simkhiphele incwadi [eqophe yonke into ayenzile] ayoyithola ivuliwe indlaliwe."},{"id":14,"translation":"Funda incwadi yakho! Namhlanje, wena uqobo wanele njengomehluleli kuwe."},{"id":15,"translation":"Lowo ohamba endleleni eqondile uzisiza yena uqobo, nalowo owenza impambuko uzilaya yena uqobo. Futhi akekho oyothwala umthwalo womunye. Futhi asikaze sijezise singakathumeli iSithunywa."},{"id":16,"translation":"Uma sifuna ukubhubhisa [isizwe] bendawo ethize, siyalela izikhulu zakhona [ukuba zizinikele ku Allah], kepha zona lapho ziphule imithetho; ngakhoke befanelwa isinqumo [sembumbiso], bese siyababhubhisa bashabalale."},{"id":17,"translation":"Ziningi izizwe esazibhubhisa ezilama uNuhu. Futhi iNkosi yakho yanele ukwazi nokubona izimpambuko zezigqila zaYo."},{"id":18,"translation":"Lowo olangezelela impilo yalomhlaba, sizomnika kuyo lokho esikuthandayo kulowo esimthandayo bese simenza angene eJahanamu egxekiwe eqalekisiwe."},{"id":19,"translation":"Kepha lowo olangezelela impilo yakwelizayo aphinde azikhandle ekuyizuzeni ebe eyiMusilimu; yibona kanye labo ukuzkhandla kwabo okuyobongwa."},{"id":20,"translation":"Bonke sibayabapha kuzipho zika Allah, laba [bempilo yomhlaba] nalaba [bempilo yakwelizayo] futhi izipho zeNkosi yakho azinqatshelwe."},{"id":21,"translation":"Bheka ukuthi sibaphe kanjani abanye ukudlula abanye [emhlabeni]. Kepha kwelizayo kunezigaba ezinkulu kanjalo nezibusiso."},{"id":22,"translation":"Ungabhangqi u Allah nesinye isikhonzwa, funa ube ogxekwayo nodixilelwe."},{"id":23,"translation":"Futhi iNkosi yakho yanquma ukuba ningakhonzi lutho ngaphandle kwaYo bese niphatha kahle abazali. Uma omunye wabo egugela kuwe noma bobabili, ungalinge uthi “nxa” kubo futhi ungabathethisi, ukhulume nabo ngesihle."},{"id":24,"translation":"Uzithobe kubo bobabili ngokubahawukela bese uthi: “Nkosi yami yiba nomusa kubo bobabili njengoba bangikhulisa ngisemncane”."},{"id":25,"translation":"iNkosi yenu ikwazi kahle okungaphakathi kini. Uma niqotho, impela Yona iyabathethelela labo abazinikelayo."},{"id":26,"translation":"Nikeza isihlobo ilungelo laso nompofu nesihambi kepha ungaxhaphazi."},{"id":27,"translation":"Impela labo abaxhaphazayo bangabafowabo bakaShayitani, bheka ngoba uShayitani akakholelwa eNkosini yakhe."},{"id":28,"translation":"Uma wehluleka ukubanika ngoba nawe ulindele umusa ka Allah owulangezelele; bazise ngamazwi amnene."},{"id":29,"translation":"Ungabopheli isandla sakho emqaleni [ukubophela inja nogodo] futhi ungasindlali sonke funa uphenduke ogxekwayo noswele."},{"id":30,"translation":"Impela iNkosi yakho yabela emfunayo isondlo ngenala noma imswinye. Nebala Yona ngezigqila zaYo Inolwazi Iyabona."},{"id":31,"translation":"Ningabulali izingane zenu ngenxa yokwesaba ubuphuya; yithina esizozondla kanye nani futhi; impela ukuzibulala kuyimpambuko enkulu."},{"id":32,"translation":"Futhi ningasondeli ekuphingeni; impela kungamanyala nendlela embi."},{"id":33,"translation":"Futhi ningawukhiphi umphefumulo u Allah awenqabele ngokungemthetho. Lowo obulewe ngokungenabulungiswa, sinikeze umnakekeli wakhe amandla, ngakhoke makandluli imikhawulo ekubulaleni, impela usekelwe [ngokomthetho]."},{"id":34,"translation":"Ningasondeli kumcebo wentandane ngaphandle uma kungendlela ekahle, kuze kube bayakhula. Futhi nigcine isivumelwano. Ngokuba impela isivumelwano kuyobuzwa ngaso."},{"id":35,"translation":"Nigcwalise isikali lapho nikala futhi nikale isisindo ngesikali esingenazinkinga. Lokho yikona okungcono nokunesiphetho esihle."},{"id":36,"translation":"Futhi ungakhulumi lokho ongenalwazi ngakho. Nebala, ukuzwa nokubona nenhliziyo, konke lokho kuyobuzwa ngakho."},{"id":37,"translation":"Ungahambi emhlabeni ngokuzigqaja, impela awusoze wawuqhekeza umhlaba nomake ulingane nezintaba ngobude."},{"id":38,"translation":"Konke lokho [okubaluliwe ngaphezulu] ububi bakho abuthandeki eNkosini yakho."},{"id":39,"translation":"Lokho okunye kobuhlakani iNkosi yakho ebembulele kuwe [Muhamadi]. Ungabhangqi u Allah nezinye izikhonzwa ngokuba uyotshingwa eJahanamu ugxekiwe uqalekisiwe."},{"id":40,"translation":"Ingabe u Allah uniqokele amadodana kepha Yena waziqokela amadodakazi na? Impela nikhulume amagama anzima."},{"id":41,"translation":"Futhi kuleKurani sicacisile ukuze balalele, kepha lokho kubabalekisa kakhulu."},{"id":42,"translation":"Yithi: “Ukube [u Allah] bekanezinye izikhonzwa njengoba nisho, ngabe [kade] zafuna indlela yokufinyelela kuMnikazi weSihlalo”."},{"id":43,"translation":"Makangcweliswe futhi uphakeme kakhulu kunalokho abakushoyo."},{"id":44,"translation":"Ubatshazwa ngamazulu ayisikhombisa nomhlaba nakho konke okuqukethwe yiwo. Futhi ayikho into engalubabazi udumo lwakhe, kepha nina anikuqondi ukubabazakwazo. Impela Yena Unobubele Ungumthetheleli."},{"id":45,"translation":"Uma ufunda iKurani sibeka isisithezo esimbozayo phakathi kwakho nalabo abangakholelwa kwelizayo."},{"id":46,"translation":"Simboze izinhliziyo zabo ukuze bangaqondi nasezindlebeni zabo kunobuthulu. Futhi uma ubalula iNkosi yakho Yona yodwa kwiKurani, bashaya bachite bebaleka."},{"id":47,"translation":"Thina sikwazi kahle lokho abakulalelayo lapho bekulalele nezinkulumo zabo zangasese, lapho abangenabulungiswa bethi: “Impela nilandela indoda eloyiwe”."},{"id":48,"translation":"Bheka ukuthi bakufanisa nani, badukile futhi abasoze bayithola indlela eqondile."},{"id":49,"translation":"Futhi bathi: “Ingabe impela lapho sesingamathambo nezicucu siphinde sivuswe kabusha na?!"},{"id":50,"translation":"Yithi: “Yibani amatshe noma insimbi”."},{"id":51,"translation":"Noma iyiphi indalo eniyibona inkulu ezinqondweni zenu. Bayothi: “Ubani oyosivusa na?” Yithi: “Lona owanidala kwasekuqaleni ningelutho”. Bayokunikinela amakhanda abo bese bathi: “Kuyokwenzeka nini?”. Yithi: “Hleze sekuseduze”."},{"id":52,"translation":"Ngosuku lapho eyonibiza, niyophendula ngokumdumisa futhi niyocabanga ukuthi nahlala isikhashana nje [emhlabeni]."},{"id":53,"translation":"Yithi kuzigqila zaMi lezi ezikhuluma amagama amagama amahle: “uShayitani utshala ubutha phakathi kwabo; impela uShayitani uyohlala eyisitha esisobala kumuntu”."},{"id":54,"translation":"iNkosi yenu inazi kahle. Uma ithanda inganihawukela noma uma ithanda inganijezisa. Futhi asikuthumelanga kubo ukuthi ube umnakekeli."},{"id":55,"translation":"Futhi iNkosi yakho ibazi kahle bonke abasemazulwini nasemhlabeni. Sapha ezinye iZithunywa ukudlula ezinye; sanika uDawudi iZabhuri."},{"id":56,"translation":"Yithi: “Bizani labo enibaqokile ngaphandle kwaKhe [u Allah]; abanawo amandla okususa ubunzima kini noma babuqhelise”."},{"id":57,"translation":"Labo ababakhonzayo, nabo bafuna indlela engabasondeza eNkosini yabo futhi balangezelela umusa waYo futhi basa nesijeziso saYo. Impela isijeziso seNkosi yakho siyasabeka."},{"id":58,"translation":"Futhi ayikho indawo [yabangakholwa] esingeke sayibhubhisa lingakafiki uSuku lokwahlulela noma sijzise kanzima. Lokho kulotshiwe eNcwadini [uQwembe]"},{"id":59,"translation":"Akukho okusivimbile ekuletheni izibonakaliso ngaphandle nje kokuthi laba basendulo baziphike. Saninika isizwe sakwaTamudi ikameli njengesibonakaliso kepha balihlukumeza. Futhi siletha izibonakaliso ukuthusa [ngazo izigqila]."},{"id":60,"translation":"Khumbula [we Muhamadi] mhla sithi kuwe: “Impela iNkosi yakho ibengamele bonke abantu”. Futhi senza iphupho leli esakubonisa lona laba isivivinyo kusintu kanjalo nesihlahla esiqalekisiwe esibalulwe kwiKurani. Siyabathusa, kepha akubandiseli lutho ngaphandle nje bagxile ekuphuleni umthetho kakhulu."},{"id":61,"translation":"Khumbula Sithi kuzingelosi: “Khothamelani u Adamu, zabe seziyakhothama ngaphandle kuka Ibhilisi, [yena] wathi: Ngingamkhothamela kanjani lona omdale ngebumba na?”"},{"id":62,"translation":"Wathi [belu u Ibhilisi]: “Uyambona lona omqokile kunami, uma ungipha impilo ende kuze kufike uSuku lokwahlulela, nebala ngiyodukisa uzalo lwakhe ngaphandlenje kwedlanzana."},{"id":63,"translation":"Wathi [ u Allah]: “Hamba, lowo kubo oyokulandela, impela iJahanamu iyoba umvuzo wabo, umvuzo owenele ophelele."},{"id":64,"translation":"Yenga ozokhona ukumyenga ngezwi lakho futhi ubavuthele [ibutho] lakho eligibele izinjomane nelihamba ngezinyawo, uzibandakanye nabo kumcebo wabo nezingane zabo uphinde ubenzele izithembiso. Kepha uShayitani akabathembisi lutho ngaphandle kwenkohliso."},{"id":65,"translation":"Impela izigqila zaMi, awusoze waba nomthelela kuzo. Futhi iNkosi yakho yanele njengoMnakekeli."},{"id":66,"translation":"Iyona iNKosi yenu lena enihambisela umkhumbi olwandle ukuze nizithungathele ebusisweni zaKhe. Impela Yena Unesihawu kini."},{"id":67,"translation":"Uma nehlelwa ubunzima olwandle, bayalahleka labo enibakhonzayo ngaphandle kwaKhe [u Allah]. Kuthi lapho esenihlengele ogwini, nivane nijike. Vele umuntu akabongi."},{"id":68,"translation":"Ingabe nizibona niphephile yini ekutheni anigqibe khona eceleni nogu noma anithumele ngesiphepho, kungekhoke nozoninakekela anihlenge."},{"id":69,"translation":"Noma nizibona niphephile ekutheni anibuyisele futhi phakathi bese enithumela ngezivunguvungu zomoya anicwilise ngenxa yokungabongi kwenu. Futhi kube kungekho oyosilandelela ngani ngenxa yalokho."},{"id":70,"translation":"Nebala sibaqokile abantwana baka Adamu [isintu sonkana] sabathwala ezweni nasolwandle sabondla futhi ngalokho okumsulwa [okuhlanzekile] saphinde sababusisa kakhulu ukudlula okuningi esikudalile."},{"id":71,"translation":"Khumbula usuku lapho siyobiza khona bonke abantu nomholi wabo. Lowoke oyonikwa iNcwadi yakhe kwesokudla; yilabo abayoyifunda iNcwadi yabo futhi akukho nokunca okungebona ubulungiswa okuyokwenziwa kubo."},{"id":72,"translation":"Futhi lowo obekade engaboni lapha emhlabeni, kanjalo nakwelizayo uyobe eyimpumputhe eduke kakhulu."},{"id":73,"translation":"Bacishe bakulinga impela ngalokho esikwembulele kuwe [Muhamadi], ukuze usiqambele amanga ngokunye. Ukube kwabanjalo, bebezokwenza umngani wabo omkhulu."},{"id":74,"translation":"Ukube asizange sikuqinise, ucishe walingeka kubo kancane nje."},{"id":75,"translation":"Ukube kwabanjalo, besizokuzwisa impilo enzima nokufa okunzima, futhi kube kungekho oyokusiza abhekane nathi."},{"id":76,"translation":"Bacishe bakucika emhlabeni ukuze bakuxoshe kuwo [eMakha]; uma kunjalo, bazohlala nje isikhashana emuva kwakho [bese bejeziswa]."},{"id":77,"translation":"Lelo usiko lwalabo esabathumela kuZithunywa zeThu ngaphambili kwakho; futhi awusoze wathola nguquko osikweni lweThu."},{"id":78,"translation":"Yenza iswala kusuka lapho liwa ilanga [emini bebade] kuze kuhlwe [iDuhuri, i-Asari, iMagiribi ne Isha] udonse lapho ufunda iKurani ngeFajari, ngokuba iKurani efundwa ngeFajari ithanyelwe [izingelosi]."},{"id":79,"translation":"Nasebusuku uvuke uyifunde [iKurani] ukuzithasisela, kulindeke ukuba iNkosi yakho ikubeke ezingeni elincomekayo."},{"id":80,"translation":"Yithi: “Nkosi yami ngingenise [kokuhle] ukungena kweqiniso futhi ungikhiphe [kokubi] ukuphuma kweqiniso bese ungipha ubufakazi obuyongilekelela obuvela kuWe”."},{"id":81,"translation":"Yithi futhi: “Selifikile iqiniso ashabalala amanga, impela amanga ayohlala eshabalala”."},{"id":82,"translation":"Futhi sembulele kwiKurani lokho okulaphayo nomusa kulabo abakholwayo, kepha laba abangenzi ubulungiswa akubandiseli lutho ngaphandle kokulahlekelwa."},{"id":83,"translation":"Uma umuntu simbusisa [ngotho], uyajika azigqaje. Kuthi uma esehlelwe inkinga alahle ithemba."},{"id":84,"translation":"Yithi: “Wonke umuntu wenza ngendlela yakhe, kepha iNkosi yakho iYona eyazi kahle ukuthi ubani osendleleni eqondile”."},{"id":85,"translation":"Bakubuza ngomphefumulo, Yithi: “Umphefumulo indaba yeNkosi yami, futhi nina lutho olwazini ngaphandle nje kokuncane”."},{"id":86,"translation":"Uma sifuna, singakuthatha lokhu esikwembulele kuwe [Muhamadi], futh akekho oyomthola ukuba abhekane naThi akulekelele."},{"id":87,"translation":"Ngaphandle uma kuwumusa ovela eNkosini yakho, nebala izibusiso zaYo zinkulu kuwe [Muhamadi]."},{"id":88,"translation":"Yithi: “Noma bonke abantu namajini bengahlangana ukuba bakhiqize okufana naleKurani; abasoze bakhona ukukukhiqiza efana nayo noma bengalekelelana”."},{"id":89,"translation":"Nebala sibahlalusele abantu kuleKurani ngayo yonke imizekelo, kepha iningi labantu liqome ukungakholwa."},{"id":90,"translation":"Futhi bathi: “Asisoze sakukholwa kuze kube usiqhekezela umhlaba kuqhume umthombo wamanzi”."},{"id":91,"translation":"Noma ube nesivande samasundu nesomvini, bese ugelezisa imifula phakathi kwazo igobhoze."},{"id":92,"translation":"Noma usehlisele isibhakabhaka njengoba bewusho usiphahlaze izicucu noma ulethe u Allah nezingelosi sizibonele mathupha!"},{"id":93,"translation":"Noma ube nendlu yegolide noma wenyukele phezulu ezulwini futhi asisoze sakukholwa ukuthi unyukile kuze kube usehlisela incwadi siyifunde. Yithi: “Mayingcweliswe iNkosi yami, angisilutho ngaphandle nje komuntu oyiSithunywa”."},{"id":94,"translation":"Futhi akukho okuvimba abantu ukuba bakholwe uma ukukhanya kufika kubo, ngaphandle kokuthi bathi: “U Allah uthumela umuntu njengeSithunywa?”"},{"id":95,"translation":"Yithi: “Ukube kwakukhona izingelosi emhlabeni zihamba ngokunethezeka, besizozehlisela ezulwini isithunywa esiyingelosi”."},{"id":96,"translation":"Yithi: “U Allah wanele ukuba ufakazi phakathi kwami nani, impela Yena Unolwazi Uyabona mayelana nezigqila zaKhe”."},{"id":97,"translation":"Futhi lowo u Allah amholile, usendleleni eqondile. Nalowo amdukisile, awusoze wabatholela abanye abahlengi ngaphandle kuka Allah. NgoSuku lokwahlulela siyobabuthanisa bahudulwe ngobuso beyizimpumputhe beyizimumu beyizithuli, bayophelela eJahanamu. Njalonje uma usulotha [uMlilo waseJahanamu] sengeza ilangabi."},{"id":98,"translation":"Lokhu, umvuzo wabo ngoba baphika izibonakaliso zeThu bathi: “Lapho sesingamathambo nezicucu, ingabe ngempela siyophinde sivuswe kabusha na?”"},{"id":99,"translation":"Ababonanga yini ukuthi nebala u Allah lona owadala amazulu nomhlaba unamandla okudala okunye okufana nawo. Futhi wababekela isikathi [sokuphila] esingengatshazwe, kepha abaphambukile bavane baqoma ukungakholwa."},{"id":100,"translation":"Yithi: “Ukube beniphethe imicebo yomusa weNkosi yami; beniyongoqa ngenxa yokwesaba ukondla; vele umuntu ungungoqo."},{"id":101,"translation":"Futhi sanika uMusa izibonakaliso eziyisishagalombili. Ngakhoke buza isizwe sakwa Isirayeli ngomhla efika kubo, wathi kuye uFirawuni: “Ngicabanga ukuthi wena Musa uloyiwe”."},{"id":102,"translation":"Wathi: “Wazi kahle ukuthi akekho olethe zonke lezinto ngaphandle kweNkosi yamazulu nomahlaba njengezibonakaliso. Futhi nami ngicabanga ukuthi wena Firawuni uzobhujiswa”."},{"id":103,"translation":"Wabe esefuna ukukhinyabeza emhlabeni [ukuze bahambe] kepha sabacwilisa bonke yena nalabo ababenaye."},{"id":104,"translation":"Sase sithi esizweni sakwa Isirayeli emuva kwakhe [uFirawuni]: “Hlalani emhlabeni, kuyothi uma sekifika isikhathi sakwelizayo siyoniletha nonke."},{"id":105,"translation":"Siyembulele ngeqiniso [iKurani] futhi yehla ngeqiniso. Futhi sikuthume [wena Muhamadi] ukuba ube umethuli wezindaba ezinhle nomxwayisi."},{"id":106,"translation":"NeKurani siyenze yaba umnqamulajuqu [phakathi kweqiniso namanga] ukuze uyifundele abantu ngesineke [ungajahile] futhi sayembulela kancane kancane."},{"id":107,"translation":"Yithi: “Kholelwani kuyo noma ningakholelwa; impela labo abanikwa ulwazi ngaphambili uma befundelwa [yona] bawa phansi ngobuso bakhothame”."},{"id":108,"translation":"Bese bathi: “Mayingcweliswe iNkosi yethu, nebala isithembiso seNkosi yethu siyenzeka”."},{"id":109,"translation":"Bawa ngobuso phansi bekhala futhi ibandisela ukuzithoba nokugxila."},{"id":110,"translation":"Yithi: “Bizani u Allah noma nibize u Rahimani [Onomusa], noma yiliphi enilibizayo, phela unaMagama Amahle. Futhi ungaphakamisi izwi lapho ukhuleka futhi ungahlebeli, wenze nje okumaphakathi kwalokho”."},{"id":111,"translation":"Yithi: “Udumo lungoluka Allah, Lona ongaziqokelanga ngane futhi ongenamlingani eBukhosini nongenamnakekeli odinga ukumhlenga ehlazweni, ngakhoke mphakamise umdumise kakhulu”."}]},{"id":18,"verses":[{"id":1,"translation":"Lonke udumo lungoluka Allah, Lona owembulela iNcwadi esigqileni saKhe futhi akayenzanga yaba indida."},{"id":2,"translation":"Uyenze yaqonda, ukuze [isigqila saKhe] sixwayise ngesijeziso esinzima esivela kuYe siphinde sethule izindaba ezimnandi kulabo abakholwayo abenza izenzo ezinhle ukuthi bayothola umvuzo omuhle [iJana]."},{"id":3,"translation":"Bayohlala kuwo unaphakade."},{"id":4,"translation":"Siphinde sixwayise labo abathi u Allah uziqokele ingane."},{"id":5,"translation":"Abanalo ulwazi ngaYe [u Allah] bona nokhokho babo. Anzima [impela] amazwi aphuma emlonyeni yabo, impela bahubha aluhlaza."},{"id":6,"translation":"Hleze uyazikhandla uzikhathaza emuva kokuba bengafuni ukukholela kulamazwi [eKurani]."},{"id":7,"translation":"Impela senze lokhu okuphezu komhlaba kwaba umhlobiso wawo ukuze sibavivinye ukuthi ubani kubo oyokwenza izenzo ezinhle."},{"id":8,"translation":"Futhi siyokwenza konke lokhu okungaphezu kwawo kube wumhlabathi ongamili lutho."},{"id":9,"translation":"Ingabe ucabanga ukuthi abantu basemgedeni noqwembe yibona ababesimangaliso ezibonakalisweni zeThu na?"},{"id":10,"translation":"Mhla amabhungu eyokhosela emgedeni, athi: “Nkosi yethu siphe umusa ovela kuWe futhi usenzele izinto zethu zibe nobuqotho”."},{"id":11,"translation":"Savala izindlebe zabo iminyaka eminingi besemgedeni."},{"id":12,"translation":"Sase siyabavusa ukuze sazi ukuthi iliphi iqembu kwambili elibale kahle isikhathi abasihlala."},{"id":13,"translation":"Thina sikulandisela indaba yabo ngeqiniso. Nebala babengamabhungu ayekholelwa eNkosini yabo futhi sabandisela ukukhanya."},{"id":14,"translation":"Saqinisa izinhliziyo zabo mhla bema bathi: “iNkosi yethu, iNkosi yamazulu nomhlaba, asisoze sakhonza nasinye isikhonzwa ngaphandle kwaYo; phela siyobe sesikhulume iphuta impela."},{"id":15,"translation":"Abantu bakithi laba, baziqokele izikhonzwa ngaphandle kwaYo [iNkosi yethu]; mabalethe phela ubufakazi obusobala obuzifakazelayo [lezikhonzwa]. Kumbe ukhona ophambuke kunalowo oqambela u Allah amanga na?"},{"id":16,"translation":"Lapho niziqhelelanisa nabo kanye nalokho abakukhonzayo ngaphandle kuka Allah, hambani niyokhosela emgedeni; iNkosi yenu iyonipha emseni waYo iphinde inilungisele lokho eningaphila ngakho."},{"id":17,"translation":"Ububona ngelanga lapho liphuma likekela liya ngakwesokudla lomgede wabo nalapho liyoshona libashiya ngakwesobunxele kulapho babesendaweni evulekile kuwo [umgede]. Lokho ezinye zezibonakaliso zika Allah. Lowo u Allah amholayo, usendleleni eqondile kepha lowo amdukisile awusoze wamtholela umhlengi oyomkhalima."},{"id":18,"translation":"Ubuzocabanga ukuthi babhekile [abalele] kulapho bebelele. Futhi sasibaphendulela ngakwesokudla nangakwesobunxele, kanti nenja yabo yayindlale imilenze yayo yangaphambili emnyango. Uma ubungababona ubuyobalekela udle phansi ngejubane ugcwele ukubesaba."},{"id":19,"translation":"Sabeke sesibavusa ukuze babuzane bodwa. Wathi omunye wabo: “Nihlale isikhathi esingakanani na?”. Bathi: “Sihlale usuku noma ingxenye yosuku”. Bathi: “iNkosi yenu iYona eyazi kahle ngesikhathi enisihlalile, ngakhoke thumelani omunye wenu ngalemali yenu aye edolobhini asibhekele ukuthi ikuphi ukudla okumsulwa bese enilethela eningakudla kukho, abe nesineke [nomthengisi] angatsheli muntu noyedwa ngani”."},{"id":20,"translation":"Ngokuba uma benganibona bayonikhanda ngamatshe noma banibuyisele enkolweni yabo bese ningaphinde niphumelele unaphakade."},{"id":21,"translation":"Kanjalo sabenza batholakala ukuze [abantu] bazi ukuthi isithembiso sika Allah siyiqiniso nokuthi iSikhathi [sokwahlulela] akunakungabaza ngaso. Mhla bephikisana ngendaba yabo, bathi: “Yakhani isakhiwo phezu kwabo [emgedeni], iNkosi eyazi kahle ngabo”. Bathi labo ababenamandla okunquma odabeni lwabo: “Sizokwakha iMasijidi pheze kwabo”."},{"id":22,"translation":"Bayothi: “Bebethathu bebane ngenja yabo”. Abanye bayothi: “Babehlanu beyisithuba ngenja yabo”, beqagela. Abanye bayothi: “Babeyisikhombisa beyishagalombili ngenja yabo”. Yithi: “iNKosi yami iyazi kahle ngenani labo, futhi akekho abalaziyo ngaphandle nje kwedlanzana”. Ngakhoke ungalokhu uphikisana ngabo ngaphandle uma kokuphikisana okusobala futhi ungabuzi muntu ngabo [abomgede] kubo [abeMibhalo]."},{"id":23,"translation":"Futhi ungabothi ngento: “Nebala ngizoyenza kusasa”."},{"id":24,"translation":"Ngaphandle kokuthi: “Uma u Allah evuma”. Futhi ukhumbule iNkosi yakho uma ukhohlwa, bese uthi: “Hleze iNkosi yami ingiholele kokucacile kunalokhu ngokuhola”."},{"id":25,"translation":"Bahlala emgedeni wabo iminyaka engamakhulu amathathu base bengeza neyisishagalolunye."},{"id":26,"translation":"Yithi: “U Allah wazi kahle ngesikhathi abasihlala, phela okungabonwayo emazulwini nasemhlabeni kungokwaKhe. Yeka ukubona kwaKhe nokuzwa kwaKhe [okungenamhawulo]. Futhi abanaye omunye uMhlengi ngaphandle kwaKhe kanjalo akanaye noyedwa umlingani ekunqumeni kwaKhe”."},{"id":27,"translation":"Balandisele lokho okwembulelwe kuwe [Muhamadi] eNcwadni yeNkosi yakho. Akekho ongaguqula Amazwi aKhe futhi awuso wathola esinye isiphephelo ngaphandle kwaKe."},{"id":28,"translation":"Zibandakanye nalabo abakhuleka eNkosini yabo ekuseni nakusihlwa belangezelele Ubuso baYo. Ungabuki abanye ngaphandle kwabo ngokulangazelela ubukhazikhazi bempilo yasemhlabeni. Futhi ungamlaleli lowo esenze inhliziyo yakhe yangaba nendaba nokusikhumbula waphinde walandela izinkanuko zakhe futhi indaba yakhe kwaba ukuduka nje."},{"id":29,"translation":"Yithi: “Iqiniso livela eNkosini yenu; ngakhoke othandawo makakholwe futhi othandayo angakholwa”. Impela abaphambukile sibalungiselele uMlilo abayohaqwa imithangala yawo. Uma becela amanzi, bayonikwa amanzi afana namafutha abilayo ashisa ubuso. Saze sasibi isiphuzo futhi yaze yayimbi indawo yokuhlala."},{"id":30,"translation":"Nebala labo abakholwayo futhi benze nokuhle, impela Thina asiwuchithi umvuzo walowo owenza izenzo ezinhle."},{"id":31,"translation":"Labo bayothola izivande zaphakade okugeleza ezansi kwazo imifula, bayohlotshiswa kuzo ngamabhengela egolide baphinde bembathe izembatho eziluhlaza zesiliki ecolisekile nengugqinsi. Kuzo bayohlala baqhiyame emibhedeni. Waze wamuhle umvuzo futhi yaze yayinhle indawo yokuhlala."},{"id":32,"translation":"Benzele umzekelo wamadoda amabili, enye yawo, sayinika izivande ezimbili zomvini sazizungeza ngamasundu kwathi phakathi kwazo zombili zafaka ezinye izitshalo."},{"id":33,"translation":"Zombili lezivande zazithela izithelo zazo zingagodli lutho sanhlobo. Sagelezisa umfula phakathi kwazo zombili."},{"id":34,"translation":"Futhi wanezinye izithelo, wabe esethi kuzakwabo ekhuluma ebhekise kuye: “Mina nginomcebo nezingane eziningi kunawe”."},{"id":35,"translation":"Wangena esivandeni sakhe kulapho esephambukile wathi: “Angicabangi ukuthi lokhu kuyoke kubhubha impela”."},{"id":36,"translation":"Futhi angicabangi ukuthi iSikhathi [sokwahlulelwa] siyoke sifike. Kantike uma ngizobuyela eNkosini yami ngiyothola okungcono esikhundleni sakho."},{"id":37,"translation":"Uzakwabo wathi, naye ekhuluma ebhekise kuye: “Ingabe awukholelwa kulowo owakudala ngomhlabathi kanjalo nangesidoda wabe esekwenza indoda na?”"},{"id":38,"translation":"Kepha Yena ungu Allah iNkosi yami futhi angibhangqi lutho neNkosi yami."},{"id":39,"translation":"Ngabe uthe uma ungena esivandeni sakho wathi: “Kwenzela ngentando ka Allah, awekho amandla okwenza okuhle ngaphandle kuka Allah”, nakuba ungibona mina nginomcebo nezingane ezincane kunawe."},{"id":40,"translation":"Mhlawumbe kungekudala iNkosiyami iyongipha okungcono kunesivande sakho aphinde asithumele ngesijeziso esivela ezulwini, siphenduke inhlabathi eshelelayo."},{"id":41,"translation":"Noma amanzi aso azike ungasakwazi ukuwathola."},{"id":42,"translation":"Izithelo zakhe zahaqwa [isijeziso esashaqa konke]. Wachaya izandla ebalisa ngakho akuchitha kuso [isivande], kulapho sona siwe phansi nemipheme yaso. Wathi: “Hawu, ngifisa ukuba angizange ngibhangqe lutho neNkosi yami”."},{"id":43,"translation":"Futhi kwakungekho qembu ebelingamsiza ngaphandle kuka Allah, kwayena akakwazanga ukuzisiza."},{"id":44,"translation":"Kulaphoke ukulawula kuka Allah Oyiqiniso. NguYena onomuvuzo ongcono nonesiphetho esingcono [kwabakholelwa kuYe]."},{"id":45,"translation":"Futhi benzele umzekelo wempilo yasemhlabeni, njengamanzi emvula esiwehlisayo bese ehlangana nezitshalo zomhlaba [zibe luhlaza]. Ziyobe seziyoma zipheshulwa imimoya. U Allah akehlulwa yilutho."},{"id":46,"translation":"Umcebo nezingane ziwubukhazikhazi bempilo yasemhlabeni. Kanti ke izenzo ezinhle yizona ezinomvuzo ongcono eNkosini yakho nesifiso esingcono."},{"id":47,"translation":"Ngosuku lapho siyosiphula khona izintaba uyobona umhlaba unqunu [ungesitshalo ungenasakhiwo] futhi siyobabuthanisa bonke ngothi lwabo akukho noyedwa esiyomshiya."},{"id":48,"translation":"Bayoma phambi kweNkosi yakho imigqa ngemigqa. [Bese yithi]: “Nize kithi njengoba sanidala okokuqala. Empeleni bekade niqhakambisa ukuthi asisoze sanibekela isikhathi sokuhlangana."},{"id":49,"translation":"Iyobe isiyabekwa incwadi [isiqhophi sezenzo]. Uyobona ngezigilamkhuba sezigcwele itwetwe ngekuqukethe bese bathi: “Kwaze kwaphela ngathi, yini indaba ngalencwadi ayishiyi lutho okuncane nokukhulu ikuqukethe konke”. Bayothola konke abakwenzile kukhona futhi iNkosi yakho ayikaze yenze okungebulungiswa nakoyedwa nje."},{"id":50,"translation":"Futhi khumbula mhla sithi kuzingelosi: “Khothamelani u Adamu niwe ngobuso”. Zakhothama zawa ngobuso ngaphandle kuka Ibhilisi owabe eyijini owaqoma ukungawuthobeli umyalelo weNkosi yakhe. Ingabe nenza yena kanye nabalandeli bakhe abahlengi ngaphandle kwaMi kulapho bona beyizitha kini na? Kwaze kwakubi lokho abaphambukile abakuqokile."},{"id":51,"translation":"Angizange ngibabonise ukudalwa kwamazulu nomhlaba nokudalwa kwabo uqobo [babengekho] futhi angisoze ngaqoka abadukisi ukuba babe ngabalekeleli."},{"id":52,"translation":"Futhi balandise ngoSuku lapho eyothi [u Allah]: “Bizanike abalingani baMi laba phela ebenibaqhakambisa”. Bayobe sebeyababiza kepha bangabaphenduli futhi sifaka phakathi kwabo [eJahanamu] indawo yembubhiso."},{"id":53,"translation":"Izigilamkhuba ziyobona uMlilo; ziqiniseke ukuthi ziyongena kuwo futhi akukho la abangawubalekela khona."},{"id":54,"translation":"Impela sibacacisele abantu kule Kurani ngayo yonke imizekelo. Kepha umuntu uthanda ukuqophisana ukudla zonke izinto [ezidaliwe]."},{"id":55,"translation":"Ayikho into evimba abantu ukuba bakholwe lapho kufika kubo ukukhanya nokuthi bacele intethelelo eNkosini yabo ngaphandle kokuthi behlelwe okwehlela abasendulo noma behlelwe isijeziso bekhekile."},{"id":56,"translation":"Futhi sithumela iZithunywa ukuba zibe abethuli bezindaba ezinhle nabexwayisi nje kuphela. Labo abangakholwa baphikisa besebenzisa umbhedo bezama ukushabalalisa ngawo iqiniso. Belu bathatha izibonakaliso zeThu nalokho abaxwayise ngakho njengehlaya."},{"id":57,"translation":"Ngubani ophambuke ukudla lowo owelulekwa ngemibiko yeNkosi yakhe kepha yena ayishaye indiva, akhohlwe nayimisebenzi yezandla zakhe. Impela sifake isisithezo ezinhlizweni ekutheni bayiqonde [iKurani], nasezindlebeni zabo bayizimumu. Noma ungababizela endleleni eqondile abasoze bayilandela nhlobo."},{"id":58,"translation":"Futhi iNkosi yakho Ingumthetheleli Onesihawu, ukube nje ubenganijezisa ngakho konke enikwenzayo, impela beyoshesha anijezise. Kepha [abaphambukile] banesikhathi ababekelwe sona abasoze baphunyuka kuso."},{"id":59,"translation":"Lezo imizi [izindawo], abantu bakhona sababhubhisa lapho benza ukuphambuka futhi sabeka isikhathi sokubabhubhisa."},{"id":60,"translation":"Futhi khumbula mhla uMusa ethi kunceku yakhe: “Angeke ngiphumule kuze kube ngifika lapho kuhlangana khona izilwandle ezimbili noma ngihambe ibanga elide”."},{"id":61,"translation":"Kuthe lapho bobabili befika lapho kuhlangana khona izilwandle ezimbili bakhohlwa inhlanzi yabo, yona eyavele yangena olwandle kwaqhekeka indlela yayo."},{"id":62,"translation":"Kuthe sebendlulile [kuleyondawo] wathi [uMusa] kunceku yakhe: [Ake usiphe idlamini [isidlo sasemini] yethu, impela uhambo lwethu lolu lusikhathazile”."},{"id":63,"translation":"Yathi: “Uyakhumbula ngenkathi siphula edwaleni, ngikhohliwe ukukwazisa ngenhlanzi futhi nguShayitani kuphela ongenze ngiyikhohlwe ukuyibalula. Ingene olwandle kwavuleka indlela yayo ngesimanga."},{"id":64,"translation":"Wathi: “Yilokho ebesikufuna”. Babuyela emuva lapho abahambe khona."},{"id":65,"translation":"Bazithela phezu kwesigqila sezinye izigqila zeThu esasinika umusa ovela kithi saphinde sasifundisa ulwazi luvela kithi."},{"id":66,"translation":"Wathi uMusa: “Ngingahamba nawe yini ukuze ungifundise okunye kwalokho ofundiswe kona okuholela eqinisweni na?”"},{"id":67,"translation":"Sathi [isigqila sika Allah]: “Impela angeke wena ukhone ukungibekezelela”."},{"id":68,"translation":"Belu ungakubekezelela kanjani lokho ongenalwazi lwakho na?"},{"id":69,"translation":"Wathi [uMusa]: “Uzongifumanisa - ngemvumo ka Allah – ngingobekezelayo futhi angeke ngephule umyalelo wakho”."},{"id":70,"translation":"Sathi [isigqila sika Allah]: “Uma uzohamba nami, ungangibuzi ngalutho kuze kube yimi engiphawulayo ngakho”."},{"id":71,"translation":"Bahambake bobabili baze bayogibela emkhunjini, sawubhoboza. Wathi [uMusa]: “Uyawubhoboza ukuze ucwilise abakuwo na? Impela wenze into embi”."},{"id":72,"translation":"Sathi: “Angishongo yini ukuthi impela angeke wena ukhone ukungibekezelela”."},{"id":73,"translation":"Wathi: “Ungangijezisi ngosebengikukhohliwe futhi ungangenzeli izinto zami zibe nzima”."},{"id":74,"translation":"Bahambake bobabili baze bahlangana nomfana, sambulala. Wathi [uMusa]: “Ubulala umphefumulo omsulwa ongabulalanga muntu? Impela wenze into eshaqisayo."},{"id":75,"translation":"Sathi: “ Angishongo yini kuwe ukuthi impela angeke wena ukhone ukungibekezelela”."},{"id":76,"translation":"Wathi: “Uma ngiphinde ngakubuza noma yini emuva kwalokhu ungabe usahamba nami, impela sekuphele wona amazaba lapha kimi”."},{"id":77,"translation":"Baqhubeka bahamba bobabili baze bazithela phezu komuzi. Base becela ukudla kubantu bakhona kepha benqaba ukubamukela njengezihambi. Base bethola kuwo [lomuzi] uthango obeselutshekile lufuna ukuwa, saluvusa salumisa. Wathi [uMusa]: “Uma uthanda ungabakhokhisa ngalo inzuzo”."},{"id":78,"translation":"Sathi [isigqila sika Allah]: “Yikhona ke la mina nawe esihlukana khona. Ngizokwazisa ngencazelo yakho konke lokhu ohluleke ukukubekezelela”."},{"id":79,"translation":"Mayelana nomkhumbi, ubungowezichaka ezazisebenza olwandle, bengifuna ukuwufaka isici ngamabomu, ngokuba ngaphambi kwabo bekunenkosi ehlwitha imikhumbi [engenacisi] ngodli."},{"id":80,"translation":"Mayelana nomfana, abazali bakhe bebengabakholwayo sase sisaba ukuthi uyobahlukumeza [lapho esemdala] ngokungezwa nokungakholwa."},{"id":81,"translation":"Besifuna ukuthi iNkosi yabo ibaphe ongcono esikhundle sakhe noyobaphatha kahle."},{"id":82,"translation":"Mayelana nothango, belungelezintandane zabafana ababili khona emzini, kanti ngaphansi kwalo bekunomcebo wabo bobabili futhi abazali babo babeqotho, ngakhoke iNkosi yakho beyifuna ukuba bakhule babe badala bese bekhipha memba umcebo wabo; isihawu esivela eNkosini yakho. Angikwenzanga ngokwentando yami. Leyo iyona incazelo yakho konke lokhu ongakhonanga ukukubekezelela."},{"id":83,"translation":"Futhi bakubuza ngo Dulikarinani [umpondombili]. Yithi: “Ngizonilandisa ngendaba yakhe”."},{"id":84,"translation":"Impela sambeka emhlabeni samnika indlela yokufinyelela kuyo yonke into [ulwazi lokuyenza]."},{"id":85,"translation":"Wabe eselandela enye yezindlela."},{"id":86,"translation":"Waze wafika entshonalanga, walithola lishonela esiyalweni esimnyama, wathola kunabantu lapho [entshonalanga]. Sathi: “We Dulikarinani, ungabajezisa noma ube nesihle kubo”."},{"id":87,"translation":"Wathi: “Lowo ophambukile sizomjezisa bese ebuyela eNkosini yakhe iphinde imjezise isijeziso esishaqisayo”."},{"id":88,"translation":"Kuthi lowo okholwayo owenza nezenzo eziqotho, uyothola umvuzo weJana, futhi siyokhuluma kahle naye."},{"id":89,"translation":"Waphinda walendela enye yezindlela."},{"id":90,"translation":"Waze wafika empumalanga, walithola liphumela phezu kwabantu esingezange sibenzele isisithezo esibavikela kulo."},{"id":91,"translation":"Belu besinayo yonke imininingwane ngakwenzayo."},{"id":92,"translation":"Waphinda walandela enye yezindlela."},{"id":93,"translation":"Waze wafika phakathi kwezintaba ezimbili ezazihonqile, wathola emuva kwazo zombili kunabantu abangaqondi lwimi [olunye]."},{"id":94,"translation":"Bathi: “Dulikarinani, impela isizwe sakwa Ya’ajuju nakwaMa’ajuju benza umonakalo ezweni. Kunganjani sikukhokhele ukuba usakhele uthango phakathi kwethu nabo."},{"id":95,"translation":"Wathi: “Lokhu engikunikwe iNkosi yami kungcono, ngakhoke ngisizeni ningilethe abantu abanamandla ukuze ngakhe phakathi kwenu nabo uthango."},{"id":96,"translation":"Ngipheni ingqukuqa yensimbi. Kuthe lapho esezivale zombili izinhlangothi zentaba [ngezisimbi], wathi: “Vuthelani [...basani umlilo ushise izinsimbi]”. Kuthe lapho eselenze lawumlilo luvutha [uthango], wathi: “Ngiletheleni ithusi ngiligalele ngaphezu kwalo [uthango lovuthayo]."},{"id":97,"translation":"Abazange bakhone [abakwaYa’ajuju nakwaMa’ajuju] ukuleqa [uthango] futhi abakhonanga ulibhoboza imbobo."},{"id":98,"translation":"Wathi: “Lona umusa ovela ku Allah. Kepha uma sekufike isethembiso seNkosi yami uyolenza [uthango] lube uthuli. Ngokuba isithembiso seNkosi yami siyiqiniso."},{"id":99,"translation":"Ngalolosuku siyobadedela abanye babo balakanyelane nabanye. Kuyothi lapho sekushaywa icilongo [okwesibili] sibabuthanise bonke ndawonye."},{"id":100,"translation":"NgaloloSuku siyovezela obala iJahanamu kulabo abangakholwa."},{"id":101,"translation":"Labo amehlo abo ayemboziwe engayiboni imibiko yaMi futhi bengakwazi ukuzwa lutho."},{"id":102,"translation":"Ingabe laba abangakholwa bacabanga ukuthi bangenza izingqila zaMi abahlengi [babo] ngaphandle kwaMi na? Impela iJahanamu siyilungiselele labo abangakholwa ukuba bahlale kuyo."},{"id":103,"translation":"Yithi: “Kunganjani nginitshele ngalabo ozenzo zabo azinanzuzo”."},{"id":104,"translation":"Yilabo imisebenzi yabo empilweni yasemhlabeni yayisekudukeni kulapho bona becabanga ukuthi benza kahle."},{"id":105,"translation":"Labo, yibona kanye abangayikholwanga imibiko yeNkosi yabo nokuthi bayohlangana naYo. Ngakhoke imivuzo yezenzo zabo yashabalala nangoSuku lokwahlulela asikuba nandaba nabo."},{"id":106,"translation":"Labo umvuzo wabo iJahanamu ngenxa yokungakholwa kwabo nokwenza imibiko yaMi neZithunywa zaMi inhlekisa."},{"id":107,"translation":"Nebala labo abakholwayo baphinde benze izenzo eziqotho, bayothola izivande zeFiridosi njengendawo yokuhlala."},{"id":108,"translation":"Bayohlala kuzo unaphakade, abayikufuna ukususwa kuzo."},{"id":109,"translation":"Yithi: “Ukube ulwandle beluwuketshezi lokuloba Amazwi eNkosi yami; beluphela ulwandle engakapheli Amazwi eNkosi yami, noma singaletha olunye [ulwandle] ukugcwalisela”."},{"id":110,"translation":"Yithi: “Mina ngingumuntu nje kuphela, kwembulelwe kimi ukuthi lowo okumele nimkhonze uyedwa vo kuphela. Ngakhoke lowo ofisa ukuhlangana neNkosi yakhe makenze izenzo eziqotho [ezinhle] angabhangqi noyedwa ekukhonzeni iNkosi yakhe”."}]},{"id":19,"verses":[{"id":1,"translation":"Kaf-Hha-Ya-’Ayin-Swad."},{"id":2,"translation":"Lokho ukulandisa ngomusa weNkosi yakho esigqileni saYo uZakariya."},{"id":3,"translation":"Mhla ekhuleka eNkosini yakhe ngasese."},{"id":4,"translation":"Wathi: “Nkosi yami, amathambo ami asebuthaka nekhanda lami seliqhakazile futhi angikaze ngibuye neze lapho ngikhuleka kuWe Nkosi yami”."},{"id":5,"translation":"Nebala ngesaba izihlobo emuva kokuba ngingasekho kunjalo nje umkami akazele, ngakhoke ngiphe umsizi ovela kuWe”."},{"id":6,"translation":"Oyoba indlalifa yami neyomndeni kaYakubu, futhi Nkosi yami, umenze athandeke."},{"id":7,"translation":"Zakariya, impela sikuhalalisela ngomfana ogama lakhe kuzoba ngu Yahiya, akekho esike samqamba lona phambilini."},{"id":8,"translation":"Wathi:”Nkosi yami, ngizomthola kanjani umfana ebe umfazi wami eyinumba kulapho nami ngizigugele ngingumxhiliba na?”"},{"id":9,"translation":"Yathi [ingelosi]: “Isho njalo iNkosi yakho, yathi: kulula kimi [ukudala umfana], belu ngakudala nawe phambilini ube wawukade ungelutho”."},{"id":10,"translation":"Wathi [uZakariya]: “Nkosi yami, ngiphe uphawu”. Yathi: “Yathi uphawu lwakho ukuthi ungakwazi ukukhulumisa abantu izinsuku ezintathu”."},{"id":11,"translation":"Waphuma egunjini lokuthandaza waya ebandleni lakhe, wabayalela ukuba badumise ekusenu nakusihlwa."},{"id":12,"translation":"Yahiya, thatha iNcwadi [iTora] ngokuzimisela futhi samunika ukuqonda esasemncane."},{"id":13,"translation":"Samupha futhi ububele obuvela kithi kanye nobumsulwa, futhi wayemthobela u Allah."},{"id":14,"translation":"Futhi wayehlonipha abazali bakhe engewona umdlwembe oweyisayo."},{"id":15,"translation":"Ukuthula makube kuye ngosuku azalwa ngalo nangosuku afa ngalo nangosuku ayovuswa ngalo [ekufeni] aphile."},{"id":16,"translation":"Landisa [wena Muhamadi] lapha eNcwadini [iKurani] ngoMariyamu, mhla eqhela ngasemndenini wakhe wayohlala endaweni engasempumalanga."},{"id":17,"translation":"Wazibekela isisithezo ezisitha kubo [abantu bakubo]. Sabe sesithumela kuye ingelosi yeThu [uJibhirili] eyathatha isimo somuntu oqotho phambi kwakhe."},{"id":18,"translation":"Wathi [uMariyamu]: “Ngizivikela ngoNomusa kuwe uma ngempela umthobela u Allah”."},{"id":19,"translation":"Yathi [ingelosi]: “Ngiyisithunywa nje seNkosi yakho, esithunywe ukukulethela umfana omsulwa”."},{"id":20,"translation":"Wathi: “Ngingamthola kanjani umfana ngingakaze ngithintwe muntu [wesilisa] futhi ngingakaze ngibe unondindwa”."},{"id":21,"translation":"Yathi: “Isho kanjalo iNkosi yakho: kulula kiMi, futhi siyomenza isibonakaliso ebantwini nomusa ovela kithi. Futhi yinto vele esinqunyiwe."},{"id":22,"translation":"Wamthwala [ekhulelwe] waya naye endaweni esekudeni eqhelile."},{"id":23,"translation":"Wahlaselwa umhelo ehleli ngaphansi kwesihlahla samasundu, wathi: “Ngifisa ukube ngafa kudala ngaphambi kwalokhu ngakhohlwa ngangaziwa nhlobo”."},{"id":24,"translation":"Wammemeza [umfana wakhe] ngenzansi kwakhe wathi: “Ungakhathazeki ngokuba iNkosi yakho wenze umfundlana ezansi kwakho”."},{"id":25,"translation":"Nyakazisela ngakuwe isiqu sesihlahla sizokuwisela amasundu amasha avunwe ngaleso sikhathi."},{"id":26,"translation":"Yidla uphuze uthokoze. Uma ubona noma yimuphi umuntu, ubothi: “Ngizibophezele ku Allah ukuba ngizile, ngakhoke akukho muntu engiyomkhulumisa namhlanje”."},{"id":27,"translation":"Wafika naye [umfana wakhe] kubantu bakubo emphethe. Bathi: “We Mariyamu, impela ufike nento eyinsumansumane”."},{"id":28,"translation":"Dadewabo ka Haruna, uyihlo wayengeyena umuntu omubi futhi nonyoko wayengeyena unondindwa."},{"id":29,"translation":"Wavele wabakhomba kuye [umfana wakhe]. Bathi: “Sizokhuluma kanjani noswana olusembelekweni na?”"},{"id":30,"translation":"Wathi [umfana kaMariyamu]: “Mina ngiyisigqila sika Allah, unginike iNcwadi wangenza iSithunywa”."},{"id":31,"translation":"Futhi wangenza ngaba obusisekile noma yikuphi langikhona, wangiyalela ngeswala nezakati uma nje lokhu ngisaphila."},{"id":32,"translation":"Futhi wangenza ngaba ohlonipha umama wami, akazange angenze umdlwembe ongezwa."},{"id":33,"translation":"Ukuthula makube kimi ngosuku lapho ngizalwa nangosuku lapho ngifa nangosuku lapho ngivuswa ngiphile."},{"id":34,"translation":"Loyo ngu Isa indodana ka Mariyamu. Amazwi eqiniso leli abalingabazayo."},{"id":35,"translation":"Akumfaneli u Allah ukuba abe nengane; makangcweliswe. Uma efuna ukwenza noma yini, uvane kuyo: “Yenzeka”, bese iyenzeka."},{"id":36,"translation":"Nebala u Allah iNkosi yami neNkosi yenu, ngakhoke mkhonzeni, iyona lena indlela eqondile."},{"id":37,"translation":"Aphikisana wodwa amaqembu, imbubhiso ikulabo abangakholelwa ekubuthaneni koSuku olukhulu."},{"id":38,"translation":"Yeka abayokubona nabayokuzwa ngosuku abayofika ngalo kithi. Kepha labo abangakholwa basekudukeni okusobala namhlanje."},{"id":39,"translation":"Baxwayise ngosuku lokuzisola lapho okuyokwehlulelwa khona. Kulapho bona abanendaba futhi abakholwa."},{"id":40,"translation":"Nembala yithina esiyoba yizindlalifa zomhlaba nakho konke okukuwo futhi bonke bayobuyela kithi."},{"id":41,"translation":"Futhi landisa ngo Ibhirahimu eNcwadini [iKurani]. Impela wayeneqiniso eyiSithunywa."},{"id":42,"translation":"Mhla ethi kuyise: “Baba wami othandekayo, kungani ukhonza lokho okungezwa nokungaboni okungakusizi ngalutho”."},{"id":43,"translation":"Baba wami othandekayo, impela senginolwazi olungakafiki kuwe, ngakhoke landela mina ngikuholele endleleni eqondile."},{"id":44,"translation":"Baba wami othandekayo ungamkhonzi uShayitani ngokuba uShayitani weyisa wangamlalela Onomusa [uAllah]."},{"id":45,"translation":"Baba wami othandekayo, impela ngisaba ukuthi uyothola isijeziso esivela koNomusa bese uphenduka umlandeli ka Shayitani."},{"id":46,"translation":"Wathi [uyise]: “Awunandaba nezikhonzwa zami na, we Ibhirahimu?” Uma ungaphezi ngizokukhanda ngamatshe mina uqobo futhi awungiyeke [ungangikhulumisi]isikhathi eside."},{"id":47,"translation":"Wathi [u Ibhirahimu]: “Ukuthula makube kuwe. Ngizokucelela intethelelo eNkosini yami ngokuba yona inesihawu kimi”."},{"id":48,"translation":"Futhi ngizonishiya nina kanye nalokho enikukhonzayo ngaphandle kuka Allah, bese ngikhuleka eNkosini yami, hleze ngingehluleki lapho sengikhulekile eNkosini yami."},{"id":49,"translation":"Kuthe lapho esebahlubukile kanye nalokho ababekukhonza ngaphandle kuka Allah, samupha u Isihaki noYakubu. Bobabili sabenza iZithunywa."},{"id":50,"translation":"Sabapha nabo emseni weThu sabenzela ukutuswa kweqiniso okungapheli."},{"id":51,"translation":"Landisa futhi ngoMusa eNcwadini [iKurani]. Impela wayekhethekile futhi wabe eyiSithunywa esinguMembulelwa."},{"id":52,"translation":"Sammemeza ngasohlangothini lwesokudla lwentaba iTuri, samsondeza sakhuluma naye."},{"id":53,"translation":"Samupha emseni weThu umfowabo uHaruna owaba yiSithunywa."},{"id":54,"translation":"Landisa futhi ngo Isima’ili eNcwadini [iKurani]. Impela wayesigcina isithembiso futhi wabe eyiSithunywa esinguMembulelwa."},{"id":55,"translation":"Wayehlala najlo eluleka umndeni wakhe ngeswala nezakati futhi wayethandeka eNkosini yakhe."},{"id":56,"translation":"Landisa futhi ngo Idirisi eNcwadini [iKurani]. Impela wayeneqiniso futhi eyiSithunywa."},{"id":57,"translation":"Futhi samnyukisela esikhundleni esiphezulu."},{"id":58,"translation":"Yibona ke labo u Allah ababusisile eZithunyweni nakuzalo luka Adamu nakulabo esabathwala kanye noNuhu nakuzalo luka Ibhirahimu nakulabo esabahola sabakhetha. Uma befundelwa imibiko yoNomusa, bawa phansi ngobuso bakhothame futhi bekhala."},{"id":59,"translation":"Kepha balandelwa emuva kwabo yisizukulwane esasingenandaba neswala futhi silandela izinkanuko. Siyohlangabezana nokubi [eJahanamu]."},{"id":60,"translation":"Ngaphandle kwalowo ozisolayo akholwe bese enza izenzo ezinhle, yilaboke abayongena eJana futhi akukho noncane okungebona ubulungiswa okuyokwenziwa kubo."},{"id":61,"translation":"Izivande zaphakade lezi Onomusa azithembise izigqila zaKhe zingazibonanga. Impela isithembiso saKhe nakanjani siyofika."},{"id":62,"translation":"Abayikuzwa kuzo umbhedo ngaphandle nje kokuthi “ukuthula” [bebingelelana]. Bayothola ukudla kwabo kuzo ekuseni nakusihlwa."},{"id":63,"translation":"Iyonake leyo iJana esiyoyenza ifa lalabo abangithobelayo kuzigqila zaMi."},{"id":64,"translation":"[Yithi wena Jibhirili kuMuhamadi]: “Asehlingaphandle komyayelo kaAllah. Konke okungaphambi kwethu [okuzayo] nokusemuva kwethu [okwendlule] nokumaphakathi kwalokho kungokuka Allah. Futhi iNkosi yakho ayikhohlwa”."},{"id":65,"translation":"UyiNkosi yamazulu nomhlaba nokumaphakathi kwakho. Ngakhoke khonzani Yena nibambelele ekukhonzeni Yena [Yedwa]. Ingabe ukhona yini omunye omaziyo ofana naYe na?"},{"id":66,"translation":"Umuntu uthi: “Ingabe uma sengifile ngiyophinde ngivuswe ngiphile na?”"},{"id":67,"translation":"Ingabe umuntu akasakhumbuli yini ukuthi samdala phambilini ebengelutho."},{"id":68,"translation":"Ngiyifunge iNkosi yakho, siyobabuthanisa bonke kanye noShayitani ndawonye bese sibaletha baphahle iJahanamu beguqile."},{"id":69,"translation":"Emuva kwalokho siyobe sesihlunga kuwo wonke amaqembu [aphambukile] lowo obeyisa u Allah kakhulu."},{"id":70,"translation":"Futhi esibazikahle labo abanelwe ukungena kuyo [iJahanamu]."},{"id":71,"translation":"Futhi akekho kini nonke ongeke angena kuyo. Leso isinqumo seNkosi yakho esingeguqulwe."},{"id":72,"translation":"Siyobahlenga labo abathobela uAllah kuthi labo abaphambukile sibayeke kanjalo phakathi kuyo beguqile."},{"id":73,"translation":"Uma befundelwa imibiko yeThu ecacile, laba abangakholwa bathi kulabo abakholwayo: “Yilona liphi iqembu kwamabili [thina nani] elinemizi engcono nenkundla [yokuhlangana] engcono [ngobuningi] na?”"},{"id":74,"translation":"Ziningi izizwe ngaphambi kwabo esazibhubhisa, ababenempahla yasendlini enhle futhi bebukeka kahle."},{"id":75,"translation":"Yithi: “Lowo odukile, Onomusa uyomengezela isikhathi, kuze kube yilapho bebona lokho abathenjiswe kona. Isijeziso noma iSikhathi [sokwahlulelwa]. Bayokwazike [ngalowo mzuzu] ukuthi ubani kahle empeleni ononendawo yokuhlala embi nonebutho elingatheni."},{"id":76,"translation":"Labo abasendleleni eqondile u Allah uyobengezela ukuqonda. Futhi izenzo ezinhle yizona ezingcono eNkosini yakho ngomvuzo nangesiphetho."},{"id":77,"translation":"Uyambona lona ongakholwa imibiko yeThu kepha athi: “Ngizophiwa umcebo nezingane”."},{"id":78,"translation":"Ingabe wazi ikusasa [elingabonwa] noma wenze isivemelwano Allah na?"},{"id":79,"translation":"Phinde! Sizokuqopha lokhu akushoyo bese simengezela isijeziso ngaphezulu."},{"id":80,"translation":"Futhi yithina esiyosala nalokhu akushoyo [umcebo nezingane zakhe] bese eza kithi eyedwa qwaba."},{"id":81,"translation":"Baqoka izikhonzwa ngaphandle kuka Allah ukuze zibe usizo kubo."},{"id":82,"translation":"Phinde! Ziyokuphika ukukhonzwa yibo [emhlabeni] bese ziba izitha kubo."},{"id":83,"translation":"Ubonile yini ukuthi sithumele oShayitani kulabo abangakholwa belokhu bebakuthazisisa [ekwenzeni okubi]."},{"id":84,"translation":"Ungabajahi. Impela silokhu siyababalela nje."},{"id":85,"translation":"Mhla siyobuthanisela koNomusa labo abathobela u Allah njengezicukuthwane."},{"id":86,"translation":"Siqhubele izigilamkhuba eJahanamu beshaya ngobhadu bonyiwe."},{"id":87,"translation":"Abakwazi ukushweleza ngaphandle kwalowo owenze isivumelwano no Allah."},{"id":88,"translation":"Futhi bathi Onomusa unengane."},{"id":89,"translation":"Impela nenze into eshaqisayo."},{"id":90,"translation":"Kangangokuthi amazulu acishe asakazela aqhephuka ngakho kanjalo nomhlaba ucishe waqhekeka nezintaba zadilika."},{"id":91,"translation":"Ngokuthi nje nithi Onomusa unengane."},{"id":92,"translation":"Akadingi Onomusa ukaba abe nengane."},{"id":93,"translation":"Ngokuba konke okusemazulwini nasemhlabeni kuyofika kuNomusa njengezigqila."},{"id":94,"translation":"Impela ubazi bonke futhi ubabale bonke."},{"id":95,"translation":"Futhi bonke bayofika kuYe ngoSuku lokwahlulela ngamunye vo."},{"id":96,"translation":"Nebala labo abakholwayo benze nezenzo ezinhle, Onomusa uyobenzela uthando."},{"id":97,"translation":"Impela siyenze lula [iKurani] ngolwimi lwakho ukuze wethule ngayo izindaba ezinhle kwabakholwayo uphinde uxwayise ngayo abantu abathanda ukuphikisa kakhulu."},{"id":98,"translation":"Futhi ziningi izizwe ezibandelelayo esazibhubhisa. Ingabe ukhona noyedwa wabo ombonayo noma uzwe nje umsinjwana wabo na?"}]},{"id":20,"verses":[{"id":1,"translation":"Taha."},{"id":2,"translation":"Asiyembulelanga iKurani kuwe [Muhamadi] ukuze uthole ubunzima."},{"id":3,"translation":"Ngaphandle nje kokuthi ibe isikhumbuzo kulowo owesabayo [u Allah]."},{"id":4,"translation":"Yehle kancane kancane ivela kulowo odale umhlaba namazulu aphakeme."},{"id":5,"translation":"Onomusa wenyukela eSihlalweni."},{"id":6,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni nokumaphakathi kwawo nokungaphansi komhlaba kungokuka Allah."},{"id":7,"translation":"Noma ungakhulumela phezulu, nembala u Allah wazi okuyimfihlo nokusithele."},{"id":8,"translation":"U Allah akekho omunye ofanele akhonzwe ngaphandle kwaKhe, unaMagama amahle."},{"id":9,"translation":"Ingabe usuyitholile indaba kaMusa na?"},{"id":10,"translation":"Mhla ebona umlilo wathi kumndeni wakhe: “Hlalani la, ngibona umlilo hleze nginiphathele isikhuni esivuthayo noma ngithole ongangilayela indlela emlilweni”."},{"id":11,"translation":"Kuthe lapho efika kuwo wamenyezwa; “We Musa”."},{"id":12,"translation":"Nebala Yimina Lona iNkosi yakho. Ngakhoke khumula izimbadada zakho ngokuba usesigodini saseTuwa esihlanzekile."},{"id":13,"translation":"Futhi sengikuhlonzile ngakhoke lalela lokho okwembulwayo."},{"id":14,"translation":"Impela Yimina lona u Allah, akekho okufanele akhonzwe ngaphandle kwaMi. Ngakhoke khonza Mina [kuphela] wenze neswala ukuze ungikhumbule."},{"id":15,"translation":"Nembala iSikhathi [sokwahlulela] siyeza, ngithi angingasigaguli ukuze wonke umphefumulo uzuziswe ngalokho okwenzile."},{"id":16,"translation":"Ngakhoke akungabi bikho muntu ongakholwa yiso nolandela izinkanuko ozokugudlula [ekukholweni] kuso, funa ubhubhe."},{"id":17,"translation":"Yini lokhu okusesandleni sakho sokudla we Musa?"},{"id":18,"translation":"Wathi: “Induku yami, ngidondoloza ngayo ngiphinde ngephulele imfuyo yami amagatsha ngayo kantike ziningi ezinye izinto engisiza ngazo”."},{"id":19,"translation":"Wathi [u Allah]: “Ijikijele phansi we Musa”."},{"id":20,"translation":"Wayijikijela phansi, maqede yaba inyoka ihuhuluza."},{"id":21,"translation":"Wathi: “Ithathe ungesabi, sizoyibuyisela esimeni sayo sasekuqaleni”."},{"id":22,"translation":"Futhi faka isandla sakho ohlangothini lwakho [ngaphansi kwengalo], sizophuma sesimhlophe okungekona okokugula; isibonakaliso nje esinye."},{"id":23,"translation":"Ukuze sikubonise ezinye zezibonakaliso zeThu ezinkulu."},{"id":24,"translation":"Hamba uye kuFirawuni ngokuba impela usephule umthetho."},{"id":25,"translation":"Wathi [uMusa]: “Nkosi yami ngivulele inhliziyo yami”."},{"id":26,"translation":"Wenze izinto zami zibe lula."},{"id":27,"translation":"Uqaqe lelifindo elisolwimini lwami."},{"id":28,"translation":"Ukuze bayiqondisise inkulumo yami."},{"id":29,"translation":"Ungiqokele isekela elivela emndenini wami."},{"id":30,"translation":"uHaruna umnewethu."},{"id":31,"translation":"Ngimise ngaye isibindi."},{"id":32,"translation":"Futhi umbandakanye odabeni lwami."},{"id":33,"translation":"Ukuze sikubabaze kakhulu."},{"id":34,"translation":"Futhi sikukhumbule kakhulu."},{"id":35,"translation":"Nembala wena uhlezi usibona."},{"id":36,"translation":"Wathi [u Allah]: “Usukunikiwe lokhu okucelile we Musa”."},{"id":37,"translation":"Sesiphinde sakubusisa futhi."},{"id":38,"translation":"Khumbula mhla siyalela unyoko lokho okwayalelwa."},{"id":39,"translation":"Ukuthi: “Mfake ebhokisini ulitshingele emfuleni. Umfula uyomkhafulela osebeni, athathwe yisitha saMi naye [uFirawuni]”. Futhi ngakuthela ngothando oluvela kiMi nokuthi wakhuliswa ngaphambi kwaMehlo Ami."},{"id":40,"translation":"Mhla udadewenu ehamba [eya kuFirawuni] wathi: “Kunganjani nginitshengise ongakhona ukumnakekela na?”. Sakubuyisela kunyoko ukuze athokoze angakhathazeki. Futhi wabulala umuntu, sakuhlenga osizini saphinde sakuvivinya ngezivivinyo eziningi. Wabe usuhlala esizweni saseMadiyana iminyaka wase usufikela lapho onqunyelwe ukuba ube khona we Musa."},{"id":41,"translation":"Ngase ngizikhethela wena."},{"id":42,"translation":"Hambake wena nomfowenu nezibonakaliso zami ningaphezi ukungikhumbula."},{"id":43,"translation":"Hambani nobabili niye kuFirawuni, impela usephule umthetho ngokwedlulele."},{"id":44,"translation":"Nobabili nikhulume naye amazwi amnene hleze alalele noma esabe [u Allah]."},{"id":45,"translation":"Bobabili bathi: “Nkosi yethu, impela sesaba ukuthi uyosijezisa noma adaze inkani”."},{"id":46,"translation":"Wathi [u Allah]: “Ningesabi ngokuba Mina nginani nobabili, ngilalele futhi ngiyabona”."},{"id":47,"translation":"Iyani kuye nobabili nifike nithi: “Thina siyiZithunywa zeNkosi yakho. Ngakhoke dedela isizwe sakwa Isirayelikithi futhi ungasijezisi. Futhi size nesibonakaliso esivela eNkosini yakho. Ukuthula makube kulowo olandelela indlela yeqiniso”."},{"id":48,"translation":"Nembala kwembulelwe kithi ukuthi isijeziso siyotholwa yilowo ongakholwa aphinde anganaki."},{"id":49,"translation":"Wathi [uFirawuni]: “Ubani iNkosi yenu nobabili na, we Musa?”."},{"id":50,"translation":"Wathi: “iNkosi yethu yilena eyepha yonke into umlingani wayo wase eyihola [kulokho ekudingayo]”."},{"id":51,"translation":"Wathi: “Pho kwakuyini inkinga yezizwe zasendulo”."},{"id":52,"translation":"Wathi: “iNkosi yami enolwazi ngabo lulotshiwe eNcwadini, phela iNkosi yami ayilenzi iphutha futhi ayikhohlwa”."},{"id":53,"translation":"Lena eyenze umhlaba waba wandlaleka wanidabulela kuwo izindlela. Waphinda wehlisa amanzi emvula wanikhiqizela ngawo izitshalo ezahlukene ngambili."},{"id":54,"translation":"Dlanini nidlise nemfuyo yenu. Impela kulokho kunezibonakaliso kulabo abanogebhezi olubhandlile."},{"id":55,"translation":"Sinidale ngawo [ngenhlabathi umhlaba] futhi siyonibuyisela kuwo [mhla ningcwatshwa] siphinde sinikhiphe kuwo futhi okwesibili [mhla sinivuswa]."},{"id":56,"translation":"Sambonisa [uFirawuni] izibonakaliso zeThu zonke kepha wangakholwa futhi wenqaba."},{"id":57,"translation":"Wathi [uFirawuni]: “We Musa, ingabe uze kithi ukuze usikhiphe endaweni yethu ngobuthakathi bakho na?”"},{"id":58,"translation":"Ngakhoke nathi sizokuhlangabeza ngomlingo ofanayo. Beka-ke isikhathi sokuhlangana phakathi kwethu esisosigcina thina nawe, indawo ephakathi nendawo."},{"id":59,"translation":"Wathi [uMusa]: “Isikhathi senu sokuhlangana, usuku lwemvunulo futhi kumele abantu bathuniswe emini yasekuseni”."},{"id":60,"translation":"Kepha uFirawuni wakushaya indiva [umlayezo ka Musa]. Wamane wahlanganisa itulo lakhe weza."},{"id":61,"translation":"Wathi kubo uMusa: “Qaphelani, ningalinge niqambele u Allah amanga funa anibhubhise ngesijeziso. Futhi akazuzi lutho lowo oqamba amanga."},{"id":62,"translation":"Baphikisana bodwa ngodaba lwabo futhi babhunga ngasese."},{"id":63,"translation":"Bathi: “Nembala, laba bobabili abalumbi; bafuna ukunikhipha endaweni yenu ngemilingo yabo baphinde baniphuce usiko lwenu olusezingeni."},{"id":64,"translation":"Ngakhoke, hlanganisani isu lenu bese nima imigqa. Uyohlabana namhlanje lowo oyodla ubhedu."},{"id":65,"translation":"Bathi: “Musa, ungajikijela noma kube yithi esijikijela kuqala”."},{"id":66,"translation":"Wathi: “Cha jikijelani nina”. Kwaba usebona izintambo zabo nezinduku zabo ongathi ziyahamba ngenxa yomlingo wabo."},{"id":67,"translation":"Wazizwa uMusa engenwa itwetwe."},{"id":68,"translation":"Sathi: “Ungesabi ngokuba nguwena oyodla ubhedu [ozonqoba]”."},{"id":69,"translation":"Jikijela lokho okusesandleni sakho sokudla, kuyogwinya konke lokhu abakwenzile. Phela lokhu abakwkenzile itulo nje lomlumbi; futhi akukho lapho umlumbi aphumelela khona."},{"id":70,"translation":"Abalumbi bawa ngobuso bekhothama, bathi: “Siyakholelwa eNkosini kaHaruni noMusa”."},{"id":71,"translation":"Wathi [uFirawuni]: “Nimkholwa kanjani ngingakaniphi imvumo na? Okusho ukuthi nguyena impela ubongoza wenu onifundise umlingo. Ngizonigenca izandla nemilenze ngokuphambana bese nginibethelela eziqwini zamasundu; niyokwazi-ke ukuthi ngubani phakathi kwethu onesijeziso esinzima nesiyohlala sikhona”."},{"id":72,"translation":"Bathi [abalumbi]: “Asisoze sakhetha wena kuna lezibonakaliso ezifike kithi naloyo osidalile. Yehlulela okwehlulelayo; phela wehlulela kuphela empilweni yasemhlabeni”."},{"id":73,"translation":"Thina sikholelwe eNkosini yethu ukuze isithethelele izimpambuko zethu kanye nalokho kwemilingo osiphoqelele kukho. Futhi u Allah nguyena ongcono noyohlala ekhona."},{"id":74,"translation":"Nebala, loyo oyofika eNkosini yakhe enecala [lokungakholwa]; uyothola iJahanamu, akayikufa kuyo noma aphile."},{"id":75,"translation":"Kepha loyo oyofika kuYo engokholwayo enze nezenzo ezinhle; labo bayothola izigaba eziphezulu."},{"id":76,"translation":"Izivande zaphakade okugeleza ezansi kwazo imifula, bahlale kuzo unaphakade. Lowo umvuzo walowo oziphathe kahle."},{"id":77,"translation":"Futhi sembulela kuMusa ukuthi: “Hamba nezigqila zami ubasheyele indlela eyomile olwandle, ungesabi ukuficwa [uFirawuni] futhi ungabi novalo [lokuminza]."},{"id":78,"translation":"uFirawuni nebutho lakhe babalandela, kepha bambozwa amanzi lawo amamboza."},{"id":79,"translation":"uFirawuni wabadukisa abantu bakhe, futhi akabaholelanga endleleni eqondile."},{"id":80,"translation":"Sizwe sakwa Isirayeli, nebala sanihlenga esitheni senu futhi sanibekela isikhathi sokuhlangana ngasohlangothi lwesokudla entabeni iTuri. Futhi sanehlisela imana nezigwaca."},{"id":81,"translation":"Dlanini kokumsulwa [okuhlanzekile] esinabele kona futhi ningabe seniphula imithetho kukho, funa nehlelwe ulaka lwaMi. Kantike lowo owehlelwa ulaka lwaMi, impela usuke esebhubhile."},{"id":82,"translation":"Futhi impela Ngingothethelelayo kulowo ozisolayo bese ekholwa enze izenzo ezinhle azimelele endleleni eqondile."},{"id":83,"translation":"Musa, yini lena ekwenze usheshe ufike ngaphambi kwabantu bakho na?"},{"id":84,"translation":"Wathi: “Labo basezithendeni zami; ngisheshe ukufika kuWe Nkosi yami ukuze uthokoze”."},{"id":85,"translation":"Wathi [u Allah]: “Impela sibalingile abantu bakho emuva kokuba usuhambile futhi uSamiri ubadukisile”."},{"id":86,"translation":"Wabuyela ebantwini bakhe uMusa ecasukile elusizi. Wathi: [Bantu bakithi, ingabe iNkosi yenu ayizange yini inithembise isithembiso esihle na? Ingabe sibe side isikhathi kini [nadineka] noma nifune ukuba nehlelwe ulaka oluvela eNkosini yenu, kungakho ningasigcinanga isivumelwano sami na?"},{"id":87,"translation":"Bathi: “Asisiphulanga isivumelwano sakho ngokwethu. Kepha sithweswe imigodla bobucwebe babantu [bakaFirawuni] sayintshinga [emlilweni]. Kanjalo noSamiri waphonsela phakathi [ayekuphethe]”."},{"id":88,"translation":"Wabakhiqizela umzimba wethole owawubhongisa okwenkomo, base bethi: “Nguye lona okumele nimkhonza nina noMusa kepha wakhohlwa”."},{"id":89,"translation":"Ingabe ababoni yini ukuthi alikwazi ukubaphendula futhi alikwazi ukubalimaza noma ukubazuzisa ngalutho."},{"id":90,"translation":"Futhi uHaruni wayekade ethe kubo phambilini: “Bantu bakithi, niyalingwa ngalo [ithole]. Impela iNkosi yenu ngoNomusa. Ngakhoke landelani mina futhi nilalele imiyalelo yami”."},{"id":91,"translation":"Bathi: “Siyolokhu sihleli kulo silindile kuze uyabuya kithi uMusa”."},{"id":92,"translation":"Wathi [uMusa]: “Haruni, lapho ubabona beduka, yini ekuvimbile...?”"},{"id":93,"translation":"Ekutheni ungilandele, ingabe nawe wephule umyalelo wami na?"},{"id":94,"translation":"Wathi [uHaruni]: “Mtakamama, musa ungidonsa ngetshebe yami nangekhanda lami. Ngisabe ukuthi uzothi: - uhlakaze isizwe sakwa Isirayeli futhi wangawagcina amazwi ami”."},{"id":95,"translation":"Wathi [uMusa]: “Yini ngawe weSamiri?”"},{"id":96,"translation":"Wathi: “Ngibone abangakubonanga, ngase ngicaphuna ezinyathelweni zeSithunywa ngakuthela [ebucwebeni obebushiswa]. Ungiyenge kanjalo umphefumulo wami”."},{"id":97,"translation":"Wathi [uMusa]: “Hamba, ngokuba empilweni yakho kuyomele uthi – ‘ningangithinti’ – futhi unesikhathi sakho ongeke waphuthiswa sona [kwelizayo]. Futhi buka lesi sikhonzwa sakho obuzinze kuso, sizosishisa bese sisifaza emanzini”."},{"id":98,"translation":"Impela okunguyena enimele nimkhonze ngu Allah kuphela, Lona okungafanele kukhonzwe okunye ngaphandle kwaKhe. Ulwazi lwaKhe lwengamele yonke into."},{"id":99,"translation":"Sikulandisela kanjalo izindaba zalokho osekwandlula. Futhi sikuphe isikhumbuzo esivela kithi [iKurani]."},{"id":100,"translation":"Lowo oyishaya indiva, uyothwala icala ngoSuku lokwahlulela."},{"id":101,"translation":"Uyohlala kuso [isijeziso] unaphakade. Waze wamubi umthwalo wabo ngoSuku lokwahlulela."},{"id":102,"translation":"Ngosuku lapho kuyoshaywa icilongo; siyobuthanisa abanamacala ngalolo suku beluhlaza [isibhakabhaka]."},{"id":103,"translation":"Bayokhulumela phansi phakathi kwabo [bathi]: “Nihlale [izinsuku] eziyishumi kuphela”."},{"id":104,"translation":"Thina sikwazi kahle lokho abakushoyo lapho ethi lowo ongathi ukhaliphile kubo: “Cha, nihlale nje usuku kuphela”."},{"id":105,"translation":"Futhi bakubuza ngezintaba. Yithi: “iNkosi yami iyoziphushula zibe impuqumpuqu”."},{"id":106,"translation":"Uyowushiya [umhlaba] uyithafa eliyisicaba elibushelelezi."},{"id":107,"translation":"Angeke ubone kugwemba noma ukuba magwici kuwo."},{"id":108,"translation":"Ngalolo suku bayolandela isigijimi esingenakugwemba. Futhi amazwi ayomthulela Onomusa, ngeke uzwe lutho ngaphandle nje kokuhlebezela."},{"id":109,"translation":"Ngalolo suku akukho kushweleza okuyoba usizo, ngaphandle okwalowo oyovunyelwa Onomusa aphinde akuthakasele ukuba akhulume."},{"id":110,"translation":"Wazi konke okungaphambi kwabo [okuzayo] nokusemuva kwabo [okwendlule], kepha bona abasoze bazi konke ngaYe."},{"id":111,"translation":"Ubuso nobuso buyomthobela Ophilayo Ongumnakekeli. Futhi lowo oyobe ethwele impambuko [ukungakholwa] akasoze aphumelela."},{"id":112,"translation":"Futhi lowo owenza izenze ezinhle ebe engokholwayo, akayikuwesaba okungekona ubulungiswa noma ukuncishiselwa [umvuzo]."},{"id":113,"translation":"Siyembulele kanjalo iyiKurani yesi Arabhu sacacisa kuyo ezinye zezijeziso, hlele bapheze noma ibakhumbuze ngandlela thize."},{"id":114,"translation":"Makaphakanyiswe uAllah, iNkosi yeQiniso. Ungajahi ukufunda iKurani kungaphothulwa ukuyembulela kuwe [Muhamadi]. Futhi yithi:”Nkosi yami ngandisele ulwazi”."},{"id":115,"translation":"Impela senza isivumelwano no Adamu phambilini. Kepha wakhohlwa futhi asimtholanga enokuzimisela."},{"id":116,"translation":"Khumbula mhla sithi kuzingelosi: “Khothamelani u Adamu niwe ngobuso; zakhothama ngaphandle kuka Ibilisi, yena wala”."},{"id":117,"translation":"Sathi: “Adamu, nebala lona isitha sakho nomkakho; makanganikhiphi-ke eJana funa nisokole”."},{"id":118,"translation":"Ngokuba awusoze walamba noma uhambaze kuyo."},{"id":119,"translation":"Futhi awusoze wonywa noma ushiswe yilanga kuyo."},{"id":120,"translation":"uShayitani wamhlebela wathi: “Adamu, kunganjani ngikukhombise isihlahla saphakade nobukhosi obungapheli na?”"},{"id":121,"translation":"Badla kuso [isihlahla] babanqunu, baqala ukuzimboza ngamacembe aseJana. U Adamu wawuphula umyalelo weNkosi yakhe waphambuka."},{"id":122,"translation":"Emuva kwalokho yamqoka iNkosi yakhe yamthethelela yamholela endleleni eqondile."},{"id":123,"translation":"Wathi [u Allah]: “Yehlani kuyo nonke; abanye benu bayoba izitha kwabanye. Ngakhoke uma kufika kini ukukhanya okuvela kiMi; lowo oyolandela ukukhanya kwaMi angeke aduka futhi angeke abe nesiphetho esibi."},{"id":124,"translation":"Kepha lowo ofulathela isikhumbuzo saMi; uyoba nempilo enzima. Futhi siyomvusa ngoSuku lokwahlulela eyimpumputhe."},{"id":125,"translation":"Uyothi: “Kungani ungivuse ngingaboni na, ngibe bengibona [phambilini] na?”"},{"id":126,"translation":"Uyothi [u Allah]: “Kanjalo yafika kuwe imibiko yeThu kepha wayingayinaka. Kanjalo-ke nawe namhlanje awuyikunakwa”."},{"id":127,"translation":"Simjezisa kanjalo lowo ophula umthetho ebe engakholwa imibiko yeNkosi yakhe. Futhi isijeziso sakwelizayo sinzima futhi sihlala sikhona."},{"id":128,"translation":"Ingabe ababonanga yini ukuthi maningi kanjani abezinye izizwe abahamba ezindaweni zabo esababhubhisa ngaphambi kwabo. Impela kulokho kunezibonakaliso kulabo abakhaliphile."},{"id":129,"translation":"Ukube bekungesiso isinqumo esibekiwe esivela eNkosini yakho [sokudondisa isijeziso] nesikhathi esibekiwe, besizobehlela [isijeziso besasemhlabeni]."},{"id":130,"translation":"Ngakho-ke kubekezelele lokho abakushoyo ubabaze udumo lweNkosi yakho ngaphambi kokuphuma kwelanga nangaphambi kokuba lishone. Nangezikhathi zakusihlwa, mbabaze. Nasemaphethelweni emini hleze uthokoze."},{"id":131,"translation":"Futhi amehlo mawangalangezeleli lokho esikwabele labo abafana nabo [abangakholwa], okungubukhazikhazi bempilo yasemhlabeni ukuze sibavivinye ngakho. Futhi isabelo seNkosi yakho singcono futhi sihlala sikhona."},{"id":132,"translation":"Yalela umndeni wakho ngeswala ubambelele kuyo. Asikuceli sondlo; yithina esikondlayo. Futhi isiphetho esalabo abathobela u Allah."},{"id":133,"translation":"Bathi: “Kungani engasiletheli isibonakaliso esivela eNkosi yakhe na?” Abuzange yini bufike kubo ubufakazi obabuqukethwe iMibhalo yasendulo na?"},{"id":134,"translation":"Ukube sababhubhisa ngesijeziso ngaphambi kwaso [iSithunywa], bebezothi: “Nkosi yethu, okungenani ngabe uthumele iSithunywa kithi ukuze silandele imibiko yaKho anduba siphoxeke noma sihlazeke”."},{"id":135,"translation":"Yithi: “Bonke balindele, ngakhoke nani lindani, kungekudala niyokwazi ukuthi ngobani abasendleleni eqondile nalabala abasekukhanyeni”."}]},{"id":21,"verses":[{"id":1,"translation":"Ukuhlulelwa kwabantu sekusondele kulapho bona benganakile bengenandaba."},{"id":2,"translation":"Konke okuvela eNkosini yabo okuyimvuselelo yesikhumbuzo, bakulalela bedlala."},{"id":3,"translation":"Izinhliziyo zabo zinganakile. Futhi labo abaphambukile babhunga ngasese [bathi]: “Lona ngumuntu ofana nje nani. Pho niya kanjani kumlimgo nibe nibhekile na?”"},{"id":4,"translation":"Wathi: “iNkosi yami ikwazikonke okushiwoyo ezulwini nasemhlabeni. Nguyena Ongozwayo Owaziyo”."},{"id":5,"translation":"Kepha bathi: “ [iKurani] imbudane nje yamaphupho; empeleni [uMuhamadi] uziqambele yona kokunye uyimbongi [eqamba izinkondlo]. Makasilethele isibonakaliso njengoba kwenza iZithunywa zaphambilini”."},{"id":6,"translation":"Ezinye zezizwe ezingakholwanga ngaphambi kwabo, sazibhubhisa. Ingabe bona bazokholwa na?"},{"id":7,"translation":"Futhi sathumela ngaphambi kwakho amadoda [ayiZithunywa] ebesembulela kuwo. Ngakhoke buzani labo abanolwazi uma ningazi."},{"id":8,"translation":"Futhi asibenzanga izidumbu nje ezingadli ukudla futhi abaphilanga ubaphakade."},{"id":9,"translation":"Futhi sasigcina isithembiso sabo sabahlenga nalabo esibathandayo sabhubhisa labo abephula umthetho."},{"id":10,"translation":"Nebala sinilethele iNcwadi enodumo lwenu, kungani ningaqondi na?"},{"id":11,"translation":"Ziningi izizwe ezaziphambukile esazibhubhisa sazishabalalisa. Sadala abanye abantu emuva kwazo."},{"id":12,"translation":"Kuthe lapho bebona isijeziso seThu esinzima, bateta izithende emhlane [babaleka]."},{"id":13,"translation":"Ningabaleki, buyelani kulokho ebeninetheze kukho nasemizini yenu ukuze nibuzwe."},{"id":14,"translation":"Bathi: “Kuphelile ngathi! impela singabaphambukile”."},{"id":15,"translation":"Lokhu kwaba ukukhala kwabo saze sabenza okwesivuno bedindilizile befile."},{"id":16,"translation":"Futhi asidalanga izulu nomhlaba nokumaphakathi ngoba sidlala."},{"id":17,"translation":"Ukube besifuna ukuchitha isizungu [ngokuba nengane noma umfazi] besiyomqoka kithi uqobo, kepha asisoze sakwenza."},{"id":18,"translation":"Sijikijela amanga ngeqiniso liwahlakaze avane ashabalala. Futhi niyothola isijeziso ngenxa yalokho enikushoyo."},{"id":19,"translation":"Bonke abasemazulwini nasemhlabeni bangabaka Allah. Futhi labo abakuYe abazigqaji ekumkhonzeni futhi abadineki."},{"id":20,"translation":"Bambabaza ubusuku nemini abakhathali."},{"id":21,"translation":"Ingabe baziqokele izikhonzwa zasemhlabeni ezikwazi ukuvusa abafileyo na?"},{"id":22,"translation":"Ukube kwakukhona ezinye izikhonzwa ezulwini nasemhlabeni ngaphandle kuka Allah, kwakuyoxubana ubendle impela. Makangcweliswe u Allah iNkosi yeSihlalo kulokho amakushoyo."},{"id":23,"translation":"Akabuzwa ngalokho akwenzayo, kepha bona bayobuzwa."},{"id":24,"translation":"Ingabe baqoke izikhonzwa ngaphandle kwaKhe [u Allah] na? Yithi: “Lethani ubufakazi benu. Nali ulwazi ngalabo abanami [iKurani] nolwazi ngalabo abangandulelayo [iziNcwadi zaphambilini]. Empeleni abaningi kubo abalazi iqiniso, yingakho nje beshaya indiva."},{"id":25,"translation":"Asikho iSithunywa esasithumela ngaphambi kwakho esingembulelanga kuso ukuthi: “Akekho okumele akhonze ngaphandle kwaMi, ngakhoke khonzani Mina [ngedwa]”."},{"id":26,"translation":"Futhi bathi, Onomusa unengane. Makangcweliswe! Empeleni yizigqila ezihloniphekile [izingelosi]."},{"id":27,"translation":"Azikhulumi engakaziphi imvumo. Futhi zenza ngokomyalelo waKhe."},{"id":28,"translation":"Wazi konke okungaphambi kwazo [okuzayo] nokusemuva kwazo [okwendlule]. Futhi aziyukushwelezela muntu ngaphandle kwalowo amvumele. Futhi ngenxa yokumesaba zihlala zithukile."},{"id":29,"translation":"Uma omunye wazo engathi: “Yimina okumele ningikhonze ngaphandle kwaKhe [u Allah]”. Loyo siyomjezisa ngeJahanamu. Sibajezisa kanjalo abaphambukayo."},{"id":30,"translation":"Ingabe laba abangakholwa ababonanga yini ukuthi amazulu nomhlaba kwakuhlangene, sakuhlukanisa. Futhi senza yonke into yaphila ngamanzi. Abakholwa ngani na?"},{"id":31,"translation":"Sagxumeka izikhonkwane [izintaba] emhlabeni ukuze ungazamazami nabo. Saphinde safaka izindlela ezibanzi ukuze baholeleke."},{"id":32,"translation":"Senza isibhakabhaka uphahla oluqinile. Kepha bona abazinakile izibonakaliso zaso."},{"id":33,"translation":"Futhi nguYena lona owadala ubusuku nemini nelanga nenyanga. Konke kuhamba emzileni [wayo]."},{"id":34,"translation":"Akekho umuntu esamunika impilo yaphakade ngaphambi kwakho. Ngakhoke, uma wena [Muhamadi] uzofa; ingabe bona bazophila unaphakade na?"},{"id":35,"translation":"Wonke umphefumulo uyowunambitha ukufa. Futhi siyonivivinya ngokubi nangokuhle bese niphindiselwa kithi."},{"id":36,"translation":"Labo abangakholwa uma bekubona bakwenza inhlekisa [bathi]: “Ingabe nguyena lona okhuluma ngezikhonzwa zenu na?”. Kulapho bona bengakholwa okukhulunywa ngoNomusa."},{"id":37,"translation":"Umuntu udalwe enokujaha. Sizonibonisa izibonakaliso zeThu, ngakhoke ningajahi."},{"id":38,"translation":"Futhi bathi: “Siyofika nini lesi sithembiso uma ngempela niqinisile”."},{"id":39,"translation":"Ukube labo abangakholwa bebazi ngesikhathi lapho bengeke bakwazi ukuvikela ubuso babo nemihlane yabo eMlilweni futhi bengeke basizakala."},{"id":40,"translation":"Empeleni siyofika bengazelele, sibasanganise. Belu ngeke bakwazi ukusibusela emuva futhi abayikunikwa thuba."},{"id":41,"translation":"Nebala iZithunywa ezingaphambi kwakho zenziwa inhlekisa. Kepha labo ababehlekisa ngabo bahaqwa yilokho ababehlekisa ngakho."},{"id":42,"translation":"Yithi: “Ngubani oyonivikela koNomusa ebusuku nasemini na?” Empeleni abanendaba ngokushiwo iNkosi yabo."},{"id":43,"translation":"Mhlawumbe banezikhonzwa ezizobavikela ngaphandle kweThu. Kepha abakwazi ukuzisiza bona uqobo futhi akekho oyabavikela kithi."},{"id":44,"translation":"Siphe laba nokhokho babo ukunethezeka isikhathi eside. Ingabe ababoni yini ukuthi silokhu siza siwudla kancane umhlaba ezinhlangothini zawo na? Ingabe bayonqoba na?"},{"id":45,"translation":"Yithi: “Nginisabisa ngalokho okwembulelwe”. Futhi isimumu asisoze sakwazi ukuzwa isimemezelo lapho sixwayiswa."},{"id":46,"translation":"Uma betholwa isabelo nje esincane sesijeziso seNkosi yakho, bathi: “Kuphelile ngathi, impela siphambukile”."},{"id":47,"translation":"Siyobeka izikali zobulungiswa ngoSuku lokwahlulela. Akukho mphefumulo oyokwenziwa okungebulungiswa nakancane nje. Noma kungaba into elingana nesisindo sohlamvu oluncane, siyokuletha. Futhi Thina sanele njengaba Hluleli."},{"id":48,"translation":"Futhi sanika uMusa noHaruni umhlahlandlela [iTora] nokukhanya kanye nesikhumbuzo kulabo abathobela u Allah."},{"id":49,"translation":"Labo abesaba iNkosi yabo bengayibonanga futhi besaba neSikhathi [sokwahlulela]."},{"id":50,"translation":"Futhi lesi isikhumbuzo esibusisekile esisambulele. Ingabe niyosiphika na?"},{"id":51,"translation":"Sanika u Ibhirahimu ukukhalipha kwakhe phambilini futhi besazi ngaye."},{"id":52,"translation":"Mhla ethi kuyise nakubantu bakubo: “Yini lezithixo enilokhu nizinze kuzo na?”."},{"id":53,"translation":"Bathi: “Sathola okhokho bethu bezikhonza”."},{"id":54,"translation":"Wathi: “Impela nina nokhokho benu benisephutheni elisobala”."},{"id":55,"translation":"Bathi: “Ingabe usilethele iqiniso noma nje uyadlala?”"},{"id":56,"translation":"Wathi: “Empeleni iNkosi yenu, iNkosi yamazulu nomhlaba lena eyawadala futhi ngingomunye wabafakazela lokho”."},{"id":57,"translation":"Ngimfunge u Allah, ngizokwakhela izithixo zenu itulo lapho senihambile ningekho."},{"id":58,"translation":"Wazenza izicucu zonke ngaphandle kwesikhulu kunazo zonke ukuze mabuyele kuso."},{"id":59,"translation":"Bathi: “Ubani owenze lokhu kuzikhonzwa zethu, impela akanabulungiswa”."},{"id":60,"translation":"Bathi: “Sizwe lelibhungu okuthiwa ngu Ibhirahimu likhuluma ngazo”."},{"id":61,"translation":"Bathi: “Mletheni phambi kwabantu ukuze babe ngofakazi”."},{"id":62,"translation":"Bathi: “Ibhirahimu, ingabe nguwe owenze lokhu kuzikhonzwa zethu na?”"},{"id":63,"translation":"Wathi: “Empeleni yilesi esikhulu esikwenzile; ngakhoke buzani sona uma zikwazi ukukhuluma”."},{"id":64,"translation":"Bathi ukuzidla bahlaziya base bethi: “Nebala yinina eniphambukile”."},{"id":65,"translation":"Kepha babuyela enkanini yabo [bathi]: “Wazi kahle ukuthi lezinto azikwazi ukukhuluma”."},{"id":66,"translation":"Wathi: “Nikukhonza kanjani ngaphandle kuka Allah lokho okungakwazi ukunizuzisa utho futhi kungakwazi nokunilimaza na?”."},{"id":67,"translation":"Hhayi suka! Kungani pho nilokhu nikhonza okunye ngaphandle kuka Allah; anisile yini emakhanda na?"},{"id":68,"translation":"Bathi: “Mshiseni, nilekelele izikhonzwa zenu uma ngempela nizimisele”."},{"id":69,"translation":"Sathi: “Mlilo phola ungamlimazi u Ibhirahuimu”."},{"id":70,"translation":"Babefuna ukuqeda ngaye kepha sabenza kwaba yibona abalahlekelwayo."},{"id":71,"translation":"Yena [u Ibhirahimu] noLuti sabahlengela ezweni [laseShamu] leli esalibusisela izizwe zonke."},{"id":72,"translation":"Sabe sesimupha u Isihaki samengezelango Yakubu. Bobabili sabenza baba qotho."},{"id":73,"translation":"Saphinde sabenza abaholi ababehola ngokomyalelo weThu sembulela futhi kubo ukuba benze izenzo ezinhle neswala nokunika izakati futhi babekhonza Thina."},{"id":74,"translation":"uLuti naye samunika ubuhlakani nolwazi saphinde samhlenga endaweni [yaseSodoma] lapho ababenza khona amanyala. Nembala babengabantu abagcolile abayiziphula mthetho."},{"id":75,"translation":"Samfaka emseni weThu, impela wayengowabanye abaqotho [abenzibokuhle][1].","footnotes":"[1] Lombiko uyichitha uyihlakaze enye yezinkolelo ezidumile engumbhedo nomsangano namanga aluhlaza cwe. Lena ehlongoza ukuthi iSithunywa uLuti emuva kokuhlenga ngu Allah, yena namadokazi akhe bahlala emgedeni, kwase kuthi amadodakazi akhe amakhela itulo lokuya naye ocansini. Kulombiko u Allah uyakugcizelela ukuthi wabe eyisigqila esiqotho. Okusho ukuthi wayenza futhi alandele imiyalelo ka Allah. Ukukholwa yilembudane kuwukudicilela nokuthunaza isithunzi seSithunywa sika Allah esihloniphekile, okuyicala elibomvu. Ngoba ukuweyisa iSithunywa esisodwa sika Allah, kuwukweyisa zonke iZithunywa zika Allah. Ngamanye amagama umuntu okholwa yilensambatheka uchaza ukuthi iZithunywa zika Allah azinasimilo."},{"id":76,"translation":"Khumbula futhi mhla uNuhu ekhuleka phambilini. Sawuphendula umkhuleko wakhe, naye samhlenga kanye nomndeni wakhe osizini olunzima."},{"id":77,"translation":"Saphinde samsiza kubantu, laba abathatha imibiko yeThu njengamanga. Impela, babengabantu abonakele. Ngakhoke, sabaminzisa bonke ngothi lwabo."},{"id":78,"translation":"Khumbula futhi uDawudi noSulayimani mhla behlulela odabeni lwezitshalo okwafohlela kuzo izimvu zabantu [ebusuku zingalusiwe]. Futhi Besikhona ekwahluleleni kwabo."},{"id":79,"translation":"Senza uSulayimani kwaba nguye oluqondayo. Kepha bobabili [yena noyise] sabapha ubuhlakani [ubuthunywa] nolwazi. Futhi sajubela uDawudi izintaba nezinye zidumisa naye; futhi yithina ebesikwenza [lokho]."},{"id":80,"translation":"Saphinde samfundisa ukwenza izembatho zokuzivikela ukuze zinivikele ezimpini zenu. Akenibongeke."},{"id":81,"translation":"Futhi sanika uSulayimani umoya oyisivunguvungu ohamba ngomyalelo wakhe uye ezweni esafaka kulo izibusiso. Futhi besazi ngayo yonke into."},{"id":82,"translation":"Futhi bekuno Shayitani ababemtshuzela [olwandle] baphinde benze eminye imisebenzi. Futhi besibaqaphile."},{"id":83,"translation":"Khumbula futhi u Ayubu mhla ekhuleka eNkosini yakhe [ethi]: “Ngehlelwe ubunzima futhi Wena unomusa ukudlula bonke abanomusa”."},{"id":84,"translation":"Sawuphendula umkhuleko wakhe, sabususa ubunzima ayenabo, samnika umndeni wakhe usuphindwe kabili njengomusa ovela kithi nesikhumbuzo kulabo abakhonzayo."},{"id":85,"translation":"Khumbula futhi u Isimai’ili no Idirisi noDulikifili; bonke babengababekezelayo."},{"id":86,"translation":"Sabafaka emseni weThu. Impela babengabaqotho."},{"id":87,"translation":"Khumbula futhi uDun-nuni mhla ehamba ecasukile, wacaba ukuthi asisoze samthola. Wakhuleka emajukujukwini obumnyama wathi: “Akekho okufanele akhonzwe ngaphandle kwaKho. Ungcwele, impela ngiphambukile”."},{"id":88,"translation":"Sawuphendula umkhuleko wakhe samhlenga osizini. Futhi sibahlenga kanjalo abakholwayo."},{"id":89,"translation":"Khumbula futhi uZakariya, mhla ekhuleka eNkosini yakhe [ethi]: “Nkosi yami, ungangiyeki ngingedwa [ngingenandlalifa] ube Wena ungongcono kulabo abayizindlalifa”."},{"id":90,"translation":"Sawuphendula umkhuleko wakhe, samupha uYahiya samlungisela umkakhe. Impela babehlala njalo beziphuthuma izinto ezinhle baphinde bakhuleke kithi ngokulangezelela nangokwesaba. Futhi babezithoba benesizotho kithi."},{"id":91,"translation":"Khumbula futhi nalowo owavikela ubuntombi bakhe. Saphefumulela kuye ngomoya weThu. Samenza yena nendodana yakhe isibonakaliso kundalo yonke."},{"id":92,"translation":"Iyonake lena inkolo yenu – inkolo eyodwa; futhi Mina ngiyiNkosi yenu ngakhoke ngikhonzeni."},{"id":93,"translation":"Kepha bahlakazeka phakathi kwabo, kodwa bonke bayobuyela kithi."},{"id":94,"translation":"Lowo owenza izenzo ezinhle ebe engokholwayo; izithukuthuku zakhe angeke zicekelwe phansi; futhi Thina sizilobile."},{"id":95,"translation":"Kunqatshelwe kunasiphi isizwe esasibhubhisa ukuba babuyele emuva [emhlabeni]."},{"id":96,"translation":"Kuze kube mhla kuvulelwa abakwa Ya’juju noMa’juju, lapho beyophuma kuzo zonke izindunduma begijima."},{"id":97,"translation":"Siyosondela isethembiso seqiniso [uSuku lokwahlulela]; amehlo alabo abangakholwa ayobe endwazile [bethi]: “Kwaze kwaphela ngathi, impela besingenendaba ngalolu suku, eqinisweni besiphambukile”."},{"id":98,"translation":"Nina kanye nalokho enikukhonzayo ngaphandle kuka Allah niyoba izithungelo zaseJahanamu imbala, niyongena kuyo."},{"id":99,"translation":"Ukube laba bebeyizikhonzwa ezifanelwe ukukhonzwa ngabe bebengeke bangene kuyo; futhi bonke bayobhadla kuyo unaphakade."},{"id":100,"translation":"Bayobephefumulela phezulu [okomuntu onephika] kuyo kepha bengezwa."},{"id":101,"translation":"Impela labo abavele sebenqunyelwe kithi iJana ngaphambilini; labo-ke bayoqheliselwa kude nayo [iJahanamu]."},{"id":102,"translation":"Abayikuzwa ngisho umsindo wayo [iJahanamu]. Futhi bayohlala unaphakade lapho abayothala konke abakufisayo."},{"id":103,"translation":"Ukwesaba Okukhulu angeke kubakhathaze. Futhi izingelosi ziyobahlangabeza [zithi]: “Yilona lolo uSuku lwenu enanithenjiswe lona”."},{"id":104,"translation":"Mhla siyosonga izulu njengokusongwa kwemibhalo esemiqulwini. Njengeba sayisungala indalo okokuqala siyophinda siyivuse. Kuyibophezelo kithi; impela siyokwenza."},{"id":105,"translation":"Futhi saloba eziNcwadini zasendulo emuva kokuloba Oqwembeni, ukuthi, izwe ifa eliyotholwa yizigqila zaMi eziqotho."},{"id":106,"translation":"Nebala lokhu [okuqukethwe iKurani] kwanele kubantu abakhonzayo."},{"id":107,"translation":"Futhi sikuthumele njengemusa kundalo yonke."},{"id":108,"translation":"Yithi: “Impela, kwembulelwe kimi ukuthi, okumele nimkhonze uyedwa nje vo; ngakhoke nani zinikeleni ke [nibe amaMusilimu]”."},{"id":109,"translation":"Kepha uma bekushaya indiva, yithi: “Nginazisile ngokwanele. Futhi nami angazi ukuthi sekuseduze kumbe kusasekude lokhu enithenjiswe kona”."},{"id":110,"translation":"Nebala nguYena [u Allah] owazi inkulumo esobala esidlangalaleni futhi wazi nalokho enikufihlayo [ngasese]."},{"id":111,"translation":"Futhi mina angazi ukuthi [ukudondiswa kwesijeziso] hleze kube yisivivinyo kini nokuthi nincebeleke okwesikhashana."},{"id":112,"translation":"Wathi [uMuhamadi]: “Nkosi yami yehlulela ngeqiniso! Futhi iNkosi yethu Onomusa, iYona eyosinceda ngalokho abakushoyo”."}]},{"id":22,"verses":[{"id":1,"translation":"Nina bantu, thobelani iNkosi yenu, ngokuba ukuzamazama ngeSikhathi [sokwahlela] into enzima impela."},{"id":2,"translation":"Mhla lapho niyobona umame oncelisayo ekhohlwa [uswana] aluncelisayo nozethwele uyozalela khona lapho. Futhi uyobona abantu engathi badakiwe kulapho bengadakiwe kepha isijeziso sika Allah sinzima."},{"id":3,"translation":"Futhi kunalabo bantu abaphikisa ngo Allah bengenalwazi futhi ebe elandela wonke uShayitane oyihlongandlebe."},{"id":4,"translation":"Unqunyelwe ukuthi lowo oyomlandela, uzomdukisa aphinde amholele esijezisweni somlilo."},{"id":5,"translation":"Nina bantu, uma ninokungabaza ngokuvuswa [kwelizayo emuva kokofa]; bhekani ngoba sanidala ngobumba kwaba yisidoda kwaba ihlulu kwaba umbungu ophelele nongaphelele ukuze sinicacisele; futhi sigcina esikuthandayo ezibelethweni kuze kufike isikhathi esibekiwe; bese sinikhipha niyizingane, bese niyakhula nibe badala. Phakathi kwenu kunalabo abafayo [besebasha] kuthi abanye baze baguge baphenduke izintothoviyane ezingasazi lutho. Futhi uzobona umhlaba womile, kuthi lapho sesehlisele amanzi [emvula] kuwo uvele uqhakaze wande uphinde ukhiqhize lonke uhlobo oluhle lwezitshalo."},{"id":6,"translation":"Lokho ngungenxa yokuthi u Allah uyiQiniso nokuthi nguYena ovusa abafileyo nongehlulwa yilutho."},{"id":7,"translation":"Nokuthi iSikhathi [sokwahlulela] siyeza, akunakungabaza ngaso; nanokuthi u Allah uyobavusa labo abasemathuneni."},{"id":8,"translation":"Phakathi kwabantu kunalowo ophikisana ngo Allah engenalwazi noma incazelo noma incwadi ecacisayo."},{"id":9,"translation":"Uvele abheke le [ezigqaja], ukuze adukise [abantu] endleleni ka Allah [i-isilamu]. Uyothola ukuhlazeka lapha emhlabeni, kuthi ngoSuku lokwahlulela simzwise isijeziso somlilo."},{"id":10,"translation":"Lokho, kungenxa yemisebenzi yezandla zakho nokuthi u Allah akasoze enze okungebulungiswa esigqileni."},{"id":11,"translation":"Phakathi kwabantu, kunalowo okhonza u Allah enongabazane. Uma kumhambela kahle uyaqhubeka [ngokukhonza u Allah]. Kepha uma ehlelwa ubunzima uyajika [abe yimbuka]; akazuzanga lutho emhlabeni nakwelizayo. Lokho ukulahlekelwa okusobala."},{"id":12,"translation":"Ukhonza ngaphandle kuka Allah lokho okungeke kwamlimaza [uma engakulaleli] futhi okungeke kwamzuzisa [uma ekulalela]. Lokho ukuduka okujulile."},{"id":13,"translation":"Ukhonza lowo ubungozi bakhe buseduze kunosizo kwakhe. Waze wamubi umsizi nomhlanganyeli bo."},{"id":14,"translation":"Nebala labo abakholwayo abenza nezenzo ezinhle u Allah uyobangenisa ezivandeni okugeleza ezansikwazo imifula. Impela u Allah wenza akufunayo."},{"id":15,"translation":"Lowo ocabanga ukuthi u Allah akasoze amsiza [uMuhammadi] emhlabeni nakwelizayo; makabophele intambo ophahleni azikhunge ngalo bese ebheka-ke ukuthi lomzamo wakhe uyoyiqeda yini lenzondo anayo na?"},{"id":16,"translation":"Futhi sayembulela kanjalo [iKurani] iyimibiko ecacile nokuthi u Allah uhola amfunayo."},{"id":17,"translation":"Impela labo abakholwayo, nalabo abangamaJuda[1], namaNasarina[2] namaSabiya[3] kanye noMajusi[4] nalabo ababhangqayo[5]; u Allah uyokwahlulela phakathi kwabo ngoSuku lokuKwahlulela. Phela u Allah uyiqhaphe yonke into impela.","footnotes":"[1] Bheka [1:62].\n[2] Bheka [1:62].\n[3] Bheka [1:62].\n[4] Yilabo inkolo yabo incike kakhulu ekukhonzeni umlilo.\n[5] Kufaka phakathi labo abakhonza izithixo, amadlozi, abanye abantu abaphilayo, izilwane, imifanekiso, njalo njalo."},{"id":18,"translation":"Awuboni yini ukuthi bonke abasemazulwini nasemhlabeni kanye nelanga nenyanga nezinkanyezi nezintaba nezihlahla nezilwane neningi labantu, konke kuwa ngobuso kukhothamela u Allah. Kanti futhi baningi abafanelwe isijeziso. Futhi lowo u Allah amhlazile akekho oyombuyisa isithunzi. Impela u Allah wenza akufunayo."},{"id":19,"translation":"Laba ababili abaphikisanayo baphikisana ngeNkosi yabo. Labo abangakholwa bayosikelwa izembatho emlilweni, bathelwe ngamanzi ashisayo ekhanda."},{"id":20,"translation":"Kuyoncibikaliswa ngawo lokho okuseziswini zabo kanjalo nezikhumba."},{"id":21,"translation":"Futhi [bayoshaywa] ngezando zensimbi."},{"id":22,"translation":"Kuyothi njalo uma befuna ukuphuma kuwo [umlilo] ngenxa yosizi; bayobuyiselwa kuwo [kuthiwe]: “Yizwani-ke isijeziso somlilo”."},{"id":23,"translation":"Labo abakholwayo benze nezenzo ezinhle, impela u Allah uyobafaka ezivandeni okugeleza enzansi kwazo imifula, bayohlotshiswa kuzo ngeziqhizo zegolide nangamalulu, futhi izembatho zabo kuzo kuyoba isilika [emnene]."},{"id":24,"translation":"Futhi bayoholelwa emazwini amahle baphinde baholelwe endleleni encomekayo [i-Isilamu]."},{"id":25,"translation":"Impela labo abangakholwa nabayisihibe endleleni ka Allah naseMasijidiHaramu, lena esayenzela isintu ngokulinganayo, kungaba ozonzile kuyo noma oyisihambi. Futhi lowo ohlosa ukwenza kuyo [iMasijidiHaramu] impambuko ngokungebulungiswa siyomzwisa isijeziso esibuhlungu."},{"id":26,"translation":"Khumbula futhi mhla sikhombisa u Ibhirahimu indawo yeNdlu [iKaba], [sathi kuye]: “Ungabhangqi lutho naMi. Futhi uhlanze iNdlu yami, [uyihlanzele] labo abayizungezayo nalabo abathandazayo [bemile, bekhotheme bewa nangobuso]."},{"id":27,"translation":"Memezela ngeHaji kusintu sonkana. Bayoza kuwe ngezinyawo nangamakameli bewagibele; beza ngazo zonke izindlela eziqhamuka ekudeni."},{"id":28,"translation":"Ukuze bazibonele lokho okuyinsizakalo kubo baphinde babalule igama lika Allah ezinsukwini ezaziwayo ngalokho ababele kona ezilwaneni zemfuyo [ezizohlatshwa]. Ngakhoke, dlanini kuzo niphe nalowo abaphuyile [abadla imbuya ngothi]."},{"id":29,"translation":"Bese beqedelela ukususa izinsila zabo [ngokuqeda zonke izinkambiso ezisele], bagcine nezibopho zabo bese benza iTawafu [ukuzungeza] yeNdlu ekhululiwe [iKaba]."},{"id":30,"translation":"Lokho, nalowo ohlonipha izinkambiso zika Allah ezihloniphekile, yikona okongcono kuye eNkosini yakhe. Futhi nivunyelwe izilwane ezidliwayo ngaphandle kwalezi enilandiswe ngaso[1]. Ngakhoke ziqhelelaniseni nokungcola kwezithixo niphinde niziqhelelanise namanga.","footnotes":"[1] Bheka [5:3]."},{"id":31,"translation":"Nibe msulwa ku Allah ningambhangqi nalutho. Futhi lowo obhangqa u Allah, kungathi uwe emkhathini wahlwithwa yinyoni noma wahamba nomoya wamusa endaweni esekudeni[1].","footnotes":"[1] Lokhu kungenxa yokuthi akanayo injongo ngqangi empilweni, ufana nomuntu osemkhathini ongazi ukuthi ubuyaphi nokuthi uyaphi. Ngenxa yalokho nesimo akuso uphenduka isisulu kalula nje sayo yonke imikhuhlane nemimoya ahlangebezana nayo emhlabeni, osiphetho sayo siyafa; ukumnhlanhlathisa nokumdukisa kude le neqiniso."},{"id":32,"translation":"Lokho, nalowo ohlonipha Izimpawu zika Allah, impela kusuka ekuthobeni kwezinhliziyo."},{"id":33,"translation":"Ninezinsizakalo kuzo [izilwane zomhlatshelo] kuze kufike isikhathi esibekiwe emuva kwalokho ziyohlatshwa eNdlini ekhululiwe."},{"id":34,"translation":"Futhi zonke izizwe [zabakholwayo zaphambilini] sababekela izinkambiso [zokuhlaba] ukuze babalule igama lika Allah kulokho ababele kona ezilwaneni ezidliwayo. Belu okumele nimkhonze uyedwa vo, ngakhoke zinikeleni kuYe. Futhi thula izindaba ezimnandi kulabo abazithobayo."},{"id":35,"translation":"Laba okuthi uma kuphathwa igama lika Allah, izinhliziyo zabo zigcwala ukwesaba futhi banga babekezelayo kulokho okubehlelayo baphinde benze neswala nakulokho esibabele kona bayanikela."},{"id":36,"translation":"Amakameli anonile nawo siwenze aba ezinye zezimpawu zika Allah, ninokuhle kuzo. Ngakhoke phimisani igama lika Allah kuwo lapho limile [nilihlaba]. Uma seliwile ngohlangothi, dlanini kuwo niphe ohluphekayo ongaceli nocelayo. Sinijubele wona kanjalo ukuze nibonge."},{"id":37,"translation":"Inyama yawo ayisoze yafika ku Allah kanjalo negazi lawo kepha iTakuwa [ukuthobela intando ka Allah nokuzinikela kuYe] evela kini efika kuye. Unijubele wona kanjalo ukuze niqhakambise ubukhulu buka Allah ngalokho aniholele kukho. Futhi yethula izindaba ezinhle kulabo abenza okuhle."},{"id":38,"translation":"Impela u Allah uyabavikela labo abakholwayo; ngokuba u Allah akamthandi impela wonke lowo oyiqili ongabongi."},{"id":39,"translation":"Labo abahlaselwa ngokungebulungiswa bavunyelwe [ukuba baziphindiselele], futhi impela u Allah unamandla okubasiza [abakholwayo bengalwanga]."},{"id":40,"translation":"Labo abakhishwa emizini yabo ngokungemthetho, ngenxa nje yokuthi bathi: “u Allah iNkosi yethu”. Ukube u Allah akavikelanga abanye abantu ngabanye, ngabe kade abhindlizwa amaTempeli nama Sonto nama Sinagogi nama Masijidi okuphathwa igama lika Allah kakhukulu. Futhi u Allah nakanjani uyomsiza lowo omsizayo [ngokuvikela intando]. Impela u Allah Ungumninimandla onguSomandla."},{"id":41,"translation":"Labo uma sibamisa emhlabeni baqikelele ukwenza iswala bakhiphe nezakati bagqugquzele okuhle banqande okubi. Futhi isiphetho zezinto [zonke] ngesika Allah."},{"id":42,"translation":"Uma bekuphika, kanjalo nalabo ababandulelayo baphika; isizwe sikaNuhu no Adi kanye noTamudi."},{"id":43,"translation":"Nesizwe sika Ibhirahimu nesika Luti."},{"id":44,"translation":"Nabantu base Madiyana. No Musa waphikwa; ngabayeka okwesikhashana laba abangakholwa ngase ngibajezisa. Bheka nje ukuthi saba njani isijeziso saMi."},{"id":45,"translation":"Ziningi izizwe esazibhubhisa mhla ziphambuka; zawa bhu phansi nophahla lwazo. Futhi miningi nemithombo eyekelelwe nezinqaba eziphakeme."},{"id":46,"translation":"Ingabe abahambanga yini ezweni babe nezinhliziyo abaqonda ngazo noma izindlebe abezwa ngazo. Empeleni, akuwona amehlo angaboni, kepha yizinhliziyo lezi ezisezifubeni okuzona ezingaboni."},{"id":47,"translation":"Futhi bakujaha ngesijeziso; bheka ngoba u Allah akasoze asiphula isethembiso saKhe. Futhi usuku olulodwa eNkosini yakho lulingana neninyaka eyinkulungwane kulokhu enikubalayo[1].","footnotes":"[1] ukubalwa kweminyaka…….."},{"id":48,"translation":"Futhi ziningi izizwe esazipha isikhathi nakuba zaziphambukile. Sabe sesizijezisa belu isiphetho sikiMi."},{"id":49,"translation":"Yithi: “Sintu, impela ngingumexwayisi ocacile kini”."},{"id":50,"translation":"Ngakhoke, labo abakholwayo baphinde benze okulungileyo, bayothola intethelelo nesondlo esihle."},{"id":51,"translation":"Kuthi labo abazikhandla ukuphikisana nemibiko yeThu, yibona kanye abayongena emlilweni."},{"id":52,"translation":"Futhi yileso naleso Sithunywa noMembulelwa [uMphorofeti] esamthumela ngaphambilini kwakho [Muhamadi]; kwakhuthi lapho uma efunda, uShayitani azame ukwengeza ekufundeni kwaso. Kepha u Allah uyakwesula lokho okwengezwa uShayitane bese ehlunga ngobuchule imibiko yaKhe. U Allah Unolwazi Ukhaliphile."},{"id":53,"translation":"Ukuze enze lokho okwengezwe uShayitani kube isivivinyo kulabo abanokufa [ukuzenzisa] ezinhliziyweni zabo nalabo ozinhliziyo zabo zilukhuni."},{"id":54,"translation":"Nokuthi labo abaphiwe ulwazi bazi ukuthi iyiqiniso [iKurani] elivela eNkosini yakho, ukuze bakholwe yiyo nezinhliziyo zabo ziyithobele. Impela u Allah unguMholeli walabo abakholwayo endleleni eqondile."},{"id":55,"translation":"Futhi labo abangakholwa bayohlala beyingabaza kuze kube mhla kufika iSikhathi bengazelele noma bafikelwe isijeziso soSuku olomile [uSuku lokwahlulela]."},{"id":56,"translation":"Bonke ubukhosi ngalolo Suku bungobuka Allah, uyokwahlulela phakathi kwabo. Ngakhoke, labo abakholwayo baphinde benze okulungileyo bayongena ezivandeni zengcebeleko."},{"id":57,"translation":"Kuthi labo abangakholwa baphinde bathatha imibiko yeThu njengamanga, labo, yibona kanye abathola isijeziso esithunazayo."},{"id":58,"translation":"Futhi labo abafudukela endleleni ka Allah bese bebulawa noma bazifele, u Allah uyobondla ngesondlo esihle. Impela u Allah unguMondli ongcono."},{"id":59,"translation":"Uyobangenisa endaweni abayoyithakasela. Impela u Allah Unolwazi Unesineke."},{"id":60,"translation":"Lokho; lowo ophindisela ngokulingene lokho ahlukunyezwe ngakho kepha bese ehlukunyezwa ngokungemthetho, u Allah uyomsiza nakanjani. Impela u Allah Umnene Ungumthetheleli."},{"id":61,"translation":"Lokho, yingoba u Allah ufaka ubusuku emini afake imini ebusuku nokuthi impela u Allah Ungozwayo Obonayo."},{"id":62,"translation":"Lokho; yingoba u Allah nguYena Oyiqiniso kanti lokhu abakukhonzayo ngaphandle kwaKhe kuwumbhedo, nokuthi u Allah nguYena Ophakeme Omkhulu."},{"id":63,"translation":"Awuboni yini ukuthi u Allah wehlisa amazi emvula bese umhlaba uguquke ube luhlaza. Impela u Allah Ungonakayo Onolwazi."},{"id":64,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokwaKhe. Belu impela u Allah Ungozimele Odunyiswayo."},{"id":65,"translation":"Awuboni yini ukuthi u Allah unijubele konke okusemhlabeni kanjalo nomkhumbi ohamba olwandle ngomyalelo waKhe. Futhi ubambe isibhakabhaka ukuba singaweli phezu komhlaba, ngaphandleke uma ekuvumela [lokho]. Impela u Allah Unobubele Unesihe kusintu."},{"id":66,"translation":"Futhi nguYena onipha ukuphila aphinde akuthathe aphinde anivuse. Impela umuntu akakholwa."},{"id":67,"translation":"Isizwe nesizwe sisibekele inkambiso abahambisa ngayo. Ngakhoke mabangaqophisani nawe kuloludaba. Futhi memela eNkosini yakho; impela usekukhanyeni okuqondile."},{"id":68,"translation":"Kepha uma bephikisana nawe, yithi: “u Allah ukwazi kahle lokho enikwenzayo”."},{"id":69,"translation":"U Allah uyokwehlulela phakathi kwenu ngoSuku lokwahlulela kulokho eniphikisana ngakho."},{"id":70,"translation":"Awazi yini ukuthi u Allah wazi konke okusezulwini nasemhlabeni. Impela lokho kulotshiwe [oqwembeni olulondiwe]. Impela lokho kuwubala ku Allah."},{"id":71,"translation":"Futhi bakhonza ngaphandle kuka Allah lokho okungenabufakazi ngakho nalokho abangenalwazi ngakho. Futhi labo abaphambukile akekho oyobahlenga."},{"id":72,"translation":"Uma befundelwa imibiko yeThu ecacile, ubona ukunyukubala ebusweni balabo abangakholwa. Kusala nje kancane ukuba babagxavule labo ababafundela imibiko yeThu. Yithi: “Kunganjani nginazise ngokubi kakhulu kunalokho na? Umlilo u Allah awuthembise labo abangakholwa, futhi saze sasibi isiphetho”."},{"id":73,"translation":"Nina bantu, kwenziwe umzekelo ngakhoke wulaleleni. Impela labo enibakhonzayo ngaphandle kuka Allah abasoze badala ngisho impukane noma bengayihlanganela. Futhi uma impukane ibahlwitha utho abasoze bakhona ukuyiphuca kona. Akanamandla umthungathi [izikhonzwa] nothungathwayo [impukane]."},{"id":74,"translation":"Abamhloniphanga u Allah ngendlela efanele Yena. Impela u Allah Ungonamandla OnguSomandla."},{"id":75,"translation":"U Allah uqoke izithunywa ezingelosini nasebantwini. Impela u Allah Ungozwayo Obonayo."},{"id":76,"translation":"Ukwazi konke okungaphambi kwabo [okwendlula] nokusemuva kwabo [ikusasa]. Futhi zonke izinto ziyobuyela ku Allah."},{"id":77,"translation":"Nina enikholwayo khothamani futhi niwe ngobuso nikhonze iNkosi yenu nenze okuhle ukuze niphumelele."},{"id":78,"translation":"Futhi zikhandleni ku Allah, ukuzikhandla okufanele Yena. NguYena oniqokile futhi akanenzelanga ubunzima enkolweni; okuyinkolo kababa wenu u Ibhirahimu. NguYena oniqambe ukuthi ningamaMusilimu ngaphambilini [eZincwadini] nakulokhu [kwiKurani]. [Uniqokile] ukuze iSithunywa sibe ufakazi ngani, nani nibe ngofakazi ngesintu sonkana. Ngakhoke qikelelani ukwenza iswala nikhiphe nezakati nibambelele ku Allah, ngokuba nguYena uMhlengi wenu; yeka uMhlengi omuhle noMsekeli omuhle."}]},{"id":23,"verses":[{"id":1,"translation":"Impela baphumelele abakholwayo."},{"id":2,"translation":"Labo abagxilayo kuswala yabo."},{"id":3,"translation":"Nabaziqhelelanisayo nalokho okungenamsebenzi."},{"id":4,"translation":"Nabaqikelelayo ukukhipha izakati."},{"id":5,"translation":"Nabavikela izitho zabo zangasese."},{"id":6,"translation":"Ngaphandle kubafazi babo noma amabibi abo ezigqila, ngokuba abayikusolwa."},{"id":7,"translation":"Ngakhoke lowo oyofuna [ukwanelisa izinkanuko] ngale kwalokho; labo bayiziphula mthetho."},{"id":8,"translation":"Nabagcina izethembiso nezivumelwano zabo."},{"id":9,"translation":"Nabaqikelela ukwenza iswala ngesikhathi."},{"id":10,"translation":"Labo bayizindlalifa."},{"id":11,"translation":"Eziyohlabana ngeFiridowusi, bahlale kuyo unaphakade."},{"id":12,"translation":"Futhi impela samdala umuntu ngobumba oluthathwe ndawo zonke."},{"id":13,"translation":"Sabe sesimenza isidoda endaweni eyinqaba [esibelethweni sikanina]."},{"id":14,"translation":"Sabe sesenza isidoda saba ihlulu; senza ihlulu umbungu; senza umbungu waba namathambo; samboza amathambo ngenyama; samenza isidalwa esehlukile [kunalokho ebesiyikho ekuqaleni]. Ungcwele u Allah onguMdali oyingcweti kunano bonke."},{"id":15,"translation":"Bese emuva kwalokho niyofa nakanjani."},{"id":16,"translation":"Bese kuthi ngoSuku lokwahlulela niyovuswa."},{"id":17,"translation":"Futhi impela sadala ngaphezu kwenu izigaba eziyisikhombisa [amazulu] futhi akukho ndalo esingayinakile."},{"id":18,"translation":"Saphinde sehlisa amanzi emvula ngenani elibaliwe sawazinzisa emhlabeni. Futhi siyakwazi ukuphinde siwashabalalise."},{"id":19,"translation":"Sanikhulisela ngawo [amanzi] izivande zamasundu nemivini, enithola kuzo [izivande] izithelo eziyinala niphinde nidle nakuzo."},{"id":20,"translation":"Kanjalo nesihlahla esimila ngasentabeni iTuri esikhiqiza amafutha nesishebo kwabadlayo."},{"id":21,"translation":"Impela ninesifundo kwimpahla efuywayo. Sinipha okuphazwayo okuphuma eziswini zayo kanti futhi ninezinsizakalo eziningi kuyo kunjalo nje niyadla kuyo."},{"id":22,"translation":"Niphinde nigitshezwe kuyo kanye nasemkhunjini."},{"id":23,"translation":"Sathumela uNuhu esizweni sakhe, wathi: “Bantu bakithi, khonzani u Allah ngokuba akekho omunye okufanele nimkhonze ngaphandle kwaKhe, ake nizithobe”."},{"id":24,"translation":"Zathi izikhulu lezi ezingakholwa esizweni sakhe: “Lona umuntu nje ofana nathi, ufuna ukuzenza ngcono kini. Ukube u Allah ubefuna, ngabe ulethe izingelosi. Yilokho kwathi nhlo, asikaze sizwe ngalokho ngisho nakokhokho bethu imbala”."},{"id":25,"translation":"Akayilutho ngaphandle nje kwendoda ewuhlanya; myekeleni nilinde okwesikhashana."},{"id":26,"translation":"Wathi: “Nkosi yami ngisize kulokho abangiphikisa ngakho”."},{"id":27,"translation":"Sabe sesembulela kuye ukuthi: “Yakha umkhumbi ngaphambi kwaMehlo eThu nangokwembulela kweThu. Kuyothi lapho sekufika umyalele weThu [wesijeziso] kwagobhoza amanzi eziko; layisha kuyo yonke [inhlobo] yendalo ngakubili [izinsika neduna] kanye nomndeni wakho, ngaphandle nje kwalabo kubo isinqumo esiphothuliwe ngabo. Futhi ungangikhulumisi mayelana nalabo abaphambukile ngokuba impela bayominza”."},{"id":28,"translation":"Uma wena [Nuhu] usugibelile emkhunjini kanye nalabo abanawe, yithi: “Udumo lungo luka Allah lona osihlengile kubantu abaphambukile”."},{"id":29,"translation":"Futhi yithi: “Nkosi yami ngihlalise endaweni ebusisekile ngokuba Wena ungumhlalisi okumpetha kwabahlalisayo."},{"id":30,"translation":"Impela kulokho kunezibonakaliso futhi besivivinya."},{"id":31,"translation":"Sabe sesidala esinye isizwe emuva kwabo."},{"id":32,"translation":"Sathumela kubo iSithunywa esivela kubo, [ukuba sithi]: “Khonzani u Allah ngokuba akekho omunye okufanele nimkhonze ngaphandle kwaKhe, ake nizithobe”."},{"id":33,"translation":"Izikhulu lezi ezingakholwa esizweni sakhe neziphika ukuhlangana kwelizayo, nesasizinjingisile empilweni yasemhlabeni, yithi: “Lona umuntu nje ofana nani, udla lokhu enikudlayo aphinde aphuze lokhu enikuphuzayo”."},{"id":34,"translation":"Uma nje nike nalalela umuntu ofana nani impela niyoba ngabalahlekelwe."},{"id":35,"translation":"Ingabe unithembisa ukuthi lapho senifile naphenduka umhlabathi namathambo, niyophinda nivuswe na?"},{"id":36,"translation":"Yinto engekho lokhu enithenjiswe kona."},{"id":37,"translation":"Akulutho nje ngaphandle kwempilo yethu yasemhlabeni, siyafa siphile kepha asisoze savuswa."},{"id":38,"translation":"Lona indoda nje eqambela u Allah amanga futhi thina angake simkholwe."},{"id":39,"translation":"Wathi: “Nkosi yami ngisize kulokho abangiphikisa ngakho”."},{"id":40,"translation":"Wathi [u Allah]: “Kungekudala nje bazozisola”."},{"id":41,"translation":"Bahlaselwa umsindo ngokweqiniso sabenza badindiliza [okwezibi ezikhafulwa umfula]. Baqalekisiwe abantu abaphambikile."},{"id":42,"translation":"Sabe sesiletha ezinye izizwe emuva kwabo."},{"id":43,"translation":"Futhi akukho sizwe esiyophutha isikhathi saso esibekiwe noma sisigeje."},{"id":44,"translation":"Sabe sesithumela iZithunywa zethu zilandelana. Kepha njalo nje uma iSithunywa sifika esizweni, bayasiphikisa. Ngakhoke sabalandelanisa [ngezijeziso] futhi sabenza undabuzekwayo."},{"id":45,"translation":"Saphinda sathumela uMusa nomfowabo uHaruna nezibonakaliso zeThu nobufakazi obusobala."},{"id":46,"translation":"KuFirawuni nezikhulu zakhe, kepha bazigqaja futhi babengabantu abaziqhakambisayo."},{"id":47,"translation":"Bathi: “Singabakholwa kanjani abantu ababili abafana nathi, kulapho nje nesizwe sabo sikhonza thina”."},{"id":48,"translation":"Babaphikisa bobabili; ngakhoke baba ngabanye ababhujiswayo."},{"id":49,"translation":"Futhi sanika uMusa iNcwadi impela ukuze balandele indlela eqondile."},{"id":50,"translation":"Futhi senza indodana kaMariyamu nonina isibonakaliso sabakhoselisa endaweni ephakeme eyisicaba futhi egeleza amanzi."},{"id":51,"translation":"Nina Zithunywa, dlanini lokho okumsulwa futhi nenze okulungileyo; impela Minangikwazi konke enikwenzayo."},{"id":52,"translation":"Futhi lenkolo yenu inkolo eyodwa futhi Mina ngiyiNkosi yenu, ngakhoke ngithobeleni."},{"id":53,"translation":"Kepha udaba lwabo lwaqhekeka phakathi kwabo baba ngamaqembu; ilelo nalelo qembu lajabula ngalokho elinakho."},{"id":54,"translation":"Bayekele kanje ekudukeni kwabo kuze kufike isikhathi [esibekiwe]."},{"id":55,"translation":"Ingabe bacabanga ukuthi lokhu esibandisela kona kumceso nezingane;"},{"id":56,"translation":"Sibaphuthumisela okuhle na? Empeleni abaqondi."},{"id":57,"translation":"Impela labo ngenxa yokwesaba iNkosi yabo bahlala bethukile."},{"id":58,"translation":"Nalabo abakholelwa kwimibiko yeNkosi yabo."},{"id":59,"translation":"Nalabo abangabhanqi lutho neNkosi yabo."},{"id":60,"translation":"Nalabo abanikela ngalokho abanikela ngakho izinhliziyo zabo zesaba ukuthi bayobuyela eNkosini yabo."},{"id":61,"translation":"Yibo ke labo abaphuthuma okulungileyo futhi bayancintisana ngakho."},{"id":62,"translation":"Futhi akekho umuntu esimthweza umthwalo ongaphezu kwakhe. Futhi sineNcwadi ekhuluma iqiniso. Futhi abasoze benziwa okungebulungiswa."},{"id":63,"translation":"Empeleni izinhliziyo zabo zidukile mayelana nalokhu [iKurani] futhi banezinye izenzo ngaphandle kwalokho [ukubhangqa u Allah] abazenzayo."},{"id":64,"translation":"Kuyothi lapho sesigasela labo abaziqhakambisayo kubo ngesijeziso; kuyoba yibo labaya sebehayiza."},{"id":65,"translation":"Ningahayizi namhlanje ngokuba akukho sizo eniyolithola lapha kithi."},{"id":66,"translation":"Impela nanifundelwa imibiko yaMi, kepha nina nahlehla nyovana nibaleka."},{"id":67,"translation":"Nizigqaja ngayo [iKabha] nikhuluma umbhedo ebusuku."},{"id":68,"translation":"Ingabe abayihlaziyanga yini inkulumo [yeKurani] kumbe bafikelwe yilokho okungakaze kufike kokhokho babo basendulo na?"},{"id":69,"translation":"Noma abasiboni kahleiSithunywa sabo yingakho nje besiphika?"},{"id":70,"translation":"Kumbe bathi siyahlanya. Empeleni ulethe iqiniso kepha iningi labo alilifuni iqiniso."},{"id":71,"translation":"Uma iqiniso lingalandela izinkanuko zabo, amazulu nomhlaba nokuqukethe yikho bekuyonakala. Empeleni sibalethele lokho okuyobaphakamisa kepha bona bakushaya indiva ukuphakanyiswa kwabo."},{"id":72,"translation":"Kumbe ubacela inzuzo; inzuzo yeNkosi yakho iyona engcono, belu Yiyo enguMondli obandlula bonke."},{"id":73,"translation":"Futhi wena [Muhamadi] ubamemela endleleni eqondile."},{"id":74,"translation":"Impela laba abangakholelwa kwelizayo baphambukile endleleni eqondile."},{"id":75,"translation":"Noma singaba nomusa kubo siphinde sisuse ubunzima abakubo, bazobuyela bagxile banhlanhlathe empambukweni yabo."},{"id":76,"translation":"Futhi sabahlasela ngesijeziso, kepha abazange bazithobe eNkosini yabo noma bazincengele."},{"id":77,"translation":"Kuze kuthi mhla sibavulela umnyango onesijeziso esinzima kube yibona asebedidekile kuso."},{"id":78,"translation":"Futhi nguYena lona onidalele ukuzwa nokubona nezinhliziyo, kepha anivamanga ukubonga."},{"id":79,"translation":"Futhi nguYena lona onidalile emhlabeni futhi niyobuthaniselwa kuye."},{"id":80,"translation":"NguYena futhi lona oletha ukuphila nokufa futhi ukuphambana kobusuku nemini kungokwaKhe, ake nicabange."},{"id":81,"translation":"Kepha basho lokho okwashiwo abasendulo."},{"id":82,"translation":"Bathi: “Kuyothi sesifile saba umhlabathi namathambo, siphinde sivuswe na?”"},{"id":83,"translation":"Kudala sathenjiswa lokhu thina kanye nokhokho bethu phambilini. Lokhu izinganekwane nje zasendulo."},{"id":84,"translation":"Yithi: “Umhlaba nokuhlala kuwo kungokukabani uma ngempela nazi na?”"},{"id":85,"translation":"Bayothi: “Ngokuka Allah”. Yithi: “Kunganike ningalaleli na?”"},{"id":86,"translation":"Yithi: “Ngubani umnikazi wamazulu ayisikhombisa nomnikazi weSihlalo esikhulu na?”"},{"id":87,"translation":"Bayothi: “Ngu Allah”. Yithi: “Kunganike ningamthobeli na?”"},{"id":88,"translation":"Yithi: “Ngubani lona ubukhosi bazo zonke izinto buseZandleni zaKhe futhi uyavikela akavikelwa uma nazi na?”"},{"id":89,"translation":"Bayothi: “Ngu Allah”. Yithi: “Pho niyengwe kanjani?”"},{"id":90,"translation":"Impela sibalethele iqiniso futhi yibona impela abanamanga."},{"id":91,"translation":"U Allah akaziqokelanga ngane futhi akukho esinye isikhonzwa esinaYe. Ukube bekunjalo, ngabe ileso naleso sikhonzwa besizogqoza nalokho esikudalile futhi bezizozama ukulawulana. Makangcweliswe u Allah kulokho abakushoyo."},{"id":92,"translation":"Isazi sokungabonwa nokubonwayo, uphakeme kulokho abakubhangqayo."},{"id":93,"translation":"Yithi: “Nkosi yami, uma ungibonisa lokho abathenjiswe kona [isijeziso]...”"},{"id":94,"translation":"Nkosi yami ungangibandakanyi nabantu abaphambukileyo."},{"id":95,"translation":"Impela Thina siyakwazi ukukubonisa lokho esibathembise kona."},{"id":96,"translation":"Wena [Muhamadi] phindisela ngalokho okuhle ukudlula okubi. Thina siyakwazi kahle lokhu abakushoyo."},{"id":97,"translation":"Futhi yithi: “Nkosi yami ngizivikela ngaWe kuzilingo zoShayitani”."},{"id":98,"translation":"Futhi ngizivikela ngaWe Nkosi yami ekutheni bafike kimi."},{"id":99,"translation":"Kuyothi mhla kufika ukufa komunye wabo athi: “Nkosi yami ngibuyisele emuva [emhlabeni]”."},{"id":100,"translation":"Ukuze ngenze okulungileyo kulokho engakushiya emuva. Phinde!; impela amazwi nje awashoyo [angazimisele ngawo]. Futhi ngaphambi kwakhe iBarizakhi kuze kube usuku lapho beyovuswa."},{"id":101,"translation":"Mhla kushaywa icilongo, buyophela ubuhlobo phakathi kwabo ngalolo suku futhi abayi kubuzana."},{"id":102,"translation":"Lowo oyoba nezisindo ezisindayo; yilabo abayophumelela."},{"id":103,"translation":"Kepha lowo oyoba nezisindo ezilula; yilaboke abazilahlekele eJahanamu bayohlala kuyo unaphakade."},{"id":104,"translation":"Umlilo uyoshiya ubuso babo futhi bayohlala behlinile [izindebe zishile amazinyo eqhethile] kuyo."},{"id":105,"translation":"Ingabe anizange yini nifundelwe imibiko yami kepha nina nayiphika."},{"id":106,"translation":"Bayothi: “Nkosi yethu, sehlulwe ukulahlekelwa kwethu [ngokulandela izinkanuko] kanjalo saba ngabantu abadukile”."},{"id":107,"translation":"Nkosi sikhiphe kuyo [iJahanamu], uma nje sike sabuyela kuyo siyobe impela siphambukile."},{"id":108,"translation":"Uyothi: “Sukani la, hlalani kuso futhi ningangikhulumisi”."},{"id":109,"translation":"Impela bekuneqembu lezigqila zaMi [ezikholwayo] ezithi: “Nkosi yethu, siyakholwa; ngakhoke sithethelele usihawukele futhi Wena unomusa ukudlula bonke abanomusa."},{"id":110,"translation":"Kepha nina nabathathisa okwenhlekisa baze banenza nakhohlwa ukukhumbula Mina naphinde nabahleka."},{"id":111,"translation":"Impela namhlanje ngibahlomulisile ukuthi bangabaphumelele ngenxa yokubekezela kwabo."},{"id":112,"translation":"Uyothi: “Mingaki iminyaka eniyihlale emhlabeni na?”"},{"id":113,"translation":"Bayothi: “Sihlale usuku noma ingxenye yosuku, buza ababali.”"},{"id":114,"translation":"Uyothi: “Nihlale isikhathi esincane impela, ukube nje benazi.”"},{"id":115,"translation":"Ingabe nicabanga ukuthi sinidalele ize nokuthi ngeke nisabuyela kithi na?"},{"id":116,"translation":"Uphakeme u Allah iNkosi yeqiniso; akekho okufanele akhonzwe ngaphandle kwaKhe, umnikazi weSihlalo Esihloniphekile."},{"id":117,"translation":"Lowo obhangqa no Allah esinye isikhonzwa engenabufakazi ngaso; ukwehlulela kwaKhe kuseNkosini yakhe. Impela abangakholwa abasoze baphumelela."},{"id":118,"translation":"Futhi yithi: “Nkosi yami thethelela uphinde uhawukele ngokuba Wena unomusa ukwedlula bonke abanomusa”."}]},{"id":24,"verses":[{"id":1,"translation":"Lena isura [isahluko] esiyambulele futhi sayiphoqelela ukuba ilandelwe sembulela futhi kuyo imibiko ecacile ukuze nilalele."},{"id":2,"translation":"Umphingi wesimame nowesilisa babhaxabuleni ngamunye amahlandla ayikhulu, futhi ningabazweli ekugcineni inkambiso ka Allah uma ngempela nikholelwa ku Allah nasoSukwini lokugcina. Futhi isijeziso sabo kumele sithanyelwe ibandla lalabo abakholwayo."},{"id":3,"translation":"Umphingi wesilisa ushada kuphela umphingi wesimame noma umkhonzi zithixo wesimame. Kanjalo nomphingi wesimame ushadwa kuphela umphingi wesilisa noma umkhonzi zithixo wesilisa. Kepha lokho kunqantshelwe kwabakholwayo."},{"id":4,"translation":"Futhi labo abasola ngecala abesimame abaziphethe kahle bese bengalethi ofakazi abane; babhaxabuleni amahlandla angamashumi ayisishagalombili bese ningaphinde namukele ubufazi babo. Futhi labo bayizeqa mthetho."},{"id":5,"translation":"Ngaphandle ke kwalabo abazisolayo bacele intethelelo emuva kwalokho baphinde benze okulungileyo; impela u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":6,"translation":"Labo abesilisa abasola abafazi babo ngecala [lokungathembeki emshadweni] kepha bengenabo ofakazi ngaphandle kwabo uqobo. Ubufakazi boyedwa kubo ukuba afunge kane ngo Allah ukuthi uqinisile."},{"id":7,"translation":"Kobesihlanu [afunge] ngokuthi isiqalekiso sika Allah sibe kuye uma eqamba amanga."},{"id":8,"translation":"Kuyomele bakumise ukumjezisa owesimame uma efunga kane ngo Allah ukuthi [umyeni wakhe] uqamba amanga."},{"id":9,"translation":"Kobesihlanu [afunge] ngokuthi ulaka luka Allah lube kuye [owesimame] uma [umyeni wakhe] eqinisile."},{"id":10,"translation":"Ukube bekungesiwo umusa ka Allah kini nesihe sakhe nokuthi u Allah Uyathethelela Ukhaliphile [bekazobhubha lapho lona oqamba amanga]."},{"id":11,"translation":"Impela labo abeza namanga aluhlaza[1], iquqaba ngaphakathi kini. Ningacabangi ukuthi ayinto embi kini kepha ayinto enhle kini. Wonke umuntu kini uyothola isijeziso salokho akuzizile empambukweni. Kuthi lowo obe kunguyena obe nendima enkulu kuwo [lamanga] ngaphakathi kwenu, yena uyothola isijeziso esikhulu.","footnotes":"[1] Okusola omunye wamakhosikazi eSithunywa uMuhamadi  ngokungathembeki ngokwenza amanyala."},{"id":12,"translation":"Ukube nje nathi lapho niwezwa, abakholwayo besilisa nesifazane bavane bacabanga okuhle ngabanye babo bese bathi: “Lana ngamanga aluhlaza”."},{"id":13,"translation":"Kungani bengalethanga ofakazi abane na? Uma bengabalethanga ofakazi, laboke ku Allah bangabaqambi manga."},{"id":14,"translation":"Ukube bekungewona umussa ka Allah kini nesihe saKhe emhlabeni nakwelizayo, beniyotholwa isijeziso esikhulu kulokhu enigaxele kukho."},{"id":15,"translation":"Mhla niwathutha ngamalimi enu futhi nikhuluma ngemilomo yenu lokho ebeningenalwazi ngakho, nicabanga ukuthi kuyinto encane kulapho kuyinto enkulu ku Allah."},{"id":16,"translation":"Ukube nje mhla niwezwa navane nathi: “Asinalo igunya lokhuphawula ngalokhu, mawungcweliswe Wena, lokhu ukuthunaza okukhulu”."},{"id":17,"translation":"U Allah uyaxwayisa ukuba ningaphinde nenze okufanayo uma ngempela ningabakholwayo."},{"id":18,"translation":"Futhi u Allah unicacisele imibiko. U Allah Ungowaziyo Okhaliphile."},{"id":19,"translation":"Impela labo abathanda ukuba amanyala asabalale ngalabo abakholwayo, bayothola isijeziso esibuhlungu emhlabeni nakwelizayo. U Allah uyazi kepha nina anazi."},{"id":20,"translation":"Ukube bekungesiwo umusa ka Allah kini nesihawu saKhe nokuthi u Allah Unobubele Unesihawu [ngabe unijezisile]."},{"id":21,"translation":"Nina enikholwayo, ningalandeli ezinyathelweni zika Shayitani; ngokuba lowo oyolandela ezinyathelweni zika Shayitani, impela ugqugquzela amanyala nempambuko. Ukube bengesiwo umusa ka Allah kini nesihe saKhe bukungasoze kube khona noyedwa kini obeyohlanzeka [ezimpambukweni zakhe]. Kepha u Allah uhlanza amthandayo futhi Ungozwayo Owaziyo."},{"id":22,"translation":"Labo abaqotho kini nabanjingile mabangafungeli ukuyeka ukupha izihlobo nabampofu nabafuduka endleleni ka Allah. Mabaxolele bandlulise. Anifuni yini ukuba u Allah anithethelele na? Ngokuba u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":23,"translation":"Impela, labo abasola ngecala labo abesimame abakholwayo abaziphethe kahle abangazibandakanyi namanyala; baqalekisiwe emhlabeni nakwelizayo, futhi bayothola isijeziso esikhulu."},{"id":24,"translation":"Ngosuku lapho ulimi lwabo nezandla zabo kanye nemilenze yabo iyofakaza ngabo mayelana nalokho ababekwenza."},{"id":25,"translation":"Ngalolo suku u Allah uyobanika ngokugcwele isabelo sabo seqiniso futhi bayokwazi ukuthi u Allah nguYena Oyiqiniso Elisobala."},{"id":26,"translation":"Abesifazane ababolile bathola abesilisa ababolile, nabesilisa ababolile bayothola abesifazane ababolile. Kuthi abesifazane abahlanzekile bathole abesilisa abahlanzekile nabesilisa abahlanzekile bayothola abesifazane abahlanzekile. Labo abahlangene nalokho abakukhulumayo. Bayothola intethelelo nesondlo esihle."},{"id":27,"translation":"Nina enikholwayo, ningangeni ezindlini okungezona ezenu ningakakhuleki futhi nibingelele abanikazi bazo. Lokho yikona okugcono kini ukuze nilalele."},{"id":28,"translation":"Uma ningatholi muntu kuzo, ningangeni kuze kube nithola imvumo. Uma nitshelwa ukuthi buyelani emuva, buyelani emuva, ngokuba yokona okuhlanzekile kini. Futhi u Allah Uyakwazi enikwenzayo."},{"id":29,"translation":"Aninacala uma ningena ezindlini okungasahlali muntu kuzo okunensizakalo yenu kuzo. Futhi u Allah uyakwazi konke enibeka obala nenikufihlayo."},{"id":30,"translation":"Tshela abakholwayo besilisa ukuba babhekise phansi amehlo abo [kokunqatshelwe] bavikele nezitho zabo zangasese. Lokho yikona okuhlanzekile kubo. Impela u Allah Unolwazi ngalokho abakwenzayo."},{"id":31,"translation":"Uphinde utshele abakholwayo besimame ukuba babhekise phansi amehlo abo [kokunqatshelwe] bavikele nezitho zabo zangasese. Futhi bangavezi ubuhle babo ngaphandle kwalokho okuzivelelayo. Futhi mabavale ngamakhimari [indwangu evala ikhanda kuya phansi] abo izifuba zabo. Futhi bangavezeli muntu ubuhle babo ngaphandle kwabayeni babo noma oyise noma abakhwe babo noma amadodana abo [abawazalayo] noma amadodana wabayeni babo noma abafowabo noma amadodana abafowabo noma amadodana wodadewabo noma abanye abafazi [abakholwayo] noma izigqila zabo noma amadoda ayizisebenzi angasenayo imizwa [ngezansi] noma izingane ezingakazi lutho ngengasese labesimame. Futhi mabangashayi phansi imilenze yabo ukuze kwaziwe lokho abakufihlile okuwubuhle babo. Celani intethelelo ku Allah nina nonke enikholwayo ukuze niphumelele."},{"id":32,"translation":"Futhi shadisani labo abangashadile kini nalabo abaqotho kuzigqila zenu zesilisa nesifazane. Uma beswele u Allah uyobanjingisa ngomusa waKhe. U Allah wengamele konke Uyazi."},{"id":33,"translation":"Labo abangenawo amandla okushada mabaziphathe kahle kuze kube u Allah uyamnjingisa ngomusa waKhe. Futhi labo kuzigqila zenu abafuna ukusebenzela inkululeko yabo, bavumuleni uma kunobuqotho enibaziyo ngabo. Futhi nibaphe kumcebo ka Allah lona aniphe wona. Futhi ningaphoqeleli izigqila zenu zesifazane ekubeni onondindwa, ukuze nizuze iznto zempilo yasemhlabeni, uma zona zizifunela isimilo. Lowo ozoziphoqa, impela u Allah emuva kokuziphoqa Ungumthetheleli Onesihawu [kuzo]."},{"id":34,"translation":"Impela sembulela kuwe [Muhamadi] imibiko ecacisayo nesibonelo salabo asebandlula ngaphambi kwenu kanjalo neseluleko kulabo abathobela intando ka Allah."},{"id":35,"translation":"U Allah Uwukukhanya kwamazulu nomhlaba. Ukukhanya kwaKhe kufana nengosi enesibani kuyo; isibani esisengilazini. Ingilazi yona ngathi inkanyezi ekhazimulayo eyokhelwe ngamafutha esihlahla esibusisiwe, esingekho ngase mpumalanga noma ngase ntshonalanga. Amafutha kuthi awakhanye wona ngokwawo noma engakokhelwa ngomlilo. Ukukhanya phezu kokunye ukukhanya. U Allah uholela amthandayo ekukhanyeni kwaKhe. Futhi wenzela abantu imizekelo. Futhi u Allah wazi ngayo yonke into."},{"id":36,"translation":"Ezindlini [emaMasjidi] u Allah ukuvumele ukuba zakhiwe zimiswe bese kukhunjulwa iGama lika Allah kuzo. Ababaza ubungcwele baKhe kuzo ekuseni nantambama..;"},{"id":37,"translation":"Amadoda angayengwa uhwebo nokuhweba ekukhumbuleni u Allah nokwenza iswala nokukhipha iZakati; besaba usuku lapho izinhliziyo namehlo kuyophenduka."},{"id":38,"translation":"Ukuze u Allah abahlomulise ngokuhle ukudlula lokho ababekwenza aphinde abengezele ngomusa waKhe. U Allah wondla amthandayo ngokungemkhawulo."},{"id":39,"translation":"Futhi labo abangakholwa, izenzo zabo zifana notalagu olosethafeni eliwugwadule, lowo owonyiwe acabanga ukuthi amanzi, kuthi lapho efika kulo angatholi lutho kepha athole u Allah kulo amehlulele ngokuphelele. Futhi u Allah uyashesha lapho ehlulela."},{"id":40,"translation":"Noma zifana nobumnyama ekujuleni kolwandle olumbozwe igagasi okunegagasi elinye ngaphezu kwalo kube nefu ngaphezu kwalo. Ubumnyama phezu kobunye ubumnyama. Kuthi lapho ekhipha isandla sakhe acishe angasiboni. Futhi lowo u Allah angamnikanga ukukhanya akasoze abe nakho ukukhanya."},{"id":41,"translation":"Awuboni ukuthi konke okusemazulwini nasemhlabeni kudumisa u Allah ngisho izinyoni ezindizayo; konke kuyayazi indlela okumthandaza ngayo [u Allah] neyokumdumisa. Futhi u Allah ukwazi konke abakwenzayo."},{"id":42,"translation":"Ubukhosi basemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah futhi isiphetho siyokuba ku Allah."},{"id":43,"translation":"Awazi ukuthi u Allah uqhuba amafu bese ewahlanganisa abe yimbumba, bese ubona imvula iphuma phakathi kwabo. Aphinde ehlise imvula ezintabeni ebandayo ahlasele ngayo amthandayo ayiqhelise kulowo amthandayo. Ukubanika kwayo kucishe kuvale amehlo."},{"id":44,"translation":"U Allah uguqula ubusuku nemini. Impela kulokho kunesifundo kulabo abahlaziyayo."},{"id":45,"translation":"Futhi u Allah udale zonke izidalwa ngamanzi [uketshezi lwesidoda]. Kunalezo ezihamaba ngesisu kube nalezo ezihamba ngemilenze emibili kube nalezo ezihamba ngemine. Udala akuthandayo; impela u Allah akahlulwa yilutho."},{"id":46,"translation":"Impela sambulele imibiko ecacisayo. Futhi u Allah uholela amthandayo endleleni eqondile."},{"id":47,"translation":"Futhi bathi siyakholelwa ku Allah nakuSithunywa futhi siyazithoba. Kepha emuva kwalokho olunye uquqaba kubo lubuyela emuva. Laboke abasibo abakholwayo."},{"id":48,"translation":"Uma bebizelwa ku Allah neSithunywa saKhe ukuze sehlulele phakathi kwabo; uyobona ngeqembu elithile kubo lifulathela."},{"id":49,"translation":"Kepha uma kuyibona abamangali beza kuye bezithoba."},{"id":50,"translation":"Ingabe kunesifo ezinhlizweni noma banongabazane kumbe basaba ukuthi u Allah neSithunywa saKhe bazobacindezela ngokungebulungiswa na? Empeleni yibona kanye abangenabo ubulungiswa."},{"id":51,"translation":"Izwi lalabo abakholwayo lapho bebizelwa ku Allah neSithunywa saKhe ukuze sehlulele phakathi kwabo, bavele bathi: “Siyezwa futhi siyazithoba”. Yibo kanye ke labo abayophumelela."},{"id":52,"translation":"Lowo olalela u Allah neSithunywa saKhe aphinde asabe u Allah athobele intando yaKhe, yibonake labo abayophumelela."},{"id":53,"translation":"Futhi [abazenzisi] bafunga bagomele ngo Allah ukuthi uma ubayalela nakanjani bayophuma [ukuya empini]. Yithi: “Ningafungi; ukulalela okwaziwayo [lokhu okwenu]. Impela u Allah Unolwazi ngakho konke enikwenzayo”."},{"id":54,"translation":"Yithi: “Lalelani u Allah nilalele neSithunywa. Kepha uma nikushaya indiva; okwakhe yilokhu athweswe kona nani okwenu yilokhu enithweswe kona. Kepha uma nimlalela niyoba sendleleni eqondile. Futhi okusemahlombe eSithunywa ukwethula umlayezo ocacile."},{"id":55,"translation":"U Allah uthembise labo abakholwayo kini nabenza okulungileyo ukuba uyobabeka emhlabeni njengoba abeka labo ababandulelayo futhi uyobamisela inkolo yabo lena abakethele yona aphinde aguqulele ukwesaba kwabo kube nokuphepha. “Uma bekhonza Mina bengangibhangqi ngalutho. Lowo oyoba ongakholwa emuva kwalokho, labo bayobe beyizi phula mthetho”."},{"id":56,"translation":"Futhi qikelelani ukwenza iswala nikhiphe nezakati nolalele isithunywa ukuze nihawukelwe."},{"id":57,"translation":"Ningacabangi ukuthi laba abangakholwa baphunyukile emhlabeni. Indawo yabo yokugcina umlilo, saze sasibi isiphetho."},{"id":58,"translation":"Nina enikholwayo, labo abayizigqila zenu nalabo abangakathombi kini, mabanicele imvume [yokungena egunjini lenu] ezikhathini ezintathu. Ngaphambi kweswala yeFajari nalapho nihlubula khona izembatho zenu emini nasemuva kweswala ye Isha. Lezi izikhathi zenu ezintathu zangasese. Akucala kini nakubo emuva kwazo; ngokuba abanye benu bangena bephuma kini. U Allah uyihlalusa kanjalo imibiko, futhi u Allah Ungowaziyo Okhaliphile."},{"id":59,"translation":"Uma abantwana benu sebefike esigabeni sokuthomba, mabacele imvumo [yokungena] njengoba labo baphambilini nabo babecela imvumo. U Allah unihlalusela kanjalo imibiko yaKhe; futhi u Allah Ungowaziyo Okhaliphile."},{"id":60,"translation":"Futhi izalukazi zabafazi lezi ezingesenandaba nokushada; azinacala uma zihlubula izembatho zazo kepha zingavezi ubuhle bazo. Uma zizithiba yikona okungcono kuzo. Futhi u Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":61,"translation":"Akunacala kulowo oyimpumputhe nalowo oyinquge nalowo ogulayo. Futhi nani aninacala uma nidla ezindlini zenu noma ezoyihlo noma ezonyoko noma ezabafowenu noma ezodadewenu noma ezabafowabo boyihlo noma ezobabekazi benu noma ezomalume benu noma ezoninalume benu noma lezo eniphatha izihluthulelo zazo noma ezomngani wenu. Futhi aninacala uma nidla ndawonye noma ngokuhlukana. Uma ningena ezindlini, zibingeleleni nina uqobo, isibingelelo esivela ku Allah esibusisiwe esimsulwa. U Alla unihlalusela kanjalo imibiko ukuze niqonde."},{"id":62,"translation":"Labo okuyibona abakholwayo, yilabo abakholelwa ku Allah neSthunywa saKhe futhi uma benaso ndawonye abahambi bengasicelanga imvumo. Impela labo abakucela imvumo yibona kanye labo abakholelwa ku Allah neSithunywa saKhe. Uma bekucela imvumo mayelana nezinye zezinto zabo, vumela omthandayo kubo uphinde ubacelele intethelelo. Impela u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":63,"translation":"Musani ukubiza iSithunywa phakathi kwenu njengoba uma nibizana nodwa. Impela u Allah uyabazi laba ababaleka isinyelele kini. Labo abaphambana nomyalelo waso [iSithunywa] mabaqaphele bengehlelwa ukungakholwa noma behlelwe isijeziso esibuhlungu."},{"id":64,"translation":"Bheka ngoba konke okusemazulwini nasemhlabeni kungo kuka Allah; wazi lokhu enikukho manje nangosuku abayobuyela kuYe, ukuze abazise ngalokho ababekwenza. Futhi u Allah wazi yonke into."}]},{"id":25,"verses":[{"id":1,"translation":"Uyingcwele Lona owembulela iFurikani [iKurani] kusigqila saKhe ukuze sibe umexwayisi kumhlaba wonke jikelele."},{"id":2,"translation":"Lona ubukhosi basemazulwini nasemhlabeni bungo baKhe. Akanangane futhi akakaze abe nomlingani ebukhosini. Futhi nguYena odale yonke into wayabela ngokuyilingene."},{"id":3,"translation":"Baqoke ngaphandle kwaKhe izikhonzwa ezingakwazi ukudala lutho; kunalokho zona zidaliwe futhi abakulawuli ukulimala noma ukuzuza kwabo uqobo futhi abakulawuli ukufa noma ukuphila noma ukuvuswa [emuva kokufa]."},{"id":4,"translation":"Laba abangakholwa bathi: “Impela lokhu [iKurani] ngamanga aluhlaza aziqambele wona balekelelwa ngabanye abantu”. Impela abanabulungiswa futhi banamanga aluhlaza."},{"id":5,"translation":"Baphinde bathi: “Izinganekwane nje zabasendulo uzilobele zona, ubizelwa zona ekuseni nantambama”."},{"id":6,"translation":"Yithi: “Yembulelwe nguLoyo owazi imfihlo emazulwini nasemhlabeni; impela Yena Ungumthetheleli Onesihawu”."},{"id":7,"translation":"Futhi bathi: “Yini ngalesi Sithunywa, sidla ukudla sihambe nasezindaweni zokuhweba. Kungani kungathunyelwanga naye ingelosi ukuze kube nomunye umexwayisi naye."},{"id":8,"translation":"Noma anikwe umcebo noma abe nesivande adla kuso. Bese labo abaphambukile bathi: “Nilandela nje indoda eloyiwe”."},{"id":9,"translation":"Awubheke nje ukuthi bakwenzela kanjani imizekelo; base baduka abasakwazi ukuthola indlela eqondile."},{"id":10,"translation":"Uyingcwele Lona uma ethanda angakunikeza [Muhamadi] okungcono okudlula lokho, izivande okugeleza imifula ngenzansi kwazo aphinde akwenzele izinqaba."},{"id":11,"translation":"Kepha baphika iSikhathi [sokwahlulela]. Kulapho Thina silungiselele lowo ophika iSikhathi umlilo."},{"id":12,"translation":"Uma ubabona beza le kude, bayowuzwa ubhavumula ububula."},{"id":13,"translation":"Kuyothi lapho sebetshingelwe endaweni engcinyanayo phakathi kuwo beboshwe izandla nezinyawo; bayokhulekela ukuba imbubhiso."},{"id":14,"translation":"Ningakhulekeli neyodwa imbubhiso namhlanje kepha khulekelani eziningi."},{"id":15,"translation":"Yithi: “Yikona lokho okuhle noma isivande saphakade lesi esithenjiswe abakholwayo na? Siyoba umvuzo nesiphetho sabo”."},{"id":16,"translation":"Bayothola konke abakulangezelelayo kuso unaphakade; isithembiso iNkosi yakho eyosigcina."},{"id":17,"translation":"Futhi mhla ebabuthanisa bona kanye nalokho abakukhonzayo ngaphandle kuka Allah, uyothi [u Allah kuzikhonzwa]: “Ingabe yinina laba enidukise izigqila zami lezi noma zizidukele zona ngokwazo na?”"},{"id":18,"translation":"Bayothi: “Mawungcweliswe Wena, asinalo igunya lokuziqokela abahlengi ngaphandle kwaKho, kepha nguWe obenze banethezeka nokhokho babo baze bakhohlwa imiyalelo base baba ngabantu ababhubhile”."},{"id":19,"translation":"Impela bayaniphikisa kulokho enikushoyo futhi anikwazi ukuzihlenga noma ukuzisiza. Futhi lowo kini ongeke enze ubulungiswa [ngokubhangqa u Allah], sizomzwisa isijeziso esinzima."},{"id":20,"translation":"Futhi asikho iSithunywa esasithumela ngaphambi kwakho ebesingadli noma esingayi ezindaweni zokuhweba. Futhi senze abanye benu baba isiviviyo kwabanye, ngakhoke bekezelani."},{"id":21,"translation":"Labo abangalangazeleli ukuhlangana naThi bathi: “Kungani kunga thunyelwangwa ingelosi kithi noma nje sibone iNkosi yeThu mathupha na?” Impela bayazazisa futhi sebendlulele kakhulu ekupheleni umthetho."},{"id":22,"translation":"Mhla beyobona izingelosi, ngalolo suku akunakuba nezindaba ezinhle kulabo abayizephula mthetho futhi bayothi:”Kunqatshelwe akuvunyelwe”."},{"id":23,"translation":"Futhi siyobheka izenzo zabo abazenzile bese sizenza uthuli olusakazeke yonke indawo [aziyukuba namvuzo][1].","footnotes":"[1] Lokho kungenxa yokuthi umenzi wale zenzo akayilandelanga imibandela ebekiwe ukuze isenzo samkeleke ku Allah. Leyo mibandela ukuba umuntu (i) akholelwe ku Allah ngokuqondile, (ii) abe nenhloso emsulwa yokuthokozisa u Allah kuphela (iii) aphinde angaphambani nezimfundiso zeSithunywa uMuhamadi . Uma owodwa walemibandela ungekho, isenzo leso siyokuba ize okothuli olusakazeke yonke indawo."},{"id":24,"translation":"Labo abayongena eJana, ngalolo suku bayobe besendaweni engcono yokuhlala nendawo enhle impela yokuphumula."},{"id":25,"translation":"Futhi landisa ngosuku lapho isibhakabhaka siyoqhekeka kuvele amafu bese kwehliswa izingelosi kancane kancane."},{"id":26,"translation":"Bonke ubukhosi bangempela ngalolo suku buyokuba ngobuka loyo Onomusa [u Allah]. Impela kuyoba usuku olunzima kwabangakholwa."},{"id":27,"translation":"Futhi landisa ngosuku lapho ophambukile ayoluma khona izandla zakhe athi: “Ngaze ngafisa ukuba ngalandela iSithunywa endleleni eqondile”."},{"id":28,"translation":"Kwaze kwaphela ngami, ngaze ngafisa ukuba angizange ngaba umngani kazibanibani."},{"id":29,"translation":"Impela ungidukisile kumyalelo emuva kokuba usufikile kimi. Impela uShayitani uyohlala njalo emkhaphela umuntu."},{"id":30,"translation":"Futhi iSithunywa sithi: “Nkosi yami impela abantu bami abasayinaki leKurani”."},{"id":31,"translation":"Kanjalo, senzela wonke uMembulelwa isitha kulabo abayiziphula mthetho. Kepha iNosi yakho yanele njengoMholi noMhlengi."},{"id":32,"translation":"Laba abangakholwa bathi: “Kungani iKurani ingembulelwanga kuye [uMuhamadi] yonke ngesikhathi esisodwa”. Siyenze kanjalo ukuze siqinise inhliziyo yakho futhi sayihlalusa kancane kancane."},{"id":33,"translation":"Futhi njalo uma beza nomzekelo othize; Thina sizokulethela iqiniso nencazelo engcono."},{"id":34,"translation":"Labo abayosiwa eJahanamu behudulwa ngobuso; yiboke labo abasesimeni esibi nabasendleleni edukile."},{"id":35,"translation":"Futhi sanika uMusa iNcwadi [iTora] saphinda senza umfowabo uHaruna waba iphini lakhe."},{"id":36,"translation":"Sase sithi kubo: “Hambani nobabili niye kulaba bantu abaphika imibiko yeThu”. Sabe sesibabhubhisa [abangakholwa]."},{"id":37,"translation":"Kanjalo [sababhubhisa] nabantu baka Nuhu, mhla bephikisa iZithunywa. Sabacwilisa sabenza baba isibonelo ebantwini. Futhi labo abaphambukile sibalungiselele isijeziso esibuhlungu."},{"id":38,"translation":"Kanjalo nesizwe sakwa Adi noTamudi nabase Rasi [umthombo] nezinye izizwe eziphakathi kwalokho eziningi."},{"id":39,"translation":"Bonke sabenzela imizekelo [sibacacisela] futhi bonke sababhubhisa kanzima."},{"id":40,"translation":"Futhi babendlula emanxiweni esizwe [eSodoma] esalethelwa imvula embi. Ingabe babengawaboni na? Empeleni abakholelwa ekuvusweni [kwelizayo]."},{"id":41,"translation":"Uma bekubona, bakwenza inhlekisa [bathi], “ingabe nguye lo u Allah amthumele njengeSithunywa na?”"},{"id":42,"translation":"“Ucishe wasidukisa ngezikhonzwa zethu, ukube nje asibambelelanga kuzo”. Khona maduze lapho bebona isijeziso bayokwazi ukuthi ubani ngempela odukile."},{"id":43,"translation":"Bheka lowo owenze izinkanuko zakhe isikhonzwa sakhe; ingabe uyokhona yini ukumhlenga na?"},{"id":44,"translation":"Kumbe ucabanga ukuthi iningi labo liyezwa noma liyaqonda. Bazifanela nje nemfuyo; empeleni bona baduke kakhulu."},{"id":45,"translation":"Uke wabona ukuthi iNkosi yakho iwundlala kanjani umthunzi na? Uma ithanda ibingawenza ume [ungasuswa yilanganga] futhi senze ilanga laba yinkomba yokuba khona komthunzi."},{"id":46,"translation":"Sabe sesiwusongela kithi kancane kancane."},{"id":47,"translation":"Futhi nguYena onenzela ubusuku baba yingubo yokwembatha nobuthongo kwaba ukuphumula futhi wenza imini yaba isikhathi sokuvuka."},{"id":48,"translation":"Futhi nguYena lona othumela imimoya njengezethuli zezindaba ezinhle ngaphambi komusa waKhe [imvula]. Sase sesehlisela amanzi emvula ahlanzekile."},{"id":49,"translation":"Ukuze zivuselele ngaso indawo ebesifile nokuthi siphe amanzi kulokho esikudalile, imfuyo nabantu abaningi."},{"id":50,"translation":"Futhi siyayisabalalisa [imvula] phakathi kwabo ukuze banake. Kepha iningi labo lanqaba laqoma ukungabongi."},{"id":51,"translation":"Ukuba besithanda besizothumela kuyo yonke imizi [indawo] umexwayisi [kepha siqoke wena Muhamadi]."},{"id":52,"translation":"Ngakhoke ungabalaleli laba abangakholwa futhi ubazabalazele kanzima ngayo [iKurani]."},{"id":53,"translation":"Futhi nguYena lona ohlanganise izilwandle ezimbili, lolu lumnandi lumtoti kuthi lolu lunosawoti luyababa. Futhi wenze kwaba nesithiyo nothango oluvimbile."},{"id":54,"translation":"Futhi nguYena lona odale ngamanzi umuntu, wamenza waba nobuhlobo ngokwegazi nangokushada. Futhi iNkosi yakho Inamandla."},{"id":55,"translation":"Bakhonza lokho okungeke kwabasiza nokungeke kwakhona ukubalimaza ngaphandle kuka Allah. Impela ongakholwa uyohlala njalo ephikisa neNkosi yakhe."},{"id":56,"translation":"Futhi sikuthumele ukuba ube umethuli wezindaba ezinhle nomexwayisi."},{"id":57,"translation":"Yithi: “Anginiceli mvuzo ngayo ngaphandle kwalowo ofuna ukuthatha indlela [yokusondela] eya eNkosini yakhe”."},{"id":58,"translation":"Thembela kulowo Ongophilayo ongafi futhi ubabaze udumo lwaKhe. Futhi Unolwazi ngezimpambuko zezigqila zaKhe."},{"id":59,"translation":"Nguyena odale amazulu nomhlaba nokungaphakathi kwawo ezinsukwini eziyisithupha wabe esenyukela phezu kweSihlalo, lona Onomusa, ngakhoke buza ngaYe loyo Onolwazi [u Allah]."},{"id":60,"translation":"Uma kuthiwa kubo, “khothamelani Onomusa niwe ngobuso”, bathi: “Ngubani Onomusa, ufuna sikhothamele lowo esiyalelwa nguwe [Muhamadi] siwe ngobuso na?” Kwavele kwabandisela ukubalekela iqiniso."},{"id":61,"translation":"Ungcwele lona odale izinkanyezi [nemigudu yazo] esibhakabhakeni wadala nesibani [ilanga] kuso kanye nenyanga ekhanyisayo."},{"id":62,"translation":"Futhi nguYena owenze ubusuku nemini kwalandelana enzela lowo ofuna ukuthatha isifundo noma ofuna ukubonga."},{"id":63,"translation":"Izigqila zika Allah yilezo ezihamba emhlabeni ngokuzithoba; kuthi lapho uma isiwula sikhuluma nabo [seyisa] bathi, “ukuthula”."},{"id":64,"translation":"Nalabo abachitha ubusuku bekhothamile bewe ngobuso baphinde bawe [kuswala] benzela iNkosi yabo."},{"id":65,"translation":"Nalabo abathi: “Nkosi yethu, qhelisa isijeziso seJahanamu [kwalasha] kithi ngokuba isijeziso sayo siyanamathelana impela."},{"id":66,"translation":"Impela iyindawo embi yokuhlala nokuzinza."},{"id":67,"translation":"Nalabo uma benikela ababi budedengu futhi ababi ngongoqo, benza nje okuphakathi nalokho."},{"id":68,"translation":"Nalabo abakhonzi ezinye izikhonzwa bazibhangqe no Allah. Futhi abawukhiphi ngokungemthetho umphefumulo oqatshelwe ngu Allah futhi abaphingi. Lowo oyokwenza lokho uyothola isijeziso."},{"id":69,"translation":"Isijeziso sakhe siyophindwa phindwa ngoSuku lokwahlulela ahlale kuso [isijeziso] unaphakade ehlazekile."},{"id":70,"translation":"Ngaphandleke kwalowo ocela intethelelo ngokuzisola akholwe, enze nezenzo ezilungileyo; labo, u Allah uyoguqula izimpambuko zabo zibe izenzo ezinhle. Futhi u Allah Ungothethelelayo Onesihawu."},{"id":71,"translation":"Futhi lowo ocela intethelelo ngokuzisola enze nezenzo ezilungileyo; impela usuke esezisola ngokweqiniso ku Allah."},{"id":72,"translation":"Nalabo abangazibandakanyi namanga futhi uma bendlula lapho kunombedo khona, bandlula kuwo ngokuzihlonipha [bangazibandakanyi]."},{"id":73,"translation":"Nalabo uma belulekwa ngemibiko yeNkosi yabo, abaziphathisi okwezimumu nezimpumputhe [benze ngathi ebezwa noma ababoni]."},{"id":74,"translation":"Nalabo abathi: “Nkosi yethu siphe abalingani nezingane ezisithokozisayo futhi usenze sibe ngabaholi balabo abathobela Wena”."},{"id":75,"translation":"Labo, bayohlonyuliswa ngegumbi ngenxa yokubekezela kwabo futhi bayothola kulo ukubingelelwa nokuthula."},{"id":76,"translation":"Bayohlala kulo unaphakade; yeka indawo enhle yokuhlala nokuzinza."},{"id":77,"translation":"Yithi: “iNkosi yami ayinandaba nani ukube bekungekho ngenxa yomkhuleko wenu. Impela niyaphika [nina eningakholwa], ngakhoke sizoninamathela [isijeziso]”."}]},{"id":26,"verses":[{"id":1,"translation":"Twa-Sin-Mim."},{"id":2,"translation":"Lena imibiko yeNcwadi ecacisayo [iKurani]."},{"id":3,"translation":"Hleze uzikhandla kakhulu ngenxa yokuthi kabasibo abakholwayo."},{"id":4,"translation":"Ukube siyathanda besizobehlisela isibonakaliso esivela ezulwini, lesi imiqala yabo iyohlale isithobele."},{"id":5,"translation":"Futhi njalo uma sibalethela iseluleko esisha esivela koNomusa bavele basishaye indiva."},{"id":6,"translation":"Impela baphika iqiniso, ngakho ziyofika kubo izindaba zalokho abahlekisa ngakho."},{"id":7,"translation":"Ingabe ababoni yini ukuthi ziningi kanjani izinhlobo [zezitshalo] esihlumise emhlabeni na?"},{"id":8,"translation":"Impela kulokho kunesibonakaliso kepha iningi labo alikholwa."},{"id":9,"translation":"Futhi impela iNkosi yakho inguSomandla Onesihawu."},{"id":10,"translation":"Landisa ngamhla iNkosi yakho imemeza uMusa [yathi], “hamba uye kulabantu abaphambukile”."},{"id":11,"translation":"Isizwe sika Firawuni. Kungani bengathobeli u Allah na?"},{"id":12,"translation":"Wathi [uMusa]: “Nkosi yami, impela ngesaba ukuthi bayothi nginamanga”."},{"id":13,"translation":"Futhi nenhliziyo yami ithwele kanzima nolimi lwami aluqaqekile; ngakhoke thumela kuHaruna."},{"id":14,"translation":"Futhi basase nempindiselo yegazi kimi; ngakhoke ngesaba ukuthi bangahle bangibulale."},{"id":15,"translation":"Wathi [u Allah]: “Phinde, hambani nina nobabili nemibiko yeThu, Thina sikanye nani silalele”."},{"id":16,"translation":"Ngakhoke iyani kuFirawuni nifike nithi: “siyiZithunywa zeNkosi yendalo yonke”."},{"id":17,"translation":"Ukuze udedele kithi isizwe sakwa Isirayeli."},{"id":18,"translation":"Wathi [uFirawuni]: “Asizange yini sikukhulise kusukela umncane waphinde wahlala iminyaka eminingi yempilo nathi na?”"},{"id":19,"translation":"Wase wenza lento yakho owayenza kulapho ungakhombisi ukubonga."},{"id":20,"translation":"Wathi [uMusa]: “Ngakwenza lokho ngesikhathi lapho ngangidukile”."},{"id":21,"translation":"Ngase nganibalekela ngenxa yokunesaba. Kepha iNkosi yami yangipha ubuhlakani [ukwembulelwa] wangenza omunye weZithunywa."},{"id":22,"translation":"Futhi nje lomusa ongikhumbuza wona – ukuthi wenza isizwe sakwa Isirayeli izigqila."},{"id":23,"translation":"Wathi uFirawuni: “Yini leNkosi yendalo yonke na?”"},{"id":24,"translation":"Wathi [uMusa]: “iNkosi yamazulu nomhlaba nokuphathi kwakho, uma ngempela ninesiqiniseko [ningena kungabaza]”."},{"id":25,"translation":"Wathi [uFirawuni] kulabo abaseduze kwakhe: “Niyangizwisa bo!”"},{"id":26,"translation":"Wathi [uMusa]: “iNkosi yenu neNkosi yokhokho benu basendulo”."},{"id":27,"translation":"Wathi: “Impela leSithunywa senu esithunyelwe kini uyahlanya”."},{"id":28,"translation":"Wathi [uMusa]: “iNkosi yempumalanga nentshonalanga nalokho okumaphakathi kwazo, uma ngempela ninokuqonda”."},{"id":29,"translation":"Wathi: “Uma uziqokela esinye isikhonzwa ngaphandle kwami, impela ngizokugquma ejele”."},{"id":30,"translation":"Wathi [uMusa]: “Ake ngikulethele into ethe ukucaca”."},{"id":31,"translation":"Wathi: “Yilethe uma ngempela uqinisile”."},{"id":32,"translation":"Wajikijela induku yakhe gubhu yaphenduka inyoka esobala."},{"id":33,"translation":"Wakhipha isandla sakhe gubhu saphenduka saba mhlophe kwababukayo."},{"id":34,"translation":"Wathi [uFirawuni] kuzikhulu ezimhaqile: “Impela lona umlumbi ogogodile”."},{"id":35,"translation":"Ufuna ukunikhipha ezweni lenu ngobulumbi bakhe; ngakhoke nithi akwenziwe njani na?"},{"id":36,"translation":"Bathi: “Awumyeke nje benomfowabo bese uthumela ababuthanisi kuzo izifunda”."},{"id":37,"translation":"Bakulethele bonke abalumbi abagogodile."},{"id":38,"translation":"Babuthaniswa abalumbi ngesikhathi sosuku olalunqunyiwe."},{"id":39,"translation":"Kwase kuthiwa kubantu, “ingabe senibuthene na?”"},{"id":40,"translation":"Mhlawumbe sizolandela abalumbi uma kuyibona abanqobayo."},{"id":41,"translation":"Kuthe lapho abalumbi befika bathi kuFirawuni: “Ingabe ukhona umvuzo esizowuthola uma kuba yithina abanqobayo”."},{"id":42,"translation":"Wathi: “Yebo futhi niyoba izithenjwa”."},{"id":43,"translation":"Wathi kubo uMusa: “Phonsani lokho enikuphonsayo”."},{"id":44,"translation":"Baphonsa izintambo zabo nezinduku zabo base bathi: “Ngobukhulu buka Firawuni impela yithina esiyonqoba”."},{"id":45,"translation":"NoMusa wabe esephonsa induku yakhe, gubhu yiyo leya isidla konke lokhu ababekhohlisa ngakho."},{"id":46,"translation":"Abalumbi bawa phansi ngobuso bekhothama."},{"id":47,"translation":"Bathi: “Siyakholelwa eNkosini yendalo yonke”."},{"id":48,"translation":"INkosi kaMussa noHaruna."},{"id":49,"translation":"Wathi [uFirawuni]: “Nikholwa nguye ngingakanivumeli mina; impela ungugosa wenu lona owanifundisa ubulumbi, nizokwazi kahle. Ngizonqamula izandla zenu nemilenze yenu ngokuphambana bese nginibethela nonke”."},{"id":50,"translation":"Bathi [abalumbi]: “Akunakinga, ngokuba siyobuyela eNkosini yethu”."},{"id":51,"translation":"Impela sifisa ukuthi iNkosi yethu isithethelele izimpambuko zethu ngokuba sibe ngabakoqala ukukholwa."},{"id":52,"translation":"Sabe sesembulela kuMusa sathi: “Hamba nezigqila zami ebusuku, impela niyolandelwa”."},{"id":53,"translation":"uFirawuni wabe esethumela ababuthanisi ezifundeni."},{"id":54,"translation":"[wathi uFirawuni], Impela laba bawuquqaba oluwubala nje."},{"id":55,"translation":"Futhi basidine kabi."},{"id":56,"translation":"Futhi thina siyibutho eliphapheme."},{"id":57,"translation":"Sabe-ke sesibakhipha ezivandeni nemithombo."},{"id":58,"translation":"Nemicebo nesindawo ezinhle."},{"id":59,"translation":"Sakundlulisela kanjalo kusizwe sakwa Isirayeli."},{"id":60,"translation":"Babalandela ekuseni kuphuma ilanga."},{"id":61,"translation":"Kuthe lapho esebonana womabili amaqembu, laba ababe noMusa bathi: “impela sesibanjiwe”."},{"id":62,"translation":"Wathi [uMusa]: “Phinde! iNkosi yami inami izongihola”."},{"id":63,"translation":"Sabe sesambulela kuMusa sathi, “shaya ulwandle ngenduku yakho”, lwaqhekeka, yonke ingxenye yaba ngathi intaba enkulukazi."},{"id":64,"translation":"Sabe sesisondeza laba abanye."},{"id":65,"translation":"Sahlenga uMusa nabo bonke labo ababe kanye naye."},{"id":66,"translation":"Sabe seminzisa laba abanye."},{"id":67,"translation":"Impela kulokho kunesifundo, kepha iningi labo alikholwa."},{"id":68,"translation":"Impela iNkosi yakho inguSomandla Onesihawu."},{"id":69,"translation":"Balandise futhi ngendaba ka Ibhirahimu."},{"id":70,"translation":"Mhla ethi kuyise nesizwe sakhe: “Yini lokhu enikukhonzayo na?”"},{"id":71,"translation":"Bathi: “Sikhonza izithixo futhi sizinikele kuzo”."},{"id":72,"translation":"Wathi: “Ingabe ziyanizwa lapho nikhuleka na?”"},{"id":73,"translation":"Kumbe kukhona ezinizuzisa kona noma zinilimaze ngakho na?"},{"id":74,"translation":"Bathi: “Phela safumanisa okhokho bethu benza kanjalo”."},{"id":75,"translation":"Wathi: “Niyakubona lokhu enikukhonzayo...”"},{"id":76,"translation":"Nina nokhokho benu basendulo."},{"id":77,"translation":"Kuyisitha sami ngaphandle kweNkosi yendalo yonke."},{"id":78,"translation":"Lena engidalile okuyiyona engiholayo."},{"id":79,"translation":"Lena engipha ukudla nokuphuzwayo."},{"id":80,"translation":"Futhi uma ngigula iyona engilaphayo."},{"id":81,"translation":"Lena eyothatha umphefumulo wami iphinde ingivuse."},{"id":82,"translation":"Lena engifisa ukuba ingithethelele izimpambuko zami ngoSuku lokwahlulela."},{"id":83,"translation":"Nkosi yami ngiphe ubuhlakani ungihlanganise nabaqotho."},{"id":84,"translation":"Ungenzele izincomo ezinhle kulabo abalandelayo."},{"id":85,"translation":"Futhi ungenze ngibe omunye wezindlalifa zeJana yentokomalo."},{"id":86,"translation":"Uthethelele nobaba wami, impela ungodukile."},{"id":87,"translation":"Futhi ungangihlazisi ngosuku lokuvuswa."},{"id":88,"translation":"Ngosuku lapho umcebo nezingane zingekuba nasizo."},{"id":89,"translation":"Ngaphandle kwaloyo ofike ku Allah nenhliziyo emsulwa."},{"id":90,"translation":"Futhi iJana iyobe isisondezelwa labo abathobela u Allah."},{"id":91,"translation":"Bese neJahanamu ivezelwa labo abangabadukisi."},{"id":92,"translation":"Kuyobe sekuthiwa kubo: “Kuphi lokhu ebenikukhonzana?”"},{"id":93,"translation":"Ngaphandle kuka Allah; ingabe kuyonisiza noma kuzisize kona na?"},{"id":94,"translation":"Bayobe sebelahlelwa kuyo bona nabadukisi."},{"id":95,"translation":"Kanye nebutho likaIbilisi bonke ndawonye."},{"id":96,"translation":"Bayothi – kulapho bephikisana bodwa kuyo."},{"id":97,"translation":"Simfunge u Allah, impela besisekudukeni okusobala."},{"id":98,"translation":"Mhla sinilinganisa neNkosi yendalo yonke."},{"id":99,"translation":"Futhi akekho osidukisile ngaphandle kweziphula mthetho."},{"id":100,"translation":"Akekho oyosishwelezela."},{"id":101,"translation":"Futhi akekho ongumngani osendele."},{"id":102,"translation":"Uma nje singathola ithuba lokubuyela emuva, siyoba ngabakholwayo."},{"id":103,"translation":"Impela kulokho kunesifundo, kepha iningi labo alikholwa."},{"id":104,"translation":"Futhi impela iNkosi yakho inguSomandla Onesihawu."},{"id":105,"translation":"Isizwe sika Nuhu saphika iZithunywa."},{"id":106,"translation":"Mhla umfowabo uNuhu ethi kubo, “ake nithobele u Allah”."},{"id":107,"translation":"Impela mina ngiyiSithunywa esithembekile kini."},{"id":108,"translation":"Ngakhoke thobelani u Allah nilalele nami."},{"id":109,"translation":"Futhi anginiceli mvuzo ngokuba umvuzo wami useNkosini yendalo yonke."},{"id":110,"translation":"Ngakhoke thobelani u Allah nilalele nami."},{"id":111,"translation":"Bathi: “Singakukholwa kanjani ube ulandelwa izichaka”."},{"id":112,"translation":"Wathi: “Akusiwo umsebenzi wami ukwazi ngalokho abakwenzayo”."},{"id":113,"translation":"Impela iNkosi yabo kuphela eyobahlulela ukube nje benazi."},{"id":114,"translation":"Futhi mina ngeke ngaxosha abakholwayo."},{"id":115,"translation":"Mina ngiyiSithunywa nje esicacisayo."},{"id":116,"translation":"Bathi: “Uma ungaphezi we Nuhu, impela uzokhandwa ngamatshe”."},{"id":117,"translation":"Wathi: “Nkosi yami, impela isizwe sami asingikholwa”."},{"id":118,"translation":"Yehlulela kahle phakathi kwami nabo futhi ungihlenge mina nalabo abakholwayo abakanye nami."},{"id":119,"translation":"Samhlenga yena kanye nalabo ababekanye naye emfuleni."},{"id":120,"translation":"Sabe sesiminzisa emuva kwalokho labo abasala."},{"id":121,"translation":"Impela kulokho kunesifundo, kepha iningi labo alikholwa."},{"id":122,"translation":"Futhi impela iNkosi yakho inguSomandla Onesihawu."},{"id":123,"translation":"Isizwe sakwa Adi asikholwanga iZithunywa."},{"id":124,"translation":"Mhla umfowabo uHudi ethi kubo, “Kungani ningathobeli u Allah na?”"},{"id":125,"translation":"Impela mina ngiyiSithunywa esithembekile kini."},{"id":126,"translation":"Ngakhoke thobelani u Allah nilalele nami."},{"id":127,"translation":"Futhi anginiceli ngakho umvu ngokuba umvuzo wami useNkosini yendalo yonke kuphela."},{"id":128,"translation":"Ingabe nakha kuyo yonke indawo ephakeme izakhiwo eziphakeme nichitha isikhathi na?"},{"id":129,"translation":"Futhi nakha izakhiwo ezinkulu okungathi nizohlala unaphakade."},{"id":130,"translation":"Futhi uma nigasela nigasela ngobudlova."},{"id":131,"translation":"Ngakhoke thobelani u Allah nilalele nami."},{"id":132,"translation":"Nithobele lowo onandisele lokho enikwaziyo."},{"id":133,"translation":"Unandisele imfuyo nezingane."},{"id":134,"translation":"Nezivande nemithombo."},{"id":135,"translation":"Impela nginesabela isijeziso soSuku olukhulu."},{"id":136,"translation":"Bathi: “Kuyefana nje kithi uyeluleka noma aweluleki”."},{"id":137,"translation":"Lokhu yindlela nje yalabo basendulo."},{"id":138,"translation":"Futhi angeke sijeziswe."},{"id":139,"translation":"Abamkholwanga, sababhubhisa. Impela kulokho kunesifundo, kepha iningi labo alikholwa."},{"id":140,"translation":"Futhi impela iNkosi yakho inguSomandla Onesihawu."},{"id":141,"translation":"Isizwe sakwa Tamudi asikholwanga iZithunywa."},{"id":142,"translation":"Mhla umfowabo uSwalihi ethi kubo, “Kungani ningathobeli u Allah”."},{"id":143,"translation":"Impela mina ngiyiSithunywa esithembekile kini."},{"id":144,"translation":"Ngakhoke thobelani u Allah nilalele nami."},{"id":145,"translation":"Futhi angiceli mvuzo ngakho ngokuba umvuzo wami useNkosini yendalo yonke."},{"id":146,"translation":"Ingabe niyekwa kanje lana niphephile na?"},{"id":147,"translation":"Ezivandeni nemithombo."},{"id":148,"translation":"Nezitshalo namasundu ozithelo zayo zivuthwe kahle."},{"id":149,"translation":"Futhi nibaza ngobuchwepheshe izindlu ezintabeni."},{"id":150,"translation":"Ngakhoke thobelani u Allah nilalele nami."},{"id":151,"translation":"Futhi ningalaleli umyalelo walabo abayizephula mthetho."},{"id":152,"translation":"Labo abenza ukuphambuka ezweni futhi abangalungisi."},{"id":153,"translation":"Bathi: “Impela wena uloyiwe”."},{"id":154,"translation":"Awuyilutho ngaphandle nje komuntu ofana nathi; ngakhoke silethele isibonakaliso uma ngempela uqinisile."},{"id":155,"translation":"Wathi: “Nali ikameli lika Allah. Linosuku lalo lokuphuza nani ninosuku lwenu lokuphuza olunqunyiwe."},{"id":156,"translation":"Ningalenzi okubi funa nehlelwe isijeziso sosuku olukhulu."},{"id":157,"translation":"Balihlaba, bazisola."},{"id":158,"translation":"Behlelwa isijeziso. Impela kulokho kunesifundo, kepha iningi labo alikholwa."},{"id":159,"translation":"Futhi impela iNkosi yakho inguSomandla Onesihawu."},{"id":160,"translation":"Isizwe sikaLuti asikholwanga iZithunywa."},{"id":161,"translation":"Mhla umfowabo uLuti ethi kubo, “kungani ningathobeli u Allah na?”"},{"id":162,"translation":"Impela mina ngiyiSithunywa esithembekile kini."},{"id":163,"translation":"Ngakhoke thobelani u Allah nilalele nami."},{"id":164,"translation":"Futhi anginiceli mvuzo ngakho ngokuba umvuzo wami useNkosini yendalo yonke."},{"id":165,"translation":"Ingabe nikhanuka amadoda endalweni yonke na?"},{"id":166,"translation":"Niyekele lokho u Allah anidalele kona kubafazi benu. Impela nina ningabantu abayiziphula mthetho."},{"id":167,"translation":"Bathi: “Uma ungaphezi weLuti uzokhandwa ngamatshe”."},{"id":168,"translation":"Wathi: “Impela mina ngiyakugxeka enikwenzayo”."},{"id":169,"translation":"Nkosi yami ngihlenge mina nomndeni wami kulokho abakwenzayo."},{"id":170,"translation":"Sabahlenga bonke yena nomndeni wakhe."},{"id":171,"translation":"Ngaphandle kwesalukazi esaba kanye nabasalayo."},{"id":172,"translation":"Sase sibhubhisa laba abanye."},{"id":173,"translation":"Sabathela ngemvula, yaze yayimbi imvula yalabo abaxwayisiwe."},{"id":174,"translation":"Impela kulokho kunesifundo, kepha iningi labo alikholwa."},{"id":175,"translation":"Futh impela iNkosi yakho inguSomandla Onesihawu."},{"id":176,"translation":"Abezivande [eMadiyana] abakholwanga iZithunywa."},{"id":177,"translation":"Mhla uShu’ayibu ethi kubo, “kungani ningathobeli u Allah na?”"},{"id":178,"translation":"Impela ngiyiSithunywa esithembekile kini."},{"id":179,"translation":"Ngakhoke thobelani u Allah nilalele nami."},{"id":180,"translation":"Futhi anginiceli mvuzo ngakho ngokuba umvuzo wami useNkosini yendalo yonke."},{"id":181,"translation":"Linganisani isikali ngokugcwele ningabi amaqili."},{"id":182,"translation":"Nikale ngesikali esiqondile."},{"id":183,"translation":"Futhi ningaqili abantu izinto zabo noma nenze impambuko ezweni nenkohlakalo."},{"id":184,"translation":"Futhi thobelani lona odale nina nezizwe zasendulo."},{"id":185,"translation":"Bathi: “Impela wena uloyiwe nje kwaphela”."},{"id":186,"translation":"Futhi awuyilutho ngaphandle nje komuntu ofana nathi futhi sicabanga ukuthi unamanga."},{"id":187,"translation":"Ngakoke sehlisele ingxenye yesijeziso esivela ezulwini uma ngempela uqinisile."},{"id":188,"translation":"Wathi: “iNkosi yami ikwazi kahle lokhu enikwenzayo”."},{"id":189,"translation":"Kepha abamukholwanga; base behlelwa isijeziso sosuku lwefu. Impela kwabe kuyisijeziso sosoku olukhulu."},{"id":190,"translation":"Impela kulokho kunesifundo, kepha iningi labo alikholwa."},{"id":191,"translation":"Futhi iNkosi yakho inguSomandla Onesihawu."},{"id":192,"translation":"Impela yembulelwe [iKurani] iNkosi yendalo yonke."},{"id":193,"translation":"Yehliswe nguRuhu [uJibhirili] othembekile."},{"id":194,"translation":"Eyehlisela enhlizweni yakho ukuze ube ngumxwayisi."},{"id":195,"translation":"Ngolwimi lwesi Arabhu olucacile."},{"id":196,"translation":"Futhi impela ibaluliwe eMibhalweni yaphambilini."},{"id":197,"translation":"Ingabe akubanga isibonakaliso esanele kubo ukuthi izazi zesizwe sakwa Isirayeli ziyayazi [iKurani] na?"},{"id":198,"translation":"Ukube sayembulela kwabanye abangewona ama Arabhu."},{"id":199,"translation":"Bese ebafundela yona, bebengeke bayikholwa."},{"id":200,"translation":"Sakufaka kanjalo [ukuphika iqiniso] ezinhlizweni zeziphula mthetho."},{"id":201,"translation":"Abasoze bakholwa yiyo kuze babona isijeziso esibuhlungu."},{"id":202,"translation":"Sizofika kubo bengazelele kulapho benganakile."},{"id":203,"translation":"Bese bathi: “Asisanikwa nesikhasha nje”."},{"id":204,"translation":"Ingabe bebejahe isijeziso seThu na?"},{"id":205,"translation":"Ubona kanjani uma sibajabulisa iminyaka."},{"id":206,"translation":"Bese kufika kubo lokho abakuthenjisiwe."},{"id":207,"translation":"Konke lokhu abanethezeka ngakho akuyikuba siza ngalutho."},{"id":208,"translation":"Futhi asikaze sibhubhise isizwe ngaphandle sithole umexwayisi."},{"id":209,"translation":"Njengesikhumbuzo. Futhi asibona labo abenza okungebulungiswa."},{"id":210,"translation":"Futhi akikaze [iKurani] ilethwe ngoShayitani."},{"id":211,"translation":"Abanalo igunya futhi abasoze bakhona."},{"id":212,"translation":"Ngokuba bavinjelwe ukuzwa."},{"id":213,"translation":"Ngakhoke ungakhonzi esinye isikhonzwa ngaphandle kuka Allah funa ube ngomunye wabajeziswayo."},{"id":214,"translation":"Xwayisa umndeni oseduze."},{"id":215,"translation":"Uzithobe kulabo abakulandelayo kwabakholwayo."},{"id":216,"translation":"Uma bengakulaleli, yithi: “Mina angihlangene nalokho enikwenzayo”."},{"id":217,"translation":"Thembela kuSomandla Oneshawu."},{"id":218,"translation":"Lona okubonayo lapho usukuma [kuswala]."},{"id":219,"translation":"Nokuphenduka kwakho nabakhothamayo abawa ngobuso."},{"id":220,"translation":"Impela Yena Ungozwayo Owaziyo."},{"id":221,"translation":"Ake nginazise ukuthi oShayitani behlela kubani."},{"id":222,"translation":"Behlela kuwo wonke lowo onamanga oyisonakali."},{"id":223,"translation":"Bayazama ukulalela kepha iningi labo linamanga."},{"id":224,"translation":"Futhi izimbongi zilandelwa ngabadukile."},{"id":225,"translation":"Awuboni yini ukuthi bayahema kuzo zonke izigodi."},{"id":226,"translation":"Nokuthi basho lokho abangakwenzi bona."},{"id":227,"translation":"Ngaphandle kwalabo abakholwayo abenza okulungileyo, nabakhumbula u Allah kakhulu abaziphindiselayo uma kuno kungebulungiswa okwenziwe kubo. Futhi labo abaphambukile bazokwazi maduze nje ukuthi yisiphi isiphetho abayophelela kuso."}]},{"id":27,"verses":[{"id":1,"translation":"Twa-Sin; lena imibiko yeKurani neNcwadi ecacisayo."},{"id":2,"translation":"Ukuze ibe umhlahla ndlela nezindaba ezinhle kulabo abakholwayo."},{"id":3,"translation":"Labo abaqikelela ukwenza iswala bakhiphe nezakati futhi benesiqiniseko ngelizayo."},{"id":4,"translation":"Impela labo abangakholelwa kwelizayo; sibakhangisele izenzo zabo ingakho benhlanhlatha."},{"id":5,"translation":"Yibona labo abayothola isijeziso futhi nakwelizayo bangabalahlekelwe."},{"id":6,"translation":"Futhi impela wena [Muhamadi] wembulelwa iKurani ivela koKhaliphile Onolwazi."},{"id":7,"translation":"Landisa ngamhla uMusa ethi kumndeni wakhe: “Ngibone umlilo, ngizonilethela ulwazi noma nginilethele isikhuni esivuthayo ukuze nani nothe”."},{"id":8,"translation":"Kuthe lapho efika kuwo kwamenyezwa, kwathiwa: “Ubusisiwe osemlilweni nalowo oseduze nawo futhi makangcweliswe u Allah iNkosi yendalo yonke”."},{"id":9,"translation":"Musa, impela Mina ngingu Allah onguSomandla Okhaliphile."},{"id":10,"translation":"Phonsa phansi induku yakho. Kuthe lapho eyibona inyakaza okwenyoka, wateta izithende wangabheki emuva. Musa ungesabi, ngokuba izithunywa azesabi Kimi."},{"id":11,"translation":"Ngaphandle kwalowo owenza impambuko bese enza okuhle emuva kokubi; impela Mina nginguMthetheleli Onesihawu."},{"id":12,"translation":"Faka isandla sakho ohlangothini lwakho, siyophuma simhlophe singenasifo. Esinye sezibonakaliso eziyisishagalolunye kuFirawuni nesizwe sakhe. Impela bangabantu abayiziphula mthetho."},{"id":13,"translation":"Kuthe labo izibonakaliso zeThu zifika kubo zibakhanyisela bathi: “lobu ubulumbi obusobala”."},{"id":14,"translation":"Baziphika ngokungekho ubulungiswa nokuzigqaja, kepha izinhliziyo zabo zazinesiqiniseko ngazo. Awubheke ukuthi saba njani isiphetho salabo abaphula umthetho."},{"id":15,"translation":"Futhi sanika uDawudi noSulayimani ulwazi, base bathi: “Lonke udumo ngoluka Allah lona osibusisile kuneningi lezigqila zaKhe ezikholwayo”."},{"id":16,"translation":"uSulayimani walandela uDawudi [ngobuthunywa nangolwazi nobukhosi]; wathi: “Bakwethu, thina sifundiswe ulwimi lwezinyoni futhi saphiwa kuyo yonke into. Impela lokhu umusa osobala”."},{"id":17,"translation":"uSulayimani wanuthelwa ibutho lakhe elifaka phakathi amajini nabantu nezinyoni futhi lalinabakhuzi."},{"id":18,"translation":"Kuthe lapho befika esigodini sezintuthwane, yathi intuthwane: “Zintuthwane ngenani ezindlini zenu ningaze ninyathelwe nguSulayimani nebutho lakhe kulapho bengaboni”."},{"id":19,"translation":"Wamamatheka ehleka [uSulayimani] inkulumo yayo [intuthwane], wabe esethi: “Nkosi yami ngiphe amandla okubonga isibusiso saKho lesi ongibusiswe ngaso mina nabazali bami nokuthi ngenze okulungileyo okukujabulisayo bese ngomusa waKho ungihlanganise [kwelizayo] nezigqila zaKho eziqotho."},{"id":20,"translation":"Wahlola izinyoni wabe esethi: “Kungani ngingamboni uzinengweni kumbe akekho”."},{"id":21,"translation":"Impela ngizomjezisa ngesijeziso esinzima noma ngimnqume nomake angilethele ubufakazi obucacile."},{"id":22,"translation":"Akupholanga maseko [watheleka uzinengweni], wathi: “Ngithole lokhu ongakakutholi, ngifika kuwe nje ngiphuma eSaba’ ngiphethe ulwazi oluqiniseki”."},{"id":23,"translation":"Ngithole umfazi ebabusa futhi uphiwe kukho konke [ucenile] belu unesihlalo esikhulu."},{"id":24,"translation":"Ngimthole yena nesiswe sakhe bekhothamela ilanga ngaphandle kuka Allah futhi uShayitani ubenzele zinhle izenzo zabo, ngalokho wabavimba ekubeni sendleleni eqondile ukuze bangaphinde babe sendleleni eqondile."},{"id":25,"translation":"Ukuze bangakhothameli u Allah bawe ngobu, Lona okhipha isundu emazulwini nasemhlabeni futhi wazi konke enikufihlayo nalokho enikuvela obala."},{"id":26,"translation":"U Allah, akekho omunye okufanele akhonzwe ngaphandle kwaKhe; iNkosi yeSihlalo Esikhulu."},{"id":27,"translation":"Wathi [uSulayimani]: “Sizobona ukuthi uqinisile yini noma unamanga”."},{"id":28,"translation":"Hamba nalencwadi yami ufike ubaphonsele yona bese usuka kubo, ubheke ukuthi baphuma naliphi."},{"id":29,"translation":"Wathi [umfazi obusayo]: “Zikhulu, ngiphonsele incwadi ehloniphekile”."},{"id":30,"translation":"Ivela kuSulayimani, yithi: “Egameni lika Allah Onomusa Onesihawu...”"},{"id":31,"translation":"Ungaziqhakambisi kimi, futhi wozani kimi seningamaMusilimu [abazinikele entandweni ka Mdali]."},{"id":32,"translation":"Wathi [umfazi obusayo]: “Nina zikhulu, ngelulekeni kulolu daba lwami, belu angikaze ngithathe isinqumo ningakangibonisi."},{"id":33,"translation":"Zathi: “Thina sihlome ngokuphelele futhi nempi siyilwa kanzima, kepha sinqumo ngesakho, ngakhoke bona ukuthi uyalela ngani”."},{"id":34,"translation":"Wathi: “Impela amakhosi uma engena [ehlasela] isizwe bayasonakalisa; bahlaze izikhulu zaso; into ahla eyenza”."},{"id":35,"translation":"Mina ngizothumela kubo isipho, bese ngibona ukuthi zibuya naliphi izigijimi."},{"id":36,"translation":"Kuthe uma sesifikile [isigijimi] kuSulayimani wathi: “Nifuna ukungandisela umcebo na? Lokhu engikunikwe ngu Allah kungcono kakhulu ukudlula lokhu aniphe kona; empeleni nin nijatshuliswa yilezipho zenu”."},{"id":37,"translation":"Buyela emuva kubo. Impela sizogasela kubo ngebutho abangasoze balimela bese sibakhipha kuyo [iSaba’] behlazekile bedicilelekile."},{"id":38,"translation":"Wathi [uSulayimani]: “Bandla, ngubani kini ongangilethela isihlalo sakhe ngaphambi kokuthi bafike kimi sebengama Musilimu”."},{"id":39,"translation":"Sathi isigwebedla sejini: “Mina ngingakulethela sona ungakasukumi endaweni yakho, futhi nginamandla alokho ngithembekile”."},{"id":40,"translation":"Lona onolwazi lweNcwadi wathi: “Mina ngingakulethele sona ungakacwayizi”. Kuthe uma esibona sihleli phambi kwakhe wathi: “Lokhu umusa weNkosi yami; ufuna ukungivivinya ukuba ngizobonga noma ngeke ngibonge. Belu lowo obongayo, uzibongela yena uqobo futhi lowo ongabongi; impela iNkosi yami Ingezimele Ephayo”."},{"id":41,"translation":"Wathi: “Yenzani izinguquko esihlalweni sakhe, sibheke ukuthi uzokhanyelwa yini noma uyoba ngomunye walabo abangeke bakhanyelwa."},{"id":42,"translation":"Kuthe lapho efika kwathiwa: “ingabe sinje isihlalo sakho na?” Wathi: “Ngathi yiso”. [uSulayimani wathi]:”Sanikwa ulwazi ngaphambi kwakhe futhi besi ngamaMusilimu”."},{"id":43,"translation":"Lokhu ayekukhonza ngaphandle kuka Allah yikona okwamvimba [ekukholweni]. Impela wabe engomunye wabantu abangakholwa."},{"id":44,"translation":"Kwathiwa kuye: “Ngena enqabeni ewumbhoshongo”. Kethu uma eyibona wacabanga ukuthi indawo enamanzi wase wakhwica kwavele imilenze yakhe. Wathi [uSulayimani]: “Lena inqaba eyakhiwe ngengilazi [okungathi inamanzi]”. Wathi: “Nkosi yami impela bengiphambukile, manje ngiyazinikela Kanye noSulayimani eNkosini yendalo yonke”."},{"id":45,"translation":"Futhi sathumela esizweni sakwa Tamudi umfowabo uSwalihi, ukuba athi: “Khonzani u Allah”; kepha baba ngamaqembu amabili bephikisana."},{"id":46,"translation":"Wathi [uSwalihi]: “Bantu bakithi, kungani nijahela okubi ngaphambi kokuhle na? Kungani ningaceli intethelelo ku Allah ukuze nihawukelwe na?”"},{"id":47,"translation":"Bathi: “Sikubona usilethela amashwa wena nalabo abanawe”. Wathi: “Amashwa enu aku Allah; kepha nina ningabantu abavivinywayo”."},{"id":48,"translation":"Futhi kwakunabantu abayisishagalolunye endaweni abonakele futhi abengenzi okulungileyo."},{"id":49,"translation":"Bathi: “Fungani ngo Allah ukuthi sizomhlasela ebusuku nomndeni wakhe, bese sithi kwabakubo asikubona ukufa komndeni wakhe futhi siqinisile”."},{"id":50,"translation":"Bakha itulo Nathi sahlela esikuhlelayo kulapho bona bengazi."},{"id":51,"translation":"Awubheke nje ukuthi sabanjani isiphetho setulo labo; sababhubhisa bonke bona kanye nesizwe sabo."},{"id":52,"translation":"Naziya izindlu zabo zidilikile ngenxa yokuphambuka kwabo. Impela kulokho kunesifundo kubantu abanolwazi."},{"id":53,"translation":"Sabahlenga labo ababekholwa futhi bethobela u Allah."},{"id":54,"translation":"Futhi balandise ngoLuti, mhla ethi kubantu bakhe: “Nenza amanyala nibhekile na?”"},{"id":55,"translation":"Nikhanuka amadoda niyeke abafazi! Impela ningabantu abayiziwula."},{"id":56,"translation":"Impendulo yabantu bakhe kwavana ukuthi bathi: “Baxosheni abakwa Luti endaweni yenu; impela bangabantu abazenza ngcono”."},{"id":57,"translation":"Kepha samhlenga yena nomndeni wakhe ngaphandle komkakhe, sanquma ukuthi uyokubo omunye wababhubhayo."},{"id":58,"translation":"Sabehlisela imvula [yamatshe]; yaze yayimbi imvula yalabo abaxwayiswa."},{"id":59,"translation":"Yithi: “Lonke udumo ngoluka Allah, futhi ukuthula makube ezigqileni zaKhe lezi aziqokile. Ingabe ngu Allah ongcono noma lokho abakubhangqayo na?”"},{"id":60,"translation":"Kumbe lowo owadala amazulu nomhlaba wanehlisela amanzi emvula, wabe esenihlumisela izivande ezinhle, nina ebeningeke nikwazi ngisho ukuhlumisa esisodwa isihlahla sayo. Ingabe-ke kukhona yini esinye isikhonzwa esikanye no Allah na? Empeleni nina ningabantu abafanisayo."},{"id":61,"translation":"Kumbe lowo owenze umhlaba wazinza wadala phakathi kwawo imifula, wawufakela nezikhonkwane [izintaba] futhi bafaka nesisitho phakathi kwezilwandle.Ingabe-ke kukhona yini esinye isikhonzwa esikanye no Allah na? Empeleni iningi labo alinalwazi."},{"id":62,"translation":"Kumbe lowo ophendula lowo osebunzimeni lapho ekhuleka kuYe asuse ubunzima futhi onenze naba ngabalandeli emhlabeni [balabo abanandulelayo]. Ingabe-ke kukhona yini esinye isikhonzwa esikanye no Allah na? Kuncane enikulalelayo."},{"id":63,"translation":"Kumbe lowo oniholayo ebumnyameni basezweni nasolwandle, lowo ophinde athumele imimoya eyethula izindaba ezinhle ngaphambi kokufika komusa waKhe [imvula]. Ingabe-ke kukhona yini esinye isikhonzwa esikanye no Allah na? Uphakeme u Allah kunalokho abakubhangqayo."},{"id":64,"translation":"Kumbe lowo okususa phansi ukudala aphinde futhi akuvuse, lowo ophinde anondle ngokuvela ezulwini nasemhlabeni. Ingabe-ke kukhona yini esinye isikhonzwa esikanye no Allah na? Yithi: “Lethani ubufakazi benu uma ngempela niqinisile”."},{"id":65,"translation":"Yithi: “Akekho osemazulwini nasemhlabeni owazi okungabonwayo ngaphandle kuka Allah, futhi abazi ukuthi bayovuswa nini”."},{"id":66,"translation":"Kepha ulwazi lwabo luyophelela kwelizayo. Kepha [manje] bayalingabaza. Empeleni abaliboni [ikwelizayo]."},{"id":67,"translation":"Laba abangakholwa bathi: “Kuyothi lapho sesiyinhlabathi kanye nokhokho bethu bese siphinda sivuswa?”"},{"id":68,"translation":"Impela kade sasithenjiswa lokhu thina nokhokho bethu ngaphambi kwalokhu; impela lokhu izinganekwane zasendulo kuphela."},{"id":69,"translation":"Yithi: “Hambani emhlabeni, bese nibheka ukuthi saba njani isiphetho seziphula mthetho”."},{"id":70,"translation":"Ungakhathazeki ngabo futhi ungaphatheki kabi ngamatulo abawakhayo."},{"id":71,"translation":"Futhi bathi: “Kanti siyofika nini lesi sithembiso uma ngempela niqinisile”."},{"id":72,"translation":"Yithi: “Kungenzeka ukuthi sekuseduze lokhu enikujahile”."},{"id":73,"translation":"Futhi iNkosi yakho inomusa kusintu impela, kepha iningi labo alibongi."},{"id":74,"translation":"Futhi iNkosi yakho ikwazi kahle impela okufihlwe izinhliziyo zabo nalokho abakukhipha obala."},{"id":75,"translation":"Akukho nokukodwa okungabonwayo ezulwini nasemhlabeni okungaqoshiwe eNcwadini Ecacisayo [Uqwembe Olulondiwe]."},{"id":76,"translation":"Impela leKurani ilandisela abakwa Isirayeli okuningi kwalokho abaphikisana ngakho."},{"id":77,"translation":"Futhi iwumhlahlandlela nomusa kubakholwayo."},{"id":78,"translation":"Impela iNKosi yakho iyokwehlulela phakathi kwabo ngomthetho waKhe. Futhi unguSomandla Owaziyo."},{"id":79,"translation":"Ngakhoke thembela ku Allah, ngokuba useqinisweni elisobala."},{"id":80,"translation":"Impela wena [Muhamadi] awusoze wenza abafileyo bakwazi ukuzwa futhi angeke wakwazi ukwenza isimumu sizwe isimemo lapho sefulathela sishaya indiva."},{"id":81,"translation":"Futhi angeke uhole izimpumputhe uzikhiphe ebumnyameni bazo. Uyokhona kuphela ukwenza bakuzwe labo abakholwa yimibiko yeThu bebe bengaMamusilimu."},{"id":82,"translation":"Uma isinqumo sesehlela kubo, siyobakhiphela isilwane emhlabeni esiyobatshela ukuthi abantu babe ngenasiqiniseko ngemibiko yeThu."},{"id":83,"translation":"Futhi ngosuku lapho siyobabuthanisa amaqembu ngamaqembu kuzo zonke izizwe, alabo ababephika imibiko yeThu bese bayaqhutshwa."},{"id":84,"translation":"Kuthi lapho sebefika, athi [u Allah]: “Niphike imibiko yaMi ningenalwazi ngayo na, kanti yini lokhu ebenikwenza na?”"},{"id":85,"translation":"Isinqumo [sesijeziso] siyobe sesehlela phezu kwabo ngenxa yempambuko yabo futhi abayikukhuluma."},{"id":86,"translation":"Ababonanga yini ukuthi senze ubusuku ukuba baphumule kubo nemini ukuba babone. Impela kulokho kunezibonakaliso kubantu abakholwayo."},{"id":87,"translation":"Futhi ngosuku lapho kuyoshaywa icilongo; bonke abasemazulwini nasemhlabeni bayokwethuka ngaphandle kwalabo abathandwa ngu Allah. Futhi bonke bayoza kuYe [u Allah] bedixilelekile."},{"id":88,"translation":"Uyothi uma ubona izintaba ucabange ukuthi zimile kanti sesihambisa okwamafu. Lokhu ukwenza kuka Allah Lona oyingcweti kuyo yonke into. Impela Yena Unolwazi ngalokho enikwenzayo."},{"id":89,"translation":"Lowo owenza okuhle uyothola okungcono ukudlula lokho futhi bayophepha ekwesabeni kalolo Suku."},{"id":90,"translation":"Futhi lowo owenza okubi, ubuso babo buyontshingelwa emlilweni. Niyojeziswela lokho enikwenzile kuphela."},{"id":91,"translation":"Mina ngiyalelwe ukuba ngikhonze iNkosi yalomuzi [waseMakha], yona lena ewenze wahlonipheka futhi yonke into ngeyaYo. Futhi ngiyalelwe ukuba ngibe owokuqala ukuba yiMusilimu."},{"id":92,"translation":"Nokuthi ngifunde iKurani. Ngakhoke lowo olandela indlela eqondile uzenzela yena. Futhi lowo odukayo, yithi: “Mina ngingumexwayisi nje kuphela”."},{"id":93,"translation":"Futhi yithi: “Lonke udumo ngoluka Allah, uzonibonisa izibonakaliso zaKhe nani nizozazi. Futhi akusikho ukuthi iNkosi yakho ayikwazi enikwenzayo."}]},{"id":28,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif-Lam-Mim."},{"id":2,"translation":"Lena imibiko yeNcwadi Ecacisayo [iKurani]."},{"id":3,"translation":"Sikulandisela indaba ka Musa noFirawuni ngeqiniso kubantu abakholwayo."},{"id":4,"translation":"Impela uFirawuni waziqhayisa ezweni wenza abantu balo amaqembu. Elinye lamaqembu wayelicindezela ebulala amadoda abo ayeke abafazi babo. Impela wayengomunye abonakele."},{"id":5,"translation":"Futhi besifuna ukubusisa labo abacindezelwe emhlabeni futhi sibenze abaholi siphinde sibenze izindlalifa."},{"id":6,"translation":"Bese sibazinzisa emhlabeni, futhi sibonise uFirawuni noHamani nebutho labo ngabo [abacindezelwe] lokho ababekwesaba."},{"id":7,"translation":"Safaka kunina kaMusa ukuthi, “mncelise, kanti uma umesabela, mphonsele emfuleni futhi ungasabi ungakhathazeki; ngokuba thina sizombuyisela kuwe futhi simenze omunye weZithunywa”."},{"id":8,"translation":"Wabe esecoshwa umndeni ka Firawuni ukuze abe isitha nenkathazo kubo. Impela uFirawuni noHamani nebutho labo babesephutheni."},{"id":9,"translation":"Wathi umfazi kaFirawuni: “Uyoba injabulo kimi nakuwe, ungambulali hleze abe usuzo kithi noma nje simenze ingane yethu kulapho bengazi”."},{"id":10,"translation":"Inhliziyo kanina kaMusa yaba igobongo [ngenxa yokwesaba, wacishe wamdalula ukube nje asizange sizinzise inhliziyo yakhe ukuze abe okholwayo [kusithembiso sika Allah]."},{"id":11,"translation":"Wathi [unina kaMusa] kudadewabo [kaMusa]: “Mthungathe”. Wambona ngaseceleni benganakile."},{"id":12,"translation":"Besikade sesimnqabela ukuba anceliswe ngabanye ngaphambilini. Ngakhoke wathi [udadewabo]: “Nginganibonisa umndeni onganinakekelela yena futhi bamphathe kahle”."},{"id":13,"translation":"Sambuyisela kunina ukuze ajabule angakhathazeki futhi azi ukuthi impela isethembiso sika Allah siyiqiniso; kepha iningi labo alazi."},{"id":14,"translation":"Kuthe lapho esekhulile ngokugcwele, samnika ubuhlakani nolwazi. Futhi sibahlomulisa kanjalo abenza okuhle."},{"id":15,"translation":"Wangena emzini abantu bakhona benganakile, wafica amadoda amabili elwa; lona oweqembu lakhe kuthi lona isitha sakhe. Lona weqembu lakhe wamcela ukuba amelekelele esitheni sakhe; uMusa wamwakaza ngenqindi wambulala, wathi: “impela lokhu umsebenzi kaShayitani, impela yena ungumdukisi oyisitha esisobala”."},{"id":16,"translation":"Wathi: “Nkosi yami, impela ngiphambukile, ngakhoke ngithelele”; wamthethelela, impela Yena Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":17,"translation":"Wathi: “Nkosiyami ngalokho ongibusise ngakho ungangenzi umsekeli weziphula mthetho”."},{"id":18,"translation":"Waqala ukwesaba eqalaza emzini, kwathi memfu lona obekade ecela usizo ngayizolo efuna futhi amlekelele. Wathi [uMusa] kuye: “Impela wena uyihlongandlebe langempela”."},{"id":19,"translation":"Kuthe lapho efuna ukugxavula lona oyisitha sabo, wathi [uzakwabo]: “We Musa, ufuna ukungibulala njengoba ubulale umuntu izolo na? Wena ufuna ukuba undlovu kayiphikiswa ezweni afune kuba umlungisi”."},{"id":20,"translation":"Kweza indoda igijima iphuma ekugcineni nomuzi yathi: “We Musa impela izikhulu zibhunga ngawe ukuze zikubulale, ngakhoke phuma uphele, impela mina ngiyakweluleka”."},{"id":21,"translation":"Waphuma kuwo esaba eqalaza, wathi: “Nkosi yami ngihlenge kubantu abaphambukileyo”."},{"id":22,"translation":"Kuthe lapho esebhekise amabombo eMadiyana, wathi: “Hleze iNkosi yami ingiholele endleleni eqondile”."},{"id":23,"translation":"Kuthe uma efika emanzini aseMadiyana, wafica kunoquqaba lwabantu luphuzisa [impahla], wathola futhi kunabesimame ababili bemele buqama. Wathi: “Kwenzenjani nganina?”. Bathi: “Asiyiphuzisi impahla kuze kube sebehambe bonke abelusi, futhi ubaba wethu ikhehla elidala”."},{"id":24,"translation":"Wabaphizisela wase ehamba eya emthunzini, wathi: “Nkosi yami ngidinga konke okuhle ongangipha kona”."},{"id":25,"translation":"Omunye wabesimame ababili weza kuye ehamba ngesizotha wathi: “Ubaba wami uyakubiza ukuze akunike umvuzo wokusiphuzisela”. Kuthe uma esifikile kuye [ubaba wamadodakazi] wamlandisela udaba wathi: “Ungesabi; ususindile kubantu abaphambukile”."},{"id":26,"translation":"Wathi omunye [wamadodakazi]: “Baba, mqashe; impela lowo okunguyena okungcono umqashe yilowo onamandla othembekile”."},{"id":27,"translation":"Wathi: “Ngifuna ukushadisa enye yamadodakazi wami lawa, ngokuthi wena ungisebenzele iminyaka esiyishagalombili. Uma uqeda eyishumi, kuyophma kuwe, phela angifuni ukukwenzela nzima. Uzongifumanisa ngingoqotho ngentando ka Allah”."},{"id":28,"translation":"Wathi [uMusa]: “Lokho kuphakathi kwami nawe; noma yisiphi kwezimbili izikhathi engiziphothulayo akuyikuba nenzondo kimi, futhi u Allah kulokho esikushoyo ukuqaphile”."},{"id":29,"translation":"Kuthe lapho uMusa esesiqedi isikhathi, wahamba nomndeni wakhe; wabona eceleni kwentaba umlilo. Wathi kumndeni wakhe: “Hlalani la, impela ngibona umlilo, mhlawumbe nginganilethela ulwazi kuwo noma isikhuni esivuthayo ukuze nothe”."},{"id":30,"translation":"Kuthelapho efika kuwo, kwamemezwa eceleni kwesigodi sangakwesokudla endaweni ebusisiwe esihlahleni, kwathiwa: “We Musa, impela Mina ngingu Allah iNkosi yendalo yonke”."},{"id":31,"translation":"“Phonsa phansi induku yakho”. Kuthe uma eyibona inyakaza okwenyoka wabeletha izithende wangabheka emuva. [Wabizwa]: “We Musa buya ungesabi, impela uphephile”"},{"id":32,"translation":"Faka isandla sakho esikwameni sakho, siziphuma simhlophe kungesifo bese usondeza ingalo yakho kuwe ngenxa yokwesaba. Lokho ubufakazi obubili obuvela eNkosini yakho buya kuFirawuni nezikhulu zakhe, impela bona bangabantu abayiziphula mthetho”."},{"id":33,"translation":"Wathi: “Nkosi yami, impela ngabulala umuntu kubo, ngakhoke ngiyesaba ukuthi bangahle bangibulale”."},{"id":34,"translation":"Futhi umfowethu uHaruna uliciko ngolimi ukudlula mina, ngakhoke mthumele kanye nami njengosekela azongifakazela, impela ngiyesaba ukuthi bazongiphikisa."},{"id":35,"translation":"Wathi [u Allah]: “Sizokuqinisa ngomfowenu futhi sizonenzela ubufakazi, ngakhoke ngeke banenze lutho [olubi]. Nobabili kanye nalabo abanilandelayo niyonqoba ngezibonkaliso zeThu”."},{"id":36,"translation":"Kuthe lapho uMusa efika kubo nezibonakaliso Zethu ezicacile, bathi: “Lokhu ubulumbi aziqambele bona futhi asikaze sezwa ngalokho ngisho nakokhokho bethu emandulo”."},{"id":37,"translation":"Wathi uMusa: “iNkosi yami imazi kahle lowo oze nokuholelwa okuvela kuYe nalowo okunguyena oyothola isiphetho; impela abaphambuki abaphumeleli”."},{"id":38,"translation":"Wathi uFirawuni: “Nina zikhulu, akukho sikhonzwa enginazela sona. We Hamani ake ungenzele izitini ngenhlabathi ungakhele inqaba ewumbhoshongo ukuze kengilunguze lesikhonzwa sika Musa ngona ngicabanga ukuthi unamanga”."},{"id":39,"translation":"Waziqhayisa yena nebutho lakhe ezweni ngokungemthetho futhi bacabanga ukuthi abasoze babuyela kithi."},{"id":40,"translation":"Samjezisa yena nebutho lakhe sabatshinga emanzini. Awubheke nje ukuthi sabanjani isiphetho sabaphambukile."},{"id":41,"translation":"Futhi sabenza baba ngabaholi abamemela emlilweni kanti nangosuku lokwahlulela angeke basizwa."},{"id":42,"translation":"Sabalandelisa ngesiqalekiso kulomhlaba kanti futhi ngoSuku lokwahlulela bayoba ngababi."},{"id":43,"translation":"Futhi sanika uMusa Incwadi emuva kokuba sesibhubhise izizwe zasekuqaleni, ukuze ikhanyisele abantu ibe umhlahlandlela futhi ibe umusa ukuze balalele."},{"id":44,"translation":"Futhi bewungekho ohlangothini [lwentaba] lwasentshonalanga mhla sethula umyalelo kuMusa [simjuba] futhi bewungathamelanga."},{"id":45,"translation":"Kepha Thina sadala izizwe [emuva kaMusa] zaphila isikhathi eside. Futhi ubungahlali nabantu baseMadiyana ubafundela imibiko yeThu, kepha yithina esathumela."},{"id":46,"translation":"Futhi bewungekho eceleni [kwentaba] iTuri mhla simemeza; kepha [sikuthumele ukuba ube] umusa ovela eNkosini yakho ukuze wexwayise abantu abangamtholanga umexwayisi ngaphambi kwakho hleze balalele."},{"id":47,"translation":"Uma bengehlelwa umshophi [isijeziso] ngenxa yemisebenzi yabo, bazothi: “Nkosi yethu, kungani ungathumelanga isithunywa kithi ukuze silandele imibiko yakho futhi sibe ngabakholwayo”."},{"id":48,"translation":"Kuthe iqiniso lifika kubo livela kithi bathi: “Kungani angenikwanga okufana nalokhu okwanikwa uMusa na?” Abazange yini bakuphike lokho okwanikwa uMusa phambilini na? Bathi: “Ubulumbi obubili buyasekelana [beqonde iTora neKurani]”. Baphinde bathi: “Thina konke asikukholwa”."},{"id":49,"translation":"Yithi: “Lethani incwadi evela ku Allah ewumhlahlandlela ongcono ukudla lezi ezimbili, ukuze ngiyilandele uma ngempela niqinisile”."},{"id":50,"translation":"Uma bengakuphenduli, yazike ukuthi bazilandelela izinkanuko zabo nje kuphela. Futhi ingabe ubani oduke ukudlula lowo olandela izinkanuko zakhe ngaphandle kokuhola okuvela ku Allah. Impela u Allah akabaholi abantu abaphambukile."},{"id":51,"translation":"Futhi impela sibahlalusele inkulumo [yeKurani] ukuze balalele."},{"id":52,"translation":"Labo esabanika iNcwadi ngaphambi kwayo [iKurani], babekholwa yiyo."},{"id":53,"translation":"Uma befundelwa yona bathi: “Siyayikholwa, impela iyiqiniso elivela eNkosini yethu futhi besivele singamaMusilimu ngaphambi kwayo”."},{"id":54,"translation":"Labo bayonikwa umvuzo wabo kabili ngenxa yokubekezela kwabo futhi basusa okubi ngokuhle baphinde baphisane ngalokho esibabele kona."},{"id":55,"translation":"Uma bezwa umbhedo bayaziqhelelanisa nawo, bathi: “Thina sinokwethu esikwenzayo, nani ninokwenu enikwenzayo; ukuthula makube kini asinaso isikhathi seziwula”."},{"id":56,"translation":"Impela akunguwe ohola omthandayo, kepha ngu Allah ohola amthandayo futhi ubazi kahle abasendleni eqondile."},{"id":57,"translation":"Futhi bathi: “Uma silandela ukuholwa kanye nawe sizohlwithwa ezweni lethu”. Asizange yini sibazinzise endaweni ehloniphekile ephephile, zonke izithelo zayo yonke into zilethwa kuyo njengesondlo esivela kithi, kepha iningi labo alazi”."},{"id":58,"translation":"Futhi ziningi izizwe esazibhubhisa ezaphula umthetho ngempilo yazo. Nansiya imizi yabo ayisahlali muntu emuva kwabo ngaphandle nje okwesikhashana. Futhi yithina esasala siyithatha."},{"id":59,"translation":"Futhi iNkosi yakho ayikaze ibhubhise isizwe ingakathumeli kwelomkhulu laso iSithunywa esibafundela imibiko yeThu. Futhi asikaze sibhubhise isizwe abantu bakhona bengebona abaphambuki."},{"id":60,"translation":"Yonke into eniphiwe yona, eyokuzijabulisa empilweni yasemhlabeni nobuhle bayo. Kepha lokho okuku Allah kungcono futhi akupheli. Ake niqonde."},{"id":61,"translation":"Lowo esimthembise isethembiso esihle futhi eyosithola, ingabe uyafana yini nalowo esimjabulise ngezinto zempilo yasemhlabeni bese eyoba ngabayolethwa [ukuze ahlulelwe] ngoSuku lokwahlelela na?"},{"id":62,"translation":"Ngosuku lapho [u Allah] ayobabiza khona athi: “Baphi abalingani baMi laba ebenibaqokile na?”"},{"id":63,"translation":"Laba abayokwehlelwa yisinqumo [sesijeziso] bayothi: “Nkosi yethu, yibo kanye laba esabadukisa, sabadukisa njengoba nathi sasidukile; futhi babengakhonzi thina nhlobo”."},{"id":64,"translation":"Kuyobe sekuthiwa: “Khulekani kuzikhonzwa zenu; bayokhuleka kepha zingabaphenduli, bese bebona isijeziso; ukube nje bahamba endleleni eqondile [ngabe abasibonanga isijeziso]."},{"id":65,"translation":"Futhi ngosuku lapho [u Allah] ayobabiza khona athi: “Niziphendule nathini iZithunywa na?”"},{"id":66,"translation":"Kuyophela izizaba kubo ngalolo suku; angeke babuzane lutho[1].","footnotes":"[1] OKusho ukuthi, inkukhu iyonqunywa umlomo, ziyime emthubeni kube mnyama ebusweni benkawu."},{"id":67,"translation":"Kepha lowo ozozisola acele intethelelo akholwe enze nokulungileyo, hleze abe ngophumelelayo."},{"id":68,"translation":"Futhi iNkosi yakho idala ekuthandayo; bona abanakho ukuzikhethela. U Allah ungcwele futhi uphakeme kunalokho abakubhangqayo."},{"id":69,"translation":"Futhi iNkosi yakho iyakwazi lokho okufihlwa izinhliziyo zabo nalokho abakuveza obala."},{"id":70,"translation":"Futhi ungu Allah, akekho omunye ofanele akhonze ngaphandle kwaKhe; lonke udumo lungo lwaKhe ekuqaleni nasekugcineni; futhi nguYena owehlulelayo kanti futhi niyibuyela kuYe."},{"id":71,"translation":"Yithi: “Akenisho, uma u Allah engenza ubusuku bube unaphakade kini, yisiphi isikhonzwa ngaphandle kuka Allah esiyonilethela ukukhanya na? Ingabe anizwa yini na?”"},{"id":72,"translation":"Yithi: “Ake nisho, uma uAllah engeza imini ibe unaphakade kini, yisiphi isikhonzwa ngaphandle kuka Allah esiyonilethela ubusuku eniyophumula kubo na? Ingabe anizwa yini na?"},{"id":73,"translation":"Futhi ngomusa waKhe unenzele ubusuku nemini ukuze niphumule kubo futhi nithungathe nezibusiso zaKhe nokuthi nibonge."},{"id":74,"translation":"Ngosuku lapho [u Allah] ayobabiza khona athi: “Baphi abalingani baMi laba ebenibaqokile na?”"},{"id":75,"translation":"Siyokhipha kusizwe nesizwe ufakazi bese sithi: “Lethani ubufakzi benu”. Lapha bayokwazi ukuthi iqiniso ngelika Allah futhi konke lokhu ababekuqamba kuyobalahlekela”."},{"id":76,"translation":"Impela uKaruna waye ngowesizwe sika Musa kepha bawajikela – samnika umcebo ozihluthulelo zawo zisinda amadoda amaningi anamandla – mhla abantu bakubo bethi kuye: “Ungazindondonyi ngokweqile, ngokuba u Allah akabathandi abazindondonyayo”."},{"id":77,"translation":"Futhi sebenzisa lokho u Allah akuphe kona ukuthola umuzi wakwelizayo [iJana]; kepha ungakhohlwa isabelo sakho sasemhlabeni. Wenze okuhle [kwabanye] njengoba enze okuhle kuwe. Futhi ungabhebhetheli ukonakala ezweni, impela u Allah akabathandi abonakele."},{"id":78,"translation":"Wathi: “Ngiwunikwe [umcebo] ngenxa yolwazi enginalo [ubuhlakani bami]”. Ingabe akazi yini ukuthi impela u Allah wababhubhisa ngaphambi kwakhe izizwe ezazinamandla ukudlula yena nezazicebe ukudlula yena. Futhi angeke iziphula mthetho zibuzwe zezimpambuko zabo [abasendulo]”."},{"id":79,"translation":"Waphumela kubantu bakubo evunulile, bathi laba abalangazelela impilo yasemhlabeni: “Sifisa engathi nathi besinokufana nalokhu okunikwe uKaruna, impela uphiwe lukhulu”."},{"id":80,"translation":"Bathi laba abanikwa ulwazi: “Kahleni bo, umvuzo ka Allah yiwona ongcono kulowo okholwayo nowenza okulungileyo. Futhi akekho oyowuthola ngaphandle kwalabo ababekezelayo”."},{"id":81,"translation":"Samgqiba ngomhlaba yena nomuzi wakhe; kwakungekho nelilodwa iqembu ebengamsiza ngaphandle kuka Allah futhi wayengeke aphunyuke."},{"id":82,"translation":"Laba ababekade befisa ukuba nguye ngayizolo kwabayibo futhi abathi: “Yeheni, impela u Allah upha aphinde amswinye isondlo lowo amthandayo ezigqileni zaKhe. Ukube nje u Allah akasibusisanga ngabe nathi usugqibile; yeheni, impela abangakholwa abaphumeleli”."},{"id":83,"translation":"Lowo umuzi wakwelizayo esiwudalele labo abangalangezeleli ukuphakama emhlabeni noma ukonakala. Futhi isiphetho esalabo abathobela u Allah."},{"id":84,"translation":"Lowo owenza okuhle, uyothola okungcono kunakho [umvuzo]. Kuthi lowo owenza okubi; labo abenza okubi abayikujeziselwa okunye ngaphandle kwalokho abakwenzile."},{"id":85,"translation":"Impela lona owembulele iKurani kuwe, uyokubuyisela lapho uphuma khona. Yithi: “iNkosi yami imazi kahle lowo oza nokuholwa nalowo osekudukeni okusobala”"},{"id":86,"translation":"Futhi wawungalangezeleli ukuthi ulethelwe iNcwadi [iKurani] ngaphandle nje komusa ovela eNkosini yakho. Ngakhoke ungabi umesekeli wabangakholwa."},{"id":87,"translation":"Futhi ungavinjwa muntu emibikweni ka Allah uma seyembulelwe kuwe. Umemele eNkosini yakho, ungabi mdibi munye nabakhonza izithixo."},{"id":88,"translation":"Futhi ungakhonzi esinye isikhonzwa usibhangqe no Allah; akekho ofanele ukukhonzwa ngaphandle kwaKhe. Yonke into iyoshabalala ngaphandle kobuso baKhe. Ukwehlulela ngokwaKhe futhi niyobuyela kuYe."}]},{"id":29,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif-Lam-Mim."},{"id":2,"translation":"Ingabe abantu bacabanga ukuthi kuyothi uma sebethe: “Siyakholwa”, bese bengavivinywa na?"},{"id":3,"translation":"Sabavivinya impela labo ababandulelayo; ukuze phela u Allah azi labo abaqinisile [ukuthi baykholwa] nalabo abanamanga."},{"id":4,"translation":"Kumbe labo abenza izimpambuko bacabanga ukuthi bayosiphunyuka na? Yaze yayimbi indlela abehlulela ngayo."},{"id":5,"translation":"Lowo olangezelela ukuhlangana no Allah; impela isikhathi [esibekiwe] sika Allah siyeza, futhi Ungozwayo Owaziyo."},{"id":6,"translation":"Futhi lowo ozikhandlayo, uzenzela yena uqobo, ngokuba u Allah akayidingi indalo yonke."},{"id":7,"translation":"Futhi laba abakholwayo nabenza okulungileyo, sizobasulela izimpambuko zabo siphinde sibahlomulise ngomvuzo odlula lokhu ababekwenza."},{"id":8,"translation":"Seluleke umuntu ukuba aphathe kahle abazali bakhe. Uma bekuphoqelela ukuba uNgibhangqe nalokho ongenalwazi ngakho, ungabalaleli. Nonke niyobuyela kiMi bese nginazisa ngalokho ebenikwenza."},{"id":9,"translation":"Futhi labo abakholwayo abenza nokulungileyo, nakanjani siyobangenisa kanye nabaqotho."},{"id":10,"translation":"Futhi ebantwini kunalowo othi: “Ngiyakholelwa kuka Allah”, kepha uma eselinyazwa ngenxa ka Allah, wenza incindezelo yabantu kube ngathi isijeziso esivela ku Allah. Kodwa uma sekufika usizo oluvela eNkosini yakho, nakanjani uzothi: “Impela besikanye nani”. Kanti u Allah akakwazi kahle yini lokhu okusezifubeni zendalo yonke na?"},{"id":11,"translation":"U Allah ubazi kahle impela laba abakholwayo futhi ubazi kahle impela nalabo abangabazenzisi."},{"id":12,"translation":"Laba abangakholwa bathi kulabo abakholwayo: “Landelani eyethu indlela, sizonithwalela izimpambuko zenu”, abasoze babathwalela lutho ezimpambukweni zabo, impela banamanga."},{"id":13,"translation":"Bayothwala imithwalo yabo [yezimpambuko] neminye imithwalo phezu kwemithwalo yabo. Futhi bayobuzwa ngoSuku lokwahlulela ngalokho ngamanga ababewaqamba."},{"id":14,"translation":"Futhi sathumela uNuhu esizweni sakhe, wahlala phakathi kwabo iminyaka eyinkulungwane ususe engamashumi ayisihlanu. Wahlaselwa izikhukhula bengabaphambukile."},{"id":15,"translation":"Samhelanga yena nalabo ababesemkhunjini sabenza isibonakaliso endalweni yonke."},{"id":16,"translation":"Landisa ngo Ibhirahimu mhla ethi esizweni sakhe: “Khonzani u Allah nithobele Yena [kuphela], yikona lokho okungcono kakhulu kini ukube nje benazi”."},{"id":17,"translation":"Lokhu enikukhonzayo ngaphandle kuka Allah izithixo futhi niqamba amanga aluhlaza. Impela lokhu enikukhonzayo ngaphandle kuka Allah akunasondlosenu abanaso, ngakhoke celani isondlo ku Allah futhi nikhonze yena nimbonge, ngokuba niyobuyela kuYe."},{"id":18,"translation":"Uma niphika, nezizwe ezinandulelayo nazo zaphika, futhi-ke umsebenzi weSithunywa ukuba sethule umlayezo ocacile."},{"id":19,"translation":"Ababoni yini ukuthi u Allah uyisusa phansi kanjani indalo bese eyiphinda futhi. Impela lokho kulula ku Allah."},{"id":20,"translation":"Yithi: “Hambani emhlabeni, nibheke ukuthi yaqala kanjani indalo yaqala kanjani. Futhi u Allah uyophinda ayivuse futhi. Impela u Allah akahlulwa yilutho."},{"id":21,"translation":"Ujezisa amthandayo aphinde ahawukele amthandayo futhi niyobuyela kuYe."},{"id":22,"translation":"Futhi nina anisoze naphunyuka emhlabeni nasezulwini, futhi akekho oyonihlenga noyonisiza ngaphandle kuka Allah."},{"id":23,"translation":"Futhi labo abangakholwa imibiko ka Allah nokuhlangana naYe; yilabo asebelahlekelwe yithemba emseni waMi, futhi yibo kanye labo abayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":24,"translation":"Impendulo yesizwe sakhe kwavele kwaba ukuthi bathi: “Mbulaleni noma nimshise”. Kepha u Allah wamhlenga emlilweni. Impela kulokho kunezibonakaliso kubantu abakholwayo."},{"id":25,"translation":"Wathi: “Nivele naziqokela izithixo ngaphandle kuka Allah ukuze kube nozwano phakathi kwenu empilweni yasemhlabeni; ngoSuku lokwahlulela niyophikana nodwa futhi niqalekisane nodwa, bese isiphetho senu kube umlilo futhi akekho oyonisiza”."},{"id":26,"translation":"u Luti yena wamkholwa [u Ibhirahimu]. Wabe esethi [u Ibhirahimu]: “Ngifudukela eNkosini yami, impela Yona inguSomandla Okhaliphile”."},{"id":27,"translation":"Samupha u Isihaki no Yakubu sabeka ubuthunywa neNcwadi ozalweni lwakhe, samnika nomvuzo wakhe emhlabeni futhi nakwelizayo ukanye nabaqotho."},{"id":28,"translation":"Futhi landisa ngoLuti mhla ethi kubantu bakhe: “Impela nina nenza amanyala; akukho noyedwa endalweni yonke owake wawenza ngaphambi kwenu”."},{"id":29,"translation":"Nikhanuka amanye amadoda, nibamba nenkuzi futhi nenza izimpambuko ezigungwini zenu. Impendulo yesizwe sakhe kwaba ukuba bathi: “Wena nje silethele isijeziso sika Allah uma uqinisile”."},{"id":30,"translation":"Wathi: “Nkosi yami ngilekelele ebantwini abonakele”."},{"id":31,"translation":"Kuthe lapho zifika izithunywa zeThu ku Ibhirahimu nezindaba ezinhle, zathi: “Thina siyobhubhisa abantu bakulandawo, impela abantu bakhona baphambukile”."},{"id":32,"translation":"Wathi: “Kuno Luti kuyo”. Bathi: “Sazi kahle ukuthi ubani okuyo. Sizomhlenga yena nomndeni wakhe ngaphandle komkakhe, ngoba uyobhujiswa”."},{"id":33,"translation":"Kuthe lapho izithunywa zethu zifika ku Luti, wazixwaya wangakhululeka ngazo; zathi: “Ungesabi futhi ungakhathazeki. Thina sizokuhlenga wena nomndeni wakho ngaphandle komkakho ngokuba yena uyobhujiswa”."},{"id":34,"translation":"Sizokwehlisela ebantwini balendawo isijeziso esivela phezulu ngenxa yokuphula kwabo umthetho."},{"id":35,"translation":"Impela sashiya kuyo isibonakaliso esicacile kubantu abaqondayo."},{"id":36,"translation":"Nabase Madiyana, [sathumela] umfowabo uShu’ayibu, wathi: “Bantu bakithi, khonzani u Allah niphokephelele oSukwini lokugcina ningaphambuki ezweni nenza ukonakala”."},{"id":37,"translation":"Bamphikisa, bahlaselwa ukuzamazama, kwasa bedindilizile emizini yabo."},{"id":38,"translation":"Futhi sababhubhisa abakwa Adi noTamudi. Impela imizi yabo niyazi kahle. uShayitani wabenzela zinhle izenze zabo [ezimbi] ngaleyo ndlela wabavimba endleleni eqondile futhi babezibona besengekho ephutheni."},{"id":39,"translation":"NoKaruna noFirawuna noHamani sababhubhisa. Impela uMusa wafika kubo nezibonakaliso, kunalokho baziqhayisa ezweni kepha abaphunyukanga."},{"id":40,"translation":"Yilowo nalowo sambhubhisa ngempambuko yakhe. Kunalowo kubo esamthumelela ngesiphepho, kube nalowo owahlaselwa umsindo omkhulu, kube nalowo esamgqiba ngomhlaba bese kuba nalowo esamcwilisa. Futhi akusiye u Allah owenza okungebulungiswa kubo kepha yibona abangenzanga ubulungiswa kubo uqobo."},{"id":41,"translation":"Umzekelo walabo abaziqokele abahlengi ngaphandle kuka Allah, bafana nesicabucabu esakha indlu. Impela indlu entekenteke, indlu yesicabucabu; ukube nje bebazi."},{"id":42,"translation":"Impela u Allah ukwazi konke lokhu abakukhonzayo ngaphandle kwaKhe futhi unguSomandla Okhaliphile."},{"id":43,"translation":"Leyo imizekelo esiyenzela abantu futhi akekho oyiqondayo ngaphandle kwalaba abanolwazi."},{"id":44,"translation":"U Allah udale amazulu nomhlaba ngeqiniso. Impela kulokho kunesibonakaliso kulabo abakholwayo."},{"id":45,"translation":"Funda lokhu okwembulelwe kuwe eNcwadini futhi uqikelele ukwenza iswala. Impela iswala ivikela emanyaleni nasezimpambukweni. Futhi ukukhumbula u Allah yikona okukhulu. Belu u Allah ukwazi konke enikwenzayo."},{"id":46,"translation":"Futhi ungaqophisani nabeMibhalo ngaphandle uma kungendlela enhle. Ngaphandle ke kwalabo abangenabulungiswa kubo. Nithi: “Siyakholelwa kulokho okwembulelwe kithi nokwembulelwe kini futhi lona esimkhonzayo nenimkhonzayo uyedwa futhi sizinikele kuYe”."},{"id":47,"translation":"Kanjalo sembulela nakuwe iNcwadi. Futhi labo esembulela kubo iNcwadi bayakholelwa kuyo, nakulaba kunalabo abakholelwa kuyo. Futhi akekho ophika imibiko yeThu ngaphandle kwabangakholwa."},{"id":48,"translation":"Futhi bewungakaze ufunde ncwadi ngaphambi kwayo [iKurani] noma ke ubhale ngesandla sakhe sokudla. Phela bebezoba nokungabaza laba abaphikayo."},{"id":49,"translation":"Empeleni [iKurani] iyimibiko ecacile esezinhlizweni zalabo abanikwe ulwazi, futhi akekho ophika imibiko yeThu ngaphandle kwaba ngenabulungiswa."},{"id":50,"translation":"Futhi bathi: “Kungani engehliselwa izibonakaliso esivela eNkosini yakhe na?” Yithi: “Izibonakaliso ziku Allah, mina nje ngingumexwayisi ocacisayo”."},{"id":51,"translation":"Ingabe abaneli ukuthi sembulele kuwe iNcwadi abafundelwa yona na?. Impela kulokho kunomusa nesikhumbuzo kubantu abakholwayo."},{"id":52,"translation":"Yithi: “u Allah wanele njengofakazi phakathi kwami nani, ngoba wazi konke okusemazulwini nasemhlabeni. Futhi labo abakholelwa kumbhedo bese bengakholelwa ku Allah, yibona abalahlekelwe”."},{"id":53,"translation":"Futhi bayajaha ngesijeziso. Ukube bengekho ngenxa yesikhathi esibekiwe ngabe kade safika kubo isijeziso. Futhi siyofika kubo bengazelele kulapho benganakile."},{"id":54,"translation":"Bakujaha ngesijeziso, kulapho impela iJahanamu iyobahaqa bonke abangakholwa."},{"id":55,"translation":"Ngosuku lapho isijeziso sibamboza ngaphezulu nangaphansi kwemilenze yabo, bese ethi [u Allah]: “Zwanini lokho ebenikwenza”."},{"id":56,"translation":"Zigqila zaMi ezikholwayo, impela umhlaba waMi ubanzi ngakhoke khonzani Mina kuphela."},{"id":57,"translation":"Wonke umphefumulo uyokuzwa ukufa, bese nibuyela kithi."},{"id":58,"translation":"Labo abakholwayo benze nokulungileyo sizobabeka eJana emagunjini [aphakeme], okugeleza ngaphansi kwawo imifula bahlale kuwo unaphakade. Waze wamuhle umvuzo wabasebenzayo."},{"id":59,"translation":"Labo ababekezelayo futhi bathembele eNkosini yabo."},{"id":60,"translation":"Zingakhi izilwane ezingakubeki ukudla kwazo, kepha u Allah uyazondla Kanye nani; futhi Ungozwayo Owaziyo."},{"id":61,"translation":"Uma ungababuza ukuthi, ngubani owadala amazulu nomhlaba waphinda wajuba ilanga nenyanga na? Bayothi: “Ngu Allah”. Pho bayengwa kanjani ngamanga na?"},{"id":62,"translation":"U Allah upha ngenala isondlo kulowo amthandayo aphinde futhi amswinye. Impela u Allah wazi yonke into."},{"id":63,"translation":"Uma ungababuza ukuthi, ngubani oletha amanzi emvula wavusa ngawo umhlaba emuva kokuba ubusufile na? Bayothi: “Ngu Allah” Yithi “Lonke udumo ngoluka Allah, kepha iningi labo aliqondi”."},{"id":64,"translation":"Lempilo yasemhlabeni iwukuchitha isikhathi nomdlalo nje. Futhi umuzi wakwelizayo yiwona impela impilo, ukube nje bebazi."},{"id":65,"translation":"Uma sebegibele emkhunjini, bakhuleka ku Allah kuphela ngobumsulwa; kepha uma esebehlengele emhlabeni, yibo labaya sebeyabhangqa."},{"id":66,"translation":"Baze bangabongi lokhu esibaphe kona futhi bazijabulise, kepha bazokwazi."},{"id":67,"translation":"Ingabe ababoni ukuthi senze iHaramu [iMakha] kwaba indawo ephephile kulapho abantu behlwitha eceleni kwabo. Ingabe bakholelwa kumbhedo bangabongi isibusiso sika Allah na?"},{"id":68,"translation":"Ngubani ongenabulungiswa ukudlula lowo oqambela u Allah amanga noma ophika iqiniso lapho lifika kuye na? Kanti iJahanamu akusikho yini lapho okuyokhesela khona abangakholwa na?"},{"id":69,"translation":"Labo abazikhandlayo ngaThi, sizobaholela ezindleleni zeThu. Futhi impela u Allah unalabo abenza okuhle."}]},{"id":30,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif-Lam-Mim."},{"id":2,"translation":"Amaroma ayonqotshwa."},{"id":3,"translation":"Ezanzi nezwe futhi bayophinde banqobe emuva kokunqotshwa kwabo."},{"id":4,"translation":"Eminyakeni emithathu kuya kweyishumi. Ukulawula ngokuka Allah ekuqaleni nasemuva. Futhi ngalolo suku abakholwayo bayothokoza..."},{"id":5,"translation":"Ngosizo luka Allah. Usiza amthandayo futhi unguSomandla Onesihawu."},{"id":6,"translation":"Isethembiso sika Allah, u Allah akasephuli isethembiso saKhe kepha iningi labantu abazi."},{"id":7,"translation":"Bazi lokhu okosobala empilweni yasemhlabeni kulapho bengenandaba nekwelizayo."},{"id":8,"translation":"Ingabe abajulanga bona ngokwabo na?. U Allah udale amazulu nomhlaba ngeqiniso nesukhathi esibekiwe. Impela iningi labantu abakholwa ukuthi bayohlangana neNkosi yabo."},{"id":9,"translation":"Abazenge yini bahambe emhlabeni babheke ukuthi saba njani isiphetho salabo ababandulelayo. Babenamandla ukudlula bona futhi babephendula umhlaba futhi bawuphucula ukudlula bona. Zafika kubo iZithunywa zabo nezibonakaliso; akusiyena u Allah ongenzanga ubulungiswa kubo kepha yibona abangenzanga ubulungiswa kubona uqobo."},{"id":10,"translation":"Isiphetho salabo abenza okubi kwaba esibi ngoba baphika imibiko yeThu futhi babehlekisa ngayo."},{"id":11,"translation":"U Allah udala indalo eyisusa phansi bese eyiphinda, futhi niyobuyela kuYe."},{"id":12,"translation":"Futhi ngosuku lapho iSikhathi [sokwahlulela] sesifika, izephula mthetho ziyodideka."},{"id":13,"translation":"Bayobe bengesenaye oyobashwelezela kuzikhonzwa zabo, futhi bayoziphika izikhonzwa zabo."},{"id":14,"translation":"Futhi ngosuku lapho iSikhathi [sokwahlulela] sifika; ngalolo suku bayohlukana."},{"id":15,"translation":"Labo abakholwayo benza nokulingileyo, bayobe besesivandeni bejatshuliswa."},{"id":16,"translation":"Kuthi labo abangakholwa baphika nemibiko yeThu nokuhlangana kwelizayo, laboke bayosiwa esijezisweni."},{"id":17,"translation":"Ungcwele u Allah lapho kuhwalala nalapho kusa."},{"id":18,"translation":"Futhi udumo lonke ngolwaKhe emazulwini nasemhlabeni, nasebusuku nasemini."},{"id":19,"translation":"Ukhiqiza okuphilayo kokufile, aphinde akhiqize okufile kokuphilayo. Futhi uvuselela umhlaba emuva kokuba bewufile. Futhi nani niyokhishwa kanjalo [mhla nivuswa emathuneni]."},{"id":20,"translation":"Ezinye zezibonakaliso zaKhe ukuthi unidale ngenhlabathi nase naba ngabantu nasabalala."},{"id":21,"translation":"Futhi ezinye zezibonakaliso zaKhe ukuthi wanidalela abalingani bohlobo lwenu ukuze nithole ukuthula kubo futhi wenza kwaba nothando nomusa phakathi kwenu. Impela kulokho kunezibonakaliso kubantu abahlaziyayo."},{"id":22,"translation":"Futhi ezinye zezibonakaliso zaKhe ukudalwa kwamazulu nomhlaba nokuhluka kwezilimi zenu nemibala yenu [yesikhumba]. Impela kulokho kunezibonakaliso kulabo abanolwazi."},{"id":23,"translation":"Futhi ezinye zezibonakaliso zaKhe ukulala kwenu ebusuku nasemini nokuthungatha kwenu umusa waKhe. Impela kulokho kunezibonakaliso kubantu abezwayo."},{"id":24,"translation":"Futhi kwezinye zezibonakaliso zaKhe unibonisa umbani nesabe [ukushaywa yiwo] futhi nibe nethemba [lemvula]. Futhi wehlisa amanzi emvula avuselele ngawo umhlaba emuva kokuba ubusufile. Impela kulokho kunezibinakaliso kubantu abaqondayo."},{"id":25,"translation":"Futhi kwezinye zezibonakaliso zaKhe ukuthi isibhakabhaka nomhlaba kume ngomyalelo waKhe. Futhi kuyothi lapho enibiza kanye emhlabeni niyovele niphume."},{"id":26,"translation":"Wonke osemazulwini nasemhlabeni ungowaKhe; bonke bathobela Yena."},{"id":27,"translation":"Futhi nguYena owaqala indalo futhi uyophinda ayivuse [emuva kokufa kwayo], futhi kulula kakhulu kuYe. Kunjalo nje Yena unomfanekiso ophezulu emazulwini nasemhlabeni; futhi unguSomandla Okhaliphile."},{"id":28,"translation":"Unenzele umzekelo ngani uqobo. Ingabe nina nezigqila zenu ningabalingani kulokho esinabele kona [kumcebo], ngokulingana, nibasaba njengoba nisaba nina uqobo [eningezigqila] na?. Siyicacisa kanjalo imibiko kubantu abaqondayo."},{"id":29,"translation":"Empeleni laba abangenabulungiswa balandela izinkanuko zabo ngokungeqiniso. Ingabe-ke ubani oyohola lowo odukiswe ngu Allah na? Futhi akekho oyobasiza."},{"id":30,"translation":"Bambelela enkolweni ngobumsulwa; ubambelele esimeni sobumsulwa sika Allah lesi adalela kuso abantu. Akekho oyoguqula indalo ka Allah. Leyo iyona ndlela eqondile kepha iningi labantu alazi."},{"id":31,"translation":"Ngokuzinikela kuYe futhi nimuthobele. Niqikelele ukwenza iswala futhi ningabi ngababhangqi [abakhonza izyithixo]."},{"id":32,"translation":"Labo abahlakaza inkolo yabo babe ngamaqembu; lonke iqembu lijabule ngalokho elinakho[1].","footnotes":"[1] Okusho ukuthi iqembu neqembu alizihluphi noma lizikhathaze ngokuthola lokho okuyilona iqiniso langempela, kunalokho bavane baneliseke ngalemikhuba abayenzayo okuyiyona ebahlakazayo neyakha uqhekeko phakathi kwabo. AmaMusilimu ayexwayiswa ukuba angayithabathi lendlela nokuthi angazifanisi ngalokho nabantu abangazikhathazi ngokuthokozisa uMdali wabo."},{"id":33,"translation":"Uma abantu behlelwa ubunzima bakhuleka ku Allah ngokuzinikela kuYe. Kepha uma esebazwise umusa ovela kuYe, ubona ngabanye babo sebebhangqa iNkosi yabo."},{"id":34,"translation":"Ngaleyo ndlela bangakubongi lokhu esibaphe kona. Zijabuliseni, maduze nje nizokwazi."},{"id":35,"translation":"Kumbe sibalethele ubufakazi obukhuluma ngalokho abakubhangqa naYe na?"},{"id":36,"translation":"Futhi uma sizwisa abantu umusa, bayajabulela. Kepha uma behlelwa umshophi ngenxa yemisebenzi yezandla zabo, bavele balahle ithemba."},{"id":37,"translation":"Ababoni yini ukuthi u Allah wandisela futhi answinye amthandayo isondlo. Impela kulokho kuzibonakaliso kubantu abakholwayo."},{"id":38,"translation":"Nikeza izihlobo okuyilungelo labo kanjalo nompofu nomhambi. Lokho yikona okungcono kakhulu kulabo abafuna Ubuso buka Allah futhi labo yibona abayophumelela."},{"id":39,"translation":"Futhi konke lokhu okuyinzalo enikwengezayo emcebeni wabantu akusoze kwanda ku Allah. Kuthi lokhu enikhiphayo okuyizakati nilangazelele Ubuso buka Allah; yibona labo abayohlomula ngokuphindiwe."},{"id":40,"translation":"U Allah nguYena onidalile banondla futhi nguYena othatha impilo yenu aphinde anivuse. Ingabe ukhona yini ongakwenza nakancane okunye kwalokho na? Ungcwele futhi uphakeme u Allah kunalokho abakubhangqayo."},{"id":41,"translation":"Ukonakala sekudlangile ezweni nasolwandle ngenxa yemisebenzi yezandla zabantu; ukuze abazwise okunye kwalokho abakwenzile hleze bazisole."},{"id":42,"translation":"Yithi: “Hambani emhlabeni, nibheke ukuthi saba njani isiphetho salaba baphambilini. Iningi labe lingababhagqayo [abakhonza izithixo]."},{"id":43,"translation":"Bambelela enkolweni eqondile lungakafiki usuku lolo ku Allah olungeke lwaphindiselwa emuva; ngalolo suku bayosabalala."},{"id":44,"translation":"Lowo ongakholwa, ukungakholwa kwakhe makusale naye. Futhi labo owenza okulungileyo, baziphembela bona."},{"id":45,"translation":"Ukuze ahlomulise emseni waKhe labo abakholwayo nabenza okulungileyo; impela Yena akabathandi abangakholwa."},{"id":46,"translation":"Kwezinye zezibonakaliso zaKhe, ukuthi uthumela imimoya ethula izindaba ezinhle [zemvula], ukuze anizwise umusa waKhe nokuthi umkhumbi uhambe ngomyalelo waKhe nokuthi nizithungathelele ezibusisweni zaKhe, hleze nibonge."},{"id":47,"translation":"Futhi sathumela iZithunywa kuzizwe zazo ngaphambi kwakho; zafika kubo nobufakazi. Kepha saziphindiselela kulabo abephula umthetho, futhi kumele sibasize laba abakholwayo."},{"id":48,"translation":"U Allah uthumela imimoya esabalalisa amafu bese ewandlala esibhakabhakeni ngokuthanda kwaKhe awesenze amacozucozu; bese ubona imvula iphuma ngaphakathi kwawo. Ube eseyinisela loyo amthandayo ezigqileni zaKhe, kube yibo labaya sebejabula."},{"id":49,"translation":"Nakuba ngaphambi kokuba ine kubo bebe sebengenalo ithemba."},{"id":50,"translation":"Bheka nje imithethelela yomusa ka Allah, ukuthi uwuvuselela kanjani umhlaba emuva kokufa kwawo. Impela loyo uyakwazi nakanjani ukuvusa abafileyo futhi akehlulwa yilutho."},{"id":51,"translation":"Futhi noma singathumela umoya, bazibone [izitshalo] ziba luphuzi [zifa]; bayolokhu beqhubeke njalo emuva kwakho lokho bengabongi."},{"id":52,"translation":"Ngempela wena awukwazi ukwenza abafileyo bezwe futhi awukwazi ukwenza izimumu sizwe isimemo uma bebaleka bengenendaba."},{"id":53,"translation":"Futhi awukwazi ukuhola izimpumputhe uyikhipe ekudukeni kwazo. Labo okuyibona ongabenza bakulalele yilabo abakholelwa kumibiko yeThu futhi bengaMamusilimu."},{"id":54,"translation":"U Allah nguYena lona owanidala nibuthaka wase enipha amandla emuva kobuthaka waphinde wanenza emuvakokuba namandla nabuthaka naguga; udala akuthandayo futhi Unolwazi Unamandla."},{"id":55,"translation":"Futhi ngosuku lapho sifika iSikhathi [sokwahlulela], iziphula mthetho ziyofunga zigomele ukuthi zahlala nje isikhashana [emangcwabeni]. Phela babedukiswa kanjalo."},{"id":56,"translation":"Laba abanikwa ulwazi nokholo bayothi: “Ngokulotshiwe eNcwadini ka Allah, nihlale kwaze kwaba usuku lokuvuswa. Yilona-ke lolu usuku lokuvuswa kepha beningazi”."},{"id":57,"translation":"Ngalolo suku, labo abaphambukile izizaba zabo ngeke zibasize ngalutho futhi abayikunikwa thuba lokuzincengela."},{"id":58,"translation":"Impela zibenzele abantu yonke imizekelo kule Kurani. Kepha uma ubalethela umbiko owodwa laba abangakholwa bathi: “Niyazibhedele nje”."},{"id":59,"translation":"U Allah uzivala kanjalo izinhliziyo zalaba abangenalwazi."},{"id":60,"translation":"Ngakhoke, bekezela, ngokuba isethembiso sika Allah siyiqiniso futhi ungabavumeli bakuqede umoya laba abangenasiqiniseko."}]},{"id":31,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif-Lam-Mim"},{"id":2,"translation":"Lena imibiko yeNcwadi Ekhaliphile."},{"id":3,"translation":"Ingumholi nomusa kulabo abenza okuhle."},{"id":4,"translation":"Labo abaqikelela ukwenza iswala bakhiphe nezakati futhi banesiqiniseko ngelakwelizayo."},{"id":5,"translation":"Laba basekuholweni okuvela eNkosini yabo futhi labo yibona abayophumelela."},{"id":6,"translation":"Futhi kunalowo kubantu okhetha inkulumo ewubhedo ukuze adukise [abantu] endleleni ka Allah [i-Isilamu] ngokungenalwazi aphinde ayenze inhlekisa."},{"id":7,"translation":"Futhi uma efundelwa imibiko yeThu, uvele afulathele ngokuzigqaja kube ngathi akayizwanga noma ngathi izindlebe zakhe zivalekile. Ngakhoke mhalalisele ngesijeziso esibuhlungu"},{"id":8,"translation":"Impela labo abakholwayo nabenza okulungileyo, bayothola izivande zentokomalo."},{"id":9,"translation":"Bayohlala kuzo unaphakade; isethembiso sika Allah esiyiqiniso; futhi unguSomandla Okhaliphile."},{"id":10,"translation":"Udale amazulu nomhlaba ngaphandle kwezinsika ezinibonayo. Wafaka izikhonkwane [izintaba] emhlabeni ukuze ukuzamazami nani; waphinde wasabalalisa kuwo izilwane zanhlobo zonke. Futhi sehlise amanzi emvula sahlumisa ngawo kuwo [umhlaba] izinhlo zonke ezinhle [zezitshalo]."},{"id":11,"translation":"Iyona ke lena indalo ka Allah; ngakhoke ngiboniseni ukuthi badaleni laba abanye ngaphandle kwaKhe. Empeleni abaphambukile basekudukeni okusobala."},{"id":12,"translation":"Futhi sanika uLukumani ubuhlakani, [sathi]: “Bonga u Allah; lowo obongayo uzibongela yena uqobo, futhi lowo ongabongi, impela u Allah Uzimele Uyadunyiswa."},{"id":13,"translation":"Mhla ethi uLukumani kwindodana yakhe eyeluleka: “Ndodana, ungabhangqi [lutho] no Allah, ngokuba impela ukubhangqa u Allah kuyimpambuko enkulu”."},{"id":14,"translation":"Futhi Thina sayalela umuntu ukuba aphathe kahle abazali bakhe – nina wamthwala kanzima wambeletha kanzima, futhi wayeka ukuncela emuva kweminyaka emibili – sathi: “Bonga Mina nabazali bakho, futhi isiphetho sikimi”."},{"id":15,"translation":"Kepha uma bekuphoqelela ukuba ungibhangqe nalokho ongenalwazi ngakho, ungabalaleli, kepha ubaphathe kahle emhlabeni. Futhi ulandele indlela yalowo ozinikela kiMi. Niyobeke senibuyela kiMi bese nginazisa ngalokho ebenikwenza."},{"id":16,"translation":"Ndodana, uma kunohlavu oluncane olungango lwemastadi, lube sedwaleni noma lube semazulwini noma emhlabeni; u Allah uyoluveza. Impela u Allah Uyanaka Unolwazi."},{"id":17,"translation":"Ndodana, qikelela ukwenza iswala futhi uyalele lokho okulungile unqande okubi futhi ukubekezelele okukwehlelayo. Impela lokho okunye kwezinto ezisemqoka."},{"id":18,"translation":"Ungabukeli abantu phansi futhi ungahambi ngokuziqhayisa emhlabeni; impela u Allah akamthandi wonke umuntu ozigqajayo oqhoshayo."},{"id":19,"translation":"Hamba kahle ngesizotha uma uhamba futhi ubeke izwi phansi [ungakabalasi]; ngokuba impela izwi elibi yilelo lembongolo [yona ukubanga umsindo]."},{"id":20,"translation":"Aniboni yini ukuthi u Allah unijubele konke okusemazulwini nasemhlabeni futhi wanithela ngezibusiso zaKhe ngaphandle ngaphakathi. Futhi kunalowo kubantu oqagulisana ngo Allah ngaphandle kolwazi noma ukuholwa noma incwadi ecacisayo."},{"id":21,"translation":"Uma kuthiwa kubo: “Landelani lokho u Allah akwembulele”. Bathi: “Sizolandela lokho esafumanisa okhokho bethu kukho”. Nakuba uShayitani ebamemela esijezisweni somlilo."},{"id":22,"translation":"Lowo ozinikela ngokuphelele ku Allah ebe enza okuhle; impela ubambelele ensikeni eqinile engasoze yephuka. Futhi isiphetho sezinto siku Allah."},{"id":23,"translation":"Lowo ongakholwa, ukungakholwa kwakhe makungakukhathazi. Bayobuyela Kithi bese sibazisa ngalokho ababekwenza. Impela u Allah usazi kahle okuqukethwe izinhliziyo."},{"id":24,"translation":"Sizobajabulisa okwesikhashana, bese sibatshingela esijezisweni esinzima."},{"id":25,"translation":"Futhi uma ubabuza ukuthi ubani owadala amazulu nomhlaba, bayothi: “ngu Allah”. Yithi: “Lonke udumo ngoluka Allah”. Kepha iningi labo alazi."},{"id":26,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni ngokuka Allah. Impela u Allah Uzimele Uyadunyiswa."},{"id":27,"translation":"Uma zonke izihlahla ezisemhlabeni bezingaba usiba lokuloba bese izilwandle zibe uketshezi [lokuloba]; luphindwe lwengeze ngezinye izilwandle eziyisikhombisa emuva kwalokho; Amazwi ka Allah awasoze aphela, impela u Allah unguSomandla Okhaliphile."},{"id":28,"translation":"Ukudalwa kwenu nokuvuswa kwenu kufana nje nokuphefumula kanye. Impela u Allah Uyezwa Uyabona."},{"id":29,"translation":"Awuboni ukuthi u Allah ufaka ubusuku emini nemini ebusuku futhi ujube ilanga nenyanga, konke kuyohamba kuze kube isikhathi esibekiwe nokuthi u Allah Unolwazi ngalokho enikwenzayo."},{"id":30,"translation":"Lokho kungoba, impela u Allah uyiqiniso nokuthi impela lokhu abakhonzayo ngaphandle kwaKhe umbhedo nokuthi u Allah nguYena Ophakeme Omkhulu."},{"id":31,"translation":"Awuboni yini ukuthi umkhumbi uhamba olwandle ngesibusiso sika Allah ukuze anibonise ezinye zezibonakaliso zaKhe. Impela kulokho kunezibonakliso kuwo wonke lowo obekezelayo obongayo."},{"id":32,"translation":"Uma bembozwa amagagasi njengemithunzi, bakhuleka ku Allah kuphela ngobumsulwa. Kepha uma esebahlengele emhlabeni, kunalabo kubo abaqotho. Futhi akekho ophika imibiko yeThu ngaphandle kwalowo oyiqili elingakholwa."},{"id":33,"translation":"Nina bantu, thobelani iNkosi yenu futhi nesabe usuku lapho umzali angeke ayisiza ngalutho ingane yakhe; kanjalo nengane angeke yamsiza ngalutho umzali. Impela isethembiso sika Allah siyiqiniso. Ngakhoke ingakuyengi impilo yasemhlabeni futhi nomdukisi angakudukisi ngo Allah."},{"id":34,"translation":"Impela u Allah nguYena onolwazi lweSikhathi futhi uletha imvula wazi okusezibelethweni [zabakhulelwe]. Futhi akekho umuntu owazi ukuthi uzozuzani kusasa futhi akekho umuntu owaziyo ukuthi uyofela kuyiphi indawo. Impela u Allah Unolwazi Uyazi."}]},{"id":32,"verses":[{"id":1,"translation":"Alif-Lam-Mim."},{"id":2,"translation":"[Lokhu] ukwembulelwa kweNcwadi [iKurani] engenakungabaza kuyo, ivela eNkosini yendalo yonke."},{"id":3,"translation":"Ingabe bathi: “Uziqambele yona”. Empeleni iyiqiniso elivela eNkosini yakho ukuze uxwayise abantu okungazange kufike kubo ngaphambi kwakho umexwayisi, hleze baholeleke."},{"id":4,"translation":"U Allah nguYena owadala amazulu nomhlaba nokumaphakathi kwakho ezinsukwini eziyisithupha, wase enyukela eSihlalweni.; aninaye ngaphandle kwaKhe umhlengi noyonishwelezela. Ake nithathe isifundo."},{"id":5,"translation":"Uhlela izinto phezulu ezulwini zize emhlabeni, ziphinde zenyuke zibuyele kuYe ngosuku olulingana neminyaka eyinkulungwane eniyibalayo."},{"id":6,"translation":"Lowo Ungowazi okungabonwayo nokusobala, onguSomandla Onesihawu."},{"id":7,"translation":"Lona owenze yonke into ayidalile yaba yinhle. Futhi waqala ukudala umuntu [u Adamu] ngobumba."},{"id":8,"translation":"Emuva kwalokho wadala uzalo lwakhe ngesidoda esiwuketshezi esilula."},{"id":9,"translation":"Wase embumba wamphefumulela ngoMoya waKhe. Futhi wanenzela ukuzwa namehlo nezinhliziyo; kepha akuvamanga ukuba nibonge."},{"id":10,"translation":"Futhi bathi: “Ingabe uma sesibhubhile emhlabeni [sangcwatsha], siyophinde sidalwe kabusha na?”. Empeleni abakholelwa ekuhlanganeni neNkosi yabo."},{"id":11,"translation":"Yithi: “Ingelosi yokufa lena ejutshwe kini, iyothatha imiphefumulo yenu, bese nibuyela eNkosini yenu”."},{"id":12,"translation":"Uma ubungazibona izephula mthetho sezigebise amakhanda eNkosini yabo [bethi]: “Nkosi yethu, sesiyabona futhi sesiyezwa; ngakhoke sibuyisele emuva [emhlabeni] ukuze senze okulungileyo, impela sesinesiqiniseko”."},{"id":13,"translation":"Ukube besithanda, besizohola wonke umuntu. Kodwa isinqumo sesiphumile kiMi ukuthi: “Ngiyogcwalisa iJahanamu ngamajini nangabantu bonkana”."},{"id":14,"translation":"[Kuyothiwa]: “Zwanini [isijeziso] ngokulibala kwenu umhlangano walolu suku; impela nathi siyonilibala. Futhi zwanini isijeziso saphakade ngenxa yezenzo zenu”."},{"id":15,"translation":"Labo okuyibona abakholwa imibiko yeThu, yilabo okuthi uma bekhunjuzwa ngayo bavele bawe ngobuso bakhothame, babaze udumo lweNkosi yabo futhi bengaziqhayisi."},{"id":16,"translation":"Bavuka ebusuku bakhuleke eNkosini yabo benokwesaba nethemba futhi bayaphana ngalokho esibabele kona."},{"id":17,"translation":"Akekho umuntu owazi lokho abafihlelwe kona kokujabulisayo [kwelizayo], okuwumvuzo wezenzo zabo."},{"id":18,"translation":"Ingabe lowo ongokholwayo uyefana yini nalowo oyisephula mthetho [ongakholwa]; cha abafani."},{"id":19,"translation":"Labo abakholwayo nabenza okulungileyo, bayothola izivande zokukhosela, njengendawo yokuhlala ngenxa yezenzo zabo."},{"id":20,"translation":"Kepha labo abayizephula mthetho [abangakholwa], bayokhosela emlilweni. Kuyothi njalo uma bezama ukuphuma kuwo, babuyiselwe phakathi kuwo bese kuthi kubo: “Zwanini isijeziso somlilo lesi ebenisiphika”."},{"id":21,"translation":"Futhi siyobazwisa isijeziso esincane ngale kwesikhulu ukuze babuyele endleeni eqondile."},{"id":22,"translation":"Futhi ngubani ophambuke ukudlula lowo okhunjuzwa ngemibiko ka Allah bese eyishaya indiva ayifulathele na?. Impela siyoziphindisela kuzephula mthetho."},{"id":23,"translation":"Futhi sanika uMusa iNcwadi, – ngakhoke ungabi nokungabaza mayela nokuhlangana naye – futhi sayenza yaba umhlahlandlela kusizwe sakwa Isirayeli."},{"id":24,"translation":"Futhi senza kwaba nabaholi phakathi kwabo ababehola ngomyalelo weThu, mhla bekezela futhi babengenakungabaza ngemibiko yeThu."},{"id":25,"translation":"Impela iNkosi yakho iyokwahlulela phakathi kwabo ngoSuku lokwaHlulela mayelana nalokho ababephikisana ngakho."},{"id":26,"translation":"Ingabe akukabacaceli ukuthi ziningi izizwe esazibhubhisa ngaphambi kwabo, abahamba lapho ezazihlala khona. Impela kulokho kunezibonakaliso; kungani bengalaleli na?"},{"id":27,"translation":"Ingabe ababoni yini ukuthi siletha amanzi emhlabeni owomile, bese sikhiqiza ngawo izitshalo okudla kuzo imfuyo yabo nabo uqobo; kungani bengaboni na?"},{"id":28,"translation":"Futhi bathi: “Kanti siyofika nini lesahlulelo uma ngempela nineqiniso na?”"},{"id":29,"translation":"Yithi: “Ngosuku lwesahlulelo, laba abangakholwa, ukukholwa kwabo [ngalolo suku] angeke kubasize futhi abayikunikwa thuba”."},{"id":30,"translation":"Ngakhoke bashiye kanjalo ulinde, ngoba nabo balindile."}]},{"id":33,"verses":[{"id":1,"translation":"Sithunywa, thobela u Allah futhi ungabalaleli abangakholwa nabazenzisi. Impela u Allah Uyazi Ukhaliphile."},{"id":2,"translation":"Landela lokho okwembulelwe kuwe kuvela eNkosini yakho. Impela u Allah Unolwazi ngakho konke enikwenzayo."},{"id":3,"translation":"Futhi thembela ku Allah, futhi u Allah wanele njengoMnakekeli."},{"id":4,"translation":"U Allah akenzanga indoda yaba nezinhliziyo ezimbili ngaphakathi kuyo. Futhi akenzanga abafazi benu baba ngonyoko. Futhi akenzanga izingane zenu ezitholiwe zaba izingane zenu zegazi. Lokho into eshiwo yini ngemilomo yenu. Kepha u Allah ukukhuluma iqiniso futhi uholela endleleni eqondile."},{"id":5,"translation":"Babizeni [abantwana abatholiwe] ngoyise, yikona okungubulungiswa ku Allah. Uma ningabazi oyise babo; lapho bangabafowenu enkolweni nezihlobo zenu. Futhi aninacala kulokho enikwenze ngephutha, kodwa kulokho enikwenze ngamabomu. Futhi u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":6,"translation":"iSithunywa yisona esimqoka kubakholwayo ukundlula bona uqobo. Futhi amakhozikazi aso, onina babo [abakholwayo]. Futhi izihlobo zegazi zifika kuqala kwezinye kunabakholwayo nabafudiki ngokomthetho ka Allah; ngaphandle-ke uma nifuna ukwenza isihle kuzihlobo zenu. Lokho kulotshiwe eNcwadini [uQwembe olulondoloziwe]."},{"id":7,"translation":"Futhi khumbula mhla senza isibopho neZithunywa kanjalo nawe [Muhamadi] noNuhu no Ibhirahimu no Isa indodana ka Mariyamu; futhi senza isipho esiqinile nabo."},{"id":8,"translation":"Ukuze abuze abaneqiniso mayelana neqiniso labo; futhi walungiselela abangakholwa isijeziso esibuhlungu."},{"id":9,"translation":"Nina enikholwayo, khumbulani izibusiso zika Allah kini, mhla kufika amabutho kini; sabe sesithumela kuwo umoya namabutho eningawabonanga. Futhi ukubona kahle konke enikwenzayo."},{"id":10,"translation":"Mhla befika kini ngenhla [empumalanga] nangenzansi [entshonalanga] kwenu; kwahlahla amehlo novalo lwabasentanyeni naba nemindlinzo emibi ngo Allah."},{"id":11,"translation":"Khona lapho bavivinywa abakholwayo bashukumiswa kanzima."},{"id":12,"translation":"Lapho abazenzisi nalabo abanesifo ezinhlizweni zabo bathi: “Ayikho into esiyithenjiswe yiSithunywa ngaphandle nje kwenkohliso”."},{"id":13,"translation":"Lapho iqembu elithile phakathi kwabo lathi: “Bantu baseYatiribi [eMadina] ayikho into enihlalele [empini], ngakhoke buyelani emumva”. Elinye iqembu lona lacela imvumo [yokubuyela emumva] kuSithunywa, bathi: “Imizi yethu ayiphephile” – akusikho ukuthi yayingaphephanga, babefuna nje ukubaleka kuphela."},{"id":14,"translation":"Ukube angeniswa kubo [amabutho ezitha] nhlangothi zonke, bese becelwa ukuba babuyele ekubhanqeni u Allah [bashiye i-Isilamu], bebe zokwenza futhi bekungeke kubathathe isikhathi eside."},{"id":15,"translation":"Futhi bebekade bethembise u Allah ngaphambilini ukuthi ngeke babaleke [empini]. Futhi isithembiso ku Allah kuyobuzwa ngaso."},{"id":16,"translation":"Yithi: “Ngeke kunisize ngalutho ukubaleka uma nibalekela ukufa noma ukubulawa; manjalo niyoncebeleka okwesikhashana”."},{"id":17,"translation":"Yithi: “Ngubani lona oyonivikela ku Allah uma kukhona okubi noma okuhle afuna kunehlele na?”"},{"id":18,"translation":"U Allah ubazi kahle labo phakathi kwenu abasalela emuva abathi kubafowabo: “Wozani kithi”, futhi abavamile nokuya empini."},{"id":19,"translation":"Banomhawu kini. Uma befikelwa ukwesaba [impi], niyobabona bekubheka amehlo abo egenqeza okumuntu oqulekiswa ukusaba ukufa. Uma sekundlulile ukwesaba [impi], bashiya abangalazi kini ngolimi olubukhali, benohawu wokuhle. Labo abakaze bakholwe; ngakhoke u Allah ushabalalise izenzo zabo [ezinhle]. Futhi lokho kulula ku Allah."},{"id":20,"translation":"Bacabanga ukuthi amabutho ombimbi awakahambi. Uma engabuya; bafisa ukuba bangayohlala emaphandleni belokhu bebuza ngani. Futhi noma bebengaba khona nani, bebengeke bangene nani empini ngaphandle nje kwedlanzana."},{"id":21,"translation":"Impela ninesibonelo esihle eSithunyweni sika Allah; kulowo okholelwa ku Allah nasoSukwini lokuGcina aphinde akhumbule u Allah kakhulu."},{"id":22,"translation":"Kuthe lapho abakholwayo bebona amabutho ombimbi bathi: “Yikho lokhu esikuthenjiswe ngu Allah neSithunywa saKhe; u Allah ubeqinisile neSithunywa saKhe”. Futhi kwabandisela ukholo nokuzinikela."},{"id":23,"translation":"Kunamadoda kubakholwayo akugcina lokho ayekuthembise u Allah. Kunalawo aseyiphothulile indima yabo bese kuba nalawo asalindile, kepha awakaguquki nakancane."},{"id":24,"translation":"Ukuze u Allah anike abaneqiniso umvuzo weqiniso labo; bese ejezisa abazenzisi uma ethanda noma abaxolele. Impela u Allah unguMthetheleli Onesihawu."},{"id":25,"translation":"Futhi u Allah wabaphindisela emumva laba abangakholwa nenzondo yabo bengazuzanga lutho oluhle. Futhi u Allah wabanela impi abakholwayo [abayilwanga] futhi u Allah Unamandla unguSomandla."},{"id":26,"translation":"Waphinde wabakhipha ezinqabeni zabo laba abeMibhalo abasizana nabo [abangakholwa], wabafaka ingebhe ezinhlizweni zabo; abanye babo nababulala kwathi abanye nababopha."},{"id":27,"translation":"Futhi wenza nina izindlalifa zendawo yabo nemizi yabo nomcebo wabo nenye futhi indawo eningafiki kuyo. Futhi u Allah akahlulwa yilutho."},{"id":28,"translation":"Sithunywa, yithi kumakhosikazi akho: “Uma nilangazelela impilo yasemhlabeni nobuhle bawo; wozani nginixoshise bese nginikhulula ngesihle [sihlukane]”."},{"id":29,"translation":"Kepha uma nilangazelela u Allah neSithunywa saKhe nomuzi wakwelizayo; impela u Allah ulungiselele labo abenza okulungileyo kini umvuzo omkhulu."},{"id":30,"translation":"Bafazi beSithunywa, lowo oyokwenza amanyala asobala phakathi, uyophinda phindelwa isijeziso kabili. Futhi lokho kulula ku Allah."},{"id":31,"translation":"Futhi lowo phakathi kwenu ozothobela u Allah neSithunywa saKhe aphinde enze okulungileyo; sizomnika umvuzo wakhe uphindwe kabili futhi silungisele isidlo esihle [kwelizayo]."},{"id":32,"translation":"Bafazi beSithunywa, nina anifani nabanye abafazi. Uma nithobela u Allah, ningehlisi kakhulu izwi lapho nikhuluma, funa lowo onesifo enhlizweni yakhe abe nokukhanuka. Futhi nikhulume inkulumo eqotho."},{"id":33,"translation":"Futhi nihlale emizini yenu ningalokho niveza ubuhle benu njengasesikhathini sobuwula [ngaphambi kwe Isilamu]. Futhi niqikelele ukwenza iswala nikhiphe nezakati niphinde nilalele u Allah neSithunywa saKhe. U Allah ufuna nje kuphela ukususa impambuko kini bantu basendlini [yeSithunywa] nokuthi anihlanzisise."},{"id":34,"translation":"Futhi nikhumbule imibiko ka Allah nobuhlakani okufunda ezindlini zenu; impela u Allah Unesineke Unolwazi."},{"id":35,"translation":"Impela abesilisa abangamaMusilimu nabesifazane, nabesilisa abakholwayo nabesifazane, nabesilisa abazithobayo nabesifazane, nabesilisa abaneqiniso nabesifazane, nabesilisa ababekezelelayo nabesifazane, nabesilisa abasabayo nabesifazane, nabesilisa abanikelayo nabesifazane, nabesilisa abazilayo nabesifazane, nabesilisa abavikela izitho zabo zangasese nabesifazane, nabesilisa abakhumbula u Allah kakhulu nabesifazane; u Allah ubalungiselele intethelelo nomvuzo omkhulu."},{"id":36,"translation":"Futhi owesilisa okholwayo nowesifazane angeke babe nombono wabo emuva kokuba u Allah esekhiphe umyalelo kanjalo neSithunywa saKhe; lowo ongalaleli u Allah neSithunywa saKhe, impela uduke ukuduka okusobala."},{"id":37,"translation":"Futhi khumbula mhla uthi kulowo u Allah ambusisile nawe wamenzela umusa: “Gcina umkakho ungamdedeli”. Kulapho ufihle ngaphakathi kuwe lokho u Allah ayezokuveza obala futhi wesaba abantu kepha ngu Allah okumele umesabe. Kuthe lapho uZayidi ehlukanisa naye [umkakhe], samshadisa wena; ukuze abakholwayo banganqeni [besaba icala] ukushada abafazi bezingane zabo abazitholile uma sezahlukanisile nabo. Futhi umyalelo ka Allah uyenzeka."},{"id":38,"translation":"iSithunywa asinacala kulokho u Allah asinqumele kona; phela inkambiso ka Allah nakulabo asebandlula. Futhi umyalelo ka Allah kunqunyiwe ukuba wenzeke."},{"id":39,"translation":"Labo abadlulisela imibiko ka Allah futhi mabesabe, bengasabi muntu ngaphandle kuka Allah; futhi u Allah wenele njengomehluleli."},{"id":40,"translation":"U Muhamadi akasiye ubaba wendoda phakathi kwenu; kepha uyiSithunywa sika Allah noMembulelwa wokugcina. Futhi u Allah wazi yonke into."},{"id":41,"translation":"Nina enikholwayo, khumbulani u Allah kakhulu."},{"id":42,"translation":"Niphinde nimdumise ekuseni nantambama."},{"id":43,"translation":"NguYena lona oningamela ngomusa waKhe nezingelosi zaKhe ziyanikhulekela; ukuze anikhiphe ebumnyameni anise ekukhanyeni; futhi unesihawu kwabakholwayo."},{"id":44,"translation":"Ukubingelelana kwabo ngosuku lapho beyohlangana naYe, kuyoba “ukuthula”; futhi ubalungiselele umvuzo omkhulu."},{"id":45,"translation":"Sithunywa, impela sikuthumele ukuba ube ufakazi nomethuli wezindaba ezinhle nomexwayisi."},{"id":46,"translation":"Nomemela ku Allah ngemvumo yaKhe nokuthi ube isibani esikhanyisayo."},{"id":47,"translation":"Futhi halalisela abakholwayo ngokuthi bayothola umusa omkhulu ovela ku Allah."},{"id":48,"translation":"Futhi ungalaleli abangakholwa nabazenzisi futhi ungabi nendaba ngokuhlukumeza kwabo, uthembele ku Allah; futhi u Allah wanele njengoMnakekeli."},{"id":49,"translation":"Nina enikholwayo, uma nishada abesimame abakholwayo bese niyehlukana nabo ngaphambi kokuthi nibathinte; asikho isidingo sokuba banizindele. Baxoshiseni futhi nibakhulule ngesihle."},{"id":50,"translation":"Sithunywa, impela sikuvumele [ukuba ushade] amakhosikazi akho lawa owanike izimfanelo zawo kanjalo nezigqila [amabibi] lezo u Allah akulethele zona, namadodakazi kamfowabo nawodadewabo bakayihlo, nakamalume wakho nawodadewabo bakanyoko; lawa afuduke kanye nawe nowesimame okholwayo uma ezethula kuSithunywa uma ukuthi siyafuna ukumshada; kuwe kuphela ngaphandle kwabakholwayo – siyakwazi lokhu esibanqumele kona mayelana namakhosikazi abo – ukuze wena ungabi nokunqena. Futhi u Allah unguMthetheleli Onesihawu."},{"id":51,"translation":"Uqhelisa omthandayo futhi usondeze kuwe omthandayo. Futhi lowo ofuna ukumsondeza kulowo omqhelisile awunacala. Lokho yikona okungabenza bonke bajabule futhi baneliseke ngalokho obanika kona. U Allah ukwazi kahle okusezinhlizweni zenu; futhi u Allah Uyazi Ubobubele."},{"id":52,"translation":"Unqatshelwe [ushada abanye] abafazi emuva kwalokho nokuthi uthathe abanye esikhundleni sabo; noma kungakukhanga kangakanani ubuhle babo, ngaphandle uma beyizigqila zakho [amabibi]. Futhi u Allah uziqhaphe zonke izinto."},{"id":53,"translation":"Nina enikholwayo, ningangeni emizini yeSithunywa; ngaphandle uma nimenyelwe ekudleni, ningalindi kuze kuvuthwe[1]. Kodwa uma nimenyiwe, ngenani; uma seniqedile ukudla niphume futhi ningalibali ukukhuluma. Ngokuba lokho kusiphatha kabi iSithunywa; bese siba namahloni [okunixosha]; kepha u Allah akanamahloni ngeqiniso. Futhi uma niwabuza [amakhosikazi eSithunywa] izinto, wabuzeni ningemuva kwesithiyo. Lokho yikona okuhlanzekile ezinhlizweni zenu nasezinhlizweni zawo. Futhi akumele nihlukumeze iSithunywa sika Allah noma nishade amakhosikazi aso emuva kwaso nhlobo. Ngokuba lokho ku Allah kuyinto enkulu.","footnotes":"[1] okusho ukuthi, ningasheshi nifike kungakavuthwa ukuze ningalokhu nihlelinilindile."},{"id":54,"translation":"Uma niveza obala okuthile noma nikufihla; impela u Allah uyazi yonke into."},{"id":55,"translation":"Awanacala [amakhosikazi eSithunywa] uma bebonwa oyise noma amadodana awo noma abafowabo noma amadodana abafowabo noma amadodana odadewabo noma abafazi bakubo [ngenkolo] noma izigqila zawo. Futhi nithobele u Allah; impela u Allah uzibheke zonke izinto."},{"id":56,"translation":"Impela u Allah wengamela iSithunywa ngomusa kanjalo nezingelosi zaKhe [ziyasicelela wona]; nina enikholwayo, siceleleni umusa futhi nisicelele ukuthula."},{"id":57,"translation":"Impela laba abahlukumeza u Allah neSithunywa saKhe; u Allah uyobaqalekisa emhlabeni nakwelizayo aphinde abalungiselele isijeziso esihlazayo."},{"id":58,"translation":"Futhi labo abahlukumeza abesilisa nabesimame abakholwayo ngento abangayenzanga, impela basuke beqambe amanga luhlaza benza nempabuko esobala."},{"id":59,"translation":"Sithunywa, tshela amakhosikazi akho namadodakazi akho namakhosikazi abakholwayo ukuba mabazimboze ngezambatho ezivala umzimba wonke. Lokho kwenza kube lula ukuba baziwe ukuze bangahlukunyezwa; futhi u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":60,"translation":"Uma abazenzisi nalabo abanesifo ezinhlizweni zabo nalabo abafafaza amanga eMadina bengaphezi, sizokuyalela ngabo [ukuba ubajezise] bese bengasakhelani nawe ngaphandle nje okwesikhashana."},{"id":61,"translation":"Baqalekisiwe, yonke indawo lapho abaya khona bayobanjwa babulawe."},{"id":62,"translation":"Inkambiso ka Allah nalulabo asebandlula. Futhi alikho ilalela oyilitholela inkambiso ka Allah."},{"id":63,"translation":"Abantu bakubuza ngeSikhathi [sokwahlulela], yithi: “u Allah kuphela onolwazi ngaso”. Wazi ngani, mhlawumbe iSikhathi sesiseduze."},{"id":64,"translation":"Impela ubaqalekisile laba bangakholwa futhi wabalungiselela umlilo."},{"id":65,"translation":"Bayobhadla kuwo unaphakade, abayikuthola mhlengi noma oyobasiza."},{"id":66,"translation":"Ngosuku lapho ubuso babo buyobe buphendulwa emlilweni, belokhu bethi: “Sifisa ngabe salalela u Allah salalela neSithunywa."},{"id":67,"translation":"Futhi bayothi: “Nkosi yethu, thina salalela abaholi bethu nezikhulu zethu, basidukisa endleleni”."},{"id":68,"translation":"Nkosi yethu, bajezise ngesijeziso esiphindwe kabili uphinde ubaqalekise ngesiqalekiso esikhulu."},{"id":69,"translation":"Nina enikholwayo, ningabi njengalaba abaphatha kabi uMusa, futhi u Allah wamkhulula kulokho ababekusho. Futhi wayehloniphekile ku Allah."},{"id":70,"translation":"Nina enikholwayo, thobelani u Allah nikhulume inkulumo eqotho."},{"id":71,"translation":"Uyonilungisela izenzo [zibe qotho] aphinde anithethelele izimpambuko zenu. Futhi lowo olalela u Allah neSithunywa saKhe, impela uphumelele impumelelo enkulu."},{"id":72,"translation":"Impela sathwesa amazulu nomhlaba nezintaba umthwalo [wokugcina intando ka Allah] zenqaba ukuwuthwala zawesaba, kepha umuntu wawuthwala; impela akanabulungiswa uyisiwula."},{"id":73,"translation":"Ukuze u Allah ajezise abesilisa nabesifazane abangabazenzisi nabesilisa nabesifazane abakhonza izithixo. Nokuthi u Allah athethelele abesilisa nabesifazane abakholwayo; futhi u Allah unguMthetheleli Onesihawu."}]},{"id":34,"verses":[{"id":1,"translation":"Udumo ngoluka Allah, lona konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokwaKhe, futhi udumo ngolwaKhe nakwelizayo; nguYena Okhaliphile Onolwazi."},{"id":2,"translation":"Wazi okungena emhlabeni nokuphuma kuwo, nokwehla phezulu esibhakabhakeni nokunyukelakuso; futhi nguYena Onesihawu Ongumthetheleli."},{"id":3,"translation":"Laba abangakholwa bathi: “iSikhathi [sokwahlulela] ngeke sifike kithi”. Yithi: “Nakanjani siyofika kini ngiyifunge iNkosi yami eyazi okungabonwayo; akaphuthwa ngisho okungalingana nohlamvana emazulwini nasemhlabeni nokuncane kunalokho kanjalo nokukhulu; konke kuqoshwe eNcwadini ecacisayo [uQwembe]."},{"id":4,"translation":"Ukuze anike labo abakholwayo nabenza okulungileyo imivuzo yabo. Yilabo abazothola intethelelo nesondlo esihle."},{"id":5,"translation":"Futhi laba abazikhandla ekuchitheni imibiko yeThu; labo bayothola isijeziso esibuhlungu esinzima impela."},{"id":6,"translation":"Futhi labo abanikwa ulwazi [osolwazi] bakubona kuyiqiniso lokhu okwembulelwe kuwe kuvela eNkosini yakho futhi kuholela endleleni kaSomandla Odunyiswayo."},{"id":7,"translation":"Futhi laba abangakholwa bathi: “Ake sinibonise indoda mphini ezonitshela ukuthi uma seniyizicubu, impela niyophinde nidalwe kabusha”."},{"id":8,"translation":"Ingabe uqambela u Allah amanga kumbe uyahlanya. Empeleni laba abangakholwa kwelizayo bayojezisa futhi badukile impela."},{"id":9,"translation":"Abakuboni yini lokhu okuphambi kwabo nokusemuva kwabo na? Uma sithanda singabagwinyisa ngomhlaba noma sibehlisele izicucu esivela phezulu. Impela kulokho kunezi bonakaliso kulowo nalowo oyisigqila esizilahlayo."},{"id":10,"translation":"Sanika uDawudi umusa ovela kithi [sathi: “Zintaba nezinyoni dumisani Kanye naye”; futhi samthambisela insimbi."},{"id":11,"translation":"[Sathi]: “Yenza izembatho zensimbi ezivulekile futhi ucophelele ukwenza izihlanaganiso ngokulingene [zingabi lula zisheshe zinqamuke nobe zibenkulu zisinde]."},{"id":12,"translation":"Futhi samhlinzeka uSulayimani ngomoya, onqamula ekuseni ibanga elithatha inyanga eyodwa kanjalo nantambama unqamula ibanga elithatha inyanga yonke. Futhi samenzela ithusi [lawuketshezi] lageleza emthonjeni. Futhi bekunamajini asebenza ngaphambi kwakhe ngemvumo yeNkosi yakhe; lowo kuwo ophaphalazayo emyalelweni weThu simzwisa isijeziso somlilo."},{"id":13,"translation":"Babemenzela noma yini ayifunayo, kungaba amagumbi nezithombe nezitsha [ezinkulu] ezifana nabachibi amanzi namabhoswe amakhulu anganyakazi. Mndeni kaDawudi, sebenzani ngokubonga, futhi bayidlanzana ezigqileni zaMi ababongayo."},{"id":14,"translation":"Kwathi lapho sesimnqumele ukuba afe [uSulayimani]; akekho owabakhombisa ukuthi usefile ngaphandle kwesidalwa somhlaba esadla induku yakhe; kuthe lapho ewa bhu phansi, kwawacacela amajini ukuthi ukube ayenalo ulwazi lokungabonwayo ngabe awahlala isikhathi esingaka esijezisweni esihlazayo."},{"id":15,"translation":"Impela isizwe saseSaba’sasine sibonakaliso emizini yaso; izivande ezimbili eziphahlene. Dlanini kusondlo sika Allah futhi nibonge Yena; ninomuzi omuhle neNkosi ethethelelayo."},{"id":16,"translation":"Kepha abalalelanga; sathumela kubo isikhukhula esinzima, saguqula izivande zabo ezimbili zaba izivande ezinezithelo ezibabayo nezihlahla ezingatheli nedlanzana lezihlahla zameva."},{"id":17,"translation":"Lokho sabahlomulisa ngakho ngenxa yokungakholwa kwabo; futhi sijezisa [ngaso] kuphela lowo ongakholwa."},{"id":18,"translation":"Futhi senza phakathi kwabo nemizi lena esayibusisa kwaba nemizi ebonakalayo [ewuchungechunge], esenza kwabalula ukuhamba kuyo; hambani kuyo [lemizi] ubusuku nemini niphephile."},{"id":19,"translation":"Khepha bathi: “Nkosi yethu, yenza kube nabanga elide phakathi kohambo lwethu [qhelelanisa imizi yethu]”. Baphambuka, sabe sesibenza isifundo sabahlakaza sabahlakazisisa. Impela kulokho kunezifundo kulowo nalowo obekezelayo [ebunzimeni] nobongayo [ebumnandini]."},{"id":20,"translation":"Futhi u Ibilisi wafeza isifiso sakhe kubo [sokudukisa uzalo luka Adamu], bamlandela ngaphandle kwedlanzana lalabo abakholwayo."},{"id":21,"translation":"Futhi wayenawo amandla phezu kwabo [okubaphoqa]; sasifuna nje ukuhlunga abakholelwa kwelizayo kulabo ababenongabazane ngalo. Futhi iNkosi yakho iziqhaphe zonke izinto."},{"id":22,"translation":"Yithi: “Bizani laba enibaqokile ngaphandle kuka Allah; abanalutho ngisho okungangohlavana abakulawulayo emazulwini nasemhlabeni. Futhi abanasabelo sokubambisana [njengabalingani] kuzo; futhi Yena [u Allah] akanamlekeleli kubo”."},{"id":23,"translation":"Futhi ukushweleza kuYe akuyi kusiza ngalutho ngaphandle kwalowo amuphe igunya. Kuyothi lapho izinhliziyo sezigcwele ingebhe bathi: “Itheni iNkosi yenu na?” Bayothi: “Isho iqiniso, futhi iYona Ephakeme Enkulu”."},{"id":24,"translation":"Yithi: “Ngubani oyonondla emazulwini nasemhlabeni na?” yithi: “Ngu Allah; futhi thina noma nina, sisendleleni eqondile noma sidukile ngokusobala”."},{"id":25,"translation":"Yithi: “Angeke nabuzwa ngamacala ethu futhi nathi ngeke sibuzwe ngenikwenzile”."},{"id":26,"translation":"Yithi: “iNkosi yethu iyosibuthanisa bese iyehlulela phakathi kwethu ngeqiniso; phela Yona inguMehluleli Owaziyo”."},{"id":27,"translation":"Yithi: “Ngiboniseni lokhu enikubhangqe naYe [u Allah] njengabalingani”. Phinde! Empeleni ungu Allah uSomandla Okhaliphile."},{"id":28,"translation":"Futhi sikuthumele kusintu sonke ukuze ube umethuli wezindaba ezinhle nomexwayisi; kepha iningi labantu alazi."},{"id":29,"translation":"Futhi bathi: “Kanti siyofika nini lesi sithembiso uma ngempela niqinisile”."},{"id":30,"translation":"Yithi: “Nibekelwe usuku eningeke naluphutha noma niluhambele phambili nangomzuzu.”"},{"id":31,"translation":"Laba abakholwa bathi: “Asisoze sakholelwa kule Kurani noma lokhu okuyiyandulelayo”. Uma ubungabona lapho abaphambukile sememisiwe ngaphambi kweNkosi yabo belokhu beqagulisana ngamazwi; bayothi laba ababecindezelwe kulabo ababeziqhayisa: “Ukube bekungekho ngenxa yenu ngabe saba ngabakholwayo”."},{"id":32,"translation":"Bayothi laba ababeziqhayisa kulabo ababecindezelwe: “Ingabe yithi esanivimbela ekuholeni mhla kufika kini na?; empeleni beniyizephula mthetho ngokwenu”."},{"id":33,"translation":"Bayothi laba ababecindezelwe kulabu ababeziqhayisa: “Kungenxa yamaqhinga obusuku nemini mhla nisiyalela ukuba singakholelwa ku Allah futhi simbhangqe nezimbangi.” Bayokufihla ukudangala lapho sebebona isijeziso; futhi siyofaka amasongo ezintanyeni zalabo abangakholwa. Bathola kuphela umvuzo walokho ababekwenza."},{"id":34,"translation":"Futhi njalonje uma sithumela umexwayisi esizweni thizeni; iziqumama zakhona zithi: “Impela lokhu enithunywe nakho thina siyakuphika”."},{"id":35,"translation":"Futhi bathi: “Thina sinomcebo nezingane eziningi futhi angeke thina sijeziswe”."},{"id":36,"translation":"Yithi: “iNkosi yami yabela ngenala isondlo kulowo emthandayo iphinde imswinye; kepha iningi labantu alazi”."},{"id":37,"translation":"Umcebo wenu nezingane zenu akusikho okunisondeza eduze naThi; ngaphandle kwalowo okholwayo nowenza okulungileyo. Yiboke labo abayothola umvuzo ophinde kabili ngenxa yalokho ababekwenza futhi bayohlala bephephile emagunjini [aseJana]."},{"id":38,"translation":"Futhi labo abazikhandla ukuchitha imibiko yeThu; yibona labo abafakwa esijezisweni."},{"id":39,"translation":"Yithi: “u Allah wabela ngenala isondlo lowo amthandayo ezigqileni zaKhe aphinde amswinyele. Futhi noma yini eniyichithayo [yesondlo], Yena uzonibuyisela kona; futhi unguMondli obendlula bonke”."},{"id":40,"translation":"Futhingosuku lapho ayobabuthanisa bonke ngothi lwabo bese ethi kuzingelosi: “Ingabe yibonake laba ababekhonza nina na?”"},{"id":41,"translation":"Ziyothi: “Ungcwele! Nguwena uMnakekeli wethu ngaphandle kwabo. Empeleni babekhonza amajini futhi iningi labo belikholelwa kuwo”."},{"id":42,"translation":"Ngakhoke namhlanje akekho onamandla okusiza omunye wenu noma amlimaze. Futhi siyothi kulabo abaphambukile: “Zwanini isijeziso somlilo lesi ebenilokhu nisiphika”."},{"id":43,"translation":"Uma befundelwa imibiko yeThu acacile bathi: “Lona indoda nje efuna ukunisusa kulokho okwakukhonzwa okhokho benu”. Futhi bathi: “Lokhu [iKurani] amanga aluhlaza aqanjiwe”. Futhi bathi laba abangakholwa ngeqiniso lapho lifika kubo: “Lokhu ilumbo elisobala”."},{"id":44,"translation":"Asibanikanga zincwadi ukuba bazifunde futhi asithumelanga mxwayisi[1] kubo ngaphambilini kwakho.","footnotes":"[1] abasalandela izimfundiso zakhe noma incwadi afika nayo."},{"id":45,"translation":"Futhi laba abangaphambi kwabo baphika – futhi bona [abaseMakha] abanaso ngisho isigamu seshumi salokho esabanika kona; baphika iZithunywa zeThu; bheka ukuthi sabanjani isijeziso saMi."},{"id":46,"translation":"Yithi: “Ngineluleka ngento eyodwa, ukuba nibhukule ukujabulisa u Allah ngakubili noma munye ngamunye bese nihlaziya kahle ukuthi, umlingani wenu [uMuhamadi] akahlanyi; ungumexwayisi wenu nje kuphela ngaphambi kkokuba kufike isijeziso esinzima”."},{"id":47,"translation":"Yithi: “Anginicelanga mvuzo ongowenu; umvuzo wami uku Allah futhi nguYena oqhaphe yonke into”."},{"id":48,"translation":"Yithi: “iNkosi yami engeYazi okungabonwayo, igadla ngeqiniso”."},{"id":49,"translation":"Yithi: “Iqiniso selifikile, kepha amanga awakwazi kuletha lutho noma aphinde lutho”."},{"id":50,"translation":"Yithi: “Uma ngiphambuka, ngiziphambukela mina uqobo futhi uma ngisendleleni eqondile, kungenxa kwalokho iNkosi yami ekwembulela kimi; impela Yona ingoZwayo Oseduze”."},{"id":51,"translation":"Uma ubungababona sebethukile lapho bengeke besaphunyuka futhi bayothathwa endaweni eseduze."},{"id":52,"translation":"Futhi bayothi: “Sesiyakholelwa kuYe”. Bayokuthola kanjani besendaweni esekudeni na?"},{"id":53,"translation":"Bakuphika ngaphambilini futhi bebeqagula ngemidlinzo ekude le."},{"id":54,"translation":"Kuyoba nesithiyo phakathi kwabo nalokho abalangazelelayo njengoba kwenziwa kulabo abafana nabo phambilini; impela babenokungabaza bengenasiqiniseko."}]},{"id":35,"verses":[{"id":1,"translation":"Udumo ngoluka Allah uMdali wamazulu nomhlaba owenza izingelosi zaba izithunywa ezinezimpiko ezimbili nezintathu nezine; wengeza akuthandayo endalweni. Impela u Allah akahlulwa lutho."},{"id":2,"translation":"Lowo musa u Allah awuvulela abantu akekho ongawuvimba. Futhi lokho akuvimbile akekho ongakukhulula emuva kwaKhe. Futhi nguYena uSomandla Okhaliphile."},{"id":3,"translation":"Nina bantu, khumbulani umusa ka Allah; ingabe ukhona omunye umdali onondlayo ngokuphezulu nokusemhlabeni na? Akekho omunye ofanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwaKhe; pho nidukiswa yini na?"},{"id":4,"translation":"Uma bekuphika; iZithunywa ezikwandulelayo nazo zaphikwa. Futhi zonke izinto ziyobuyela ku Allah."},{"id":5,"translation":"Nina bantu, impela isethembiso sika Allah siyiqiniso; ngakhoke, maningadukiswa impilo yasemhlabeni futhi ningadukiswa umdukisi ngo Allah."},{"id":6,"translation":"Impela uShayitani uyisitha senu ngakhoke mthatheni njengesitha; umemela abalandeli bakhe ukuze babe ngabayongena emlilweni."},{"id":7,"translation":"Labo abangakholwa bayothola isijeziso esinzima. Futhi labo abakholwayo abenza okulungileyo bayothola intethelelo nomvuzo omkhulu."},{"id":8,"translation":"Ingabe lowo owenzelwe kuhle ububi bezenzo zakhe wazibona zizinhle [ingabe uyefana yini nalowo obona okuhle kukuhle nokubi kukubi] na? Impela uAllah udukisa amthandayo ahole amthandayo. Ngakhoke ungalokhu uba lusizi ngabo. Impela uAllah ukwazi kahle abakwenzayo."},{"id":9,"translation":"Futhi u Allah nguYena lona othumela imimoya esabalalisa amafu, bese siletha ngawo amanzi endaweni ebesifile; bese siyayivuselela ngawo umhlaba emuva kokufa kwawo. Nokuvuswa kuyobanjalo."},{"id":10,"translation":"Lowo ofuna ukuhlonishwa; ukuhlonishwa konke ngokuka Allah kuphela. Amazwi amahle anyukela kuYe futhi nesenzo esilungileyo siyawaphakamisa. Futhi laba abahlela okuphambukile bayothola isijeziso esinzima; nezinhlelo zalabo ziyobhubha."},{"id":11,"translation":"Futhi u Allah unidale ngobumba nangesidoda wabe esenenza ukuba niganane. Futhi owesimame akakhulelwa noma abelethe ngaphandle kolwazi lwaKhe. Futhi akekho ophila isikhathi eside noma oncishiselwayo kungalotshiwe eNcwadini. Impela lokho kulula kuAllah."},{"id":12,"translation":"Futhi izilwandle ezimbili azifani; lolu lumanzi amnandi amtoti ehla esiphundu uma uwaphuza; kuthi lolu lunosawoti luyababa. Kepha kuwo wonke nidla inyama enhle niphinde nikhiphe ubucwebe enibugqokayo, futhi ubona imikhumbi yehla yenyuka kulo nithungatha umusa waKhe futhi ukuze nibonge."},{"id":13,"translation":"Ufaka ubusuku emini, afake imini ebusuku futhi ujube ilanga nenyanga, konke kuyohamba kuze kufike isikhathi enibekiwe. Loyo [owenza konke lokhu] ngu Allah iNkosi yenu, bonke ubukhosi bungobakhe. Futhi labo enibakhonzayo ngaphandle kwaKhe abanaso ngisho uqweqwe lwendumba [yamasundu]."},{"id":14,"translation":"Uma nikhuleka kubo, abayizwa imikhuleko yenu; futhi ukube bebeyizwa, bebengeke bakwazi ukuyiphendula. Futhi ngoSuku lokwahlulela bayokuphika ukubabhangqa kwenu. Futhi akekho ongakwazisa njengalowo Onolwazi."},{"id":15,"translation":"Nina bantu, niyizichaka ku Allah. Kepha u Allah ungoZimele Odunyiswayo."},{"id":16,"translation":"Uma ethanda enganishabalalisa nonke aphinde alethe indalo entsha."},{"id":17,"translation":"Futhi lokho akukho nzima ku Allah."},{"id":18,"translation":"Futhi akekho oyothwala umthwalo womunye; noma lona osindelwayo engacela ukuba bamthwalise, akekho oyowuthwala ngisho nabozalo uqobo. Impela wena uxwayisa labo abasaba iNkosi yabo bengayiboni baphinde baqikelele ukwenza iswala. Futhi lowo oziphatha kahle uzenzela yena uqobo. Futhi isiphetho siyoba ku Allah."},{"id":19,"translation":"Futhi impumputhe nobonayo abafani."},{"id":20,"translation":"Nobumnyama nokukhanya."},{"id":21,"translation":"Nethunzi nokushisa."},{"id":22,"translation":"Futhi abaphilayo nabafiley abafani nhlobo. Impela u Allah wenza amthandayo ezwe, futhi wena awusoze wakwazi ukwenza abasebathuneni bakwazi ukuzwa."},{"id":23,"translation":"Wena ungumexwayisi nje kwaphela."},{"id":24,"translation":"Impela sikuthumele ngeqiniso ukuze ube umethuli wezindaba ezinhle nomxwayisi. Futhi akukho sizwe okungafikanga kuso umxwayisi."},{"id":25,"translation":"Uma bekuphika; labo abangaphambi kwabo nabo baphika mhla iZithunywa zabo zifika kubo nezibonakaliso neziNcwadi, iziNcwadi ezicacisayo."},{"id":26,"translation":"Emuva kwalokho ngabajezisa labo ababengakholwa; bheka nje ukuthi sabanjani isijeziso saMi na?"},{"id":27,"translation":"Awuboni ukuthi u Allah wehlise amanzi emvula phezulu, sakhiqiza ngawo izithelo ezinemibala ehlukahlukene. Nasezintabeni kunezindlela ezimhlophe nezibomvu – imibala ehlukahlukene – nezimnyama bhuqe okwamagwababa]."},{"id":28,"translation":"Kanjalo nakubantu nasezilwaneni nakwimfuyo, imibala ihlukahlukene. Impela labo abesaba uAllah kuzigqila zaKhe osolwazi. Impela u Allah unguSomandla Othethelelayo."},{"id":29,"translation":"Impela labo abafunda iNcwadi ka Allah benze neswala ngokuqikelela futhi benikela kulokho esibabele kona ngasese nasesidlangalaleni, balangazelele uhwebo olungasoze lwabhubha."},{"id":30,"translation":"Ukuze abanike umvuzo wabo ngokugcwele aphinde abengezele ngomusa waKhe. Impela Yena unguMthetheleli Onokubonga."},{"id":31,"translation":"Futhi leNcwadi esiyembulele kuwe iyiqiniso ifakazela lokhu okuyandulelayo. Impela u Allah ngezigqila zaKhe Unolwazi Uyabona."},{"id":32,"translation":"Emuva kwalokho sanika iNcwadi labo esibaqokile kuzigqila zeThu. Phakathi kwabo kunalowo oyisephula mthetho nalowo oqotho nalowo ophuthuma okuhle ngemvumo ka Allah. Lokho kuwumusa omkhulu."},{"id":33,"translation":"Izivande zaphakade abazongena kuzo, abayohlotshiswa kuzo ngamabhengele egolide nobuhlalu obumhlophe. Izembatho zabo kuzo ziyobe ziwusilika."},{"id":34,"translation":"Bayothi: “Udumo ngoluka Allah lona osuse ubinzima kithi; impela iNkosi yethu inguMthetheleli Onokubonga”."},{"id":35,"translation":"Lona osihlalise endaweni yokuhlala ngomusa waKhe, asihlangabezani nobunzima kuyo futhi asifikelwa wukukhathala."},{"id":36,"translation":"Labo abangakholwa bayothola umlilo waseJahanamu, angeke bashabalaliswe nokuthi bafe futhi angeke baxegiselwe isijeziso sawo [umlilo]. Siyobahlomulisa kanjalo bonke abangakholwa."},{"id":37,"translation":"Futhi bayomemeza kuwo bathi: “Nkosi yethu, sikhiphe siyokwenza okulungileyo hhayi lokhu ebesikwenza”. Ingabe asizange yini siniphe isikhathi sempilo esanele ukuthi othatha isifundo athathe isifuno futhi kwafika kini umxwayisi. Ngakhoke zwanini isijeziso ngokuba akekho oyosiza abaphambukile."},{"id":38,"translation":"Impela u Allah wazi okungabonwayo emazulwini nasemhlabeni; impela Yena ukwazi kahle okuqukethwe izifuba."},{"id":39,"translation":"NguYena lona onenze naba izizukulwane ezilandelanayo emhlabeni. Ngakhoke lowo ongakholwa, ukungakholwa kwakhe kusala naye. Futhi abangakholwa, ukungakholwa kwabo kubandisela ulaka eNkosini yabo; futhi abangakholwa ukungakholwa kwabo kubandisela ukulahlekelwa."},{"id":40,"translation":"Yithi: “Ake nibheke lezikhonzwa zenu enizikhonzayo ngaphandle kuka Allah; ngiboniseni ukuthi zidaleni kumbe zinesabelo emazulwini”. Kumbe sabanika incwadi okuyiyona ebahlaluselayo. Empeleni abaphambukile bathembisana ukuduka."},{"id":41,"translation":"Impela u Allah ubambe amazulu nomhlaba ukuba kunganyakazi; uma kunganyakaza akekho ongakubamba ngaphandle kwaKhe. Impela Yena Unobubele Uyathethelela."},{"id":42,"translation":"Futhi bafunga bagomela ngo Allah ukuthi kungafika kubo umxwayisi bayoholeleka ukudlula ezinye zizwe. Kepha kuthe uma esefika umxwayisi babaleka kakhulu."},{"id":43,"translation":"Beziqhayisa emhlabeni futhi behlela okubi. Futhi itulu elibi lihaqa umnikazi walo [isikhuni sibuya nomkwezeli]. Ingabe balinde okwehlela abasendulo na? Awusoze wathola ilalela lenkambiso ka Allah futhi wathola indlela yokugwema inkambiso ka Allah."},{"id":44,"translation":"Abakaze bahambe ezweni ukuze babone isiphetho salabo ababengaphambi kwabo ababenamandla ukudlula bona. Futhi akukho okungahlula u Allah emazulwini nasemhlabeni; impela Yena Uyazi Unamandla."},{"id":45,"translation":"Uma u Allah engajezisa abantu ngemisebenzi yabo; akayikushiya sidalwa phezu kwawo [umhlaba]; kepha ubadondisela isikhathi esibekiwe. Uma sesifika isikhathi sabo; impela u Allah mayelana nezigqila zaKhe Uyabona."}]},{"id":36,"verses":[{"id":1,"translation":"Ya-Sin."},{"id":2,"translation":"Ngifunga ngeKurani ekhaliphile."},{"id":3,"translation":"Impela wena ungomunye weZithunywe."},{"id":4,"translation":"Usendleleni eqondile."},{"id":5,"translation":"Yembulelwe [iKurani] nguSomandla Onesihawu"},{"id":6,"translation":"Ukuze uxwayise abantu okhokho babo abangaxwayiswanga kangoba abanendaba."},{"id":7,"translation":"Impela isijeziso siqinisekiwe kubaningi kubo, kungakho bengakholwa."},{"id":8,"translation":"Impela Thina sibophe izintamo zabo ngamasongo afika ezilevini bavele babheka phezulu."},{"id":9,"translation":"Futhi sifake isithiyo ngaphambi kwabo nangasemuva kwabo, sabamboza kangoba abasaboni."},{"id":10,"translation":"Futhi kuyefana nje kubo, uyabaxwayisa noma awubaxwayisi angeke bakholwe."},{"id":11,"translation":"Wena uxwayisa nje kuphela lowo olandela iSikhumbuzo [iKurani] futhi osaba Onomusa engamboni; ngakho-ke mhalalisele ngentethelelo nomvuzo omuhle."},{"id":12,"translation":"Impela Thina sivusa abafileyo siphinde silobe lokho abakwenza nabakushiya emuva."},{"id":13,"translation":"Benzele umzekelo wabantu bomuzi mhla kufika kuwo iZithunywa."},{"id":14,"translation":"Mhla sithumela kubo ezimbili, baziphika. Saphinde sathumela esesithathu zathi: Impela thina sithunywe kini”."},{"id":15,"translation":"Bathi: “Nina ningabantu nje abafana nathi futhi ayikho into eyembulelwe ngoNomusa, nina ninamanga nje”."},{"id":16,"translation":"Zathi: “iNkosi yethu yazi kahle ukuthi impela thina sithunyelwe kini”."},{"id":17,"translation":"Futhi umsebenzi wethu ukudlulisa umlayezo ocacile."},{"id":18,"translation":"Bathi: “Impela thina sinibona nizosilethela amashwa; uma ningaphezi, sizonikhanda ngamatshe niphinde nithole kithi isijeziso esibuhlungu”."},{"id":19,"translation":"Zathi: “Ukubikelwa kwenu kuyosala nani; ingabe kungenxa yokuthi niyelulekwa na? Impela ningabantu abangenamkhawulo."},{"id":20,"translation":"Kwaqhamula indoda mphini le kude nomuzi igijima yathi: “Bantu bakithi, landelani iZithunywa”."},{"id":21,"translation":"Landelani labo abanganiceli mvuzo futhi abasendleleni eqondile."},{"id":22,"translation":"Ngingavinjwa yini ukuba ngikhonze lowo ongidalile futhi eniyobuyela kuYe na?"},{"id":23,"translation":"Ngingaziqokela kanjani ezinye izikhonzwa ngaphandle kwaKhe, kulapho uma Onomusa efuna ngehlelwe okubi, ushwele wazo awusoze wangisiza ngalutho futhi angeke bakhone nokungitakula."},{"id":24,"translation":"Impela ngiyobe sengidukile ngokusobala."},{"id":25,"translation":"Impela ngiyakholelwa eNkosini yenu; ngakho-ke ngilaleleni."},{"id":26,"translation":"Kwathiwa [kuye]: “Ngena eJana”. Wathi: “Ngifisa engabe abantu bakithi bayazi…”"},{"id":27,"translation":"Ukuthi iNkosi yami ingethethelele kanjani futhi yangenza ngaba womunye wabahlonishwayo."},{"id":28,"translation":"Asizange sithumele butho elivela phezulu emuva kwakhe [esebulelwe] futhi asilithumeli [ukubhubhisa]."},{"id":29,"translation":"Kwaba nje umsindo [ohlabayo] owodwa kuphela; bavele badindiliza [sebefile]."},{"id":30,"translation":"Yeka ukuzisola kwezigqila [kwelizayo! Njalo nje uma kufika kubo iSithunywa babesenza inhlekisa."},{"id":31,"translation":"Ababoni yini ukuthi ziningi izizwe esizibhubhisile ngaphambilini kwabo nokuthi aziphindanga zabuya kubo."},{"id":32,"translation":"Yileso naleso sizwe zonke ziyolethwa kiMi."},{"id":33,"translation":"Futhi isibonakaliso sabo, umhlaba ofile esiwuvuselele sakhiqiza kuwo izinhlavu abazidlayo[1].","footnotes":"[1] njengombila, ukolo, amabele, njalonjalo."},{"id":34,"translation":"Senza kuwo kwaba nezivande zamasundu nemivini saphinde saqhekeza sagelezisa kuwo imithombo."},{"id":35,"translation":"Ukuze badle ezithelweni zawo [amanzi aniselayo] ezingeziwanga izandla zabo; kungani-ke bengabongi na?"},{"id":36,"translation":"Ungcwele lona odale zonke izinhlobo ezikhiqizwa umhlaba nezabo uqobo [umfazi nendoda] nezalokho abangakwazi."},{"id":37,"translation":"Futhi isibonakaliso sabo ubusuku, sisusa kubo imini ngalokho bazithola sebesebumnyameni."},{"id":38,"translation":"Futhi ilanga lihamba [kumzila walo] lize lifike la eliphelela khona; lokho kuhlelwe nguSomandla Owaziyo."},{"id":39,"translation":"Futhi nenyanga sayibekela izimo [ezahlukene] kuze lapho [iyafiphala] njengoswazi [lwesundu] oludala."},{"id":40,"translation":"Ilanga ngeke liyifice inyanga futhi nobusuku ngeke bundlule imini; konke kubhukuda [kuhamba] emkhathini[1].","footnotes":"[1] Okusho ukuthi awusoze wabona ilanga libalela ebusuku noma kuhlwe emini."},{"id":41,"translation":"Futhi isibokaliso sabo ukuthi salayisha izizukulwane zabo emkhunjini ogcwele[1].","footnotes":"[1] Bonke abantu abakhona njengamanje emhlabeni bayizizukulwane zabantu ababesemkhunjini noNuhu; okuyibona abasinda ezikhukhuleni. Lokhu abantu abakukhonzayo manje ngaphandle kuka Allah kwakungekho emkhunjini, pho bakuthathaphi na?"},{"id":42,"translation":"Saphinde sabadalela okufana nawo [umkhumbi] abakugibelayo."},{"id":43,"translation":"Uma sithanda besingabacwilisa bengasizwa muntu futhi bengatakulwa."},{"id":44,"translation":"Ngaphandle komusa ovela kithi nokuthi baphile kuze kufike isikhathi [sokufa esibekiwe]."},{"id":45,"translation":"Uma betshelwa ukuthi: “Sabani lokhu okuphambi kwenu [elizayo] nokusemuva kwenu [impilo yasemhlabeni] ukuze nihawukelwe."},{"id":46,"translation":"Futhi noma yisiphi isibonakaliso kuzibonakaliso zeNkosi yabo esifika kubo, bavele basishaye indiva."},{"id":47,"translation":"Uma betshelwa ukuthi: “Nikelani ngalokho u Allah anabele kona”. Laba abangakholwa bathi kulaba abakholwayo: “Singabondla kanjani laba u Allah uma ethanda engabondla Yena ngokwaKhe, impela nina nidukile ngokusobala”."},{"id":48,"translation":"Futhi bathi: “Kanti siyofika nini lesi sethembiso uma ngempela niqinisile na?”"},{"id":49,"translation":"Balindele nje kuphela umsindo owodwa oyobahlasela bengazelele bematasa."},{"id":50,"translation":"Angeke bakhone ngisho ukulayezela futhi angeke bakhone nokubuyela emndenini yabo."},{"id":51,"translation":"Kuyoshaywa uphondo; bese bephuma emathuneni baye eNkosini yabo."},{"id":52,"translation":"Bayothi: “Kwaphela ngathi, ubani kodwa lona osivuse la ebesilele khona na?. Yikona lokhu Onomusa akuthembisile futhi neZithunywa beziqinisile”."},{"id":53,"translation":"Kwaba nje umsindo owodwa, bonke balethwa phambi kweThu."},{"id":54,"translation":"Namhlanje akukho muntu oyokwenziwa okungebulungiswa futhi niyothola umvuzo walokho ebenikwenza."},{"id":55,"translation":"Impela namhlanje abaseJana bamatasa bayancebeleka."},{"id":56,"translation":"Bona nabalingani babo phansi kwemithunzi beqhiyeme emibhedeni."},{"id":57,"translation":"Bayothola kuyo izithelo nalokho abafunayo."},{"id":58,"translation":"Ukuthula, izwi eliyovela eNkosini Enesihawu."},{"id":59,"translation":"Futhi [kuyothiwa]: “Nina zephula mthetho phumelani eshashalazini”."},{"id":60,"translation":"Nina bantwana baka Adamu, asizange yini sense isibopho nani ukuthi ningakhonzi uShayitani ngokuba impela uyisitha senu esisobala."},{"id":61,"translation":"Nokuthi nikhonze Mina kuphela; lena iyona ndlela eqondile."},{"id":62,"translation":"Impela udukise uquqaba olunigi kini; aninakuqonda na?"},{"id":63,"translation":"Iyona-ke lena iJahanamu ebenithenjiswe yona."},{"id":64,"translation":"Ngenani kuyo namhlanje ngenxa yokungakholwa kwenu."},{"id":65,"translation":"Namhlanje sizovala imilomo yenu, bese sikhulunyiswa izandla zenu futhi nemilenze yenu iyofakaza ngalokho ababekwenza."},{"id":66,"translation":"Uma sithanda singavala amehlo abo, bese bephuthuma indlela; kepha bayoyibona kanjani na?"},{"id":67,"translation":"Futhi uma sithanda singabaguqula isimo sabo semvelo[1] khona ezindaweni zabo, bahluleke ukunyakaza noma ukubuyela [esimeni].","footnotes":"[1] njengokuthi babe izinkawu noma izingulube noma izimbongolo, ukubalula nje kokunye."},{"id":68,"translation":"Futhi lowo eminika impilo ende, simenza abe buthaka emzimbeni; kungani ningaqondi na?"},{"id":69,"translation":"Futhi asimfundisanga ubumbongi futhi akakudingi. Kuyisikhumbuzo nje neKurani ecacisayo."},{"id":70,"translation":"Ukuze axwayise lowo ophilayo nokuthi isinqumo [sesijeziso] sibafanele labo abangakholwa."},{"id":71,"translation":"Ababoni yini ukuthi sibadalele kulokho esikwenze ngeZandla zeThu imfuyo baba ngabanikazi bayo."},{"id":72,"translation":"Sabathambisela yona; kangoba ezinye bayazigibela kuthi ezinye bayazidla."},{"id":73,"translation":"Futhi kuzo banezinsiza nokuphuzwayo; kungani bengabongi na?"},{"id":74,"translation":"Baziqokele izikhonzwa ngaphandle kuka Allah ukuze basizakale."},{"id":75,"translation":"Angeke zikwazi ukubasiza kunalokho bona bayibutho elihla liya kuzo [izikhonzwa]."},{"id":76,"translation":"Ngakho-ke makungakukhathazi abakushoyo. Impela Thina siyakwazi lokho abakufihlayo nalokho abakuveza obala."},{"id":77,"translation":"Akaboni yini umuntu ukuthi simdale ngesidoda; kepha sekawumphikisi oqavile."},{"id":78,"translation":"Usenzela thina imizekelo akhohlwe ukuthi udalwe kanjani; wathi: “Ubani ongavusa amathambo lapho esebunile na?”."},{"id":79,"translation":"Yithi: “Ayovuswa ngulowo owadala kwasekuqaleni, futhi wazi ngayo yonke indalo”."},{"id":80,"translation":"Lona onidalele umlilo ngesihlahla esiluhlaza [cwe]; nakhu nibasa ngaso."},{"id":81,"translation":"Ingabe lona odale amazulu nomhlaba akakwazi yini ukudala okufana nawo na? Ukwazi impela; phela unguMdali Owaziyo."},{"id":82,"translation":"Uma efuna ukwenza into ethile, uvele athi: “Yenzeka”, bese iyenzeka."},{"id":83,"translation":"Ungcwele lona umbuso wezinto zonke useZandleni zaKhe futhi niyobuyela kuYe."}]},{"id":37,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngezingelosi ezima ngemigqa."},{"id":2,"translation":"Neziqhuba amafu."},{"id":3,"translation":"Nangalezi ezifunda iSikhumbuzo."},{"id":4,"translation":"Impela okumele nimkhonze uyedwa vo."},{"id":5,"translation":"iNkosi yamazulu nomhlaba nokumaphakathi kwawo; futhi uyiNkosi yezimpumalanga."},{"id":6,"translation":"Impela zihlobise isibhakabhaka sasemhlabeni ngobukhazikhazi bezinkanyezi."},{"id":7,"translation":"Futhi savikela kubo bonke oShayitani abangamahlongandlebe."},{"id":8,"translation":"Abakwazi ukulalela isigungu esiphezulu [sezingelosi] futhi bayikijelwa kuzo zonke izinhlangothi."},{"id":9,"translation":"Ukuze baqheliswe futhi bathola isijeziso esinganqamuki."},{"id":10,"translation":"Ngaphandle kalowo okhona ukucosha okuncane bese elandelwa ilangabi elivuthayo."},{"id":11,"translation":"Awubabuze ukuthi ingabe yibona abadalwe baqina noma yilokho esikudalile na?; impela sibadale ngobumba olunamathelayo."},{"id":12,"translation":"Empeleni uyamangala kepha bona bayachwensa."},{"id":13,"translation":"Uma belulekwa abalaleli."},{"id":14,"translation":"Uma bebona isibonakaliso, benza inhlekisa."},{"id":15,"translation":"Futhi bathi:”Lokhu ilumbo uqobo”."},{"id":16,"translation":"Ingabe uma sesifile saba inhlabathi namathambo siphinde sivuswe na?"},{"id":17,"translation":"Ngisho nokhokho bethu basendulo imbala."},{"id":18,"translation":"Yithi: “Kunjalo, futhi niyobe nihlazekile”."},{"id":19,"translation":"Kuyoba ukuzamazama okukodwa, bese bonke beqalaza."},{"id":20,"translation":"Bayothi: “Kwaphela ngathi, lolu uSuku lokwahlulela”."},{"id":21,"translation":"Lolu usuku lomqamulajuqu, lolu ebeniluphika."},{"id":22,"translation":"Buthanisani labo abaphambukile nabafana nabo nalokho ababekukhonza…"},{"id":23,"translation":"Ngaphandle kuka Allah, bese nibaholela endleleni eya emlilweni."},{"id":24,"translation":"Nibamise ngokuba bazophekwa ngemibuzo."},{"id":25,"translation":"Yini ngani ningasasizi na?"},{"id":26,"translation":"Empeleni namhlanje bazinikele."},{"id":27,"translation":"Abanye bazoya kwabanye babuzane."},{"id":28,"translation":"Bathi: “Impela nina benihlala niza kithi nihlasela iqiniso”."},{"id":29,"translation":"Bayothi: “Belu, beningebona abakholwayo”."},{"id":30,"translation":"Futhi besingenawo amandla ngaphezu kwenu okuniphoqa; empeleni nina ngokwenu beningabantu abayizephula mthetho."},{"id":31,"translation":"Isinqumo seNkosi yethu sasifanela; ngakhoke siyozwa [isijeziso]."},{"id":32,"translation":"Sanidukisa ngoba nathi besidukile."},{"id":33,"translation":"Impela ngalolo suku bonke bayoba ndawonye esijezisweni."},{"id":34,"translation":"Impela Thina sizenza njalo izephula mthetho."},{"id":35,"translation":"Kwakuthi uma betshelwa ukuthi, akekho okufanele akhonzwe ngaphandle kuka Allah, bavele baziqhayise."},{"id":36,"translation":"Futhi bathi: “Singayeka izikhonzwa zethu ngenxa yalembongi ewuhlanya”."},{"id":37,"translation":"Empelani ufike neqiniso futhi wafakazela ezinye iZithunywa."},{"id":38,"translation":"Impela nina niyozwa isijeziso esibuhlungu."},{"id":39,"translation":"Futhi niyothola umvuzo walokho ebenikwenza kuphela."},{"id":40,"translation":"Ngaphandle kwezigqila zaMi ezikhethekile."},{"id":41,"translation":"Labo bayothola isondlo esaziwayo."},{"id":42,"translation":"Izithelo futhi bayophathwa kahle."},{"id":43,"translation":"Ezivandeni zentokomalo."},{"id":44,"translation":"Emibhedeni bebhekene."},{"id":45,"translation":"Belethelwa utshwala basemthonjeni ogelezayo."},{"id":46,"translation":"Bumhlophe qwa, bumnandi kwabawuphuzayo."},{"id":47,"translation":"Abunabuthi futhi abudakani."},{"id":48,"translation":"Futhi bayoba namatshitshi akhophozayo anamehlo amahle."},{"id":49,"translation":"Afana [ngombala] namaqanda afukanyelwe[1].","footnotes":"[1] njengamaganda entshe."},{"id":50,"translation":"Abanye bazoya kwabanye babuzane."},{"id":51,"translation":"Omunye wabo wathi: “Nganginomngani”."},{"id":52,"translation":"Wayethi: “Ingabe wena uyakholwa…”"},{"id":53,"translation":"Ukuthi, kuyothi sesifile saba inhlabathi namathambo siphinda sivuswe?"},{"id":54,"translation":"Uyothi: “Ake nilunguze”."},{"id":55,"translation":"Uyolunguza ambone ephakathi emlilweni."},{"id":56,"translation":"Uyothi: “Ngimfunge u Allah, ucishe wangibhubhisa”."},{"id":57,"translation":"Ukube bekungesiwo umusa weNkosi yami ngabe name ngiphakathi [emlilweni]."},{"id":58,"translation":"Ingabe asifanga na?"},{"id":59,"translation":"Ngaphandle kokufa kwethu kokuqala futhi asijeziswanga na?"},{"id":60,"translation":"Impela lokhu iyona impumelelo enkulu."},{"id":61,"translation":"Labo abasebenzayo mabasebenzele lokhu."},{"id":62,"translation":"Ingabe lokho iyona ndawo yokuhlala engcono noma isihlahla iZakumi [sameva]."},{"id":63,"translation":"Impela sisenze saba isivivinyo kulabo abaphambukile[1].","footnotes":"[1] baxakwa ukuthi simila kanjani isihlahla emlilweni, kube umlilo uyasishisa isihlahla."},{"id":64,"translation":"Impela siyisihlahla esimila emsukeni womlilo."},{"id":65,"translation":"Izithelo zaso zifana namakhanda oShayitani."},{"id":66,"translation":"Impela bayodla kuso bagcwalise ngaso izisu zabo."},{"id":67,"translation":"Emuva kwakho bayophuza isiphuzo esixutshiwe esibilayo."},{"id":68,"translation":"Bese bubuyela futhi emlilweni."},{"id":69,"translation":"Impela bona bafumanisa okhokho babo bedukile."},{"id":70,"translation":"Base belandela ezinyathelweni zabo ngokushesha."},{"id":71,"translation":"Futhi baningi abasendulo abaduka ngaphambi kwabo."},{"id":72,"translation":"Futhi sathumela kubo abexwayisi."},{"id":73,"translation":"Bheka nje ukuthi sabanjani isiphetho sabaxwayiswa."},{"id":74,"translation":"Ngaphandle kwezigqila zika Allah ezikhethekile."},{"id":75,"translation":"Futhi uNuhu wakhuleka kithi; saba abaphenduli abahle kakhulu."},{"id":76,"translation":"Samhlenga yena nomndeni wakhe ebunzimeni obukhulu."},{"id":77,"translation":"Senza uzalo lwakhe kwaba yilona olusalayo."},{"id":78,"translation":"Futhi samenzela isasasa kwabalandela emuva kwakhe."},{"id":79,"translation":"Ukuthula makube kuNuhu endalweni yonke."},{"id":80,"translation":"Impela sibahlomulisa kanjalo abenzi bokuhle."},{"id":81,"translation":"Impela ungomunye wezigqila zeThu ezikholwayo."},{"id":82,"translation":"Sabe sesiminzisa abanye."},{"id":83,"translation":"Futhi impela u Ibhirahimu omunye abalandela ezinyathelweni zakhe."},{"id":84,"translation":"Mhla befika eNkosini yakhe ngenhliziyo emsulwa."},{"id":85,"translation":"Mhla ethi kuyise nabantu bakubo: “Yini lokhu enikukhonzayo”."},{"id":86,"translation":"Ingabe nikhonza izikhonzwa zamanga ngaphandle kuka Allah na."},{"id":87,"translation":"Nicabangani ngeNkosi yendalo yonke na?"},{"id":88,"translation":"Wabheka kanye ezinkanyezini."},{"id":89,"translation":"Wathi: “Ngiyagula”."},{"id":90,"translation":"Bamshiya kanjalo bahamba."},{"id":91,"translation":"Waqonda kuzikhonzwa zabo, wafike wathi: “Anidli na?”."},{"id":92,"translation":"Yini ngani ningakhulumi na?"},{"id":93,"translation":"Wazihlahlela ngamandla."},{"id":94,"translation":"Beza kuye sebeshesha."},{"id":95,"translation":"Wathi: “Nikhonza lokhu enikubazayo na?”"},{"id":96,"translation":"Kube kungu Allah onidalille nina nenikwenzayo."},{"id":97,"translation":"Bathi: “Makheleni isakhiwo nimphonsele kuso emlilweni”."},{"id":98,"translation":"Babefuna ukumenza okubi kepha senza bona badixileleka phansi."},{"id":99,"translation":"Wathi: “Impela ngiyahamba ngiya eNkosini yami iyongihola”."},{"id":100,"translation":"Nkosi yami ngiphe [umntwana] ongoqotho."},{"id":101,"translation":"Samhalalisela ngendodana enobubele."},{"id":102,"translation":"Kuthe lapho esekhulile esekwazi ukuhamba naye, wathi: Ndodana, ngibone nginquma ephusheni; ngakho-ke ubona kanjani na? Wathi: “Baba wami, yenza lokho oyalelwe kona, uzongifumanisa ngingobekezelayo uma u Allah ethanda”."},{"id":103,"translation":"Kuthe lapho sebezinikele futhi esembhekise phansi."},{"id":104,"translation":"Sammemeza sathi: “Ibhirahimu”."},{"id":105,"translation":"Usulifezile iphupho. Impela sibahlomulisa kanjalo abenzi bokuhle."},{"id":106,"translation":"Impela lokhu isivivinyo uqobo."},{"id":107,"translation":"Futhi samhlenga ngomhlatshelo omkhulu."},{"id":108,"translation":"Futhi samenzela isasasa kwabalandela emuva kwakhe."},{"id":109,"translation":"Ukuthula bakube ku Ibhirahimu."},{"id":110,"translation":"Sibahlomulisa kanjalo abenzi bokuhle."},{"id":111,"translation":"Impela yena ungomunye wezigqila zeThu ezikholwayo."},{"id":112,"translation":"Futhi samhalalisela ngo Isihaki ozoba isithunywa esiqotho."},{"id":113,"translation":"Sambusisa yena no Isihaki; futhi kuzalo labo kunalowo owenza okuhle futhi kunalowo ophambukile ngokusobala."},{"id":114,"translation":"Futhi impela sambusisa uMusa noHaruni."},{"id":115,"translation":"Futhi sabahlenga nesizwe sabo ebunzimeni obukhlu."},{"id":116,"translation":"Sabasekela kwaba yibona abanqobayo."},{"id":117,"translation":"Futhi sabanika iNcwadi ecacisayo."},{"id":118,"translation":"Futhi sabaholela endleleni eqondile."},{"id":119,"translation":"Futhi sabenzela isasasa kwabalandela emuva kwabo."},{"id":120,"translation":"Ukuthula makube kuMusa noHaruni."},{"id":121,"translation":"Impela sibahlomulisa kanjalo abenzi bokuhle."},{"id":122,"translation":"Impela bona bangabanye bezigqila zeThu ezikholwayo."},{"id":123,"translation":"Futhi impela no Iliyasi wagengomunye weZithunywa."},{"id":124,"translation":"Mhla ethi kubantu bakubo: “Kungani ningathobeli u Allah na?”"},{"id":125,"translation":"Nikhonza isithixo u Ba-ali niyeka onguMdali omuhle kakhulu."},{"id":126,"translation":"U Allah iNkosi yenu neNkosi yokhokho benu basendulo."},{"id":127,"translation":"Bamphika; ngakho-ke bayolethwa [emlilweni]."},{"id":128,"translation":"Ngaphandle kwezigqila zika Allah ezikhethekile."},{"id":129,"translation":"Futhi samenzela isasasa kwabalandela emuva kwakhe."},{"id":130,"translation":"Ukuthula makube ku Iliyasini."},{"id":131,"translation":"Impela sibahlomulisa kanjalo abenzi bokuhle."},{"id":132,"translation":"Impela yena ungomunye wezigqila zeThu ezikholwayo."},{"id":133,"translation":"Futhi impela uLuti ungomunye weZithunywa."},{"id":134,"translation":"Mhla simhlenga yena nomndeni wakhe wonke."},{"id":135,"translation":"Ngaphandle kwesalukazi esaba kanye nababhujiswayo."},{"id":136,"translation":"Sabe sesibhubhisa abanye."},{"id":137,"translation":"Futhi impela nina nindlula kubo ekuseni."},{"id":138,"translation":"Nasebusuku; kungani ningaqondi na?"},{"id":139,"translation":"Futhi impela uYunusi ungomunye weZithunywa."},{"id":140,"translation":"Mhla ebaleka engena emkhunjini ogcwele."},{"id":141,"translation":"Wenza inkatho kepha yadla yena."},{"id":142,"translation":"Wagwinywa umkhome kulapho esolwa yena [ngakwenzile]."},{"id":143,"translation":"Ukube kwangusikho ukuthi wayengomunye abadumisayo."},{"id":144,"translation":"Ngabe wahla esiswini sawo kuze kufike uSuku lokuvuswa."},{"id":145,"translation":"Samphonsela endaweni engenalutho egula."},{"id":146,"translation":"Samkhulisela isihlahla sezintanga."},{"id":147,"translation":"Samthumela kwizingulungwane eziyikhulu [zabantu] kuya phezulu."},{"id":148,"translation":"Bakholwa sabanethezekisa kwaze kwafika isikhathi [sokufa]."},{"id":149,"translation":"Babuze ukuthi ingabe iNkosi yakho yona inamadodakazi bona banamadodana na?"},{"id":150,"translation":"Kumbe sadala izingelosi zaba izifazane bona bekhona."},{"id":151,"translation":"Bheka! Impela bathi ngamanga abo aluhlaza…"},{"id":152,"translation":"U Allah uzele futhi impela banamanga."},{"id":153,"translation":"Ukhethe amadodakazi kunamadodana na?"},{"id":154,"translation":"Yini ngani, nehlulela kanjani na?"},{"id":155,"translation":"Kungani ningalaleli na?"},{"id":156,"translation":"Kumbe banobufakazi obucacisayo."},{"id":157,"translation":"Lethani-ke incwadi yenu uma ngempela niqinisile."},{"id":158,"translation":"Futhi benza kwaba nolibo phakathi kuka Allah namajini[1]; kepha amajini azi kahle ukuthi ayosiwa [esijezisweni].","footnotes":"[1] Phela abanye abangakholwa babethi u Allah washada ijini lamzalela izingelosi; uphakeme Yena kulokho abakushoyo."},{"id":159,"translation":"Ungcwele u Allah kulokho abakushoyo."},{"id":160,"translation":"Ngaphandle kwezigqila zika Allah ezikhethekile."},{"id":161,"translation":"Impela nina nalokhu enikukhonzayo."},{"id":162,"translation":"Akekho eningamlinga."},{"id":163,"translation":"Ngapha ndle kwalowo oyongena emlilweni."},{"id":164,"translation":"[Izingelosi zathi]: “Yilowo nalowo kithi unendawo yakhe eyaziwayo”."},{"id":165,"translation":"Futhi impela thina sima ngemigqa."},{"id":166,"translation":"Futhi impela thina siyamngcwelisa."},{"id":167,"translation":"Nakuba babethi…"},{"id":168,"translation":"Uma nathi singathola isikhumbuzo [incwadi] sabasendulo."},{"id":169,"translation":"Besizoba izigqila zika Allah ezikhethekile."},{"id":170,"translation":"Kepha abayikholwanga; ngakho-ke bazokwazi."},{"id":171,"translation":"Futhi laphuma iZwi leThu mayelana nezigqila zeThu eziyiZithunywa."},{"id":172,"translation":"Impela ziyosizwa."},{"id":173,"translation":"Futhi impela elethu ibutho eliyonqoba."},{"id":174,"translation":"Bayeke kanjalo okwesikhashana."},{"id":175,"translation":"Ubabheke nje, kungekudala nabo bazobona."},{"id":176,"translation":"Ingabe bajahe isijeziso seThu na?"},{"id":177,"translation":"Uma sesifika emagcekeni; kwaze kakubi ukusa kwalabo abaxwayisiwe."},{"id":178,"translation":"Bayeke kanjalo okwesikhashana."},{"id":179,"translation":"Ubabheke nje, kungekudala nabo bazobona."},{"id":180,"translation":"Ingcwele iNkosi yakho, iNkosi yamandla kulokho abakushoyo."},{"id":181,"translation":"Futhi ukuthula makube kuZithunywa."},{"id":182,"translation":"Futhi udumo ngoluka Allah, iNkosi yendalo yonke."}]},{"id":38,"verses":[{"id":1,"translation":"Swad. Ngifunga ngeKurani enesikhumbuzo."},{"id":2,"translation":"Empeleni laba abangakholwa bayaziqhayisa futhi bayaphikisa."},{"id":3,"translation":"Ziningi izizwe esazibhubhisa ngaphambi kwabo; zamemeza, kepha kwakungasiso isikhathi sokubaleka."},{"id":4,"translation":"Futhi bamangazwe ukuthi kufike kubo umexwayisi ongomunye wabo. Bathi abangakholwa: “Lona ngumlumbi onamanga”."},{"id":5,"translation":"Uzenza kanjani izikhonzwa kube isikhonzwa esisodwa na?; impela lokhu yinto eyisimanga."},{"id":6,"translation":"Abayizikhulu kobo baphuma [bathi ebantwini]: “Qhubekani futhi nibambelele kuzikhonzwa zenu; impela lokhu yikona okufunekayo”."},{"id":7,"translation":"Asikaze sizwe ngalokhu nasenkolweni yokugcina imbala; impela lokhu amanga."},{"id":8,"translation":"Kwembulela kuye isikhumbuzo sikhona thina?. Empeleni bengabaza isikhumbuzo saMi; empeleni abakasizwa isijeziso saMi."},{"id":9,"translation":"Kumbe banemicebo yomusa weNkosi yakho enguSomandla Ophanayo."},{"id":10,"translation":"Kumbe umbuso wamazulu nomhlaba nokumaphakathi kwawo ungowabo; ngakho-ke mabanyuke ngezindlela."},{"id":11,"translation":"Bayibutho kwamanye amaqembu eliyonqotshwa lapho."},{"id":12,"translation":"Abantu bakaNuhu nesizwe sakwa Adi noFirawuni wezikhonkwane, baphika ngaphambilini kwabo."},{"id":13,"translation":"Nesizwe sakwaTamudi nabantu bakaLuti nabantu baseMadiyana. Yiwona-ke lawo amaqembu."},{"id":14,"translation":"Bonke baphika iZithunywa; base befanelwa isijeziso."},{"id":15,"translation":"Laba abalinde lutho ngaphandle komsindo owodwa ongabuyeli emuva."},{"id":16,"translation":"Futhi bathi: “Nkosi yethu shisha usinike imiqulu yethu lungakafiki usuku lokwahlulela”."},{"id":17,"translation":"Kubekezelele lokho abakushoyo, ukukhumbule isigqila seThu uDawudi owayenamandla; impela wayezikela."},{"id":18,"translation":"Impela samjubela izintaba zidumisa naye ebusuku nasekuseni."},{"id":19,"translation":"Nezinyoni ngokunjalo zazibuthaniswa; zonke zazilalela."},{"id":20,"translation":"Samqinisela ubukhosi bakhe samupha nobuhlakani nobuciko benkulumo."},{"id":21,"translation":"Ingabe usuzwile ngendaba yabaphikisanyo mhla begibela phezu kwegumbi."},{"id":22,"translation":"Mhla bengena kuDawudi, wabesaba. Bathi: “Ungesabi, singabaphikisanayo, abanye bethu bahlukumeze abanye, ngakho-ke hlulela phakathi ngeqiniso futhi ungenzi okungebulungiswa futhi usiholele endleleni eqondile”."},{"id":23,"translation":"Impela umnewethu lona unezimbuzi ezingamashumi ayisishagalolunye nesishagalolunye, mina nginembuzi eyodwa vo, ube esethi: “Nginike yona ngiyinakekele, wangihlula ngenkulomo”."},{"id":24,"translation":"Wathi: “Impela akenzanga ubulungiswa kuwe ngokucela ukuhlanganisa imbuzi yakho nezimbuzi zakhe; futhi iningi labahlanganisayo bayahlukumezana ngaphandle kwalabo abakholwayo nabenza okulungileyo futhi ave beyidlanzana. uDawudi wacabanga ukuthi besimvivinya, wabe esecela intethelelo eNkosini yakhe waya phansi wakhothama wazilahla."},{"id":25,"translation":"Samthethelela lokho; futhi impela unendawo eseduze kithi nendawo enhle ayobuyela kuyo."},{"id":26,"translation":"Wena Dawudi, sikwenze umbusi ezweni, ngakho-ke yehlulela phakathi kwabantu ngeqiniso futhi ungalandeli izinkanuko funa zikuphambukise endleleni ka Allah. Impela laba abaphambuka endleleni ka Allah bayothola isijeziso esinzima ngenxa yokulibala kwabo uSuku lokwahlulela."},{"id":27,"translation":"Futhi amazulu nomhlaba nokumaphakathi asikudalelanga ize. Lokho umdlinzo walabo abangakholwa; bayobhubha labo angakholwa emlilweni."},{"id":28,"translation":"Kumbe kumele sense labo abakholwayo nabenza okulungileyo bafane nalabo abenza ukonakala ezweni noma sense abathobela u Allah bafane nezephula mthetho na?"},{"id":29,"translation":"LeNcwadi esiyembulele kuwe ebusisekile, ukuze bahlaziye imibiko yayo futhi labo abakhaliphile bathathe isifundo."},{"id":30,"translation":"Futhi sapha uDawudi uSulayimani; wabe eyisigqila esihle; impela wayezinikela."},{"id":31,"translation":"Mhla ekhonjiswa ntambama izinjomane ezime kahle zomjaho."},{"id":32,"translation":"Wathi: “Impela sengithande kakhulu izinto ezinhle kunokukhumbula iNkosi yami, laze lasithela [ilanga]”."},{"id":33,"translation":"Wabuyiseni la; waqala wawagenca imilenze nezintamo."},{"id":34,"translation":"Futhi samvivinya uSulayimani sajikijela isidumbu phezu kwesihlalo sakhe; emuva kwalokho wazithoba."},{"id":35,"translation":"Wathi: “Nkosi yami ngiphe ubukhosi obungeke butholwe omunye emuva kwami; impela Wena ungoPhayo”."},{"id":36,"translation":"Samjubela umoya owahamba ngomyalelo wakhe ngesizotha noma kuphi lapho efuna ukuya khona."},{"id":37,"translation":"Ngokunjalo oShayitani, bonke ababengabakhi nabatshuzi."},{"id":38,"translation":"Abanye baboshiwe ngamasongo."},{"id":39,"translation":"Lezi izipho zeThu; iphana omthandayo noma ungaphi omthandayo, ngaphandle kokuba necala."},{"id":40,"translation":"Futhi impela unendawo eseduze kithi nendawo enhle ayobuyela kuyo."},{"id":41,"translation":"Futhi khumbula isigqila seThu u Ayubu mhla ekhuleka eNkosini yakhe [ethi]: “Impela uShayitani ungihlasele ngokukhathala nobunzima”."},{"id":42,"translation":"Shaya phansi ngomlenze wakho; lawa ngamanzi okugeza abandayo nokuphuza."},{"id":43,"translation":"Samupha umndeni wakhe usuphindwe kabili, kuwumusa ovela kithi nesikhumbuzo kulabo abakhaliphile."},{"id":44,"translation":"Futhi thatha ngesandla sakho inyanda yezinswazi ukuze ungaphuli isibophezelo sakho. Impela samfumanisa enokubekezela; uyigqila esihle, impela uyazithoba."},{"id":45,"translation":"Futhi khumbula izigqila zeThu u Ibhirahimu no Isihaki no Yakubu ababenamandla nolwazi olunzulu."},{"id":46,"translation":"Impela sabaqoka ngesimilo sekhethelo: ukukhumbula elizayo."},{"id":47,"translation":"Futhi kithi bangaqokiwe bekhethelo."},{"id":48,"translation":"Futhi khumbula u Isima-ili no Aliyasa no Dulikifili; bonke bangabekhethelo."},{"id":49,"translation":"Lesi isikhumbuzo; futhi impela labo abathobela u Allah bayothola indawo enhle abayobuyela kuyo."},{"id":50,"translation":"Izivande zaphakade, bayovulelwa iminyango."},{"id":51,"translation":"Bayohlala baqhiyame kuzo, bafune kuzo izithelo eziningi neziphuzo."},{"id":52,"translation":"Futhi bayoba namatshitshi akhophozelayo angontanga."},{"id":53,"translation":"Yikho-ke lokhu enithenjiswe kona ngoSuku lokwahlulela."},{"id":54,"translation":"Impela lesi isondlo seThu asisoze saphela."},{"id":55,"translation":"Lokhu [kunjalo]. Kepha amahlongandlebe ayothola indawo embi ayobuyela kuyo."},{"id":56,"translation":"iJahananmu abayongena kuyo; okuyindawo embi."},{"id":57,"translation":"Lesi [isijeziso], amanzi abilayo nobomvu, mabasizwe."},{"id":58,"translation":"Kunesinye esifana nalesi, esinehlobo eziningi."},{"id":59,"translation":"[Bayothi]: “Nalu uquqaba eniyongena nalo; alwamukelekile, impela luyongena emlilweni”."},{"id":60,"translation":"Bayothi: “Empeleni yinina eningamukelekile; yinina enisilethele sona [isijeziso], yaze yayimbi indawo”."},{"id":61,"translation":"Bayothi: “Nkosi yethu, lowo osilethele lokhu, mandisele ngesijeziso esiphindaphindiwe emlilweni”."},{"id":62,"translation":"Futhi bayothi: “Kungani singawaboni amadoda esiwala kanye nabantu ababi na?”"},{"id":63,"translation":"Ingabe sibenze inhlekisa kumbe amehlo ethu angababoni."},{"id":64,"translation":"Impela lokho kuphikisana kwabantu abasemlilweni kuyiqiniso."},{"id":65,"translation":"Yithi: “Mina ngingumexwayisi nje kuphela; futhi akekho okufanele akhonzwe ngaphandle kuka Allah Oyedwa Ongumlawuli”."},{"id":66,"translation":"iNkosi yamazulu nomhlaba nokumaphakathi kwawo enguSomandla enguMthetheleli."},{"id":67,"translation":"Yithi: “Iwudaba olunzima”."},{"id":68,"translation":"Kepha nina nilushaya indiva."},{"id":69,"translation":"Bengingenalo ulwazi mayelana nezingelosi mhla ziphikisana."},{"id":70,"translation":"Kuphela kwembulelwa kimi ukuthi ngingumexwayisi ocacisayo."},{"id":71,"translation":"Landisa ngamhla iNkosi yakho yithi ezingelosini: “Impela ngizodala umuntu ngobumba”."},{"id":72,"translation":"Uma sengimbumbile ngaphefumulela kuye ngomphefumulo wami; mkhothameleni niwe phansi ngobuso."},{"id":73,"translation":"Zonke izingelosi ngothi lwazo sawa phansi ngobuso zakhothama."},{"id":74,"translation":"Ngaphandle kuka Ibilisi, waziqhayisa waba ngomunye wabangakholwa."},{"id":75,"translation":"Wathi: “We Ibilisi, uvinjwe yini ukuwa phansi ngobuso ukhothamele lokhu engikudale ngeZandla zaMi zombili na?”"},{"id":76,"translation":"Wathi: “Mina ngingcono kunaye; mina ungidale ngomlilo yena wamdala ngobumba”."},{"id":77,"translation":"Wathi: “Phuma kuyo [iJana] ngokuba wena usuxoshiwe”."},{"id":78,"translation":"Futhi impela wehlelwe isiqalekiso saMi kuyoze kube uSuku lokwahlulela."},{"id":79,"translation":"Wathi: “Ngiphe impilo ende kuze kube uSuku lokuVuswa”."},{"id":80,"translation":"Wathi: “Nakanjani ungomunye walaba abanikwe impilo ende”."},{"id":81,"translation":"Kuze kube isikhathi esaziwayo."},{"id":82,"translation":"Wathi: “Ngifunga ngobukhulu bakho, impela ngizodukisa bonke”."},{"id":83,"translation":"Ngaphandle kwezigqila zaKho ezikhethekile."},{"id":84,"translation":"Wathi: “Iqiniso futhi iqiniso engolishoyo”"},{"id":85,"translation":"Ngizogcwalisa iJahanamu ngawe nangalabo kubo abazokulandela ngothi lwabo."},{"id":86,"translation":"Yithi: “Anginiceli ngakho umvuzo futhi mina azihluphi ngokuqamba amanga”."},{"id":87,"translation":"Iyisikhumbuzo [iKurani] nje kuphela kundalo yonke."},{"id":88,"translation":"Futhi nizolwazi udaba lwayo emuva kwesikhashana."}]},{"id":39,"verses":[{"id":1,"translation":"Ukwembulelwa kweNcwadi okuvela ku Allah uSomandla Okhaliphile."},{"id":2,"translation":"Impela Thina sembulele kuwe iNcwadi ngeqiniso; ngakhoke, khonza u Allah ngenkolo emsulwa."},{"id":3,"translation":"Bheka, inkolo emsulwa ngeka Allah. Futhi laba abaqoke izikhonzwa ngaphandle kwaKhe [bathi]: “Sizikhonzela ukuba zisisondeze eduze ku Allah”; u Allah uyekwehlulela phakathi kwabo ngalokho abaphikisana ngakho. Impela u Allah akamholi lowo onamanga ongakholwa."},{"id":4,"translation":"Ukube u Allah ubefuna ukuba nengane bekazokhe noma yini akuthandayo kulokho akudalile; ungcwele, ungu Allah Oyedwa Ongumlawuli."},{"id":5,"translation":"Wadala amazulu nomhlaba ngeqiniso; umboza imini ngobusuku aphinde amboze ubusuku ngemini, futhi ujube ilanga nenyanga konke kuyohamba kuze kufike isikhathi esibekiwe. Bheka, unguSomandla Othethelelayo."},{"id":6,"translation":"Wanidala ngomuntu oyedwa waphinde wadala ngaye umlingani wakhe. Futhi unidalele imfuyo eyizinhlobo eziyishagalombili. Unidala eziswini zonyoko isigaba ngesigaba ebumnyameni obuthathu[1]; loyo ngu Allah iNkosi yenu ubukhosi obungobayo; akekho okufanele akhonzwe ngaphandle kwaKhe; pho nidukiswa yini na?","footnotes":"[1] ubumnyama (i) besisu (ii) nobesizalo (iii) nobomzanyana."},{"id":7,"translation":"Uma ningakholwa, u Allah Uzimele akanidingi; kepha akazithandeli izigqila zaKhe ukungakholwa; futhi uma nibonga yikona anithandela kona. Futhi akukho muntu oyothwala umthwalo womunye. Niyophinda nibuyele eNkosini yenu ukuze inazise ngalokho ebenikwenza; impela Yona ikwazi kahle okuqukethwe izinhliziyo."},{"id":8,"translation":"Futhi uma umuntu ehlelwa ubunzima, ukukhuleka eNkosini yakhe ngokuzinikela kuYo, kepha uma isimuphe umusa ovela kuYo, uyakukhohlwa lokho ebekukhulekela bese eqokela u Allah izimbangi bese uyaduka endleleni yaKhe. Yithi: “Thokoza ngokungakholwa kwakho okwesikhashana, impela ungomunye wabayongena emlilweni”."},{"id":9,"translation":"Kumbe [ongcono] yilowo ozithobayo ebusuku ekhotheme ewa ngobuso futhi emile [ethandaza]; usaba elizayo futhi ulangazelele umusa weNkosi yakhe. Ingabe bayafana yini labo abanolwazi nalabo abangenalwazi na? Impela labo abakhaliphile yibona abathatha isifundo."},{"id":10,"translation":"Yithi: “Zigqila zami[1] ezikholwayo, thobelani iNkosi yenu. Labo abenza okuhle lapha emhlabeni bayothola umvuzo omuhle; futhi umhlaba ka Allah ubanzi. Impela ababekezelayo bayonikwa umvuzo wabo ngokungemkhawulo”.","footnotes":"[1] lapha iSithunywa siyalelwe ukuba sisho lamagama ngu Allah, belu naye uyisigqila sika Allah njengabanye."},{"id":11,"translation":"Yithi: “Ngiyalelwe ukuba ngikhonze u Allah yena kuphela ngobumsulwa”."},{"id":12,"translation":"Futhi ngiyalelwe ukuba ngibe owokuqala ukuba yiMusilimu."},{"id":13,"translation":"Yithi: “Ngiyesaba isijeziso sosuku olunzima uma ngingalaleli iNkosi yami”."},{"id":14,"translation":"Yithi: “U Allah kuphela engimkhonzayo ngobumsulwa”."},{"id":15,"translation":"Ngakho-ke khonzani enikuthandayo ngaphandle kwaKhe. Yithi: “Impela abalahlekelwa yilabo abazilahlekisele bona nemindeni yabo ngoSuku lokwahlulela; bheka ngoba lokho ukulahlekelwa uqobo”."},{"id":16,"translation":"Bayothola amathunzi omlilo ngaphezu kwabo nangaphansi kwabo kuyoba namathunzi. Lokho u Allah usabisa ngakho izigqila zaKhe; zigqila zaMi thobelani Mina."},{"id":17,"translation":"Futhi labo abagwema ukukhonza izikhonzwa zamanga baphinde banikele ku Allah, bayothola izindaba ezinhle; ngakho-ke yethula izindaba ezinhle kuzigqila zaMi."},{"id":18,"translation":"Lezi ezilalelisisa umyalelo bese bewulandela ngendlela efanele; yibo-ke labo u Allah abaholile futhi yibona kanye abakhaliphile."},{"id":19,"translation":"Lowo ofanelwe isinqumo sesijeziso; ingabe wena uyakhona yini ukutakula lowo osesemlilweni na?."},{"id":20,"translation":"Kodwa laba abathobela iNkosi yabo; bayothola amagumbi okunamanye amagumbi akhiwe phezu kwawo, kugeleza imifula ngaphansi kwawo; isithembiso sika Allah, kanti-ke u Allah akasephuli isithembiso."},{"id":21,"translation":"Awuboni ukuthi u Allah wehlise amanzi phezulu, wawenza imithombo egelezayo emhlabeni, wase ekhiqiza ngawo izitshalo ezinemibala ehlukene; emuva kwalokho ziyoma uzibone sezibunile bese ezenza imvithi. Impela kulokho kunesikhumbuzo kulabo abakhaliphile."},{"id":22,"translation":"Ingabe lowo u Allah avulela i-Isilamu enhlizweni yakhe waba sekukhanyeni okuvela eNkosini yakhe [uyefana yini nongenjalo] na?Bayobhubha labo abanezinhliziyo eziqinile ekukhumbuleni u Allah; labo basekudukeni uqobo."},{"id":23,"translation":"U Allah wembulele inkulumo ezindlula zonke, iNcwadi engaziphikisi eziphindaphindayo; izikhumba zalabo abesaba iNkosi yabo ziba nohlevane ngenxa yayo, bese ziphinda zithamba izikhumba zabo kepha izinhliziyo zabo zisagxile ekukhumbuleni u Allah. Lokho ukuhola kuka Allah ahola ngakho amthandayo; futhi lowo u Allah amdukisayo akekho oyomhola."},{"id":24,"translation":"Ingabe lowo oyovika ububi besijeziso sosuku lokwahlulela ngobuso bakhe [uyefana yini noyophepha kuso na?]; futhi kuyothiwa kulabo abaphambukile: “Zwanini lokho ebenikwenza”."},{"id":25,"translation":"Labo ababandulelayo baphika [imibiko], isijeziso safika kubo ngalapho ababangenakanga ngakhona."},{"id":26,"translation":"U Allah wabazwisa ukuhlazeka empilweni yasemhlabeni; futhi isijeziso sakwelizayo sinzima kakhulu, ukube nje bebazi."},{"id":27,"translation":"Futhi abantu sibenzele yonke imizekelo kuleKurani ukuze bathathe isifundo."},{"id":28,"translation":"[Esiyenze yaba] iKurani yesi Arabhu engegwembile [engaziphikisi] ukuze bathobele u Allah."},{"id":29,"translation":"U Allah wenza umzekelo wendoda [eyigqila] ephethwe abalingani abathezisanayo nendoda [eyisigqila] ephethwe umuntu oyedwa; ingabe umzekelo wabo uyefana na?; udumo ngoluka Allah; empeleni iningi labo alazi."},{"id":30,"translation":"Impela wena uzofa futhi nabo bazofa."},{"id":31,"translation":"Futhi impela niyophikisa eNkosini yenu ngoSuku lokwahlulela."},{"id":32,"translation":"Ngubani ophambuke ukundlula lowo oqambela u Allah amanga nophika iqiniso lapho lifika kuye na?; kanti iJahanamu akusiyo yini indawo yalabo abangakholwa na?"},{"id":33,"translation":"Futhi lowo oza neqiniso aphinde alifakazele; labo bangabathobela u Allah."},{"id":34,"translation":"Bayothola abakufunayo eNkosini yabo; lowo umvuzo wabenza okuhle."},{"id":35,"translation":"Ukuze u Allah abasulele lokho okubi abakwenzile bese ebanika umvuzo wabo ngokuhle okundlula lokho ababekwenza."},{"id":36,"translation":"Ingabe u Allah akanele yini kusigqila saKhe na? Futhi bayakuthusa ngalokho okungaphandle kwaKhe; futhi lowo u Allah amdukisile akekho oyomhola."},{"id":37,"translation":"Futhi lowo u Allah amholile akekho oyomdukisa; ingabe u Allah akasiye yini uSomandla oziphindiselelayo."},{"id":38,"translation":"Futhi uma ungababuza ukuthi ngubani owadala amazulu nomhlaba, bayothi: “Ngu Allah”. Yithi: “Ake ningitshele ngalokhu enikukhonzayo ngaphandle kuka Allah, uma efuna ukungipha umusa waKhe, ingabe ziyokwazi yini ukuqanda umusa waKhe na?. Yithi: “U Allah ungenele, abathembelayo bathembela kuYe”."},{"id":39,"translation":"Yithi: “Bantu bakithi, yenzani enikwenzayo, name ngiyenza; kepha nizokwazi kungekudala”."},{"id":40,"translation":"Ukuthi ubani oyokwehlelwa isijeziso esihlazanayo futhi ehlelwe isijeziso esingapheli."},{"id":41,"translation":"Impela sembulele kuwe iNcwadi ngeqiniso ebhekiswe kubantu; lowo ozoholeleka uzisiza yena, kanti nalowo odukayo belu uzilaya yena uqobo; futhi wena awusiye umnakekeli wabo."},{"id":42,"translation":"U Allah uthatha imiphefumulo uma sekufike isikhathi sayo sokufa naleyo engafanga ebuthongweni bayo; ube esewugodla lowo asewunqumele ukuba ufe kuthi lona omunye [ongezukufa] awukhulule kuze kufike isikhathi esibekiwe. Impela kulokho kuzebonakaliso kubantu abahlaziyayo."},{"id":43,"translation":"Kumbe baqoke abazobakhulumela ngaphandle kuka Allah; yithi: “Yize zingenalutho futhi zingenangqondo na?”"},{"id":44,"translation":"Yithi: “Ukushweleza ngokuka Allah konke, futhi konke okusemazulwini nomahlaba kungokwakhe. Futhi niyobuyela kuYe”."},{"id":45,"translation":"Uma u Allah ebalulwa Yedwa, izinhliziyo zalaba abangakholelwa kwelizayo ziyexwaya; kepha uma kubalulwa labo abangaphandle kwaKhe, ubona ngabo sebechichima."},{"id":46,"translation":"Yithi: “Allah, Mdali wamazulu nomhlaba, Sazi sokungabonwayo nokubonwayo, nguWena ohlulela phakathi kwezigqila zakho kulokho abaphikisana ngakho”."},{"id":47,"translation":"Uma laba abaphambukile bekungokwabo konke lokhu okusemhlabeni nokunye okufana nakho, bebezozihlawulela ngakho [konke] ebubini besijeziso soSuku lokwahlulela; futhi kuyobavelela obala ku Allah lokho abangakucabangi."},{"id":48,"translation":"Kuyoba sobala kubo ububi balokho abakwenzile futhi kuyobahaqa lokho ababehlekisa ngakho."},{"id":49,"translation":"Uma umuntu ehlelwa ubunzima, ukhulekela kithi; kepha sesimuphe umusa ovela kiithi, uvele athi: “Ngikuphiwe ngenxa yolwazi”. Empeleni kuyisivivinyo kodwa iningi labo alazi."},{"id":50,"translation":"Impela nalabo abangaphambilini kwabo bakusho; kepha lokho ababekwenza akubasizanga ngalutho."},{"id":51,"translation":"Behlelwa ububi balokho abakuzuzile; futhi nalabo abaphambukile kulaba nabo bayokwehlelwa ububi balokho abakuzuzile futhi ngeke baphunyule."},{"id":52,"translation":"Ingabe abazi yini ukuthi u Allah upha ngenala aphinde aswinye isondlo kulowo athandayo; impela kulokho kunezibokaliso kubantu abakholwayo."},{"id":53,"translation":"Yithi: “Zigqila zaMi eziphambukile, ningalahli ithemba ngomusa ka Allah; impela u Allah uthethelela zonke izimpambuko; impela Yena unguMthetheleli Onesihawu."},{"id":54,"translation":"Futhi zilahleni eNkosini yenu futhi nizinikele kuYo singakafiki kini isijeziso bese ningasizwa."},{"id":55,"translation":"Futhi nilandele okuhle lokhu okwembulelwe kini kuvela eNkosini yenu singakafiki kini isijeziso ningazelele futhi ninganakile."},{"id":56,"translation":"Ukuze umuntu angathi: “Ngiyazisola ngokudembesela kwami ngasohlangothini luka Allah futhi bengenza inhlekisa”."},{"id":57,"translation":"Noma athi: “Ukube u Allah wangihola ngabe ngingomunye wabamthobelayo”."},{"id":58,"translation":"Noma athi lapho esebona isijeziso: “Uma ngingathola ithuba lokubuyela emuva, ukuze ngibe omunye wabenza okuhle”."},{"id":59,"translation":"Imbala; imibiko yeThu yafika kuwe kepha wayiphika waziqhayisa futhi waba ongakholwa."},{"id":60,"translation":"Futhi ngoSuku lokwahlulela uyobona ubuso balabo abaqambele u Allah amanga bumnyama bhuqe; kanti iJahanamu akusiyo yini indawo yalaba abagqajayo na?"},{"id":61,"translation":"Futhi u Allah uyobahlenga laba abamthobelayo ngokuphumelela kwabo; angeke sibathole isijeziso futhi ngeke bakhathazeke."},{"id":62,"translation":"U Allah unguMdali wezinto zonke futhi nguYena onakekela yonke into."},{"id":63,"translation":"Unezihluthulelo zasemazulwini nasemhlabeni. Futhi labo abangakholwa yimibiko ka Allah, yibona kanye abalahlekelwe."},{"id":64,"translation":"Yithi: “Nina ziwula ningiyalela ukuba ngikhonze okunye ngaphandle kuka Allah na?”"},{"id":65,"translation":"Futhi kwembulela kuwe nakulabo abakwandulelayo ukuthi: “Uma nje ungabhangqa; nakanjani zonke izenzo zakho [ezinhle] ziyoshabalala futhi uyoba ngolahlekelwe”."},{"id":66,"translation":"Empeleni ngu Allah okumele umkhonze uphinde ube ngobongayo."},{"id":67,"translation":"Futhi abamhloniphanga u Allah ngendlela obekumele ahlonishwe ngayo; futhi umhlaba wonke uyobe ewuxhakathisile ngoSuku lokwahlulela, amazulu ayobe esongwe eSandleni saKhe sokunene. Ungcwele futhi Uphakeme kunalokho abakubhangqayo."},{"id":68,"translation":"Futhi kuyoshaywa uphondo, bese kuquleka bonke abasemazulwini nabasemhlabeni, ngaphandle kwabathandwa ngu Allah; bese luphindwa lushaywa, bese bonke bayavuka bame baqalaze."},{"id":69,"translation":"Futhi umhlaba uyokhanya ngenkazimulo yeNkosi yawo; kuyobe sekubekwa incwadi [yezenzo] bese kulethwa iZithunywa nofakazi, kwahlulelwe phakathi kwabo ngeqiniso futhi akukho okungebulungiswa okuyokwenziwa kubo."},{"id":70,"translation":"Futhi wonke umuntu uyothola umvuzo ogcwele wezenzo zakhe; futhi Yena ukwazi kahle abakwenzayo."},{"id":71,"translation":"Bayoqhutshelwa eJahanamu labo abangakholwa ngamaqembu ngamaqembu; kuyothi mabefika kuyo, iminyago yayo ivuleke. Abaqhaphi bayo bayothi: “Ingabe azifikanga yini iZithunywa zakini zinifundela imibiko yeNkosi yenu futhi zinixwayisa ngomhlangano walolu suku lwenu na?” Bayothi: “Bafika, kodwa isinqumo sesijeziso sifanele abangakholwa”."},{"id":72,"translation":"Kuyothiwa: “Ngenani eminyangweni yaseJahanamu nihlale kuyo unaphakade; yaze yayimbi indawo yabazigqajayo”."},{"id":73,"translation":"Futhi bayoqhutshelwa eJana labo abathobela u Allah ngamaqembu ngamaqembu; kuyothi mabefika kuyo, iminyango yayo iyobe ivulekile. Abaqhaphi bayo bayothi: “Ukuthula makube kini, nimsulwa ngakho-ke ngenani kuyo nihlale unaphakade”."},{"id":74,"translation":"Futhi bayothi: “Udumo ngoluka Allah, lona osifezele isithembiso saKhe wasinika iJana sihlala noma yikuphi esithanda khona eJana; waze wamuhle umvuzo wabasebenzayo."},{"id":75,"translation":"Futhi uyobona izingelosi zizungeze iSihlalo zibabaza udumo lweNkosi yazo; futhi kuyokwahlulelwa phakathi kwabo ngeqiniso bese kuthiwa: “Udumo ngoluka Allah iNkosi yendalo yonke”."}]},{"id":40,"verses":[{"id":1,"translation":"Ha-Mim."},{"id":2,"translation":"Ukwembulelwa kweNcwadi okuvela ku Allah uSomandla Owaziyo."},{"id":3,"translation":"Othethelela impambuko nowamukela ukuzisola nojezisana kanzima nowenzelana umusa; akekho okufanele akhonzwe ngaphandle kwaKhe; isiphetho sikuYe."},{"id":4,"translation":"Laba abangakholwa yibona kuphela abaphikisana nemibiko ka Allah, ngakho-ke ungayengwa ukwehla nokwenyuka kwabo [bephephile] emazweni."},{"id":5,"translation":"Ngaphambi kwabo abantu bakaNuhu baphika ngokunjalo amaqembu eza emuva kwabo. Isizwe nesizwe sasifuna ukubulala iSithunywa sabo; futhi babephikisana ngombhedo ukuze bashabalalise iqiniso; ngabe sengiyaba jezisa; bheka ukuthi saba njani isijeziso saMi."},{"id":6,"translation":"Ngokunjalo isinqumo seNkosi yakho sabafanela laba abangakholwa ukuthi bayongena emlilweni."},{"id":7,"translation":"Labo abathwala iSihlalo [izingelosi] nalabo abaseduze nabo bababaza udumo lweNkosi yabo futhi baykholelwa kuyo baphinde bacelele labo abakholwayo intethelelo [bathi]: “Nkosi yethu, wengamele yonke into ngomusa nangolwaazi lwaKho, ngakho- ke, thethelela labo abazisolayo nabalandela indlela yakho ubavikele esijezisweni somlilo."},{"id":8,"translation":"Nkosi yethu, uphinde ubangenise ezivandeni zaphakade lezi obathembise zona bona kanye nalabo abaqotho kubazali babo nabalingani babo nozalo lwabo; impela Wena unguSomandla Okhaliphile."},{"id":9,"translation":"Futhi ubavikele ezimpambukweni [isijeziso sazo]; ngokuba lowo omvikele ezimpambukweni ngalolo suku usuke impela ube nomusa kuye, futhi leyo impumelelo enkulu."},{"id":10,"translation":"Impela laba abangakholwa bayomemezwa [kuthiwe]: “Inzondo ka Allah yendlula eyenu inzondo enizizonda ngayo mhla nimenyelwa okholweno kepha nina nangakholwa."},{"id":11,"translation":"Bathi: “Nkosi yethu, usenze safa kabili waphinde wasivusa kabili; ngakho-ke siyazivuma izimpambuko zethu; ingabe-ke ikhona yini indlela yokuphuma na?”"},{"id":12,"translation":"Lokho kungenxa yokuthi uma u Allah ekhonzwa yedwa, anikholwa, kepha uma ebhangqwa niyakholwa; ukwahlulela ngokuka Allah Ophakeme Omkhulu."},{"id":13,"translation":"NguYena lona onibonisa izibonakaliso zaKhe aphinde anihlinzeke ngesondlo esivela phezulu [umvula], futhi yilabo abazinikelayo abathatha isifundo."},{"id":14,"translation":"Ngakho-ke khonzani u Allah Yena yedwa ngobumsulwa noma bangazonda abangakholwa."},{"id":15,"translation":"Uphakamisa isigaba, uneSihlalo, wembulela ngokunquma kwaKhe kulowo amthandayo ezigqileni zaKhe ukuzwe axwayise ngoSuku lokuHlangana[1].","footnotes":"[1] ngoSuku lokwaHlulela, indalo iyohlangana noMdali wayo, umuntu nezenzo zakhe, abantu basekuqaleni bayohlangana nabasekugcineni, izidalwa zasemazulwini ziyohlangana nezasemhlabeni, njalonjalo."},{"id":16,"translation":"Ngosuku lapho bonke bayobe beseshashalazini, akekho oyokwazi ukucashela u Allah. Ngobukabani ubukhosi namhlanje na?; [uyoziphendula]: “Ngobuka Allah Oyedwa Ongumlawuli”."},{"id":17,"translation":"Namhlanje wonke umuntu uyothola umvuzo walokho abekwenza. Akukho okungebulungiswa namhlanje; impela u Allah wehlulela ngokushesha."},{"id":18,"translation":"Futhi baxwayise ngosuku oluseduze, lapho izinhliziyo ziyofika emphinjweni belusizi; futhi abaphambukile abanamngani noma oyobakhulumela oyolalelwa."},{"id":19,"translation":"[u Allah] Wazi inkohliso yamehlo nalokho okufihlwe izifuba."},{"id":20,"translation":"Futhi u Allah wehlulela ngeqiniso; kepha labo ababakhonzayo ngaphandle kuka Allah abahluleli ngalutho; impela u Allah ungoZwayo Obonayo."},{"id":21,"translation":"Ingabe abahambanga yini ezweni babheke ukuthi sabanjani isiphetho salabo ababandulela. Babenamandla ukundlula bona namagugu emhlabeni ukundlula bona. U Allah wabajezisa ngezimpambuko zabo, futhi akekho owayengabavikela ku Allah."},{"id":22,"translation":"Lokho kungenxa yokuthi, kwakuthi uma kufika iZithunywa zabo nezibonakaliso, babengakholwa; u Allah wase uyabajezisa. Impela Yena unamandla ujezisana kanzima."},{"id":23,"translation":"Futhi sathumela uMusa nezibonakaliso zeThu nobufakazi obucacisayo."},{"id":24,"translation":"KuFirawuna noHamani noKaruni, kepha bathi: “Umlumbi onamanga”."},{"id":25,"translation":"Kuthe lapho efika kubo neqiniso elivela kithi bathi: “Bulalani amadodana alabo abakholwa naye niyeke abafazi babo”. Futhi itulo labangakholwa liyashabalala."},{"id":26,"translation":"Futhi uFirawuni wathi: “Ngiyekeni ngibulale uMusa, abize iNkosi; impela nesaba ukuthi uzoguqula inkolo yenu noma alethe ukonakala ezweni”."},{"id":27,"translation":"Wathi uMusa: “Ngizivikela ngeNkosi yami neNkosi yenu kulowo nalowo oziqhayisayo ongakholelwa oSukwini lokwaHlulela”."},{"id":28,"translation":"Indoda ekholwayo yesizwe sikaFirawuni ebefihla ukholo lwayo yathi: “Nibulala indoda ngoba nje ithe, iNkosi yami ngu Allah yaphinda yanilethela ubufakazi obuvela eNkosini yenu; uma enamanga, amanga ayo ayosala nayo; kepha uma eqinisile, kuyonehlela okunye kwalokhu anithembisa kona; impela u Allah akamholi lowo oyisephula mthetho onamanga”."},{"id":29,"translation":"Bantu bakithi, namhlanje ubukhosi ngobenu niyabusa ezweni; ngubani-ke oyosiza esijezisweni sika Allah uma sesifika kithi na?. Wathi uFirawuni: “Nginibonisa lokhu engikubonayo futhi nginiholela endleleni eqotho”."},{"id":30,"translation":"Wathi lona okholwayo: “Bantu bakithi, impela nginesabela lokhu okwenzeka ngezinsuku zamaqembu”."},{"id":31,"translation":"Njengokwenzeka kubantu baka Nuhu nabakwa AdinabakwaTamudi nalabo abenza emuva kwabo; futhi u Allah akafuni ukwenza okungebulungiswa ezigqileni."},{"id":32,"translation":"Futhi, bantu bakithi, nginisabela uSuku lokuBizana[1].","footnotes":"[1] abantu bayobizana becelana usizo, abasemlilweni bebiza abasezivandeni, kanti futhi wonke umuntu uyobizwa ngegama lakhe ukuze ayohlulelwa."},{"id":33,"translation":"Ngosuku lapho bayobaleka bengabheki emuva, kepha akekho oyonivikela ku Allah; futhi lowo odukiswe ngu Allah akekho oyomhola."},{"id":34,"translation":"Futhi noYusufu wafika kini phambilini nobufakazi, kepha nanilokhu nikungabaza lokhu anilethele kona; kuthe lapho eseshonile nathi: “u Allah akasoze athumela esinye iSithunywa emuva kwakhe”. U Allah umdukisa kanjalo lowo oyisephulamthetho ongenasiqiniseko."},{"id":35,"translation":"Labo abaphikisana ngemibiko ka Allah ngaphandle kobufakazi obufike kubo, [lokho] kuzondekile kakhulu ku Allah nakulabo abakholwayo. U Allah uyivala kanjalo inhliziyo yalowo nalowo ozigqajayo oziqhayisayo."},{"id":36,"translation":"Wathi uFirawuni: “We Hamani, ngakhele umbhoshongo ukuze ngifinyelele emizileni”."},{"id":37,"translation":"Emizileni yasemazulwini, ngikhone ukulunguza lona okhonzwa nguMusa, belu ngicabanga ukuthi unamanga. Wenzela kuhle kanjalo uFirawuni ububi bezenzo zakhe futhi wavinjwa endleleni eqondile. Futhi iqhinga lika Firawuni liyobhubha."},{"id":38,"translation":"Wathi lona okholwayo: “Bantu bakithi, landelani mina ngizoniholela endleleni eqotho”."},{"id":39,"translation":"Bantu bakithi, le mpilo yasemhlabeni iyize kepha elizayo yilona indawo eyisizinda."},{"id":40,"translation":"Lowo owenza impambuko, uyothola umvuzo olingene yona, kuthi lowo wesilisa noma owesifazane owenza okulungileyo ebe engokholwayo, yilabo abayongena eJana bondliwe kuyo ngokungenamkhawulo."},{"id":41,"translation":"Futhi bantu bakithi, kungani uma nginibizela empumulelweni kepha nina ningibizela emlilweni."},{"id":42,"translation":"Ningibizela ekutheni ngingakholelwa ku Allah ngiphinde ngimbhanqe nalokho enginalwazi ngakho kulapho mina nginibizela kuSomandla Ongumthetheleli."},{"id":43,"translation":"Kuyiqiniso ukuthi lokhu eningibizela kukho akufanele ukumenyelwa [kukho] emhlabeni nakwelizayo nokuthi siyobuyela ku Allah nokuthi izephulamthetho ziyongena emlilweni."},{"id":44,"translation":"Nizokukhumbula lokhu enitshela kona; futhi ngibeka konke okwami ku Allah, impela u Allah Ukubona konke mayelana nezigqila."},{"id":45,"translation":"U Allah wamvikela kububi balokho ababekuhlelile; futhi abantu bakaFirawuni bahaqwa isijeziso esibi."},{"id":46,"translation":"Umlilo bayiswa kuwo njalo ekuseni nantambama; futhi ngosuku lapho kufika iSikhathi [kuyothiwa]: “Fakani abantu bakaFirawuni esijezisweni esinzima kunazo zonke”."},{"id":47,"translation":"Landisa ngomhla lapho beyophikisana emlilweni, bayothi laba ababecindezelwe kulabo ababeziqhayisa: “Impela thina sasilandela nina, ingabe sikhona yini isabelo somlilo eningasisiza ngaso na?”"},{"id":48,"translation":"Laba ababeziqhayisa bayothi: “Impela sonke sikuwo, impela u Allah usehlulele phakathi kwezigqila”."},{"id":49,"translation":"Futhi labo abasemlilweni bayothi kubaqhaphi baseJahanamu: “Sikhulekeleni eNkosini yenu isixegisele isijeziso usuku nje olulodwa”."},{"id":50,"translation":"Ziyothi: “Kanti iZithunywa zenu azifikanga yini kini nobufakazi na”. Bayothi: “Bafika”. Ziyothi: “Zikhulekeleni; futhi umkhuleko wabangakholwa uyize”."},{"id":51,"translation":"Impela Thina siyosiza iZithunywa zeThu nalabo abakholwayo empilweni yasemhlabeni nangosuku lapho ofakazi beyosukuma [bafakaze]."},{"id":52,"translation":"Ngosuku lapho abaphambukile izizaba zabo zingeke zabasiza ngalutho; futhi bayothola isiqalekiso nendawo embi [umlilo]."},{"id":53,"translation":"Futhi impela sanika uMusa ukuholeka sashiya isizwe sakwa Isirayeli iNcwadi."},{"id":54,"translation":"Ukuze ibe umholi nesikhumbuzo kulabo abakhaliphile."},{"id":55,"translation":"Ngakho-ke bekezela; impela isithembiso sika Allah siyiqiniso, futhi ucele intethelelelo yezimpambuko zakho futhi ubababaze udumo lweNkosi yakho ntambama nasekuseni."},{"id":56,"translation":"Impela laba abaphikisana ngemibiko ka Allah benganabufakazi obafika kubo; ezinhlizweni zabo kunogqabho futhi abasoze balufeza; ngakho- ke zivikele ngo Allah, impela Yena ungoZwayo Obonayo."},{"id":57,"translation":"Impela ukudalwa kwamazulu nomhlaba kukhulu ukundlula ukudalwa kwabantu, kodwa iningi labantu alazi."},{"id":58,"translation":"Futhi impumputhe nobonayo abafani ngokunjalo labo abenza okulungiyelo nabenza okubi; kepha anivamile ukulalela."},{"id":59,"translation":"Impela iSikhathi siyeza akunakungabaza ngaso, kepha iningi labantu abakholwa."},{"id":60,"translation":"Futhi iNkosi yenu yithi: “Khulekani kiMi ngizoniphendula; impela labo abazigqajayo ukungikhonza, bayongena eJahanamu behlazekile”."},{"id":61,"translation":"U Allah unenzele ubusuku ukuba niphumule kuwo, imini yakhanya; impela u Allah unomusa kubantu kodwa iningi labantu alibongi."},{"id":62,"translation":"Loyo ngu Allah iNkosi yenu, uMdali wezinto zonke; akekho okufanele akhonzwe ngaphandle kwaKhe; pho nidukiswa yini na?"},{"id":63,"translation":"Badukiswa kanjalo labo abaphika imibiko yeThu."},{"id":64,"translation":"NguYena u Allah onenzele umhlaba waba yisizinda kwathi isibhakabhaka saba uphahla. Futhi wanibumba, wanenza naba bahle waphinde wanondla ngalokho okumsulwa. Loyo ngu Allah iNkosi yenu; u Allah ungcwele iNkosi yendalo yonke."},{"id":65,"translation":"UngoPhilayo, akekho okufanele akhonzwe ngaphandle kwaKhe, ngakho-ke khonzani Yena yedwa ngobumsulwa; udumo ngoluka Allah iNkosi yendalo yonke."},{"id":66,"translation":"Yithi: “Nginqatshelwe ukukhonza lokhu enikukhonzayo ngaphandle kuka Allah emuva kokuba sengithole ubufakazi obuvela eNkosini yami futhi ngiyalelwe ukuba ngizinikele eNkosini yendalo yonke”."},{"id":67,"translation":"NguYena lona owanidala ngobumba emuva kwalokho ngesidoda nangehlulu wase wanikhipha ningamaswana nase niyakhula naphelela nase naguga – kunalabo phakathi kwenu abashona ngaphambi kwalokho – bese nifika esikhathini esibekiwe ukuze niqondisise."},{"id":68,"translation":"NguYena oletha ukuphila nokufa; futhi uma enquma ukwenza noma yini uvane athi: “Yenzeka”, bese kuyenzeka."},{"id":69,"translation":"Ubabonile laba abaphikisana ngemibiko ka Allah; badukiswa kanjani?"},{"id":70,"translation":"Labo abaphika iNcwadi nalokho esikuthumele neZithunywa zeThu; kodwa bayokwazi."},{"id":71,"translation":"Mhla amasongo esesemiqaleni yabo namaketango bedonswa."},{"id":72,"translation":"Besiwa emanzini abilayo bese bengqongqiswa emlilweni."},{"id":73,"translation":"Bese kuthiwa kubo: “Kuphi lokhu ebenikukhonza”."},{"id":74,"translation":"Ngaphandle kuka Allah; bayothi: “Kusidukele, empeleni besinakhonzi lutho phambilini”. Uyobadukisa kanjalo u Allah labo abangakholwa."},{"id":75,"translation":"Lokho kungenxa yokujabula kwenu ngokungemthetho emhlabeni nangokuziqhayisa kwenu."},{"id":76,"translation":"Ngenani eminyangweni yaseJahanamu nihlalekuyo unaphakade; yaze yayimbi indawo yabaziqhayisayo."},{"id":77,"translation":"Ngakho-ke, bekezela, impela isethembiso sika Allah siyiqiniso. Singakubonisa lokho esibathembise kona noma sithathe impilo, niyobuyela kithi."},{"id":78,"translation":"Futhi impela sathumela iZithunywa ngaphambi kwakho; kunalezo esikulandisa ngazo kube nalezo esingakulandisanga ngazo. Futhi angeke iSithunywa silethe isibonakaliso ngaphandle kwemvumo ka Allah. Futhi kuyothi uma usufikile umyalelo ka Allah, kuyohlulelwa ngeqiniso, abanamanga bayolahlekelwa khona lapho."},{"id":79,"translation":"NguYena u Allah lona onidalele imfuyo ukuze niyigibele niphinde nidle kuyo."},{"id":80,"translation":"Futhi nithola izinsizakalo kuyo – futhi ukuze nifeze isidingo esisezinhlizweni zenu futhi nigitshezwa kuyo nasemkhunjini."},{"id":81,"translation":"Futhi unibonisa izibonakaliso zaKhe; pho yiziphi izibonakaliso zika Allah enizoziphika."},{"id":82,"translation":"Ingabe abahambanga yini ezweni babheke ukuthi sabanjani isiphetho salabo ababandulela. Babenamandla ukundlula bona namagugu emhlabeni ukundlula bona. Kepha akubasizanga ngalutho lokho ababekwenza."},{"id":83,"translation":"Kuthe uma iZithunywa zabo zifika kubo nobufakazi, bajabula ngolwazi ababenalo; kwase kubahaqa lokhu ababehlekisa ngakho."},{"id":84,"translation":"Kuthe uma bebona isijeziso seThu bathi: “Siyakholelwa ku Allah yena yedwa futhi asisakholelwa kulokho ebesikubhangqa naYe”."},{"id":85,"translation":"Kepha ukukholwa kwabo lapho bebona isijeziso angeke kubasize; kuyinkambiso ka Allah nakuzigqila zaKhe esezandlula; bayolahlekelwa khona lapho abangakholwa."}]},{"id":41,"verses":[{"id":1,"translation":"Ha-Mim."},{"id":2,"translation":"Ukwembulela okuvela koNomusa Onesihawu."},{"id":3,"translation":"iNcwadi omibiko yayo icacisiwe eyiKurani yesi Arabhu kubantu abanolwazi."},{"id":4,"translation":"Yethula izindaba ezinhle futhi iyexwayisa; kepha iningi labo liyishaye indiva abafuni ukulalela."},{"id":5,"translation":"Futhi bathi: “Izinhliziyo zethu zivalekile kulokho osimemela kukho futhi izindlebe zethu azizwa futhi phakathi kwethu nawe kunesithiyo; ngakho-ke yenza [okwenzayo] nathi siyenza”."},{"id":6,"translation":"Yithi: “Mina ngingumuntu nje ofana nani, kwembulelwe kimi ukuthi okumele nimkhonze uyedwa nje vo, ngakho-ke yibani qotho kuYe futhi nicele kuYe intethelelo. Futhi imbubhiso ikulabo ababhangqayo”."},{"id":7,"translation":"Labo abangayikhiphi izakati futhi abangakholelwa kwelizayo."},{"id":8,"translation":"Impela labo abakholwayo nabenza okulungileyo bayothola umvuzo ongenamkhawulo."},{"id":9,"translation":"Yithi: “Ingabe anikholelwa kuLowo odale umhlaba ezinsukwini ezimbili futhi namqokela izimbangi na? Loyo iNkosi yendalo yonke”."},{"id":10,"translation":"Wafaka phezu kwawo izikhonkwane [izintaba] futhi wafaka izibusiso kuwo waphinde waba kuwo isondlo sawo ezinsukwini ezine – [ukwazisa] labo ababuzayo, kuyefana [akuguquki]."},{"id":11,"translation":"Wabe esephendukela ezulwini lisaseyintuthu, wathi kuwo nomhlaba: “Wozani [nibe khona] ngokuthanda noma ngenkani”. Athi: “Siza ngokuthanda”."},{"id":12,"translation":"Wabe eselenza amazulu ayisikhombisa ezinsukwini ezimbili, wembulela kulelo nalelo zulu umyalelo walo. Futhi sahlobisa isibhakabhaka ngezibani nokuthi zibe isivikelo. Lokho ukuhlela kukaSomandla Owaziyo."},{"id":13,"translation":"Uma bengenandaba, yithi: “Nginixwayiswa ngembubhiso [eshaqa konke] efana nembubhiso yabakwa AdinoTamudi."},{"id":14,"translation":"Mhla iZithunywa zabo zifika kubo ngaphambi nasemuva kwabo [zilandelana], [zithi]: “Ningakhonzi lutho ngaphandle kuka Allah”. Bathi: “Ukube u Allah ubethanda ngabe uthumele izingelosi; impela thina asikholelwa kulokho ezithunywe nakho”."},{"id":15,"translation":"Mayelana no Adi, bona baziqhayisa ezweni ngokungemthetho futhi bathi: “Ubani onamandla ukudlula thina na?” Ingabe ababoni yini ukuthi u Allah lona obadalile nguYena onamandla ukudlula bona; futhi babephika imibiko yeThu."},{"id":16,"translation":"Sathumela kubo umoya oyisivunguvungu ezinsukwini ezimbi, ukuze sibazwise isijeziso esihlazanayo empilweni yasemhlabeni; futhi isijeziso sakwelizayo sihlazisana kakhulu, futhi abayikusizwa."},{"id":17,"translation":"Mayelana noTamudi, sabahola kepha bona bathanda ubumpumputhe kunokuholeka base-ke behlaselwa imbubhiso yesijeziso esihlazanayo ngenxa yalokho ababekwenza."},{"id":18,"translation":"Futhi sabahlenga laba ababekholwa futhi ababethobela u Allah."},{"id":19,"translation":"Futhi ngosuku lapho izitha zika Allah ziyobuthaniswa emlilweni futhi bayoqhutshwa."},{"id":20,"translation":"Kuyothi uma sebefike kuwo, izindlebe zabo namehlo abo nezikhumba zabo ziyofakaza ngabo ngalokho ababekwenza."},{"id":21,"translation":"Bayothi kuzikhumba zabo: “Kungani nifakaze ngathi na?”. Ziyothi: “U Allah lona owenze yonke ikhulume, nguYena osenze sakhuluma”. NguYe owanidala kwasekuqaleni futhi nizobuyela kuYe”."},{"id":22,"translation":"Futhi beningafihli [izimpambuko] ngoba nakhu izindlebe zenu namehlo enu nezikhumba zenu zizofakaza ngani; kodwa kungoba benicabanga ukuthi u Allah akakwazi okuningi kwenikwenzayo."},{"id":23,"translation":"Yilokho ebenikucabanga ngeNkosi yenu; unitshingile [emlilweni] naba ngabalahlekelwe."},{"id":24,"translation":"Noma bengabekezela umlilo uyolokhu uyindawo yabo futhi uma becela elinye ithuba, abasoze banikwa elinye ithuba."},{"id":25,"translation":"Sabaqokela abalingani ababenzela kuhle lokhu okuphambi kwabo [impilo yasemhlabeni] nokusemuva kwabo [kwelizayo lapho besuka khona], futhi bafanelwa isinqumo esehlela izizwe ezibandulelayo zamajini[1] nabantu; impela balahlekelwa.","footnotes":"[1] lokhu kucacisa ukuthi amajini njengabantu ayizizukulwane ezilandelanayo. Lokhu-ke kuchitha lomqondo wokuthi amajini wonke aphila izimpilo ezinde kunabantu. Ngaphandle kuka Ibilisi yena owazicelela ukuphila kuze kufike uSuku lokwaHlulela, wanikwa lokhu ngu Allah uqobo ukuze abe izivivinyo kubantu namajini."},{"id":26,"translation":"Futhi laba abangakholwa bathi: “Ningayilaleli leKurani futhi nibange umsindo ukuze ninqobe”."},{"id":27,"translation":"Impela sizobazwisa laba abangakholwa isijeziso esibuhlungu futhi sizobanika umvuzo balokhu okubi ababekwenza."},{"id":28,"translation":"Lowo umvuzo wezitha zika Allah, umlilo; uyoba indawo yabo yaphakade; kuwumvuzo wokuphika kwabo imibiko yeThu."},{"id":29,"translation":"Futhi laba abangakholwa bayothi: “Nkosi yethu, sitshengise laba abasidukisile kumajini nabantu ukuze sizobafaka phansi kwezinyawo zethu ukuze badicileleke phansi”."},{"id":30,"translation":"Impela labo abathi: “iNkosi ngu Allah”, bese bezimisela babeqotho, izingelosi ziyokwehlela kubo zithi: “Ningesabi ningakhathazeki, futhi nithakasele iJana lena enithenjiswe yona”."},{"id":31,"translation":"Thina singabangani benu empilweni yasemhlabeni nakwelizayo; futhi niyothola kuyo noma yini eyihalelayo futhi niyothola kuyo noma yini enikufunayo."},{"id":32,"translation":"Isondlo esivela kuMthetheleli Onesihawu."},{"id":33,"translation":"Futhi ngubani ongcono ngenkulumo kunalowo omemela ku Allah futhi owenza okulungileyo bese ethi: “ngiyiMusilimu”."},{"id":34,"translation":"Futhi okuhle nokubi akufani. Phindisela ngalokho okungcono. Uyobona lowo okunobutha phakathi kwakhe nawe, esengathi umngani omkhulu."},{"id":35,"translation":"Kutholwa yilabo ababekezelayo futhi kutholwa yilabo abanesabelo esikhulu."},{"id":36,"translation":"Uma ufikelwa isilingo esivela kuShayitani, zivikele ngo Allah; impela Yena ungoZwayo Owaziyo."},{"id":37,"translation":"Futhi kwezinye izibonakaliso zaKhe, ubusuku nemini nelanga nenyanga; musanike ukukhothamela ilanga noma inyanga kepha khothamelani u Allah lona okudalile uma ngempela nikhonza Yena kuphela."},{"id":38,"translation":"Uma beziqhayisa; labo-ke abaseNkosini yakho bayidumisa ubusuku nemini futhi abakhathali."},{"id":39,"translation":"Futhi kwezinye zezibonakaliso zaKhe, ukuthi ubone umhlaba ufile, kuthi lapho sesithele amanzi kuwo, uqhakaze ukhule. Impela lowo owuvuselele uyovusa abafileyo; impela Yena akehlulwa yilutho."},{"id":40,"translation":"Impela labo abaphambukayo emibikweni yeThu abafihlekile kithi. Ingabe lowo otshingelwa emlilweni ungcono yini kunalowo oyofika ephephile ngoSuku lokwahlulela na?; yenzani enikuthandayo, impela Yena Uyakubona lokho enikwenzayo."},{"id":41,"translation":"Impela labo abangakholwa iSikhumbuzo [iKurani] lapho ifika kubo [bayojezisa]. Impela iyiNcwadi enamandla."},{"id":42,"translation":"Akukho mbhedo ongafika kuyo ngaphambili noma ngemuva kwayo; yembulelwe Okhaliphile Odunyiswayo."},{"id":43,"translation":"Akukho okushiwo kuwe okungashiwongo kuZithunywa ezikwandulelayo; impela iNkosi yakho inentethelelo futhi inesijeziso esibuhlungu."},{"id":44,"translation":"Ukube sayenza kwaba iKurani ngolunye ulwimi, bebezothi: “Uma nje imibiko yayo ingacaciswa, olunye ulwimi nesi Arabhu [kanjani]?”. Yithi: “Ingumholi kulabo abakholwayo nekhambi”. Futhi laba abangakholwa, ezindlebenizabo kunehonqo futhi uma kufika kuyo bayizimpumputhe. Yibo labo abayobizwa endaweni esekudeni."},{"id":45,"translation":"Impela sanika uMusa iNcwadi kepha kwaphikiswana ngayo. Ukube bekungekona ukuthi izwi elivela ku Allah seliphumile [lokunika isikhathi], ngabe sekuhlulelwe phakathi kwabo. Kepha bona banokungabaza abanasiqiniseko ngakho."},{"id":46,"translation":"Lowo owenza okulungileyo uzisiza yena futhi lowo owenza okubi uzilaya yena; futhi iNkosi yakhe ayisoze yenza okungebulungiswa kusigqila."},{"id":47,"translation":"Ulwazi lweSikhathi lubuyiselwa kuYe. Futhi lezo zithelo eziphuma emakhasini azo, nalokho okukhulelwa owesifazane nalokho akuzalayo kwenzeka ngoLwazi lwaKhe. Futhi ngokusu lapho eyobamemeza athi: “Baphi abalingani baMi na?”. Bayothi: “Sikutshelile ukuthi akekho kithi ofakazela [lokho]”."},{"id":48,"translation":"Kwabadukela lokho ababekukhonza phambilini futhi baqinisekiseka ukuthi angeke bakwazi ukubaleka."},{"id":49,"translation":"Umuntu akadinwa ukukhulekela okuhle, kepha uma ehlelwa okubi, uvele aphelelwe nya ithemba."},{"id":50,"translation":"Uma sizwisa umuntu umusa ovela kithi emuva kokwehlelwa ubunzima, uvele athi: “Lokhu okwami futhi angicabangi ukuthi iSikhathi [sokwaHlulelwa] siyofika, futhi uma ngibuyela eNkosini yami, impela ngiyothola okuhle”. Sizokwazisa labo abangakholwa ngalokho ababekwenza futhi sizobazwisa isijeziso esibuhlungu."},{"id":51,"translation":"Futhi uma senzela umuntu umusa uyafulathela ashaye indiva, kepha uma ehlelwa okubi wenza umkhuleko omude."},{"id":52,"translation":"Yithi: “Ake ningitshele, uma ivela ku Allah kepha nina nangayikholwa; ngubani oduke ukundlula lowo ophambukele kude le?”"},{"id":53,"translation":"Sizobabonisa izibonakaliso zeThu kwimiphelamehlo nakubo uqobo kuze kubacacele ukuthi iyiqiniso. Ingabe akwanele yini ukuthi iNkosi iyibona yonke into na?"},{"id":54,"translation":"Bheka! Impela banokungabaza ngokuhlangana neNkosi yabo. Bheka! Impela yona yengamele yonke into."}]},{"id":42,"verses":[{"id":1,"translation":"Ha-Mim."},{"id":2,"translation":"Ayin-Sin-Kaf."},{"id":3,"translation":"Wembulele ngokunjalo kuwe nakulabo abakwandulelayo u Allah onguSomandla Okhaliphile."},{"id":4,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokwaKhe futhi nguYena Ophakeme Omkhulu."},{"id":5,"translation":"Amazulu acishe aqhekeka alakanyelana. Futhi izingelosi zibabaza udumo lweNkosi yazo ziphinde zicelele abasemhlabeni intethelelo. Bheka ngoba impela u Allah unguMthetheleli Onesihawu."},{"id":6,"translation":"Futhi labo abaqoka abahlengi ngaphandle kwaKhe; u Allah nguYena obaqhaphile futhi wena awuyena umnakekeli wabo."},{"id":7,"translation":"Futhi ngokunjalo sembulele kuwe iKurani yesi Arabhu ukuze uxwayise abaseMakha nalabo abakhelene nabo nokuthi uxwayise ngosuku lukubuthana okungenakungabaza ngalo. Abanye bayongena eJana kuthi abanye bangene emlilweni."},{"id":8,"translation":"Futhi uma u Allah ethanda ebabenza babe senkolweni eyodwa; kodwa ufaka amthandayo emseni waKhe. Futhi labo abaphambukile abanaye umhlengi noma ongabasiza."},{"id":9,"translation":"Kumbe baqoke abahlengi ngaphandle kwaKhe; u Allah nguYena uMhlengi futhi nguYena oyovusa abafileyo futhi akehlulwa yilutho."},{"id":10,"translation":"Futhi noma iyiphi into eniphikisana ngayo, isahlulelo sayo siku Allah. Lowo ngu Allah iNkosi yami, ngethembele kuYe futhi ngizilahla kuYe."},{"id":11,"translation":"UnguMdali wamazulu nomhlaba; unidalele abalingani bohlobo lwenu nasemfuyweni ngokunjalo; unidala kanjalo. Akukho lutho olufana naYe futhi ungoZwayo Obonayo."},{"id":12,"translation":"Izihluthulelo zasemazulwini nasemhlabeni ziphethwe nguYe; wabela ngenala amthandayo futhi answinye. Impela Wazi ngayo yonke into."},{"id":13,"translation":"Unibekele enkolweni lokho ayalela ngakho uNuhu nalokho akwembulele kuwe nalokho esayalela ngakho u Ibhirahimu noMusa no Isa, okuthi: “Dlondlobalisani inkolo futhi ningaqembuki kuyo”. Kunzima kulabo abakhonza izithixo lokhu enibamemela kukho. U Allah uziqokela Yena amthandayo futhi uholela kuYe lowo ozisolayo."},{"id":14,"translation":"Futhi baqembuka kuphela emuva kokuba bathole ulwazi, ngenxa yenzondo phakathi kwabo. Futhi ukube bekungekho ngenxa yesinqume esiphuma eNkosini yakho sokulinda isikhathi esibekiwe, ngabe kade kwahlulelwa phakathi kwabo. Impela laba abasala neNcwadi emuva kwabo banokungabaza ngayo abanasiqiniseko."},{"id":15,"translation":"Ngenxa yalokho-ke, mema [abantu ku Isilamu] ube qotho njengoba uyalelwe futhi ungalandeli izinkanuko zabo; futhi uthi: “Ngikholelwa kuleNcwadi u Allah ayembulele kimi futhi ngiyalelwe ukuba ngenze ubulungiswa phakathi kwenu. U Allah iNkosi yethu neNkosi yenu; thina sinezenzo zethu nani ninezenzo zenu, akukho ukuphikisana phakathi kwethu nani; u Allah uyosibuthanisa sonke futhi isiphetho sikuYe”."},{"id":16,"translation":"Futhi labo abaphikisana no Allah emuva kokuba sekukhona abamlalele [uMuhamadi], ubufakazi babo abuthi shu eNkosini yabo; futhi behlelwe ulaka kanti bayothola nesijeziso esinzima."},{"id":17,"translation":"NguYena u Allah owembulele iNcwadi ngeqiniso nangobulungiswa. Futhi ungazi ngani, mhlawumbe iSikhathi [sokwahlulela] sesisondele."},{"id":18,"translation":"Laba abangakholwa basijahile. Kepha alaba abakholwayo bayesesaba futhi bayazi ukuthi siyiqiniso. Bheka ngoba laba abaphikisana ngeSikhathi, impela badukele kude."},{"id":19,"translation":"U Allah unesineke ngezigqila zaKhe; wondla amthandayo. Futhi ungoNamadla onguSomandla."},{"id":20,"translation":"Lowo ofuna umvuzo wakwelizayo sizomandisela umvuzo wakhe, kanti lowo ofuna umvuzo wasemhlabeni sizomnikeza wona kepha kwelizayo akayikuba nasabelo."},{"id":21,"translation":"Kumbe banezikhonzwa ezibabekele umthetho enkolweni ongagunyazwanga ngu Allah na?. Ukube bengekho ngenxa yesinqumo esiwumnqamulajuqu ngabe kade kwahlulelwa phakathi kwabo. Futhi impela abaphambukile bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":22,"translation":"Uyobona abaphambukile bethukile ngenxa yabakwenzile, futhi nakanjani kuyobehlela [abakuvunile]. Labo abakholwayo ababenza okulungileyo bayoba kwizife sasezivandeni; bayothola konke abakulangazelelayo eNkosini yabo. Lokho yikona okuwumusa omkhulu."},{"id":23,"translation":"Yizona lezo izindaba ezinhle u Allah azethula kuzigqila zakhe lezi ezikholwayo nezenza okulungileyo. Yithi: “Anginceli mvuzo ngakho, ngaphandle nje kokuzwana njengezihlobo”. Futhi lowo owenza okuhle sizomandisela ngokuhle kukho. Impela u Allah unguMthetheleli Obongayo."},{"id":24,"translation":"Kumbe bathi: “Uqambela u Allah amanga”. Uma u Allah ethanda engavala inhliziyo yakho. Futhi u Allah uyawashabalalisa amanga aqinisekise iqiniso ngaMazwi aKhe; impela Yena ukwazi kahle okuqukethwe izinhliziyo."},{"id":25,"translation":"Futhi nguYena owamukela ukuzisola nokucela intethelelo ezigqileni zaKhe aphinde axolele izimpambuko futhi uyakwazi enikwenzayo."},{"id":26,"translation":"Futhi uyabaphendula labo abakholwayo abenza okulungileyo aphinde abandisele umusa waKhe. Abangakholwa bayothola isijeziso esinzima."},{"id":27,"translation":"Uma u Allah engabela ngenala isondlo kuzigqila zaKhe, zeziyoba ngamahlongandlebe ezweni, kepha uletha akuthandayo ngokulingene; impela Yena mayelana nezigqila zaKhe Unolwazi Uyabona."},{"id":28,"translation":"Futhi nguYena oletha imvula emuva kokuba sebelahle ithemba aphinde asabalalise umusa waKhe. Futhi nguYena onguMhlengi Odunyiswayo."},{"id":29,"translation":"Ezinye zezibonakaliso zakhe, ukudalwa kwamazulu nomhlaba nalezo zidalwa azisabalalisile kuwo. Futhi uma ethanda unamandla okubabuthanisa bonke."},{"id":30,"translation":"Futhi wonke umshophi onehlelayo kungenxa yemisebenzi yezandla zenu, futhi kuningi [u Allah] akuxolelayo."},{"id":31,"translation":"Futhi nina anisoze naphunyuka emhlabeni, futhi akekho onganihlenga noma anisize ngaphandle kuka Allah."},{"id":32,"translation":"Futhi ezinye zezibonakaliso zaKhe, imikhumbi eso lwandle njengezintaba."},{"id":33,"translation":"Uma ethanda angamisa umoya, bese ima nsi [imikhumbi] phezu kwalo. Impela kulokho kunezibonakaliso kulowo nalowo obekezelayo obongayo."},{"id":34,"translation":"Noma avele ayibhubhise ngenxa yezenzo zabo; kepha kuningi akuxolelayo."},{"id":35,"translation":"Futhi laba abaphikisana ngemibiko yeThu bayazi ukuthi akukho lapho ababalekela khona."},{"id":36,"translation":"Yonke into enabelwe yona, izinto nje zokuncebeleka emhlabeni; kepha lokhu okuku Allah yikona okungcono nokuyohlala kukhona kulabo abakholwayo abathembela eNkosini yabo."},{"id":37,"translation":"Nalabo abagwema izimpambuko ezinkulu namanyala nabathi uma becasula bakwazi ukuxolela."},{"id":38,"translation":"Nalabo abathobela iNkosi yabo baqikelele ukwenza iSwala futhi babonisane phakathi kwabo baphinde baphane kulokho esibabele kona."},{"id":39,"translation":"Nalabo uma behlaselwa ngokungebulungiswa bayaziphindiselela."},{"id":40,"translation":"Phela umvuzo wempambuko impambuko efana nayo; kepha lowo oxolelayo futhi babuyisane, umvuzo wakhe uku Allah; impela Yena akabathandi labo abangenabulungiswa."},{"id":41,"translation":"Futhi lowo oziphindiselelayo emuva kokuba ehlukunyeziwe; laboke ngeke basolwe."},{"id":42,"translation":"Kuphela abasolwayo, yilabo abahlukumeza abantu futhi benze ukonakala emhlabeni ngokungemthetho; yibo-ke labo abayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":43,"translation":"Futhi lowo obekezelayo aphinde axolele; impela lokho kungokunye kwezinto ezimqoka."},{"id":44,"translation":"Futhi lowo odukiswe ngu Allah, akekho oyomhlenga ngaphandle kwaKhe. Futhi uyobona abaphambukile mhla bebona isijesizo bayothi: “Ingabe ikhona indlela yokubuyela emuva na?”."},{"id":45,"translation":"Futhi uyobabona bedangele ngenxa yehlazo lapho besiwa kuwo [umlilo], belokhu bejeqeza. Futhi laba abakholwayo bayothi: “Impela abalahlekelwe yilabo abazilahlekisele bona nemindeni yabo ngosuku lokwahlulela; bheka ngoba abaphambukile bayongena esijezisweni esingapheli”."},{"id":46,"translation":"Futhi akunabahlengi abayobasiza ngaphandle kuka Allah. Futhi lowo odukiswe ngu Allah kuphelile ngaye."},{"id":47,"translation":"Thobelani iNkosi yenu kungakafiki usuku olungeke lavinjwa muntu ku Allah; ngalolosuku akukho lapho eniyikhosela khona futhi akekho oyonixwayela [anizwele]."},{"id":48,"translation":"Uma bengenandaba, asikuthumelanga ukuba ube umqaphi wabo, okwakho ukudlulisa umlayezo. Futhi impela uma sizwisa umuntu umusa ovela kithi, uyathokoza ngawo; kepha uma ehlelwa umshopi ngenxa yemisebenzi yezandla zakhe; nangu muntu engasabongi."},{"id":49,"translation":"Umbuso wamazulu nomhlaba oka Allah; udala akuthandayo; upha amthandayo amantombazane aphe amthandayo abafana."},{"id":50,"translation":"Noma abaxube kube abafana namantombazane. Futhi wenza amthandayo inyumba; impela Yena Uyazi Unamandla."},{"id":51,"translation":"Akekho umuntu u Allah akhuluma naye mathupha, kuba kuphela ngokumembulela emuva kwezithiyo noma athumele isithunywa bese embulela ngemvumo yaKhe akufunayo; impela Yena Uphakeme Ukhaliphile."},{"id":52,"translation":"Ngokunjalo sembulela kuwe umusa ovela kithi; futhi bewungazi ukuthi yini iNcwadi noma yini ukholo; kepha siyenze yaba ukuhkanya esihola ngawo lowo esimthandayo kuzigqila zeThu; futhi impela nawe uholela endleleni eqondile."},{"id":53,"translation":"Indlela ka Allah, lona okungokwakhe konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni; bheka! Zonke izinto zobuyela ku Allah."}]},{"id":43,"verses":[{"id":1,"translation":"Ha-Mim."},{"id":2,"translation":"Ngifunga ngeNcwadi ecacisayo."},{"id":3,"translation":"Impela siyenze yaba iKurani yesi Arabhu ukuze niqonde."},{"id":4,"translation":"Futhi eNcwadini ewuMsuka [uQwembe] ekithi iphakeme ikhaliphile."},{"id":5,"translation":"Ingabe kumele sihoxise iSikhumbuzo unomphela kini ngenxa nje yokuthi nina ningabantu abayizephula mthetho na?"},{"id":6,"translation":"Ziningi iZithunywa esazithumela kwabasendulo."},{"id":7,"translation":"Njalonje uma kufika uMembulelwa kubo babevele bahlekise ngaye."},{"id":8,"translation":"Sabhubhisa abanamandla ukundlula bona futhi sesandlula isibonelo sabasendulo."},{"id":9,"translation":"Futhi uma ungababuza ukuthi, ngubani owadla amazulu nomhlaba bayothi: “Kudalwe nguSomandla Owaziyo”."},{"id":10,"translation":"Lona onenzele umhlaba wandlaleka waphinde wanenzela kuwo izindlela ukuze nilayeleke ningaduki."},{"id":11,"translation":"Lona futhi onehlisele amanzi phezulu ngokulingene; sabe sesivuselela ngawo indawo ebesifile; ngokunjalo niyovuswa."},{"id":12,"translation":"Lona futhi lona odale zonke izinhlobo wanidalela imikhumbi nezilwane enikugibelayo."},{"id":13,"translation":"Ukuze nigibele emihlane yakho bese nikhumbula umusa weNkosi yenu lapho seniphezu kwakho bese nithi: “Ungcwele lona osijubele lokhu futhi besingeke thina sikhone…”"},{"id":14,"translation":"Futhi impela thina siyobuyela eNkosini yethu."},{"id":15,"translation":"Futhi bamqokela isabelo ezigqileni zaKhe; impela umuntu akabongi sidalo."},{"id":16,"translation":"Kumbe Yena uzikhethele amadodakazi kulokho akudalile, nina wanikhethela amadodana."},{"id":17,"translation":"Uma omunye ehalaliselwa ngalokho akufanisa noNomusa, ubuso buyagqungqa bubemnyama bhuqe adangale."},{"id":18,"translation":"Ingabe lowo okhuliswe ngemhlobiso futhi ongakwazi ukuzuchaza lapho kuphikiswa [owesimame] [bamenza ingane ka Allah na]?"},{"id":19,"translation":"Futhi benze izingelosi isifazane zona lezi eziyizigqila zika Allah. Ingabe babekhona yini mhla zidalwa na? Ubufakazi babo buzolotshwa bese bayabuzwa."},{"id":20,"translation":"Futhi bathi: “Uma u Allah ethanda angeke sabakhonza”. Abanalwazi lwalokho, bavane bayaziqagulela nje."},{"id":21,"translation":"Kumbe sabanika incwadi ngaphambi kwayo [iKurani]; ngakho-ke babambelele kuyo."},{"id":22,"translation":"Empeleni bathi: “Safumanisa okhokho bethu belandela inkolo, ngakho-ke nathi sihamba ezinyathelweni zabo”."},{"id":23,"translation":"Ngokunjalo, kunoma yisiphi isizwe esithumela kuso umexwayisi, izigwili zakhona zazithi: “Impela thina safumanisa okhokho bethu belandela inkolo, ngakho-ke nathi silandela ezinyathelweni zabo”."},{"id":24,"translation":"Wathi: “Kunganjani nginilethele okuqonde ukundlula lokho enafumanisa kukho okhokho benu na?” Bathi::Impela asikukholwa lokho enithunywe nakho”."},{"id":25,"translation":"Saziphindisela kubo; ngakho- ke bheka ukuthi saba njani isiphetho sabaphikayo."},{"id":26,"translation":"Khumbula mhla u Ibhirahimu ethi kuyise nakubantu bakubo: “Impela mina angihlangene nalokho enikukhonzayo”."},{"id":27,"translation":"Ngaphandle kwalowo owangidala ngokuba Yena uzongihola."},{"id":28,"translation":"Wawenza kwaba ngamazwi awashiya ngemuva kwakhe ukuze babuye [endleleni eqondile]."},{"id":29,"translation":"Empeleni sijabulise laba nokhokho babo kwaze Fukwafika kubo iqiniso neSithunywa esicacisayo."},{"id":30,"translation":"Kuthe lapho sekufika iqiniso bathi: “Lokhu ilumbo, futhi asikukholwa impela”."},{"id":31,"translation":"Futhi bathi: “Kungani leKurani ingembulelwanga endodeni evela kulezizwe ezimbili ezinkulu”."},{"id":32,"translation":"Ingabe sekuyibona yini ababa umusa weNkosi yakho na? Yithina esibabela ukuziphilisa kwabo empilweni yasemhlabeni futhi siphakamise izigaba zabanye zaba ngaphezulu kwezabanye ukuze abanye basebenzele abanye. Futhi umusa weNkosi yakho yiwona ongcono kunalokho abakuqongelelayo."},{"id":33,"translation":"Futhi ukube bekungesikho ukuthi abantu bayoba senkolweni eyodwa [yokungakholwa], besiyokwenzela labo abangakholelwa koNomusa uphahla lwesiliva ezindlini zabo nezikwelo abazokhuphuka ngazo."},{"id":34,"translation":"Futhi izindlu zabo zibe neminyango nemibhede abayohlala abeqhiyame kuyo."},{"id":35,"translation":"Nobukhakhazi begolide; futhi konke lokho kuyizinto zempilo yasemhlabeni; kepha ikwelizayo eNkosini yakho ngelalabo abayithobelayo."},{"id":36,"translation":"Futhi lowo ophila ngaphandle kokukhumbula Onomusa, simqokela uShayitani ukuze abe umngani wakhe."},{"id":37,"translation":"Impela bona [oShayitani] bayavimba endleleni, kepha bona bacabanga ukuthi basendleleni eqondile."},{"id":38,"translation":"Kuze kuthi lapho esefika kithi, athi: “Ngifisa engathi phakathi kwami nawe bekunebanga lezimpumalanga ezimbili; ungumngani omubi”."},{"id":39,"translation":"Ngoba seniphambukile nje, angeke kunisize ukuba ndawonye [kwenu] esijezisweni."},{"id":40,"translation":"Ingabe wena uyakwazi ukukwenza izimumu zizwe noma uhole impumputhe nalowo osekudukeni uqobo na?"},{"id":41,"translation":"Noma singakususa [ushone], impela siyoziphindisela kubo."},{"id":42,"translation":"Noma sikubonise lokho esibathembise kona; impela Thina angeke basihlula."},{"id":43,"translation":"Ngakho-ke bambelele kulokho okwembulelwe kuwe; impela usendleleni eqondile."},{"id":44,"translation":"Futhi [iKurani] iwudumo lwakho nabantu bakini futhi niyobuzwa."},{"id":45,"translation":"Futhi buza labo esabathumela ngaphambi kwakho kuZithunywa zeThu, ukuthi, ngabe sake saqoka izikhonzwa ezikhonzwayo ngaphandle koNomusa na?"},{"id":46,"translation":"Sathumela uMusa nezibonakaliso zeThu kuFirawuni nezikhulu zakhe, wathi: “Impela ngiyiSithunywa seNkosi yendalo yonke”."},{"id":47,"translation":"Kuthe lapho ebalethela izibonakaliso zeThu, bavele bazihleka."},{"id":48,"translation":"Futhi yileso naleso sibonakaliso esibabonisa sona besikhulu kunedlulile. Futhi sabahlasela ngesijeziso ukuze babuye [endleleni eqondile]."},{"id":49,"translation":"Bathi: “Mlumbi, sikhulekele eNkosini yakho, ngesibopho esenze nawe, impela thina sizolandela indlela eqondile”."},{"id":50,"translation":"Kuthe lapho sesisisusile kubo isijeziso; baphula isethembiso."},{"id":51,"translation":"Futhi uFirawuni wamemeza kubantu bakhe wathi: “Bantu bami, akusibona yini obami ubukhosi baseMisiri nalemifula egeleza ezansi kwami na? kungani ningaboni na?”"},{"id":52,"translation":"Empeleni yimina ongcono kunalona ongelutho futhi ongakwazi nokukhuluma into ecacile."},{"id":53,"translation":"Makehlelwe ubuhlalu begolide noma izingelosi zize naye zilandelana."},{"id":54,"translation":"Wabayenga abantu bakhe, bamlalela; impela babengabantu abayozephula mthetho."},{"id":55,"translation":"Kuthe lapho sebesicasulile; saziphindisela kubo sabacwilisa bonke."},{"id":56,"translation":"Sabenza baba yisibonelo [esenzekile] nesifundo kwabalandelayo."},{"id":57,"translation":"Futhi uma kwenziwa umzekelo ngendodana ka Mariyamu; abantu bakini babanga umsindo."},{"id":58,"translation":"Bathi: “Ingabe izikhonzwa zethu ezingcono noma yena na?”, benze umzekelo ngayo ukuze baphikisane nawe; empeleni bangabantu abaphikisanayo."},{"id":59,"translation":"Uyizigqila nje esisibusisile futhi sasenza isibonelo esizweni sakwa Isirayeli."},{"id":60,"translation":"Uma sithanda singaletha esikhundleni senu izingelosi emhlabeni izizukulwane ngezizukulwane."},{"id":61,"translation":"Futhi [u Isa] uyinkomba yokufika kweSikhathi ngakho- ke ungabi nokungabaza ngaso futhi landelani mina lena indlela eqondile."},{"id":62,"translation":"Futhi uShayitani anganivimbi; impela yena uyisitha esisobala kini."},{"id":63,"translation":"Kuthe lapho u Isa efika nezibonakaliso wathi: “Ngize kini nobuhlakani futhi ngizonicacisela okunye kwalokho eniphikisana ngakho; ngakho-ke thobelani u Allah nilalele nami”."},{"id":64,"translation":"Impela u Allah iNkosi yami neNkosi yenu, ngakho-ke khonzani Yena; lena iyona ndlela eqondile."},{"id":65,"translation":"Amaqembu ngaphakathi kwabo aphikisana. Imbubhiso yesijeziso sosuku olubuhlungu ikulabo abaphambukile."},{"id":66,"translation":"Ingabe balindele iSikhathi ukuba bengazelele benganakile na?"},{"id":67,"translation":"Abangani ngalolo suku bayoba izitha ngaphandle kwabathobela u Allah."},{"id":68,"translation":"Zigqila zaMi, namhlanje ningesabi futhi ningakhathazeki."},{"id":69,"translation":"Labo abakholwa imibiko yeThu futhi babe ngamaMusilimu."},{"id":70,"translation":"[Kuyothiwa]: “Ngenani eJana nina namalingani benu nijatshuliswe”."},{"id":71,"translation":"Bayolethelwa ngezitsha zegolide namankomishi; phakathi kuwo kunalokho okulangazelelwa umphefumulo nokujatshulelwa ngamehlo. Futhi niyohla kuyo unaphakade."},{"id":72,"translation":"Yiyo-ke leyo iJana lena eyithole ngalokho ebenikwenza."},{"id":73,"translation":"Kuyo niyothola izithelo eziyinala enizodla kuzo."},{"id":74,"translation":"Impela izephula mthetho ziyongena esijezisweni saseJahanamu unaphakade."},{"id":75,"translation":"Abayikuxegiselwa futhi bekuso bayophelelwa ithemba."},{"id":76,"translation":"Futhi akukho okungebulungiswa esikwenze kubo; kepha yibona abangenabulungiswa."},{"id":77,"translation":"Futhi bayomemeza [bathi]: “Maliki, iNkosi mayiqede ngathi”. Uyothi: “Cha, impela nisazohlala”."},{"id":78,"translation":"Impela sanilethela iqiniso kodwa iningi lenu alilithandi iqiniso."},{"id":79,"translation":"Kumbe kukhona asebekuhlelile; naThi sihlelile."},{"id":80,"translation":"Kumbe bacabanga ukuthi asikuzwa ukuhleba kwabo nezigungu zabo zangasese. Nebala! Futhi izithunywa zeThu zikanye nabo ziyaloba."},{"id":81,"translation":"Yithi: “Uma Onomusa enendodana; ngizoba owokuqala ukukhonza”."},{"id":82,"translation":"Ingcwele iNkosi yamazulu nomhlaba, iNkosi yeSihlalo kulokho abakushoyo."},{"id":83,"translation":"Bayekele kanje bephambuka futhi bedlala baze bafike kusuku lolu abathenjiswe lona."},{"id":84,"translation":"Futhi nguYena okhonzwayo ezulwini nokhonzwayo emhlabeni; futhi ungoKhaliphile Owaziyo."},{"id":85,"translation":"Futhi ungcwele lona ubukhosi bamazulu nomhlaba nokumaphakathi kwawo bungobaKhe futhi nguYena onolwazi lweSikhathi futhi niyobuyela kuYe."},{"id":86,"translation":"Futhi laba ababakhonzayo ngaphandle kwaKhe abanalo igunya lokushweleza ngaphandle kwalabo abakaza ngeqiniso futhi benolwazi."},{"id":87,"translation":"Uma ungababuza ukuthi, ngubani obadalile, bayothi: “Ngu Allah”; pho badukiswa kanjani na?"},{"id":88,"translation":"Futhi kuyothiwa: “Nkosi yami, impela laba ngabantu abangakholwa”."},{"id":89,"translation":"Bashiye kanje ungasabanaki; bayokwazi."}]},{"id":44,"verses":[{"id":1,"translation":"Ha-Mim."},{"id":2,"translation":"Ngifunga ngeNcwadi ecacisayo [iKurani]."},{"id":3,"translation":"Impela siyembulele ngobusuku obubusisekile; ukuze impela sixwayise."},{"id":4,"translation":"Kubo [lobusuku] kunqunywa zonke izinqumo ezikhaliphile."},{"id":5,"translation":"Isinqumo esivela kithi; futhi siyathumela [iZithunywa]."},{"id":6,"translation":"Kungumusa ovela eNkosini yakho; impela Yona ingiZwayo Owaziyo."},{"id":7,"translation":"IyiNkosi yamazulu nomhlaba nokumaphakathi kwazo, uma ngempela ninganakungabaza."},{"id":8,"translation":"Akekho omunye ofanele akhonzwe ngaphandle kwaYo; iYona eletha ukuphila nokufa; iNkosi yenu neNkosi yokhokho benu basendulo."},{"id":9,"translation":"Kepha bona banokungabaza balibele ukudlala."},{"id":10,"translation":"Lindela usuku lapho isibhakabhaka siyoba nentuthu uqobo."},{"id":11,"translation":"Iyihaqa abantu, [kuthiwe]: “Lesi isijeziso esibuhlungu”."},{"id":12,"translation":"[Bayothi]: “Nkosi yethu, susa isijeziso kithi ngokuba sesiyakholwa”."},{"id":13,"translation":"Balalele kanjani ngoba safika iSithunywa esicacisayo kubo…"},{"id":14,"translation":"Basishaya indiva bathi: “Uhlanya olufundisiwe”."},{"id":15,"translation":"Impela Thina singasisusa isijeziso kancane; kepha nina niyobuyela emuva [ningakholwa]."},{"id":16,"translation":"Ngosuku lapho siyogxavula khona ukugxavula okunzima, siyobe siziphindiselela."},{"id":17,"translation":"Futhi savivinya phambilini kwabo abantu bakaFirawuni futhi neSithunywa esihloniphekile safika kubo."},{"id":18,"translation":"[Sathi]: “Letha kimi izigqila zika Allah; impela mina ngiyiSithunywa esithembekile kini”."},{"id":19,"translation":"Futhi ungaziqhayisi ku Allah; impela ngizonilethela ubufakazi obucacile."},{"id":20,"translation":"Futhi ngizivikela ngeNkosi yami neNkosi yenu ekutheni ningikhande kamatshe."},{"id":21,"translation":"Uma ningangikholwa ngiyekeleni ningangenzi lutho."},{"id":22,"translation":"Wakhuleka eNkosini yakhe wathi: “Impela laba ngabantu abayizephula mthetho”."},{"id":23,"translation":"Wathi [u Allah]: “Hamba nezigqila zami ebusuku; impela niyolandelwa”."},{"id":24,"translation":"Futhi uyekele ulwandle lunjalo [luvulekile] ngoba bayibutho eliyocwiliswa."},{"id":25,"translation":"Ziningi izivande nemithombo abayishiyile."},{"id":26,"translation":"Nezitshalo nemizi emihle."},{"id":27,"translation":"Nentokomalo ababenethezeka kuyo."},{"id":28,"translation":"Kanjalo nje; sabe sesizidlulisela kwabanye abantu."},{"id":29,"translation":"Futhi isibhakabhaka nomhlaba akuzange kubalilele futhi abanikwanga ithuba."},{"id":30,"translation":"Impela sasihlenga isizwe sakwa Isirayeli esijezisweni esihlazayo."},{"id":31,"translation":"KuFirawuni; impela wabe eziqhayisa engenamkhawulo."},{"id":32,"translation":"Futhi sabaqoka sazi kahle endalweni yonke."},{"id":33,"translation":"Futhi sabanika izibonakaliso ezazinesivivinyo esisobala."},{"id":34,"translation":"Impela laba bathi…"},{"id":35,"translation":"Sifa kanye nje kuphela futhi asiphinde sivuswe."},{"id":36,"translation":"Lethani okhokho bethu uma ngempela niqinisile."},{"id":37,"translation":"Ingabe bona bangcono yini kunesizwe sika Tuba’ nalabo ababengaphambilini kwaso na?; sababhubhisa, impela babeyizephula mthetho."},{"id":38,"translation":"Futhi asidalanga amazulu nomhlaba nokumaphakathi sizidlalela."},{"id":39,"translation":"Sikudale ngeqiniso, kodwa iningi labo alazi."},{"id":40,"translation":"Impela uSuku lokwahlulela isikhathi ababekelwe sona bonke."},{"id":41,"translation":"Usuku lapho isihlobo singeke sasiza esinye isihlobo ngalutho futhi akekho oyobasiza."},{"id":42,"translation":"Ngaphandle kwaloyo u Allah ayomhawukela; impela Yena unguSomandla Onesihawu."},{"id":43,"translation":"Impela isihlahla seZakumi [ameva]."},{"id":44,"translation":"Siyoba ukudla kwalowo onezimpambuko."},{"id":45,"translation":"Kufana namafutha abilayo esiswini."},{"id":46,"translation":"Njengamanzi abile kakhulu."},{"id":47,"translation":"Mthatheni nimhudulele phakathi emlilweni."},{"id":48,"translation":"Bese nimthela ekhanda lakhe ngesijeziso samanzi abilayo."},{"id":49,"translation":"Yizwa-ke; angithi nguwe onamadla ohloniphekile."},{"id":50,"translation":"Yikho kanye lokhu ebeniphikisana ngakho."},{"id":51,"translation":"Impela abathobela u Allah bayoba sendaweni ephephile."},{"id":52,"translation":"Ezivandeni nasemithonjeni."},{"id":53,"translation":"Bayogqoka usilika obushelelezi nosindayo bahlale babhekane."},{"id":54,"translation":"Kunjalo siyobabhangqa nama Hurayini."},{"id":55,"translation":"Bayofuna kuzo yonke inhlobo yesithelo bekhululekile."},{"id":56,"translation":"Angeke baphinde bezwe ukufa kuzo ngaphandle kokufa kokuqala [emhlabeni] futhi iNkosi yabo iyobavikela esijezisweni somlilo."},{"id":57,"translation":"Umusa ovela eNkosini yakho; lokho iyona impumelelo enkulu."},{"id":58,"translation":"Futhi siyenze yabalula ngolwimi lwakho ukuze bathathe isifundo."},{"id":59,"translation":"Nawe linda ngokuba nabo balindile."}]},{"id":45,"verses":[{"id":1,"translation":"Ha-Mim."},{"id":2,"translation":"[Lesi] isambulelo seNcwadi [iKurani] evela ku Allah onguSomandla Okhaliphile."},{"id":3,"translation":"Impela emazulwini nasemhlabeni kunezibonakaliso kulabo abakholwayo."},{"id":4,"translation":"Nasekudalweni kwenu imbala futhi nakuzilwane azisabalalisile kunezibonakaliso kubantu abanesiqiniseko."},{"id":5,"translation":"Nasekuphambaneni kobusuku nemini futhi nakulokho u Allah akwehlisa phezulu okuyisondlo [imvula] avuselela ngakho umhlaba emuva kokufa kwawo nanekuhambeni kwemimoya, kunezibonakaliso kubantu abaqondayo."},{"id":6,"translation":"Leyo imibiko ka Allah esikufundela yona ngeqiniso; ngakhoke iyona yiphi inkulumo abazoyikholwa emuva kuka Allah nemibiko yaKhe."},{"id":7,"translation":"Imbubhiso kuwo wonke umuntu oqamba amanga aluhlaza ophambukile."},{"id":8,"translation":"Uzwa imibiko ka Allah efundelwa yona bese eqhubeka nokuqhayisa ngathi akazange ayizwe; mhalalisele ngesijeziso esibuhlungu."},{"id":9,"translation":"Uma kukhona okuthile akwazi ngemibiko yeThu, ukwenza inhlekisa. Labo bayothola isijeziso esihlazayo."},{"id":10,"translation":"Ngaphambi kwabo [bamelwe] iJahanamu; futhi konke [okuwumcebo] abakuzuzile ngeke kubasize ngalutho, kanjalo nalokho abaziqokele kona njengabahlengi ngaphandle kuka Allah; futhi bayothola isijeziso esinzima."},{"id":11,"translation":"Lokhu [iKurani] ukuholelwa; futhi labo abangakholwa yimibiko yeNkosi yabo bayothola isijeziso esibuhlungu esibi impela."},{"id":12,"translation":"U Allah nguYena onijubele ulwandle ukuze umkhumbi uhambe kulo ngokomyalelo waKhe nokuthi nithungathe umusa waKhe ukuze nibonge."},{"id":13,"translation":"Futhi wanijubela konke okusemazulwini nasemhlabeni ngokwaKhe; impela kulokho kunezibonakaliso kubantu abahlaziyayo."},{"id":14,"translation":"Tshela laba abakholwayo ukuba baxolele labo abangakholelwa ezinsukwini [zezehlakalo] zika Allah, ukuze anikeze abantu umvuzo walokho ababekwenza."},{"id":15,"translation":"Lowo owenza okuhle, uzenzela yena; futhi lowo owenza okubi uzilaya yena; futhi niyobuyela eNkosini yenu."},{"id":16,"translation":"Futhi sanika isizwe sakwa Isirayeli iNcwadi nobuhlakani nobuthunywa saphinde sabahlinzeka ngokudla okumsulwa sabaqoka endalweni yonke [ngaleso sikhathi]."},{"id":17,"translation":"Sabanika imiyalelo ecacile; kepha baphikisana emuva kokuba sebethole ulwazi ngenxa yokuzondana phakathi kwabo."},{"id":18,"translation":"Futhi sakuqokela wena [Muhamadi] inqubo mgomo; ngakhoke landela yona ungalandeli izinkanuko zalabo abangenalwazi."},{"id":19,"translation":"Impela abasoze abkusiza ngalutho ku Allah. Futhi abaphambukile, abanye bangabangane kubanye; kepha u Allah ungumngani walabo abamthobelayo."},{"id":20,"translation":"Lokhu [iKurani] kuwumhlahlandlela kubantu nokuholeka nomusa kubantu abanesiqiniseko."},{"id":21,"translation":"Ingabe laba abenza izimpambuko bacabanga ukuthi siyobenza bafane nalabo abakholwayo abenza okulungileyo, abaphilayo kubo nabangasekho na? Yaze yayiyimbi indlela abahlulela ngayo."},{"id":22,"translation":"Futhi u Allah udale amazulu nomhlaba ngeqiniso, nokuthi wonke umuntu athole umvuzo walokho akwenzile ngoku nobulungiswa."},{"id":23,"translation":"Uyambona yini lona oseqoke izinkanuko zakhe kwaba yizo azikhonzayo, futhi u Allah wamdukisa – esenolwazi – wavala ukuzwa kwakhe nenhliziyo yakhe, wamboza amehlo akhe; ingabe ukhona yini ongamhola emuva kuka Allah na? Kungani ningathathi isifundo na?"},{"id":24,"translation":"Futhi bathi: “Cha, impilo yethu yasemhlabeni, siyafa siphile; isikhathi kuphela esiyosibhubhisa”. Abanalwazi ngalokho, bamane baziqagulela."},{"id":25,"translation":"Uma befundelwa imibiko yeThu ecacile, elabo abambelela kulo elokuthi bathi: “Siletheleni okhokho bethu uma ngempela niqinisile”."},{"id":26,"translation":"Yithi: “Ngu Allah onipha impilo aphinde aniphuce yona futhi nguYe oyonibuthanisa ngosuku lokwahlulela olungengatshazwe; kodwa abantu abaningi abazi”."},{"id":27,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni ngokuka Allah; futhi ngosuku lapho iSikhathi [sokwahlulela] sifika, abaqambimanga bayolahlekelwa ngalolo suku."},{"id":28,"translation":"Futhi uyobona zonke izizwe ziguqile; isizwe nesizwe siyobizelwa encwadini yaso [yezenzo]; [kuthiwe]: “Namhlanje nizonikezwa umvuzo walokho ebenikwenza”."},{"id":29,"translation":"Lena incwadi yeThu ikhuluma iqiniso ngani; impela besikuqopha konke ebenikwenza."},{"id":30,"translation":"Laba abakholwayo abenza nokulungileyo, iNkosi yabo izobangenisa emseni waYo; iyonake leyo impumelelo esobala."},{"id":31,"translation":"Kuthi laba abangakholwa, [kuthiwe kubo]: “Kanti beningafundelwa yini imibiko Yami, kepha naziqhayisa futhi naningabantu abayizephula mthetho”."},{"id":32,"translation":"Uma kuthiwa kubo, “impela isithembiso sika Allah siyiqiniso futhi neSikhathi akuna kungabaza ngaso”. Nithi: “Asazi ukuthi yini iSikhathi, siyaziqagelela nje futhi asinasiqiniseko”."},{"id":33,"translation":"Kuyobacacela obala ububi balokho abakwenzile futhi bayohaqwa yilokho abahlekisa ngakho."},{"id":34,"translation":"Futhi kuyothiwa: “Namhlanje siyanikhohlwa njengoba nani nakhohlwa umhlangano walolu suku lwenu futhi indawo yenu umlilo futhi akekho oyonisiza”."},{"id":35,"translation":"Lokho kungoba nenza imibiko ka Allah ihlaya nadukiswa impilo yasemhlabeni. Namhlanje, abayikuphuma kuwo [umlilo] futhi abayikunikwa thuba locela intethelelo."},{"id":36,"translation":"Ngakhoke, udumo lonke ngoluka Allah iNkosi yamazulu neNkosi yomhlaba iNkosi yendalo yonke."},{"id":37,"translation":"Ubukhulu ngobakhe emazulwini nasemhlabeni futhi unguSomandla Okhaliphile."}]},{"id":46,"verses":[{"id":1,"translation":"Ha-Mim."},{"id":2,"translation":"[Lesi] isambulelo seNcwadi [iKurani] evela ku Allah onguSomandla Okhaliphile."},{"id":3,"translation":"Sadala amazulu nomhlaba nokuphakathi kwakho ngeqiniso futhi kuze kube isikhathi esibekiwe. Kepha laba abangakholwa bakushaya indiva lokho abexwayiswa ngakho."},{"id":4,"translation":"Yithi: “Ake nibheke lokhu enikukhonzayo ngaphandle kuka Allah; ngitshengiseni ukuthi kudaleni emhlabeni kumbe kunegalelo emazulwini na? Ngiletheleni incwadi eyafika ngaphambi kwalena [iKurani] noma izinsalela zolwazi uma ngempela niqinisile."},{"id":5,"translation":"Ngubani oduke ukudlula lowo okhonza ngaphandle kuka Allah lokho okungeke kwamphendula kuze kufike usuku lokwahlulela futhi okungazi lutho ngemikhuleko yabo na?"},{"id":6,"translation":"Futhi mhla abantu bebuthaniswa, ziyoba [izikhozwa] izitha zabo futhi bayophika ukuthi zazikhonzwa yibo."},{"id":7,"translation":"Uma befundelwa imibiko Yethu ecacile. Laba abangakholwa bathi ngeqiniso lapho lifika kubo: “Leli ilumbo elisobala”."},{"id":8,"translation":"Kumbe bathi, uziqambele yona na? Yithi: “Uma ngiziqambele yona, akukho-ke eningangisiza ngakho ku Allah; nguYena okwazi kahle konke enikushoyo ngayo [iKurani]; Yena wanele njengofakazi phakathi kwani nani futhi Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":9,"translation":"Yithi: “Angiyena owokuqala ukuba yiSithunywa futhi angazi ukuthi kuyokwenziwani ngami nokuthi kuyokwenziwani ngani; ngilandela nja lokho okwembulelwa kimi futhi ngingumexwayisi ocacisayo nje kuphela”."},{"id":10,"translation":"Yithi: “Ake nisho, uma ivela ku Allah bese nina niyayiphika, futhi ufakazi wesizwe sakwa Isirayeli afakaze ngokufana nayo [iKurani] bese ekholwa, kulapho nina niziqhayisa; impela u Allah akabaholi abantu abangenabulungiswa”."},{"id":11,"translation":"Futhi laba abangakholwa bathi kulabo abakholwayo: “Ukube bekuyinto enhle, ngabe abasifikelanga kuyo kuqala”. Futhi uma bengaholekanga ngayo bazothi: “Lokhu amanga aluhlaza akudala”."},{"id":12,"translation":"Futhi ngaphambili kwayo kwakuneNcwadi kaMusaeyabe ingumholi nomusa. Futhi leNcwadi iyaqinisekisa, ingolwimi lwesi Arabhu, ukuze labo abaphambukile baxwayiswe kuthi labo abenza okuhle bahalaliselwe."},{"id":13,"translation":"Impela labo abathi: “iNkosi yethu ngu Allah”, bese baba qotho; abayikuba nakusaba futhi abayikukhathazeka."},{"id":14,"translation":"Labo bayongena eJana bahlale kuyo unaphakade njengomvuzo walokho ababekwenza."},{"id":15,"translation":"Futhi sayalela umuntu ukuba aphathe kahle abazali bakhe; phela unina wamthwala kanzima wambeletha kanzima. Futhi ukumthwala kuze kube uyayeka ukuncela, yizinyanga ezingamashumi amathathu. Kuze kuthi uma esekhululile waqina waba neminyaka engamashumi amane, athi: “Nkosi yami, ngiphe Amandla okubonga izibusiso zaKho lezi ongibusise ngazo mina nabazali bami nawokuthi ngikwazi ukwenza okulungileyo okukuthokozisayo futhi ungenzele uzalo lwami lube qotho, impela ngiyazisola kuWe ngicela intethelelo futhi ngongomunye wabazinikela kuWe [amaMusilimu]”."},{"id":16,"translation":"Yibona labo esiyokwamukela okuhle abakwenzayo futhi sibaxolele amaphutha abo kanye nabanye abayongena eJana; isethembiso seqiniso lesi ababethenjiswe sona."},{"id":17,"translation":"Futhi lowo othi kubazali bakhe: “hayi suka, nilokhu ningithembisa ukuthi ngiyophinde ngikhishwe [ethuneni], kulapho ziningi izizwe esezadlula ngaphambi kwami” – kepha bona belokhu becela usizo ku Allah – [bathi kuye]: “Kahle bo, kholwa; impela isethembiso sika Allah siyiqiniso”. Uvele athi: “Lokhu izinganekwane zasemandulo”."},{"id":18,"translation":"Yibona ke labo abafanelwe isinqumo [sembubhiso]sezizwe esezandlula ngaphambi kwabo, zamajini nabantu; impela balahlekelwa."},{"id":19,"translation":"Futhi bonke bayoba nezigaba ngokwezenzo zabo; futhi uyobanika umvuzo wezenzo zabo ngokugcwele futhi akukho okungebulungiswa okuyokwenziwa kubo."},{"id":20,"translation":"Futhi ngosuku lapho laba abangakholwa beyosiwa emlilweni, [kuyothiwa kubo]: “ Niziqede zonke izinto zenu ezimnandi empilweni yasemhlabeni futhi nazi jabulisa ngazo. Ngakhoke namhlanje nizohlonyuliswa ngesijeziso sehlazo ngenxa yokuziqhayisa kwenu emhlabeni ngokungemthetho nangokuphula kwenu umthetho”."},{"id":21,"translation":"Futhi landisa ngomfawo wesizwe sakwa Adi, mhla exwayisa isizwe sakhe endaweni yase Ahkafu[1], futhi ziningi izexwayiso esezandlula ngaphambili kwake, ezinye emuva kwakhe [zithi]: “Ningakhonzi lutho ngaphandle kuka Allah, impela nginisabela isijeziso sosuku olukhulu”.","footnotes":"[1] Indawo esezweni laseYemeni okwakuhlala kuyo isizwe sakwa Adi."},{"id":22,"translation":"Bathi: “Uze kithi ukuzosisuza ezikhonzweni zethu na? Silethele lokhu olibe usithembisa kona uma ngempela ungoqinisile”."},{"id":23,"translation":"Wathi: “Ulwazi luku Allah, mina nginidlulisela lokho engithunywe nakho, kodwa nginibona ningabantu abayiziwula”."},{"id":24,"translation":"Kuthe lapho bebona ifu liza ngasesigodini sabo, bathi: “Lefu lisilethele imvula”. Empeleni yilokhu ebenikujahile, umoya onesijeziso esibuhlungu."},{"id":25,"translation":"Ubhubhisa yonke into ngokomyalelo weNkosi yawo. Kwasa bengabona ngaphandle nje kwemizi yabo. Sibahlomulisa kanjalo abantu abayizephula mthetho."},{"id":26,"translation":"Futhi sabapha lokho esinganiphanga nina futhi sabanika ukuzwa [izindlebe] namehlo nezinhliziyo. Kepha ukuzwa kwabo namehlo abo nezinhliziyo zabo akubasizanga ngalutho mhla bephika imibiko Yethu. Futhi bahaqwa yikho konke lokhu abekwenza inhlekisa."},{"id":27,"translation":"Futhi sabhubhisa imizi enakhelene nayo saphinde sacacisa imibiko ukuze bapheze."},{"id":28,"translation":"Kungabi kungabasizanga lokhu abakuqoke ngaphandle kuka Allah njengezikhonzwa abazisondeza ngazo [ku Allah] na; empeleni zabadukele. Futhi lokho ngamanga abo aluhlaza nalokho ababekuqamba."},{"id":29,"translation":"Futhi khumbula mhla siletha kuwe iqulu lamajini ayezolalela iKurani. Kuthe lapho esefikile kuyo, athi: “Thulani”. Kuthe lapho isiqediwe, abuyela emumva ezizweni zawo eyozixwayisa."},{"id":30,"translation":"Bathi: “Bantu bakithi, impela sizwe iNcwadi eyembulelwe emuva kwaMusa, efakazela lokho okungaphambi kwayo iholela eqinisweni nasendleleni eqondile”."},{"id":31,"translation":"Bantu bakithi, lalela uMmemi ka Allah futhi nikholelwe kuYe, uyonithethelela izimpambuko zenu aphinde anivikele esijezisweni esibuhlungu."},{"id":32,"translation":"Lowo ongezukulalela uMmemi ka Allah, akasoze aphunyuka emhlabeni futhi akukho bahlengi ayobathola ngaphandle kuka Allah; labo babekudukeni okusobala."},{"id":33,"translation":"Ababoni yini ukuthi u Allah nguYena odale amazulu nomhlaba futhi akazange kumehlule ukukudala kulapho unamandla okuvusa abafileyo. Kunjalo, impela akehlulwa yilutho."},{"id":34,"translation":"Futhi ngosuku labo abangakholwa bayosiwa emlilweni [kuyothiwa kubo]: “Ingabe lokhu akusilona iqiniso na?” Bayothi: “Yilona Nkosi yethu”. Uyothi [u Allah]: “Zwanini isijeziso ngenxa yalokho ebenikuphika”."},{"id":35,"translation":"Bekezela njengoba zabekezela iZithunywa zeMpokophelo; futhi ungabajahi. Futhi ngosuku lapho bayobona lokho abathenjiswe kona kuyoba ngathi bahlale isikhashana nje sasemini [emhlabeni]. [Lona] umlayezo. Ingabe ukhona obujiswayo ngaphandle kwabantu abayizephula mthetho na?"}]},{"id":47,"verses":[{"id":1,"translation":"Labo abangakholwa baphinde babe yizihibe endleleni ka Allah, izenzo zabo zidukile."},{"id":2,"translation":"Futhi labo abakholwayo abenza nokulungileyo baphinde bakholelwe kulokho okwembulelwe kuMuhamadi okuyiqiniso elivela eNkosini yabo; uyokwesula izimpambuko zabo futhi uyokwenza ngcono isimo sabo."},{"id":3,"translation":"Lokho kungoba labo abangakholwa balandela umbhedo kuthi laba abakholwayo bona balandela iqiniso elivela eNkosini yabo. U Allah ubenzela kanjalo abantu imizekelo."},{"id":4,"translation":"Uma nihlangana nalabo abangakholwa [empini], gencani imiqala, uma senibalimazile [baba buthaka] babopheni; ningabadedela mahala noma nibakhokhise inhlawulo kuze kuba impi iyaphela. Lowo [umyalelo]. Futhi ukube u Allah ubethanda ubezoqeda ngabo; kodwa bekungoba ufuna ukuvivinya abanye benu ngabanye. Futhi labo [abakholwayo] ababulawe endleleni ka Allah, izenzo zabo azisoze zachitheka."},{"id":5,"translation":"Uzobahola futhi enze ngcono isimo sabo."},{"id":6,"translation":"Futhi uyobangenisa eJana lena abazobazisa yona kahle."},{"id":7,"translation":"Nina enikholwayo, uma nisiza u Allah [ngokusiza inkolo yaKhe], naYe uyonisiza futhi aqinise nezinyawo zenu."},{"id":8,"translation":"Futhi laba abangakholwa bayobhujiswa futhi izenzo zabo [ezinhle] ayozenza ize."},{"id":9,"translation":"Lokho, kunganxa yokuthi abakuthandanga lokho okwembulelwe ngu Allah, ngakhoke wenza imisebenzi yabo yangaba namvuzo."},{"id":10,"translation":"Ingabae abahambi yini emhlabeni, babheke ukuthi saba njani isiphetho salabo ababandulelayo; u Allah wababhubhisa, futhi laba abangakholwa bayothola okufanayo."},{"id":11,"translation":"Lokho ngungenxa yokuthi u Allah unguMnakekeli walabo abakholwayo kanti laba abangakholwa abanaye umnakekeli."},{"id":12,"translation":"Impela u Allah uyongenisa labo abakholwayo abenza nokulungileyo ezivandeni okugeleza imifula ngaphansi kwazo. Futhi laba abangakholwa bayancebeleka futhi badla njengezilwane; futhi umlilo yilapho beyophelela khona."},{"id":13,"translation":"Futhi ziningi izizwe ezazinamandla ukudlula isizwe sakho [Muhamadi] lesi esakuxoshsa, esazibhubhisa; akuzange kube khona owayengazisiza."},{"id":14,"translation":"Ingabe lowo onokucaciseleka okuvela eNkosini yakhe uyefana yini nalowo owenzele muhle ububi bezenzo zakhe futhi olandela izinkanuko zakhe na?"},{"id":15,"translation":"Ukuchaza iJana lena ethenjiswe labo abathobela u Allah: inemifula yamanzi angaguquki nemifula yobisi ukunambitheka kwalo okungaguquki nemifula yotshwala obumnandi kulabo abaphuzayo nemifula yoju olumsulwa; futhi kuyo bayothola yonke inhlobo yezithelo nentethelelo evela eNkosini yabo. Ingabe bayafana yini nalabo abayobhadla emlilweni unaphakade baphinde baphuziswe amanzi abilayo adabula amathumbu abo na?"},{"id":16,"translation":"Futhi kunalabo kubo abakulalelayo, kuthi lapho besuka kuwe bathi kulabo abanikwe ulwazi: “Usetheni mva nje?” Yibona kanye labo u Allah avale izinhliziyo zabo futhi balandela izinkanuko zabo."},{"id":17,"translation":"Futhi laba abaholelekile uyobandisela ukuholeleka aphinde abanike amandla okuthi bakwazi ukumthobela."},{"id":18,"translation":"Ingabe balindele iSikhathi [sokwahlulela] ukuba sifike kubo bengazelele na?; impela izinkomba zaso sezifikile; bayokhumbula kanjani lapho sesifikile kubo."},{"id":19,"translation":"Iba nolwazi lokuthi akekho ofanele ukukhonzwa ngaphandle kuka Allah, futhi ucele intethelelo yezimpambuko zakho, ucelele nabakholwayo besilisa nesifazane intethelelo. u Allah wazi kahle ukuthi nenzani emini nasebusuku."},{"id":20,"translation":"Futhi labo abakholwayo bathi: “Kwangathi kungembulelwa isahluko”, kuthi lapho sesambulelwe isahluko esichazwe kahle kwabalulwa kuso ukulwa impi; ubona labo abanesifo ezinhlizweni zabo bekubheka okumuntu oqulekayo esaba ukufa. Obekufanele kubo…"},{"id":21,"translation":"Ukuba balalele futhi basho amagama amukelekile. Uma udaba selunqunyiwe [lokuphaka impi], ukube baba neqiniso ku Allah, kwakuyoba yikona okungcono kubo."},{"id":22,"translation":"Ingabe emuva kokushaya indiva [imibiko yeKurani nezimfundiso zeSithunywa], nizokwenza ukunokala emhlabeni niqede nobuhlo bemindeni yenu na?"},{"id":23,"translation":"Labo, yibona kanye u Allah abaqalekisile, wabenza izimumu nezimpumputhe."},{"id":24,"translation":"Kungani bengajuli bayihlaziye iKurani kumbe kunezihluthulelo ezinhlizweni na?"},{"id":25,"translation":"Impela labo abafulathelayo badikile emuva kokuba iqiniso selibacacele, nguShayitani obayengayo nobalayelayo."},{"id":26,"translation":"Lokho, ngungenxa yokuthi bathi kulabo abazonda lokhu okwembulelwe ngu Allah: “Sizolalela kwezinye izinto”. Futhi u Allah uzazi kahle izimfihlo zabo."},{"id":27,"translation":"Kuyoba njani mhla izingelosi sezithatha imiphefumulo yabo, zibashaya ebusweni nasemihlane yabo."},{"id":28,"translation":"Lokho ngungenxa yokuthi balandela lokho okuthukuthelisa u Allah futhi bangakufuna ukumjabulisa, wase wenza izenzo ize."},{"id":29,"translation":"Ingabe laba abanesifo ezinhlizweni zabo bacabanga ukuthi u Allah akasoze azikhipha ukungcola kwabo[1] na?","footnotes":"[1] amagqubu, inzondo, ubutha, umona, njalonjalo, abanakho ngabakholwayo."},{"id":30,"translation":"Futhi uma sithanda besingakubonisa bona; futhi ubuyobazi ngezimpawu zabo nangendlela yenkulumo. Futhi u Allah uzazi kahle izenzo zabo."},{"id":31,"translation":"Futhi siyolokhu sinivivnya size sazi labo abazikhandlayo [empini] phakathi kwenu nalabo abababekezelayo futhi sizonivivinya nasezenzweni zenu."},{"id":32,"translation":"Impela labo abangakholwa abayizihibe endleleni ka Allah nabaphambana neSithunywa emuva kokuba iqiniso selibacacele, abasoze bamlimaza ngalutho u Allah futhi uyozisula izenzo zibe yize."},{"id":33,"translation":"Nina enikholwayo, lalelani u Allah nolalele neSithunywa ningachithi izenzo zenu."},{"id":34,"translation":"Impela labo abangakholwa nabayizihibe endleleni ka Allah bese befa besase ngabangakholwa, u Allah akasoze abathethelela."},{"id":35,"translation":"Ningapheli amandla bese nihlongoza ukubeka phansi izikhali kube kuyinina eningaphezulu kulapho no Allah unani futhi akasoze aniqila ngomvuzo wezenzo zenu."},{"id":36,"translation":"Impilo yasemhlabeni iwukudlala nokuchitha isikhathi. Uma nikholwa nithobele u Allah; uyoninika umvuzo wenu futhi akaniceli mcebo wenu."},{"id":37,"translation":"Uma enganicela wona aniphoqelele; niyongoqa bese eveza ukungcola kwenu."},{"id":38,"translation":"Yini futhi laba uma nibizwa ukuba nozonikela endleleni ka Allah, kunalabo phakathi kwenu abangongoqo. Futhi lowo ongungoqo uzincitsha yena uqobo. U Allah uzimele kepha nina niyichaka. Uma ninganendaba nigazihluphi uyobeka abanye abantu esikhundleni senu bese bengafani nani."}]},{"id":48,"verses":[{"id":1,"translation":"Impela sikunqobele ukunqoba okusobala."},{"id":2,"translation":"Ukuze u Allah akuthethelele izimpambuko zakho zaphambilini nezakusasa nokuthi aphelelelise izibusiso zaKhe kuwe aphinde akuholele endleleni eqondile."},{"id":3,"translation":"Nokuthi u Allah akusize ngosizo olunamandla."},{"id":4,"translation":"Nguyena lona owehlisela uzinzo ezinhlizweni zalabo abakholwayo ukuze bengeze ukholo phezu kokholo abanalo. Futhi u Allah unebutho lasemazulwini nasemhlabeni. Futhi impela u Allah ungoWaziyo Okhaliphile."},{"id":5,"translation":"Ukuze angenise abakholwayo besilisa nesifazane ezivandeni okugeleza imifula ngezansi kwazo, bayohlala kuzo unaphakade; futhi uyokwesula izimpambuko zabo. Futhi lokho ku Allah iyona mpumelelo enkulu."},{"id":6,"translation":"Nokuthi ajezise abazenzisi besilisa nabesifazane nabakhonzi bezithixo abesilisa nabesifazane, labo abanemindlizo emibi ngo Allah – ububi buzungeza bona – futhi u Allah ubathukuthelele wabaqalekisa waphinde wabalungiselela iJahanamu; saze sasibi isiphetho."},{"id":7,"translation":"Futhi u Allah unebutho lasemazulwini nasemhlabeni; futhi impela uAllah unguSomandla Okhaliphile."},{"id":8,"translation":"Impela sikuthumele ukuba ube ufakazi nomethuli wezindaba ezinhle nomexwayisi."},{"id":9,"translation":"Ukuze nikholelwe ku Allah neSithunywa saKhe niphinde nimsekele nimhloniphe futhi nimdumise ekuseni nantambama."},{"id":10,"translation":"Impela labo abenza isibopho sokwethembeka kuwe; empeleni benza isibopho sokwethembeka ku Allah, iSandla sika Allah siphezu kwezandla zabo. Lowo- ke oyesephula uziphulela yena uqobo. Kepha lowo oyogcina lokho azibophezele ngakho ku Allah, uyomnika umvuzo omkhulu."},{"id":11,"translation":"Labo abasalela emuva [bangaya empini] abasemaphandleni bayothi: “Sixinwe impahla yethu nemindeni yethu, ngakhoke sicelele intethelelo” – basho ngemilomo yabo lokho okungekho ezinhlizweni zabo. Yithi: “Ubani oyonisiza ku Allah uma efuna ukuba nehlelwe ubunzima noma nisizakale na?, empeleni u Allah unolwazi ngalokho enikwenzayo”."},{"id":12,"translation":"Empeleni benicabanga ukuthi iSithunywa nabakholwayo abasoze baphinde babuyele emindenini yabo futhi lokho kwazinza ezinhlizweni zenu naphinde naba nemindlizo emibi naba ngabantu abangenakho okuhle."},{"id":13,"translation":"Futhi lowo ongakholelwa ku Allah neSithunywa saKhe; impela thina silungiselele abangakholwa umlilo."},{"id":14,"translation":"Futhi umbuso wasemazulwini nasemhlabeni ungoka Allah. Uthethelela amthandayo aphinde ajezise amthandayo. Futhi u allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":15,"translation":"Uma seniya ukuthotha izimpango zempi, laba absalela emuva bayothi: “Siyekeni sinilandele”. Bafuna ukuguqula Amazwi ka Allah. Yithi: “Anisoze nasilandela, usho njalo u Allah ngaphambilini”. Bayothi: “Empeleni nisidlela umona”. Vele abaqondi lutho ngaphandle nje kokungatheni."},{"id":16,"translation":"Yithi kulabo abasalela emuva kwabasemaphandleni: “Maduze nje nizobizelwa kubantu abantu abalwa ngamandla ukuze nilwe nabo noma bazinikele [ngaphandle kwempi]. Uma nilalela, u Allah uyoninika umvuzo omuhle; kepha uma nibalela njengoba nabaleka phambilini, uzonijezisa ngesijeziso esibuhlungu”."},{"id":17,"translation":"Akunacala kulowo oyimpumputhe noyinquge nogulayo [uma besala bengayi empini]. Futhi lowo oyothobela u Allah neSithunywa saKhe, uzomngenisa ezivandeni okugeleza imifula ngezansi kwazo. Kepha lowo oyobaleka [ashaye indiva], uzomjezisa ngesijeziso esibuhlungu."},{"id":18,"translation":"U Allah wathokoza ngabakholwayo mhla benza isibopho sokuthembeka kuwe ngaphansi kwesihlahla. Futhi wakwazi lokho okusezinhlizweni zabo, wabe esebehlisela uzinzo futhi wabahlomulisa ngokunqoba [iMakha] okwasekuseduze."},{"id":19,"translation":"Nangezimpango zempi eziningi abazozishaqa. Futhi u Allah impela unguSomandla Okhaliphile."},{"id":20,"translation":"U Allah unithembise izimpango eziningi enizozishaqa; lezi unisheshisele zona futhi wanivikela ezandleni zabantu [ukuba banihlasela]; ukuze [lokho] kube isibonakaliso kwabakholwayo waphinde waniholela endleleni eqondile."},{"id":21,"translation":"Kunezinye eningakwazi ukuzithola, ngu Allah ozaziyo; futhi u Allah akahlula yilutho."},{"id":22,"translation":"Uma laba abangakholwa bengalwa nani, bayobaleka futhi ngeke bathole mhlengi noma umsizi."},{"id":23,"translation":"Lena inkambiso ka Allah kusukela kudala; futhi awusoze wathola ilalela lenkambiso ka Allah."},{"id":24,"translation":"Futhi nguYena owabanqanda wanqanda nani [kwangaqubuka impi] maphakathi kwase Makha emuva kokuba enenze nabanqoba; futhi u Allah uyakubona konke enikwenzayo."},{"id":25,"translation":"Yibona kanye abangakholwa nabaninqabela ukungena eMasijidi Haramu kulapho umhlatshelo ulindele ukufinyelela endaweni yawo. Ukube kwakungekho ngenxa yamadoda nabafazi abakholwayo eningabazi ebeningahle nibanyathele, bese ningena empambukweni nasehlazweni ningazi – [unenze nabanqoba] ukuze angenise amthandayo emseni waKhe – futhi ukube babehlukaniseka, u Allah wayezobajezisa labo abangakholwa phakathi kwabo ngesijeziso esibuhlungu."},{"id":26,"translation":"Mhla [u Allah] efaka inkani ezinhlizweni zalaba abangakholwa, inkani yobuwula; u Allah wabe esehlisela uzinzo kuSithunywa saKhe nakulabo abakholwayo futhi wabayalela ngamazwi okuthobela u Allah; futhi kwakuyibona okumele bawathole futhi ayefanele bona. Impela u Allah wazi zonke izinto."},{"id":27,"translation":"Impela u Allah walenza lafezeka ngeqiniso iphupho kuSithunywa saKhe. Nizongena eMasijidi Haramu – uma u Allah evuma – niphephile niphuce amakhanda noma niphungulile ningesabi lutho. Wazi lokhu nina eningakwazi, ngakhoke wahlela ukunqoba okuseduze ngaphambi kwalokho."},{"id":28,"translation":"NguYena lona owathumela iSithunywa saKhe nobuholi nenkolo yeqiniso ukuze ayidlondlobalise ngaphezu kwazo zoke izinkolo; futhi ungufakazi owenele."},{"id":29,"translation":"uMuhamadi isithunywa sika Allah. Futhi labo abanaye abanazwelo kulabo abangakholwa kepha banobele ngaphakathi. Ubabona bekhotheme bewe ngobuso phansi belangazelele umusa ovela ku Allah nenjabulo. Izimpawu zabo zisebusweni babo ngenxa yokuwa phansi ngobuso. Leyo indlela abachazwe ngayo kwiTora. Bese kuthi kwi Ininjili bachazwe njengesitshalo esikhipha ihlumela laso silisekele size siqine sime siqonde esiqwini saso, sithokozise abatshali ukuze athukuthelise abangakholwa ngabo. U Allah uthembise laba abakholwayo nabenza okulungileyo phakathi kwabo intethelelo nomvuzo omkhulu."}]},{"id":49,"verses":[{"id":1,"translation":"Nina enikholwayo, ningahambeli u Allah neSithunywa saKhe phambili, futhi nithobele u Allah; impela u Allah Ungozwayo Owaziyo."},{"id":2,"translation":"Nina enikholwayo ningaphakamisi amazwi ngaphezu kwezwi leSithunywa futhi ningakhulumeli phezulu lapho nikhuluma naso njengendlela abanye benu ababanga ngayo umsindo uma bekhuluma nabanye benu; funa izenzo zenu [ezinhle] zishabalale ningaboni."},{"id":3,"translation":"Impela labo abehlisa amazwi abo ngaphambi kweSithunywa sika Allah, yibona kanye labo u Allah ahlanze izinhliziyo zabo kwangena ukumthobela; bayothola intethelelo nomvuzo omkhulu."},{"id":4,"translation":"Impela labo abakumemeza bengale kwamagumbi, iningi labo aliphusile."},{"id":5,"translation":"Ukube babekezelile waze waphuma waya kubo, bekuyoba ngcono kubo lokho. Futhi u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":6,"translation":"Nina enikholwayo, uma isephula mthetho sethula kini udaba, kumele nilucubungule niluqinisekise, funa nihlasele abantu ngephutha bese niyazisola ngenikwenzile."},{"id":7,"translation":"Futhi yazini ukuthi phakathi kwenu kuneSithunywa sika Allah; ukube besinilalela ezintweni eziningi besiyongena empambukweni. Kepha u Allaha unenze nathanda ukholo futhi walenza luhle ezinhlizweni zenu futhi wanenza nakuzonda ukungakholwa nokuphula umthetho nokweyisa. Labo basendleni eqondile."},{"id":8,"translation":"Umusa ovela ku Allah nezibusiso; futhi u Allah Uyazi Ukhaliphile."},{"id":9,"translation":"Uma amaqembu amabili amaMusilimu elwa; walamuleni kube nokubuyisana phakathi kwawo. Uma elilodwa lawo lihlasela elinye, yilwani nalaleli elihlaselayo lize libuyele emthethweni ka Allah. Uma libuyela, walamuleni kube nokubuyisana phakathi kwawo ngobulungiswa. Futhi nibe nobulungiswa ngokuba u Allah uyabathanda abanobulungiswa."},{"id":10,"translation":"Impela abakholwayo bangabozalo; ngakhoke phathanani kahle nabozalo lwenu futhi nithobele u Allah ukuze nihawukelwe."},{"id":11,"translation":"Nina enikholwayo, amadoda mawangenzi amanye amadoda inhlekisa hleze angcono kunabo. Kanjalo nabafazi mabangenzi abanye abafazi inhlekisa hleze bangcono kunabo. Futhi ningagconani, ningabizani futhi ngamagama amabi; libi kabi igama elihlambalazayo emuva kokholo. Labo abangaphezi bazisole; yibona kanye abaphambukile."},{"id":12,"translation":"Nina enikholwayo, ziqhelisaneni kakhulu nemindlizo, impela eminye yemindlizo iyimpambuko. Ningahlolani futhi ningahlebani. Ingabe omunye wenu angathanda yini ukudla inyama yesidumbu somnewabo na? – nakanjani ngeke nikuthande – futhi thobelani u Allah; impela u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":13,"translation":"Nina sintu, impela sinidale ngowelisa oyedwa nowesimame oyedwa [uyihlo u Adamu nonyoko uHawa], sase sinenza izizwe nezizwana ukuze nazane. Impela okunguyena ohloniphekile ku Allah phakathi yilowo omthobela ukunidlula nonke. Impela u Allah Uyazi Unolwazi."},{"id":14,"translation":"Owasemaphandleni wathi: “Siyakholwa”. Yithi: “Anikakakholwa kodwa anibothi, ‘sizinikele’, ngokuba ukholo alukangeni ezinhlizweni zenu. Futhi uma nilalela u Allah neSithunywa saKhe, angeke nilahlekelwe lutho ezenzweni zenu [ezinhle nomvuzo wazo]. Impela u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":15,"translation":"Okuyibona impela abakholwayo, yilabo abakholelwa ku Allah neSithunywa saKhe bese bengabi nokungabaza. Baphinde bazikhandle [ngokulwa] endleleni ka Allah ngemicebo yabo nangabo ziqu zabo uqobo; labo yibona abaneqiniso."},{"id":16,"translation":"Yithi: “Ingabe nifunda u Allah ngenkolo yenu na? kulapho u Allah azi konke okusemazulwini nasemhlabeni. Futhi u Allah wazi ngayo yonke into”."},{"id":17,"translation":"Bakushwalela ngokuthi babe ngamaMusilimu. Yithi: “Ningangishabuleli mina ngeIsilamu yenu. Kepha ngu Allah onenzele umusa ngokuholela okholweni, uma ngempela nineqiniso."},{"id":18,"translation":"Impela u Allah wazi okungabonwayo emazulwini nasemhlabeni; futhi u Allah ukubona konke enikwenzayo."}]},{"id":50,"verses":[{"id":1,"translation":"Kaf. Ngifunga ngeKurani ehloniphekile."},{"id":2,"translation":"Empeleni bamangazwe ukuthi kufike kubo umexwayisi ongomunye wabo, bathi laba abangakholwa: “Lesi isimanga sento”."},{"id":3,"translation":"Ingabe uma sesifile saba inhlabathi [siyophinde sibuyele esimeni]; lokho ukubuya okusekudeni."},{"id":4,"translation":"Impela sikwaze kahle lokho umhlaba okucuyayo kubo; futhi sineNcwadi elondloziwe."},{"id":5,"translation":"Empeleni baphike iqiniso selifike kubo; baphithene."},{"id":6,"translation":"Abasiboni yini isibhakabhaka ngaphezu kwabo ukuthi sisakhe kanjani sasihlobisa futhi asinambobo."},{"id":7,"translation":"Nomhlaba siwundlalile safaka kuwo izikhonkwane [izintaba] futhi sakhiqiza kuwo yonke inhlobo enhle yesitshalo."},{"id":8,"translation":"Ukuze kube imvulamehlo nesikhumbuzo kuleso naleso sigqila esizithobayo."},{"id":9,"translation":"Futhi sehlise amanzi emvula abusisekile, sakhulisa ngawo izivande nezinhlamvu ezivunwayo[1].","footnotes":"[1] Njengombila, ukolo, amabele, njalonjalo."},{"id":10,"translation":"Nezihlahla zamasundu ezinde ezinezithelo eziyizixhobo."},{"id":11,"translation":"Ukuze kube yisondlo kuzigqila. Saphinde savuselela ngawo [amanzi] indawo efile. Futhi nokuvuswa [kwabafileyo] kuyobanjalo."},{"id":12,"translation":"Ngaphambi kwabo, isizwe sika Nuhu nabantu base Rasi [umthombo] nabakwa Tamudi zaphika."},{"id":13,"translation":"Kanjalo nabakwa Adi noFirawuni nabafowabo baka Luti."},{"id":14,"translation":"Nabantu bezivande [eMadiyana] nesizwe sika Tuba’. Bonke abazikholwanga iZithunywa, bafanelwa isijeziso."},{"id":15,"translation":"Ingabe sehluleka yini ukudala okokuqala na?; empeleni bona banongabazana mayela nokudalwa kabusha [ukuvukeni kwabafileyo]."},{"id":16,"translation":"Sadala umuntu futhi siyakwazi lokho izinkanuko zakhe ezimhlebela kona; phela siseduze kuye ukudlula umthambo wakhe."},{"id":17,"translation":"Lapho abaqophi ababili beqopha behleli ngakwesokunene nangakwesonxele."},{"id":18,"translation":"Noma iyiphi inkulumo ayishoyo kunengqapheli enaye kuyo yonke indawo."},{"id":19,"translation":"Bafika ubunzima bokufa ngeqiniso. Yilokho obuzama ukukubalekela."},{"id":20,"translation":"Kuyoshaywa uphondo, lolo kuyobe kuwusuku oluthenjisiwe."},{"id":21,"translation":"Wonke umuntu uzoza ehamba nomelusi nofakazi."},{"id":22,"translation":"Ubukade ungakulindele lokhu [usasemhlabeni]; isithiyo sakho sisisusile, ngakhoke namhlanje ukubona kwakho kubukhali."},{"id":23,"translation":"Ingqapheli yakhe [eqophayo] iyothi: “lokhu okukimi kumi ngomumu”."},{"id":24,"translation":"[Kuyothiwa kuzingelosi ezimbili]: “Jikijelani eJahanamu lowo nalowo ongakholwa onekhanda eliqinile”."},{"id":25,"translation":"Ovimbela okuhle umndlwembe ongabazayo."},{"id":26,"translation":"Lona obhangqe u Allah nesinye isikhonzwa. Mjikijeleni esijezisweni esinzima."},{"id":27,"translation":"Umngani wakhe [ongumdukisi] uyothi: “Nkosi yethu, akumina engimdukisile kepha nguyena vele obesekudukeni okujulile”."},{"id":28,"translation":"Uyothi [u Allah]: “Ningalokhu niphikisana la phambi kwaMi, kade nganithumela isexwayiso phambilini”."},{"id":29,"translation":"Isinqumo asiguquki kiMi futhi angisoze ngenza okungebulungiswa kusigqila."},{"id":30,"translation":"Ngosuku lapho siyothi kwi Jahanamu: “Ingabe usugcwele na?”. Iyothi: “Bakhona abaseza na?”."},{"id":31,"translation":"Futhi iJana iyosondezwa eduze kwalabo abathobela u Allah."},{"id":32,"translation":"Lokhu yikona okuthenjiswe kulowo nalowo ozilahlayo noqaphelayo [imiyalelo ka Allah]."},{"id":33,"translation":"Lowo osaba Onomusa engamboni futhi oyofika nenhliziyo ezisolayo."},{"id":34,"translation":"[Uyothi]: “Ngenani kuyo ngokuthula”. Lolo usuku lwaphakade."},{"id":35,"translation":"Bayothola abakuthandayo kuyo futhi sinokunye okungaphezulu."},{"id":36,"translation":"Ziningi izizwe esazibhubhisa ngaphambi kwabo ezazinamandla ukudlula bona, balizulazula izwe; ingabe ukhona owaphunyuka na?"},{"id":37,"translation":"Impela kulokho kunesikhumbuzo kulowo onenhliziyo eqondayo nolalelisayo futhi onakayo."},{"id":38,"translation":"Futhi sadala amazulu nomhlaba nokumaphakathi kwakho ezinsukwini eziyisithupha futhi asizange sikhathale[1].","footnotes":"[1] Kunenkoleloze ethi u Allah wakathala emva kokudala indalo, wase eqoka usuku ololodwa lokuphumula. Lokhu akulona iqiniso, empeleni umbhedo. Uma ngempela u Allah waphumula, ngubanike owayephethe izintabo nowayelawu indalo yonke na? Ingabe u Allah unephini nosekela na? Phinde!"},{"id":39,"translation":"Ngakhoke kubekezelele lokho abakushoyo; ubabaze udumo lweNkosi yakho ngaphambi kokuphuma kwelanga nangaphambi kokuba lishone."},{"id":40,"translation":"Nasebusuku, idumise nasemuva kokukhothama [ukwenza iswala]."},{"id":41,"translation":"Futhi lalela ngosuku lapho ummemezi eyomemeza endaweni eseduzane."},{"id":42,"translation":"Ngosuku lapho beyozwa umsindo [wophondo] ngeqiniso. Lolo usuku lokhuphuma [emathuneni]."},{"id":43,"translation":"Impela Thina siletha ukuphila siphinde sikuthathe futhi isiphetho sikithi."},{"id":44,"translation":"Ngosuku lapho umhlaba uyoqhekeka ubavulekele baphume beshesha; lokho ukubuthanisa okulula kithi."},{"id":45,"translation":"Thina sikwazi kahle abakushoyo, futhi wena awuphoqi muntu kubo; ngakhoke khumbuza ngeKurani lowo osaba isexwayiso saMi."}]},{"id":51,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngemimoya esusa uthuli."},{"id":2,"translation":"Nangamafu athwala [amanzi] asindayo."},{"id":3,"translation":"Nangemikhumbi ehamba kalula [olwandle]."},{"id":4,"translation":"Nangezingelosi ezaba imiyalelo [ka Allah]."},{"id":5,"translation":"Nakanjani lokhu enethenjiswe kona kuyiqiniso."},{"id":6,"translation":"Futhi [uSuku] lokwahlulela nakanjani kuzokwenzeka."},{"id":7,"translation":"Ngifunga ngesibhakabhaka esidalwe ngobuciko."},{"id":8,"translation":"Impela nina ninemibono ephikisanayo [ngeKurani]."},{"id":9,"translation":"Uyodukiswa kuyo [iKurani] loyo oyodukiswa."},{"id":10,"translation":"Baqalekisiwe labo abaqamba amanga."},{"id":11,"translation":"Labo abanhlanhlatha benganandaba ekudukeni."},{"id":12,"translation":"Babuza ukuthi lunini uSuku lokwahlulela."},{"id":13,"translation":"Usuku lapho bona beyojeziswa ngomlilo."},{"id":14,"translation":"[kuthiwe]: “Zwanini isijeziso senu, yikho lokhu ebenikujahile”."},{"id":15,"translation":"Impela abathobela u Allah bayongena ezivandeni nasemithonjeni."},{"id":16,"translation":"Bayothatha lokho iNkosi yabo ebapha kona. Impela bona ngaphambi kwalokho babenza okuhle."},{"id":17,"translation":"Babelala kancane ebusuku."},{"id":18,"translation":"Futhi ezintathakusa babecela intethelelo."},{"id":19,"translation":"Futhi nasemicebeni yabo kwakunesabelo socelayo nongaceli."},{"id":20,"translation":"Futhi nasemhlabeni kunezibonakaliso kulabo abanesiqiniseko."},{"id":21,"translation":"Nakini uqobo, ingabe aniboni na?"},{"id":22,"translation":"Naphezulu kunesondlo senu nalokho enithenjiswe kona."},{"id":23,"translation":"Ngiyifunge iNkosi yezulu nomhlaba, impela iyiqiniso [iKurani] njengoba nani nikwazi ukukhuluma."},{"id":24,"translation":"Ifikile kuwe yini indaba yezivakashi zika Ibhirahimu ezihloniphekile."},{"id":25,"translation":"Mhla zingena kuye, zathi, “ukuthula”. Wathi: “Ukuthula [kini] bantu abangaziwa."},{"id":26,"translation":"Waya emndenini wakhe wabuya nethole elinonile [elosiwe]."},{"id":27,"translation":"Walisondeza kubo, wathi: “Anidli na?”"},{"id":28,"translation":"Waqala ukubesaba. Zathi: “Cha, ungesabi”, bamhalalisela ngomfana onolwazi."},{"id":29,"translation":"Umkakhe weza ememeza wazishaya ubuso wathi: “Isalukazi esiyinyumba?”"},{"id":30,"translation":"Zathi: “isho kanjalo iNkosi yakho, impela Yona Ikhaliphile Inolwazi”."},{"id":31,"translation":"Wathi [u Ibhirahimu]: “Luthini udaba lwenu zithunywa na?”"},{"id":32,"translation":"Zathi: “Sithunyelwe kubantu abayiziphula mthetho”."},{"id":33,"translation":"Ukuze sithumele kubo amatshe obumba."},{"id":34,"translation":"Abekiselwe izephula mthetho eNkosini yakho."},{"id":35,"translation":"Sabakhipha bonke abakholwayo kuyo."},{"id":36,"translation":"Futhi asithongala ndlu yamaMusilimu ngaphandle kweyodwa vo."},{"id":37,"translation":"Sashiya futhi kuyo isibonakaliso kulabo abasaba isijeziso esibuhlungu."},{"id":38,"translation":"Naku Musa [kunezifundo] mhla simthumela kuFirawuni nobufakazi obucacile."},{"id":39,"translation":"Wakushaya indiva nebutho lakhe wathi: “Ungumlumbi noma uwuhlanya]."},{"id":40,"translation":"Samjezisa yena Kanye nebutho lakhe, sabantshingela emanzini egxekwa."},{"id":41,"translation":"Nakwa Adi, mhla sibathumelela ngomoya ongenasibusiso."},{"id":42,"translation":"Yonke into owayifica wayenza yaba ngathi kade yabuna yoma."},{"id":43,"translation":"Nakwa Tamudi, mhla kuthiwa kubo: “Nethezekani okwesikhashana”."},{"id":44,"translation":"Kepha baphula umthetho weNkosi yabo, base behlaselwa umsindo [wembubhiso] bebhekile."},{"id":45,"translation":"Abakwazanga ukusukuma futhi abakwazanga ukuzisiza."},{"id":46,"translation":"Futhi [sabhubhisa] isizwe sikaNuhu ngaphambilini; impela babengabantu abaphula umthetho."},{"id":47,"translation":"Futhi isibhakabhaka sisidale ngamandla futhi siyakwazi ukusinweba."},{"id":48,"translation":"Nomhlaba siwendlalile; buye singabandlali abanekhono."},{"id":49,"translation":"Futhi yonke into siyidale yaba ngakubili ukuze nilalele."},{"id":50,"translation":"Balekani nibuyele ku Allah; impela mina ngingumexwayisi ocacisayo kini ovela kuYe."},{"id":51,"translation":"Futhi ningabhangqi esinye isikhonzwa no Allah; impela mina ngingumexwayisi ocacisayo kini ovela kuYe."},{"id":52,"translation":"Njalo nje uma iSithunywa sifika kulabo abangaphambilini kwabo, babevele bathi: “Ungumlumbi noma uwuhlanya”."},{"id":53,"translation":"Ingabe bayelulekana ngakho na? Empeleni bangabantu abangamahlongandlebe."},{"id":54,"translation":"Bayeke kanje, angeke usolwe."},{"id":55,"translation":"Futhi khumbuza, ngokuba ukukhumbuza kuyabasiza abakholwayo."},{"id":56,"translation":"Futhi angiwadalelanga lutho amajini kanye nabantu ngaphandle kokuthi bakhonze Mina kuphela."},{"id":57,"translation":"Angifuni sondlo kubo futhi angifuni ukuthi bangondle."},{"id":58,"translation":"Impela u Allah nguYena uMondli onamandla Ongenakunyakaziswa."},{"id":59,"translation":"Impela labo abaphambukile banezimpambuko ezifana nezozakwabo [basendulo], ngakhoke mabangajahi."},{"id":60,"translation":"Imbubhiso kulabo abangakholwa ngosuku lolu abathenjiswe lona."}]},{"id":52,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngentaba iTuri."},{"id":2,"translation":"NangeNcwadi elotshiwe [iKurani]."},{"id":3,"translation":"Emakhasini asatshalalisiswe."},{"id":4,"translation":"NangeNdlu ehlala iphithizela[1].","footnotes":"[1] Njengoba kuneKabha lapha emhlabeni; kendlu okuthiwa iBayitiMa’amuru esezulwini, okuhlale kuphithizela kuyo izingelosi ngaso sonke isikhathi zidumisa u Allah."},{"id":5,"translation":"Nangophahla oluphakeme [isibhakabhaka]."},{"id":6,"translation":"Nangolwandle oluphuphumayo [amanzi]."},{"id":7,"translation":"Impela isijeziso esivela eNkosini yakho siyofika."},{"id":8,"translation":"Akekho oyosivimba."},{"id":9,"translation":"Ngosuku lapho isibhakabhaka siyonyakaza."},{"id":10,"translation":"Nezintaba ziyohamba."},{"id":11,"translation":"Imbubhiso kulabo abaphikayo ngalolo suku."},{"id":12,"translation":"Labo abagxile kumbhedo belibe ukuntela."},{"id":13,"translation":"Ngosuku lapho bayodudulelwa kanzima emlilweni waseJahanamu."},{"id":14,"translation":"[Kuyothiwa kubo]: “Yiwona ke lomlilo ebeniwuphika”."},{"id":15,"translation":"Ingabe ilumbo leli kumbe anisaboni kahle na?"},{"id":16,"translation":"Ngenani kuwo; bekezelani noma ningabekezeli kuyefana kini, ngokuba niyothola umvuzo walokho ebenikwenza."},{"id":17,"translation":"Impela laba abathobela u Allah bayongena ezivandeni nentokomalo."},{"id":18,"translation":"Bayozitika ngalokho iNkosi yabo abaphe kona, futhi iNkosi yabo iyobahlenga esijezisweni somlilo."},{"id":19,"translation":"[Kuyothiwa kubo]: “Dlanini niphuze ngokunethezeka ngenxa yalokho ebenikwenza”."},{"id":20,"translation":"Bayoqhiyama bahlale emibhedeni ebhekene futhi siyobashadisa namaHuru-Ayini[1].","footnotes":"[1] Leli uhlobo lwabantu besimame abayotholakala eJana kuphela, abayiziphalaphala zoqobo."},{"id":21,"translation":"Futhi labo abakholwayo balandelwa uzalo lwabo kukholo, siyobahlanganisa nozalo lwabo futhi angeke sinciphise lutho kuzenzo zabo. Wonke umuntu uyothwala imisebenzi yakhe."},{"id":22,"translation":"Futhi siyobahlinzeka ngezithelo nenyama abayithandayo."},{"id":23,"translation":"Bayophuzisana kuzo [izivande] izinkamba zotshwala ezingenambhedo noma impambuko [obungadakani]."},{"id":24,"translation":"Bayosetshenzelwa abafana babo abafana nobuhlalu obumhlophe obufihlihliwe."},{"id":25,"translation":"Ababnye bayoya kwabanye bebuzana."},{"id":26,"translation":"Bathi: “Impela phambilini ngenkathi sinemindeni yethu besisaba [isijeziso]”"},{"id":27,"translation":"Kepha u Allah wasibusisa, wasihlenga esijezisweni sokushisa."},{"id":28,"translation":"Impela besikhuleka kuYe phambilini; impela Yena Unesihle Unesihawu."},{"id":29,"translation":"Yeluleka ngokuba wena [Muhamadi] ngesibusiso seNkosi yakho awusiso isanusi noma ihlanya."},{"id":30,"translation":"Ingabe bathi: “Uyimbongi, silindele ukuba afe”."},{"id":31,"translation":"Yithi: “Lindani; impela nami ngilindile kanye nani”."},{"id":32,"translation":"Ingabe izingqondo zabo lezi ezibayalela ngalokhu na? Kumbe bangabantu abangamahlongandlebe."},{"id":33,"translation":"Kumbe bathi: “Uziqambele yona [iKurani]”; empeleni abakholwa."},{"id":34,"translation":"Mabalethe inkulumo efana nayo uma ngempela beqinisile."},{"id":35,"translation":"Kumbe badalwa ngeze noma yibona uqobo abadali na?"},{"id":36,"translation":"Kumbe badale amazulu nomhlaba na? empeleni abanasiqiniseko."},{"id":37,"translation":"Kumbe banemicebo yeNkosi yakho noma yibona abaphethe na?"},{"id":38,"translation":"Kumbe banesikhwelo [esifika ezulwini] abalalela ngaso na? Lowo olalelayo kubo makalethe ubufakazi obucacile."},{"id":39,"translation":"Kumbe Yena [uAllah] unamadodakazi kepha nina ninamadodana na?."},{"id":40,"translation":"Kumbe ubacela umvuzo, ngenxa yalokho kunzima ukuba bakhokhe."},{"id":41,"translation":"Kumbe banolwazi lokungabonwa, abalulobayo na?"},{"id":42,"translation":"Kumbe bafuna ukwakha itulo; phela kulabo abangakholwa isikhuni sibuya nomkhwezeli."},{"id":43,"translation":"Kumbe banomunye abamkhonzayo ngaphandle kuka Allah na? Ungcwele u Allah kunalokho abakubhangqayo."},{"id":44,"translation":"Futhi uma bengabona izingcezu ziwa esibhakabhakeni bayovele bathi: “Amafu alakanyene”."},{"id":45,"translation":"Bayeke kanje baze bafike kulolu suku lapho beyobhijiswa khona."},{"id":46,"translation":"Ngosuku lapho itulo labo lingeke labasiza ngalutho futhi abayikusizwa muntu."},{"id":47,"translation":"Futhi labo abaphambukile bayothola esinye isijeziso ngaphambi kwaleso, kepha iningi labo alazi."},{"id":48,"translation":"Bekezelela isinqumo seNkosi yakho ngokuba wena sikuqaphile ngaMehlo eThu. Futhi ubabaze udumo lweNkosi yakho lapho usukuma [wenza iswala]."},{"id":49,"translation":"Nasebusuku, umdumise, nalapho kushabalala izinkanyezi [entathakusa]."}]},{"id":53,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngenkanyezi lapho ishabalala."},{"id":2,"translation":"Umlingani wenu [uMuhamadi] akadukanga futhi akaphambukanga."},{"id":3,"translation":"Futhi akakhulumi okuvela kuzinkanunko."},{"id":4,"translation":"Kuyisambulelo esambulelwayo."},{"id":5,"translation":"Ufundiswe yilowo onamandla [uJibhirili]."},{"id":6,"translation":"Omuhle, owaphakamela phezulu."},{"id":7,"translation":"Esempelamehlo ephakeme."},{"id":8,"translation":"Wabe esondozela eduze."},{"id":9,"translation":"Waba ibanga eliyiminsalo emibili noma okothe ukuba seduze."},{"id":10,"translation":"Wabe [u Allah] esambulela esigqileni saKhe lokho okwambulela."},{"id":11,"translation":"Futhi inhliziyo ayiqambanga manga ngalokho ekubonile."},{"id":12,"translation":"Ingabe niyamphikisa ngalokho akubona na?"},{"id":13,"translation":"Waphinde wambona kwenye indawo futhi."},{"id":14,"translation":"Esihlahleni iSidirati sasemphelandaba."},{"id":15,"translation":"Ngakuso kuneJana yokukhosela."},{"id":16,"translation":"Imboza lokhu ekumbozayo iSidirati [ngobubanzi nobukhulu bayo]."},{"id":17,"translation":"Iso alizange liphazame noma liphambuke."},{"id":18,"translation":"Impela wabona izibonakaliso ezinkulu zeNkosi yakhe."},{"id":19,"translation":"Niyababona oLati no Uza."},{"id":20,"translation":"NoManati naye ongomunye wesithathu."},{"id":21,"translation":"Ingabe nina ninamadodana kepha Yena [u Allah] unamadodakazi na?"},{"id":22,"translation":"Impela leso isabelo esingenabulungiswa."},{"id":23,"translation":"Empeleni lana ngamagama eniziqambele wona nina nokhokho benu, akukho bufakazi bawo u Allah abembulele. Bamane balandela imidlinzo nalokho okukhanukwa imiphefumulo. Futhi kade kwafika kubo ukuholwa okuvela eNkosini yabo."},{"id":24,"translation":"Kumbe umuntu uthola lokho akulangezelelayo na?"},{"id":25,"translation":"Isiqalo nesiphetho ngesika Allah."},{"id":26,"translation":"Futhi ziningi izingelosi ezisemazulwini ukushweleza kwazo okungeke kwasiza ngalutho ngaphandle uma u Allah evumela owo amthandayo nathokoza ngaye."},{"id":27,"translation":"Impela laba abangakholelwa kwelizayo babiza izingelosi ngamagama esifazane."},{"id":28,"translation":"Futhi abanalwazi ngawo, ngaphandle nje kokuthi balendala imidlinzo; futhi imidlinzo ayisizi ngalutho uma kufika eqinisweni."},{"id":29,"translation":"Myeke kanjalo lowo ofulathela isikhumbuzo seThu futhi olangezelela impilo yasemhlabeni kuphela."},{"id":30,"translation":"Yilapho ulwazi lwabo luphelela khona. Impela iNkosi yakho iYona eyazi kahle ngalowo odukayo endleleni yaKhe nolowo ohelelekayo."},{"id":31,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokuka Allah; ukuze anike labo abenze okubi umvuzo wabo ngabakwenzile futhi nalabo abenze okuhle ngokuhle."},{"id":32,"translation":"Labo abagwema izimpambuko ezinkulu namanyala ngaphandle ke kwamaphutha. Impela iNkosi yakho inentethelelo eyinala. Wazi kahle ngani kusuka lapho enidala emhlabeni nalapho ningamahlwili eziswini zonyoko. Ngakhoke ningazenzi ngcono; nguYena omazi kahle lowo omthobelayo."},{"id":33,"translation":"Uyambona lowo obalekayo na?"},{"id":34,"translation":"Owaphana kancane wase eyeka."},{"id":35,"translation":"Ingabe unolwazi lokungabonwa, wase ekwazi ukubona [ikusasa]."},{"id":36,"translation":"Ingabe akaziswanga ngalokho okusemiqulwini kaMusa na?."},{"id":37,"translation":"No Ibhirahimu, lona owagcina akuyalelwe."},{"id":38,"translation":"Ukuthi akekho oyothwala umthwalo womunye."},{"id":39,"translation":"Nokuthi umuntu uyothola lokho akusebenzele."},{"id":40,"translation":"Nokuthi imisebenzi yakhe iyobonakala."},{"id":41,"translation":"Bese ethola umvuzo ogcwele ngayo."},{"id":42,"translation":"Nokuthi isiphetho siseNkosini yakho."},{"id":43,"translation":"Nokuthi nguYena oletha injabulo nosizi."},{"id":44,"translation":"Nokuthi nguYena oletha ukufa nempilo."},{"id":45,"translation":"Nokuthi nguYena owadala amabhangqa, isilisa nesifazane."},{"id":46,"translation":"Ngesidoda lapho siphuma."},{"id":47,"translation":"Nokuthi nguYena oyodala okwesibili [ngesikhathi sokuvuswa]."},{"id":48,"translation":"Nokuthi nguYena oletha ubunjinga nobumpofu."},{"id":49,"translation":"Nokuthi nguYena iNkosi yenkanyezi[1].","footnotes":"[1] Enye yezinkanyezi ezazikhonzwa ngaphandle kuka Allah endulo. Njengoba nanamhlanje kusaseyinjwayelo ukuthola abantu abanezinkolelo thizeni ngezinkanyezi ezithize. U Allah nguYena uMnikazi nomlawuli wazo, ngakhoke nguYena okumele akhonzwe."},{"id":50,"translation":"Nokuthi nguYena owabhubhisa isizwe sakwa Adi sasendulo."},{"id":51,"translation":"Nesakwa Tamudi, washashiya lutho [oluphilayo]."},{"id":52,"translation":"Nesizwe sikaNuhu phambilini; impela babephambukile bengamahlongandlebe."},{"id":53,"translation":"Nemizi eyagobondelwa wayiwisa."},{"id":54,"translation":"Wayimboza ngalokho ayimboza ngakho."},{"id":55,"translation":"Yiziphike izibusiso zeNkosi yakho ozoziphika na?"},{"id":56,"translation":"Lona ngumexwayisi njengalabo baphambilini."},{"id":57,"translation":"Sekasondele umsondeli [uSuku lokwahlulela]."},{"id":58,"translation":"Akhekho oyoluletha ngaphandle kuka Allah."},{"id":59,"translation":"Ingabe nimangazwa yilenkulumo na?"},{"id":60,"translation":"Futhi niyahleka anikhali?"},{"id":61,"translation":"Futhi ninganendaba."},{"id":62,"translation":"Ngakhoke, khothamelani u Allah niwe ngobuso nimkhonze."}]},{"id":54,"verses":[{"id":1,"translation":"iSikhathi [sokwahlulela] sesisondele nenyanga seyiqhekekile."},{"id":2,"translation":"Uma bebona isibonakaliso, bayafulathela bathi: “Ilumbo eliyoshabalala”."},{"id":3,"translation":"Bayaphika baphinde balandele izinkanuko zabo. Futhi yonke into [enhle nembi] iyokwenzeka."},{"id":4,"translation":"Futhi lufikile kubo ulwazi obeluqukethe isexwayiso."},{"id":5,"translation":"Iwubuhlakani obunzulu; kepha izixwayiso azisizanga ngalutho."},{"id":6,"translation":"Bashiye kanjalo; [kuze kube] usuku lapho isimemezi simemela entweni embi."},{"id":7,"translation":"Ubuso babo buyobe budangele; bayophuma emathuneni njengesikhonyane esisabalele."},{"id":8,"translation":"Besheshisa beya kusimemezi. Labo abangakholwa bayothi: “Lolu usuku olunzima”."},{"id":9,"translation":"Ngaphambi kwabo isizwe sikaNuhu saphika, saphikisa isigqila seThu sathi: “Uhlanya”, basatshiswa."},{"id":10,"translation":"Wakhuleka eNkosini yakhe, [wathi]: “Ngihluliwe, lekelela”."},{"id":11,"translation":"Savula iminyango yezulu ngamanzi agelezayo."},{"id":12,"translation":"Saqhekeza imithombo emhlabeni, amanzi [angaphansi naphezulu] ahlanganela kumyalelo onqunyiwe."},{"id":13,"translation":"Samgibeza entweni eyakhiwe ngezingqembe zokhuni nezikhonkwane [umkhumbi]."},{"id":14,"translation":"Uhamba phambi kwaMehlo eThu njengomvuzo kulabo abangakholwa."},{"id":15,"translation":"Futhi sawushiya waba isifundo; ingabe ukhona ozothatha isifundo na?"},{"id":16,"translation":"Besinjanike isijeziso sesixwayiso saMi na?"},{"id":17,"translation":"Futhi impela senze iKurani yaba lula; ingabe ukhona oyothatha isifundo na?"},{"id":18,"translation":"Isizwe sakwa Adi baphika [iqiniso]; saba njani ke isijeziso nesixwayiso saMi na?"},{"id":19,"translation":"Impela sathumela kubo umoya oyisivunguvungu obandayo osukwini olubi oluyindeyinde."},{"id":20,"translation":"Wawunyomula abantu okwezihlahla zamasundu eziwile."},{"id":21,"translation":"Saba njani isijeziso nesixwayiso sami na?"},{"id":22,"translation":"Futhi impela senze iKurani yaba lula; ingebe ukhona oyothatha isifundo na?"},{"id":23,"translation":"Isizwe sakwa Tamudi saphika izexwayiso."},{"id":24,"translation":"Sathi: “Silandele umuntu wakithi oyedwa na? Impela siyobe sesidukile futhi sesihlanya”."},{"id":25,"translation":"Wembulelwa kanjani isikhumbuzo phakathi kwethu; impela ungumqambi manga ozigqajayo."},{"id":26,"translation":"Bayokwazi kusasa [kwelizayo] ukuthi ngubani umqambo manga ozigqajayo."},{"id":27,"translation":"Impela sizothumela ikameli njengisivivinyo kubo; ngakhoke babheke nje futhi ubekezele."},{"id":28,"translation":"Futhi bazise ukuthi amanzi ayokwabela phakathi kwabo; kuphuza kudedelwana."},{"id":29,"translation":"Kepha babiza uzakwabo, walibamba waligenca [ikameli]."},{"id":30,"translation":"Saba njani isijeziso nesixwayiso sami na?"},{"id":31,"translation":"Sathumela kubo umsindo owodwa, boma njengemihlanga ebiyela isibaya."},{"id":32,"translation":"Futhi impela senze iKurani yaba lula; ingabe ukhona oyothatha isifundo na?"},{"id":33,"translation":"Isizwe sika Luti saphika izexwayiso."},{"id":34,"translation":"Sathumela kubo imvula yamatshe ngaphandle komndeni kaLuti; sabahlenga entathakusa."},{"id":35,"translation":"Njengesibusiso esivela kithi; phela sibahlomulisa kanjalo ababongayo."},{"id":36,"translation":"Futhi wabaxwayisa ngesijeziso seThu kepha baziphika izexwayiso."},{"id":37,"translation":"Futhi bazama ukuzo yenza amanyala kuzivakashi zakhe; senza amehlo angabona, [kwathiwa kubo]: “Zwanini isijeziso nesixwayiso saMi”."},{"id":38,"translation":"Isijeziso esingapheli sabahlasela entathakusa."},{"id":39,"translation":"Zwanini isijeziso nesixwayiso saMi."},{"id":40,"translation":"Futhi impela senze iKurani yaba lula; ingebe ukhona oyothatha isifundo na?"},{"id":41,"translation":"Futhi izixwayiso zafika kubantu bakaFirawuni."},{"id":42,"translation":"Baziphika zonke izibonakaliso zeThu; sabajezisa isijeziso songuSomandla Onamandla."},{"id":43,"translation":"Ingabe laba abangakholwa benu bangcono yini kunalabo kumbe ninesiqiseko sokuphepha esilotshwe eZincwadini zaphambilini na?"},{"id":44,"translation":"Kumbe bathi: “Sibaningi siyonqoba”."},{"id":45,"translation":"Lizonqotshwa iningi libaleke."},{"id":46,"translation":"Empeleni iSikhathi [sokwahlulelwa] yisona ababekelwe sona futhi iSikhathi sinzima kakhulu futhi sibuhlungu kakhulu."},{"id":47,"translation":"Impela izephula mthetho zidukile futhi ziyongena emlilweni."},{"id":48,"translation":"Ngosuku lapho beyohudulelwa emlilweni ngobuso babo, [kuthiwe]: “Zwanini ubunzima womlilo”."},{"id":49,"translation":"Futhi yonke into siyidale seyinqunyelwe."},{"id":50,"translation":"Futhi umyalelo weThu uwodwa vo, njengophazima kweso."},{"id":51,"translation":"Futhi sababhubhisa abafana nani; ingabe ukhona ozothatha isifundo."},{"id":52,"translation":"Yonke into abayenzile ilotshiwe eZincwadini zaphambilini."},{"id":53,"translation":"Futhi yonke into encane nenkulu [abayenzayo] iqoshiwe."},{"id":54,"translation":"Impela laba abathobela u Allah bayongena ezivandeni nasemifuleni."},{"id":55,"translation":"Esigungwini seqiniso eNkosini Enamandla."}]},{"id":55,"verses":[{"id":1,"translation":"Onomusa."},{"id":2,"translation":"Ufundise iKurani."},{"id":3,"translation":"Wadala umuntu."},{"id":4,"translation":"Wamfundisa ukukhuluma."},{"id":5,"translation":"Ilanga nenyanga zihamba ngokubaliwe."},{"id":6,"translation":"Futhi inkanyezi nesihlahla kuyakhothama kuwe ngobuso."},{"id":7,"translation":"Futhi isibhakabhaka wasiphakamisa wabeka ubulungiswa."},{"id":8,"translation":"Ukuze ningaqilani esikalini."},{"id":9,"translation":"Kalani isisindo ngobulungiswa ningaqili isikali."},{"id":10,"translation":"Futhi umhlaba uwundlalele indalo."},{"id":11,"translation":"Kuwo kunezithelo namasundu anezikhwama."},{"id":12,"translation":"Nezinhlamvu ezinamakhasi nezitshalo ezinamakhazi amnandi."},{"id":13,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":14,"translation":"Udale umuntu ngebumba olomile okwezitsha zobumba."},{"id":15,"translation":"Wadala ijini ngelangabi elingenantuthu lomlilo."},{"id":16,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":17,"translation":"iNkosi yezimpumalanga ezimbili neNkosi yezintshonalanga ezimbili[1].","footnotes":"[1] Yasebusika neyasehlobo."},{"id":18,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":19,"translation":"Uhlanganisa izilwandle ezimbili zahlangana."},{"id":20,"translation":"Phakathi kwazo kunesithezo azixubani."},{"id":21,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":22,"translation":"Kuphuma kuzo ubuhlalu obumhlophe obukhulu nobuncane."},{"id":23,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":24,"translation":"Futhi eyaKhe imikhumbi emikhulu esolwandle njengezintaba."},{"id":25,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":26,"translation":"Konke okukuwo [umhlaba] kuyoshabalala."},{"id":27,"translation":"Kusale Ubuso beNkosi yakho Ehloniphekile nengancishani."},{"id":28,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":29,"translation":"Bonke abasemazulwini nasemhlabeni bayamcela [izidingo zabo]; nsuku zonke uhlezi kunakwenzayo."},{"id":30,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":31,"translation":"Sizonibekela esenu isikhathi [sokunihlulela] nina bantu namajini."},{"id":32,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":33,"translation":"Ninamajini nani sintu, uma nikwazi ukuphuma ngemincele yamazulu nomhlaba, phumani; kepha angeke naphuma ngaphandle kwemvume."},{"id":34,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":35,"translation":"Kuyothunyelwa kini bantu namajini amalangabi omlilo nethusi [elincibilisiwe] futhi angeke nikhone ukuzisiza."},{"id":36,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":37,"translation":"Mhla isibhakabhaka siqhekeka, siyoba bomvu okwamafutha[1].","footnotes":"[1] Namhlanje isibhakabhaka sihlaza. Kepha ngosuku lokwahlulela umbala waso uyoguquka futhi sincibikale okwamafutha ngenxa yokushisa komlilo."},{"id":38,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":39,"translation":"Ngalolosuku umuntu nejini abayikubuzwa ngezimpambuko zabo."},{"id":40,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":41,"translation":"Izephula mthetho ziyobonakala ngezimpawu zabo; bese begxavulwa ngamabunzi nangezinyawo."},{"id":42,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":43,"translation":"Iyona lena iJahanamu eyayiphikwa iziphula mthetho."},{"id":44,"translation":"Bazolokhu bezungeza phakathi kwayo nesiphuzo esishisayo."},{"id":45,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":46,"translation":"Futhi lowo osaba iNkosi yakhe uyothola izivande ezimbili."},{"id":47,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":48,"translation":"Ezinamagatsha amaningi."},{"id":49,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":50,"translation":"Kuzo kunemithombo emibili egelezayo."},{"id":51,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":52,"translation":"Kuzo, kunamabhanqa azo zonke izinhlobo zezithelo."},{"id":53,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":54,"translation":"Bayoqhiyama emibhedeni emboze ngesilika; nezithelo zezivande ziseduze."},{"id":55,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":56,"translation":"Kuzo kunezintombi ezikhophozayo, ezingakaze zithintwe muntu noma ijini ngaphambi kwabo."},{"id":57,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":58,"translation":"Ngathi zingamatshe ayigugu nobuhlalu obumhlophe."},{"id":59,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":60,"translation":"Ingabe ukhona yini omunye umvuzo wokuhle ngaphandle kokuhle."},{"id":61,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":62,"translation":"Futhi ngezansi kwazo kunezinye izivande ezimbili."},{"id":63,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":64,"translation":"Amnyama bhuqe [ngenxa yobuhlaza bezihlahla]."},{"id":65,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":66,"translation":"Kuzo kunemithombo emibili egobhoza ngokunganqamuki."},{"id":67,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":68,"translation":"Kuzo kunezithelo namasundu namahanadi."},{"id":69,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":70,"translation":"Kuzo kunezintombi eziyiziphalaphala."},{"id":71,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":72,"translation":"Zingama Huri ezingaphumi emtendeni."},{"id":73,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":74,"translation":"Azikaze zithintwe muntu noma ijini ngaphambi kwabo."},{"id":75,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":76,"translation":"Bayoqhiyama emiqamelweni eluhlaza nemibhede emihle."},{"id":77,"translation":"Ingabe-ke yizona ziphi izibusiso zeNkosi yenu [nina bantu namajini] enizoziphika na?"},{"id":78,"translation":"Lingcwele iGama leNkosi yakho Ehloniphekile engancishani."}]},{"id":56,"verses":[{"id":1,"translation":"Mhla kwehla isehlakalo."},{"id":2,"translation":"Akekho oyophika ukwehlakala kwaso."},{"id":3,"translation":"Siyohlazisa [abaphambukile] siphakamise [abathobela u Allah]."},{"id":4,"translation":"Lapho umhlaba uyozanyazanyiswa kanzima."},{"id":5,"translation":"Nezintaba zisakazwe izicucu."},{"id":6,"translation":"Zibe ngathi uthuli olusabalele."},{"id":7,"translation":"Futhi niyoba amaqembu amathathu."},{"id":8,"translation":"Kunalabo abangakwesokunene; yeka abangakwesokunene!"},{"id":9,"translation":"Futhi kunalabo abangakwesokunxele; yeka abangakwesokunxele!"},{"id":10,"translation":"Futhi nalabo abahamba phambili [ezintweni ezinhle] bayohamba phambili."},{"id":11,"translation":"Labo bayosondezwa eduze [ku Allah]."},{"id":12,"translation":"Ezivandeni zentokomalo."},{"id":13,"translation":"[Kuyongena] iqulu kulabo abasekuqaleni."},{"id":14,"translation":"Nedlanzana kulabo abeze mumva."},{"id":15,"translation":"Emibhedeni ehlotshiswe ngegolide."},{"id":16,"translation":"Bayoqhiyama kuyo babhekane."},{"id":17,"translation":"Bayosetshenzelwa ngabafana abaphila unaphakade."},{"id":18,"translation":"Bebalethela izinkamba namabikili nezinkomishi zewayini egelezayo."},{"id":19,"translation":"Ayiphathisani ngekhanda futhi ayidakani."},{"id":20,"translation":"Nezithelo abazikhethelayo."},{"id":21,"translation":"Nenyama yezinyoni abayilangazelelayo."},{"id":22,"translation":"Nama Huri-Ayini [izintombi zaseJana]."},{"id":23,"translation":"Afana nobuhlalu obumhlophe obufihliwe."},{"id":24,"translation":"Kuwumvuzo walokho ababekwenza."},{"id":25,"translation":"Abayikuzwa kuzo [izivande] umbhedo noma izimpambuko."},{"id":26,"translation":"Ngaphandle nje kokuthi, “ukuthula, ukuthula”."},{"id":27,"translation":"Futhi abangakwesokunene; yeka abangakwesokunene!"},{"id":28,"translation":"Bayohlala phansi kwezihlahla ezingenameva."},{"id":29,"translation":"Nezikabhanana ezinezixhobo."},{"id":30,"translation":"Nomthunzi obanzi."},{"id":31,"translation":"Namanzi aphophomayo."},{"id":32,"translation":"Nezithelo ezingi."},{"id":33,"translation":"Ezingapheli futhi ezinganqatshelwe."},{"id":34,"translation":"Nemibhede ephakeme."},{"id":35,"translation":"Impela sizidale sizisusa phansi [izintombi zaseJana]."},{"id":36,"translation":"Sazenza izintombi nto."},{"id":37,"translation":"Ziyathandeka zingontanga."},{"id":38,"translation":"Sizidalele abangakwesokunene."},{"id":39,"translation":"Kuyongena kulabo abasekuqaleni."},{"id":40,"translation":"Nequlu kulabo abakamumva."},{"id":41,"translation":"Futhi abangakwesokunxele; yeka [usizi] labangakwesokunxele!"},{"id":42,"translation":"Bayongena emoyeni oshisayo nasemanzini abilayo."},{"id":43,"translation":"Nomthunzi oshisanayo."},{"id":44,"translation":"Awupholile futhi awumuhle."},{"id":45,"translation":"Impela ngaphambi kwalokho babephila kamnandi."},{"id":46,"translation":"Futhi babephikelela ukwenza impambuko enkulu [ukubhangqa uAllah]."},{"id":47,"translation":"Futhi babethi: “Kuyothi lapho sesifile saba inhlabathi namathambo, siphinde sivuswe na?”"},{"id":48,"translation":"Ngisho nokhokho bethu imbala?"},{"id":49,"translation":"Yithi: “Abasendulo nabasekugcineni…”"},{"id":50,"translation":"Bayobuthaniswa bonke ngesikhathi sosuku olubekiwe."},{"id":51,"translation":"Bese nina enidukile eniphikayo…"},{"id":52,"translation":"Niyodla esihlahleni sameva [izakumi]."},{"id":53,"translation":"Niyogcwalisa izisu ngaso."},{"id":54,"translation":"Bese nehlisa ngamanzi abilayo."},{"id":55,"translation":"Niyophuzisa okwekameli elonyiwe."},{"id":56,"translation":"Iyona lena indawo yabo ngosuku lokwahlulela."},{"id":57,"translation":"Thina sinidalile, ake nikholwe."},{"id":58,"translation":"Niyasibona isidoda enisikhiqizayo na?"},{"id":59,"translation":"Ingabe yinina enisidalayo kumbe yithina abadalile na?"},{"id":60,"translation":"Yithina esibeke ukufa phakathi kwenu futhi angeka sahluleka."},{"id":61,"translation":"Ukuniguqula sinenze lokho eningakwazi."},{"id":62,"translation":"Futhi niyakwazi ukudalwa kokuqala; pho kungani ningathathi isifundo na?"},{"id":63,"translation":"Ake nibheke lokhu enikutshalayo."},{"id":64,"translation":"Ingabe yinina enihlumisayo kumbe yithina abahlumisi na?"},{"id":65,"translation":"Uma sithanda besingakwenza kome, nisale nimangele."},{"id":66,"translation":"Nithi: “Impela sijezisiwe”."},{"id":67,"translation":"Empeleni asiphiwanga."},{"id":68,"translation":"Ake nibheke lamanzi eniwaphuzayo."},{"id":69,"translation":"Ingabe yinina yini eniwehlisayo emafini kumbe yithina abehlisayo na?"},{"id":70,"translation":"Uma sithanda besingawenza ababe; ngakhoke ake nibonge."},{"id":71,"translation":"Ake nibheke umlilo lona eniwubasayo."},{"id":72,"translation":"Ingabe yinina enidale isihlahla sawo kumbe yithina abadalile na?"},{"id":73,"translation":"Thina siwenze waba yisikhumbuzo nensiza kuzihambi."},{"id":74,"translation":"Ngakhoke, dumisa ngeGama leNkosi yakho Enkulu."},{"id":75,"translation":"Ngifunga ngemizila yezinkanyezi."},{"id":76,"translation":"Impela isifungo esikhulu ukube niyazi."},{"id":77,"translation":"Impela iyiKurani ehloniphekile."},{"id":78,"translation":"Elotshwe eNcwadini evikelwe [Uqwembe olulondoloziwe]."},{"id":79,"translation":"Engathintwa muntu ngaphandle kwalabo abahlanzekile [izingelosi]."},{"id":80,"translation":"Yembulelwe ivela eNkosini yendalo yonke."},{"id":81,"translation":"Ingabe niphika lamazwi [iKurani] na?"},{"id":82,"translation":"Futhi nazabela ukuthi niphike."},{"id":83,"translation":"Uma [umphefumulo] usufika emphinjeni…"},{"id":84,"translation":"Kulapho nina nibhekile."},{"id":85,"translation":"Futhi Thina siseduze kwakhe [umufi] ukudlula nina, kepha aniboni."},{"id":86,"translation":"Uma ngempela ningezukwahlulela…"},{"id":87,"translation":"Wubuyiseleni emuva [umphefumulo] uma ngempela niqinisile."},{"id":88,"translation":"Uma [umufi] engowalabo abasondeziwe [ku Allah];"},{"id":89,"translation":"Uyothola ukuphumula nokunethezeka nezivande zentokomalo."},{"id":90,"translation":"Uma engowaba ngakwesokunene…"},{"id":91,"translation":"Ukuthula kuwe kuvela kwaba ngakwesokunene."},{"id":92,"translation":"Uma engowalabo abaphikayo abadukile;"},{"id":93,"translation":"Uyohlala emanzini abilayo."},{"id":94,"translation":"Futhi angene emlilweni."},{"id":95,"translation":"Impela lokhu yiqiniso elingenakuphikiswa."},{"id":96,"translation":"Ngakhoke, dumisa ngeGama leNkosi yakho Enkulu."}]},{"id":57,"verses":[{"id":1,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kudumisa u Allah; futhi unguSomandla Okhaliphile."},{"id":2,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kungokwaKhe. Uletha ukuphila nokufa; futhi akehlulwa yilutho."},{"id":3,"translation":"Nguyena Owokuqala nowoGcina noNgaphezulu noNgaphakathi. Futhi wazi yonke into."},{"id":4,"translation":"NguYena lona owadala amazulu nomhlaba ezinsukwini eziyisithupha wabe esenyukela kuSihlalo. Wazi okungena emhlabeni nokuphuma kuwo nalokho okwehla phezulu nokunyukela khona. Futhi unani noma ningaba kuphi; u Allah uyakubona enikwenzayo."},{"id":5,"translation":"Ubukhosi basemazulwini nasemhlabeni bungobaKhe. Futhi zonke izinto ziyobuyela ku Allah."},{"id":6,"translation":"Ufaka ubusuku emini, afake imini ebusuku; futhi ukwazi kahle okuqukethwe yizinhliziyo."},{"id":7,"translation":"Kholelwani ku Allah neSithunywa saKhe futhi niphane ngalokho aniphe kona emuva kwabanye; ngokuba labo abakholwayo phakathi kwenu baphinde baphane, bayothola umvuzo omkhulu."},{"id":8,"translation":"Kungani ningakholelwa ku Allah na?, sibe iSithunywa sinimela ekutheni nikholelwe eNkosini yenu futhi yenza isibophezelo nani, uma nikholwa."},{"id":9,"translation":"NguYena lona owembulele esigqileni saKhe imibiko ecacile ukuze anikhiphe embumnyameni anise ekukhanyeni. Impela u Allah Unobubele Unesihawu ngani."},{"id":10,"translation":"Futhi kungani ninganikeli endleleni ka Allah na?; futhi amazulu nomhlaba kuyosala ku Allah. Abefani labo kini abanikela ngaphambi ngokunqoba [eMakha] baphinda balwa [empini]. Labo banezigaba eziphakeme kunalabo abanikela emuva kokunqoba baphinde balwa. kepha bonke u Allah ubathembise okuhle [iJana]. Futhi u Allah unolwazi ngakho konke enikwenzayo."},{"id":11,"translation":"Ngubani ongaboleka u Allah imboleko enhle na?. Uzomuphindaphindela yona aphinde athole umvuzo omuhle."},{"id":12,"translation":"Ngosuku lapho uyobona abakholwayo besilisa nabesimame, ukukhanya kwabo kuhamba ngaphambi kwabo nangakwesokunene kwabo. [Kuthiwe kubo]: “Siyanihalalisela namhlanje, ngezivande okugeleza ezansi kwazo imifula, niyohlala kuzo unaphakade; leyo iyona impumelelo enkulu."},{"id":13,"translation":"Ngosuku lapho abazenzisi besilisa nesifazane bayothi kulabo abakholwayo: “Simeleni, nathi sizothekela ekukhanyeni kwenu”. Kuyothiwa kubo: “Buyelani emuva [emhlabeni], niyofuna khona ukukhanya”. Kuyomiswa umthangala phakathi kwabo onomnyango; ngaphakathi unomusa kepha ngaphandle, nangaphambili kwawo ubukeka unesijeziso."},{"id":14,"translation":"Bayobabiza: “Ingani besisonke”. Bayothi: “Kunjalo, kepha nina nazifaka obishini, nalokhu nilindele ninokungabaza nadukiswa izifiso kwaze kwafika umyalelo ka Allah nomdukisi wanidukisa”."},{"id":15,"translation":"Namhlanje akukho nhlawulo eyothathwa kini noma laba abangakholwa. Indawo yenu isemlilweni, yiwona oyoningamela; saze sasibi isiphetho."},{"id":16,"translation":"Ingabe asikafiki yini isikhathi kulabo abakholwayo ukuba izinhliziyo zabo zithobele inkumbulo ka Allah nalokho okuyiqiniso elembulelwe futhi bangabi njengalabo abanikwa iMibhalo ngaphambilini; saba side isikhathi kubo zaze zabalukhuni futhi iningi labo liyizephula mthetho."},{"id":17,"translation":"Yazini ukuthi u Allah uvuselela umhlaba emuva kokufa kwawo. Impela sinicacisele imibiko ukuze niqonde."},{"id":18,"translation":"Impela labo abesilisa nabesimame abakholelwa ngokweqiniso baphinde baboleke u Allah imboleko enhle, bayophindaphindelwa futhi bayothola umvuzo omuhle."},{"id":19,"translation":"Futhi nalabo abakholelwa ku Allah neZithunywa zaKhe, yibona kanye abakholwa ngokweqiniso. Futhi nalabo abawe empini bayothola umvuzo wabo nokukhanya kwabo eNkosini yabo. Kuthi labo abangakholwa nabaphika imibiko yeThu; yibona kanye abayongena emlilweni."},{"id":20,"translation":"Yazini ukuthi impilo yasemhlabeni iwukudlala nokuchitha isikhathi nokubukeka kahle nokuqhoshelana phakathi kwenu nokuba nomcebo nezingane eziningi. Njengemvula ozitshalo zazo zimangaza abangakholwa, bese ziyabuna uzibone zezomile ziphuzi bese ziba yimvithi. Futhi kwelizayo kunesijeziso esinzima nentethelelo evela kuAllah nenjabulo. Futhi impilo yasemhlabeni iyinto yokudukisana."},{"id":21,"translation":"Ncintisanani ukuthola intethelelo evela eNkosini yenu nokuya eJana ububanzi bayo obungangobubanzi besibhakabhaka nomhlaba, ilungiselelwe labo abakholelwa ku Allah neSithunywa saKhe. Lowo umusa ka Allah, uwunika amthandayo. Futhi u Allah unomusa omkhulu."},{"id":22,"translation":"Wonke umshophi owenzekayo emhlabeni noma kini uqobo, usuke ulotshiwe eNcwadini ngaphambi kokuba siwudale. Impela lokho kulula ku Allah."},{"id":23,"translation":"Ukuze ningakhathazeki ngalokho okunilahlekele futhi ningazindondonyi ngalokho enikuphiwe. Futhi u Allah akamthandi wonke umuntu oziqhayisayo ozigqajayo."},{"id":24,"translation":"Labo abancintshanayo baphinde bayalele abantu ngokuncintshana. Lowo ofulathelayo ashaye indiva; impela u Allah Uzimele Uyadunyiswa."},{"id":25,"translation":"Sathumela iZithunywa Zethu nemibiko futhi sabembulela iNcwadi nobulungiswa ukuze abantu babe nobulungiswa. Futhi sehlisa insimbi enamandla eqinile nezinsiza kubantu. Nokuthi u Allah azi lowo omesekelayo Yena neZithunywa Zakhe ngasese. Impela u Allah Unamandla unguSomandla."},{"id":26,"translation":"Futhi sathumela uNuhu no Ibhirahimu senza kwaba nobuthunywa neZincwadi kuzalo lwabo; kunalabo ababa sendleleni eqondile, kepha baningi kubo abayizephula mthetho."},{"id":27,"translation":"Sabe sesilandelisa ezinyathelweni zabo ngeZithunywa Zethu, salandelanisa ngo Isa indodana ka Mariyamu, samnika I Ininjili futhi senza kwaba nesihawu nomusa ezinhlizweni zalabo ababemlandela. Ubuzindela bazisungulela bona ngokwabo befuna ukujabulisa u Allah, asizange sibanqumele bona, kepha abazange babunakekele ngendlela efanele. Sanika labo abakholwayo kubo umvuzo wabo, kepha iningi labo liyiziphula mthetho."},{"id":28,"translation":"Nina enikholwayo, thobelani u Allah nikholwe nakuSithunywa saKhe; uzoninika okuphindwe kabili emseni waKhe aphinde anenzele ukuba nibe nokukhanya enizohamba kukho futhi anithethelele; belu u Allah Ungumthetheleli Onesihawu."},{"id":29,"translation":"Ukuze abeMibhalo ukuthi abayikuthola lutho emseni ka Allah; nokuthi umusa useZandleni zika Allah uwunika amthandayo, futhi u Allah unomusa omkhulu."}]},{"id":58,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngempela u Allah uyizwile inkulumo yalowo obebalisa ngomyeni wakhe kuwe [Muhamadi] futhi ekhala ku Allah, belu u Allah uyayizwa inkulumo yenu nobabili. Ngokuba u Allah uzwa futhi ubona konke."},{"id":2,"translation":"Labo abaphimisa iDihari[1] kubafazi babo – abasibona onina babo; onina babo yilabo ababazala kuphela. Empeleni bakhuluma ichilo [ngokufanisa umkakhe nonina] na-manga. Kepha u Allah unesihe uyathethelela.","footnotes":"[1] Ukuthi indoda ithi kumkayo: “Wena ufana nomhlane kamama wami” okusho ukuthi, angeke aye naye ocansini njengoba engekwenze lokho nonina."},{"id":3,"translation":"Futhi labo abaphimisa iDihari kubafazi babo, kepha bazisole ngalokho abakushilo; [inhlawulo yabo] kumele bakhulule isigqila esisodwa ngaphambi kokuba bathintane. Yikho lokhu eniyalelwe kona. Futhi u Allah ukwazi konke enikwenzayo."},{"id":4,"translation":"Kepha lowo ongenaso [isigqila] kumele azile izinyanga ezimbili ezilandelanayo ngaphambi kokuba bathintane. Kepha uma engakhoni makondle amahlwempu abangamashumi ayisi-thupha. Lokhu ukuze nikholwe ku Allah neSithu-nywa Sakhe. Leyo imincele ka Allah, kanti abangakholwa bayothola isijeziso esibuhlungu."},{"id":5,"translation":"Ngempela labo abaphambana no Allah neSithunywa Sakhe bayohlaziswa njengalabo ababandulelayo bahlaziswa. Belu sambulela imibhalo ecacile. Futhi labo abangakholwa bayothola isijeziso esihlazayo."},{"id":6,"translation":"Ngosuku lapho u Allah ayobabuthanisa bonke abazise ngezenzo zabo [emhlabeni]. Bheka ngoba u Allah uziqophile kepha bona bazikhohlwa, ngokuba u Allah uziqaphile zonke izinto."},{"id":7,"translation":"Awuboni ukuthi u Allah wazi konke okusemazulwini nasemhlabeni na. Lapho abathathu bekhuluma ngasese, Yena ungowesine, uma bebahlanu, yena ungowesithupha, futhi noma bengaba bancane kunalokho noma bendlulele, uhlala enabo noma bengaba kuphi. Kuthi ngoSuku loKwahlulelwa abazise ngabakwenzile. Ngokuba u Allah wazi konke."},{"id":8,"translation":"Awubheke laba abayalelwa ukuba bangabi nezigungu zangasese, kepha bona baphikelela ukwenza lokhu abanqatshelwe kona, ngokuba nezigungu zangasese bedingida impambuko, nokuphula umthetho kanye nokweyisa iSithunywa. Belu uma befika kuwe bakubingelela[1] ngendlela u Allah angakubingeleli ngayo, kuthi lapho bebodwa bathi: “Kungani u Allah angasijezisi ngesikushoyo na?” IJahanamu abayobhadla kuyo iyobenela, okuyindawo embi impela.","footnotes":"[1] Indlela ebekwe u Allah yokubingelela, ethi: “Salam Alayikum” okusho ukuthi ‘ukuthula makube kuni’, kunalokho, abangakholwa bebembingelela ngeyabo indlela enokweyisa, bethi: “Sam Alayika” okusho ukuthi ‘ukufa makube kuwe!’."},{"id":9,"translation":"Nina enikholwayo! Uma ninezigungu zangasese, ningadingidi impambuko, nokuphula umthetho kanye nokweyisa iSithunywa; kepha dingidani ngokulunga nokugcina imiyalelo, futhi nithobele u Allah Lona eniyobuthaniswa Kuye."},{"id":10,"translation":"Empeleni lezigungu zangasese zivela ku Shayitani ukuze akhathaze labo abakholwayo. Kepha akasoze abalimaze ngalutho ngaphandle kwemvumo ka Allah, ngakho- ke labo abakholwayo kufanele bathembele ku Allah."},{"id":11,"translation":"Nina enikholwayo! Uma niyalelwa ukuthi; ‘vulani isikhala’ uma nihlezi, anibosivula, funa u Allah anivulele nani. Futhi uma niyalelwa ukuthi: ‘sukumani’ anibosukuma; u Allah uyobaphakamisa labo abakholwayo kini nalabo abaphiwe ulwazi izigaba ngezigaba."},{"id":12,"translation":"Nina enikholwayo! Uma nifuna ukukhuluma neSithunywa ngasese, nikelani ngotho ngaphambi kokuba nixoxe. Lokho kuyinto engcono nenhle kini. Kepha uma ningenalutho, u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":13,"translation":"Ingabe beninqena ukunikela ngotho ngaphambi kwengxoxo yenu na? Uma nehlulekile no Allah wanithethelela, qikelelanike ukwenza iSwala nikhiphe neZaka futhi nithobele u Allah neSithunywa Sakhe. Belu ukuqaphe konke enikwenzayo."},{"id":14,"translation":"Awubabonanga na, labo abazibandakanya nalabo abathukuthelelwe ngu Allah; abekho ngakini futhi abekho ngakubo, baphinde bafunge ngamanga ngamabomu."},{"id":15,"translation":"U Allah ubalungisele isijeziso esinzima; ngempela kubi lokhu abakwenzayo."},{"id":16,"translation":"Basebenzisa izifungo zabo [zamanga] njengesihlangu, baba yizivimba endleleni ka Allah, kanti bayothola isijeziso esihlazayo."},{"id":17,"translation":"Kepha ingcebo yabo nozalo lwabo, akusoze kwabasiza ngalutho ku Allah. Yibo kanye labo abayobhadla emlilweni, bahlale kuwo unaphakade."},{"id":18,"translation":"Ngosuku lapho u Allah uyobabuthanisa khona bonke, bayophinda bafunge naKuye njengoba bafunga nakini, belu bacabanga ukuthi banotho; empeleni bangabaqambi manga."},{"id":19,"translation":"Baphicwe uShayitani bakhohlwa intando ka Allah; laboke iqembu lika Shayitani, bheka ngoba iqembu lika Shayitani aliphumeleli."},{"id":20,"translation":"Labo abaphambana no Allah neSithunywa Sakhe, yibo kanye labo abasehlazweni."},{"id":21,"translation":"Ngokuba u Allah wanquma ukuthi: “Yimina neZithunywa Zami esiyonqoba”, u Allah Unamandla unguSomandla."},{"id":22,"translation":"Awusoze wathola abantu abakholwa ku Allah noSuku lokuGcina bethakasela labo abaphambana no Allah neSithunywa Sakhe, noma bengaba abazali babo noma izingane zabo noma abafowabo noma imindeni yabo. Laboke u Allah uzinzise ukholo ezinhlizweni zabo futhi wabaqinisa ngeRuhu evela Kuye. Kantike uyobabeka ezivandeni okugeleza ezansi kwazo imifula, bayohlala kuzo unaphakade. U Allah uyothokoza ngabo kanti nabo bayothokoza ngaYe. Yiboke labo abayibutho lika Allah, belu ibutho lika Allah yilona eliyophumelela."}]},{"id":59,"verses":[{"id":1,"translation":"Konke okusemazulwini nokusemhlabeni kudumisa u Allah, unguSomandla onoBuhlakani."},{"id":2,"translation":"Nguye owakhipha labo abangakholwa kwabeMibhalo[1] emizini yabo okokuqala ngqa; naningacabangi ukuthi bayoke baphume, nabo babecabanga ukuthi izinqaba zabo ziyobavikela ku Allah, kepha u Allah wagasela lapho ababengalindele[2] khona. Wafaka uvalo ezinhlizweni zabo; babhidliza izindlu zabo ngezandla zabo nangezandla zabakholwayo; ngakhoke thathani isifundo nina enikhaliphile.","footnotes":"[1] Lawa kwakungaMajuda isizwana sakwa Nadwiri esasidlondlobele impela ngokwengcebo nezakhiwo. Baphula isivumelwano ababenaso nabaMusilimu aseMadina, basebenzisa nezitha. Baba yisizwe sokuqala ukuxoshwa ezweni lama Arabhu ezizwaneni zaMajuda ezafika kwelama Arabhu zizokhosela.\n[2] Babengalindelanga ukuthi u Allah uzoyalela iSithunywa Sakhe ukuba sigalele kubo nebutho lempi sibaxoshe."},{"id":3,"translation":"Uma nje bekungesikho ukuthi u Allah wabanqumela ukuba baxoshwe, wayezobajezisa lapha emhlabeni nakweLizayo bathole isijeziso soMlilo."},{"id":4,"translation":"Lokho yingoba baphambane no Allah neSithunywa Sakhe; kanti kulowo ophambana no Allah, ngempela u Allah ujezisana kanzima."},{"id":5,"translation":"Lezo zihlahla zamasundu enazigawula noma naziyeka zimile ngeziqu zazo, kuyintando ka Allah nokuthi ahlazise labo abayiziphula mthetho."},{"id":6,"translation":"Lokho okwabo u Allah akunika iSithunywa Sakhe, anizange nigibele mahhashi noma amakameli, kepha u Allah opha iZithunywa Zakhe amandla phezu kwalowo afunayo; u Allah unamandla phezu kwezinto zonke."},{"id":7,"translation":"Lokho kwabantu bezigodi u Allah akunika iSithunywa Sakhe, kungokuka Allah neSithunywa nezihlobo nezintandane nabampofu nezihambi, ukuze ingazungezi kulabo abacebile kuphela; futhi lokho iSithunywa esininika kona kuthatheni kuthi lokho aninqabela kona nizithibe, nithobele u Allah ngokuba u Allah ujezisana kanzima."},{"id":8,"translation":"Nabantulayo kubafuduki laba abakhishwa emizini yabo nengcebo yabo belangazelele umusa ka Allah nokumthokozisa futhi bezimisele ukulekelela u Allah neSithunywa Sakhe. Yiboke labo abaneqiniso."},{"id":9,"translation":"Labo ababe sebengaphambi kwabo bakhile futhi bathatha nokholo, bayabathanda labo abafudukela kubo futhi abanawo umona ezinhlizweni zabo ngalokho abanakho. Futhi bayazikhandla ekunaneleni abanye nakuba bengenakho okutheni. Kantike lowo ohlengwe emoneni womphefumulo wakhe, ngempela, ungophumeleleyo."},{"id":10,"translation":"Kanti laba ababelamayo, bathi: “Nkosi yethu sithethelele thina kanye nabaFowethu abasandulelayo ngokholo futhi ungafaki inzondo ezinhlizweni zethu kulabo abakholwayo; Nkosi yethu, ngempela ungOnobubele Onesihawu."},{"id":11,"translation":"Awubabonanga yini laba abangamaphixiphixi lapho bekhuluma nabanewabo beMibhalo abangakholwa, bethi: “Uma nixoshwa, siyakuphuma nani, futhi asiyukulalela muntu ngani sanhlobo; uma nilwiswa, siyakunilekelela”. U Allah Uyazi ukuthi bahubha aluhlaza amanga."},{"id":12,"translation":"Uma bexoshwa abayikuphuma nabo, uma belwiswa abayikubasiza; uma kwenzeka bebasiza izithende ziyoshaya esiphundu ngakhoke abayikusizwa."},{"id":13,"translation":"Empeleni nina enikholwayo, niyesabeka kubo ukwendlula u Allah uqobo; lokho yingoba bangabantu abangaqondi."},{"id":14,"translation":"Abasoze balwa nani beyibutho, ngaphandle uma besezinqabeni noma bebhace ngezindonga. Uhilizwisano phakathi kwabo lukhulu. Ungacabanga ukuthi babumbene kepha izinhliziyo zabo zahlukene; lokho yingoba bengabantu abangaphusile."},{"id":15,"translation":"Befana nalabo ababandulelayo kungekudala; bawuthola umvuzo wezenzo zabo futhi bamelwe isijeziso esibuhlungu."},{"id":16,"translation":"Befana noShayitani lapho ethi kumuntu: “Phika ukholo” kuthi eseluphikile athi: “Mina angihlangene nawe, mina ngizesabela u Allah iNkosi yezizwe zonke”."},{"id":17,"translation":"Isijeziso sabo kwaba ukuba bangene eMlilweni babhadle kuwo unaphakade. Yisoke leso isijeziso sabaphambukayo."},{"id":18,"translation":"Nina enikholwayo! Thobelani u Allah, umuntu nomuntu abheke ukuthi ulilungiseleleni iKusasa; nithobele u Allah, ngokuba u Allah uyakwazi enikwenzayo."},{"id":19,"translation":"Futhi ningabi njengalaba abakhohlwa u Allah, ngalokho, wabenza bazikhohlwa nabo uqobo. Yibona labo abayizamphula mthetho."},{"id":20,"translation":"Abafani laba abayongena eMlilweni nalabo abayongena eJana; labo abayongena eJana yibona abaphumelele."},{"id":21,"translation":"Ukube nje Sehlisela le Kurani echobeni lentaba, wawuyoyibona ithamba iqhekeka ngenxa yokwesaba u Allah. Lezo izibonelo esizethula kuSintu ukuze bajule [bacabangisise]."},{"id":22,"translation":"Unguyena u Allah lo okungekho okufanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwaKhe, Isazi sokungabonwa nokubonwayo, nguYena Onomusa Onesihawu."},{"id":23,"translation":"Unguyena u Allah lo okungekho okufanelwe ukukhonzwa ngaphandle kwaKhe, nguYena OyiNkosi Ongcwele Onokuthula OnguMhlengi Oqaphile uSomandla Oyingqungqulu Ophakeme; makangcweliswe u Allah kulokho abakubhangqayo."},{"id":24,"translation":"Nguyena u Allah, uMdali uMsunguli uMbumbi; unaMagama aMahle, konke okusemaZulwini naseMhlabeni kuyamdumisa; unguSomandla Okhaliphile."}]},{"id":60,"verses":[{"id":1,"translation":"Nina enikholwayo! Ningenzi isitha Sami nesitha senu abangani nibakhombise ukubakhathalela; bheka ngoba baliphikile iqiniso elifike kini, baxosha iSithunywa kanye nani uqobo, ngenxa yokuba nikholwe ku Allah iNkosi yenu. Uma niphume impi endleni Yami futhi nihlose ukuzuza intokomalo yami, nibapha izimfihlo nibakhathalele, nakuba Ngazi konke enikwenza ngasese nenikwenza obala. Lowo owenza lokho kini, ngempela usephambukile endleleni eqondile."},{"id":2,"translation":"Uma bona benithola bayoba izitha zenu bagadle ngokubi ngezandla zabo nemilomo yabo; futhi bafisa ukuba nibe abaphika ukholo."},{"id":3,"translation":"Ubuhlobo benu nozalo lwenu aliyikunisiza ngalutho; ngoSuku loKwahlulela Uyokwahlulela phakathi kwenu, ngokuba u Allah Ungobona konke enikwenzayo."},{"id":4,"translation":"Empeleni ninesibonelo esihle ku Ibhirahimu kanye nalabo ayenabo mhla bethi kubantu bakubo: “Thina asizibandakanyi nani kanye nalokho enikukhonzayo ngaphandle kuka Allah; asikholwa kini; ubutha nenzondo bumile phakathi kwethu nani kuze kube nikholwa ku Allah Yena Yedwa – ngaphandle kwamazwi ka Ibhirahimu lapho ethi kuyise: ‘ngizokucelela intethelelo futhi ayikho into engingakwenzela yona ku Allah’ -; Nkosi yethu sethembele Kuwe futhi sizilahla Kuwe kanti neSiphetho siKuwe…”"},{"id":5,"translation":"“Nkosi yethu ungasenzi isisulu salabo abangakholwa, usithethelele Nkosi yethu, ngokuba Wena unguSomandla Okhaliphile."},{"id":6,"translation":"Ngempela ninesibonelo esihle kubo, kulowo okholwa ku Allah nasoSukwini lokuGcina. Kanti lowo ophambukayo, u Allah Uzimele Uyadunyiswa."},{"id":7,"translation":"Maduzane nje u Allah uzokwenza kube nokuzwana[1] phakathi kwenu nalabo enibazondayo. Bheka ngoba u Allah Unamandla futhi u Allah Uyathethelela Unesihawu.","footnotes":"[1] Ngokuba babe ngamaMuslimu baphenduke abafowenu nodadewenu okholweni."},{"id":8,"translation":"U Allah akanivimbi ukuba nibaphathe kahle futhi nenze ubulungiswa kulabo abanganilwisi ngenkolo yenu futhi bengezange banixoshe emizini yenu; ngokuba u Allah uyabathanda abenzi bobulungiswa."},{"id":9,"translation":"U Allah univimbela kuphela ukuba nizibandakanye nalabo abaniliswa ngenkolo yenu futhi banixoshe emizini yenu baphinde balekelelane ekunixosheni. Labo abazibandakanya nabo, yibonake abaphambukile."},{"id":10,"translation":"Nina enikholwayo! Uma kufika kini abakholwayo besimame bengabafuduki, bavivinyeni; u Allah kuphela owazi ngesimo sokholo lwabo. Uma seniqinisekisile ukuthi bangabakholwayo, ningabe nisababuyisela kubangakholwa, ngokuba bona [abakholwayo besimame] abavumelekile ukushada nabo kanti nabo [abangakholwa] abavumelekile ukushada nabo. Alikho icala uma nifuna ukubashada, uma nje senibanike amalobolo abo. Futhi ningagcini abangakholwa [besimame] emshadweni; nicele lokho enakukhipha, nabo [abangakholwa] bacele lokho abakukhipha. Lowo umthetho[1] ka Allah wehlulela phakathi kwenu; u Allah Wazi konke Ukhaliphile.","footnotes":"[1] Lomthetho uthi; uma owesimame eshiya indoda yakhe embukele kwabangakholwa, indoda kumele ibuyiselwe ilobolo layo. Kanjalo uma owesimame eba iMusilimu ashiye indoda yakhe engelona iMusilimu, indoda kumele ibuyiselwe ilobolo layo."},{"id":11,"translation":"Uma abafazi benu benishiya bebuyele kwabangakholwa; bese nihlabana empini, nikani labo abahanjelwe abafazi babo okulingana nalokho abakukhipha[1]; nizithobe ku Allah, lo enikholwa Kuye.","footnotes":"[1] Uma indoda eyiMusilimu yembukelwa umfazi wayo kubangakholwa, kepha behluleke ukumbuyisela ilobolo lakhe. Uyobe usekhokhelwa ngemcebo amaMusilimu ahlabene ngawo empini."},{"id":12,"translation":"Sithunywa! Uma kufika kuwe abesimame abakholwayo bezofunga ukuba abasoze babhanqa lutho no Allah noma bebe noma baphinge noma babulale izingane zabo noma baqambe amanga ngamavezandlebe noma baphambane nawe kokuhle; bafungise ubacelele nentethelelo ku Allah ngokuba u Allah Uyathethelela Unesihawu."},{"id":13,"translation":"Nina enikholwayo! Ningazibandakanyi nabantu abathukuthelelwe ngu Allah; bheka ngoba abanathemba ngeLizayo, njengalokhu abangakholwa bengenathemba ngabasemathuneni."}]},{"id":61,"verses":[{"id":1,"translation":"Konke okusemaZulwini naseMhlabeni kudumisa u Allah, futhi nguye uSomandla Okhaliphile."},{"id":2,"translation":"Nina enikholwayo kungani nikhuluma eningakwenzi na?"},{"id":3,"translation":"Kumuthukuthelisa kakhulu u Allah uma nikhuluma eningakwenzi."},{"id":4,"translation":"U Allah uthanda labo uma belwa endleleni Yakhe bame ngemigqa kube ngathi bayisakhiwo esihlangene."},{"id":5,"translation":"Khumbula lapho uMusa ethi kubantu bakhe: “Bantu bami, kungani ningihlukumeza nibe nazi kahle ukuthi ngiyiSithunywa sika Allah kini”. Kwathi uma bephambuka, u Allah waphambukisa izinhliziyo zabo."},{"id":6,"translation":"Khumbula futhi lapho u-Isa ka Mariyamu ethi: “Sizwe sika Isirayeli, ngempela ngiyiSithunywa sika Allah kini, ngifakazela lokho okufike phambi kwami futhi ngethula izindaba ezinhle ngeSithunywa esiza emuva kwami ogama laso ngu Ahmadi”.[1] Kwathi lapho ebalethela izibonakaliso bathi: “Lokhu ubuthakathi uqobo”.","footnotes":"[1] Isithunywa sika Allah sokugcina uMuhamadi wathi: “"},{"id":7,"translation":"Ingabe ubani ophambuke ukundlula lowo oqamba amanga ngo Allah ebe emenyelwa ku Isilamu; u Allah akabahlengi abantu abaphambukile."},{"id":8,"translation":"Bafuna ukushabalalisa inkanyiso ka Allah[1]; kepha u Allah uyoyiphelelisa inkanyiso yaKhe nakuba abangakholwa bengathandi.","footnotes":"[1] ]Ngamanga abawaqambayo ukuze bavimbe isintu ekwamukeleni i-Isilamu njengendlela yabo yokuphila."},{"id":9,"translation":"Phela nguyena owathumela iSithunywa Sakhe nenkolo yeqiniso ukuze ayiphakamise phezu kwazo zonke izinkolo nakuba amaMushiriki engathandi."},{"id":10,"translation":"Nina enikholwayo! Nginganikhombisa uhwebo oluzoniphephisa esijezisweni esibuhlungu na?"},{"id":11,"translation":"Kholwani ku Allah neSithunywa Sakhe futhi nilwe endleleni Yakhe ngengcebo yenu kanye nani uqobo; lokho yikona okuhle kini uma nje benazi."},{"id":12,"translation":"Uyonithethelela izimpambuko zenu aningenise eziVandeni okugeleza imifula ngaphansi kwazo, kanye nezindawo zokuhlala ezinhle eziVandeni zenhlalo engunomphela; lokho iyona kanye impumelelo enkulu."},{"id":13,"translation":"Kokunye enikulangazelelayo, usizo luka Allah nokunqoba okuseduze; yethulake izindaba ezinhle kwabakholwayo."},{"id":14,"translation":"Nina enikholwayo, yibani abasizi baka Allah[1], njenga mhla u-Isa ka Mariyamu ethi kumaHawariyina: “Obani abazoba abasizi bami ku Allah na?” Athi amaHawariyina: “Yithina abasizi baka Allah!”. Kwaba khona labo abakholwayo esizweni sika Isirayeli futhi kwaba khona labo abangakholwa; sabe-ke sesilekelela labo abakholwayo ezitheni zabo baba ngabanqobayo.","footnotes":"[1] Ukusiza u Allah lapha, kusho ukuzikhandla ekuqhakambiseni nasekugcineni intando nemiyalo ka Allah, i-Isilamu."}]},{"id":62,"verses":[{"id":1,"translation":"Konke okusemaZulwini naseMhlabeni kudumisa u Allah, onguMbusi, oNgcwele, onguSomandla oKhaliphile."},{"id":2,"translation":"Nguyena owaqoka kwabangafundile iSithunywa kubo esibafundela imibiko Yakhe, sibahlanze futhi sibafundisa iNcwadi kanye neHikima; nakuba endulo babesekudukeni imbala."},{"id":3,"translation":"Kanti abanye babo baseza emuvakwabo, futhi nguYena onguSomandla oKhaliphile."},{"id":4,"translation":"Lokho kuwumusa ka Allah awupha amthandayo, bheka ngoba u Allah unomusa omkhulu."},{"id":5,"translation":"Labo abathwesa ukulandela iTora kepha bangayilandela, bafaniswa nembongolo ethwele imiqulu yezincwadi; saze sasibi isifaniso salabo abaphika imibiko yaka Allah; kanti futhi u Allah akabaholi labo abaphambukile."},{"id":6,"translation":"Yithi: “Nina eningamaJuda uma niqakambisa ukuthi ningabangani baka Allah ngale kwabanye abantu, langazelelani- ke ukufa uma ngempela niqinisile”."},{"id":7,"translation":"Kepha abasoze bakulangezelela ngenxa yezenzo zabo; kantike u Allah ubazi kahle abaphambukile."},{"id":8,"translation":"Yithi: “Ukufa lokhu enikubalekelayo, empeleni kuyanifica, bese nibuyiselwa kuMazi wokungabonwa nokubonwayo, abe esenazisa ngebenikwenza."},{"id":9,"translation":"Nina enikholwayo! Uma sekumenyezelwa iSwala ngosuku lweJuma, phuthumelani enkumbuzweni ka Allah nishiye ukuhweba. Yikona lokho okuhle kini uma nje benazi."},{"id":10,"translation":"Uma isiphothuliwe iSwala, chithekani emhlabeni nizithungathele emseni ka Allah, nikhumbule u Allah kakhulu ukuze niphumelele."},{"id":11,"translation":"Uma sebebona uhwebo noma umcimbi baphuma kuwo bakushiye wena umile. Yithi: “Okuku Allah kungcono kunomcimbi nohwebo, futhi u Allah nguyena uMondli ongcono."}]},{"id":63,"verses":[{"id":1,"translation":"Uma abazenzisi beza kuwe bathi: “Siyafakaza ukuthi ngempela wena uyiSithunywa sika Allah”; u Allah uyazi ukuthi uyiSithunywa Sakhe kanti futhi u Allah uyafakaza ukuthi abazenzisi bangabahubhi bamanga."},{"id":2,"translation":"Basebenzise izifungo zabo njengehawu; bevimba kwasani endleleni ka Allah. Ngempela yimbi lento abayenzayo."},{"id":3,"translation":"Belu yingoba bakholwa babe sebeluphika futhi ukholo; izinhliziyo zabo zalukhuni ngakhoke abanakuqonda."},{"id":4,"translation":"Uma ubabona, imizimba yabo iyakumangaza kanti uma bekhuluma uyayilalela inkulumo yabo, bafana nezigxobo ezigxunyekiwe[1]. Bahlale becabanga ukuthi sonke isambulo singabo. Bayisitha uqobo, ngakhoke baqaphele. Engathi u Allah angabahlazisa, baphambukelephi.","footnotes":"[1] Abazenzisi lapho belalele izimfundiso zeSithunywa bavane bandwaze, kungene ngapha kuphume ngale, kuhle kwezigxobo, zona ezingezwa futhi aziqondi lutho."},{"id":5,"translation":"Uma kuthiwa kubo: “Wozani iSithunywa sika Allah sinicelele intethelelo”, bavane bagebise amakhanda phansi futhi uyobabona sebevimba bezigqaja."},{"id":6,"translation":"Kuyefana nje kubo, ubacelela intethelelo noma awubaceleli, u Allah akasoze abathethelela, ngokuba u Allah akabaholi labo abayiziphula mthetho."},{"id":7,"translation":"Yibo kanye laba abathi: “Ningabasizi labo abaneSithunywa sika Allah baze bahambe”, nakuba imicebo yamazulu nomhlaba ingeka Allah, kepha abazenzisi abaqondisisi."},{"id":8,"translation":"Bathi: “Uma sesibuyele eMadina, ongumhlonishwa uyokhipha ongumfokazane”, nakuba ukuhlonishwa kungokuka Alllah neSithunywa Sakhe nabakholwayo, kepha abazenzisi abazi."},{"id":9,"translation":"Nina enikholwayo! Umcebo wenu nezingane zenu, mazinganilibazisi enkumbulweni ka Allah; labo abenza lokho, yibo kanye abalahlekelwe."},{"id":10,"translation":"Futhi nanelane ngalokho esinabele kona ngaphambi kokuba kufike ukufa komunye wenu bese ethi: “Nkosi yami, uma nje ungangipha elinye ithuba ukuze nginikele futhi ngibe ngomunye wabalungileyo”."},{"id":11,"translation":"U Allah akasoze amupha umuntu elinye ithuba uma sesifikile isikhathi sakhe; futhi u Allah ukuqaphe konke enikwenzayo."}]},{"id":64,"verses":[{"id":1,"translation":"Konke okusemazulwini nasemhlabeni kudumisa u Allah. Umbuso ungowaKhe nodumo lungolwaKhe, futhi unamandla okwenza noma yini."},{"id":2,"translation":"Nguyena owanidala; kwaba khona abangakholwa kini kanye nabakholwayo. Belu u Allah ukubona konke enikwenzayo."},{"id":3,"translation":"Udale amazulu nomhlaba ngeqiniso futhi wanibumba wanenza nabahle; kanti isiphetho sikuYe."},{"id":4,"translation":"Wazi konke okusemazulwini nasemhlabeni futhi Wazi konke enikufihlile nenikuveze obala; ngokuba u Allah ukwazi konke okuthukuswe ezifubeni."},{"id":5,"translation":"Aniyitholanga indaba yalabo abaphika ukholo endulo na?; bazivuna izithelo zemisebenzi yabo futhi bathola isijeziso esibuhlungu."},{"id":6,"translation":"Lokho yingoba kwakuthi uma iZithunywa zabo ziletha izibonakaliso, bathi: “Singaholwa umuntu na?” Baphika ukholo bafulathela; kepha u Allah akadingi lutho, ngokuba u Allah Uzimele Uyadunyiswa."},{"id":7,"translation":"Labo abangakholwa baqagula ukuthi abasoze bavuswa; yithi: “Nebala, ngiyifunge iNkosi yami, niyakuvuswa futhi naziswe ngezenzo zenu, bheka ngoba lokho kuyinto elula ku Allah”."},{"id":8,"translation":"Kholwanike ku Allah neSithunywa Sakhe kanye neNkanyiso ayehlisela; u Allah ukuqaphile enikwenzayo."},{"id":9,"translation":"Ngosuku lapho eyonibuthanisa ngalo, ngoSuku lokuButhana, lelo kuyakuba uSuku lokuGqama kokuLahlekelwa. Lowo okholwa ku Allah wenza okuhle Uyomesulela amacala akhe futhi amungenise ezivandeni okugeleza imifula ngaphansi kwazo, ahlale khona unaphakade; iyonake leyo impumelelo enkulu."},{"id":10,"translation":"Kepha labo abaphika ukholo bachithe nezambulo Zethu ngamanga; yiboke labo abayobhadla eMlilweni unaphakade; saze sasibi isiphetho."},{"id":11,"translation":"Asikho isehlakalo esehlayo ngaphandle kwemvumo ka Allah; lowo okholwa ku Allah uyakuyihola inhliziyo yakhe, ngokuba u Allah unolwazi lwakho konke."},{"id":12,"translation":"Thobelani u Allah neSithunywa; kepha uma nidikila, umsebenzi weSithunywa Sethu ukwethula umlayezo ocacile."},{"id":13,"translation":"U Allah, akekho omunye ofanele ukukhonzwa ngaphandle kwaKhe; ngakhoke abakholwayo mababeke ithemba labo ku Allah."},{"id":14,"translation":"Nina enikholwayo! Ebafazini benu nasezinganeni zenu kunesitha senu, ngakhoke baqapheleni. Kepha uma nixolela noma nidlulisa futhi nithethelele, u Allah Uyathethelela Unomusa."},{"id":15,"translation":"Nebala, umcebo wenu nezingane zenu ziyisivivinyo, kepha u Allah unomvuzo omkhulu."},{"id":16,"translation":"Ngakhoke, thobelani u Allah ngokusemandleni enu, nilalele nihloniphe futhi nanelane, ikona okungcono kini. Kantike lowo ohlengwe emoneni womphefumulo wakhe, ngempela, ungophumeleleyo."},{"id":17,"translation":"Uma niboleka u Allah imboleko enhle[1], uyakuyiphindaphinda futhi anithethelele, bheka ngoba u Allah Uyazisa Unobubele.","footnotes":"[1] Ukuboleka u Allah, ngukunikela ezintweni ezinhle ukujabulisa u Allah."},{"id":18,"translation":"Ungusolwazi wokungabonwa nokubonwayo, uSomandla Okhaliphile."}]},{"id":65,"verses":[{"id":1,"translation":"Sithunywa! Uma nehlukanisa nabafazi; hlukanisani nabo ngesikhathi sabo sokuzithiba futhi nisibale kahle isikhathi sokuzithiba. Nithobele u Allah iNkosi yenu; ningabaxoshi emzini yabo futhi nabo bangaphumi, ngaphandle nje uma begila amanyala. Leyoke imiyalelo ka Allah; lowo ophula imiyalelo ka Allah impela uyazilulaza. Belu awazi mhlawumbe u Allah kukhona angakwenza emuva kalokho."},{"id":2,"translation":"Uma sebephothule isikhathi sabo; buyelanani nabo noma nehlukane nabo ngokomthetho. Futhi niqoke amadoda amabili aqotho kini ukuba abe ngofakazi, ubufakazi nibenzele u Allah. Yilokho okuyalelwa ngakho lowo okholwa ku Allah noSuku lokuGcina. Lowo othobela u Allah uyakumcushisa."},{"id":3,"translation":"Futhi amondle nangale ebengalindele khona. Lowo othembela ku Allah, uyomenela. Futhi u Allah uyayifeza into yaKhe. Nebala u Allah yonke into uyibekele umkhawulo."},{"id":4,"translation":"Labo bafazi benu abangasakulindele ukuya esikhathini, uma ningabaza, isikhathi sabo sokuzithiba siyoba izinyanga ezintathu, kanye nakulabo abangasayi nhlobo esikhathini. Kuthi labo abazethwele, isikhathi siphela mhla bebeletha. Kantike lowo ozithoba ku Allah, uyakumenzela lula izinto zakhe."},{"id":5,"translation":"Lokho kuwumthetho ka Allah awehlisele kini; lowo ozithoba ku Allah uyakumthethelela izimpambuko zakhe futhi amandisele umvuzo."},{"id":6,"translation":"Hlalani nabo [abafazi enehlukanise nabo] lapho enihlala khona nibondle; ningabahlukumezi ukubathwesa ubunzima. Uma bezithwele bondleni kuze babelethe. Uma benincelisela bakhokheleni; nibonisane ngokuhle. Kepha uma ningavumelani, useyonceliselwa [uyise wengane] ngomunye."},{"id":7,"translation":"Lowo ocebile makakhiphe ngokwamandla akhe, kuthi lowo ompofu akhiphe kulokho u Allah amphe kona. Bheka ngoba u Allah akemethwesi umuntu okudlula lokho amphe kona. U Allah uyekwenza kube lula emuva kobunzima."},{"id":8,"translation":"Ziningi izizwe ezaphula umthetho weNkosi yazo neZithunywa zaKhe, Sabehlulela kanzima futhi sabajezisa isijeziso esinzima."},{"id":9,"translation":"Bavuna izithelo zemisebenzi yabo; isiphetho sabo kwaba wukulahlekelwa."},{"id":10,"translation":"U Allah ubalungiselele isijeziso esinzima; ngakhoke zithobeni ku Allah nina enikhaliphile enikholwayo, ngokuba u Allah unilethele uMkhumbuzi."},{"id":11,"translation":"ISithunywa esinifundela imibiko zika Allah ezicacisayo, ukuze ahlenge labo abakholwayo futhi benze nokuhle ebumnyameni baye ekukhanyeni. Lowo okholwa ku Allah enze nokuhle, uyomngenisa ezivandeni okugeleza imifula phansi kwazo, ahlale khona unaphakade. Bheka ngoba u Allah umlungisele isondlo esihle."},{"id":12,"translation":"Nguye u Allah odale amazulu ayisikhombisa kanye nokufanayo emhlabeni, imiyalelo yehla phakathi kwawo ukuze nazi ukuthi u Allah unamandla okwenza yonke into, nanokuthi u Allah wengamele yonke into ngolwazi lwaKhe."}]},{"id":66,"verses":[{"id":1,"translation":"Sithunywa! Kungani uzinqabela lokho u Allah akuvumele kona[1]; ingabe ufuna ukujabulisa amakhosikazi akho na? U Allah Uyathethelela Unesihawu.","footnotes":"[1] Wazinqumela ukuba angaphinde andlale nomkakhe owayeyibibi, into u Allah ayenze yavumeleka."},{"id":2,"translation":"U Allah uninqumele ukuphula izifungo zenu, u Allah unguMhlengi wenu futhi nguYena Owazi konke Okhaliphile."},{"id":3,"translation":"Khumbula lapho iSithunywa sihlebela inkosikazi yaso udaba oluthile, kepha kwathi esemtshela ngalo [omunye unkosikazi], u Allah wambonisa, okunye wakukhuluma kwathi okunye wakugodla. Kwathi esemtshelile [unkosikazi amhlebela] ngalo, wathi: “Ubani okutshele lokhu”, wathi: “Ngitshelwe Owazi konke Oqaphe konke!”."},{"id":4,"translation":"Uma nicela [nina makhosikazi amabili] intethelelo ku Allah, ngokuba izinhliziyo zithemelezile kanti uma nimuhlanganyela, bheka ngoba u Allah unguMhlengi wakhe noJibhiruli nabakholwayo abaqotho, kanti futhi neZingelosi ziyamlekelela."},{"id":5,"translation":"Funa iNkosi yakhe uma ehlukanisa nani amuphe abafazi abangcono kunani, angamaMusilimu akholwayo, azithobayo, acela intethelelo, akhonza-yo, azilayo, abake benda nabayizintombi nto."},{"id":6,"translation":"Nina enikholwayo! Zivikeleni kanye nemindeni yenu eMlilweni ozithungelo zawo abantu namatshe; okujutshwe kuwo iZingelosi eziqatha ezingenasineke, aziphambuki no Allah kulokho aziyalele kona; zenza ngqo lokhu eziyalelwe kona."},{"id":7,"translation":"Nina eningakholwa! ningabiki imbiba nebuzi naMhlanje, ngokuba niyakuthola umvuzo walokho ebenikwenza."},{"id":8,"translation":"Nina enikholwayo! Zithibeni ku Allah okweqiniso; hleze iNkosi yenu inithethelele izimpambuko zenu futhi iningenise eZivandeni okugeleza phansi kwazo imifula, ngoSuku lapho u Allah angeke asiphoxe iSithunywa kanye nalabo abakholwa naso; inkazimulo yabo iyohamba phambi kwabo nangekwesokudla, bathi: “Nkosi yethu phelelisa inkazimulo yethu futhi usuthethelele ngokuba Wena unamandla okwenza konke."},{"id":9,"translation":"Sithunywa! Phaka impi kulabo abangakholwa kanye nabazenzisi uqinise kubo; bhekha ngoba bayophelela eJahanamu, saze sasibi isiphetho."},{"id":10,"translation":"U Allah wenzele labo abangakholwa isibonelo ngomfazi ka Nuhu nomfazi ka Luti; babengaphansi kwezinceku ezimbili zezinceku Zethu, kepha ababanga neqiniso kuzo; bheka ngoba azizange zibasize ngalutho ku Allah; kwathiwa kubo: “Ngenani eMlilweni nabangenayo!”."},{"id":11,"translation":"Waphinde futhi u Allah wenzela labo abakholwayo isibonelo ngomfazi ka Firawoni mhla ethi: “Nkosi yami ngakhele umuzi kuWe eJana futhi ungitakule kuFirawoni nezenzo zakhe futhi ungitakule nakubantu abaphambukile."},{"id":12,"translation":"NoMariyamu ka Imrani, lona owazithiba, sabe sesiphefumulela kuye uMoya weThu; wakholwa amaZwi eNkosi yaKhe neMibhalo yaKhe waba ngozithobileyo."}]},{"id":67,"verses":[{"id":1,"translation":"Ubusisekile lowo uMbuso useZandleni zaKhe futhi unamandla okwenza konke."},{"id":2,"translation":"Lowo odale ukufa nokuphila ukuze anivivinye ukuthi ubabi kini ozokwenza kahle, futhi uSomandla Othethelelayo."},{"id":3,"translation":"Lowo odale amazulu ayisikhombisa izigaba, awusoze wabona ukungalinga endalweni ka Allah; qalaza, ingabe lukhona uqhekeko olubonayo na?"},{"id":4,"translation":"Phinda futhi uqalaze kabili, amehlo azobuya edangele ekhathele."},{"id":5,"translation":"Futhi sisihlobisile isibhakabhaka ngezibani, sazenza ukuba kujikijelwe ngazo amaShayatwini futhi siwalungiselele isijeziso seLangabi."},{"id":6,"translation":"Labo abaphika iNkosi yabo bayothola isijeziso seJahanamu, saze sasibi isiphetho."},{"id":7,"translation":"Kuyothi uma belahlelwa kuyo [iJahanamu] bezwe ibubula lapho isibila."},{"id":8,"translation":"Kuthi mayiqhekeke intukuthelo; kuyothi njalo uma uquqaba luphonswa kuyo, umqhaphi wayo ababuze: “Ingabe akafikanga yini uMxwayisi kini na?”"},{"id":9,"translation":"Bayothi: “Nebala, wafika kiithi uMxwayisi, kepha samphika sathi: “Ayikho into u Allah ayehlisile, nisephutheni elukhulu”."},{"id":10,"translation":"Bayothi: “Ukube nje salalela noma siqonde, ngabe asikho eLangabini”."},{"id":11,"translation":"Bayozivuma izimpambuko zabo; baqakisiwe labo abaseLangabini."},{"id":12,"translation":"Kepha labo abesaba iNKosi yabo bengayiboni, bayothola intethelelo nomvuzo omkhulu."},{"id":13,"translation":"Khulumelani phansi noma phezulu, bheka ngoba Yena [u Allah] ukwazi konke okusezifubeni."},{"id":14,"translation":"Angahlala kanjani engayazi okunguyena uMdali futhi Owazi yonke imininingwane Oqaphe konke na?"},{"id":15,"translation":"Nguyena lona onenzele umhlaba waba isendlalelo; ngakhoke guduzani emagumbini awo nizitike nganabele kona futhi niyovuselwa kuYe."},{"id":16,"translation":"Ingabe nizibona niphephile kulowo Ophezulu ekutheni anigqibe ngomhlaba lapho uzamazama."},{"id":17,"translation":"Ingabe nizibona niphephile kulowo Ophezulu ekutheni anithumele isiphepho; niyokwazike ukuthi sinjani isexwayiso."},{"id":18,"translation":"Nalabo ababandulelayo baphika, saba njanike isijeziso Sami."},{"id":19,"translation":"Ingabe abaziboni izinyoni phezu kwabo zivula zivala izimpiko na? Akhekho ozibambile [ukuba zingawi] ngaphandle koNomusa, bheka ngoba Yena Ubona konke."},{"id":20,"translation":"Ingabe iliphi lelibutho eliyonisiza ngaphandle koNomusa na? Ngempela abangakholwa bakhohlisekile."},{"id":21,"translation":"Ingabe ubani lona oyonipha ukudla uma [Allah] ekumisa okwaKhe na? Kepha basagxile shi ekuphuleni umthetho nasekugwemeni iqiniso."},{"id":22,"translation":"Ingabe lowo ohamba ehuduka ngomuso ukhanyiseleke ukudlula lowo ohamba eqondile endleni eqondile na?[1]","footnotes":"[1] Lona umzekelo okhombisa umehluko phakathi kokholwayo nongakholwa. Lo ongakholwa uhambe enhlanhlatha engazi ukuthi uphokophelephi. Kuthi lowo okholwayo indaba yakhe icacile, uyazi ukuthi into ayenzayo uyenzelani nayiyekayo uyiyekelani."},{"id":23,"translation":"Yithi: “Nguyena lona owanisungula wanidalela izindlebe namehlo kanye nezinhliziyo, kepha niyincosana enibongayo."},{"id":24,"translation":"Yithi: “Nguyena lona onisabalalise emhlabeni futhi niyobuthelwa kuYe”."},{"id":25,"translation":"Bathi: “Kanti sinini lesi sethembiso na, uma niqinisile”."},{"id":26,"translation":"Yithi: “Ulwazi liku Allah kuphela, mina nje nginguMxwayisi ocacisayo”."},{"id":27,"translation":"Kepha lapho sebesibona eduzane, baswaca ebusweni, kwathiwa kubo: “Yikhoke lokhu ebenikufuna”."},{"id":28,"translation":"Yithi: “Ake ningitshele, uma u Allah engithatha mina nalabo abanami noma asenzele umusa, ngubanike oyosiza abangakholwa esijezisweni esibuhlungu."},{"id":29,"translation":"Yithi: “NgoNomusa, sikholwa kuYe futhi sethembele kuYe, noyokwazike maduze ukuthi ubani osephutheni uqobo."},{"id":30,"translation":"Yithi: “Ake ningitshele, uma amanzi enu ezika, ingabe ubani oyonilethela amanzi agobhozayo."}]},{"id":68,"verses":[{"id":1,"translation":"Nun! Ngothi lokuloba nabakulobayo."},{"id":2,"translation":"Ngesibusiso sika Allah awusilona uhlanya."},{"id":3,"translation":"Futhi uyothola umvuzo ongenamkhawulo."},{"id":4,"translation":"Belu usesimilweni esiqotho kakhulu."},{"id":5,"translation":"Uzobona futhi nabo bayobona;"},{"id":6,"translation":"Ukuthi ubani phakathi kwenu owuhlanya."},{"id":7,"translation":"Bheka ngoba iNkosi yakho ibazi kahle labo abadukayo endleni yaKhe kanti futhi ubazi kahle labo abasendleleni eqondile."},{"id":8,"translation":"Ngakhoke ungabalaleli abaqambi manga."},{"id":9,"translation":"Bafisa engathi ungabathambisela ukuze nabo bakuthambisele."},{"id":10,"translation":"Futhi ungamlaleli lowo othanda ukufunga ongenamandla."},{"id":11,"translation":"Iphixiphixi elithutha izindaba."},{"id":12,"translation":"Ungoqo oyinduku iphambana nesikhwili, ophambukile."},{"id":13,"translation":"Isiqhwaga, enjalo nje uyivezandlebe."},{"id":14,"translation":"Ngenxa yokuthi uyinjinga futhi enabantwana abaniningi."},{"id":15,"translation":"Uma efundelwa imibiko yeThu, uthi: “Izinganekwane nje”."},{"id":16,"translation":"Sizombekisa embonjeni."},{"id":17,"translation":"Nebala sibavivinye kanjengoba savivinya abanikazi besivande mhla befunga ukuthi bayosivuna basigence entathakusa;"},{"id":18,"translation":"Kepha abashongo ukuthi; “uma u Allah evuma”."},{"id":19,"translation":"Kwathi lapho belele, sehlelwa isehlekalo esivela eNkosini yakho."},{"id":20,"translation":"Saphenduka safana nobusuku obumnyama bhuqe."},{"id":21,"translation":"Babizana entathakusa;"},{"id":22,"translation":"Bethi: “Hambani ekuseni niye ezitshalweni zenu uma nizimisele ukuvuna."},{"id":23,"translation":"Bahambake behlebelana;"},{"id":24,"translation":"Ukuthi: “Ningangenelwa muntu oswele kuso [isivande] namhlanje”."},{"id":25,"translation":"Bahamba khona ekuseni bezimisele ukufeza abakuhlosile."},{"id":26,"translation":"Kepha kwathi lapho besibona bathi: “Sidukile impela!”"},{"id":27,"translation":"Nebala siphucwe iqatha emlonyeni."},{"id":28,"translation":"Wathi lowo oqotho kubo: “Anginitshelanga na ukuthi nidumise u Allah”."},{"id":29,"translation":"Bathi: “Mayingcweliswe iNkosi yethu, ngempela siphambukile”."},{"id":30,"translation":"Base bephendukelana begxekana."},{"id":31,"translation":"Bethi: “Maye, ngempela sinhlanhlathile”"},{"id":32,"translation":"Mhlawumbe iNkosi yethu iyosinika okungcono kunaso [isivande] ngokuba sethembele eNkosini yethu."},{"id":33,"translation":"Sinjaloke isijeziso, futhi isijeziso sakweLizayo sinzima; ukube nje bebazi."},{"id":34,"translation":"Kepha labo abathobela u Allah bayothola izivande zentokomalo eNkosini yabo."},{"id":35,"translation":"Singabenza kanjani abazithobayo bafane nezigilamkhuba na?"},{"id":36,"translation":"Yini ngani nehlulela kanjani na?"},{"id":37,"translation":"Noma ninencwadi ethize enikufunde khona."},{"id":38,"translation":"Okusho ukuthi iqukethe okufunwa yini."},{"id":39,"translation":"Kumbe ninezithembizo Nathi kuze kuyofika uSuku lokwaHlulela; ukuthi niyothola konke enikufunayo."},{"id":40,"translation":"Babuze ukuthi ubani ongakuqinisekisa lokho."},{"id":41,"translation":"Kumbe banabalingani; mabalethe abalingani babo uma beqinisile."},{"id":42,"translation":"Ngosuku lapho kuyovezwa Umbala bese bebizwa ukuba bakhothame bawe ngobuso, kepha bayohluleka[1].","footnotes":"[1] Isithunywa uMuhamadi wathi: “(ngoSuku lokwahlulela, iNkosi yethu iyoveza Isitho saYo, bonke abakholwayo abesilisa nabesimame bayokhothama bawe ngobuso; bayosala labo ababekhothama ukubukisa nokuziqhayisa, bayothi bazama ukukhothama umhalane uvele uqine ungagobi.” [Bhukari no Musilimu]"},{"id":43,"translation":"Bayogqolozela phansi behaqwe ihlazo; kakade bebebizelwa ukuba bakhothame bawe ngobuso besayimiqemane."},{"id":44,"translation":"Myekele kimi lowo ophika leZwi, ngiyombamba lapho enganake khona."},{"id":45,"translation":"Ngizobapha isikathi, bheka ngoba isu laMi liqinile."},{"id":46,"translation":"Ingabe ubakhokhisa inhlawulo, ebahlulayo ukuyikhokha na?"},{"id":47,"translation":"Kumbe bazi okungabonwa ngakhoke bayakuloba."},{"id":48,"translation":"Ngakhoke bekezelela isinqumo seNkosi yakho ungafani nowagwinywa umkhome, mhla ememeza ephatheke kabi."},{"id":49,"translation":"Ukube nje akawutholanga umusa weNkosi yakhe ngabe wakhafulelwa ehlane ehlazekile."},{"id":50,"translation":"Kepha iNkosi yakhe yamqoka yamenza waba ngomunye wabalungileyo."},{"id":51,"translation":"Nakuba labo abangakholwa bacishe bakuquzukise ngokugqoloza kwabo lapho bezwa isikhumbuzo; bathi: “uyazihlanyela lo”."},{"id":52,"translation":"Empeleni iyisikhumbuzo ezizweni zonke."}]},{"id":69,"verses":[{"id":1,"translation":"Isikhathi seQiniso"},{"id":2,"translation":"Siyini Isikhathi seQiniso na?"},{"id":3,"translation":"Uyokwazi kanjani ukuthi siyini Isikhathi seQiniso na?"},{"id":4,"translation":"Isizwe samaTamudi nakwa-Adi zasiphika Isikhathi Esithusayo."},{"id":5,"translation":"Isizwe samaTamudi sabhujiswa sona ngomsindo onamandla."},{"id":6,"translation":"Kwathi isizwe sakwa-Adi sabhujiswa sona ngesivunguvungu somoya obandanyo."},{"id":7,"translation":"Wawuthumela kubo ubusuku obuyisikhombisa nezinsuku eziyisishiyagalombili zilandelana; wawubona ngabantu bedindilizile okweziqu zemithi yamasundu eziwile."},{"id":8,"translation":"Ingabe izinsalela zabo ozibonayo na?"},{"id":9,"translation":"NoFirawuni nalabo abamandulelayo kanye nalabo abasakazwa phansi beza nempambuko."},{"id":10,"translation":"Beyisa Isithunywa sseNkosi yabo, bheka ngoba yabe isabajezisa kanzima."},{"id":11,"translation":"Nebala kwathi lapho amanzi esegeleza ngokwendlulele Sanigibeza emkhunjini."},{"id":12,"translation":"Ukuze ibe yisifundo kini futhi izwakale ezindlebeni ezilalelayo."},{"id":13,"translation":"Kuyothi lapho lishaywa kanye icilongo;"},{"id":14,"translation":"Umhlaba nezintaba kuyophakanyiswa kuzanyazanyiswe kanye."},{"id":15,"translation":"NgaloloSuku Isikhathi lapho siyokwenzeka khona iseSehlakalo."},{"id":16,"translation":"NgaloloSuku isibhakabhaka siyoqhekeka bheka ngoba siyobe sesilula."},{"id":17,"translation":"Izingelosi zona ziyobe zisizungezile. Futhi ngaloloSuku isiHlalo seNkosi yakho, siyobe sithwelwe eziyisishiyagalombili."},{"id":18,"translation":"NgaloloSuku niyokwethulwa eNkosini yenu kungekho nencane imfihlo eyofihlakala ngani."},{"id":19,"translation":"Lowo oyonikwa incwadi yakhe ngesokundla; uyokuthi: “Wozani fundani incwadi yami”"},{"id":20,"translation":"Bengivele ngazi ukuthi ngiyowudla umvuzo wami."},{"id":21,"translation":"Uyobe esephile impilo enentokomalo."},{"id":22,"translation":"Ezivandeni eziphakeme."},{"id":23,"translation":"Ozithelo zazo zilengela eduze."},{"id":24,"translation":"Dlanini, niphuze ngenakwenza ezinsukwini ezandlula."},{"id":25,"translation":"Kepha lowo oyonikwa incwadi yakhe ngesokunxele; uyothi: “ngifisa engathi anginikwanga incwadi yami”"},{"id":26,"translation":"Futhi angazi ukuthi yini umvuzo wami."},{"id":27,"translation":"Ngifisa engathi ngafa unomphela."},{"id":28,"translation":"Umcebo wami awungisizanga ngalutho."},{"id":29,"translation":"Sengiphelelwe nawubufakazi."},{"id":30,"translation":"Mthatheni nimbophe."},{"id":31,"translation":"Bese nimtshingela eJahanamu."},{"id":32,"translation":"Bese nimfaka emaketangweni obude bawo bungagalo angamashumi ayisikhombisa."},{"id":33,"translation":"Bheka ngoba ubengakholwa ku Allah Omkhulu."},{"id":34,"translation":"Futhi ubengagqugquzeli ukondliwa kwalabo abantulayo."},{"id":35,"translation":"Namhlanje akanamngani la."},{"id":36,"translation":"Futhi akanakudla ngaphandle kobubomvu."},{"id":37,"translation":"Akekho oyobudla ngaphandle kwalabo abaphambukile."},{"id":38,"translation":"Kunani uma Ngifunga ngalokho enikubonayo."},{"id":39,"translation":"Kanye nalokho eningakuboni."},{"id":40,"translation":"Nebala ngamazwi weSithunywa esihloniphekile."},{"id":41,"translation":"Akusiwona amazwi embongi, ukuba ningakholwa idlanzana."},{"id":42,"translation":"Futhi akusiwona amazwi esanusi, ukuba ningathathela idlanzana phezulu."},{"id":43,"translation":"Eyisambulo esivela eNkosini yezizwe."},{"id":44,"translation":"Uma nje ubengasiqambela amanga athize;"},{"id":45,"translation":"Besizombamba kanzima."},{"id":46,"translation":"Bese simnqamulela umthambo wempilo."},{"id":47,"translation":"Akekho nomunye kini oyokhona ukumvikela."},{"id":48,"translation":"Futhi iyisikhumbuzo kulabo abazithobayo."},{"id":49,"translation":"Kantike Siyazi ukuthi kukhona abaphika iqiniso kini."},{"id":50,"translation":"Kuyoba indumalo kwabangakholwa."},{"id":51,"translation":"Nebala iyiqiniso elingenakuphikwa."},{"id":52,"translation":"Ngakhoke dumisa iGama leNkosi yakho eNkulu."}]},{"id":70,"verses":[{"id":1,"translation":"Umbuzi ubuza ngesijeziso esizofika."},{"id":2,"translation":"Kulabo abangakholwa kungekho nozobavikela;"},{"id":3,"translation":"Ku Allah okunguyena wemizila yaphezulu."},{"id":4,"translation":"Izingelosi kanye noRuhu zenyukela kuYe esikhathini esiwusuku olulingana neminyaka eyizinkulungwane ezingamashumi amahlanu."},{"id":5,"translation":"Ngakhoke bekezela ngesineke."},{"id":6,"translation":"Empeleni bona basibona sikude."},{"id":7,"translation":"Kepha thina Sisibona siseduze."},{"id":8,"translation":"Usuku lapho isibhakabhaka siyophenduka umdokwe oncibilikayo."},{"id":9,"translation":"Kanjalo nezintaba ziyophenduka uboya."},{"id":10,"translation":"Futhi akukho sihlobo esiyobuza esinye."},{"id":11,"translation":"Bayobonana! Isigilamkhuba siyofisa ukuzihlenga esijezisweni saloloSuku ngezingane zaso."},{"id":12,"translation":"Kumbe umkaso nomfowabo;"},{"id":13,"translation":"Noma isizwe saso lesi esimvikelayo."},{"id":14,"translation":"Noma wonke osemhlabeni ukuzenje avikeleke."},{"id":15,"translation":"Lutho! Nebala uvutha amalangabi."},{"id":16,"translation":"Uhashula isikhumba."},{"id":17,"translation":"Ubiza wonke lowo owadikila washaya indiva."},{"id":18,"translation":"Waqungelela wayiqonqela."},{"id":19,"translation":"Ngemplela umuntu udale wayinqaba"},{"id":20,"translation":"Uma enzekelwa okubi akanasineke."},{"id":21,"translation":"Uma enzekelwa okuhle uba ungoqo."},{"id":22,"translation":"Ngaphandle kwalabo abenza iSwala."},{"id":23,"translation":"Labo abaqikelela ukwenza iSwala njalo nje."},{"id":24,"translation":"Labo okunesigamu esazwiwayo emcebeni wabo."},{"id":25,"translation":"Salabo abacelayo nabaswele."},{"id":26,"translation":"Labo abakholwa kuSuku lokwaHlulela."},{"id":27,"translation":"Labo abesaba isijeziso seNkosi yabo."},{"id":28,"translation":"Ngokuba akekho ophephile esijezisweni seNkosi yabo."},{"id":29,"translation":"Labo futhi abavikela izitho zabo zangasese."},{"id":30,"translation":"Ngaphandle uma kungabafazi babo noma amabibi, ngokuba abanacala."},{"id":31,"translation":"Labo abalangezelela okungale kwalokho; yiziphulamthetho uqobo lezo."},{"id":32,"translation":"Futhi labo abagcina izethembiso nezibophezelo zabo."},{"id":33,"translation":"Labo ababumelayo ubufakazi babo."},{"id":34,"translation":"Labo abaqikelela ukwenza iSwala ngesikathi."},{"id":35,"translation":"Yiboke labo abayongena eJana baphathwe kahle."},{"id":36,"translation":"Yini ngalaba abangakholwa lokhu beshabashekela ngakuwe."},{"id":37,"translation":"Bebuthana amaqoqwana ngapha nangapha."},{"id":38,"translation":"Ingabe bonke bafisa ukungeniswa eJana yentokomalo na?"},{"id":39,"translation":"Phinde! Bheka ngoba sibadale ngalokho abakwaziyo."},{"id":40,"translation":"Ngifunga ngeNKosi yezimpumalanga nezintshonalanga ukuthi Siyakhona;"},{"id":41,"translation":"Ukuletha abanye abangcono kunabo futhi akekho oyophunyula."},{"id":42,"translation":"Ngakhoke bayekele banhlanhlathe bachanase baze bafike kuloluSuku abathenjiswa lona."},{"id":43,"translation":"Usuku lapho abayophuma khona emangcwabeni bephuthuma ongathi bajahele izithixo."},{"id":44,"translation":"Bayokhophozela bethelwe ihlazo; yiloke loloSuku abathenjiswe lona."}]},{"id":71,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngempela samuthumela uNuhu esizweni sakhe, ukuba: “Xwayisa abantu bakho bengakatholi isijeziso esibuhlungu”."},{"id":2,"translation":"Wathi: “bantu bami, ngingumxwayisi ocacile kini”."},{"id":3,"translation":"Khonzani u Allah nimuthobele futhi ningilalele."},{"id":4,"translation":"Uzonithethelela izimpambuko zenu futhi uyonigcina kuze kube isikhathi esinqunyiwe. Bheka ngoba isikhathi esinqunywe u Allah asisoze sahlehliswa, ukube nje benazi."},{"id":5,"translation":"Wathi: “Nkosi yami, ngimeme isizwe sami ubusuku nemini; ”"},{"id":6,"translation":"Kepha ukubamema kwami kubenze babaleka ngokudlangile."},{"id":7,"translation":"Kuthi njalo uma ngibamema ukuze ubathethelele, bavame bafake iminwe ezindlebeni zabo bazimboze ngezambatho zabo futhi baphikelele bezigqaja."},{"id":8,"translation":"Ngibamema esidlangalaleni."},{"id":9,"translation":"Ngabamemeza ngaphinde ngakhuluma nabo ngasese."},{"id":10,"translation":"Ngathi: “celani intethelelo eNkosini yenu ngokuba Yona iyahethelela."},{"id":11,"translation":"Izonehlisela imvula ngenala."},{"id":12,"translation":"Inandisele ingcebo nenzalo futhi anenzele izivande nemifula."},{"id":13,"translation":"Yini ngani ningakhombisi inhlonipho ku Allah na?"},{"id":14,"translation":"Ebe anidala izigaba ngezigaba."},{"id":15,"translation":"Anibonanga ukuthi u Allah uwadale kanjani amazulu ayisikhombisa alakelana."},{"id":16,"translation":"Wenza inyanga yaba ukukhanya kuwo, wenza ilanga isibani."},{"id":17,"translation":"U Allah unidale ngomhlabathi."},{"id":18,"translation":"Futhi uyonibuyisela kuwo aphinde anikhiphe kuwo."},{"id":19,"translation":"U Allah unenzele umhlaba wendlaleka;"},{"id":20,"translation":"Ukuze nenze imizila ngemizila”."},{"id":21,"translation":"UNuhu wathi: “Nkosi yami, ngempela abangilalelanga, balandela lowo odukiswe kakhulu ingcebo yakhe nezingane zakhe;”"},{"id":22,"translation":"Futhi bakha uzungu olukhulu."},{"id":23,"translation":"Bathi: “Ningazishiyi izikhonzwa zenu, ningabashiyi oWadu noSuwa’u noYaguta noYa’uka kanye noNasru.”"},{"id":24,"translation":"Empeleni baningi ababadukisile, yenzake labo abaphambukile bagxile ekudukeni."},{"id":25,"translation":"Ngenxa yezimpambuko zabo, baminziswa bafakwa eMlilweni; abazange bathole abasizi ngaphandle kwa Allah."},{"id":26,"translation":"UNuhu wabe esethi: “Nkosi yami, ungashiyi muntu ophilayo kulabo abangakholwa”."},{"id":27,"translation":"“Ngokuba uma ubayeka bazodukisa izinceku zakho futhi bazolokho bezala eminye imigulukudu engakholwa”."},{"id":28,"translation":"“Nkosi yami ngithethelele mina kanye nabazali bami nalowo ongena emzini wami ekholwa, nalabo abesilisa nabesifazane abakholwayo futhi wandisele labo abaphambukile ekulahlekelweni”."}]},{"id":72,"verses":[{"id":1,"translation":"Yithi: “Kwembulelwe kimi ukuthi iquqaba lamaJini belilalele, lathi: ‘Ngempela sizwe iKurani eyisimanga!’”"},{"id":2,"translation":"Iholela kubuqotho sakholwa kuyo futhi asisoze sabhangqa muntu no Allah."},{"id":3,"translation":"Nokuthi udumo lweNkosi yethu luphakeme, akanamfazi akanangane."},{"id":4,"translation":"Lowo owethu oyisiwula bekakhuluma iphutha ngo Allah."},{"id":5,"translation":"Futhi besicabanga ukuthi Abantu namaJini abasoze bakhuluma amanga ngo Allah."},{"id":6,"translation":"Nebala amadoda angabantu abecela ukuvikelwa amaJini, bheka ngoba abe esebathusa njalo."},{"id":7,"translation":"Nabo bebecabanga njengani ukuthi u Allah akasoze avusa muntu ekufeni."},{"id":8,"translation":"Kuthe lapho siya emkhathini sathola kugcwele abaqaphi kanzima namalangabi."},{"id":9,"translation":"Kadeni besihlala silalele; kepha manje ozama ukulalela uhlangabezana nelangabi limlindele."},{"id":10,"translation":"Empeleni nathi asazi, kumbe okubi okuhloselwe abasemhlabeni noma iNkosi yabo ibahlosele okuhle."},{"id":11,"translation":"Kanti futhi kunabanye bethu abalungile kanti abanye abanjalo, sinezindlela ezahlukene."},{"id":12,"translation":"Besazi ukuthi asisoze saphunyuka ku Allah emhlabeni futhi singasoze saphunyuka uma simubalekela."},{"id":13,"translation":"Kuthe uma sizwa inkokhelo sakholwa kuyo, bheka ngoba lowo okholwa eNkosini yakhe akanalo ixhala lokucindezelwa no ukuthelwa ngengcabha."},{"id":14,"translation":"Kantike kunalabo abangamaMusilimu kithi futhi kunalabo abaphambukile; kepha labo abazinikelayo yibo labo abziqokele ukulunga."},{"id":15,"translation":"Labo abaphambukile bayokuba izithungelo zeJahanamu."},{"id":16,"translation":"Ukube babambelela endleleni eqondile besizobapha amanzi ayinala[1].","footnotes":"[1] Amanzi ayinsika nomongo wempilo nengcebo emhlabeni ngaphandle kwawo angeke kukhule zitshalo imfuyo ifa ujuqu nabantu imbala abayikuphila."},{"id":17,"translation":"Ukuze sibavivinye ngawo; kantike lowo ochitha imiyalo yeNkosi yakhe; iyomufaka esijezisweni esinzima."},{"id":18,"translation":"AmaMasajidi angawaka Allah, ngakhoke ningakhonzi muntu no Allah."},{"id":19,"translation":"Kwathi inceku ka Allah imile imkhonza bacishe balakenyana phezu kwakhe[1].","footnotes":"[1] Ngenxa yobuningi bamaJini ayelalele Isithunywa uMuhamadi ngesikhathi efunda iKurani ekhonza."},{"id":20,"translation":"Yithi: “Ngikhonza iNkosi yami kuphela vo, futhi angiyibhanqi nalutho!”"},{"id":21,"translation":"Yithi: “Okubi nokuhle kini akukho ezandleni zami”"},{"id":22,"translation":"Yithi: “Akekho noyedwa oyongivikela ku Allah futhi akukho la engiyophephela khona ngaphandle kwaKhe!”"},{"id":23,"translation":"Ngiphethe nje umlayezo ovela ku Allah nemiyalelo yaKhe; loyo ongalaleli u Allah neSithunywa saKhe uthola uMlilo weJahanamu, uyobhadla kuwo unaphakade."},{"id":24,"translation":"Kuyothi lapho bebona lokho abathenjiswe kona; bayokwazi kahle ukuthi ubani obengumsizi obuthaka nonebutho elidlanzana[1].","footnotes":"[1] Labo abakhonza izithixo, amandlozi, njalonjalo; ngoSuku lokwaHlulelwa kuyobacacela ukuthi lezi zinto ababezikhonza emhlabeni bezibhanqa no Allah azinakubasiza ngalutho."},{"id":25,"translation":"Yithi: “Angazi ukuba kuseduze na lokhu enithenjiswe kona kumbe iNkosi yami ikuhlehlisele isikhathi esithize.”"},{"id":26,"translation":"UnguSolwazi wokungabonwa, akambuleli muntu kokungabonwa kwaKhe."},{"id":27,"translation":"Ngaphandleke kwalowo amqokile njengeSithunywa; bheka ngoba izingqaphi zikanise ngaphambili nangemuva."},{"id":28,"translation":"Ukuze azi ukuthi bayendlulisile imiyalelo yeNkosi yabo futhi ingamele konke abanakho kanti futhi yazi yonke into ngononina."}]},{"id":73,"verses":[{"id":1,"translation":"Wena ozisonge ngezembatho!"},{"id":2,"translation":"Ima ebusuku ukhonze, ngaphandle nje okwesikhashana."},{"id":3,"translation":"Isigamu sabo noma wehlise nje kancane;"},{"id":4,"translation":"Noma wengeze futhi ufunde iKurani ngesineke."},{"id":5,"translation":"Ngokuba sizokwethwesa amagama anzima."},{"id":6,"translation":"Ukukhonza ebusuku kunomthelela omkhulu[1] nenkulumo ecacile[2].","footnotes":"[1] Enhlizweni yomuntu nakukholo lwakhe.\n[2] Ukuthula kobusuku kupha lokufunda iKurani ngokungaphazamiseki nangokujula."},{"id":7,"translation":"Emini unesikhathi esiningi."},{"id":8,"translation":"Khumbula igama leNkosi yakho uzunikele kuYo ngokuphelele."},{"id":9,"translation":"UyiNkosi yempumalanga nentshonalanga, akekho omunye ofanele ukukhonzwa ngaphandle kwaKhe, ngakhoke thembela kuYe."},{"id":10,"translation":"Ubekezele kulokho abakushoyo futhi ungabanaki."},{"id":11,"translation":"Ungishiyele labo abaphika iqiniso abacebile, ubayeke nje kancane."},{"id":12,"translation":"Thina sinamasongo noMlilo."},{"id":13,"translation":"Nokudla okungagwinyeki kanye nesijeziso esibuhlungu."},{"id":14,"translation":"NgoSuku lapho umhlaba nezintaba kuyozamazama, izintaba ziphenduke izintuli eziphephukayo."},{"id":15,"translation":"Nebala sathumela iSithunywa kini njengofakazi, njengalokhu sathumela iSithunywa kuFironi."},{"id":16,"translation":"Kepha uFironi akasilalelanga iSithunywa, ngakhoke samujezisa kanzima."},{"id":17,"translation":"Nilwesaba kanjani usuku oluyokwenza izingane zibempunga njengoba ningakholwa na?"},{"id":18,"translation":"Ngisho isibhakabhaka imbala siyoqhekeka ngalo. Isithembiso saKhe nakanjani siyenzeka."},{"id":19,"translation":"Lesi isexwayiso, othandayo makathathe indlela ebheke eNkosini yakhe."},{"id":20,"translation":"Ngempela iNkosi yakho iyazi ukuthi wena neqembu lalabo abanawe niyama okuthi akusonde izigamu ezimbile kwezintathu, nesigamu kwezimbili nesigamu kwezintathu; u Allah nguYena ohlela ubusuku nemini. Ubazi ukuthi anisoze nakhona, wanithethelela; ngakhoke fundani enikukhonayo kuKurani. Ubazi ukuthi kuyoba khona kini abagulayo abanye bayasebenza bethungatha umusa ka Allah, kuthi abanye bayalwa endleleni ka Allah, ngakhoke fundani enikukhonayo kuyo; niqikelele ukwenza iSwala nikhiphe neZaka futhi niboleleke u Allah imboleko enhle. Konke enizenzela kona okuhle niyokuthola ku Allah kungcono kunomvuzo omkhulu. Nicele intethelelo ku Allah ngokuba u Allah uyaThethelela Unesihawu."}]},{"id":74,"verses":[{"id":1,"translation":"Wena ozimbozile!"},{"id":2,"translation":"Sukuma uxwayise."},{"id":3,"translation":"Udumise iNkosi yakho."},{"id":4,"translation":"Uhlanze izimpahla zakho."},{"id":5,"translation":"Futhi uziqelelanise nezithixo."},{"id":6,"translation":"Ungaphi ngoba ufuna ukwenzelelwa ngokwengeziwe."},{"id":7,"translation":"Futhi ubekezelele iNkosi yakho."},{"id":8,"translation":"Kuyothi lapho lishaywa icilingo."},{"id":9,"translation":"Lolo suku liyokuba uSuku olunzima impela."},{"id":10,"translation":"Kwabangakholwa angeke lwaba lula neze."},{"id":11,"translation":"Ngidedele Mina nalowo engamdala eyedwa vo."},{"id":12,"translation":"Futhi ngamhlinzeka ngenala lomcebo."},{"id":13,"translation":"Nezingane eziningi."},{"id":14,"translation":"Ngamenzela impilo yalula."},{"id":15,"translation":"Kepha usufuna ngimandisele!"},{"id":16,"translation":"Phinde! Ngokuba uphike imibiko yethu."},{"id":17,"translation":"Ngiyokumkhandla ngesijeziso esinzima."},{"id":18,"translation":"Bheka ngoba wajula wakha isu;"},{"id":19,"translation":"Waqalekiswa ngendlela akha ngayo isu."},{"id":20,"translation":"Waphinde waqalekiswa ngendlela akha ngayo isu."},{"id":21,"translation":"Wahlaziya,"},{"id":22,"translation":"Wabuyisa izinhlonze wahwaqa ebusweni."},{"id":23,"translation":"Wabe eseshaya iqiniso indiva wazikhukhumalisa."},{"id":24,"translation":"Wathi: “lokhu (iKurani) ubuthakathi obuthathwe kwabanye”"},{"id":25,"translation":"Lokhu kungamazwi abanye abantu."},{"id":26,"translation":"Ngizomfaka eSakari (eJahanamu)."},{"id":27,"translation":"Ingabe uyazi ukuthi iyini iSakari?"},{"id":28,"translation":"Ayishiyi lutho futhi ayigeji lutho[1].","footnotes":"[1] Lomlilo ujuqa ushise konke, awushiyi sikhumba futhi awuyeki nathambo."},{"id":29,"translation":"Igqunqisa isikhumba."},{"id":30,"translation":"Iqashwe ishumi nesishiyagalo lunye (lezingelosi)"},{"id":31,"translation":"Senze abaqaphi boMlilo baba yizingelosi futhi senze nenani labo laba siyilingo kulabo abangakholwa, ukuze labo abanikwa iMibhalo babe nesiqiniseko kuthi labo abakholwayo bande ngokholo. Ukuze labo abanikwa iMibhalo nabakholwayo bangabi nokungabaza. Kepha laba abanesifo ezinhlizweni zabo nalaba abangakholwa bayothi: “Ingabe uhloseni u Allah ngalomzekelo na?” Kanjalo u Allah udukisa amthandayo futhi ahole amthandayo. Kantike akekho owazi ibutho lika Allah ngaphandle kwaKhe. Futhi (uMlilo) uyixwayiso kuSintu."},{"id":32,"translation":"Qhabo! Ngifunga ngenyanga."},{"id":33,"translation":"Nangobusuku uma busa."},{"id":34,"translation":"Nangentathakusa uma ikhanya"},{"id":35,"translation":"Ngempela (iJahanamu) ingenye yezinto ezinzima."},{"id":36,"translation":"Iyisexwayiso kuSintu."},{"id":37,"translation":"Kulowo kini ofuna ukuya phambili noma uhlehlela nyovana."},{"id":38,"translation":"Wonke umuntu uyojeziswa ngezenzo zakhe."},{"id":39,"translation":"Ngaphandle kwabesokudla[1].","footnotes":"[1] Labo abayonikwa izincwadi zabo ngesandla sokudla."},{"id":40,"translation":"Bayokuba sezivandeni babuzane,"},{"id":41,"translation":"Ngezigilamkhuba;"},{"id":42,"translation":"Yini enifake eSakari"},{"id":43,"translation":"Besingayenzi iSwala."},{"id":44,"translation":"Futhi besingabondli abaswele."},{"id":45,"translation":"Futhi besiminza nabaminzayo."},{"id":46,"translation":"Siphika noSuku lokwaHlulela."},{"id":47,"translation":"Saze saficwa ukufa."},{"id":48,"translation":"Ngakhoke ukuncenga kwabancengi akusoze kwabasiza."},{"id":49,"translation":"Babengenwe yini bebalekela isikhumbuzo."},{"id":50,"translation":"Ungathi izimbongolo zibaleka."},{"id":51,"translation":"Zibalekela ibhubesi."},{"id":52,"translation":"Kunalokho wonke umuntu ufuna ukunikwa incwadi evuliwe."},{"id":53,"translation":"Phinde! Eqinisweni abelwesabi uSuku lokugcina."},{"id":54,"translation":"Cha! Empeleleni iyisikhumbuzo (iKurani)."},{"id":55,"translation":"Othandayo uzolalela."},{"id":56,"translation":"Futhi abasoze balalela ngaphandle kwentando ka Allah; nguYena ofanelwe ukuthotshelwa nokuthethelela."}]},{"id":75,"verses":[{"id":1,"translation":"Qhabo! Ngifunga ngoSuku lokwaHlulelwa"},{"id":2,"translation":"Qhabo! Futhi ngifunga ngonemebeza."},{"id":3,"translation":"Ingabe umuntu ucabanga ukuthi asisoze sahlanganisa amathambo (abashona) na?"},{"id":4,"translation":"Nebala, sikwazi ngisho ukuhlanganisa iminwe yakhe."},{"id":5,"translation":"Kepha umuntu ufuna ukuqhubeka nokuphula umthetho."},{"id":6,"translation":"Elokhu ebuza ukuthi lunini uSuku lokwaHlulela."},{"id":7,"translation":"Mhla lapho amehlo eyodideka,"},{"id":8,"translation":"Nenyanga ifiphale"},{"id":9,"translation":"Kubhanqwe ilanga nenyanga."},{"id":10,"translation":"Ngalolo suku wonke umuntu uyothi: “ngiyobalekela kuphi na?”"},{"id":11,"translation":"Phinde, akukho ukuphunyuka,"},{"id":12,"translation":"Ngalolo suku konke kuyophelela eNkosini yakho."},{"id":13,"translation":"Yingalolu suku lapho wonke umuntu eyokwaziswa ngakho konke akwenza."},{"id":14,"translation":"Belu wonke umuntu uzazi kahle,"},{"id":15,"translation":"Nakuba engabika imbiba nebuzi."},{"id":16,"translation":"Ungayiphimisi ngolimi lwakho uyiphuthuma."},{"id":17,"translation":"Ngokuba kukuThina ukuyihlanganisa nokuyifunda."},{"id":18,"translation":"Uma sesiyifundile landelake ukufundwa kwayo."},{"id":19,"translation":"Futhi yithina esizoyichaza."},{"id":20,"translation":"Phinde! Nithanda okwamanje (emhlabeni)."},{"id":21,"translation":"Futhi anikhathazi ngeLizayo."},{"id":22,"translation":"Ngalolo suku ubuso buyobe buqhakazile,"},{"id":23,"translation":"Bubheke iNkosi yawo."},{"id":24,"translation":"Kanti ngalolo suku obunye ubuso buyobe buhwaqile."},{"id":25,"translation":"Bazi kahle ukuthi buzokwehlelwa ubunzima."},{"id":26,"translation":"Phinde! Lapho ukhuphuka umphefumulo,"},{"id":27,"translation":"Kwathiwa: “ubani umelaphi na?”"},{"id":28,"translation":"Futhi waqiniseka ukuthi uyafa."},{"id":29,"translation":"Kwahlangana ubunzima nobunzima."},{"id":30,"translation":"Uyobe usubuyiselwa eNkosini yakho."},{"id":31,"translation":"Kepha akakholwanga futhi akayenzanga iSwala."},{"id":32,"translation":"Kunalokho waphika ukholo wadikila."},{"id":33,"translation":"Waya emzini wakhe eqhosha."},{"id":34,"translation":"Imbubhiso nembubhiso kuwe!"},{"id":35,"translation":"Futhi imbubhiso nembubhiso kuwe!"},{"id":36,"translation":"Ingabe umuntu ucabanga ukuthi uzoyekwa nje enganakwa na?"},{"id":37,"translation":"Ubengelona yini ihlwili lesidoda esiphumayo na?"},{"id":38,"translation":"Wabe eseba isigaqa segazi, wadala wabumba."},{"id":39,"translation":"Wadala ngaye ubulili obubili, indoda nomfazi."},{"id":40,"translation":"Ingabeke akanawo yini Lowo (uMdali) amandla okuvusa abafileyo na?"}]},{"id":76,"verses":[{"id":1,"translation":"Kwaba nesikhathi esithize lapho umuntu wayengelutho olwaziwayo."},{"id":2,"translation":"Samdala umuntu ngesidoda esixutshiwe ukuze simvivinye, Samenza wezwa wabona."},{"id":3,"translation":"Samthengisa indlela, yokuba obongayo noma ongabongi."},{"id":4,"translation":"Abangakholwa Sibalungiselele amaketango namasongo noMlilo."},{"id":5,"translation":"Labo abalungileyo bayophuza isiphuzo esithakwe ngeKafuri."},{"id":6,"translation":"Emthonjeni okuyophuza kuwo izinceku zika Allah, ziwugelezise nokuwugelezisa."},{"id":7,"translation":"Bagcina izethembiso futhi besaba usuku obubi balo buyobe busabalele."},{"id":8,"translation":"Futhi bondla ngokudla labo abaswele, izintandane neziboshwa nakuba bekuthanda."},{"id":9,"translation":"Sinondlela ukuthokozisa u Allah, asifune mklomelo kini noma ukunconywa."},{"id":10,"translation":"Ngokuba sesaba iNkosi yethu ngoSuku lapho kuyobe kunokuswaba okunzima."},{"id":11,"translation":"U Allah wabavikela ebubini balolo Suku, wabalethela intokomalo nenjabulo."},{"id":12,"translation":"Wabaklomelisa ngokubekezela kwabo iJana neHariri (isiliki)."},{"id":13,"translation":"Kuyo (iJana) bayohlala baqiyame emibhedeni; abayikubona langa noma amakhaza ashubisa umnkantsha."},{"id":14,"translation":"Amathunzi ayo (iJana) ayomengamela futhi nezithelo zayo ziyosondezelwa eduze."},{"id":15,"translation":"Futhi bayophakelwa ezitsheni zesiliva nezinkomishi eziyingilasi;"},{"id":16,"translation":"Ingilasi yesiliva ebalingene ncamashi."},{"id":17,"translation":"Futhi bayophuziswa kuyo isiphuzo esithakwe ngeZanjambili."},{"id":18,"translation":"Emthonjeni kuyo obizwa ngeSalisabila."},{"id":19,"translation":"Bayobe besetshenzelwa abafana abaphila unaphakade, uma ubabona uzocabanga ukuthi amaLulu achithekile."},{"id":20,"translation":"Uma uqalaza lapho uzobona intokomalo nobukhosi obukhulu."},{"id":21,"translation":"Bayombathiswa izembatho eziluhlaza zesilika elithambile nelihayayo. Bahlotshiswe ngamabhengela esiliva, futhi iNkosi yabo izobaphuzisa isiphuzo esihlanzekile."},{"id":22,"translation":"(kuyothiwa kubo): “Ngempela lokhu kuwumvuzo wenu kanti nemisebenzi yenu iyancomeka.”"},{"id":23,"translation":"Yithina esikwembulele iKurani ngancane kancane."},{"id":24,"translation":"Ngakhoke bekezelela isinqumo seNkosi yakho futhi ungalaleli kubo (abangakholwa) lowo ophambukile noma ongenakubonga."},{"id":25,"translation":"Ukhumbule igama leNkosi yakho ekuseni nantambama."},{"id":26,"translation":"Nasebusuku mkhothamele (u Allah) umdumise isikhathi eside ebusuku."},{"id":27,"translation":"Empeleni laba (abangakholwa) bathanda okuseduze (emhlabeni) kepha beshaya indiva uSuku Olunzima."},{"id":28,"translation":"Yithina esibadalile saqinisa ukwakheka kwabo, ngakhoke uma sithanda singaletha abanye abafana nabo esikhundleni sabo."},{"id":29,"translation":"Lokhu yisikhumbuzo nje, ngakhokelowo ofunayo anangayithatha indlela eya eNkosini yakhe."},{"id":30,"translation":"Futhi akukho eningakufisa ngaphandle kwentando ka Allah; u Allah Wazi konke uKhaliphile."},{"id":31,"translation":"Ufaka amathandayo emseni waKhe, kuthi laba abaphambukile ubalusele isijeziso esibuhlungu."}]},{"id":77,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngemimoya evunguzayo,"},{"id":2,"translation":"Nangesiphepho esinamandla,"},{"id":3,"translation":"Nangabasabalalisi abasabalalisayo."},{"id":4,"translation":"Kanye nemihlahlandlela ecacisayo."},{"id":5,"translation":"Kanjalo nezethuli zemiyalelo;"},{"id":6,"translation":"Ukufakazisa noma ukwexwayisa."},{"id":7,"translation":"Nakanjani lokho enikuthenjisiwe kuzokwenzeka."},{"id":8,"translation":"Lapho izinkanyezi ziyofiphala."},{"id":9,"translation":"Nesibhakabhaka siyoqhekeka."},{"id":10,"translation":"Kuthi izintaba zona ziyophushuka."},{"id":11,"translation":"Lapho izithunywa ziyobekelwa isikhathi."},{"id":12,"translation":"Besikade sihlehliselwe luphi usuku na?"},{"id":13,"translation":"USuku lokwaHlulelwa."},{"id":14,"translation":"Uthi bewazi ukuthi luyini uSuku lokwaHlulelwa na?"},{"id":15,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":16,"translation":"Asizange sibabhubhise abasendulo na?"},{"id":17,"translation":"Saphinde sabalandelisa ngabokugcina."},{"id":18,"translation":"Sibenza njalo abayizigilamkhuba."},{"id":19,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":20,"translation":"Asizange Sinidale ngoketshezi olungelutho (isidoda)."},{"id":21,"translation":"Salugquma endaweni evikelekile (isibeletho)."},{"id":22,"translation":"Isikhathi esaziwayo[1].","footnotes":"[1] Izinyanga ezi-6 kuya kwezi -9 zokukhulelwa."},{"id":23,"translation":"Sahlela, bheka ngoba singabahleli abanohlonze[1].","footnotes":"[1] Ukuhlela ubulili, isakhiwo nesikhathi sokuzalwa komntwana."},{"id":24,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":25,"translation":"Asiwenzanga umhlaba waba isimumathi."},{"id":26,"translation":"Sabaphilayo nabafile;"},{"id":27,"translation":"Safaka kuwo (umhlaba) izikhonkwane (izintaba) ezinkulu futhi Sanipha amanzi amtoti."},{"id":28,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":29,"translation":"Hambani niye kulokho ebenikuphika[1]!","footnotes":"[1] NgoSuku lokwaHlulelwa kuyothiwa kulabo abangakholwa mabaye eMlilweni lo ababexwayisa ngawo emhlabeni bawuphika."},{"id":30,"translation":"Hambani niye emthunzini onezigamu ezintathu."},{"id":31,"translation":"Ongenakho ukuphola futhi ongasizi ngalutho elangabini."},{"id":32,"translation":"Nebala ukhafula izinhlansi ongathi izinqolobane."},{"id":33,"translation":"Ungathi amakameli ancome."},{"id":34,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":35,"translation":"Lolu uSuku lapho bengezukukhuluma."},{"id":36,"translation":"Futhi abayikunikwa ithuba lokuncengela."},{"id":37,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":38,"translation":"Lolu uSuku lokwaHlulelwa; Sinibuthanise nabanandulelayo."},{"id":39,"translation":"Uma ninesu (lokuphunyuka), ngizameni ngalo."},{"id":40,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":41,"translation":"Labo abathobele u Allah bayoba semthunzini nasemithonjeni."},{"id":42,"translation":"Nezithelo abazithandayo."},{"id":43,"translation":"Dlanini niphuze ngokunethezeka ngenxa yezenzo zenu."},{"id":44,"translation":"Thina Sibaklomelisa kanjalo abenzi bokuhle."},{"id":45,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":46,"translation":"Yidlani nincebeleke (emhlabeni) okwesikhashana belu niyiziphulamthetho."},{"id":47,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":48,"translation":"Uma kuthiwa kubona: “Khothamani” abakhothami."},{"id":49,"translation":"Imbubhiso iyoba kubaphiki beqiniso ngalolo Suku."},{"id":50,"translation":"Iyona yiphi inkulumo emuva kwale (iKurani) abazoyikholwa."}]},{"id":78,"verses":[{"id":1,"translation":"Ingabe babuza ngani na?"},{"id":2,"translation":"Ngodaba olukhulu,"},{"id":3,"translation":"Lolu abaphikisana ngalo."},{"id":4,"translation":"Cha! Bazokwazi baduze nje."},{"id":5,"translation":"Futhi cha! Bazokwazi maduze nje."},{"id":6,"translation":"Asiwenzanga umhlaba waba isindlalelo na?"},{"id":7,"translation":"Nezintaba zaba izikhonkwane,"},{"id":8,"translation":"Sanidala naba izinhlobo ngezinhlobo,"},{"id":9,"translation":"Futhi Senza ubuthongo benu kwaba ukuphumula."},{"id":10,"translation":"Senza nobusuku baba izembatho"},{"id":11,"translation":"Imini yona Sayenza isikhathi sokuphemba impilo."},{"id":12,"translation":"Futhi Sakha phezu kwenu izakhiwo eziyisikhombisa (amazulu) eziqinile."},{"id":13,"translation":"Sadala futhi isibani esivuthayo."},{"id":14,"translation":"Sanehlisela emafini amanzi agelezayo."},{"id":15,"translation":"Ukuze Sikhiqize ngawo imbewu nezitshalo."},{"id":16,"translation":"Nezivande eziminyene."},{"id":17,"translation":"Nebala, uSuku lokwaHlulelwa lunesikhathi esibekiwe."},{"id":18,"translation":"Usuku lapho liyoshaywa icilongo, nize ngezinqumbi."},{"id":19,"translation":"Kuthi nesibhakabhaka sivuleke kube namasango."},{"id":20,"translation":"Izintaba zona ziphephulwe zibe utalagu."},{"id":21,"translation":"Nebala iJahanamu iyobe iqaphile;"},{"id":22,"translation":"Yilapho izephulamthetho ziyophelele khona."},{"id":23,"translation":"Ziyobhadla kuyo iminyanka."},{"id":24,"translation":"Abayikuthola kuyo ukuphola noma isiphuzo."},{"id":25,"translation":"Ngaphandleke nje kwamanzi abilayo noma izinsila."},{"id":26,"translation":"Isijeziso esifanele."},{"id":27,"translation":"Empeleni babengakholelwa ukwaHlulelwa."},{"id":28,"translation":"Baphika imibiko Zethu bukhoma."},{"id":29,"translation":"Kantike yonke into Siyiqophe phansi ngombhalo."},{"id":30,"translation":"Ngakhoke izwani, ngoba asizukunandisela ngaphandle kwesijeziso."},{"id":31,"translation":"Labo abathobela u Allah bayothola impumelelo."},{"id":32,"translation":"Izivande nemivini."},{"id":33,"translation":"Namatshitshi angontanga."},{"id":34,"translation":"Nesiphuzo esigcwele."},{"id":35,"translation":"Abayikuzwa kuzo (izivande) umbhedo noma amanga."},{"id":36,"translation":"Umvuzo ovela eNkosini yakho nesipho esibaliwe."},{"id":37,"translation":"INkosi yamazulu nomhlaba nokungaphakathi kwawo, Onomusa; akekho onegunya lokukhuluma naYe."},{"id":38,"translation":"NgoSuku lapho uRuhu nezingelosi bayoma emigqeni; akekho oyokhuluma ngaphandle kwalowo ogunyazwe Onomusa futhi akhulume okuyikona."},{"id":39,"translation":"Kuyobe kuwuSuku lweQiniso lolo, ngakhoke makazilungiselele ukubuyela eNkosini yakhe lowo othandayo."},{"id":40,"translation":"Nebala, Thina sinixwayisile ngesijeziso esiseduze, ngosuku lapho umuntu eyobona izenzo zakhe kuthi lowo obengakholwa athi: “Maye, ngifisa ukube ngabe ngiwuthuli.”"}]},{"id":79,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngalabo abahlwitha ngendluzula,"},{"id":2,"translation":"Nangalabo abahlwitha ngesineke."},{"id":3,"translation":"Nangalabo abandiza ngokutshuza."},{"id":4,"translation":"Kanye nalabo abaphuthuma ngokuncintisana."},{"id":5,"translation":"Nalabo abahlela izinto[1].","footnotes":"[1] 1-5, u Allah ufunga ngezingelosi zaKhe ezithatha imiphefumulo yabangakholwa ngendluzula, neyabakholwayo ngesineke nezinye ngokuhlukana kwemisebenzi yazo. U Allah njengoMdali ufunga nangoba ayithanda endalweni yaKhe. Kepha indalo ayinalo igunya lokufunga ngaphandle kuka Allah umdali wabo. Ukufunga ngokunye ngaphandle kuka Allah kuwukwenza i Shiriki (ukubhanqa u Allah nendalo yaKhe) okuyimpambuko enkulu kunazo zonke."},{"id":6,"translation":"Ngosuku lwesikhati sokuzamazama[1].","footnotes":"[1] Emva kokushaywa kwecilongo okokuqala."},{"id":7,"translation":"Esiyolandelwa esilandelayo[1].","footnotes":"[1] Ukushaywa kwecilongo okwesibili."},{"id":8,"translation":"Izinhliziyo ngaloloSuku ziyobe zigcwele ingebhe."},{"id":9,"translation":"Amehlo ayokhophozela."},{"id":10,"translation":"Kepha basathi: “Ingabe ngempela siyobuyiselwa esimeni sasekuqaleni (sempilo)”"},{"id":11,"translation":"Kade saba amathambo abolile na?"},{"id":12,"translation":"Bathi: “Lokho, kuyoba ukubuyela okungenamsebenzi”."},{"id":13,"translation":"Empeleni kuyoba ukushaywa okukodwa (kwecilongo)."},{"id":14,"translation":"Bayoba eshashalazini."},{"id":15,"translation":"Ingabe ifikile kuwe indaba kaMusa na?"},{"id":16,"translation":"Mhla iNkosi yakhe immemeza endaweni engcwele eTuwa."},{"id":17,"translation":"(Yathi): “Hamba uye kuFiriwoni ngokuba ngempela uphambukile ngokwendlulele”."},{"id":18,"translation":"Ufike uthi: “Ingabe uyafuna ukuzihlambulula na?”"},{"id":19,"translation":"“Ngizokuholela eNkosini yakho ukuze uzithobe”"},{"id":20,"translation":"Wamutshengisa isibonakaliso esikhulu."},{"id":21,"translation":"Kepha waphika iqiniso wangalalela."},{"id":22,"translation":"Wakushaya indiva waphikelela."},{"id":23,"translation":"Wabiza umbuthano wamemezela."},{"id":24,"translation":"Wathi: “Yimina iNkosi yenu Ephezulu!”"},{"id":25,"translation":"Kepha u Allah wamujezisa isijeziso sokuqala nesokugcina."},{"id":26,"translation":"Kulokho kunesifundo kulowo ozithobayo."},{"id":27,"translation":"Ingabe yinina okunzima ukunidala noma isibhakabhaka asidala."},{"id":28,"translation":"Waphakamisa isakhiwo saso ngokulingana."},{"id":29,"translation":"Wagqungqisa ubusuku baso wagqamisa imini yaso."},{"id":30,"translation":"Phezu kwalokho wendlala umhlaba."},{"id":31,"translation":"Wakhiqhiza kuwo amanzi awo namandlelo awo."},{"id":32,"translation":"Wabethela izintaba."},{"id":33,"translation":"Ukusiza nina nemfuyo yenu."},{"id":34,"translation":"Mhla kufika isehlakalo esikhulu."},{"id":35,"translation":"Ngosuku lapho wonke umuntu uyokhumbula akwenza."},{"id":36,"translation":"Kuthi uMlilo ubekwe obala kubabonayo."},{"id":37,"translation":"Lowoke ophule imithethe."},{"id":38,"translation":"Waqoma impilo yomhlaba."},{"id":39,"translation":"Uyophelele eMlilweni."},{"id":40,"translation":"Kantike lowo owasaba mhla ezoma phambi kweNkosi yakhe, wazithiba ezinkanukwenu eziphambukile."},{"id":41,"translation":"Nebala iJana kuyoba yiyona isiphetho."},{"id":42,"translation":"Bayakubuza ngeSikhathi ukuthi siyofika nini na?"},{"id":43,"translation":"Wena usazelaphi na?"},{"id":44,"translation":"Saziwa iNkosi yakho kuphela."},{"id":45,"translation":"Wena nje, wexwayisa lowo osisabayo."},{"id":46,"translation":"Ngosuku lapho besibona (iSikhathi) kuyoba ngathi baphile isigamu sosuku noma ingxenye yaso."}]},{"id":80,"verses":[{"id":1,"translation":"Wahwaqa wa fulathela."},{"id":2,"translation":"Lapho kufika kuye impumputhe."},{"id":3,"translation":"Futhi ubungeke wazi, mhlawumbe uzophenduka."},{"id":4,"translation":"Noma akhumbuzeke imsize nenkumbuzo."},{"id":5,"translation":"Kepha lowo ozigqajayo."},{"id":6,"translation":"Uzisondeza kuye."},{"id":7,"translation":"Kungecala lakho uma engaphenduki."},{"id":8,"translation":"Kepha lowo oza kuwe egijima."},{"id":9,"translation":"Enokuzithoba (ku Allah)."},{"id":10,"translation":"Uyaziqhelelanisa naye."},{"id":11,"translation":"Cha! Yisikhumbuzo nje."},{"id":12,"translation":"Ngakhoke othandayo uzoyilalela (iKurani)."},{"id":13,"translation":"Ebisemibhalweni ehloniphekile."},{"id":14,"translation":"Ephakeme ehlanzekile."},{"id":15,"translation":"Ezandleni zeZithunywa (izingelosi zezambulo)."},{"id":16,"translation":"Eziqotho ezilungile."},{"id":17,"translation":"Umuntu (ongakholwa) uqalekisiwe, ave engakholwa!"},{"id":18,"translation":"Umdale ngani na?"},{"id":19,"translation":"Umdale ngesidoda wambumba."},{"id":20,"translation":"Wamenzela indlela yalula."},{"id":21,"translation":"Wamenza wafa wamenzela nendawo yokungcwatshwa."},{"id":22,"translation":"Futhi lapho ethanda uyomvusa."},{"id":23,"translation":"Qha! Kepha akakugcinanga ayalelwe kona."},{"id":24,"translation":"Ake umuntu abheke ukudla kwakhe,"},{"id":25,"translation":"Sehlisele amanzi ngenala"},{"id":26,"translation":"Sase siqhekeza umhlaba wavuleka."},{"id":27,"translation":"Sakhiqiza kuwo (umhlaba) imbewu,"},{"id":28,"translation":"Nemivini nokudla kwemfuyo,"},{"id":29,"translation":"Nezayituni namasundu."},{"id":30,"translation":"Nezivande ezinezihlahla eziningi."},{"id":31,"translation":"Nezithelo notshani."},{"id":32,"translation":"Ukusiza nina nemfuyo yenu."},{"id":33,"translation":"Mhla kufika umsindo ohlabayo (wecilongo)."},{"id":34,"translation":"Ngalolo Suku wonke umuntu uyobalekela umnewabo."},{"id":35,"translation":"Nonina nonise."},{"id":36,"translation":"Nomkakhe nezingane zakhe."},{"id":37,"translation":"Ngokuba ngalolosuku wonke umuntu uyobe ekhungethekile."},{"id":38,"translation":"Ubuso ngalolo suku buyobe buchichima,"},{"id":39,"translation":"Buhleka bumamatheka."},{"id":40,"translation":"Kanti obunye ubuso buyobe bumbozwe uthuli."},{"id":41,"translation":"Buthelwe ngehlazo."},{"id":42,"translation":"Yiboke labo abayizigilamkhuba ezingakholwa."}]},{"id":81,"verses":[{"id":1,"translation":"Mhla ilanga lifiphala;"},{"id":2,"translation":"Nezinkanyezi ziqathake;"},{"id":3,"translation":"Izintaba zinyomulwa;"},{"id":4,"translation":"Amakameli amithi anganakwa;"},{"id":5,"translation":"Izilwane zasendle zibuthaniswa;"},{"id":6,"translation":"Ulwandle lokhelwa;"},{"id":7,"translation":"Imiphefumulo [abantu] iyobuthaniswa ngononina;"},{"id":8,"translation":"Nentombazane eyangcwatshwa iphila ibuzwa [ukuthi],"},{"id":9,"translation":"Wabulawela liphi icala;"},{"id":10,"translation":"Imiqulu isatshalaliswa;"},{"id":11,"translation":"Isibhakabhaka sisuswa;"},{"id":12,"translation":"Isihogo sivuthiswa ubuhanguhangu;"},{"id":13,"translation":"IJana isondezwa,"},{"id":14,"translation":"Wonke umuntu uyokwazi akwenzile."},{"id":15,"translation":"Akengifunge ngezinkanyezi ezifiphalayo,"},{"id":16,"translation":"Ezigijimayo ezishanelayo."},{"id":17,"translation":"Nangobusuku uma memboza,"},{"id":18,"translation":"Nangokusa uma buqhakaza;"},{"id":19,"translation":"Nebala [iKurani] ingamazwi eSithunywa eSihloniphekile [uJibhirili]."},{"id":20,"translation":"Esinamandla, esisezingeni eliphezulu kuMnini weSihlalo [u Allah]."},{"id":21,"translation":"Siyahlonishwa belu sithembekile."},{"id":22,"translation":"Umuntu wenu [uMuhamadi] akahlanyi,"},{"id":23,"translation":"Bheka ngoba wasibona [iSithunywa uJibhirili] okwalweni olubanzi."},{"id":24,"translation":"Futhi akafihli lutho kokungabonwa."},{"id":25,"translation":"Futhi akusiwona amazwi kaShayitani oqalekisiwe."},{"id":26,"translation":"Ngakhoke niyaphi na?"},{"id":27,"translation":"Bheka ngoba iyiSikhumbuzo nje ezizweni zonke."},{"id":28,"translation":"Kulowo kini olangezelela ukuba qotho."},{"id":29,"translation":"Futhi angeke nafisa ngaphandle kwentando ka Allah iNkosi yezizwe zonke."}]},{"id":82,"verses":[{"id":1,"translation":"Mhla isibhakabhaka siqhekeka;"},{"id":2,"translation":"Nezinkanyezi ziqathaka,"},{"id":3,"translation":"Nolwandle lugeleziswa;"},{"id":4,"translation":"Namathuna avundululwa;"},{"id":5,"translation":"Umuntu uyokwazi lokho akwenzile nobekuyinkambiso yakhe."},{"id":6,"translation":"Wena muntu [ongakholwa]! Yini ekudukisile ngeNkosi yakho eHloniphekile na?"},{"id":7,"translation":"Lena ekudalile yakubumba ngokulingana."},{"id":8,"translation":"Nakuba abengakudala ube yinoma yiphi into ayifunayo."},{"id":9,"translation":"Phinde! Empeleni niphika uKwehlulelwa."},{"id":10,"translation":"Futhi nisingathwe izingqaphi,"},{"id":11,"translation":"Ezingabaqophi abaqotho;"},{"id":12,"translation":"Zikwazi konke enikwenzayo."},{"id":13,"translation":"Labo abaqotho abenza okuhle bayongena entokomalweni."},{"id":14,"translation":"Kuthi izephulamthetho zona zingene eMlilweni."},{"id":15,"translation":"Ziyongena kuwo ngoSuku loKwahlulelwa."},{"id":16,"translation":"Futhi abasoze baphuma kuwo."},{"id":17,"translation":"Uthi uyazi nje ukuthi luyini uSuku lokwaHlulela na?"},{"id":18,"translation":"Uthi ngempela uyazi ukuthi luyini uSuku lokwaHlulelwa na?"},{"id":19,"translation":"Usuku lapho umuntu engezukusiza omunye ngalutho; futhi yonke into ngaloloSuku iyobe iphethwe ngu Allah."}]},{"id":83,"verses":[{"id":1,"translation":"Imbubhiso kumaqili."},{"id":2,"translation":"Labo uma bekala ebantwini bafuna isikali esigcwele."},{"id":3,"translation":"Kepha uma kuyibona abakalelayo bayabaqola."},{"id":4,"translation":"Ingabe labo abazi yini ukuthi bayovuswa na?"},{"id":5,"translation":"NgoSuku olunzima."},{"id":6,"translation":"Usuku lapho abantu bayoma phambi kweNkosi yezizwe."},{"id":7,"translation":"Nakanjani! Incwadi [yezenzo] yeziphulamthetho iseSijini."},{"id":8,"translation":"Uthi bewazi nje ukuthi iyini iSijini na?"},{"id":9,"translation":"Iyincwadi elotshiwe."},{"id":10,"translation":"Imbubhiso iyoba kulabo abaphika iqiniso ngaloloSuku."},{"id":11,"translation":"Labo abaphika uSuku lokwahlulelwa."},{"id":12,"translation":"Futhi luphikwa kuphela isephulamthetho esiyihlongandleba."},{"id":13,"translation":"Uma efundelwa imibiko yeThu, uthi: “izinganekwane zasendulo lezi”."},{"id":14,"translation":"Qhabo; empeleni izinhliziyo zabo zimbozwe uqweqwe lwezenzo zabo."},{"id":15,"translation":"Qha! Bayovinjelwa ukubona iNkosi yabo ngaloloSuku."},{"id":16,"translation":"Bayobe sebengena eMlilweni."},{"id":17,"translation":"Kuyobe sekuthiwa [kubo]: “Yikona ke lokhu ebenikuphika!”."},{"id":18,"translation":"Phinde! Nebala incwadi yabaqotho ise-iLiyini."},{"id":19,"translation":"Uthi bewazi nje ukuthi iyini i-iLiyini na?"},{"id":20,"translation":"Iyincwadi elotshiwe."},{"id":21,"translation":"Ebonwa yilabo abasondele [ku Allah]."},{"id":22,"translation":"Labo abaqotho abenza okuhle bayongena entokomalweni."},{"id":23,"translation":"Bahlale emibhedeni bebuka."},{"id":24,"translation":"Ubona ngokuncincima kwentokomalo ebusweni babo."},{"id":25,"translation":"Bayophuziswa esiphuzweni ebesimboziwe;"},{"id":26,"translation":"Esiqedelelwe ngeMisiki; yikonake lokho okumele bancintisanele kukho abancintisanayo."},{"id":27,"translation":"Sithakwe [ngamanzi] eTasinimi."},{"id":28,"translation":"Umthombo ophuza labo abasondele."},{"id":29,"translation":"Labo abayizephulamthetho babekade behleka labo abakholwayo."},{"id":30,"translation":"Uma bebebandlula babakloledele."},{"id":31,"translation":"Uma [abangakholwa] bebuyela emizini yabo, babuyela bethakasile."},{"id":32,"translation":"Uma [abangakholwa] bebabona [abakholwayo] bathi: “Laba balahlekile”."},{"id":33,"translation":"Nakuba bengathunyelwanga [abangakholwa] ukubaqapha [abakholwayo]."},{"id":34,"translation":"Kepha namhlanje, abakholwayo bahleka abangakholwa."},{"id":35,"translation":"Lapho behlezi emibhedeni bebuka."},{"id":36,"translation":"Ingabe abangakholwa bawutholile yini umvuzo ofanele imisebenzi yabo na?"}]},{"id":84,"verses":[{"id":1,"translation":"Mhla isibhakabhaka siqhekeka!"},{"id":2,"translation":"Siyothobela iNkosi yaso, sibe sifanele."},{"id":3,"translation":"Namhla umhlaba wenetshwa undlalwe."},{"id":4,"translation":"Ukhafule okusemathunjini awo ukushiye kanjalo."},{"id":5,"translation":"Uyothobela iNkosi yawo, ube ufanele."},{"id":6,"translation":"Muntu! Nebala ulibangise eNkosini yakho, nakanjani uyoyifumanisa."},{"id":7,"translation":"Lowo oyinikwa incwadi yakhe ngesokudla,"},{"id":8,"translation":"Uyokwahlulelwa kalula."},{"id":9,"translation":"Aye emndenini wakhe ethakasile."},{"id":10,"translation":"Kepha lowo oyonikwa incwadi yakhe emuva komhlane wakhe,"},{"id":11,"translation":"Uyomemeza [elangazelela] imbubhiso."},{"id":12,"translation":"Bese eyongena eMlilweni."},{"id":13,"translation":"Bheka ngoba wayekade enethezekile nomndeni wakhe."},{"id":14,"translation":"Ubecabanga ukuthi akasoze abuyela [ku Allah]."},{"id":15,"translation":"Phinde! iNkosi yakhe ibilokhu Imbhekile."},{"id":16,"translation":"Ngakhoke Ngifunga ngemisebe yokushona kwelanga."},{"id":17,"translation":"Nangobusuku nokubuthanayo."},{"id":18,"translation":"Nangonyezi uma seluphelele."},{"id":19,"translation":"Nakanjani niyobhekana nobunzima bulakanyana."},{"id":20,"translation":"Pho, yingani bengakholwa na?"},{"id":21,"translation":"Noma befundelwa iKurani abakhothami."},{"id":22,"translation":"Empeleni labo abangakholwa bayaphika."},{"id":23,"translation":"Kepha u Allah ukwazi kahle lokho abakufihlayo."},{"id":24,"translation":"Ngakhoke bathulele izindaba ezinhle zesijeziso esibuhlungu."},{"id":25,"translation":"Ngaphandle kwalabo abakholwayo abenza okuhle, bona bayothola umvuzo ongenamkhawulo."}]},{"id":85,"verses":[{"id":1,"translation":"[Ngifunga] ngesibhakabhaka esinemizila yasemkhathini [yelanga nenyanga]."},{"id":2,"translation":"NangoSuku Oluthenjisiswe."},{"id":3,"translation":"Nangofakazi nokufakaziswa ngakho."},{"id":4,"translation":"Baqalekisiswe abambi bemisele."},{"id":5,"translation":"Abokheli bomlilo onezithungelo ezinkulu."},{"id":6,"translation":"Mhla behlezi bewethamele."},{"id":7,"translation":"Bebukela lokho ababekwenza kubakholwayo."},{"id":8,"translation":"Ayikho into ababebajezisela yona ngaphandle nje kokuthi bakholwa ku Allah uSomandla oDunyiswayo."},{"id":9,"translation":"Lona onguMnini wamazulu nomhlaba, futhi u Allah uzibheke zonke izinto."},{"id":10,"translation":"Nebala labo abahlukumeza abakholwayo besilisa nabesifazane baphinde bangaceli intethelelo, bayothola isijeziso seJahanamu futhi bayothola isijeziso soMlilo."},{"id":11,"translation":"Kepha labo abakholwayo benze okuhle, bona bayothola izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula; iyonake leyo impumelelo enkulu."},{"id":12,"translation":"Ngempela ukugxavula kweNkosi yakho kunzima."},{"id":13,"translation":"Bheka ngoba nguYena owasungala [indalo ingelutho] nobuyiselayo [indalo esimeni sayo emuva kokufa]."},{"id":14,"translation":"Futhi Ungothethelelayo Onothando."},{"id":15,"translation":"Umnakazi weSihlalo [sobukhosi] Ohloniphekile."},{"id":16,"translation":"Wenza noma yini ayifunayo."},{"id":17,"translation":"Ingabe lufikile kuwe udaba lwamabutho na?"},{"id":18,"translation":"AkaFiriwoninoTamudi?"},{"id":19,"translation":"Empeleleni laba abangakholwa bayaphika."},{"id":20,"translation":"Kepha u Allah ubahaqile ngemuva."},{"id":21,"translation":"Nebala iyiKurani ehloniphekile."},{"id":22,"translation":"EsoQwembeni Oluvikelekile."}]},{"id":86,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngesibhakabhaka nangesifika kuhlwa."},{"id":2,"translation":"Ungabe uyokwazi kanjani ukuthi siyini lesifika kuhlwa na?"},{"id":3,"translation":"Siyinkanyezi evuthayo."},{"id":4,"translation":"Wonke umuntu unoqaphi omqaphile."},{"id":5,"translation":"Ngakhoke umuntu [ophika ukuvuswa] makabheke ukuthi wadalwa ngani."},{"id":6,"translation":"Wadalwa ngoketshezi oluphuma ngamandla [isidoda]."},{"id":7,"translation":"Oluphuma emhlane [kowesilisa] nasemabeleni [kowesimame]."},{"id":8,"translation":"Kepha Yena [u Allah] uyakwazi ukumbuyisela [esimeni sakuqala]."},{"id":9,"translation":"Ngosuku lapho ziyovivinywa izimfihlo."},{"id":10,"translation":"Futhi [ongakholwa] akayikuba namandla noma umelekeleli."},{"id":11,"translation":"Ngifunga ngesibhakabhaka esibuyisayo."},{"id":12,"translation":"Nangomhlaba oqhekekayo."},{"id":13,"translation":"Ngempela [iKurani]ingamazwi angumnqamula juqu."},{"id":14,"translation":"Futhi awasiwona ihlaya."},{"id":15,"translation":"Bheka ngoba bakha uzungu."},{"id":16,"translation":"Futhi Nami ngakha uzungu."},{"id":17,"translation":"Ngakhoke bayeke nje abangakholwa, Nami Ngibayekile okwesikhashana."}]},{"id":87,"verses":[{"id":1,"translation":"Dumisa Igama leNkosi yakho Engaphezulu."},{"id":2,"translation":"Lena eyadala yabumba."},{"id":3,"translation":"Futhi lena eyahlela yahola."},{"id":4,"translation":"Lena eyenze amandlelo,"},{"id":5,"translation":"Iphinde iwenze ome ashe."},{"id":6,"translation":"Sizokufundisa [iKurani], ngeke wayikhohlwa."},{"id":7,"translation":"Ngaphandle kwalokho u Allah afuna ukukhohlwe; ngokuba Yena wazi okusobala nokusithele."},{"id":8,"translation":"Futhi Sizokwenzela izinto zibe lula."},{"id":9,"translation":"Ngakhoke xwayisa lapho isexwayiso sinomthelela khona."},{"id":10,"translation":"Bheka ngoba lowo onokwesaba [u Allah] uzoxwayiseka."},{"id":11,"translation":"Asishaye indiva lowo ongabusisekile."},{"id":12,"translation":"Nguyena lona oyongena eMlilweni Omkhulu."},{"id":13,"translation":"Futhi akayikufa kuwo noma aphile."},{"id":14,"translation":"Nebala uphumelele lowo oziphathe kahle."},{"id":15,"translation":"Wakhumbula iGama leNkosi yakhe wenza neSwala."},{"id":16,"translation":"Empeleni [nina engakholwa] nikhethe impilo yomhlaba."},{"id":17,"translation":"Nakuba eLizayo lingcono futhi lingunaphakade."},{"id":18,"translation":"Konke lokhu kwakukhona nasemiqulwini yasendulo;"},{"id":19,"translation":"Imiqulu ka Ibhirahimu no Musa."}]},{"id":88,"verses":[{"id":1,"translation":"Ingabe usuzwile ngodaba loMqulekisi na?"},{"id":2,"translation":"NgaloloSuku ubuso [babantu] buyobe budangale."},{"id":3,"translation":"Bukhandlekile bukhathele."},{"id":4,"translation":"Bayongena eMlilweni ovuthayo."},{"id":5,"translation":"Bayophuza emthonjeni ogxabhayo."},{"id":6,"translation":"Abuyikuthola okunye ukudla, ngaphandle kwameva."},{"id":7,"translation":"Akukhuluphalisi futhi akusuthisi."},{"id":8,"translation":"Ubuso [babanye] ngaloloSuku buyobe buthakasile."},{"id":9,"translation":"Bethokozile ngemisebenzi yawo."},{"id":10,"translation":"BeseJana [esivandeni] ephakeme."},{"id":11,"translation":"Abayikuzwa khona inkulumo eyize engasanga."},{"id":12,"translation":"Kunemithombo egelezayo."},{"id":13,"translation":"Kunemibhede ephakeme."},{"id":14,"translation":"Nenkambi ezihleliwe."},{"id":15,"translation":"Nemiqamelo ehlelekile."},{"id":16,"translation":"Kanye namacanci kakhaphethi andlalwe ndawo yonke."},{"id":17,"translation":"Ingabe abaliboni ikameli ukuba lidalwe kanjani na?"},{"id":18,"translation":"Nesibhakabhaka ukuba siphakanyiswe kanjani na?"},{"id":19,"translation":"Nezintaba ukuba zigxunyekwe kanjani na?"},{"id":20,"translation":"Nomhlaba ukuba undlalwe kanjani na?"},{"id":21,"translation":"Ngakhoke xwayisa, ngokuba ungumexwayisi nje kuphela."},{"id":22,"translation":"Akuwona umsebenzi wakho ukubaphoqa."},{"id":23,"translation":"Kepha lowo ofulathelayo [iqiniso] futhi engakholwa;"},{"id":24,"translation":"U Allah uyomujezisa ngesijeziso esinzima."},{"id":25,"translation":"Nebala, bazobuyela [emuva kokufa] Kithi."},{"id":26,"translation":"Futhi yithina esiyobahlulela."}]},{"id":89,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngentathakusa."},{"id":2,"translation":"Nangobusuku obuyishumi."},{"id":3,"translation":"Nangolokho okuhamba ngakubili nokuhamba ngakunye."},{"id":4,"translation":"Nangobusuku uma buhlwa buhamba."},{"id":5,"translation":"Ingabe konke lokufunga akwemenele lowo okhaliphile na?"},{"id":6,"translation":"Awubonga ukuthi iNkosi yakho yasenzani isizwe sakwa Adi na?"},{"id":7,"translation":"Ebekungesase Rama eyayinezakhiwo eziphakeme."},{"id":8,"translation":"Lena okungakaze kwakhiwe efana nayo emhlabeni."},{"id":9,"translation":"Kanye nesakwaTamudi lesi esaqhekeza amadwala [bakha imizi] Ehlanzeni."},{"id":10,"translation":"Kanjalo noFiriwoni lona owezikhonkwane."},{"id":11,"translation":"Labo ababe yiziphulamthetho emhlabeni,"},{"id":12,"translation":"Bandisa kuwo impambuko."},{"id":13,"translation":"Kepha iNkosi yakho yabashaya ngoswazi lwesijeziso[1].","footnotes":"[1] Abanye babhujiswa ngesiphepho, abanye ngokuzamazama komhlaba kwathi abanye bajeziswa ngokugwila."},{"id":14,"translation":"Nebala iNkosi ihlala iqaphile njalo."},{"id":15,"translation":"Uma umuntu evivinywa iNkosi yakhe ngokumupha nangokumcebisa, uthi: “iNkosi yami ingibusisile”."},{"id":16,"translation":"Kuthi uma isimvivinya, ngokumswinya isondlo sakhe, athi: “iNkosi yami ingihlazile”."},{"id":17,"translation":"Phinde! Empeleni aniziphathi kahle izintandane."},{"id":18,"translation":"Futhi anigqugquzeli ekondleni abaswele."},{"id":19,"translation":"Futhi nidla ifa niliphuphuthe."},{"id":20,"translation":"Ninjalo nje nithanda umcebo ngokwendlulele."},{"id":21,"translation":"Qha! Mhla umhlaba uzamazama umlibe."},{"id":22,"translation":"INkosi yakho Iyokuza nezingelosi zime imigqa ngemigqa."},{"id":23,"translation":"Kuthi neJahanamu ilethwe ngaloloSuku; ngaloloSuku wonke umuntu uzothoba; kambe kuyomsiza kanjani ukuthoba na?"},{"id":24,"translation":"Uyothi: “Ngifisa ukuba ngayilungiselela impilo yami”."},{"id":25,"translation":"NgaloloSuku, akekho noyedwa oyoba nesijeziso esifana neSakhe,"},{"id":26,"translation":"Futhi akekho noyedwa oyobopha njengaYe."},{"id":27,"translation":"Wena mphefumulo onethezekile!"},{"id":28,"translation":"Buyela eNkosi yakho weneme futhi uthokozelwe."},{"id":29,"translation":"Ube kanye nezigqila Zami."},{"id":30,"translation":"Ungene eJana Yami."}]},{"id":90,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngaloMuzi [waseMakha]."},{"id":2,"translation":"Uvunyelwe ukwenza okuthandayo kuloMuzi."},{"id":3,"translation":"Ngifunga nangomzali nakuzalayo."},{"id":4,"translation":"Nebala umuntu Simdalele ebunzimeni [bomhlaba]."},{"id":5,"translation":"Ingabe ucabanga ukuthi akekho noyedwa ongamnqoba na?"},{"id":6,"translation":"Abe ethi: “Ngichithe izimali eziningi”."},{"id":7,"translation":"Ingabe ucabanga ukuthi akabonwa muntu na?"},{"id":8,"translation":"Ingani simuphe amehlo amabili."},{"id":9,"translation":"Nolimi nezindebe ezimbili."},{"id":10,"translation":"Sabe sesimkhanyisela zombili izindlela [eyokubi neyokuhle]."},{"id":11,"translation":"Kungani engayeqanga lenqinamba na?"},{"id":12,"translation":"Uthi bewazi nje ukuthi iyini lenqinamba na?"},{"id":13,"translation":"Ukukhulula isigqila."},{"id":14,"translation":"Noma ukondla ngosuku lwendlala enkulu."},{"id":15,"translation":"Intandane eyisihlobo,"},{"id":16,"translation":"Noma isichaka esentulayo."},{"id":17,"translation":"Uyobeke [owenza okuhle] eseba kanye nalabo abakholwayo abalulekana ngokubekezela nangokuba nomusa."},{"id":18,"translation":"Yibo kanye laba abayoba ngabakwesokudla."},{"id":19,"translation":"Kuthi labo abangakholwa imibiko yeThu, babe ngabangakwesokunene."},{"id":20,"translation":"Bayovalelwa eMlilweni."}]},{"id":91,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngelanga nemini yalo."},{"id":2,"translation":"Nangenyanga lapho ililandela."},{"id":3,"translation":"Nangemini lapho iqhakazisa ilanga [libalele]."},{"id":4,"translation":"Nangobusuku lapho bumboza ilanga [kuhlwa]."},{"id":5,"translation":"Nangesibhakabhaka okwakheka kwaso."},{"id":6,"translation":"Nangomhlaba nokwendlaleka kwawo."},{"id":7,"translation":"Nangomphefumulo nokudaleka kwawo."},{"id":8,"translation":"Wawukhombisa ukuphambuka kwawo nobuqotho babo."},{"id":9,"translation":"Uyophumelela loyo oyowugcina uhlanzekile [ngokuzithoba]."},{"id":10,"translation":"Kanti uyolahlekelwa loyo owungcolisayo [ngempambuko]."},{"id":11,"translation":"Waliphika iqiniso uTamudi ngokuphula kwabo umthetho."},{"id":12,"translation":"Mhla lowo owonakele kubo bonke ebahlohla."},{"id":13,"translation":"ISithunywa sika Allah [u Swalihi] sathi kubo: “Qaphelani, ikameli lika Allah namanzi alo!”."},{"id":14,"translation":"Kepha abamukholwanga, baligenca balibulala; iNkosi yabo yababhubhisa bonke kwangasala muntu ngenxa yempambuko yabo."},{"id":15,"translation":"Futhi akesabi [u Allah] impindiselo."}]},{"id":92,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngobusuku lapho buhlwa."},{"id":2,"translation":"Nangemini lapho ibalele."},{"id":3,"translation":"Nangokudalwa kwesilisa nesifazane."},{"id":4,"translation":"Nebala imisebenzi yenu yehlukene."},{"id":5,"translation":"Lowo ophanayo athobele u Allah,"},{"id":6,"translation":"Futhi akholelwe imbuyiselo enhle;"},{"id":7,"translation":"Sizomenzela kube lula [ukwenza okuhle]."},{"id":8,"translation":"Kepha lowo owungoqo oziqhayisayo,"},{"id":9,"translation":"Aphinde aphike imbuyiselo enhle."},{"id":10,"translation":"Sizomenzela ubunzima [ukwena okubi] bube lula."},{"id":11,"translation":"Futhi umcebo wakhe awuyikumsiza lapho esengena [eMlilweni]."},{"id":12,"translation":"Kuwumsebenzi wethu ukucacisa indlela eqondile."},{"id":13,"translation":"Futhi [impilo] yakweLizayo nasemhlabeni iphethwe Yithi."},{"id":14,"translation":"Ngakhoke nginixwayisa ngoMlilo ovutha amalangabi."},{"id":15,"translation":"Kuyongena kuwo kuphela labo abonakele."},{"id":16,"translation":"Lowo ophika iqiniso alishaye indiva."},{"id":17,"translation":"Kepha lowo othobela u Allah uyohlengeka."},{"id":18,"translation":"Lowo ophana ngomcebo wakhe ngoba ezihlanza."},{"id":19,"translation":"Futhi ebe engalangezele ukunxephezelwa muntu ngokuhle akwenzayo."},{"id":20,"translation":"Ngaphandle kokulangezelela Ubuso beNkosi yakhe Ephakeme."},{"id":21,"translation":"Nakanjani uyothokoza."}]},{"id":93,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngemini."},{"id":2,"translation":"Nangobusuku lapho sebuzinzile."},{"id":3,"translation":"INkosi yakho ayikulahlanga futhi ayikudinelwe."},{"id":4,"translation":"Nebala eLizayo ilona elingcono kuwe kunalomhlaba."},{"id":5,"translation":"Futhi iNkosi yakho izokwabela uze wencame."},{"id":6,"translation":"Ayikuthola yini [iNkosi yakho] uyintandane Yakuphephisa na?"},{"id":7,"translation":"Yaphinda yakuthola udukile yakuhola."},{"id":8,"translation":"Belu yakuthola weswele yakucebisa."},{"id":9,"translation":"Ngakhoke ungalokothi uyiphathe ngendluzula intandane."},{"id":10,"translation":"Futhi ocelayo ungamkhakhabisi."},{"id":11,"translation":"Futhi ukhulume ngezibusiso zeNkosi yakho [kuwe]."}]},{"id":94,"verses":[{"id":1,"translation":"Asiyivulanga yini inhliziyo yakho na?"},{"id":2,"translation":"Futhi sakwethula umthalo wakho[1].","footnotes":"[1] Uthethelelwe zonke izimpambuko zakhe ezandlula nezizayo."},{"id":3,"translation":"Lezi ebesezikuphula umqolo."},{"id":4,"translation":"Futhi saphakamisa udumo lwakho."},{"id":5,"translation":"Nebala, kubo bonke ubunzima kunokunethezeka."},{"id":6,"translation":"Nebala kubo bonke ubunzima kunokunethezeka."},{"id":7,"translation":"Uma usuqedille [imisebenzi yempilo] zikhandle [ngokukhona]."},{"id":8,"translation":"Futhi ulangezelele iNkosi yakho."}]},{"id":95,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngekhiwane nomalovini."},{"id":2,"translation":"Nangentaba yaseSinayi."},{"id":3,"translation":"Nangalomuzi ophephile."},{"id":4,"translation":"Nebala Sidale umuntu ngesakhiwe esihle."},{"id":5,"translation":"Kepha samdixilela phansi ekujuleni."},{"id":6,"translation":"Ngaphandle kwalabo abakholwayo benze okuhle, ngokuba bona bayothola umvuzo ongenamkhawulo."},{"id":7,"translation":"Iyona yiphi into ezokwenza uphike ukholo emuva kwalokhu na?"},{"id":8,"translation":"Akuyena yini u Allah oNgomehluleli ovelele na?"}]},{"id":96,"verses":[{"id":1,"translation":"Funda eGameni leNkosi yakho okuyiyona eyadala."},{"id":2,"translation":"Yadala umuntu ngehlule."},{"id":3,"translation":"Funda, belu iNkosi yakho iphana kakhulu."},{"id":4,"translation":"Iyona lena eyafundisa ukubhala ngosiba."},{"id":5,"translation":"Ifundise umuntu lokho angakwazi."},{"id":6,"translation":"Qha! Nebala umuntu uba ihlongandlebe;"},{"id":7,"translation":"Mhla ezibona esecebile."},{"id":8,"translation":"Kepha isiphetho siseNkosini yakho."},{"id":9,"translation":"Uke wambona na, lowo ovimbayo,"},{"id":10,"translation":"Inceku lapho ikhuleka."},{"id":11,"translation":"Wake wambona esendleni eqondile na?"},{"id":12,"translation":"Kumbeke egqugquzelela ukuzithoba ku Allah na?"},{"id":13,"translation":"Uke wambona lapho esephika iqiniso futhi elishaya indiva."},{"id":14,"translation":"Ingabe ngempela akazi yini ukuthi u Allah Uyabona na?"},{"id":15,"translation":"Hiya! Uma engaphezi, sizomgxavula ngebunzi."},{"id":16,"translation":"Ibunzi elinamanga eliphaphalazayo."},{"id":17,"translation":"Ngakhoke makabize yithimba lakhe."},{"id":18,"translation":"Nathi sizobiza AmaZabaniya [izingelosi zesijeziso]."},{"id":19,"translation":"Qha! Ungamlaleli, kepha ukhothame [ku Allah] ukhonze."}]},{"id":97,"verses":[{"id":1,"translation":"Nebala sayehlisa [iKurani] ngoBusuku beSinqumo."},{"id":2,"translation":"Ingabe uyazi ukuthi buyini uBusuku beSinqumo na?"},{"id":3,"translation":"UBusuku beSinqumo bundlula izinyanga eziyinkulungwane."},{"id":4,"translation":"Izingelosi kanye noRuhu [uJibhirili] ziyehla kubo [uBusuku] ngemvumo yeNkosi yazo ngalo lonke udaba [olunqunyiwe]."},{"id":5,"translation":"Bunokuthula kuze kuse."}]},{"id":98,"verses":[{"id":1,"translation":"Labo abangakholwa kwabeMibhalo kanye namaMushrikina [ababhanqi] abasoze bayeka [ukholo lwabo] kuze kuba kufika ubufakazi."},{"id":2,"translation":"ISithunywa sika Allah esibafundela Imiqulu Ehlanzekile."},{"id":3,"translation":"Iqukethe imibhalo enohlonze eqotho."},{"id":4,"translation":"Laba abanikwa iMibhalo, bahlakazeka emuva kokuba sekufike kubo imibiko ecacile."},{"id":5,"translation":"Futhi babekade beyalelwe ukuba bakhonze u Allah ngokuzinikela okumsulwa bengambhangqi nalutho, futhi baqikelele ukwenza iSwala nokukhipha iZaka; bheka ngoba iyona leyo inkolo eqotho [i-Isilamu]."},{"id":6,"translation":"Nebala, labo abangakholwa kwabeMibhalo namaMushirikina bayongena eMlilwe wase Jahanamu babhadle kuwo unaphakade; yiboke kanye labo abayindalo embi."},{"id":7,"translation":"Kepha labo abakholwayo nabenza okulungileyo, yibona abayindalo enhle."},{"id":8,"translation":"Umvuzo wabo oseNkosini yabo izivande zaseDeni okugeleza enzansi kwazo imifula, bayohlala kuzo unaphakade; u Allah uthokozile ngabo kanti nabo bathokozile ngo Allah. Lokho okumuntu owesaba iNkosi yakho."}]},{"id":99,"verses":[{"id":1,"translation":"Mhla umhlaba uzanyazanyiswa kanzima."},{"id":2,"translation":"Lapho umhlaba uyokhafula imithwalo yabo [konke okungcwatshwe kuwo]."},{"id":3,"translation":"Umuntu lapho uyothi: “Ingabe ungenwe yini na?”"},{"id":4,"translation":"Ngalolosuku uyobe ukhipha zonke izindaba zawo."},{"id":5,"translation":"Ngokuba iNkosi yakho izowembulela."},{"id":6,"translation":"Ngalolosuku abantu bayophuma bathi chithisaka ukuze bakhonjiswe izenzo zabo."},{"id":7,"translation":"Lowo owenze okuhle noma kukuncane kanjani, uyokubona."},{"id":8,"translation":"Nalowo owenze okubi, noma kukuncane kanjani, uyokubona."}]},{"id":100,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngezigijimi ezihefuzelayo [amahhashi]."},{"id":2,"translation":"Eziqhantshisa izinhlansi [ngezinselo]."},{"id":3,"translation":"Ezihlasela entathakusa."},{"id":4,"translation":"Zisuse izintuli."},{"id":5,"translation":"Ziqhekeze ibutho maphakathi."},{"id":6,"translation":"Impela, umuntu akabongi eNkosini yakhe."},{"id":7,"translation":"Naye futhi ungufakazi kwalokho."},{"id":8,"translation":"Nomcebo uwuthande kakhulu."},{"id":9,"translation":"Ingabe akazi ngomhla kuyokhishwa okusemangcwabeni."},{"id":10,"translation":"Kubekwe obala okusezifubeni."},{"id":11,"translation":"Impela, iNkosi yabo iyobe yazi konke ngabo ngalolosuku."}]},{"id":101,"verses":[{"id":1,"translation":"Umethusi."},{"id":2,"translation":"Uyini Umethusi"},{"id":3,"translation":"Futhi ingabe uyokwazi kanjani ukuthi uyini Umethusi."},{"id":4,"translation":"uSuku lapho abantu bayoba njengamavemuvana athe chithisaka."},{"id":5,"translation":"Izintaba zona ziyoba njeboya obuhlakazekile."},{"id":6,"translation":"Lowo isikali sakhe [sezenzo] siyoba nesisindo;"},{"id":7,"translation":"Uyophila impilo ethokozisayo [eJana]."},{"id":8,"translation":"Kepha lowo isikali sakhe siyoba lula;"},{"id":9,"translation":"Uyongena eHawiya [eJahanamu]."},{"id":10,"translation":"Ingabe uyayazi ukuthi iyini na?"},{"id":11,"translation":"UMlilo ovutha amalangabi."}]},{"id":102,"verses":[{"id":1,"translation":"Ukuqongelela kuniphazamisile."},{"id":2,"translation":"Kuze kube niyongena emathuneni."},{"id":3,"translation":"Cha! Nizokwazi maduze nje."},{"id":4,"translation":"Futhi cha! Nizokwazi maduze nje."},{"id":5,"translation":"Qha! Ukube nje beninolwazi olungenakungabaza."},{"id":6,"translation":"Nakanjani nizoyibona iJahanamu."},{"id":7,"translation":"Futhi nizoyibona mathupha ningayingabazi."},{"id":8,"translation":"Futhi nakanjani niyobuzwa, ngalolosuku ngentokomalo [yasemhlabeni]."}]},{"id":103,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngifunga ngesikhathi."},{"id":2,"translation":"Impela wonke umuntu ulahlekelwe."},{"id":3,"translation":"Ngaphandle kwalabo abakholwayo nabenza okulungileyo nabelulekana ngeqiniso nangokubekezela."}]},{"id":104,"verses":[{"id":1,"translation":"Imbubhiso kuyo yonke inhlebi."},{"id":2,"translation":"Lena eqongelela umcebo iwubale."},{"id":3,"translation":"Acabange ukuthi umcebo wakhe uzohlala naye unaphakade."},{"id":4,"translation":"Phinde! Uzotshingelwa eHutwama."},{"id":5,"translation":"Ingabe uyazi ukuthi iyini iHutwama na?"},{"id":6,"translation":"UMlilo ka Allah ovuthayo."},{"id":7,"translation":"Oshisa ngisho izinhliziyo."},{"id":8,"translation":"Bayovalelwa kuwo."},{"id":9,"translation":"Ngezihonqo ezinde."}]},{"id":105,"verses":[{"id":1,"translation":"Awubonga yini ukuthi yabenzani iNkosi yakho laba abezindlovu na?"},{"id":2,"translation":"Akazange yini enze uzungu labo lwangaphumelela na?"},{"id":3,"translation":"Wabathumelela ngenkumbi yezinyoni."},{"id":4,"translation":"Zibajikijela ngamagade aqinile."},{"id":5,"translation":"Wabenza baba njengotshani obudliwe [imfuyo]."}]},{"id":106,"verses":[{"id":1,"translation":"Ngenxa yenhlala yeza yamaKurayishi"},{"id":2,"translation":"Ukujwayela kwabo ukuthatha uhambo lwasebusika nasehlobo."},{"id":3,"translation":"Ngakhoke mabakhonze iNkosi yaleNdlu [iKabha]."},{"id":4,"translation":"Lena ebondlayo lapho belambile futhi ibavikele lapho besaba."}]},{"id":107,"verses":[{"id":1,"translation":"Awumbonanga lowo ophika ukwaHlulelwa."},{"id":2,"translation":"Nguye kanye lowo ohlukumeza izintandane."},{"id":3,"translation":"Futhi akakukhuthazi ukondliwa kwabaswele."},{"id":4,"translation":"Imbubhiso kulabo abenza iSwala,"},{"id":5,"translation":"Labo abangaqikeleli ukwenza iSwala yabo ngendlela."},{"id":6,"translation":"Ababukisayo [uma benza iSwala]"},{"id":7,"translation":"Futhi bancintshana nangalokho okunanwayo[1].","footnotes":"[1] Njengamanzi nosawoti nomlilo njalonjalo. Izinto okungancintshwana ngazo."}]},{"id":108,"verses":[{"id":1,"translation":"Nebala sikuphile iKhawutari [umfula oseJana]."},{"id":2,"translation":"Ngakhoke bhekisa iSwala nomhlatshelo eNkosini yakho."},{"id":3,"translation":"Lowo okugxekayo nguyena empeleni onqanyukelwe ulibo."}]},{"id":109,"verses":[{"id":1,"translation":"Yithi: “Nina eningakholwa!”"},{"id":2,"translation":"Angikukhonzi lokhu nina enikukhonzayo."},{"id":3,"translation":"Futhi nani anikukhonzi lokhu engikukhonzayo."},{"id":4,"translation":"Futhi angisoze ngakukhonza lokhu nina enikukhonzayo."},{"id":5,"translation":"Futhi nani anikukhonzi lokhu engikukhonzayo."},{"id":6,"translation":"Nine nkolo yenu, nami nginenkolo yami."}]},{"id":110,"verses":[{"id":1,"translation":"Uma sekufike usizo luka Allah nokunqoba."},{"id":2,"translation":"Lapho usubona abantu bengena eNkolweni ka-Allah ngobuningi,"},{"id":3,"translation":"Babaza udumo lweNkosi yakho uyicele nentethelelo, impela Yona iyathethelela."}]},{"id":111,"verses":[{"id":1,"translation":"Engathi zingabhubha izandla zika Abu-Lahabi naye futhi abhubhe."},{"id":2,"translation":"Umcebo wakhe nenzuzo yakhe akumsizanga ngalutho."},{"id":3,"translation":"Uyongena eMlilweni onamalangabi."},{"id":4,"translation":"Kanti nomfazi wakhe uzobe ethwele izinkuni."},{"id":5,"translation":"Emqaleni wakhe uyobe enegoda eliphothiwe."}]},{"id":112,"verses":[{"id":1,"translation":"Yithi: “U Allah Munye vo”"},{"id":2,"translation":"U Allah Ozimele."},{"id":3,"translation":"Akazali futhi akazalwanga."},{"id":4,"translation":"Futhi akekho noyedwa ongafaniswa naYe."}]},{"id":113,"verses":[{"id":1,"translation":"Yithi: “Ngizivikela ngeNkosi yokusa."},{"id":2,"translation":"Ebubini balokho ekudalile."},{"id":3,"translation":"Nasebubini bobusuku uma kuhlwa."},{"id":4,"translation":"Nasebubini babafazi [abathakathayo] abakhafulela amafindo."},{"id":5,"translation":"Nasebubini bonomona lapho eba nomona."}]},{"id":114,"verses":[{"id":1,"translation":"Yithi: “Ngizivikela ngeNkosi yabantu”"},{"id":2,"translation":"EnguMbusi wabantu"},{"id":3,"translation":"Ekhonzwa ngabantu."},{"id":4,"translation":"Ebubini bomhlebeli onyamalalayo."},{"id":5,"translation":"Lona ohlebela ezinhlizweni zabantu."},{"id":6,"translation":"Lowo oyiJini nalowo ongumuntu."}]}]
